President Cyril Ramaphosa: 2024 State of the Nation Address

INkulumo Ngesimo Sezwe Eyethulwa nguMongameli u-Cyril RamaphosaIHholo Ledolobha laseKapa

Somlomo Wesigungu Sikazwelonke, uNks. Nosiviwe Mapisa-Nqakula,
Sihlalo Kazwelonke Womkhandlu Wezifundazwe, uMnu. Amos Masondo,
IPhini likaMongameli waseNingizimu Afrika, uMnu. Paul Mashatile noNkk. Mashatile,
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki,
IPhini Laphambilini likaMongameli uPhumzile Mlambo-Ngcuka,
USomlomo Waphambilini Wesigungu Sikazwelonke, uNks. Baleka Mbete,
INhloko Yamajaji u-Raymond Zondo,
IPhini Lenhloko Yamajaji, uNks. Mandisa Maya,
Amajaji Ehlukene akhona njengamanje,
USodolobha wedolobha laseKapa, iKhansela u-Geordin Hill-Lewis,
INhloko yeZinhlangano Zamanxusa kanye neZinhloko Zesifunda,
INhloko Yezikhungo Ezeseka Intando Yeningi Labantu,
Abantu Abaqavile abamele izifundazwe zakithi eziyisishiyagalolunye,
Amalungu ePhalamende,
Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngesikhathi silungiselela le Nkulumo Ngesimo Sezwe (i-SoNA), sishaqekile ukuzwa ngokudlula kabuhlungu emhlabeni kukaDkt. Hage Geingob, uMongameli weRiphabhulikhi yase-Namibia.

UMongameli u-Geingob ubengumngani omkhulu wami kanye nabantu baseNingizimu Afrika futhi usebenzisane nathi eMzabalazweni wenkululeko yethu. Ubeyiqhawe e-Afrika lokulwela ukuthula, ubumbano, inqubekelaphambili kanye nentuthuko.

Ngizocela ukuba sithathe umzuzwana sigebise amakhanda ukuze simhloniphe.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Le-SoNA yenzeka ngonyaka wokugubha iminyaka engama-30 yentando yeningi labantu.

Mhla zingama-27 kuMbasa 1994, izigidi zabantu baseNingizimu Afrika zavota okhethweni lwentando yeningi labantu, kwabaningi okwakungokokuqala ezimpilweni zabo.

Lolu suku oluyingqayizivele lwalungovuthondaba lweminyakashumi yomzabalazo, uMzabalalo wokukhulula abantu enhluphekweni nasekucindezelweni, ekuphucweni umhlaba nasekuxhashazweni, enhluphekweni nasekungalinganini.

Njengoba sasishaye ujenga kolayini abade, abajikelezayo bokuyovota, sasibukana sikhuluma ngenjabulo yethu futhi ngesinye isikhathi izinyembezi zazizehlela ngezihlathi.

Sasangana ngokufanayo nabangane nabantu esingabazi, sishiswa umuzwa ofanayo wekusasa lezwe lethu okwasekuseduze ukuthi silithole ngevoti lethu.

Kulawa mabhokisi ayequkethe amavoti asifakanga nje ivoti, kodwa kwakuliphupho lezwe esasifuna ukulakha.

Kwakuliphupho leNingizimu Afrika, ngayo yonke indlela, efanele wonke umuntu ohlala kuyona, ngokubumbana ekwahlukaneni kwethu.

Amehlo omhlaba ayethe njo ngesikhathi u-Nelson Mandela, ubaba wesizwe sethu, evota eNanda KwaZulu-Natali; kwelikaShaka, iqhawe ogama lalo lenanela emlandweni; lapho kukhona inkaba ka-John Langalibalele Dube, uMongameli wokuqala we-ANC, owahlanganisa abantu base-Afrika; nokuphinde kube yikhaya leNkosi u-Albert Luthuli, owokuqala wase-Afrika ukuHlonishwa nge-Nobel Peace Prize.

Ngezindlela eziningi, ukuvotela kwakhe eNanda endaweni lapho u-John Langalibalele Dube wangcwatshelwa khona, kwabeka uphawu ngoba ukuvotela kwakhe lapha, wayezobika kuMongameli wokuqala we-ANC ukuthi usuhambe wafikaphi umzabalazo.

Emva kokuvota, uMadiba wathi:

“Lesi yisiqalo senkathi entsha. Sesidlulile esikhathini sokungabi nathemba, sokwahlukana, sokuswela amathuba, isiphithiphithi nengxabano. Siqala inkathi entsha yethemba, ukubuyisana kanye nokwakha isizwe.”

Yileli phupho, labantu abakhululekile nababumbene, eliqoshwe kuMthethosisekelo wethu wentando yeningi labantu.

Yiwo lo Mthethosisekelo obusihola emizamweni yethu eminyakeni engamashumi amathathu eyedlule ukuze siguqule izwe lethu libe ngelingcono, futhi kufanele ube ngomnyombo womsebenzi esiwenzayo manje ukwakha impilo engcono yomuntu wonke.

Eminyakeni engamashumi amathathu eyedlule, sithathe uhambo, lokulwela ukuthola isizwe esisha - isizwe sentando yeningi labantu.

Silahle ulunya lobandlululo sakha umbuso wentando yeningi labantu owakhelwe phezu kwentando yabantu.

Sisungule izikhungo ezinamandla zokuvikela inkululeko kanye namalungelo abantu bonke.

Siguqule izimpilo zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika, ngokubahlinzeka ngezidingo zempilo kanye nokusungula amathuba ayengekho ngaphambilini.

Sakhe umnotho owehlukahlukene lapho izimbiwa, imikhiqizo yezolimo kanye nempahla ekhiqizwayo ifinyelela kuwona wonke amagumbi omhlaba, ngesikhathi kusungulwa nemisebenzi eNingizimu Afrika.

Njengezwe, sesibuyele ezizweni, selula isandla soxolo kanye nobuhlobo kuwona wonke amazwe nabantu bonke.

Njengoba singeke siyiphike inqubekelaphambili esiyenziwe ngaBantu baseNingizimu Afrika eminyakeni engamashumi amathathu eyedlule, futhi singeke sithathe kancane izinselele ezinzima esilokhu sibhekene nazo.

Sesiqiniselile ezikhathini ezinzima lapho amandla entando yeningi labantu yomthethosisekelo evivinywe kakhulu.

Kube nezikhathi lapho izigameko ezenzeke ngale kwemingcele yethu zibambezele inqubekelaphambili yethu.

Inkinga yezezimali emhlabeni yangowezi-2007 nangowezi-2008 yaqeda umsebenzi weminyaka eyishumi wokukhula komnotho kanye nokusungulwa kwemisebenzi.

Kamuva-nje, ingxabano phakathi kwe-Russia ne-Ukraine ibe nesandla ekwenyukeni kwamanani ophethiloli, ukudla kanye nenye impahla emhlabeni jikelele - ngaleso sizathu, lokhu kwenze impilo yaba nzima kakhulu kubobonke abantu baseNingizimu Afrika.

Kuphinde kwaba nezikhathi lapho izigameko zalapha ekhaya ziphazamise izisekelo zentando yeningi labantu yomthethosisekelo.

Mhlawumbe umonakalo omkhulu wenzeka ngesikhathi sokuthunjwa kwamandla ombuso.

Eminyakeni eyishumi, abantu abathile abasezikhundleni eziphezulu kwaHulumeni bakha uzungu nabantu abathile emkhakheni ozimele lokuthatha izintambo ezinkampanini eziphethwe nguhulumeni, ama-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho kanye nezinye izikhungo zikahulumeni.

Kwezinye izigameko, lezi zenzo zavunyelwa izinkampani zalapha ekhaya nezakwamanye amazwe.

Izigidigidi zamarandi okwakufanele zisize ngezidingo zabantu baseNingizimu Afrika zebiwa.

