Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla ziyi-12 Ncwaba 2015

1. Ukuqaliswa kokusebenza kwezinhlelo zikahulumeni ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi iyamukela ngezandla ezimhlophe inqubekelaphambili eseyenziwe emkhankasweni we-Project Mikondzo, okuwumkhankaso wokuhlinzekwa kwezidingongqangi okuhloswe ngawo ukwelula ukufinyelela kwezinsizakalo emiphakathini yakuleli edla imbuya ngothi. Lokhu kuyabonakala endaweni yase-De Doorns eNtshonalanga Kapa, lapho kuhlinzekwa ngosizo imindeni eyizi-4 021 eyondliwa ikakhulukazi ngabasebenzi basemapulazini abenza umsebenzi owenziwa ngezinkathi zonyaka ezithile kuphela. Usizo olutholakalayo lubandakanya ukuhlinzekwa ngembewu kanye nezithombo zokusungula izivande kanye nokuxhaswa ngezimali kwezinhlangano zomphakathi nemifelandawonye. Futhi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi usebenzisa indawo yase-De Doorns ukuthuthukisa inqubomgomo yabasebenzi abenza umsebenzi owenziwa ngezinkathi zonyaka ezithile kuphela.

Ngaphezu kwalokho, uPhiko Lwezezibonelelo Zomphakathi Nezimpesheni (i-SASSA) seluqalise uhlelo olubanzi lokuXhaswa Nokuhlinzekwa Ngosizo Kwemiphakathi Entulayo, oluhlinzeka ngokudla kanye nezinye izidingo, ezinjengomfaniswano wesikole onikwezwa izingane ezivela emindenini edla imbuya ngothi. Isibonelelo samarandi ayi-1 083 160 esivela oPhikweni Lukazwelonke Lwezentuthuko sixhasa izinkulisa eziyi-11 ezingekho ngaphansi kwezikhungo zokuThuthukiswa Kwezingane Zisencane (i-ECD), futhi njengamanje zingama-975 izingane ezifunda kwizikhungo ze-ECD kule ndawo futhi ezingama-789 kulezi ziyahlomula kwisibonelelo sikahulumeni sokuxhasa izikhungo ze-ECD.

1.2. IKhabhinethi iyishayela ihlombe impumelelo eqhubekayo yomkhankaso we-Operation Fiela, futhi impumelelo enkulu yalo mkhankaso ibonakale esifundazweni saseNyakatho Kapa lapho umkhankaso odidiyelwe woMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS), iminyango kahulumeni kanye namaphoyisa ezifundazwe nawomasipala benze inqubekelaphambili enkulu ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile futhi bazizwa bephephile. IKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elengamele ezokuFuduka Kwabantu lizobamba isithangamu sabezindaba ngeviki elizayo ngenhloso yokuhlinzeka ngemininingwane yakamuva enohlonze.

1.3. IKhabhinethi izishayela ihlombe izinyunyana kanye nezinkampani zezimayini ngokusebenzisana nohulumeni ukuvuselela umkhakha wezezimayini, okuwumkhakha ongumgogodla womnotho wethu, futhi kunxuswa bonke ababambiqhaza ukuthi bafezekise izethembiso nezibopho zabo. 

Uhulumeni, ngokubambisana nabamabhizinisi nezinyunyana, wenza konke okusemandleni akhe ukuhlinzeka ngezindlu ezisezingeni elifanelekile kanye nokuphucula izimo abaphila ngaphansi kwazo abantu abahlala emadolobheni akhelene nezimayini. Ingamarandi eziyizigidigidi eziyi-18, uma seyiyonke, imali etshalwe emsebenzini oqhubekayo emiphakathini ehlwempu eyakhelene nezimayini, futhi ingxenye enkulu yale mali ivela kuhulumeni kanti cishe ingxenye yokuthathu eshumini ivela kwizinkampani zezimayini.

1.4. IKhabhinethi yakwamukela ukufakwa koNgqongqoshe Beqoqwana Lezokuvikeleka eKomidini LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) Elengamele Ezokufudukela Kwabantu Kuleli elimenyezelwe nguMongameli Zuma.

