Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wamhla zingama-26 Ncwaba 2015

1. Izindaba ezisematheni

1.1. IKhabhinethi ikwamukele ngezandla ezimhlophe ukuqaliswa kokusebenza kwe-Yunithi 6 yesiKhungo Esiphehla Ugesi i-Medupi eLephalale, eLimpopo futhi lokhu kuzofaka ugesi ongamamegawathi (ama-MW) angama-800 kwisikhungo sikagesi sikazwelonke. I-Medupi yisikhungo esiphehla ugesi ngamalahle esinamayunithi ayisithupha esizokwazi ukuphehla ugesi ongamamegawathi ayizi-4 764 uma usuphothuliwe umsebenzi wokwakhiwa kwaso. UMongameli Jacob Zuma uzokwethula le yunithi mhla zingama-30 Ncwaba 2015.

Umsebenzi wokwakhiwa kweMedupi waqala ngoNhlaba 2007 futhi kulindeleke ukuthi wonke amayunithi alesi sikhungo ayisithupha abe esesebenza ngesigamu sokuqala sonyaka wezi-2019. Uma usuphothuliwe umsebenzi wokwakhiwa kwalesi sikhungo, sizoba yisikhungo esiphehla ugesi ngamalahle sesine ngobukhulu emhlabeni, futhi sizoba yisikhungo esikhulu kunazo zonke ezipholiswa ngomoya emhlabeni. Lesi sikhungo kulindeleke ukuthi sisebenze kuze kuphele iminyaka engama-50.

Iyunithi 6 ixhunywe okokuqala ngqa kwisikhungo sikagesi sikazwelonke mhla zi-2 kuNdasa kophezulu futhi beyihlinzeka ngogesi izikhawu kwisikhungo sikagesi sikazwelonke ngenkathi kusenziwa imiklamo eqhubekayo yokuhlola ukuthi izokwazi yini ukuhlinzeka ngogesi ngendlela efanelekile. Ngalesi sikhathi iYunithi 6 ikwazile ukunciphisa ingcindezi ohlelweni lokuphakelwa kukagesi kuleli, futhi lokhu kube negalelo elikhulu ekuvimbeleni ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga noma-ke ukuqinisekisa ukuthi uma lokhu kwenzeka akuqhubeki isikhathi eside futhi akwenzeki nsukuzonke. Njengamanje le yunithi isisebenza ngokwezinga elifanelekile futhi lokhu kwenzeke ngaphakathi kwesikhathi esibekiwe esiyizinyanga eziyisithupha emva kokuxhunywa kwale yunithi okokuqala kwisikhungo sikagesi sikazwelonke.

Ukuqaliswa kokusebenza kweYunithi 6 yaseMedupi kuyiqophelo elisemqoka kakhulu okufinyelelwe kulona emizamweni yethu yokuthola izindlela ezintsha zokuqinisekisa ukuphakelwa kukagesi ngendlela efanelekile kuleli.

1.2. IKhabhinethi ivumile futhi ukuthi njengamanje leli lizwe lisabhekene nezinkinga mayelana nokuphakelwa kukagesi. Akungabazeki nakancane ukuthi ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuyinto engathokozisi neze, kepha-ke abakwa-Eskom bazibophezele ukwenza konke ukulungiswa kwezikhungo zikagesi okudingekayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izikhungo eziphehla ugesi zakuleli zihlala zisesimweni esihle isikhathi eside, futhi bahlose ukuthi ukulungiswa kwezikhungo eziphehla ugesi kwenzeke ngaphandle kokuphazamiseka okukhulu kohlelo lokuphakelwa kukagesi. NgoMsombuluko ozayo (mhla zingama-31 kuNcwaba), kuzomiswa ukusebenza kweYunithi 2 yesiKhungo Esiphehla Ugesi sase-Koeberg eNtshonalanga Kapa ngenxa yomsebenzi wokulungiswa kwale yunithi okuhlelwe ukuthi wenziwe.