Ukuzethemba kwezwe lethu kwashatshalaliswa kabuhlungu. Izikhungo zikahulumeni zathenwa amandla kanzima.

Imiphumela yokuthunjwa kwamandla ombuso iyaqhubeka nokuzwakala emphakathini jikelele, kusuka ekusweleni ukuthuthwa kwempahla kuya ekwehleni kokulethwa kwezidingonqangi, kusuka ekungasebenzini kahle kweziteshi zikagesi kuya ekwehlulekeni kwemiklamo yentuthuko.

Kodwa aBantu baseNingizimu Afrika, kubandakanya izikhulu zikahulumeni ezethembekile nezizinikele, balwa futhi basebenza ngokubambisana ukunqoba ukuthunjwa kwamandla ombuso.

Ngisho nangaleso sikhathi, imizamo yokuvimbela ukuvuselelwa kwezwe yaqhubeka.

Siyazikhumbula kalusizi izigameko zangoNtulikazi wezi-2021, ngesikhathi abantu abathile abangogombela kwesabo bafuna ukuvukela umbuso, okwaholela ekushoneni kwabantu kanye nokusabalala kwesibhicongo.

Nakulokhu futhi, kwaba yize leze.

Le mizamo yokudicilela phansi imisebenzi enzima yenkululeko yethu ayiphumelelanga ngenxa yabantu baseNingizimu Afrika abama, ngokubumbana, bavikela uMthethosisekelo wethu nezethembiso zawo zempilo engcono yomuntu wonke.

Bekuyimpokophelo efanayo eyenze ukuthi izwe likwazi ukubekezelela ukukhahlanyezwa yi-COVID-19, ubhubhane olubi kakhulu emhlabeni eminyakeni eyikhulu.

Abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezi-100 000 bashona ngenxa yesifo kanti abayizigidi ezimbili bona balahlekelwa yimisebenzi yabo.

Nomakunjalo, ngabe kwabanzima kakhulu ukuba asibambisananga sabamunye ukunqanda igciwane, ukweseka abasebenzi bezempilo, ukuvikela labo ababuthakathaka, kanye nokuqalisa uhlelo lokugoma olungakaze lube khona phambilini.

Sakwazi ukubumba isizwe ngenxa yomzamo ofanayo wokuphephisa izimpilo kanye nezindlela zokuziphilisa.

Ngifuna ukubonga izinkulungwane eziningi zaBantu baseNingizimu Afrika abanikela ngemali eSikhwameni Sobumbano, kubantu ababekhiqiza izinsiza zokwelapha, kubahlengikazi, odokotela, kanye nabanye abasebenzi bezempilo ababeka impilo yabo engcupheni ukuze banakekele labo ababegula.

Enye inselele enkulu obekufanele sibhekane nayo udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF), esiyithatha njengobhubhane lwesibili.

Njengohulumeni, sesethule imithetho futhi sabhekisa ngqo izinsizakusebenza ekushushiseni izigilamkhuba, ukuhlinzeka ngosizo olungcono kulabo abasindile, kanye nokugqugquzela ukuhlonyiswa kwabesifazane kwezomnotho.

Njengomphakathi, kufanele siqinise imizamo yethu sisonke yokuqeda nya nge-GBVF.

Eminyakeni engemingaki eyedlule, izwe kwafanela ukuthi libhekane nemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu.

Sibe nemililo yequbula edale umonakalo eNtshonalanga Kapa, izikhukhula ezishiye umonakalo KwaZulu-Natali, ukushisa okungabekezeleleki eNyakatho Kapa, isomiso esibelesele eMpumalanga Kapa, kanye neziphepho ezinzima e-Gauteng.

Umsebenzi omkhulu walo hulumeni kwakungukusiza izwe lethu kuzona zonke lezi zinselele kanye nokuqhubeka siphokophelele phambili.

Ngesikhathi esinye nesinye salezi zigameko zashiya umonakalo, izwe lethu likwazile ukuphuma lingenamyocu.

Yebo, imivimbo iyazwakala. Kodwa kuzozonke izigameko, aBantu baseNingizimu Afrika bazibambe zaqina.

Asiphikelelanga-nje kuphela, kodwa sibuye sesinamandla kakhulu futhi sizimisele.

Yonke le mizamo ibonise ukuthi aBantu baseNingizimu Afrika bayazisa kanjani inkululeko eyazuzwa emva kweminyakashumi yomzabalazo.

Indaba yeminyaka engama-30 yokuqala yentando yeningi labantu ingaxoxwa kangcono ngempilo yengane igama layo nguTintswalo, owazalwa ngesikhathi sokuqala kwenkululeko ngowe-1994.

UTintswalo – ingane ezalwe ngesikhathi sentando yeningi labantu – ukhule emphakathini owehluke kakhulu kule Ningizimu Afrika yabazali bakhe, ugogo nomkhulu kanye nokhokho bakhe.

Ukhule emphakathini ophethwe ngomthethosisekelo owesekelwe phezu kokulingana, umthetho, kanye nokuqinisekiswa kwesithunzi saso sonke isakhamuzi.

UTintswalo, kanye nabanye abaningi abazalwe ngesikhathi esifanayo naye, bahlomula kwizinqubomgomo zokuqala zoMbuso wentando yeningi labantu zokuhlinzeka ngokunakekelwa kwezempilo kwamahhala kwabesifazane abazethwele kanye nabantwana abangaphansi kweminyaka eyisithupha.

Iminyaka yokukhula kaTintswalo wayichitha endlini ehlinzekwe nguMbuso, okungenye yezindlu kweziyizigidi ezakhiwa ukuze abathu abahlwempu bezoba nophahla phezu kwabo.

UTintswalo wakhula ekhaya elinamanzi nogesi, ekhaya lapho abazali okungenzeka ukuthi bona bakhula bengenawo ugesi ngaphambi konyaka we-1994.

UTintswalo wabhalisa esikoleni lapho abazali bakhe bengazange bakhokhe imali yokufunda, nsuku zonke esikoleni wayethola isidlo esinezakhamzimba njengengxenye yohlelo lwanamuhla olusiza abafundi abayizigidi eziyisishiyagalolunye abaphuma emakhaya ahlwempu.

UMbuso wentando yeningi labantu wanikeza ngeSibonelelo Sabantwana ukuze azohlangabezana nezidingonqangi zakhe. Lesi sibonelelo, ngokusizana nezinye izinhlobo zosizo lomphakathi, siyaqhubeka nokuba yilona sizo kuBantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ezingama-26 nyanga zonke.

Ngalolu sizo, uTintswalo – ingane yentando yeningi labantu – wakwazi ukuphothula imfundo yakhe yamabanga aphezulu.

Ngosizo lweSikhwama Sikazwelonke Soxhaso Lwabafundi (i-NSFAS), uTintswalo ufunde kwelinye lamakolishi oKufundela Ubuchwepheshe Nokuqeqeshwa Kwamakhono (i-TVET) wabe esethola iziqu zakhe.

Ngesikhathi uTintswalo eqala ukusebenza, wakwazi ukuthi aqhubekele phambili ngosizo lohlelo lokulingana emsebenzini lukaHulumeni kanye nezinqubomgomo Zokuthuthukiswa Komnotho Wabantu Abamnyama.

Ngomholo ayewuthola, wakwazi ukubekelela, waqala umndeni, wahlala endlini engcono, waphila impilo engcono.

Le indaba yabantu abayizigidi abazalwa kusukela kwaqala intando yeningi labantu. Kodwa kuseyingxenye yendaba.

Ngoba, ngale kwalokho okuzuzwe eminyakeni engama-30 eyedlule, izingane eziningi ezizalwe ngesikhathi sentando yeningi labantu zisabhekene nezinselele ezinkulu.