Ikomidi le-IMC, eliholwa yiPhini likaMongameli u-Cyril Ramaphosa, lizohlaziya futhi lixazulule izinkinga kanye nemiphumela engahlosiwe yemithethonqubo emisha elawula ukufudukela kwabantu kuleli, okungenzeka ikhahlameze imikhakha ehlukahlukene, kubandakanya owezokuvakasha kanye nowezokutshalwa kwezimali kuleli. Ikomidi le-IMC lifaka phakathi uNgqongqoshe Wezokuvakasha; Owezasekhaya; Owezohwebo Nezezimboni; Owezokuthuthukiswa Komphakathi; Owezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, kanye noNgqongqoshe Beqoqwana Lezokuvikeleka.

2. Isimo seKhabhinethi mayelana  nezindaba eziqavile kuleli

2.1. IKhabhinethi iwamukele ngezandla ezimhlophe umgubho woSuku Lwabesifazane obubanjelwe e-Sasolburg esifundazweni saseFreyistata ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Abesifazane Babumbene Ekuqhubekiseleni iNingizimu Afrika Phambili”. Bayizinkulungwane ngezinkulungwane abesifazane ababuthana ezinkundleni zemidlalo i-Harry Gwala Stadium e-Sasolburg ngenhloso yokuhlonipha indima ebalulekile eyadlalwa yizishoshovu zabesifazane kwezepolitiki ngesikhathi somzabalazo wenkululeko wokulwisana nenqubo yokuqonelwa ngabezizwe kanye nobandlululo.

IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha yomphakathi ukuthi igqugquzele ukulandelwa kwesiqubulo seNyanga Yabesifazane, futhi iyanxuswa ukuthi iqhubeke nokuqinisekisa ukuthi bonke abesifazane, ikakhulu izingane ezingamantombazane, bahlinzekwa ngosizo oluzobathuthukisa futhi bakhululwe ekucwasweni nokubukelwa phansi emphakathini, ukuze kulungiswe udaba lokungalingani ngokobulili kuleli.

Ngaphezu kwalokho, uMongameli Zuma usekhiphe futhi nombiko oyingqayizivele ophathelene neSimo Sabesifazane eNingizimu Afrika. Umbiko uyakuphawula ukuthi makhulu amagxathu asenziwe kusukela ngowe-1994 ngenhloso yokwenza ngcono isimo sabesifazane. Lo mbiko uhlanganiswe nguMnyango Wezabesifazane emva kokusingatha izithangamu zokufakana imilomo ebezibanjwe ezweni lonkana phakathi kukaNdasa noNhlangulana kophezulu (2015). Lo mbiko wumbhalo oyisisekelo wokugqugquzela ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho yabesifazane, ukulingana ngokobulili kanye namalungelo esintu.

Uhulumeni uzosebenzisa ingxenye esele yale nyanga ukuqhakambisa abesifazane abasebenze ngokuncomekayo kanye nendima abayidlalayo emnothweni wakuleli, ikakhulukazi emikhakheni lapho beyingcosana kakhulu abesifazane. Lokhu kubandakanya umcimbi wokuKlonyeliswa Ngezindondo Kwabesifazane Abavelele Emkhakheni Wezesayensi (mhla ziyi-13 kuNcwaba) kanye nomcimbi wokuKlonyeliswa Ngezindondo Kwabesifazane Abavelele Emkhakheni Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (mhla zingama-23 kuNcwaba.

2.2. IKhabhinethi iwashayela ihlombe ama-Protea (iQembu Lesizwe Lezebhola Lomnqakiswano) ngomsebenzi wabo oncomekayo owenze ukuthi iNingizimu Afrika iziqhenye emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba Yezebhola Lomnqakiswano e-Sydney, kwelase-Australia. Iqembu laseNingizimu Afrika selizibeke ethubeni lokudlulela esigabeni esandulela umdlalo wamanqamu emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba emva kokubamba iqhaza emidlalweni enzima kakhulu kuze kube manje.