1.3. Le yunithi kulindeleke ukuthi iqale futhi ukusebenza ngokujwayelekile emva kwezinyanga ezintathu. Ukuvalwa kweYunithi 2 yase-Koeberg okuhleliwe kuyingxenye yohlelo lwabakwa-Eskom olubanzi lokulungiswa kwezikhungo zabo eziphehla ugesi ukuze zihlale zisesimweni esifanelekile. Njalo emva kwezinyanga eziyi-16 kuya kweziyi-18 iyavalwa iyunithi ngayinye kulezi ezimbili zase-Koeberg ngenhloso yokuthi kugcwaliswe udizili, zihlolwe futhi zilungiswe. Ukuvalwa kwalama yunithi okuhleliwe kwenzelwa ukuthi kungabi nesikhathi lapho lama yunithi engasebenzi womabili ngesikhathi esisodwa futhi kwenzelwa nokugwema ukuthi lamayunithi angasebenzi ngezinyanga zasebusika njalo ngonyaka.

1.4. Nakuba siqhubeka nokwenza inqubekelaphambili ebonakalayo ekwenzeni ngcono amandla okuphehlwa kukagesi kuleli, iKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokusebenzisa ugesi ngendlela eyongayo.

2. Ingqungquthela Yezinhloko Zemibuso Nohulumeni

2.1. IKhabhinethi iyamukele ngezandla ezimhlophe imiphumela yeNgqungquthela yama-35 yeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) yeziNhloko Zemibuso Nohulumeni, lapho uMongameli Zuma ebehola khona ithimba lezithunywa zaseNingizimu Afrika.

Le ngqungquthela yalwamukela ngokusemthethweni uHlelo olubuyekeziwe Lwezinkomba Ezibalulekile Zokuthuthukiswa Kwesifunda lowezi-2015-2020. Ingqungquthela isayinde futhi nezivumelwano/izinkambiso ezintathu ezizokwenza ukuthi isifunda sikwazi ukubhekana nenselelo yokuntuleka kwamathuba omsebenzi kanye nokuqedwa kobubha ngendlela esimeme.

  • Isivumelwano esichibiyela iNkambiso (Protocol) Yokubambisana Kwezepolitiki, Ezokuvikela kanye Nokuvikeleka (iNkambiso) kanye neSivumelwano esichibiyela iSivumelwano Samazwe e-SADC (iSivumelwano Samazwe). Lezi zivumelwano zizovumela iKomidi Lemibuso Ehlukahlukene Lezokuvikela Nokuvikeleka ngaphansi koHlaka Lwezobambiswano Kwezepolitiki, Ezokuvikela kanye Nokuvikeleka ukuthi lidlale indima yokuba yisigcawu sokuhlanganisa seziNhloko Zokuhlunyeleliswa Kwezimilo kanye Nezamajele eNingizimu ne-Afrika.
  • Isimemezelo Sezokuthuthukiswa Nokufukulwa Kwentsha siqhakambisa isidingo esiphuthumayo sokuthi kubekwe eqhulwini ukuthuthukiswa nokufukulwa kwentsha ngaphansi kwesimo sokuqinisekisa ubambiswano, ukudidiyelwa, ukuthuthukiswa kanye noxolo kumazwe aseNingizimu ne-Afrika.
  • Inkambiso Yezinsizakalo Zokuhwebelana yokuqinisekisa ukuvuleleka kwezinsizakalo zokuhwebelana phakathi kwamazwe e-SADC ngenhloso yokwakha imakethe yezinsizakalo eyodwa kulesi sifunda. Ukwamukelwa ngokusemthethweni koHlelo Olubuyekeziwe Lwezinkomba Ezibalulekile Zokuthuthukiswa Kwesifunda lowezi-2015-2020 kuyiqophelo elibaluleke kakhulu emizamweni ye-SADC yokugqugquzela ukuhwebelana phakathi kwamazwe esifunda.

IKhabhinethi iwamukele ngezandla ezimhlophe futhi nomhlangano we-Double Troika ye-SADC obanjwe ngenkathi kuqhubeka iNgqungquthela ye-SADC, obuhanjelwe yiPhini likaMongameli futhi elinguMlamuli we-SADC, u-Cyril Ramaphosa, ngenhloso yokuqinisekisa nokugcizelela kabusha imigomo okusetshenzelwa ngaphansi kwayo njengamanje yeKhomishana Yophenyo ye-SADC mayelana nesimo esiqhubekayo kwelaseLesotho.