Izigidi zabantu abasha abaneminyaka eyi-15 kuya kwengama-24 njengamanje abasebenzi, abafundi futhi abatholi kuqeqeshwa.

Baningi abaphase umatikuletsheni, abanama-diploma noma ama-degree abangakwazi ukuthola umsebenzi, noma abangenazo izindlela zokuqala ibhizinisi.

Ngesikhathi lapho ukukhula komnotho kubalulekile ukunciphisa ukuswelakala kwemisebenzi, ngeke sikwazi ukulinda ukuze sikwazi ukuhlinzeka ngemisebenzi edingwa yizingane ezizalwe ngesikhathi sentando yeningi labantu.

Njengohulumeni, sesithathe amagxathu okubhekana nenselele yokungasebenzi kwentsha.

Eminyakeni emithathu eyedlule, ukwakha ngempumelelo uHlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Kahulumeni, sethula uHlelo lukaMongameli Lokusungulwa Kwemisebenzi.

Ngalolu hlelo, sisungule imisebenzi engaphezu kwesigidi esi-1.7 kanye namathuba ezindlela zokuziphilisa.

Ngalolu hlelo, siqashe abasizi basezikoleni abangaphezu kwesigidi esisodwa ezikoleni eziyizi-23 000, nokunikeza labo abayingxenye yalolu hlelo ithuba lokusebenza ngesikhathi bethuthukisa imiphumela yokufunda kwabo.

NgoHlelo LukaMongameli Lokungelela Ekuqashweni Kwentsha, sisungule i-SAYouth.mobi njengenkundla yamahhala esiza abantu abasha abangasebenzi ukuthi bafinyelele emathubeni okufunda nokuthola imali.

Abantu abasha abangaphezu kwezigidi ezi-4.3 bangenile kule nkundla kwathi abayisigidi esi-1.6 sebewatholile amathuba.

Ngokusebenzisana ne-Ejensi Kazwelonke Yezokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA), sesisungule izinhlelo eziningi zokuhlinzeka ngamathuba kubantu abasha, kanjalo ne-National Youth Service kanye ne-Youth Employment Service.

Lezi zinhlelo zibalulekile ngoba umsebenzi ubalulekile kubantu. I-NYDA idlale indima ebaluleke kakhulu ekusizeni iningi labantu abasha ukuthi beqale amabhizinisi abo.

Ukuba nomsebenzi akulethi-nje imali engenayo kuphela - kubalulekile ekuzethembeni kwabantu, isithunzi, ithemba, injongo kanye nokubandakanywa.

Kusuka ezinzulwini zokweswela nokungalingani, sesisebenze iminyaka engaphezu kwengama-30 ukuqinisekisa ukuthi bonke aBantu baseNingizimu Afrika banamathuba alinganayo okuphumelela.

Akwanele ukukhomba ukungabi nabulungiswa kwesikhathi esedlule, kufanele ukuthi sikulungise.

Sethule imithetho kanye nezinhlelo zokuthuthukisa aBantu baseNingizimu Afrika abamnyama kanye nabesifazane ezindaweni zemisebenzi, ukuthi bekwazi ukuba ngabanikazi kanye nabaphathi, ukuthola umhlaba nokwakha impahla.

Inani lemisebenzi ezikhundleni zokuphatha eziphethwe ngabantu abamnyama linyuke cishe kahlanu phakathi kowe-1996 nowezi-2016.

Enye yezinselele ezinkulu lo hulumeni okwafanela abhekane nazo ngesikhathi ethatha izintambo kwaba ngukuthunjwa kwamandla ombuso nenkohlakalo.

Okokuqala okuseqhulwini kwakungukuqeda ngokuthunjwa kwamandla ombuso, ukuqeda ngezenzo zobugebengu ngaphakathi kuhulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba zibhekana nomthetho.

Bekufanele sikwenze lokho ukuze sizokwazi ukugcina izikhungo zethu futhi siphinde sakhe kabusha umnotho wethu.

Saqoka abantu abanekhono futhi abaqotho ukuhola ama-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, iminyango kahulumeni, izinkampani zokuvikela nezombuso, esikhathini esiningi ngokusebenzisa izindlela ezizimele nezisebenzela obala.

Ukuthembeka nokusebenza kahle kwezikhungo eziningi ezifana noPhiko Lwemalingeniso Eqoqwayo LwaseNingizimu Afrika (i-SARS) zibuyiselwe futhi umsebenzi wazo uyancomeka.

Sibeke UPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala njengophiko olukhethekile olumikhakha miningi ngaphakathi kuPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa (i-NPA) ukuze luzophenya ngenkohlakalo nobunye ubugebengu obuhamba phambili.

Inqubekelaphambili enkulu isiyenziwe ekuletheni labo abathintekayo ekuthunjweni kwamandla ombuso ukuthi bazobhekana nomthetho.

Bangaphezu kwama-200 abasolwa abashushiswayo. Abaningi basaphenywa.

Izimali ezebiwa ziyabuyiswa.

Imiyalelo yokumiswa kokusebenza kwempahla eyizigidigidi ezi-R14 inikezwe uPhiko Lokushaqwa Kwempahla lwe-NPA emacaleni ahlobene nokuthunjwa kwamandla ombuso, futhi cishe izigidigidi ezi-R8.6 ezitholwe ngenxa yenkohlakalo zibuyiselwe kuhulumeni.

I-SARS ebuyiselwe esimeni sayo nevuseleliwe isiqoqe izigidigidi ezi-R4.8 zentela engakhokhwanga emva kobufakazi obulethwe kuKhomishini, ngesikhathi uPhiko Olukhethekile Oluphenya Amacala luholele ekuqulweni kwamacala abiza izigidigidi ezingama-R64.

Sesithathe izinyathelo, kubandakanya imithetho emisha, yokuqinisa ikhono lethu lokugwema ukuhlanzwa kwemali nokukhwabanisa kanye nokususwa "ukuba ngaphansi kweso" le-Financial Action Task Force.

Ngokusizwa ngamabhizinisi, sesakhe amakhono okuqoqa ubufakazi ngobuchwepheshe bedijithali ukusiza uPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala lwe-NPA, okuzothi ngokuhamba kwesikhathi kudlulele ekusizeni kwezinye izingxenye zomthetho ngokubanzi.

Umthetho njengamanje usePhalamende ukuze kuzosungulwa uPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala njengengxenye engunomphela futhi enamandla okuphenya amacala.

Kodwa usemuningi umsebenzi okusafanele wenziwe ukuqeda nya inkohlakalo.

Ngokwezincomo zoMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngokulwisana Nenkohlakalo, simagange ukwethula ezinye izinyathelo zokuqinisa ama-ejensi ethu alwisana nenkohlakalo, ukuvikela izingede, ukulawula indlela yokunxenxa kanye nokugwema ithonya elingafanelekile ngesikhathi sokuthengwa kwempahla nezinsizakalo kuhulumeni.

Ngeke sime wonke umuntu engakathwali amacala akhe enkohlakalo.

Ngeke sime yonke imali eyebiwe ingakabuyi.

Ngeke sime inkohlakalo ingakapheli.

Usizi olukhulu ekuthunjweni kwamandla ombuso kwaba ngukuphambukisa ukusetshenziswa kwezinsiza kulokho uhulumeni ayefanele ukukwenza, okungukukhulisa umnotho wethu nokusungula imisebenzi.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, sisebenzile ukuvuselela umnotho wethu eminyakeni eyishumi umile nje kanye nokuwuvikela ukuthi ungashayeki lapha ekhaya nasemhlabeni jikelele.

Siyenzile inqubekelaphambili.

Umnotho wethu namuhla usukhule kathathu ukudlula lokho owawuyiwo eminyakeni engama-30 eyedlule.

Inani laBantu baseNingizimu Afrika abasebenzayo lenyuke lisuka kwizigidi eziyisishiyagalombili ngowe-1994 laya ngaphezu kwezigidi eziyi-16.7 manje.