Ngokoluhla lweNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yebhola Lomnqakiswano, manje iNingizimu Afrika seyikleliswe endaweni yesihlanu emhlabeni. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bawasekele ama-Protea ngenkathi eqhubeka nokudla umhlanganiso emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba.

2.3. IKhabhinethi ihlanganyela noMongameli Zuma ekudluliseni ukudabuka kwayo kanye namazwi enduduzo emindenini, abangani kanye nozakwabo bamalungu e-SAPS abulewe. Bonke abantu baseNingizimu Afrika kumele bakhulume ngazwi linye ukugxeka lokhu kubulawa kwamaphoyisa okungenangqondo.

Amaphoyisa angumgogodla wokuvikelwa kwemiphakathi kwizigelekeqe emphakathini wethu. Lokhu kubulawa kwamaphoyisa okungenangqondo akugcini nje ngokuphuca izwe nomphakathi abantu abaqinisekisa ukuthotshelwa komthetho kodwa futhi kuphuca imindeni abayeni, amakhosikazi, obhuti, osisi kanye nabazali.

IKhabhinethi iyabanxusa labo abanolwazi mayelana nalezi zigameko zokubulawa kwamaphoyisa okungenangqondo ukuthi bahambe bayobika emaphoyiseni futhi basebenzisane namaphoyisa nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi labo abenze lokhu bayaboshwa futhi babhekane nengalo yomthetho ngokuphelele.

2.4. IKhabhinethi ihalalisela iQembu Lezokubhukuda laseNingizimu Afrika ngomsebenzi walo oncomekayo eMqhudelwaneni we-FINA (Inhlangano Yezokubhukuda Yamazwe Ngamazwe) wehlandla le-16 obubanjelwe edolobheni lase-Kazan kwelase-Russia, lapho linqobe khona izindondo zegolide ezimbili kanye nezesiliva ezintathu.

3. Izinqumo zeKhabinethi eziqavile

3.1. IKhabhinethi yakwamukela ukukhishwa koHlaka Lwenqubomgomo Kazwelonke Yezokuthutha Ngezitimela ukuze umphakathi uphawule ngayo, okuyinqubomgomo ephathelene nezindaba zokuthuthwa ngezitimela kwempahla nabantu. Le nqubomgomo, ehambelana nomsebenzi weKhomishana KaMongameli Elawula Ukwakhiwa Kwengqalasizinda, yenzelwe ukuvuselela imboni yezokuthutha ngezitimela, ngokusebenzisa izinhlelo zokungenelela ngokuthi kutshalwe izimali emikhakheni ethile ebalulekile, futhi lezi zinhlelo zokungenelela zihambelana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

Inhloso yalokhu ukwakha uhlelo lwezokuthutha olusebenza kahle, olukwaziyo ukuncintisana kuleli kanye nakwamanye amazwe, futhi okuwuhlelo oluzonciphisa izindleko zokuthutha. Lokhu kuzokhuthaza ukusetshenziswa kobuchwepheshe obufanelekile ukuze kukhushulwe umkhiqizo kanye nokutholakala kwamakhono adingwa kakhulu ngumnotho wezwe. Futhi kuzophucula nokufinyeleleka kwezindawo zasemakhaya, kukhulise ukuhamba kwabantu nezimpahla futhi kuvule namathuba omsebenzi.

3.2. IKhabhinethi ikwamukelile ukusatshalaliswa kombhalo “Wesu Likazwelonke Lezokuthuthukiswa Kwamakhono kanye Nezikhungo Zemfundo Nokuqeqeshwa Eziqondene Nemikhakha Ethile emva kowezi-2016 ngaphansi kwesimo sokuhlinzeka ngohlelo lwezemfundo nokuqeqesha oludidiyelwe futhi oluhlinzeka ngokuqeqeshwa okuhlukahlukene emkhakheni wezemfundo ephakeme” ukuze umphakathi uphawule ngawo lo mbhalo.

Ngalo mbhalo kuhloswe ukuqinisekisa ukuthi izikhungo zokuthuthukiswa kwamakhono zisebenza ngendlela efanelekile kanye nokudidiyelwa kwalezi zikhungo ngaphansi kohlelo olubanzi lwezemfundo nokuqeqeshwa emkhakheni wezemfundo ephakeme.