3. Uhambo lokuvakashela kwePhini likaMongameli kwelase-Japan

3.1. IKhabhinethi ilwamukele ngezandla ezimhlophe uhambo lokuvakashela kwePhini likaMongameli u-Ramaphosa kwelase-Japan olube yimpumelelo enkulu. Ubephelezelwa yithimba elisezingeni eliphakeme kakhulu lezithunywa ezibandakanya oNgqongqoshe kanye nosomabhizinisi, abakhangise iNingizimu Afrika njengelizwe elikulungele kakhulu ukutshalwa kwezimali.

IPhini likaMongameli laqinisekisa abatshali-zimali base-Japan ukuthi iNingizimu Afrika ikulungele ukwenza ibhizinisi namazwe angaphandle futhi labaxoxela ngesimo sezomnotho sakuleli esizinzile futhi esikulungele ukutshalwa kwezimali, ikakhulu emiklamweni yezebhizinisi, ezovula amathuba omsebenzi.

IPhini likaMongameli u-Ramaphosa wasebenzisa futhi lolu hambo lwakhe ukunxenxa nokuthola izibophezelo kwilizwe lase-Japan zokubambisana neNingizimu Afrika emizamweni yayo yokulwisana nobhubhane lwengculazi nesandulela-ngculazi kanye nesifo sofuba nomalaleveva.

4. Izinqumo zeKhabhinethi Eziqavile

4.1. IKhabhinethi yakwamukela ukufaka kweNingizimu Afrika kanye nedolobha lase-Durban isicelo sokusingatha uMqhudelwano Wemidlalo Yamazwe Angamadlela-ndawonye wezi-2022. Lokhu kungokokuqala ngqa ukuthi i-Afrika ibe sethubeni lokuthi isingathe uMqhudelwano Wemidlalo Yamazwe Angamadlela-ndawonye futhi kuzoqhakambisa iNingizimu Afrika njengelizwe eliyintandokazi kubavakashi abavela kwamanye amazwe emkhakheni wokuvakasha okuhambelana nezemidlalo futhi kuzohlinzeka iQembu Labadlali Abazomela iNingizimu Afrika ngethuba lokuzibonakalisa.

Ukusingathwa kwalo mqhudelwano kuzohlinzeka futhi ngethuba lokuthi kusetshenziswe ingqalasizinda eyakhiwa ngesikhathi seNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2010™.

Umqhudelwano Wemidlalo Yamazwe Angamadlela-ndawonye kulindeleke ukuthi ufake imali engafinyelela kumarandi ayizigidigidi ezingama-20 emnothweni wakuleli futhi lokhu kuzokhulisa iSamba soMkhiqizo Wezwe (i-GDP) ngemali engeziwe engamarandi ayizigidigidi eziyi-11.

4.2. IKhabhinethi yakwamukela ukushicilelwa kuSomqulu Kahulumeni koMbiko wesi-5 weNingizimu Afrika Okhishwa Ngezikhathi Ezithile Ezibekiwe (wezi-2009-2014) ophathelene nokuQaliswa Kokusebenza Kwesivumelwano Sokuqeda zonke iziNhlobo Zokucwaswa Kwabesifazane, ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Lo mbiko uhlinzeka ngemininingwane efingqiwe ebonisayo ukuthi isebenza kahle kangakanani imithetho, izinqubomgomo kanye nezinhlelo eziqaliswe eNingizimu Afrika futhi uhlinzeka kafushane ngezinto esezifezekiswe yileli lizwe mayelana nokufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane kanye nokulingana ngokobulili. Lo mbiko uyavuma futhi ukuthi kusenezinselelo nemigoqo okungelula neze ukuyisusa evimbela ukuqedwa kokungalingani kanye nokucwasana kuleli.

4.3. IKhabhinethi ivumile ukuthi iNingizimu Afrika ijoyine isiZinda Sezokweluleka mayelana neMithetho Yenhlangano Yezokuhwebelana Kwamazwe Omhlaba (WTO) e-Geneva.

Lena yinhlangano yamazwe ngamazwe ehlinzeka ngezeluleko eziphathelene nemithetho ye-WTO, nosizo kwizigcawu ze-WTO zokuxazululwa kwemibango kanye nokuqeqeshwa okuphathelene nemithetho ye-WTO okuqondiswe kumazwe asathuthuka kanye nalawo mazwe asasilele emuva kakhulu kwezentuthuko.

