Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi Obubanjwe ngoLwesithathu, mhla ziyi-15 kuNhlolanja 2023

A. Ezisematheni

1. INkulumo Ngobunjalo Besimo Sezwe (i-SoNA)

1.1. IKhabhinethi liqinisekise ikhwelo elicace bha likaMongameli u-Cyril Ramaphosa alihlabe kwiNkulumo yakhe Ngobunjalo Besizwe yangowezi-2023 lokuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika basebenze ngokubambisana futhi bangashiyi muntu emuva njengoba sibhekene nezinselele zaleli lizwe.

1.2. Izinyathelo zikaMongameli ezinesibindi zibeka phambili ezamandla ohlelweni lukahulumeni lonyaka lokubhekana nokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kanye nokuhlinzekwa kukagesi okusimeme. 

1.3. IKhabhinethi linxusa yonke imikhakha yomphakathi ukuthi yeseke imizamo ecaciswe nguMongameli kwi-SoNA, ebaluleke kakhulu ekwesekeni imizamo yethu yokunciphisa ukuswelakala kwemisebenzi, ububha nezindleko ezenyukayo zokuphila kanye nokulwa nobugebengu nenkohlakalo. 

1.4. Uhulumeni uzimisele ukusheshisa umsebenzi osuvele uqaliwe wokwengeza ukuthunyelwa kukagesi kwisizinda sikagesi sikazwelonke futhi umsebenzi wethu ngukususa noma yiziphi izithiyo ezingaphazamisa le nqubekelaphambili.

1.5. Emavikini ambalwa ezayo, izithangami nabezindaba zamaklasta zizohlinzeka ngemininingwane eyengeziwe ngoHlelo Lwezinyathelo (i-PoA) lukahulumeni lwalo nyaka esikuwo, njengoba ekuphawulile uMongameli u-Ramaphosa kwi-SoNA. Isabelomali Zikazwelonke esizokwethulwa ngoLwesithathu, mhla wama-22 kuNhlolanja 2023 sizohlinzeka ngeminye imininingwane nge-PoA kahulumeni. 

2. Ingqungquthela Yezezimayini Ezwenikazi i-Afrika yangowezi-2023

2.1. IKhabhinethi liyiphawulile imiphumela yeNgqungquthela Yezezimayini e-Afrika ebibanjwe e-International Convention Centre eKapa kusuka mhla wesi-6 kuya mhla wesi-9 kuNhlolanja 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sivulela Utshalomali Kwezezimayini e-Afrika: Uzinzo, Ukuvikelela kanye Nokuhlinzeka”.

2.2. INgqungquthela Yezezimayini e-Afrika ibihlanganise izinjula kule mboni eziqhamuka ezwenikazi nasemhlabeni wonkana, nephothule ngokuthi ibe ingqungquthela eseqophelweni eliphezulu yotshalomali lwezezimayini ezwenikazini. Izimayini ziyaqhubeka nokudlala indima ebalulekile entuthukweni nasekuthuthukisweni kwezimboni kulo lonke izwekazi. Zinegalelo elikhulu ekusungulweni nasekugcinweni kwemisebenzi, ngokuvula amathuba emisebenzi yasemayini acela kwisigamu sesigidi kanye neminye imisebenzi ecela esigidini eNingizimu Afrika. 

2.3. Umkhiqizo ezimayini eNingizimu Afrika ngonyaka owedlule wafinyelela kumathriliyoni angu-R1.18, nokwanika amandla isamba somkhiqizo wasekhaya (i-GDP), impahla ethunyelwa kwamanye amazwe kanye nemalingeniso. IKhabhinethi licela bonke ababambiqhaza kule mboni ukuthi baqhubeke basebenze ngokubambisana nohulumeni ukubeka le mboni ezingeni lokuncintisana nomhlaba futhi ikwazi ukuqinisa ukukhula komnotho, isungule imisebenzi kanye nokuqhuba intuthuko esimeme. 

3. Izikhukhula  

3.1. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe ngabathandiweyo bayo ngenxa yezikhukhula zakamuva ezihlasele izingxenye eziningana zezwe lakithi.  

3.2. Sibonga abezimo eziphuthumayo nokutakula kulolonke izwe abasebenza ngokungakhathali ukusindisa izimpilo zabantu. Masibumbane njengesizwe sinikezele ngosizo kulabo abadinga ukunakekelwa nokwesekwa. 

3.3. IKhabhinethi linxuse abantu ukuthi bahlale ezindlini uma kwenzeka kuba nezimvula ezinamandla neziphepho, laphinde lakhumbuza labo abahlala ezindaweni ezingumehlelo ukuthi baqaphelisise.  