Lo mbhalo, ikakhulukazi, uhlongoza ukuthi iSu Likazwelonke Lezokuthuthukiswa Kwamakhono elilandelayo libeke eqhulwini ukuqeqeshelwa imisebenzi ehlonzwe njengedingeka kakhulu ekuqalisweni kwezinhlelo zikazwelonke ezibekwe eqhulwini. Ngalo mbhalo kuhloswe futhi ukuqinisekisa ukuthi zisingethwe ngendlela efanelekile izindaba zezikhungo zemfundo nokuqeqeshwa eziqondene nemikhakha ethile eziphathelene nokukhishwa kwezibonelelo nemixhaso eqondene nokuqeqeshelwa imisebenzi ebekwe eqhulwini.

3.3. IKhabhinethi ikwamukelile ukukhishwa kwelayisensi yokusebenza ezoqhubeka unomphela enikezwe isiKhumulo Samachweba sakwa-Transnet, ebanikeza imvume yokulawula nokuqhuba umsebenzi wesikhumulo seziqukathi zokuthuthwa kwemanganizi eChwebeni lase-Ngqura, elitholakala ogwini olusempumalanga yeNingizimu Afrika, ebangeni elingamakhilomitha angama-20 kusuka enyakatho mpumalanga ye-Port Elizabeth futhi ebangeni elimaphakathi kwedolobha lase-Durban nelaseKapa. Lokhu kuhambelana nezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni eziphathelene nomkhankaso we-Operation Phakisa mayelana nokukhuliswa koMnotho Wolwandle. Lokhu kuzoholela ekususweni komsebenzi wezokuthuthwa kwemanganizi eChwebeni lase-Port Elizabeth nelase-Saldanha uyokwenziwa eChwebeni lase-Ngqura.

3.4. IKhabhinethi ikwamukelile ukuthi iNingizimu Afrika ivume ukusayinda iSivumelwano Samazwe Ngamazwe Sokuthwala Icala kanye Nokukhokha Isinxephezelo Mayelana Nomonakalo Odalwe Ukuthuthwa Ngolwandle Kwezinto Eziyingozi Nezinobuthi, sowezi-2010.

Lezi sivumelwano siqinisekisa ukukhokhwa kwesinxephezelo mayelana nomonakalo owenzeke kubantu noma empahleni, izindleko zokukhuculula kanye nokubuyiselwa kwesimo semvelo endaweni yaso, nokulahlekelwa kwezomnotho okubangelwe ukuthuthwa ngolwandle kwezinto eziyingozi nezinobuthi okungenzeka zingcolise ulwandle. Uma seziphothuliwe zonke izinqubo zephalamende zokwenza lesi sivumelwano silungele ukusebenza kuleli, iNingizimu Afrika izokwazi ukufinyelela kwizimali ezizolekelela ezigamekweni zokuchitheka nokuvuza kwezinto ezinobungozi nezinobuthi.

4. Imithethosivivinywa

4.1. IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezamafilimu Nokushicilela, wezi-2015. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezamafilimu Nokushicilela, we-1996 (uMthetho wama-65 we-1996). Lezi zichibiyelo zihlinzekela izinqubekelaphambili kwezobuchwepheshe, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana nge-inthanethi, ukuze kuvikelwe izingane zingaboni izithombe nolwazi olunobungozi, olungafanele ukubonwa yizingane, kuzo zonke izinkundla zokuxhumana (izithombe eziwela ezandleni zazo noma ezizibona kwi-inthanethi).

Lo Mthethosivivinywa uqinisa intela nezinhlawulo ezikhokhiswa izinkampani zomakhalekhukhwini kanye nezinkampani ezihlinzeka nge-inthanethi ngenhloso yokuvikela umphakathi kanye nezingane ngenkathi besebenzisa izinsizakalo ezihlinzekwa yilezi zinkampani. Inhlangano Ezimele Elawula Ezokuxhumana eNingizimu Afrika ngeke iwakhiphe amalayisensi noma ivuselele amalayisensi ngaphandle kwesiqinisekiso esivela kwiBhodi Yezamafilimu Nokushicilela sokuthi ithotshelwe ngokuphelele yonke imithetho yayo.