Njengelungu lale nhlangano, iNingizimu Afrika izokwazi ukuthola izeluleko mayelana nokuhambelana nemithetho ebekiwe kwezinyathelo zohwebo zamanye amazwe ezithinta izimpahla zaseNingizimu Afrika ezithunyelwa kwamanye amazwe kanye nezinyathelo zohwebo iNingizimu Afrika ehlose ukuzethula. Lesi sizinda sizoyilekelela futhi iNingizimu Afrika kwizigcawu ze-WTO zokuxazululwa kwemibango.

4.4. IKhabhinethi ihlinzekwe ngolwazi mayelana nokungena kukaNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Nhlanhla Nene, esikhundleni sokuba nguMongameli Womkhandlu WoNgqongqoshe Benhlangano Yamazwe aseMpumalanga kanye nawaseNingizimu ye-Afrika Eliswana Nokushushumbiswa Kwezimali Ngendlela Efihlakele futhi Engekho Emthethweni, okuyisikhundla azosiphatha isikhathi esingunyaka. Ngenxa yalokho-ke uNgqongqoshe uzosingatha umhlangano walo mkhandlu wezi-2015 obanjwa minyaka yonke.

Le nhlangano yohulumeni bamazwe esifunda igqugquzela ukuqaliswa ngendlela efanelekile kokusebenza kwezinyathelo zokulwisana nomkhuba wokushushumbiswa kwezimali ngendlela efihlakele futhi engekho emthethweni kanye nokuxhaswa kobushokobezi ngezimali kuso sonke isifunda esiseningizimu nesisempumalanga ye-Afrika.

Inhloso yokuthi iNingizimu Afrika ibe yilungu lalo mkhandlu ukuqinisa izinyathelo zesifunda zokulwisana nesihlava sokushushumbiswa kwezimali ngendlela efihlakele futhi engekho emthethweni kanye nokuxhaswa kobushokobezi ngezimali, okuyinto egqugquzela ukuvikeleka kwezwe ngaphakathi kanye nakwisifunda.
    
4.5. IKhabhinethi iyaqhubeka nokugxeka ukubulawa kwamaphoyisa okungenangqondo. IKhabhinethi iyawanxusa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukuze kuboshwe ababulali. Amaphoyisa enza konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi bayaboshwa bonke abenzi balobu bugebengu.

IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kumalungu omphakathi afake isandla ekuboshweni kwabantu abathathu abasolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwamaphoyisa.

5. Imithethosivivinywa

5.1. IKhabhinethi ivumile ukuthi uMthethosivivinywa Wezinsizakalo Zangaphandle Kwaleli, wezi-2015 uthunyelwe ePhalamende.

Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela ukusungulwa kohlelo olulodwa lweziNsizakalo Zangaphandle Kwaleli futhi wakha uhlaka lomthetho ozoletha isimo esizokwenza uMnyango Wezobudlelwane Bamazwe Nokubambisana ukwazi ukuphatha nokulawula iziNsizakalo Zangaphandle Kwaleli ezikhona njengamanje.

Lo Mthethosivivinywa uzosebenza ngaphansi koMthethosisekelo kanye neminye imithetho ephathelene nezeMisebenzi Kahulumeni kanye nezokuvikeleka futhi uhambelana nalokho okuhloswe wuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) mayelana nokuphucula ukuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Lokhu kuzophucula indlela okusetshenzwa ngayo, nokuphendula ngendlela efanele kanye nokubheka ukuthi ikhona yini indlela ephusile yokusebenzisa amathuba atholakalayo emazweni angaphandle ukuze kuqhutshekiselwe phambili inqubomgomo yezangaphandle yeNingizimu Afrika kanye ne-ajenda yokuthuthukisa leli lizwe, ngaphandle kokungena ezindlekweni ezinkulu.

5.2. IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa wezoBuholi Bendabuko Nobesizwe sama-Khoisan, wezi-2015. Lo Mthethosivivinywa ufaka isandla kumgomo we-NDP osemqoka kakhulu wokwelulwa kobumbano nobambiswano lomphakathi futhi kusenjalo loMthethosivivinywa wenzelwe ukuxazulula inkinga yokungalingani kwesikhathi esedlule ngokuhlinzekela ukwamukelwa ngokusemthethweni kwemiphakathi yesizwe sama-Khoisan kanye nabaholi baso.