Eminyakeni emibili eyedlule, inani lemisebenzi eyasungulwa belilokhu likhula njalo ngekota, manje sinabantu abaningi abasebenzayo ukudlula isikhathi esendulela ubhubhane.

Noma kunjalo, izinga labantu abaswele umsebenzi liphezulu kakhulu kunakuqala.

Yize inani labantu abasebenzayo likhula, abantu abaningi bathola imisebenzi njalo ngonyaka ukudlula isibalo semisebenzi esungulwayo.

Siqalise izindlela zokukhulisa umnotho ngezinguquko zomnotho ezifinyelela kubobonke abantu, umkhankaso wotshalomali, kanye nohlelo lwengqalasizinda oluqala ukuthela izithelo.

Izinkampani ziyaqhubeka nokutshala izimali, izinkulungwane zamahektha amapulazi kuyatshalwa kuwona, amafemu amasha ayavulwa futhi nomkhiqizo uyakhula.

Sisahamba kahle ukusombulula izinkinga ezibalulekile zokukhula komnotho ngokuzinzisa ukuthunyelwa kukagesi kanye nokulungisa uhlelo lwethu lokuthuthwa kwempahla.

Uma le migoqo isisusiwe, amandla omnotho wethu azokwambuleka.

Sineqhinga elicacile lokuqeda ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, ebese sivele siqalisile ukulisebenzisa ngokusebenzisana neKomiti Likazwelonke Elibhekele Izinkinga Zikagesi.

Sizifezile izethembiso zethu zokuletha amandla amasha kagesi kugridi ngokusebenzisana nezinkampani ezizimele, nosekuvele kusiza ekunciphiseni ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

Ngonyaka owedlule, saqalisa uhlelo lokucishwa kwesikweletu, oluzovumela u-Eskom ukuthi asebenzise imali ekunakekeleni nakwingqalasizinda yokuthunyelwa kukagesi futhi aqinisekise ukuthi usebenza ngokusimeme ukuya phambili.

Kusukela savuselela uhlelo lwamandla avuselelekayo eminyakeni emihlanu eyedlule, sesifake kugridi amandla kagesi ongaphezu kwezi-2 500 MW ophuma elangeni nasemandleni omoya ngokuphindwe kathathu ekuthengweni noma ekwakhiweni.

Noxhaso lwentela nosizo lwezimali, sedlule ngaphezulu ngokuphindaphindayo inani lamasola afakwa ophahleni kulolonke ilizwe ngonyaka owedlule nje kuphela.

Sesiqalise izinguquko zokulawula ezizovumela ukuthi izinkampani ezizimele zitshale izimali ekuphehlweni kukagesi, nosekunemiklamo ezimele yokuphehlwa kukagesi engaphezu kwe-120 esiqalile.

Lena intuthuko emangalisayo eholela ekwakhiweni kabusha komkhakha kagesi ngokuhambisana nalokho eminye iminotho eminingi esikwenzile ukwenyusa izinga lokuncintisana kanye nokwehlisa amanani.

Ngayo yonke le misebenzi, siyazethemba ukuthi okubi kakhulu sekwedlulile futhi ukuphela nya kokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga ekugcineni sekuseduze.

Kodwa asizukugcina lapha.

Ukuqinisekisa ukuthi asiphinde sibhekane nesimo esifanayo futhi, siguqula uhlelo lokusebenza lukagesi ukuze luzoba sezingeni lokuncintisana, lusimame futhi luthembeke esikhathini esizayo.

Sizokwakha olayini abasha bokuthumela ugesi abangaphezu kwezi-14 000 km ukuze bezosetshenziselwa ugesi ovuselelekayo eminyakeni ezayo.

Ukusheshisa lo msebenzi, sizovumela umkhakha ozimele ukuthi utshale izimali kwingqalasizinda yokuthunyelwa kukagesi ngokusebenzisa izindlela zotshalomali ezintsha ezehlukahlukene.

Ngonyaka owedlule, sethula uMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokulawulwa Kukagesi ukusiza ekwakhiweni kabusha kuka-Eskom kanye nokusungula imakethe kagesi esezingeni lokuncintisana.

Njengoba siqalisa ngalezi zinguquko, sibeka umnotho wethu ekukhuleni kwakusasa emhlabeni olawulwa ngukuguquguquka kwesimo sezulu kanye nokuguquka kobuchwepheshe obunganukubezi imvelo.

Eminyakeni emithathu eyedlule, izwe lethu labhekana nokwenyuka kwezigameko ezinzima zesimo sezulu, ikakhulukazi ezazishiya umonakalo.

Yingakho siqalisa ngohlelo lokuguqukela emandleni anganukubezi imvelo, hhayi nje ukunciphisa ukukhishwa kwekhabhoni nokulwa nokuguquguquka kwesimo sezulu, kodwa ukusungula ukukhula komnotho kanye nokusungulela abantu bakithi imisebenzi.

Sizoqalisa ngalolu hlelo ngesivinini, ngokomthamo nangokwezindleko izwe lwethu elingamelana nazo kanye nangendlela eqinisekisa ukuthi ugesi uyatholakala.

Njengoba sinendathane yelanga, umoya kanye nezimbiwa, sizosungula imisebenzi eyizinkulungwane emkhakheni kagesi ovuselelekayo, ihayidrojini enganukubezi imvelo, insimbi enganukubezi imvelo, izimoto ezihamba ngogesi kanye neminye imikhiqizo enganukubezi imvelo.

Isifundazwe saseNyakatho Kapa, ngezimo sazo zelanga, sesivele sihehe izigidigidi zamarandi zotshalomali.

Sizokwakha i-Special Economic Zone echwebeni e-Boegoebaai ukuqhuba utshalomali kwezamandla anganukubezi imvelo. Baningi kakhulu abaqhamuka emkhakheni ozimele abafuna ukubamba iqhaza kule miklamo yokuphehlwa kwezamandla anganukubezi imvelo.

Sesinqume ukuthi seseke ukukhiqizwa kwezimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika ukuze sizokhulisa umkhakha wethu wokwakhiwa kwezimoto, okuyiwona ohlinzeke ngemisebenzi emihle ezinkulungwaneni zabasebenzi.

Sesinqume ukugxila kakhulu ezifundeni ezifana neMpumalanga ukuvumela ukwakhiwa kwezimboni ezintsha, amathuba amasha ezomnotho kanye nemisebenzi esimeme.

Onyakeni owedlule, senyuse izethembiso ezenziwe zezezimali zoHlelo Lotshalomali Lokuguqukela Kwezamandla Anganukubezi Imvelo kusuka kwizigidigidi eziyi-R170 kuya cishe kwizigidigidi ezingama-R240.

Ukubhekana nemiphumela ebelesele yokushisa kakhulu komhlaba, eyenzeka ngenxa yezikhukhula ezibelesele, imililo nesomiso, sesinqume ukuthi sisungule iSikhwama Esibhekele Ukuguquguquka Kwesimo Sezulu.

Lokhu kuzohlanganisa zonke izinhlaka zikahulumeni nomkhakha ozimele ngokuthi basebenzisane ukwakha indlela yokubhekana  nemithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu.

Ukubhekana nokungasebenzi kahle kwendlela yokuthuthwa kwempahla, sithatha isinyathelo sokwenza ngcono amachweba ethu kanye nojantshi bezitimela nokubalungisa ukuthi babe sezingeni lomhlaba.

Sesibeke umhlahlandlela ocacile ukuletha uzinzo ekusebenzeni kuka-Transnet kanye nokuguqula izindlela zokuthuthwa kwempahla.

Ngokusebenza ngokusondelana nabamabhizinisi kanye nomkhakha wabasebenzi, sesisungule amathimba azinikele ukuguqula imigudu emihlanu ethutha impahla ethunyelwa kwamanye amazwe.