5. Imicimbi ezayo

5.1. UMongameli Zuma uzohambela iNgqungquthela Ejwayelekile yama-35 Yenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) Yezinhloko Zemibuso ezobanjwa kusukela mhla ziyi-17 kuze kube ngumhla ziyi-18 kuNcwaba eGaborone, eBotswana. Kule ngqungquthela uMongameli uzodlulisa izintambo zokuba ngusihlalo woHlaka lwe-SADC Olwengamele Ezepolitiki, Ezokuvikela kanye Nobambiswano Kwezokuvikeleka. Ngenkathi iphethe umsebenzi wokuba ngusihlalo walolu hlaka, iNingizimu Afrika ihole amaThimba Okuqapha Ukhetho Esifundeni se-SADC amahlandla ayisithupha, okungamathimba aqinisekisa zonke lezi zinketho njengezibanjwe ngokuthula futhi ngendlela efanelekile.

5.2. IPhini likaMongameli u-Ramaphosa uzoba noHambo Olusemthethweni lokuvakashela kwelase-Japan kusukela mhla zingama-24 kuze kube ngumhla zingama-25 Ncwaba 2015. Kulolu hambo iPhini likaMogameli lizothola ithuba lokubonana noNdunankulu u-Shinzo Abe kanye nokubamba iqhaza kwiSigcawu Sokucobelelana Ngolwazi Lwezebhizinisi Senhlangano Yezokuhwebelana Phakathi kweNingizimu Afrika ne-Japan. 

IKhabhinethi ilwamukela ngezandla ezimhlophe lolu hambo olusemthethweni lokuvakashela kwelase-Japan, okuwuhambo oluzoqinisa ubungani nokusebenzisana okukhona njengamanje phakathi kwalawa mazwe amabili. Futhi iNingizimu Afrika ne-Japan ngamazwe anemibono efanayo mayelana nokusebenza ngokubambisana kwamazwe ahlukahlukene ezindabeni eziwathintayo kanye nesidingo sokulethwa kwezinguquko eMkhandlwini Wezokuvikeleka Wenhlangano Yezizwe (i-UN) kanye nasohlelweni lweNhlangano Yezizwe eMhlanganweni Ongukhukhulelangoqo weNhlangano Yezizwe wehlandla lama-70 ozobanjwa ngenyanga ezayo.

5.3. UMongameli Zuma uzobamba iMbizo KaMongameli e-Eersterust, ePitori mhla zingama-21 Ncwaba 2015 ngenhloso yokubhekana nezindaba eziphathelene nokuxhashazwa kwezidakamizwa. Uhlelo Olukhulu Lukazwelonke Lokulwisana Nezidakamizwa, lowezi 2013-2017, lulawula futhi luhlanganise imizamo kahulumeni yokulwisana nokuxhashazwa kotshwala nezidakamizwa.

IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuthi isebenzisane nohulumeni namaphoyisa ekuqedeni isihlava sezidakamizwa emiphakathini yethu, ngoba ziyimbangela yezinkinga zomphakathi eziningi, kubandakanya nodlame oluqondiswe kwabesifazane kanye nokuhlukunyezwa kwezingane. Abazali kanye nabalondolozi bezingane banendima esemqoka kakhulu okumele bayidlale ukuqinisekisa ukuthi izingane ziyavikelwa futhi zikhuliswe kahle.

5.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuvulwa ngokusemthethweni kwesikole samabanga aphansi esisanda kulungiswa kabusha i-Makgatho Lewanika Mandela Primary School endaweni yaseMvezo eMpumalanga Kapa mhla ziyi-25 Ncwaba 2015 nguMongameli Zuma.

Lesi sikole siyingxenye yomsebenzi kahulumeni oqhubekayo wokubuyisa isithunzi sabafundi kanye nokuhlinzeka ngezikole ezinezinsiza-kusebenza zesimanjemanje ezindaweni zasemakhaya. Ngokusebenzisa uHlelo loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo Lokusheshiswa Komsebenzi Wokwakhiwa Kwengqalasizinda (i-ASIDI), uhulumeni useqede izikole eziningi ebezingakhiwanga ngendlela efanelekile futhi waletha isimo esikulungele ukufunda. Kuze kube manje, umklamo we-ASIDI usuphothule izikole eziyi-116 futhi wahlinzeka ngamanzi izikole ezingama-499, ukuthuthwa kwendle ezikoleni ezingama-425 kanye nogesi ezikoleni ezingama-298.

5.5. IPhini likaMongameli u-Ramaphosa uzokwethamela iNgqungquthela Yomhlaba  Yezemitapo Yolwazi Nokuhlinzekwa Ngolwazi Yombimbi Lwamazwe Ngamazwe Lwezinhlangano Zemitapo Yolwazi ezobanjelwa e-Cape Town International Convention Centre kusukela mhla ziyi-15 kuze kube ngumhla zingama-21 Ncwaba 2015 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Imitapo Yolwazi Enohlonze futhi Ekhuthele: Ukufinyeleleka, Ukuthuthukiswa kanye Noguquko”. 

Le ngqungquthela izobanjwa ngesikhathi esifanayo lapho uhulumeni ezosungula khona imitapo yolwazi yezikole eyi-1 000 ezweni lonkana phakathi komhla ziyi-18 Ntulikazi 2015 nomhla ziyi-18 Ntulikazi 2016 ngenhloso yokukhuthaza abafundi abaningi ukuthi bafunde izincwadi. Futhi noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo unxenxa izinhlangano ezahlukahlukene zabamabhizinisi ukuthi ziwusekele lo mkhankaso ngokuthi zinikele ngezincwadi futhi zisungule imitapo yolwazi, phakathi kokunye okuningi.

IKhabhinethi inxusa abazali kanye nothisha ukuthi benze konke okusemandleni abo ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayazithola izincwadi, futhi kunxuswa imiphakathi ukuthi inikele ngezincwadi futhi isungule amaqembu okufundwa kwezincwadi ngoba isizwe esifundayo yisizwe esiwinayo.

5.6. UNgqongqoshe Wezokuvakasha u-Derek Hanekom uzokwethula ngokusemthethweni iNyanga Yezokuvakasha mhla ziyi-16 Ncwaba 2015 e-Euphoria Golf Estate, endaweni yase-Mookgophong eLimpopo ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ayeza amathuba amasha Ayisigidi”, esisuselwe kwisiqubulo soSuku Lomhlaba Lwezokuvakasha (okungumhla zingama-27 kuMandulo): “Abavakashi Abayisigidigidi Esisodwa – Amathuba Ayisigidigidi Esisodwa”. 

Isiqubulo sakuleli kanye nesiqubulo samazwe ngamazwe kuhloswe ngazo ukuqwashisa abavakashi ngokubaluleka kokuziphatha ngendlela efanelekile uma bevakasha. Njengengxenye yalokhu, abavakashi bayakhuthazwa ukuthi bahloniphe amasiko abanye abantu, bavikele amagugu, bonge ugesi namanzi, futhi okubaluleke kakhulu bathenge imikhiqizo yendawo ukuze basekele amathuba omsebenzi endaweni.

IKhabhinethi iyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavakashele izindawo ezahlukahlukene kuleli lizwe lethu elihle kangaka futhi elimangalisayo, futhi ngokwenza njalo bazolekelela ukugcina nokuvikela amathuba omsebenzi futhi basekele imikhiqizo yendawo.

5.7. Umnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka kanye noWezabesifazane seyibambisane ne-G-Sport ngenhloso yokuhlonipha abesifazane ababambe iqhaza kwezemidlalo.

UMnyango Wezemidlalo Nokungcebeleka kanye ne-G-Sport bazoklomelisa abadlali besifazane kanye nabaphathi bezemidlalo abavelele, futhi okungabesifazane abalwisane nezinhlobo ezahlukahlukene zengcindezelo ukuze bakwazi ukuphakamisela phezulu ifulegi lakuleli.

Umnyango wazi kahle kamhlophe ukuthi usemningi umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuqhutshekiselwe phambili i-ajenda yokuzabalazela ukulingana kwabo bonke abesifazane ababambe iqhaza kwezemidlalo, abangabaphathi noma abadlali. Nakuba umnyango uvuma ukuthi usemningi umsebenzi okumele wenziwe mayelana nalokhu, uzibophezele ekubambisaneni nabo bonke abazimisele ukwenza umehluko esimweni sabesifazane nezingqinamba abahlangabezana nazo.

5.8. IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphakamise amagama abantu abavelele abazoklonyeliswa ngeziNdondo Zesizwe zowezi-2016, ezingumklomelo ophakeme kunayo  yonke   iNingizimu Afrika ehlonipha ngawo izakhamuzi zayo kanye nabantu bakwamanye amazwe abaqavile abafake isandla esibonakalayo ekukhulisweni kwentando yeningi futhi ababenegalelo elikhulu ekwenzeni ngcono izimpilo zabantu baseNingizimuAfrika.

IziNdondo Zezwe eziyisithupha yi-Order of Mendi for Bravery, i-Order of Ikhamanga, i-Order of the Baobab, i-Order of Luthuli, i-Order of Mapungubwe, kanye ne-Order of the Companions of OR Tambo.

Usuku lokuvalwa kokufakwa kweziphakamiso ngumhla zingama-31 Ncwaba 2015. Amafomu okufaka isiphakamiso ayatholakala ku-www.presidency.gov.za futhi kumele ifomu lihambisane nencwadi eyikhasi elilodwa echazayo ukuthi kungani efanelekile ukuklonyeliswa lowo okuphakanyiswe igama lakhe.

6. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

6.1. Amalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eBhodi Yeposi laseNingizimu Afrika.
a. Dkt Simosezwe Dugmore Lushaba (uSihlalo);
b. Nksz Bulelwa Patricia Soci (iPhini likaSihlalo);
c. Mnu Robert Nkuna;
d. Mnu Mduduzi Eric Zakwe;
e. Mnu Zibuse Comfort Ngidi;
f. Nksz Nomahlubi Victoria Simamane;
g. Dkt Lynette Moretlo Molefi;
h. Nksz Marion Lesego Dawn Marole;
i. Mnu Joel Sihle Ngubane; kanye no
j. Mnu Phetole Elvis Rabohale.

6.2. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu esiphezulu be-South African Forestry SOC Ltd
a. Mnu Lungile Rudolph Mabece (uSihlalo);
b. Mnu Stanley Mandla Mnguni;
c. Mnu Gabriel Christiaan Theron;
d. Dkt Petros Mbiji Mahlangu;
e. Mnu Maroale Jacob Rachidi;
f. Nksz Sakekile Baduza;
g. Nksz Caroline Phumzile Mavasana Ngwenya;
h. Nksz Nazia Carrim; kanye no
i. Dkt Pulane Elsie Molokwane.

6.3. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu esiphezulu beBhodi yakwa-Alexkor:

a. Nksz Hantsi Bhetilda Mayeza – (uSihlalo);
b. Nksz Mamoroke Lehobye;
c. Mnu Vimal Bansi;
d. Mnu Tshediso John Matona;
e. Mnu Trevern Marais Haasbroek;
f. Mnu John Sembie Danana;
g. Dkt Roger Paul (oqokwe kabusha); kanye no
h. Nksz Zukiswa Zandile Ntlangula (oqokwe kabusha).

6.4. Mnu Mathanzima Hubert Mweli – uMqondisi-Jikelele (DG) eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo.

6.5. Mnu Petrus Mduduzi Shabane – owelulelwe inkontileka yomsebenzi njengoMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba.

6.6. Dkt Nontsikelelo Tshayingca-Mashiya – iPhini likaMqondisi-Jikelele owengamele uPhiko Lokuqapha Nokuhlola Umsebenzi Wezikhungo Zikahulumeni eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola.

6.7. Mnu Nkhumeleni Victor Tharage – uMqondisi-Jikelele eMnyangweni Wezokuvakasha.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore