Isicelo sokwesula ubhaliso lwemoto

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Kungani ufaka isicelo sokwesulwa kwemoto

Imibandela yokukhishwa kwemoto emgwaqeni:

  • uma imoto ingekho ezingeni lokuba semgwaqeni
  • uma intshontshiwe
  • uma ishayise okungale kokukhandeka
  • uma kunesibonelelo esithile.

Umkhandlu ukhipha incwadi yokuyesula emabhukwini, futhi imoto osekuphele iminyaka emine ingatheli iyasulwa.

Okufanele ukwenze

  1. Yana eziphathinimandla zokurejista eziseduze nawe kakhulu nemibhalo elandelayo:
    • ikhophi efakazisiwe yencwadi kamazisi wakho
    • ikhophi efakazisiwe yobufakazi bobunikazi bemoto (umnikazi wetayitela) 
    • imibhalo eyesekayo uma idingeka 
    • isitifketi sokurejista imoto.
  2. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo sokwesula imoto (ADV).

Isikhathi esinqunyiwe

Kungenzeka kuthathe izinsuku ezimbili ukusebenza isicelo sakho.

Kubiza malini

Lo msebenzi umahhala kodwa izinhlawulo nezimali ezisalele emuva emalini yelayisense zingakhokhwa uma isicelo sesedlulelwe yisikhathi.

Amafomu okumele agcwaliswe

Gcwalisa i-ADV etholakala emkhandlwini naku –Enatis website.

Imininingwane yokuxhumana

 

Contact your local department of transport

Share this page