3.4. Abantu bayexwayiswa ukuthi bangahambi, bangabhukudi noma bangashayeli emanzini ageleza ngesivinini noma bewele imigwaqo egcwele amanzi, amabhuloho kanye nemifula. IKhabhinethi linxuse amalungu omphakathi ukuthi aqinisekise ukuthi abantwana bahlale njalo bephephile ekumukeni namanzi ngezikhathi zezikhukhula.  

4. Udlame lwesibhanu 

4.1. IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bomculi we-hip-hop uMnu Kiernan Forbes, obedume ngelika-AKA, kanye nosaziwayo wompheki uMnu Tebello Motsoane, abadutshulwe kamuva-nje eThekwini. 

4.2. IKhabhinethi liphinde ladlulisa ukuzwelana nomndeni nabangani besishoshovu ebesilwisana nobugebengu uMnu Ayob Mungalee, odutshulwe washona kamuva e-Eldorado Park eGoli. Ubengumqondisi kazwelonke we-People Seeking Justice Action Group, inhlangano ebinxenxa amalungu omphakathi ukuthi alwisane namaqembu ezigelekeqe nokuthengiswa kwezidakamizwa.  

4.3. IKhabhinethi lithe dudu emindenini nakubangani balabo ababulewe ekudutshulweni kwakamuva okwenzeke eNtshonalanga Kapa, KwaZulu-Natali naseMpumalanga Kapa. Lokhu kuhlasela okubi okungenanembeza, okusaphenywa ngabomthetho, kubonisa ukusabalala kodlame lwesibhamu kanye nemiphumela yalo emiphakathini.   

4.4. IKhabhinethi liqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) luqeqeshelwa ukugwema ubugebengu. Lokhu kubandakanya ukwengeza amaphoyisa emigwaqeni kanye nokubeka amathimba akhethekile azogxila kuhlobo oluthile lobugebengu. INingizimu Afrika izophinde isebenzise izindlela ezisuselwe kulwazi oluvela kucwaningo ezisezingeni eliphezulu ukuthola nokuqonda ngqo ezindaweni lapho ubugebengu budlange khona.  

4.5. I-SAPS iqinisa izindlela zokuthungatha nokushaqa izibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu ezandleni zezigilamkhuba. Amaphoyisa ezinyangeni eziyi-12 ezedlule ashaqe izibhamu eziyizi-65 519 emphakathini. 

4.6. Uhulumeni ucela zonke izakhamuzi nezinhlaka zomphakathi ukuthi basebenze ngokubambisana ne-SAPS yendawo ukuqeda nya ngobugebengu emiphakathini. Uma unolwazi olungasiza ukuveza obala labo bantu ababandakanyeka ezenzweni ezingekho emthethweni, shayela i-Crime Stop ku-0800 10111. 

5. UMasipala Wendawo i-Enoch Mgijima (i-EMLM)

5.1. UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko uNkosazana Dlamini Zuma kanye noNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana bazise iKhabhinethi ngezingxoxo zakamuva ebezibanjwe nababambiqhaza kanye nabadlalindima abaqavile e-EMLM.

5.2. NgoMbasa wezi-2022, iKhabhinethi lagunyaza ukungenelela ku-EMLM njengokusho kweSahluko se-139(7) soMthethosisekelo waseRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowe-1996, uma ufundwa uhlanganiswa neSahluko se-150 soMthetho Wokuphathwa Kwezimali Komasipala, wangowezi-2003 (Umthetho wama-56 wezi-2003). I-EMLM ibilokhu ibhekene nokwehluleka okubonakalayo kwezezimali nasekuhambiseni izidingonqangi isikhathi eside ngaphambi kokuthi kungenelelwe.  

5.3. IKhabhinethi lamukele izinkinga ezibalulwe ngababambiqhaza futhi laqinisekisa abahlali base-EMLM ukuthi isinqumo sokuthi zizoxazululwa kanjani izinselele ezibhekene nomasipala njengamanje bazokwaziswa ngaso maduze.  

6. Ukuphepha ezikoleni 

6.1. Ukuphepha ezikoleni zaseNingizimu Afrika uhulumeni usalokhu ekubeke eqhulwini futhi imibiko yodlame phakathi kwabafundi nothisha ikhathaza kakhulu. 

6.2. Ngesikhathi uMnyango Wemfundo Eyisisekelo ubeke izindlela zokulwa nalesi sihlava, kuyisibopho sabazali nababheki babantwana ukuthi basebenzisane neziphathimandla zesikole kanye nabafundi ukuqinisekisa ukuthi izikole zihlala ziyindawo ephephile yokuthi abafundi bethu bazithuthukise ukuze babe izakhamuzi eziqotho. Ukuphepha kothisha ezikoleni zethu nakho kubaluleke kakhulu.

7. Ukuphepha emgwaqeni

7.1. IKhabhinethi lisalokhu likhathazekile ngokufa kwabantu abaningi emgwaqeni kulolonke ilizwe. Uhulumeni uzobheka imithetho emisha yokunqanda ukuginqika kwamaloli, omunye ozofaka phakathi ukususwa ukuhanjiswa kwempahla emgwaqeni ihanjiswe ngezitimela, ngethemba lokuthi lokhu kuzonciphisa ingcindezi ekuthwaleni kwempahla ngamaloli.

7.2. IKhabhinethi licela bonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo ngokuthi baqaphele, bacabangele futhi babekezelele abanye abantu abasebenzisa umgwaqo. Abashayeli abashayela bephuze amanzi amponjwana noma bethathe izidakamizwa kanjalo nokushayela budedengu nokungakanaki, kanye nokushayela ngesivinini eseqile, yibona abadala izingozi eziningi emigwaqeni.   

B. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Wokusetshenziswa Komngcele Owodwa (i-OSBP) wangowezi-2022 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa we-OSBP ukuthi umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa ulandela ukugunyazwa kweNqubomgomo ye-OSBP kanye neqhingasu lokuqaliswa kwawo ngoNdasa wezi-2022. Kuhloswe ngawo ukuhambisa kahle ukuthuthwa kwabantu kanye nempahla phakathi kwemingcele yokungena eNingizimu Afrika namanye amazwe angomakhelwane.  

1.2. Lokhu kuzokwehlisa isiminyaminya sabavakashi nabahwebi esikhona emingceleni yethu. Lezi zingenelelo zibalulekile futhi emizamweni yezwe yokuqhuba iSivumelwano Sokuhwebelana Ngokukhululeka Nezwekazi i-Afrika (i-AfCFTA).   

1.3. Izivumelwano ezibalulwe kuMthethosivivinywa zizoqinisekisa ukuthi ukuhlolisiswa kwempahla, izimoto kanye nabantu akunazihibe futhi kuyashesha. UMthethosivivinywa uphinde ubheke izindlela ezifanele zomthetho wamazwe ngamazwe ezihambisana nokulawulwa kohwebo, kanye nokuhamba kwabantu nempahla.  

2. UMthethosivivinywa Wokubhaliswa Kobuwena Kuzwelonke wezi-2022 

2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokubhaliswa Kobuwena Kuzwelonke wezi-2022 ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa ungumphumela weNqubomgomo Yokuphathwa Kwemininigwane Yobuwena Ngokusemthethweni futhi ihlose ukuhlinzeka ngohlelokusebenza lukazwelonke oluyidijithali lokuphathwa kwemininingwane yobuwena olulodwa, olufaka wonke umuntu phakathi futhi oluhlanganisile lwabo bonke abantu abahlala noma abake bahlala kuleli lizwe.   

2.2. UMthethosivivinywa osahlongozwa uzohlinzeka ngokwakhiwa kanye nokunakekelwa kwerejista labantu abayizakhamuzi futhi abangabahlali ngokugcwele. Uphinde unikezele ngokusungulwa kohlu lwemininingwane yabantu abaphuma kwamanye amazwe abahleli okwesikhashana kuleli lizwe. Uphinde futhi unikeze ngoHlelokusebenza Lukazwelonke Lwemininingwane Yobuwena (i-NIS) olusebenza ngokuthatha imilobo yeminwe i-biometric oluzokwazi ukuveza imininingwane yomuntu ngokuletha imininingwane ukuthi ifakwe kwirejista labantu kanye nasohlwini lwemininingwane yabantu. 

2.3. I-NIS izophinde ikwazi ukusebenzisana nezinye izinhlelo zokusebenza zikahulumeni nezomkhakha ozimele zokuphathwa kwemininingwane yobuwena.  

2.4. Kokubili uMthethosivivinywa we-OSBP wezi-2022 kanye noMthethosivivinywa Wokubhaliswa Kobuwena Kuzwelonke wezi-2022 kuzoshicilelwa kwiwebhusayithi yoMnyango Wezasekhaya: www.dha.gov.za.  Amalungu omphakathi ayagqugquzelwa ukuthi athumele imibono ebhalwe phansi kuleli kheli: The Director-General of Home Affairs, Private Bag X114, Pretoria, 0001. 
Ucingo: 012 406 4353.

C. Imicimbi Ezayo

1. INgqungquthela yeNhlangano YoBumbano Lwamazwe Ase-Afrika (i-AU) 

1.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzothamela iSeshini Eyejwayelekile yama-36 yeSigungu Sezinhloko Zombuso Nohulumeni be-AU ezobanjwa kusuka mhla we-18 kuya mhla we-19 kuNhlolanja 2023 e-Addis Ababa, e-Ethiopia. 

1.2. ISigungu se-AU, esizobanjwa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukuqhuba Ngesivinini Ukuqaliswa kwe-AfCFTA”, sizokwandulelwa iSeshini Eyejwayelekile yama-42 yoMkhandlu Ophezulu kusuka mhla we-15 kuya mhla we-16 kuNhlolanja 2023. IZinhloko Zombuso Nohulumeni be-AU bazosebenzisa lesi siqubulo ukuqinisekisa ukuzinikela kwabo ekuqaliseni ngokuphelele ukusebenza kwe-AfCFTA. 

2. Uhambo Lokuvakasha lukaMongameli wase-Uganda

2.1. UMhlonishwa uMongameli u-Yoweri Kaguta Museveni wase-Uganda uzothatha uhambo Lokuvakasha oluza eNingizimu Afrika ngoLwesibili, mhla wama-28 kuNhlolanja 2023, ngokumenywa nguzakwabo, uMongameli u-Ramaphosa. Inhloso yalolu Hambo ukuqinisa amaxhama phakathi kwala mazwe womabili. Lokhu kuzoholela kwiSigcawu Samabhizinisi lapho kuzohlolisiswa izivumelwano zokuhwebelana notshalomali phakathi kwamazwe womabili.  

3. Imiklomelo Yabezindaba yangowezi-2023 yeSifunda Samazwe Asathuthuka Aseningizimu ye-Afrika (i-SADC)  

3.1. IKhabhinethi likhumbuze bonke abezindaba ukuthi ukungenela iMiklomelo Yabezindaba yangowezi-2023 ye-SADC, okuzovalwa ngoLwesibili, mhla wama-28 kuNhlolanja 2023, kuvuleleke kuzona zonke izintatheli zamazwe angamalungu e-SADC.

3.2. IMiklomelo Yabezindaba ye-SADC ihlonipha umsebenzi wabezindaba omuhle kakhulu ezigabeni zezindaba zamaphephandaba, izithombe, umabonakude kanye nomsakazo ekuthumeleni ulwazi nge-SADC ukuze kuzokwesekwa inqubo yokusebenzisana nokuhlangana esifundeni. 

D. Amazwi okuhalalisa

1. IKhabhinethi lihalalisele futhi lathumela izilokotho ezinhle ku: 
• Nomcebo Zikode, Zakes Bantwini kanye no-Wouter Kellerman ngokuhlabana ngendondo emkhakheni we-best global music performance ngomucu wabo, othi Bayethe emcimbini wama-65th Annual Grammy Awards. 

E. Amazwi Enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka: 
• Abantu abashone kamuva ngesikhathi ibhasi litholana phezulu nemoto ethwala imali emgwaqeni onguthela-wayeka u-N1 e-Limpopo. IKhabhinethi lifisele labo abalimele engozini ukululama okusheshayo. 
• John Moeti (56), obengumdlali waphambilini weqembu le-Bafana Bafana kanye ne-Orlando Pirates, owayeyingxenye ebalulekile yeqembu labanqobi be-Africa Cup of Nations ngowe-1996. 
• IKhabhinethi liphinde ladlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-Türkiye nase-Syria abalahlekelwe yimpilo yabo futhi balinyalelwa kanzima yingqalasizinda yezenhlalo nomnotho kulandela ukuzamazama komhlaba okwenzeka mhla we-6 kuNhlolanja 2023 okulinganiselwa ku-7.8 ku-Richter Scale. Izinhliziyo zethu zisemindenini elahlekelwe ngabathandiweyo bayo noma labo abasathungatha izihlobo zabo. IKhabhinethi lincome izinhlangano ezisiza abantu zaseNingizimu Afrika ezibe yingxenye yosizo lwamazwe ngamazwe. IKhabhinethi lishayele ihlombe amalungu e-K-9 oPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngemizamo yawo enesibindi, phakathi kokunye, eholele ekutakulweni kowesifazane osekhulile onama-80 eminyaka ubudala osinde ngaphansi kwemfucumfucu izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili e-Türkiye.

F. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. Nks Azola Mayekiso njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-National Housing Finance Corporation. 
2. Mnu Lucas Thabiso Thiti njengePhini loMqondisi-Jikelele (i-DDG): kweZokuThuthukiswa Nokwesekwa Kwesikhungo kuMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. 
3. Nks Boitumelo Mosako njenge-CEO ye-Development Bank of Southern Africa. 
4. Mnu Kabelo Rikhotso njengoMqondisi Ophezulu we-Public Investment Corporation Board. 
5. Mnu Matsemela Moloi njengoMgcinimabhuku we-Road Traffic Infringement Agency.
6. UMmeli Sonwabile Mancotywa njengoMqondisi ongayena uMphathi kanye noSihlalo we-Cross-Border Road Transport Agency Board. 


Imibuzo: Mnu Michael Currin – iBamba likaSomlomo weKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896

Share this page

Similar categories to explore