Lo Mthethosivivinywa uhlongoza ukuthi kusungulwe iKomidi Lokweluleka elizonikeza izeluleko ezindabeni eziphathelene nesizwe sama-Khoisan okuyinto ezolekelela uhulumeni kwinqubo yokwamukelwa ngokusemthethweni kwemiphakathi yesizwe sama-Khoisan kanye nabaholi baso.

Lo Mthethosivivinywa uhlanganisa futhi nemithetho ekhona njengamanje ephathelene nobuholi bendabuko kuleli, okuyinto ezoholela ekutheni kupheliswe ukusebenza koMthetho Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko, wezi-2009 (uMthetho wama-22 wezi-2009) kanye noMthetho Wabaholi Bendabuko kanye Nohlaka Lokuphatha, wezi-2003 (uMthetho wama-41 wezi-2003).

6. Imicimbi ezayo

6.1. UMongameli Zuma uzokwethula umklamo Wokulwisana Nokuvuza Kwamanzi, awumemezela kwiNkulumo yakhe Echaza Isimo Sezwe yowezi-2015, edolobheni lase-Port Elizabeth mhla zingama-28 Ncwaba 2015, njengengxenye yohlelo lukahulumeni lokulwisana nenkinga yokumosheka kwamanzi ngenxa yamapayipi avuzayo.

Lo mklamo uzoqeqesha abantu abasha abayizi-15 000 njengabalungisi bamapayipi kanye nopulamba abazolungisa amapayipi avuzayo emiphakathini yabo; futhi lokhu kuzobahlinzeka ngamakhono azobasiza ukuthi bakwazi ukusungula amabhizinisi abo noma bazitholele amatoho. Sewuqalile umsebenzi wokuthungathwa nokuqashwa kwabantu abasha bokuqala abayizi-3 000 abazokwenza lo msebenzi kulo nyaka wezimali.

Ukuvuza kwamanzi kuyimbangela enkulu yokumosheka kwamanzi akuleli alinganiselwa kuma--40% futhi lokhu kudla leli lizwe imali engamarandi ayizigidigidi eziyisikhombisa ngonyaka.

6.2. UMongameli Zuma uzohambela uMgubho wama-70 Wokupheliswa Kokudliwa Yizitha Komhlaba Welizwe lase-China kanye Nokuphela Kwempi Yesibili Yomhlaba, ozobanjelwa kwelase-China kusukela mhla zi-2 kuze kube ngumhla zi-4 Mandulo 2015, futhi uMongameli uzothola nethuba lokufakana imilomo noMongameli wase-China u-Xi Jinping.

Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika nelizwe lase-China busezingeni loBambiswano Olubanzi Emikhakheni Ebalulekile olusekelwe yisiMemezelo sase-Beijing Esiphathelene Nokusungulwa Kobambiswano Olubanzi Emikhakheni Ebalulekile, ebandakanya bonke ubudlelwano phakathi kwalawa mazwe amabili.  

6.3. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bawubungaze umlando namasiko ethu ahlukahlukene njengoba leli lizwe lizobe ligubha iNyanga Yamagugu ngoMandulo, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ulwazi lwethu lwendabuko, amagugu ethu: Siphokophele ekuhlonzeni, nokugqugquzela kanye nokulondoloza amagugu abantu baseNingizimu Afrika”.

Umgubho walo nyaka uzoba wumbukiso wezamasiko futhi imiphakathi iyakhuthazwa ukuthi isebenzise amagugu ayo anjengokudla, imisebenzi yezandla, imidanso kanye nomculo ukugqugquzela ukwamukela ukwahlukahlukana ngamasiko, amalungelo esintu, ukwakha isizwe kanye nokuthuthukiswa komnotho.

6.4. INingizimu Afrika izogubha futhi neNyanga Yezokuvakasha ngoMandulo, okuyisikhathi esihle kakhulu sokuthi imindeni ivakashele izikhungo zamagugu zakuleli ukuze ixhumane kabusha nemvelaphi yethu ngokomoya.