Inani lemikhumbi elinde ukuyothulula impahla eChwebeni laseThekwini - eselibe nesinyokotho semikhumbi ezinyangeni ezisanda kwedlula -  selinciphise kusuka ngaphezu kwemikhumbi engama-60 phakathi kukaLwezi kuya emikhunjini eyi-12 kuphela ngasekupheleni kukaMasingana.

U-Transnet useqashe ozolawula umgudu wempahla ephuma phesheya ukuze ezosiza ukulawula ukusebenza kangcono komgudu weChweba laseThekwini.

Silungisa kabusha indlela yokusebenza kwezitimela ezithutha impahla ngokuvumela izitimela zomkhakha ozimele ukuthi zikwazi ukusebenzisa ojantshi.

Ngale ngxabano ekhona e-Middle East ethikameza ukuthunyelwa kwempahla ngemikhumbi edlula e-Suez Canal, iNingizimu Afrika isesimeni esihle sokudayisa ngowoyela noma ngophethiloli kwimikhumbi ezobe idlula emachwebeni ethu.

Siphothule ukufakwa endalini kwamagagasi okusakaza ngomoya emva kokubambezeleka iminyaka engaphezu kweyishumi, nokuholele ekutshalweni kwezimali okusha, izindleko eziphansi zedatha kanye nokufinyelela okugcono kwenethiwekhi.

Lezi zinguquko zinomthelela omkhulu emphakathini lapho ukusetshenziswa kwe-inthanethi kwenyuke kakhulu eminyakeni eyishumi eyedlule.

Angaphansi kwesigamu amakhaya ayekwazi ukufinyelela kwi-inthanethi ngowezi-2011, uma kuqhathaniswa nama-79% wamakhaya ngowezi-2022.

Kuleli viki nje, sichicilele imithethonqubo emisha yokuguquka indlela yokusebenza yama-visa, lokho okuzokwenza lula ukuthi sihehe amakhono adingwa ngumnotho wethu kanye nokwakha isimo sokuqanjwa kwezinto ezintsha kanye nokusungulwa kwamabhizinisi.

Senze imali eyi-R1.5 trillion kwizethembiso ezintsha zotshalomali ezingqungqutheleni zoTshalomali eNingizimu Afrika eziyisihlanu, ingxenye yayo eyizigidigidi ezingama-R500 isivele isetshenzisiwe emnothweni wethu.

Ukweseka ukukhula komkhakha wezimayini, siyaqhubeka nokuthuthukisa uhlelo lokukhishwa kwezimvume zezimayini futhi sethula isikhwama sokweseka abavukuzi abasafufusa kanye nokumbiwa kwezimbiwa ezintsha.

Ngalolu hlelo, izimayini, okwakukade kuyisisekelo lapho umnotho weNingizimu Afrika wawakhelwe kusona, zizobuye futhi zibe ngukuvuka kwezimboni.

Ukuzibandakanya kwabantu abamnyama ababencishwe amathuba kuyakhula.

Amabhizinisi anabanikazi abangabantu abamnyama alinganiselwa kuma-39% uma kuqhathaniswa nama-2% ngowezi-2004.

Utshalomali kwingqalasizinda luyakhula impela.

Izindlela zokuthola uxhasomali ezintsha zizosetshenziswa ukwenyusa ukwakhiwa kwengqalasizinda.

UMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle uhlose ukuthuthukisa ukulawulwa kwezinsizakusebenza zamanzi ngokuqalisa imiklamo yengqalasizinda ezothumela amanzi kanye nokuhlukanisa imithombo yamanzi ukuze kuzoncipha ukuthembela emanzini angaphezu komhlaba.

Imiklamo eminingi yamanzi iyaqhubeka kulolonke ilizwe ukwenza ngcono ukuthunyelwa kwamanzi kwizigidi zabahlali emakhaya, emadolobheni nakumadolobhakazi.

Le miklamo yengqalasizinda yamanzi iyaqhubeka noma isiphothuliwe:

I-Lesotho Highlands Water Project, Umzimvubu, Hazelmere Dam, uMkhomazi Water Project, i-Clanwilliam Dam, i-Tzaneen Dam, i-Loskop, kwaMandlakazi, ipayipi lamanzi elisuka eJozini Dam, eGiyani, ipayipi lamanzi elisuka eNandoni Dam liya eNsami Dam, i-Pilanesberg Water, i-Vaal Gamagara kanye nepayipi lamanzi elisuka e-Vaal River liya e-Hothazel.

EMpumalanga Kapa, amabhuloho iMsikaba neMtentu ayakhuphuka ayaphezulu, futhi azoba ngamanye aphakeme kakhulu e-Afrika uma esephothuliwe.

Insimbi esetshenziswa kulo mklamo iphehlwe eMpumalanga, bese kuthi insimbi ebizwa nge-iron ore yona iphuma eNyakatho Kapa.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, i-Ejensi Yemigwaqo Kazwelonke eNingizimu Afrika, elawula cishe imigwaqo eyizi-25 000 km, isikhiphe imiklamo engaphezu kwe-1 200 ebiza izigidigidi eziyi-R120.

NgoLwezi ngonyaka owedlule, iKhabhinethi lagunyaza uhlaka lokwakhiwa kwesitimela esihamba ngesivinini esiphezulu, okwakugxilwe ukuthi sizosuka eGoli siye eThekwini.

Njengoba sikhulisa umnotho, sibandakanya wonke umuntu.

Ngokohlelo lokwabiwa kabusha komhlaba, umhlaba olinganiselwa kuma-25% ezweni lethu manje usunabanikazi abamnyama baseNingizimu Afrika, lokho okusisondeza esilinganisweni sethu esingama-30% ngonyaka wezi-2030.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, sisize osozimboni abamnyama abayi-1 000 ngoxhasomali kanye nangezinye izindlela zosizo. Lezi zimboni zabantu abamnyama ziqashe abasebenzi abangaphezu kwezi-90 000 futhi sifaka igalelo lezigidigidi zamarandi emnothweni wethu.

Ngaso leso sikhathi, balinganiselwa kwizi-200 000 abasebenzi abathole izabelo ezinkampanini abasebenza kuzona, lokho okwenza ukuthi sibe nabasebenzi abangabanikazi bezinkampani emnothweni waseNingizimu Afrika abangaphezu kwesigamu sesigidi sabasebenzi.

Siyalubona lolu khondolo oluqhubekayo njengoba izinkampani eziningi zibona ukuthi ziyazuza uma abasebenzi bazo bethola isabelo emabhizinisini abawasebenzelayo.

Izinguquko esiziqalisile kanye nomsebenzi oqhubekayo uzosivumela ukuthi siqede ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, sithuthukise indlela yokuthunyelwa kwempahla, siqinisekise ukutholakala kwamanzi kanjalo nokusungulwa kwemisebenzi.

Lapho singakaze sehlulwe yizinselele, indlela esibhekana ngayo nalezi zinselele iyona ezosiholela empumelelweni enkulu kwesake sayibona.

Enye yezinto ezingabanga neqiniso ngesikhathi sobandlululo kwakuyindlela umkhakha wezemfundo owawusetshenziswa ngakhona ukubhebhethekisa ukungalingani.

Eminyakeni engama-30 eyedlule, sifune ukusebenzisa umkhakha wezemfundo njengethuluzi lokusungula ukulingana.

Imiphumela yemfundo eyisisekelo kancane kancane iba ngcono ngayo yonke indlela.

Imiphumela yakamuva kamatikuletsheni, ebe ngama-82.9%, ibe ngaphezulu kunayo yonke.

Njalo ngonyaka omusha, abafundi abebefunda ezikoleni zamahhala yibona abenza ezibukwayo abaphumelela ngezinga le-bachelor.

Khona manjalo, bambalwa abafundi abayekela isikole phakathi nonyaka.

