Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Mayelana nokungenisa izinhlanzi ngenhloso yokwenza imali
Ngenhloso yokwenza imali kufanele ufake isicelo sephemithi emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi
Lemigomo elandelayo iyadingeka:
- I Abalone kanye nezinye izinhlobo zamatshe ngeke zingeniswe.
- Ungakwazi ukungenisa izinkalankala eziqandisiwe (noma izicubu) ezingamagilemu angamakhulu ayisithupha noma ngaphezu futhi hhayi ngaphezu kwamathani angamashumi amabili nesihlanu angangeniswa ngonyaka .
- Akuvunyelwe ukuba ungenise inkalankala ephilayo.
Qaphela: Iphemithi yokungenisa ayifaki amanzi ezinhlanzi ahlanzekile.
Iphemithi yokungenisa ibekelwe isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha kusukela ngosuku ekhishwe ngayo. Ukungayigcini imigomo yephemithi kungabangela ukuthi iphemithi icishwe.
Okufanele ukwenze
- Thola ifomu lokufaka isicelo sephemithi e Gatsheni labaphethe Abadobi bomnyango Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi ebhilidini elisezansi, ebhilidini i Foretryst, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Ekapa .
- Fundisisa ifomu lokufaka isicelo bese uqinisekisa ukuthi ugculisekile ngokudingakalayo kanye nezimfanelo.
- Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo ngokulethat lokhu okulandelayo:
- Ikheli lendawo yezwe la ozothola khona ozokungenisa
- Igama elaziwayo nelobuchwepheshe lesilwane
- Inani lezilwane ofuna ukuzingenisa.
- Faka okulandelayo efomini lesicelo:
- Ikhophi kamazisi enesigxiviso sasemthethweni kanye /noma amaphepha enkampani
- Amakho agxiviziwe e phemithi yokungenisa esemthethweni etholakala Emnyangweni wezohwebo noma ikomidi elazisa ngephemthi yohwebo emhlabe wonke
- Isicifiketi senteka esitholakala kwa South African Revenue Service.
- Khokha inani elibekiwe kulesmininingwano yesikhwama engezansi:
Ibhange: First National Bank
Inombolo yesikhwama: 62123256382
Uhlobo lwesikhwama: Current
Igama lesikhwama: Marine Living Resources Fund
Igama legatsha: Corporate Account Service Cape Town
Inombolo yeggatsha: 204109
Ukwazisa imininingwano yokhokhile shayela ku 021 402 3911. - Hambisa ifomu lokufaka isicelo Enyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi, Private Bag X2, Roggebaai, Ekapa, 8012 noma sithumele Kwigatsha eliphethe Abadobi, Ebhilidini elisezansi, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Ekapa. Thumela noma posa amafomu oqobo okufaka isicelo; Uma kungenjalo ngeke uyithole iphemithi.
Isikhathi esinqunyiwe
Kungathatha izinsuku eziyisikhombisa, kuyangokuthi isicelo sifakwe ngokuyikho na .
Amafomu okumele agcwaliswe
Thola amafomu okufaka isicelo sokungenisa Egatsheni eliphethe Abadobi bo Mnyango Wezolimo, Amahlathi kanye Nababdobi ebhilidini elisezansi, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Ekapa.
Imininingwane yokuxhumana
- Department of Forestry, Fisheries and the Environment, Branch: Fisheries Management.
Tel: 086 111 2468
callcentre@dffe.gov.za - Port Health
- South African Bureau of Standards