Ngenyanga Yamagugu, uMnyango Wezobuciko Namasiko uzobamba umcimbi wokuphendula isoyi kwiSizinda Sikazwelonke Samaqhawe ePitoli, njengophawu lokuqaliswa komsebenzi wokwakhiwa kwesizinda esiyikhumbuzo sikazwelonke esizokhombisa  imifanekiso yesimo saleli lizwe ngaphambi kokuthathwa kwalo ngabamhlophe, nesikhathi somzabalazo wenkululeko kanye namaqhawe ahlukahlukene alwela inqubekelaphambili kwinhlalo yabantu bakuleli.

6.5. Umgubho Wosuku Lwesikhumbuzo Sikazwelonke Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) mhla ziyisi-6 Mandulo 2015 uzobungaza isibindi nokuzibophezela kwamaphoyisa asala enkundleni ngenkathi evikela umphakathi.

Ngokusebenzisa umkhankaso we-SAPS wokuthungathwa nokuqashwa kwamalungu amasha, kuzoqashwa amalungu angeziwe e-SAPS ayizi-6 252 ngonyaka-mali wezi-2015/16 ukuze kuqiniswe uphiko lwezabaseshi, nolwamaphoyisa ahambahambayo emphakathini egqoke imifaniswano yamaphoyisa ebonakala kalula, nolwezobunhloli bobugebengu, nolwezokucwaningwa kobufakazi kusetshenziswa ezesayensi, kubandakanya nophiko lwezokuvikelwa kwezikhungo nezikhulu zikahulumeni nabantu abaqavile.

IKhabhinethi inxusa intsha ukuthi iqoke ukuqeqeshelwa umsebenzi eMbuthweni Wamaphoyisa, ngoba lokho kuhlinzeka ngamathuba amaningi. Ulwazi oluthe xaxa lutholakala ku-www.saps.gov.za.

6.6. INyanga Yezemisebenzi Kahulumeni egujwa njalo ngonyaka izobungazwa ngoMandulo kuyo yonke imikhakha yezeMisebenzi Kahulumeni ngaphansi kwesiqubulo esithi “Siqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili: Sihambisa iMisebenzi Kahulumeni kubantu”.

Le nyanga izoqhakambisa imisebenzi nezinsizakalo zikahulumeni, ukuzimisela, ukuzibophezela kanye nokusebenza ngendlela encomekayo ekuhlinzekweni kwezinsizakalo zikahulumeni. Kuzohlinzekwa ngombiko mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe kulandela imihlangano yokubonisana yowezi-2014 ebithe chithi-saka emikhakheni yezemisebenzi kahulumeni kanye nokufakana imilomo nabasebenzi bakahulumeni abemukela abantu abadinga usizo abavakashela izikhungo zikahulumeni ukuze “kuvuselelwe futhi kuhlelwe kabusha indlela abasebenza ngayo abasebenzi bakahulumeni”.   

Umkhakha wezemisebenzi kahulumeni osebenza kahle uyisidingo esisemqoka kakhulu ekufezekisweni kwemigomo ye-NDP futhi iKhabhinethi iyabanxusa abasebenzi bakahulumeni ukuthi bazibophezele kabusha kwimigomo ye-Batho Pele ngokuthi bahlinzeke abantu baseNingizimu Afrika ngezinsizakalo eziseqophelweni eliphezulu, ezingambi eqolo futhi bazihlinzeke ngendlela efanelekile.

6.7. IKhabhinethi yethulelwe umbiko mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe mayelana nokusingathwa kweNgqungquthela Yomhlaba ye-XIV Yezamahlathi yeNhlangano Yezokudla Nezolimo ezobanjwa kusukela mhla ziyisi-7 kuze kube ngumhla ziyi-11 Mandulo 2015 kwisikhungo sezingqungquthela zamazwe ngamazwe Inkosi Albert Luthuli Convention Centre, KwaZulu-Natali.

Isiqubulo sale ngqungquthela esithi “Amahlathi kanye Nabantu: Ukutshalwa Kwezimali Kwingomuso Elisimeme” sibonisa ezamahlathi ezisekelwe kubantu, nendima yezamahlathi ekuthuthukisweni kwenhlalo nomnotho, nezidingo namathuba okutshalwa kwezimali, kanye neqhaza lezamahlathi ekuthuthukisweni komnotho. Lokhu kuhlobene ngqo nezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni mayelana nokuqedwa kobubha, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi. Le ngqungquthela izogxila futhi nasenkingeni yokuntuleka kwamanzi kanye nokuguquguquka kwesimo sezulu.

