Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Mayelana nemvume yokuziphilisa ngokudoba
Kumele ubhalisele imvume yokudobela ukuziphilisa uma uhlala ngasogwini futhi ufuna ukusebenzisa ingcebo ephilayo yasolwandle.
Kufanele ufake isicelo kumakomidi asebenzisana nabaphathi basendaweni yakho asunguliwe.
Ukuze ufaneleke ukuthola imvume, kumele uhambisane nendlela yokuqinisekisa lokho okudingekayo.
Qaphela: Kuphambene nomthetho ukuziphilisa kanye nokudoba izikali ezincane zezinhlanzi ngaphandle kwemvume. Okwamanje ukuziphilisa kanye nokudoba izinhlanzi kuphethwe ngabemvume yezokudoba izinhlanzi kuze kube umthetho wokudoba izinhlanzi uyaphumelela.
Imvume ivuselelwa njalo ngonyaka. Ngaphambi kokuba unikwe imvume abasebenzela lomnyango bakuchazela yonke imibandela kanye nenani lomkhawulo.
Uma uhluleka ukuhambisana nale mithetho ungabhekana nomthetho okuhlanganisa ukumiswa kwemvume, ukusulwa noma ukuhoxiswa kwemvume yakho emabhukwini.
Okufanele ukwenze
- Bhalisa futhi ufake isicelo kwikomidi elisebenzisana nabaphathi basendaweni yangakini.
- Bonisa ukuthi imuphi umkhakha noma iziphi izinhlanzi ofuna ukuzidoba.
- Sayina uhlu okuyindlela yokuvuma ukuthi uyitholile imvume.
Kuthatha isikhathi esingakanani
Inqubo yokufakwa kwesicelo ingathatha isikhathi esingange nyanga kuya ngokuthi mungakanani umthamo wezicelo. Izisebenzi zomnyango zizobiza umhlangano womphakathi ukunikezela izimvume kubobonke abadobi ababhalisile.
Imininingwane yokuxhumana
Tel: 021 402 3911
Fax: 021 402 3367
City/town: Cape Town
Ikheli lendawo: Ground floor, Fisheries Management , Department of Agriculture, Forestry and Fisheries, Foretrust Building, Martin Hamerschlag Way, Foreshore, Cape Town, 8000
Postal address: Private Bag X2, Roggebaai, Cape Town, 8012
Call Centre:
Centre number: 086 111 2468
Fax: +27 12 359 3609
Email: callcentre@dffe.gov.za
Website: https://www.dffe.gov.za/