Senyuse uxhaso lwabafundi abahlwempu nalabo abangaholi kakhulu emanyuvesi nasema-TVET eminyakeni emihlanu eyedlule.

Eminyakeni emihlanu ezayo, sizogxila ekwandiseni ukuthuthukiswa kwabantwana kanye nokwenza ngcono ikhono lokufunda emabangeni aphansi, nokuyilapho esesiqalile ukubona inqubekelaphambili khona.

Ukufaka uhlelo lwezinkulisa ngaphansi koMnyango Wemfundo Eyisisekelo (i-DBE) kwakungesinye sezinqumo ezibalulekile njengoba sesiyakwazi ukufaka izinsizakusebenza eziningi ezinkulisa kanye nokuqinisekisa ukuthi ngokubusa ngokubambisana iminyango eyehlukahlukene iyazibandakanya ekuthuthukisweni kwezinkulisa ngokwengezelwa yi-DBE.

Izinqubomgomo nezinhlelo zethu, eminyakeni engama-30, sezisize izigidigidi zabantu ukuthi baphume enhluphekweni.

Namuhla, bambalwa aBantu baseNingizimu Afrika ababhekene nendlala futhi bambalwa kakhulu abaphila ngenhlupheko.

Ngowe-1993, iNingizimu Afrika yabhekana nenselele ebonakalayo yobubha, okwakungabantu abangama-71% ababehlupheka.

Kodwa-ke, ngaphansi kombuso wentando yeningi labantu, sekube nokwehla okubonakalayo kulezi zibalo.

Ngowezi-2010, izinga lenhlupheko lalehle ngama-60.9%, futhi laqhubeka nokwehla, laze lafika kuma-55.5% ngowezi-2020, njengokubika kwe-World Bank.

Le nqubekelaphambili ingumphumela wokusiza labo abasemphakathini abaludinga kakhulu.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, sethula olunye uhlelo lokulwa nenhlupheko ngokwethula iSilinganiso Somholo Kuzwelonke njengokusho koSomqulu Wenkululeko.

Isinqumo sababambiqhaza, okungamabhizinisi, abasebenzi kanye nemiphakathi, sokwethula isilinganiso somholo savele saholela ekwenyukeni kwemiholo yabasebenzi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha.

Phakathi nobhubhane, sethula isibonelelo se-Social Relief of Distress Grant, okuyimanje esitholwa ngabantu abangasebenzi abalinganiselwa kwizigidi eziyisishiyagalolunye njalo ngenyanga. Sikubonile okuhle okwenziwa yilesi sibonelelo futhi sizoselula sisenze sibe ngcono njengegxathu elilandelayo lokusiza ngemali kulabo abangasebenzi.

Lezi zibonelelo noxhaso kwenza okukhulu kunokunika abantu lokho abakudingayo ukuze baphile.

Zingukubekela ikusasa.

Usizo kwezenhlalo lubonise ukwenyuka kwabantwana ababhalisa esikoleni kanye nabaya esikoleni, amazinga okushiya phakathi nonyaka ehlile, kanti nemiphumela yaba ngcono kakhulu.

Abantu baseNingizimu Afrika baphila isikhathi eside kunakuqala.

Isikhathi sokuphila esilindelekile senyuke sisuka eminyakeni engama-54 ngowezi-2003 saya eminyakeni engama-65 ngowezi-2023.

Ukushona kwabantwana besakhulelwe nangesikhathi bezalwa kwehlile kakhulu.

Sesakhe izibhedlela nemitholampilo eminingi, ikakhulukazi ezindaweni zabantu abahluphekayo, okunikeza ukunakekelwa okungcono kuBantu baseNingizimu Afrika.

Namuhla, abantu abangama-95% abaphila negciwane le-HIV bayasazi isimo sabo, ama-79% alabo bathola ukwelashwa ngezidambisi-gciwane, kanti ama-93% abo igciwane selinciphe kakhulu.

Ukutheleleka okusha ngegciwane le-HIV entsheni kwehle kakhulu.

Yize izindlela zethu zokusebenza kwezempilo zibe nomphumela omkhulu ezimpilweni zabantu, siyasebenza ukwenza ngcono izinga lokunakekelwa ngokwezempilo kanye nokufinyelela ngokulinganayo kwezokunakekelwa ngokwezempilo.

UMshwalense Kazwelonke Wezempilo (i-NHI) uzohlinzeka ngokunakekelwa kwezempilo kwamahhala ezikhungweni zokunakekela kubobonke aBantu baseNingizimu Afrika, kungaba esikhungweni sezempilo sikahulumeni noma esizimele.

Sihlele ukuqalisa i-NHI ngokwezigaba, sibhekane nezinkinga ezifana noxhaso lwezimali ohlelweni lwezempilo, abasebenzi bezempilo, imikhiqizo yezempilo, imigomo kanye nobuchwepheshe, kanye nezindlela zokuthola ulwazi lwezempilo.

Enye yezinto ezibe yimpumelelo ebonakalayo, enomthelela futhi enengqondo eminyakeni engamashumi amathathu yokuqala yenkululeko kube ngukuhlinzeka ngamakhaya kubantu.

Namuhla, cishe amakhaya ayisishiyagalolunye kwayishumi ahlala ezindaweni ezihlelekile.

Lapho kwakunemikhukhu nezindlu zodaka, manje sekunamakhaya akhiwe ngezitini nosimende.

Lawa ngamakhaya anamanzi okuphuza nokuwasha, amakhaya anogesi wokukhanyisa nokupheka.

Ekupheleni kobandlululo, bayisithupha kuphela abantu kwabayishumi abebekade bethola amanzi okuphuza ahlanzekile. Namuhla, leso sibalo sesenyuke sasondela kubantu baseNingizmu Afrika abayisishiyagalolunye kwabayishumi.

Siyasebenza ukuqinisekisa ukuthi izindlu zoxhaso zisondela ezindaweni zokusebenza, ezikoleni nakwezinye izinsizakalo.

Kodwa kwizinsizakalo okufanele zilethwe, uhulumeni wasekhaya kufanele usebenze.

Omasipala abaningi kakhulu bayehluleka ukuphatha, nokuza nezindlela zokulawula izimali nokulethwa kwezidingonqangi.

Lezi zinkinga zithinta yonke ingxenye yezimpilo zabantu nsuku zonke.

Sesiqalise ngezinyathelo eziningi zokubhekana nale nkinga yokusiza uhulumeni wasekhaya, kubandakanya ukufaka emthethweni umsebenzi womphakathi kanye nokuqinisekisa ukuthi abantu abanamakhono afanele bafakwa ezikhundleni ezibalulekile.

IHhovisi likaMongameli, uMgcinimafa Kazwelonke kanye noMnyango Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko basebenza ngokubambisana ukuthuthukisa amakhono obuchwepheshe kuhulumeni wasekhaya kanye nokwenza ngcono ukuhlela, ukuxhumanisa kanye nokulawulwa kwezimali.

NgoHlelo Lwezimbizo ZikaMongameli esezibanjwe kulolonke ilizwe, sibonile ukuthi uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) luzihlanganise kanjani zonke izinhlaka zikahulumeni kanye nababambiqhaza ukubhekana nezinselele zokulethwa kwezidingonqangi emiphakathini.

I-DDM isibonisile ukuthi iyindlela esebenzayo ukuthuthukisa ukubusa ngokubambisana kanye nokusebenzisana. Sizoqhubeka nokusabalalisa nokuqinisa lolu hlelo.

Ukulwa nobugebengu kanye nokungavikeleki kuseqhulwini.

Abantu baseNingizimu Afrika bafanelwe ukuhlala bephephile futhi bezizwa bephephile, ukuhamba ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba emiphakathini yabo nasezindaweni zomphakathi.

Ngesikhathi sokubusa, sigxile ekuhlomiseni ama-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho, nabekade engasenamandla, ukuthi enze umsebenzi wawo ngempumelelo.

Siqinise umsebenzi wamaphoyisa ngokuqasha amaphoyisa ayizi-20 000 eminyakeni emibili eyedlule futhi sizoqasha namanye ayizi-10 000 onyakeni ozayo.

Amanye amaphoyisa ayizi-5 000 atshalwe ku-Public Order Policing.

UPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika lwethula umkhankaso i-Operation Shanela njengendlela entsha yokulwa nezindawo eziyizidleke zobugebengu, osekuholele ekuboshweni kwabantu abangaphezu kwezi-285 000 kusukela ngoNhlaba ngonyaka owedlule.

AmaThimba Abhekele Umnotho Wengqalasizinda asebenza kuzo zonke izifundazwe aphumelele ekunqandeni ukwebiwa kwamakhebuli, ukonakaliswa kwengqalasizinda ebalulekile kanye nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.

Ngokusebenzisana nomkhakha ozimele, sesibone ukuncipha ezigamekweni eziphazamisa ukuvikelela kojantshi bezitimela.

Sethula iZiphathimandla Ezilawula Imingcele ngonyaka owedlule ukuze sizokwenza ngcono ukuvikeleka kwemingcele yethu, sesivele sikwazile ukuvimba abantu abangaphezu kwezi-100 000 ababezama ukungena ngokungemthetho ezweni lethu.

Ngokubambisana nomphakathi, sisungule iQhingasu Likazwelonke le-GBVF, sikanye nomphakathi, njengendlela yomphakathi jikelele yokulwa nalolu bhubhane.

Cishe izigidigidi ezingama-R21 bezibekelwe isikhathi esiphakathi sokuqaliswa kwezinhlaka esiyisithupha zaleli qhingasu, kubandakanya nokuhlonyiswa ngokwezomnotho kwabesifazane.

Imithetho emisha yathulwa ukuqinisa indlela yokubhekana nezindlela zobulungiswa kubugebengu be-GBV kanye nokuhlinzeka ngosizo olungcono kulabo abasindile kulolu dlame olunje.

Inhlosonqangi yethu ngukuqeda nya i-GBV ngokunxenxa wonke umphakathi. Njengengxenye yalokhu, seseka ikhwelo lokwenza isethembiso sokuthi amadoda aseNingizimu Afrika ayacelwa ukuba abonise ukuzinikela kwawo ekuqedeni lesi sihlava.

Abesifazane nabo baqalile baqhamuka nezabo izethembiso.

Iseyinde indlela esisazoyihamba ukwakha imiphakathi ephephile, ukunqanda ubugebengu, kanye nokuvikela ingqalasizinda yethu.

Kodwa akuthandabuzeki ukuthi amaphoyisa asemthethweni, aqeqeshekile futhi anikwa izinsizakusebenza ezifanele, ngokusebenzisana nemiphakathi, azokwenza izwe lethu libe yindawo ephephile.

Namuhla, bonke abantu baseNingizimu Afrika bangaba neqholo, babe nokuzithemba ukuthi sisendaweni yethu efanele emhlabeni.

Sisalokhu sizinikele ekudlaleni indima ebonakalayo neyakhayo ezwenikazini lethu nasemhlabeni jikelele ukuze sizoba ne-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.

Sizoqhubeka nokudlala indima ebalulekile ukuqeda ukubulalana ngezibhamu kulolonke izwekazi lethu.

Izingxoxo zethu namaqembu mayelana nengxabano ye-Russia ne-Ukraine ngokusebenzisa uhlelo lweMizamo Yokuletha Ukuthula e-Afrika ziyaqhubeka. Sizibandakanye emizamweni yokuletha ukuthula ngoba siyakholelwa ukuthi izingxabano eziningi zinganqotshwa ngokuxoxisana.

Ngokuholwa izimiso ezibalulekile ngamalungelo abantu kanye nenkululeko, sibhekane nendaba yamaPalestina ukuze kuzogwemeka okunye ukufa nokubhujiswa e-Gaza.

Samukele isinqumo seNkantolo Yezobulungiswa Yamazwe Ngamazwe sokuthi i-Israel kufanele ithathe zonke izinyathelo engakwazi ukuzithatha ukuthi iyeke ukuhlasela ibhubhise amaPalestina.

Siyakugxeka kakhulu ukubulawa kwezakhamuzi nhlangothi zonke futhi sicela wonke amaqembu abandakanyeka kule ngxabano ukuthi azinikele ekusebenzisaneni ngokuthula okuzoletha isixazululo kula mazwe amabili.

Sizosebenzisa inqubomgomo yamazwe angaphandle ukufeza amaphupho ethu entuthuko. Ngonyaka owedlule ngesikhathi sobuholi bethu be-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS), kwavuleka ikhasi elisha emndenini wamazwe e-BRICS.

Ukwanda kweqembu lisuka kumalungu ayisihlanu liya kwalishumi kuletha amathuba okuhweba kanye nokuqinisa amaxhama ezepolitiki kanye nobunxusa phakathi kwamazwe aseNingizimu yomhlaba.

Sizokwakhela phezu kwenqubekelaphambili esesiyenzile ekusunguleni iNkundla Yokuhweba yase-Afrika Engakhokhisi Intela (i-AfCFTA), ezoguqula umnotho waseNingizimu Afrika kanye nalowo wezwekazi ngokusungula imisebenzi emisha nokwenyusa ukuzibandakanya kwezomnotho.

Sizophinde sibeke intuthuko ye-Afrika phezulu ohlwini lwezinto ezizodingidwa uma sesisingatha i-G20 ngowezi-2025.

Impumelelo yeminyaka engamashumi amathathu ingubufakazi bamandla okusebenza ngokubambisana ukubhekana nezinselele ezinkulu.

Izwe lethu linomphakathi okhuthele, izinhlangano zenyunyana ezinamandla kanye nomkhakha ozimele ozibandakanyayo.

Eminyakeni emihlanu eyedlule, sisebenze nalaba bambiqhaza ukuze sibhekane nezinselele ezifana nokugcina abantu bephephile kanye nokusabalalisa imigomo ngesikhathi sobhubhane lwe-COVID-19, kanye nokunxenxa umphakathi ekulweni ne-GBV.

Enyakeni owedlule, sibambisane nababambiqhaza ukuqeda ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, saxazulula izinselele emkhakheni wezokuthuthwa kwempahla, salwa nobugebengu nenkohlakalo, sasheshisa ukusungulwa kwemisebenzi.

Lena yindlela yabantu baseNingizimu Afrika yokwakha isivumelwano somphakathi sokusebenzisana ezindabeni ezibonakalayo, futhi kuzoba yiyona ehamba phambili ekwakhiweni komphakathi omusha eminyakeni ezayo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Lena yi-SoNA yokugcina kuhulumeni wehlandla lesithupha.

Iminyaka emihlanu eyedlule kube yisikhathi sokuvuka, sokwakha kabusha kanye nokuvuselela.

Bekufanele sivuselele umnotho wethu emva kwesikhathi esingaphezu kweminyaka eyishumi ungenzi kahle.

Bekufanele sakhe kabusha izikhungo zikahulumeni emva kwesikhathi sokuthunjwa kwamandla ombuso.

Bekufanele siphinde sivuke emva kokukhahlanyezwa ubhubhane lomhlaba olwadala usizi nobunzima, olwavala amabhizinisi kwalahleka nemisebenzi.

Bekufanele sibhekane futhi sinqobe inkinga kagesi, ngisho emva kokwenza kangcono ezinyangeni ezedlule, iyaqhubeka nokubuyisela umnotho wethu emuva.

Sesihambe ibanga elide eminyakeni emihlanu eyedlule. Sesakhele phezu kwempumelelo yeminyaka engamashumi amathathu futhi sithathe izinyathelo zokubhekana nezinselele zamanje ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika.