Lena yiNgqungquthela Yomhlaba Yezamahlathi yokuqala ngqa ezobanjelwa kwizwekazi lase-Afrika futhi ihlinzeka ngethuba lokuqhakambisa leli zwekazi esigcawini sezamahlathi samazwe ngamazwe. Kuzoba nohlelo olwenzelwe umphakathi oluzofundisa futhi luhlinzeke umphakathi, kubandakanya namaqembu abantu abantulayo, ngolwazi lokuthi bangazibandakanya kanjani kule ngqungquthela.

Le ngqungquthela izolandela ezithendeni zeViki Likazwelonke Lokutshalwa Kwezihlahla (kusukela mhla lu-1 kuze kube ngumhla ziyisi-7 kuMandulo) ngaphansi kwesiqubulo esithi “Lokhu kuqondiswe kwisifiso sethu sokutshalwa kwamahlathi amasha” futhi iKhabhinethi iyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi  namuhla batshale okungenani isihlahla esisodwa futhi ngalokho balekelele ekuhlinzekeleni ikusasa elisimeme neliqhakazile.

7. Imiyalezo yokuhalalisela

7.1. IKhabinethi ithanda ukubafisela okuhle kodwa abadlali nabasubathi bakuleli ababambe iqhaza eMqhudelwaneni Womhlaba we-15 Kwezokusubatha oqhubekayo njengamanje e-Beijing kwelase-China kanye nalabo abazobamba iqhaza eMqhudelwaneni we-11 Wemidlalo Yamazwe ase-Afrika ozobanjelwa e-Brazzaville kwelase-Congo kusukela mhla zi-4 kuze kube ngumhla ziyi-19 Mandulo 2015.  

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basekele abasubathi bethu ngenkathi bendisizela phezulu ifulegi lezwe lethu futhi kanjalo besenza siziqhenye njengesizwe saseNingizimu Afrika.

7.2. IKhabhinethi ithanda ukuhlanganyela noMongameli Zuma ekuhalaliseleni izintatheli zeNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC) u-Dennis Tshetlhane kanye no-Sam Msibi ngokudla kwabo umhlanganiso eMkhakheni Wezikamabonakude eMcimbini we-SADC Wokuhlonipha Labo Abavelele Kwezokucoshelwa Nokusakazwa Kwezindaba, kanye nomfundi wesikole samabanga aphakeme u-Imbelani Matibe ngokudla umhlanganiso kuMncintiswano we-SADC Emkhakheni Wezezikole Wokulotshwa Kwezindatshana.

7.3. IKhabhinethi ithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abebebambe iqhaza kwimigubho yeNyanga Yabesifazane. Imicimbi ebibanjwe yizinhlangano ezahlukahlukene kanye nohulumeni bekuhloswe ngayo ukubungaza inqubekelaphambili esesiyenzile ekuqedeni ukungalingani ngokobulili emiphakathini yethu. Le nyanga isetshenziselwe ukubhekisisa nokucubungula izinselelo esisabhekene nazo eziphathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

7.4. IKhabhinethi ithanda ukufisela uNgqongqoshe Wezempilo u-Aaron Motsoaledi ukwelulama okusheshayo, njengoba ebelaliswe esibhedlela i-Steve Biko Academic Hospital ePitoli, kule mpelasonto edlule. UNgqongqoshe usephumile esibhedlela futhi ululamela ekhaya.  

8. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

8.1. Ibhodi Yophiko Lwezesimo Sezulu lwaseNingizimu Afrika:

a) Nksz Ntsoaki Mngomezulu – (uqashwe kabusha futhi onguSihlalo);
b) Dkt Nolulamo Nobambiswano (Lulu) Gwagwa – (uqashwe kabusha futhi oyiPhini likaSihlalo);
c) Mnu Rowan Graham Nicholls – (uqashwe kabusha);
d) Mnu Jonty Tshipa – (uqashwe kabusha);
e) Slz Elizabeth Mokotong – (uqashwe kabusha);
f) Nksz Kea Modimoeng;
g) Adv Derek Block;
h) Nksz Sowbakiam Mudly-Padayachie;
i) Nksz Nandipha Daphne Madiba;
j) Dkt David Jasper Gilbert Rees;
k) Mnu David Lefutso;
l) Nksz Judy Beaumont – (omele uMqondisi-Jikelele (DG) Wezemvelo); kanye no
m) Dkt Linda Makuleni – (Umphathi Omkhulu (i-CEO)).

8.2. Ibhodi yeSimangaliso:

a) Mnu Paul Ndukuzempi Buyani Zwane – (uqashwe kabusha futhi onguSihlalo);
b) Nksz Barbara Schreiner – (iPhini likaSihlalo);
c) Slz Antonia Thandi Nzama – (uqashwe kabusha);
d) Nksz Poppy Senelisiwe Dlamini – (uqashwe kabusha);
e) Mnu Zwelenzima Thwalizwe Gumede – (uqashwe kabusha);
f) Nksz Thobile Etherfrida Mhlongo – (uqashwe kabusha);
g) Nksz Sibongile Daphne Nene;
h) Mnu Satish Roopa;
i) Nksz Thumeka Sharon Ntloko – (omele uMqondisi-Jikelele Wezemvelo);
j) Mnu Andrew Zaloumis – (uMphathi Omkhulu); kanye no
k) Mnu Bhekithemba Langalibalele – (omele uMnyango Wezokuvakasha).

8.3. Amalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eBhodi Yophiko Lezokuthuthwa Kwabantu Nezimpahla Ngomgwaqo Phakathi Kwamazwe:

a) Nksz Reitumetse Masemola; kanye no
b) Mnu Barend Christoffel Deysel.

8.4. Amalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu oPhiko Lomlawuli Wezamachweba:

a) Mnu Thaba Mufamadi – (uSihlalo);
b) Nksz Anjue Hirachun;
c) Mnu Riad Khan;
d) Mnu Lindelwe Mabandla;
e) Nksz Gerdileen Taylor;
f)  Adv Gugulethu Abigail Thimane;
g) Nksz Patricia Ntombizodwa Mazibuko – (uqashwe kabusha);
h) Mnu Aubrey Bongani Ngcobo – (uqashwe kabusha);
i)  Nksz Thato Abegail Tsautse – (uqashwekabusha); kanye no
j) Mnu Andile Mahlalutye – (uqashwe kabusha).

8.5. Amalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eBhodi Yophiko Lwezezindiza:

a) Nksz Phindile Riba – (uSihlalo);
b) Mnu President Qiniso Dhlamini;
c) Dkt Bridget Ssamula;
d) Mnu Bennet Phonthana Malebo;
e) Mnu Isaac Nkama;
f)  Nksz Shaila Hari;
g) Mnu Daniel Gray Mwanza;
h) Adv Edwin Matane Mphahlele;
i) Mnu Sfiso Norbert Buthelezi;
j) Nksz Nwabisa Mtshali;
k) Mnu Arthur James Bradshaw; and
l) Nksz Hlengiwe Thandeka Makhathini – (uqashwe kabusha).

8.6. Amalungu angeyona ingxenye yesigungu esiphezulu eBhodi Yophiko Lwezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane:

a) Nksz Anjue Hirachund; kanye no
b) Nksz Zanele Monnakgotla.

8.7. Ibhodi ye-Trans-Caledon Tunnel Authority:

a) Nksz MW Hlahla – (uSihlalo);
b) Mnu JRD Modise – (iPhini likaSihlalo);
c) Mnu SN Khondlo;
d) Dkt MJ Ellman;
e) Nksz ZP Manase;
f) Nksz SFS Makhathini;
g) Nksz M Nakene; kanye no
h) Mnu S Roopa.

8.8. Mnu Ian van Niekerk – Isikhulu Esiyinhloko Sezokuphathwa Kwezimali kwa-Broadband Infraco.

8.9. Mnu Zukile Christopher Mvalo – iPhini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuthuthukiswa Kwamakhono eMnyangweni Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha.   

8.10. Nksz Xolelwa Mlumbi-Peter – iPhini likaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwezokuhwebelana Namazwe Ngamazwe Nokuthuthukiswa Komnotho eMnyangweni Wezohwebo Nezimboni.

8.11. Mnu Tshediso John Matona – uNobhala Wophiko Lukazwelonke Lwezokuhlela eMnyangweni Wezokuhlela, Ukuqapha kanye Nokuhlola.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nksz Phumla Williams (iBamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore