Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangoLwesithathu mhla ziyisi-6 kuZibandlela 2017

IKhabhinethi labamba umhlangano walo wokugcina wezi-2017, e-Union Buildings ePitoli.

A. Izinqumo zeKhabinethi

1. IKhabhinethi likugunyazile ukuqaliswa kokusebenza kweQhingasu Likazwelonke Lomkhakha Wezokuvakasha (i-NTSS) lowezi-2016-2026. I-NTSS isekelwe ezinsikeni ezinhlanu ezikhethekile okusetshenzelwa phezu kwazo, okusho, ezokukhangisa, ukulawulwa kahle kwenqubo yokufinyelela kwabavakashi ezinhlelweni zokuvakasha, ukuphathwa kahle kwabavakashi nokwenziwa ngcono kwendlela abathokozela ngayo ukuvakasha kwabo, ukuphathwa nokulawulwa kahle kwezindawo ezivakashelwa ngabavakashi kanye nemihlomulo ebanzi yezokuvakasha.
Umbhalo ophelele waleli qhingasu uyatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezokuvakasha ku: www.tourism.gov.za.

2. IKhabhinethi lilugunyazile uhlaka lokusungulwa kweNkampani Kazwelonke Yohlelo Lwe-inthanethi Esheshayo. Le nkampani izosungulwa ngokuthi kuhlanganiswe i-Sentech ne-Broadband Infraco. Lokhu kuzokwenza lula ukuqaliswa nokuqhutshwa ngendlela ehambelanayo kwaleyo misebenzi okudingeka ukuba yenziwe yilezi zikhungo ezimbili ngokubambisana, futhi lokhu kuzokwakha isikhungo sikazwelonke esingushampeni weze-inthanethi esheshayo.

3. IKhabhinethi liwugunyazile uMbiko Wokuqala Wenqubekela Eseyenziwe Okhishwa Minyaka Yonke Wohlaka Lomthetho Odingidwayo Wamalungelo Abantu Abanokukhubazeka (i-WPRPD). Lo mbiko uqondene nesikhathi esisukela mhla lu-1 kuMasingana kuya kumhla zingama-31 kuZibandlela 2016.

Uhlinzeka ngomphumela wokuhlola nokuhlaziya okusezingeni eliphezulu okubonisa ukuthi iminyango kahulumeni isihambe ibanga elingakanani ekuqiniseni imiyalelo yezinqubomgomo ze-WPRPD, ukuze ifakwe futhi isetshenziswe ngendlela ejulile ezinhlelweni zokuhlela zeminyango ehlukahlukene, ukwabiwa kwemali, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kanye nezinhlelo zokubika.

4. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koHlaka Olukhethekile Lwenqubomgomo Yokukhubazeka oluqondiswe Ohlelweni Lwemfundo Ephakeme Nokuqeqesha ukuze umphakathi uzwakalise imibono yawo.

5. IKhabhinethi lethulelwe umbiko mayelana nemiphumela yokuBuyekezwa Kohlelo Lokuhlelwa Kabusha Kwemboni Yamatekisi okwenziwa kusukela ngoLwezi 2015 kuya kuMandulo 2016. Lolu hlelo luyingxenye yeQhingasu Elibanzi Lezithuthi Zomphakathi, okuhloswe ngalo ukuhlinzeka eNingizimu Afrika ngohlelo lwezokuthutha oludidiyelwe, oluphephile futhi olusebenza kahle.

IKhabhinethi livumile ukuba kubanjwe ezinye izigcawu zokubonisana nababambiqhaza, futhi kusenomsebenzi okumele wenziwe ngokubambisana neminyango kahulumeni efanelekile ngaphambi kokuba uMnyango Kazwelonke Wezokuthutha uqalise ukusebenza kohlelo olusha olubuyekeziwe.

6. IKhabhinethi livumile ukuba zikhishelwe umphakathi iziNkomba Zentuthuko zehlandla lesi-8 (zowe-2016).  Umbiko Wezinkomba Zentuthuko ugxile kwintuthuko yeNingizimu Afrika kusukela esikhathini sokufika kwentando yeningi labantu, futhi izinkomba zentuthuko zihlola futhi ziqaphe ukuqaliswa kweNhlosombono yowezi-2030 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP).