Sesibuyisele ukusebenza ngokuzimela kanye namakhono ama-ejensi ethu ezomthetho ukuze ezolwa nenkohlakalo nobugebengu.

Sisebenzile ukuthuthukisa amalungelo abantu abaphila nokukhubazeka. Siyazigqaja kakhulu ngokwenza uLwimi Lwezimpawu LwaseNingizimu Afrika lube ngulwimi lwe-12 olusemthethweni ezweni lethu.

Sesivikele futhi sagqugquzela amalungelo abhalwe kuMthethosisekelo, afana nokukhululeka ukusho lokho ofuna ukukusho, ilungelo lokuzihlanganisa nalabo ofuna ukuzihlanganisa nabo kanye nelungelo lokukholelwa kulokho okufunayo. Sesivikele inkululeko yabezindaba kanye nokuzimela kwamajaji.

Sivikele futhi sathuthukisa amalungelo abantu abathandana nobulili obufanayo, oncumbili, ubulili obuguquliwe, ama-queer kanye nama-intersex, futhi siyaqhubeka nokulwa nakho konke ukucindezeleka kanye nokungabekezelelani.

Senze inqubekelaphambili ebonakalayo ngezinyathelo zokukhulisa umnotho, ukusungula imisebenzi kanye nokunciphisa ububha.

Ngesikhathi sesiqalisile ngomsebenzi wokuvuselela nokuletha uguquko, kusenomsebenzi omningi okusafanele wenziwe ukuze sibone lezi zinguquko ziphumelela.

Sizobona ngomsebenzi oqhubekayo nalabo esisebenzisana nabo ukuqeda ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kanye nokuvuselelwa kokusebenza kwamachweba nezitimela.

Sizoqhubeka nokuqinisa izikhungo zethu zomthetho, silwe ne-GBV siphinde silwe nenkohlakalo ukwenza iNingizimu Afrika indawo ephephile yawowonke umuntu.

Sizoqhubeka nokuqinisa ohulumeni basekhaya, siqhube ngendlela efanele Imisebenzi Kahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni bayaphendula ngezenzo zabo.

Sizoqhubeka nokukhulisa umnotho wethu futhi uncintisane ezingeni lomhlaba oguquguquka ngokushesha, ukweseka amabhizinisi amancane, ukunika abantu abasha amathuba ezomnotho kanye nokuhlinzeka ukuvikeleka kwezenhlalo kulabo ababuthakathaka.

Sizoqhubeka nomsebenzi wokwenza ngcono isimo sezimali sezwe kanye nokuzimelela kulesi simo esibi sezomnotho.

Sizosebenzisa amathuba ahlinzekwa yi-AfCFTA ukwenyusa ukuhweba kwethu futhi sikhulise izimboni zethu.

Sizoqhubeka nokwakha umnotho obandakanya wonke umuntu, sigxile ekuhlonyisweni kwabantu abamnyama nabesifazane baseNingizimu Afrika, sithuthukise amalungelo abasebenzi, siqinise ukuguqulwa komhlaba kanye nokuphishekela ukuguqukela kwezamandla anganukubezi imvelo okungashiyi muntu emuva.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Njengoba sibungaza iminyaka engama-30 yenkululeko, kufanele sihlale sigxilile ekuzinikeleni kumthethosisekelo wentando yeningi labantu kanye nesethembiso sawo sempilo engcono.

Kufanele singaphosi ithawula ngenxa yalabo abamelana nesibopho esibekwe nguMthethosisekelo kithina sokulungisa amaphutha esikhathi esedlule futhi siguqule umnotho nomphakathi wethu.

Kufanele sikhumbuze laba bantu ngesibopho esibekwe nguMthethosisekelo kuMbuso sokuqhubeka nokuphumelelisa amalungelo awowonke umuntu okuba nekhaya, ukunakekelwa kwezempilo, ukudla, amanzi, ukuvikeleka emphakathini, ukuphepha kanye nemfundo.

Ngendlela efanayo, akufanele sivumele noma ngubani ukuthi ashabalalise izikhungo ezibalulekile zentando yeningi labantu, ukuhlambalaza izinkantolo noma ukufaka inselele iziphathimandla zomthethosisekelo zaleli Phalamende.

Akufanele sivumele labo abafuna ukuhlukanisa phakathi isizwe sethu, babhebhezele udlame futhi babukele phansi intando yethu yeningi labantu.

Njengasesikhathini esedlule, njengoba kunjalo esikhathi esizayo, abantu baseNingizimu Afrika kufanele bahlangane balwe namona yimuphi umzamo wokubuyisela impumelelo yentando yethu yeningi labantu.

NjengoSihlalo weSigungu soMthethosisekelo, ngisebenze nabaholi abakhulu bezwe lethu ukwenza uMthethosisekelo obonisa ngokweqiniso intando yabantu baseNingizimu Afrika.

NjengoMongameli, ngikubona kungumsebenzi ohamba phambili ukulwela uMthethosisekelo wethu, kanye nokusebenza nsuku zonke ukuphumelelisa isethembiso sawo.

Njengoba siya phambili, masikhumbule ukuthi kusemandleni ethu - hhayi omunye umuntu - ukunquma ngekusasa leNingizimu Afrika.

Asisongile-nje izandla sibukele umlando wethu.

Yithina esiwuqophayo.

Yithina esakha leli lizwe elilikhaya lethu.

Njengoba sibheka phambili eminyakeni engama-30 yenkululeko, kufanele sikhethe uhlobo lwezwe, kanjalo nohlobo lomhlaba, esifuna ukuzakhela lona nabantwana bethu.

Sizinikele eNingizimu Afrika lapho ukuba yithina kume ekuboniseni ubuntu komunye nomunye.

Sifuna izwe lapho wonke umuntu ekhululekile ukuba yilo muntu afuna ukuba nguyena, ngaphandle kokubheka ibala, ubulili, ubudlelwano bezocansi, ubuzwe noma inkolo.

Sifuna izwe lapho amathuba afanayo ayatholakala kuwona wonke umntwana, noma ngabe uzalelwe e-Sandton, eMdantsane, e-Sekhukhune, e-Mitchell’s Plain noma e-Phoenix.

Sifuna izwe lapho umthetho usebenza kubo bonke abantu, kungakhathalekile ukuthi bacebe kangakanani noma yisiphi isikhundla abakuso.

Njengoba siqhubeka sonke nohambo lokufeza lo mbono, sigqugquzelwa ngabantwana bethu abazalwe ngesikhathi sentando yeningi labantu, umfutho wabo, ubuhlakani babo kanye nomdlandla wabo.

Sigqugquzelwa ngabantu abasha abebethwele amathemba ethu ezinkundleni zomhlaba, kusuka kuma-Springboks kuya ku-Banyana Banyana, kusuka kumaqhawe eBafana Bafana kuya kwabahlabane nge-Grammy Award njengo-Tyla.

Njengoba siqeda iminyaka engama-30 yenkululeko, siyakhunjuzwa ngamazwi kaMongameli u-Nelson Mandela, owathi emva kokucaca igquma elikhulu, uthola ukuthi asemaningi amagquma okusafanele uwacace.

Wathi:

“Ngithathe umzuzu wokuphumula, ngibuke ubuhle bamathafa angikakile, ukuze ngizobuka emuva ibanga esengilihambile.

“Kodwa ngingaphumula umzuzwana-nje, ngoba inkululeko iza nezibopho, ngiyafunga ngeke ngilibale, ngoba uhambo lwami olude alukapheli.”

Njengoba sisuka kude, kusekude lapho siya khona.

NjengoMadiba, kufanele siye phambili, njalo phambili, siqhubekele phambili, ezweni lamaphupho ethu. Sihlale sikholwa ukuthi sizonqoba nomakanjani.

Ngiyabonga.

Issued by
More from

Share this page

Similar categories to explore