Isicelo sokungenisa ngaphakathi kwezwe izilwane nemetheriyali yezofuzo

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo mayelana nokufaka isicelo semvume sokungenisa izilwane noma izitho zofuzo lwazo

Faka isecelo semvume ku Mbhalisi obhekele ukwenza ngcono izilwane, ukungenisa izilwane noma izitho zofuzo lwesilwane e Ningizimu Afrika. Kufanele ufake isicelo ngaphambi kwezinsuku ezingamashumi amathathu ngaphambi kokuba ungenise izilwane.

Uma ungenisa isilwane kumele ube nalokhu:

  • Isitifiketi esivela ku Mbhalisi owaziwayo ezweni lapho kusuka khona khona isilwane. Isitifikeleti kumele siveze ufuzo kanye nohlobo lwesilwane. uma wehluleka ukuthola lesisitifiketi kuyophoqeleka ukuthi usihambise isilwane leso ukuba siyohlolwa igazi eNingizimu Afrika. Kufanele sihlolwe emva kwezinsuku ezingamashumi amathathu sifike kuleli.

Uma ungenisa imbewu, kumele ube nalokhu:

  • Isitifiketi sokuhlolwa kwegazi lesilwane esisetshenziswe ukukhiqiza imbewu.

Uma uletha izitho ezithile zezilwane kumele uthole:

  • Izinhlobo zezitho zezilwane ziphathwa abanolwazi olunzulu hhayi noma ubani. Osolwazi kumele bazipakishe, bazihlukanise  futhi bazibhale ngamagama.
  • Kufanele uthole isicifiketi ku Mbhalisi ezweni othola kulo izitho zofuzo.

Ukulethwa kwamaqanda nasechamisele kufanele ubhale incwadi yezincomo ku- mqondisi jikikele wezokubhekelelwa kwezilwane. Incwadi kumele ibe nezizathu kungani ufuna ukuletha amaqanda eNingizimu Afrika. Kumele uthole:

  • Isitifiketi ezivela ezweni langaphandle samaqanda noma izinkukhu. Isutifiketi kumele sichaze uhlobo lwesizukulwane salawo maqanda.

Uma sekungeniswa lemikhiqizo yezinkukhu kanye namaqanda, iyothuthwa ngaphansi kweso lababhekele izilwane noma emotweni evalwe ababhekele izilwane kuhulumeni.

Okufanele ukwenze

  1. Faka isicelo ngaphambi kwezinsuku ezingamashumi amathathu ungenise
  2. Okomele ukwenze uma uletha izilwane kufane wenze lokhu okulandelayo:
    • Thola isitifiketi sokuhlolwa kwegazi kumbhalisi wasezweni okusuka kulo izilwane.
    • Thola bese ugcwalise ifomu lesicelo elingezansi.
    • Faka isitifiketi sokuhlolwa kwegazi (uma ukwazile ukusithola).
    • Khokha izindleko ezibekiwe ku Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimi amahlathi kanye nezinhlanzi: Standard Bank, Igatsha Arcadia, Inombolo yasebhangi: 011219556m, Inombolo yegatsha: 000845/ 010845
    • Posa isicelo sakho ku: Umbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane, Private Bag X138, Epitoli, 0001
  3. Ukuze ungenise imbewu, kufane wenze lokhu ikulandelayo.
    • Xhumana no Mbhalisi wasezweni ozothola kulo impahla.
    • Umbhalisi kufane akunike isitifiketi sokuhlolwa kwegazi lesilwane esikhiqize imbewu. Awukwazi ukuhlola imbewu lapha e Ningizimu Afrika.
    • Thola bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo.
    • Faka isitifiketi sokuhlolwa kwegazi.
    • Khokha inani elifanele ku Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimi amahlathi kanye nezinhlanzi: Standard Bank, Igatsha Arcadia, Inombolo yasebhangi: 011219556m, Inombolo yegatsha: 000845/ 010845
    • Posa isicelo sakho ku: Umbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane, Private Bag X138, Epitoli, 0001
  4. Ukuze ungenise isitho zofuzo lwesilwane, kufanele wenze lokhu okulandelayo:
    • Qasha isisebenzi esibhekele ukungeniswa kwezitho zofuzo ukuthi silande, sibekise, futhi sibhale isitho sofuzo ofuna ukusingenisa.
    • Xhumana no Mbhalisi osemthethweni ezweni ozothola kulo izimpahla.
    • Umbhalisi kufane akunike isitifiketi sokuhlolwa kwegazi kanye nemininingwano egcwele yesilwane ngasinye la ufuzo lutholakale khona. Aukwazi ukuhlola isitho sofuzo e Ningizimu Afrika.
    • Thola bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo.
    • Faka isitifiketi sokuhlolwa kwegazi.
    • Khokha inani elifanele ku Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimi amahlathi kanye nezinhlanzi: Standard Bank, Igatsha Arcadia, Inombolo yasebhangi: 011219556m, Inombolo yegatsha: 000845/ 010845
    • Posa isicelo sakho ku: Umbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane, Private Bag X138, Epitoli, 0001
  5. Ukungenisa izinkukhu noma amaqanda, kufanele wenze lokhu okulandelayo:
    • Bhala incwadi ebeka kahle ukuthi kungani ufuna ukungenisa ku Mqondisi: wezezilwane.
    • Incwadi kufane ichaze isizathu sokuthi kungani ufuna ukungenisa amaqanda kanye nezinkikhu e Ningizimu Afrika.
    • Xhumana nozokudayisela osezweni ozothenga kulo izinkukhu noma amaqanda.
    • Umdayisi wakwelinye izwe kufanele akunike isitifiketi sezinkukhu noma amaqanda esibeka ngokucacile uhlobo lwamaqanda noma izinkukhu.
    • Thola bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo.
    • Faka incwadi ebeka kahle kanye nesitifiketi esiphuma kumthengisi wakwelinye izwe.
    • Khokha inani elifanele ku Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimi amahlathi kanye nezinhlanzi: Standard Bank, Igatsha Arcadia, Inombolo yasebhangi: 011219556m, Inombolo yegatsha: 000845/ 010845
    • Posa isicelo sakho ku: Umbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane, Private Bag X138, Epitoli, 0001

Isikhathi esinqunyiwe

Kuthatha izinsuku ezingamashumi amathathu ukudlulisela isicelo.

Kubiza malini

R220

Amafomu okumele agcwaliswe

Ukufaka isicelo sokungenisa izilwane kanye nezitho zofuzo lwezilwane (Application for the importation of animals and genetic material)

Imininingwane yokuxhumana

 

Registrar of Animal Improvement

Tel: 012 319 7424/34
Fax: 012 319 7570/7425
Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria
Postal address: The Registrar of Animal Improvement, Private Bag X138, Pretoria, 0001

 

Share this page