7. IKhabhinethi lizigunyazile izinyathelo zokuqinisa ukulawulwa kokuziphatha ngendlela efanele kwezisebenzi zikahulumeni, odabeni oluphathelene nezikhulu zikahulumeni ezenza ibhizinisi nezikhungo zikahulumeni. Lokhu kuqalisa ukusebenza kweMithethonqubo Yomkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni yowezi-2016, enqabela abasebenzi bakahulumeni ukwenza ibhizinisi noMbuso. Kusukela mhla lu-1 kuNdasa, Umnyango Wezezimali Kuzwelonke, ngokwesekwa wuMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-DPSA), lizoqapha futhi liqhathanise imininingwane yabo bonke abahlinzeki bempahla nezinsizakalo abasha ababhalisa nge-inthanethi kwiSizindalwazi Sikazwelonke Sabahlinzeki Bempahla Nezinsizakalo (i-CSD) nemininingwane equkethwe oHlelweni lwe-Persal, okuwuhlelo lwemiholo yabasebenzi bakahulumeni.

8. IKhabhinethi lilugunyazile uHlelo Olusha Lokuthuthukiswa Nokulawulwa Kwendlela Ezisebenza Ngayo iziNhloko Zeminyango Kahulumeni, okuwuhlelo olubonisa ngendlela enembayo ukuxhumana phakathi kwendlela asebenza ngayo umuntu ngamunye kanye nendlela osebenza ngayo umnyango kahulumeni wonkana. Lolu hlelo luzoqala ukusebenza kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2018.

9. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa nokuqaliswa koHlaka Lohlelo Lokuqashwa Kwabafundi Abasanda Kuphothula Iziqu Zemfundo Ephakeme Emkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni. Lokhu kuyingxenye yohlelo lokuthuthukisa oluqhutshwa ngaphakathi eMkhakheni Wezemisebenzi Kahulumeni okuhloswe ngalo ukuheha abafundi abanamakhono abasanda kuphothula iziqu zabo zemfundo ephakeme, ukuze beze bazosebenzela uMkhakha Wezemisebenzi Kahulumeni.

Lolu hlaka luhlanganisa nokwabiwa kwephesenti elithile lezikhala zomsebenzi emnyangweni kahulumeni ngamunye okuzoqashwa kuzona abafundi abasanda kuphothula iziqu zabo zemfundo kuleyo mikhakha edinga amakhono ayivela kancane. UNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo uzoqinisekisa futhi ukuthi lolu hlaka luhambisana kahle noHlelo Lokuqashwa Kwentsha.

10. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweZaziso ezilandelayo kuSomqulu Kahulumeni mayelana nokuHlelwa Kabusha Kobubanzi Begunya Lokusebenza Nokwengamela Kwezinkantolo, okuhloswe ngakho ukukhulisa izinga lokutholakala kobulungiswa kubantu ababencishwe amathuba phambilini kanye nasezindaweni ezisemakhaya ezingazitholi izinsizakalo zobulungiswa ngendlela efanele. Ukuhlelwa kabusha kwegunya lezinkantolo lokusebenza nokwengamela kuzokwenziwa kwizifunda-nkantolo ezithile eFreyistata naseNyakatho Kapa, futhi kuzokhishwa iziFunda-nkantolo ezithile ngaphansi koPhiko Lwenkantolo Ephakeme lwaseGauteng, zifakwe ngaphansi kwegunya lokusebenza nokwengamela loPhiko Lwenkantolo Ephakeme yaseNyakatho Ntshonalanga.

11.IKhabhinethi liyigunyazile iMithethonqubo ephathelene Nemithetho Yokuxazululwa Kwemibango ngaphansi koMthetho Wokuvikelwa Kotshalomali wezi-2015 (uMthetho wama-22 wezi-2015). Le mithethonqubo ihlinzekela ukuba umtshalimali ongagculisekile ngesinyathelo esithile esithathwe nguhulumeni, esinomthelela kutshalomali lwakhe, acele ukuba uMnyango Wezohwebo Nezezimboni (i-dti) ungenelele ngenhloso yokuthi kuxoxiswane bese kutholakala isixazululo.

12.IKhabhinethi likugunyazile ukubanjwa kwezingqungquthela ezilandelayo:

  •   INgqungquthela Kazwelonke Yokubonisana Nokuxoxisana Yabasebenzi Bezokuthuthukiswa Komphakathi yowezi-2018 ezosingathwa yi-DPSA.  
  •  INgqungquthela yama-23 Yamazwe Ngamazwe Yabashushisi Ebanjwa Minyaka Yonke, ezosingathwa wuPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke (i-NPA) eDurban ngoMandulo 2018.
  •  Isithangami Somhlaba Wonke Sezesayensi sowezi-2021 okuhlelwa ukuba sibanjelwe eNingizimu Afrika. UMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe uzoxoxisana neKomidi Elilawulayo Lesithangami Somhlaba Wonke Sezesayensi ngenhloso yokunxenxa ukuba sivume ukuba le ngqungquthela ibanjelwe kuleli.
  •   Inkulumo-mpendulwano Esemazingeni Aphakeme Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) yowezi-2017, ezosingathwa yi-DPSA kusukela mhla ziyisi-6 kuya kumhla ziyisi-8 kuZibandlela 2017.

13.IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa kwamadizayini owezi-2018 ochungechunge lwezinhlamvu zemali eyisikhumbuzo sabaqoqi bezinhlamvu zemali kanye nezinhlamvu zemali ezizosetshenziswa nsukuzonke emphakathini.

Amadizayini ezinhlamvu zemali kanye nokumenyezelwa kwawo ngokusemthethweni, kuzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni:  

  •   Uhlamvu lwe-Krugerrand lowezi-2018 olunesisindo esingama-awunsi amabili, olwakhiwe ngamakharethi egolide angama-22;
  •  Uhlamvu luka-R5 oluzosetshenziswa nsukuzonke emphakathini, lowezi-2018, olwakhiwe ngezinhlobo ezimbili zezakhi-mali ezisansimbi (Isikhumbuzo Sokuhlangana Kweminyaka Eyikhulu Kwazalwa u-Nelson Mandela);
  •   Uchungechunge lohlamvu luka-R1 lowezi-2018 olungamakharethi egolide angama-24 (Izilwane ezihuquzela ngesisu zaseNingizimu Afrika – ufudu olubizwa nge-parrot beaked padloper);
  •   Uchungechunge lohlamvu lwe-Natura lowezi-2018 olungamakharethi egolide angama-24 (Olubizwa nge-Rise of the dinosaurs – Archosauria);
  •    Uchungechunge lohlamvu lwe-Protea lowezi-2018 olungamakharethi egolide angama-24 futhi olutholakala nangesiliva soqobo (Impilo Yengqalabutho – u-Nelson Mandela);
  •   Uchungechunge lowezi-2018 lohlamvu lwe-Crown olungu-R2 olwakhiwe ngesiliva soqobo kanye noTiki 2 ½ (Izinto Eziqanjwe futhi Zasungulwa eNingizimu Afrika – Uhlelo Olukhethekile Lwama-eksireyi Abonisa Isimo Somzimba Wonkana (i-Computed Tomography)); kanye
  • Nochungechunge lohlamvu lowezi-2018 olwakhiwe ngesiliva soqobo (Izinyoni Nezimbali zesiQiwu Semvelo sase-Waterberg).

B. Izindaba Ezisematheni

14. Imiphumela yeSamba soMkhiqizo Wezwe (i-GDP)

IKhabhinethi liyakuthakasela impela ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika ngama-2% ngekota yesithathu yonyaka wezi-2017, kusuka ekukhuleni okubuyekeziwe okukhushulelwe phezulu okungama-2.8% ngekota yesibili yonyaka. Lokhu kukhula komnotho okungaphezulu kwalokho obekulindelekile ikakhulukazi kungenxa yokukhula okunohlonze komkhakha wezolimo, ofake amaphuzu angu-0.9% ekukhuleni komnotho sekukonke, okubonisa ukukhula ngama-44.2% uma kuqhathaniswa nekota efanayo yonyaka odlule.
    
Ukusebenza kahle komkhakha wezolimo, osekubonise ukukhula okunohlonze emakoteni onyaka amathathu elandelana, kungenxa yesivuno esiphakeme sezitshalo ezitshalwa emasimini angodeda ngendlale (njengommbila) esitholakale kulezo zindawo zakuleli ezithola imvula ehlobo futhi kubangelwe nayisivuno esihle semikhiqizo yezolimo etshalwa ezingadini (horticultural products). Umkhakha wezezimayini nowezokukhiqiza nayo isifakile isandla ekukhuleni komnotho, njengoba umkhakha wezezimayini nokumbiwa kwezinkwali ukhule ngama-6.6% futhi ufake amaphuzu angu-0.5 % ekukhuleni komnotho.

Umkhakha kagesi yiwona mkhakha ongenzanga neze kahle, njengoba ufadalale ngama-5.5%. Ukukhula kwezinga lokuthengwa kwempahla emakhaya ngama-2.6% kubangelwe ikakhulukazi wukuthengwa kwempahla ehlala isikhathi eside, okuyinto efake amaphuzu angama-1.6% kulokhu kukhula okungama-2.6%. Ukukhula komnotho ngezinga eliphezudlwana kwalelo ebelilindelekile kanye nokubuyekezwa kwezilinganiso zokukhula komnotho zekota yesibili yonyaka kubonisa ukuthi ukukhula komnotho wakuleli kungafinyelela ku-0.9% ngowezi-2017.

Lesi silinganiso sithanda ukuba phezudlwana kancane kunesilinganiso sika-0.7% esabikezelwa eSitatimendeni Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS). Kudingeka ukuba uhulumeni aqinisekise ukuthi uyaqhubeka lo mfutho wokukhula komnotho ngokuthi aqhubeke nokusebenzisa izinyathelo eziyi-14 okuhloswe ngazo ukuthuthukisa ukwethenjwa komnotho wakuleli ngokwakhela phezu kokwethenjwa komnotho okuboniswa ngabathengi bakuleli, futhi ukuze kanjalo kubuyiswe nokwethenjwa komnotho wumkhakha wezamabhizinisi.

15. Isikhungo se-InvestSA Esihlinzeka Ngezinsizakalo Ezihlukahlukene Ngaphansi Kophahla Olulodwa

IKhabhinethi likushayela ihlombe ukwethulwa kwesiKhungo se-InvestSA Esihlinzeka Ngezinsizakalo Ezihlukahlukene Ngaphansi Kophahla Olulodwa KwaZulu-Natali nguMongameli Jacob Zuma, njengengxenye yemizamo yokwenza ngcono inqubo yokwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika. Lesi yiSikhungo sesithathu salolu hlobo esethuliwe kuleli. Kuhloswe ngaso ukwakha isimo esikahle, ngokuhlinzeka ngesizinda esiyinhloko esisendaweni eyodwa lapho kuzoxhunywana khona nabatshalimali, futhi lapho bezothola khona zonke izinsizakalo abazidingayo, ngalokho-ke kusheshiswe ukuqaliswa kwemiklamo futhi kuncishiswe nokubambezeleka okubangelwa yimicikilisho nemidanti eminingi kahulumeni okudingeka ukube umuntu achushe kuyona uma efuna ukusungula ibhizinisi.

16. Ubudlelwane phakathi kweNingizimu Afrika ne-Angola

IKhabhinethi liyazamukela izivumelwano ezisayinwe ngenkathi uMongameli wase-Angola u-João Manuel Gonçalves Lourenço evakashele eNingizimu Afrika. Kusayinwe lezi zivumelwano ezilandelayo: Isivumelwano Sokusebenzisana (i-MoU) ekusungulweni kweKhomishana YoMongameli Balawa Mazwe Amabili, i-MoU Yokubambisana Emkhakheni Wezemvelo, Imihlahlandlela yokuqalisa inqubo yokuqeda isidingo sokuba abavakashi balawa mazwe amabili bathole i-visa ngaphambi kokuvakashela e-Angola noma eNingizimu Afrika, Isivumelwano Sobambiswano Lwamaphoyisa Akulawa Mazwe Amabili kanye Nesivumelwano Sokulekelelana Ezindabeni Eziphathelene Nokungena Nokuphuma Kwempahla Nabantu Emingceleni Yalawa Mazwe Amabili.

17.  INgqungquthela Yesihlanu phakathi kwe-AU neNhlangano Yamazwe ase-Yurophu (i-EU)

IKhabhinethi liyayamukela imiphumela yeNgqungquthela Yesihlanu ye-AU ne-EU. Le ngqungquthela ihlinzeke ngethuba lokuba iNingizimu Afrika yenze ngcono ubudlelwane bayo obukhethekile emkhakheni wezomnotho kanye nasemazingeni osomaqhinga, ngokubamba izingxoxo namazwe ahlukahlukene kule ngqungquthela kanye nasemicimbini ebibanjwe eceleni ngenkathi kuqhubeka le ngqungquthela, njengesiThangami Sezebhizinisi kanye neNgqungquthela Yentsha, okuyimicimbi ebigxile ekukhuleni komnotho okubandakanya abantu bonke, ukuqashwa kwentsha kanye nokusungulwa kwamabhizinisi.

18. Ukuhweba ngezigqila ezingabafuduki bamazwe ase-Afrika

Njengamazwe omhlaba, iKhabhinethi nalo liyigxeka kakhulu imibiko yokuthengiswa kwabafuduki base-Afrika kwelase-Libya ngenhloso yokubenza izigqila. Izenzo eziwubulwane obunjengalobu ziyaphikisana nemigomo ye-AU, kanye nezivumelwano nemithetho ephathelene nalokhu yamazwe ase-Afrika kanye namazwe omhlaba jikelele, kubandakanya neSivumelwano Samazwe ase-Afrika Samalungelo Esintu kanye Namalungelo Abantu.

IKhabhinethi liyasamukela isimemezelo esenziwe yiziphathimandla sokuthi zizosungula isikhungo e-Tripoli esizokwamukela futhi sifudukise abakhoseli nabafuduki abadinga ukuvikelwa ngamazwe omhlaba.

19. Ukubheduka kwesifo i-Listeriosis

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu ukuba baqaphele futhi bathathe izinyathelo zokuzivikela – njengokugeza izandla ngaphambi kokulungisa ukudla kanye nokugwema ukudla okungaphekiwe – ngenhloso yokunqanda ukusabalala kwe-Listeriosis, njengoba lusaqhubeka uphenyo mayelana nomthombo wegciwane elibangela lesi sifo.

Lesi sifo sibangelwa yigciwane elitholakala emhlabathini, emanzini, ezitshalweni kanye nasemikhiqizweni yobisi engadlulanga enqubweni yokubulala amagciwane, futhi singaholela ekutheni umuntu abe nezimpawu zomkhuhlane ezihambisana nesifo sohudo. Uma sitholakale kusenesikhathi, siyelapheka, ngokusebenzisa ozifozonke besilungu (ama-antibiotic).

IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokusebenzisa amanzi ngokuwonga njengoba leli lizwe lisakhungethwe yisomiso esilokhu siqhubeke njalo. Nakuba sisanda kuthola izimvula kuleli, umthamo wamanzi emadamini ethu ulokhu wehle njalo. Lokhu kubangelwa wukuphakama kwamazinga okushisa, futhi nemvula ayikaqali ukuna kahle ngokuqhubekayo.

IKhabhinethi liyazithokozela izingxoxo ezibonisa impumelelo nenqubekelaphambili, ezibandakanya omasipala abanezikweletu ezinkulu zamanzi, okuyizingxoxo okuhloswe ngazo ukuthola isixazululo mayelana nokukhokhwa lwezikweletu zomasipala.

C.I. Mithethosivivinywa

20. IKhabhinethi livumile ukuba ithunyelwe ePhalamende iMithethosivivinywa elandelayo.

20.1. Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wezibonelelo Zikahulumeni sowezi-2017.

Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngemihlomulo engeziwe maqondana nesibonelelo sesondlo sezingane eziyizintandane kanye nezingane ezidinga ukubhekelelwa kangcono, kubandakanya nalezo ezihlala emakhaya aphethwe yizingane.

20.2. UMthethosivivinywa Wabasebenzi Bomkhakha Wokuthengiswa Komhlaba Nezindlu wezi-2017

Lo Mthethosivivinywa uphelisa ukusebenza komthetho okhona njengamanje, uMthetho Wezinkampani Ezithengisa futhi Ziqashise Ngomhlaba Nezindlu, we-1976 (uMthetho we-112 we-1976). Futhi lo mthethosivivinywa uzokwakha isimo sokulawula esikahle, ngenhloso yokuthuthukisa umsebenzi wezomnotho oqhubekayo embonini yokuthengisa nokuqashisa ngomhlaba nezindlu, futhi kusenjalo uvumele ukuba kubhekwane ngqo nesidingo sokuqinisekisa ukulethwa koguquko kulo mkhakha.

20.3. Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wohlaka Lukazwelonke Lweziqu Zemfundo sowezi-2016

Lo Mthethosivivinywa uqinisa umthetho okhona njengamanje, uMthetho Wohlaka Lukazwelonke Lweziqu Zemfundo, wezi-2008 (uMthetho wama-67 wezi-2008). Futhi lo mthethosivivinywa wethula izinyathelo zokubhekana ngqo nenkinga yabantu abaqamba amanga ngeziqu zabo zemfundo futhi ubeka nezinyathelo abangathathelwa zona abantu abaqamba amanga ngeziqu zabo zemfundo noma izinhlangano ezikhipha iziqu-mbumbulu zemfundo.

20.4.UMthethosivivinywa Wamacala Amazwe Ngamazwe wezi-2017

Lo Mthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lomthetho olwenziwe ngcono oluzobhekana ngqo namacala amazwe ngamazwe enziwe eNingizimu Afrika noma enziwe ngaphandle kwemingcele yaleli lizwe. Futhi uhlinzeka izisulu zamacala amazwe ngamazwe ngokuvikeleka nobulungiswa obenziwe ngcono.

D.Imiyalezo

21.IKhabhinethi lihalalisele:

21.1.UMongameli Uhuru Kenyatta ngokugcotshwa kwakhe njengoMongameli wezwe laseKenya, osekuyihlandla lakhe lesibili lokuphatha uhulumeni wakhona. IKhabhinethi liyethemba ukuthi kuzoqhutshekwa nokwakhela phezu kobudlelwane obuqinile obukhona phakathi kweNingizimu Afrika nezwe laseKenya.

21.2.UMongameli Emmerson Dambudzo Mnangagwa ngokugcotshwa kwakhe njengoMongameli waseZimbabwe. IKhabhinethi liyethemba ukuthi buzoqhubeka ubudlelwane bokusebenzana okuhle noHulumeni waseZimbabwe.

21.3.U-Major Seitebatso Pearl Block ngokuklonyeliswa kwakhe ngendondo yeNhlangano Yezizwe (i-UN) Yeshoshozela Lonyaka Elilwela Izindaba Eziphathelene Nobulili. Lo mklomelo uhlonipha ukuzimisela nokusebenza ngokuzikhandla komgcini-woxolo othile ekugqugquzeleni imigomo yeSinqumo Somkhandlu Wezokuvikeleka we-UN se-1325, esinxusa wonke amaqembu azibandakanye empini ukuba avikele abesifazane namantombazane ekuxhashazweni ngokocansi nasezenzweni zodlame oluqondiswe kwabesifazane.

21.4.I-Ladysmith Black Mambazo, ethole ukuphakanyiswa (nominations) okubili kulabo abagaqele iziNdondo Ze-Grammy zowezi-2018. Ukuphakanyiswa kokuqala kusemkhakheni we-Alibhamu Evelele Emculweni Womhlaba Jikelele (i-Best World Music Album), nge-alibhamu yabo esihloko sithi-Shaka Zulu Revisited: 30th Anniversary Celebration, kanti ukuphakanyiswa kwesibili bakuthole emkhakheni we-Alibhamu Yezingane Evelele, nge-alibhamu yabo esihloko sithi-Songs of Peace & Love for Kids & Parents around the World. Umcimbi weziNdondo Ze-Grammy kulindeleke ukuba ubanjwe mhla zingama-28 kuMasingana 2018.

21.5.U-Chad Le Clos, ngokuba wumbhukudi wokuqala ngqa emhlabeni onqobe izicoco ezine zochungechunge lweNdebe Yomhlaba Yokubhukuda ye-FINA. Siyaziqhenya ngale mpumelelo yakhe enkulu kangaka futhi siyethemba ukuthi uzoqhubeka nokumela iNingizimu Afrika ngobunyoninco obukhulu.

21.6.I-SuperSport United, ngokufinyelela kowamanqamu emqhudelwaneni we-Confederations Cup weNhlangano Yebhola Lezinyawo yase-Afrika (i-CAF).

21.7.Uzime waseNingizimu Afrika, u-Demi-Leigh Nel-Peters, ngokunqoba isicoco sika-Miss Universe emqhudelwaneni wama-66 obubanjelwe e-United States of America esikhathini esifushane esedlule.

21.8.UDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, oklonyeliswe ngendondo ye-Lifetime Achievement Award yi-Women Political Leaders Global Forum.

22. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kulaba abalandelayo:

22.1.Uhulumeni nabantu base-Egypt kulandela isigameko sokuhlasela kwabashokobezi esenzeke endlini yesonto lamaSulumani e-Sinai Peninsula lapho kushone khona abantu abangaphezu kwama-300 futhi kwalimala nabanye abaningi. IKhabhinethi liyakugxeka lokhu kuhlaselwa okungenangqondo kwabantu abangenacala emphakathini.

22.2.Uhulumeni nabantu base-Nigeria kulandela isigameko sokuzibulala komshokobezi ngebhomu esenzeke mhla zingama-21 kuLwezi 2017 lapho kushone khona abantu abangaphezu kwama-50 futhi kwalimala nabanye abaningi. IKhabhinethi liyagcizelela emgomweni walo ocacile futhi ongaguquki wokugxeka izenzo zobushokobezi kanye nazo zonke izenzo zokuvukelwa kombuso ezihambisana nodlame.

22.3.Umndeni nabangane bakaDkt Mochubela ‘Wesi’ Seekoe, umakadebona owayesishoshovu somzabalazo futhi phambilini owayeyiNxusa laseNingizimu Afrika ezweni lase-Russia. Ulisebenzele kahle kakhulu leli lizwe njengeNxusa lakuleli e-Russia futhi walisebenzela njengoSihlalo Wesikhungo Samandla Enuzi saseNingizimu Afrika. UMongameli Zuma wamemezela ukuthi uzofihlwa ngoMngcwabo Okhethekile Kahulumeni Wesifundazwe.

22.4.Umndeni nabangane bengqalabutho yoMzabalazo futhi owayeyisiboshwa e-Robben Island, uMnu Eddie Daniels, oshone esikhathini esifushane esedlule. Uzokhunjulwa kakhulu ngokuzinikela kwakhe okukhulu kanye nokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika.

22.5.Umndeni nabangane bakaNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi, uNkz Nosiviwe Mapisa-Nqakula, oshonelwe wubaba wakhe uMnu Douglas Mapisa. Ushonele esibhedlela i-Cecilia Makiwane Hospital e-East London, eMpumalanga Kapa, eseneminyaka engama-96.

E.Imicimbi Ezayo

23. Isikhumbuzo Seminyaka Eyikhulu Kwazalwa u-Nelson Mandela

IKhabhinethi lihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika esikhumbuzweni seminyaka emine kwashona u-Nelson Mandela, mhla ziyisi-5 kuZibandlela 2013. Ngowezi-2018 leli lizwe lizogubha iminyaka eyikhulu yempilo kaMandela futhi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuba babe yingxenye yemigubho ezoqhubeka unyaka wonke, njengoba sizobe sihlonipha enye yamadodana e-Afrika ayibeka induku ebandla.

IKhabhinethi liyababonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokubamba kwabo iqhaza emicimbini yesikhumbuzo sika-OR Tambo eyabanjwa ezweni lonkana futhi liyethemba ukuthi abantu bazobamba iqhaza ngendlela efanayo ngenkathi sikhumbula ingqalabutho yethu, uMongameli wokuqala owakhethwa ngaphansi kwenqubo yentando yeningi labantu, uMadiba.

24. Isikhathi Samaholide Kakhisimusi

IKhabhinethi lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika amaholide kaKhisimusi anentokozo futhi aphephile. Siyabanxusa bonke labo abazohamba amabanga amade ukuba baqinisekise ukuthi izimoto zabo zisesimweni esikulungele ukuba semgwaqeni. Bonke abasebenzisi bomgwaqo, abashayeli kanye nabantu abahamba ngezinyawo, kumele bathobele imithetho yomgwaqo.

UNgqongqoshe Wezokuthutha, uMnu Joe Maswanganyi, wethula umkhankaso we-Arrive Alive (Fika Uphephile) eBela-Bela, eLimpopo mhla ziyisi-5 kuZibandlela. Umbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) uzoqalisa umkhankaso ozoqhutshwa ezweni lonkana wokugqugquzela isikhathi samaholide kaKhisimusi esiphephile, futhi bonke abantu bakuleli banesibopho sokusekela i-SAPS ngokugcina umthetho nokuziphatha ngendlela esemthethweni.

UMnyango Wezasekhaya uzomemezela izinhlelo zawo mayelana nesimo sokusebenza kwemingcele yaseNingizimu Afrika eziqondiswe esikhathini samaholide kaKhisimusi sowezi-2017/18. Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi luhamba kahle, ngaphandle kwezihibe, uhlelo lokuphuma nokungena kwabantu nempahla emingceleni yaseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi esimatasa kakhulu.

Sithanda futhi nokunxusa abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuba bangazishiyi zodwa izingane, ngoba phela kuwumsebenzi wethu ukunakekela izingane zethu.

IKhabhinethi liyakuthokozela impela ukuthi uhlelo lokuhlolwa kukaMatikuletsheni lwaqhubeka ngaphandle kwezinkinga ezinkulu futhi libafisela okuhle kodwa abafundi bakamatikuletsheni bowezi-2017 njengoba belinde imiphumela yokuhlolwa kwabo kokugcina.

F.Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

25.Nkz Ilise Karg oqokwe njengommeleli we-dti eMkhandlwini Kazwelonke Wokweluleka Ezindabeni Eziphathelene Nokuqanjwa Nokusungulwa Kwezinhlelo Nezinto Ezintsha.

26.Amalungu eBhodi Labaphathiswa (Trustees) lesiKhwama Sikazwelonke Sokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu, (i-National Empowerment Fund):

26.1.Nkz Nonkqubela Helen Maliza;

26.2.Nkz Lerato Cynthia Molefe;

26.3.Nkz Nthabiseng Mateboho Moleko;

26.4.Mnu Ernest Kwinda; kanye

26.5.noMnu Sipho Zikode (ongummeleli we-dti).

27.Mnu Sandile Mkhize, oqokwe njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-Magalies Water.

28.Mnu Wiseman Mkhize, oqokwe njengelungu leBhodi likaMlawuli Kazwelonke Wezamandla Kagesi waseNingizimu Afrika, (i-National Energy Regulator of South Africa).

29.Mnu Phakamani Buthelezi, oqokwe njengo-CEO we-Overberg Water.

30.Advocate Samuel Vukela, oqokwe njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi.

31.Nkz Brenda Sibeko, oqokwe njengePhini LikaMqondisi-Jikelele (u-DDG) wophiko lweziBonelelo Zomphakathi Ezibanzi (Comprehensive Social Security) eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.

32.Mnu Zephania Nhleko, oqokwe njengo-DDG woPhiko Lokuhlelwa Kwezomnotho Nokuhlanganisa (Economic Planning and Coordination) eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komnotho.

33.Mnu Mandla Victor Ngcobo, oqokwe njengo-DDG: Oyisikhulu Esiyinhloko Esihlinzeka Ngolwazi e-DPSA.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nkz Phumla Williams – Ibamba Likamqondisi-Jikelele (GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore