Inkulumo Echaza Isimo Sezwe kaMhlonishwa Jacob G Zuma, uMongameli weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika ayethula ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela Izindlu Zombili zePhalamende, eKapa

13 Feb 2014

Somlomo Ohloniphekile Wesigungu Sikazwelonke;
Sihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP);
IPhini likaSomlomo Wesigungu Sikazwelonke kanye nePhini likaSihlalo we-NCOP;
IPhini likaMongameli weRiphabhulikhi, uMhlonishwa Kgalema Motlanthe;
IPhini likaMongameli Laphambilini, uBaleka Mbethe;
UMhlonishwa iJaji Eliyinhloko leRiphabhulikhi kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile Ophiko Lwezobulungiswa;
Ongqongqoshe Abahloniphekile kanye namaPhini Abo;
Ondunankulu Abahloniphekile kanye noSomlomo Bezifundazwe zethu;
USihlalo we-Salga, kanye nabo bonke abaholi bohulumeni basekhaya;
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko;
Izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi;
Umphathi weBhangengodla;
Abaholi bezamabhizinisi, ezemidlalo, ezendabuko, ezenkolo kanye nabo bonke abaholi beminye imikhakha;
Amalungu ezindlu zamanxusa, iziVakashi ezikhethekile neziqavile;
Malungu Ahloniphekile;
Bantu baseNingizimu Afrika;

Good evening, sanibonani, molweni, dumelang, riperile, ndimadekwana, goeie naand.

Ngithanda ukubonga Izikhulu Ezengamele Izindlu Zephalamende ngokunginika leli thuba lokuba ngikhulume nabantu baseNingizimu Afrika, kulo mcimbi wokwethulwa kweNkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yokugcina kahulumeni wentando yeningi labantu wehlandla lesine.

Ngithanda ukudlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni koMhlonishwa uMnu Ben Skhosana, ongomunye wamalungu asebe yingxenye yale ndlu ehloniphekile isikhathi eside futhi ubengelinye lamalungu asezikhundleni eziphezulu, futhi phambilini wayenguNgqongqoshe Wezokuhlunyeleliswa Kwezimilo.

Sidabuka kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni ngokuzuma.

Sidlulisa ukukhala kwethu emndenini wakhe, nakumholi we-IFP uShenge, kanye namalungu onke e-IFP.

Somlomo Ohloniphekile,

Sihlalo we-NCOP Ohloniphekile,

Lena yiNkulumo Echaza Isimo Sezwe yokuqala eyenzeka engasekho emhlabeni uMongameli wethu wokuqala, uMhlonishwa Nelson Rolihlahla Mandela.

Ukudlula kwakhe emhlabeni, kungasensuku zatshwala kufike umgubho weminyaka engama-20 yenkululeko nentando yeningi yethu, kubazwise obukhulu ubuhlungu abantu bethu kanye nabakwamanye amazwe.

Sithola induduzo ngokwazi ukuthi uMadiba uyohlala ngaso sonke isikhathi esezinhliziyweni zethu, futhi sinesibopho sokuqhubekisela phambili ukhondolo lwakhe.

Malungu Ahloniphekile,

Izwe lethu likhiqize abesilisa nabesifazane abanohlonze, abahlinzeke ngobuholi ngezikhathi ezinzima.

Omunye walabo baholi nguMnu Moses Kotane, umgcinimafa waphambilini we-ANC futhi owayengunobhala jikelele we-SACP.

Kuyintokozo enkulu ukuthi unkosikazi wakhe, uMama Rebecca Kotane, unathi lapha kusihlwa njengesivakashi sethu esikhethekile.

Izolo uMama uKotane ubegubha iminyaka yobudala eyi-102, futhi simfisela okuhle kodwa.

Sithanda futhi nokuhlonipha uMongameli we-ANC waphambilini u-Oliver Tambo, owagcina isibani senkululeko sivutha, lapha ngaphakathi ezweni lethu kanye nakwamanye amazwe, ngezikhathi ezinzima kakhulu zomzabalazo wethu.

Indodana yakhe, uDali, kanye nonkosikazi wayo, u-Rachel, banathi lapha kulo mcimbi kusihlwa nje.

Sithanda ukuthulela u-Solomon Mahlangu isigqoko, ibhungu elabe linesibindi esikhulu, okungadikizanga nqulu kulona ngenkathi lilengiswa ngowe-1979 lineminyaka yobudala engama-23. Wathi: “Igazi lami lizonisela futhi likhulise isihlahla esizothela izithelo zenkululeko. Nitshele abantu bami ukuthi ngiyabathanda. Kumele baqhubeke nokulwa”.

Kuyintokozo enkulu ukuthi lapha sivakashelwe ngumama wakhe, uMartha Mahlangu kanye nomzukulu wakhe uBathabile.

Futhi unyaka wama-2014 uqopha iminyaka engama-40 kwenzeka isenzo sobugwala obukhulu sokubulawa komholi wabafundi, u-Abram Onkgopotse Tiro ngebhomu elalifakwe ephaseleni, ngowe-1974, eBotswana.

Sithanda ukwamukela umfowabo, uMogomotsi Tiro onathi lapha kulo mcimbi. Sidlulisa ukubonga kwabantu, ngokuzinikela nokuzidela komfowabo.

Siyabakhumbula labo abashona ngenxa yodlame olwabe luxhaswe ngumbuso ngeminyaka yama-1980s kanye nama-1990s emalokishini ethu kanye nasezindaweni zasemakhaya.

UNkk Jabu Ndlovu, phambilini owayeyisikhulu esimele abasebenzi seNyunyana Yabasebenzi Bensimbi baseNingizimu Afrika (i-NUMSA), wadutshulwa washona ngowe-1988 eMgungundlovu kanye nomyeni wakhe nendodana yabo.

Sithanda ukwamukela indodakazi yakhe uLuhle kanye nendodana yakhe, uSanele, futhi sithanda nokuhlonipha yonke imindeni eyalahlekelwa yizithandwa zayo, emaqenjini wonke.

Somlomo Ohloniphekile,

Sihlalo we-NCOP Ohloniphekile,

Saphumelela ukubudlulisa bonke lobo buhlungu besikhathi esedlule kanye nokwakha umphakathi omusha.

Sesakhe izikhungo zentando yeningi eziqinile.

Sawungcwaba umbuso wengcindezelo, owawukhohlakele, owawungenayo intando yeningi, owawungamele bonke abantu, futhi owawubhelekela izimfuno zabayingcosana kuphela.

Sasungula umbuso wentando yeningi owodwa onezinhlaka eziningi ngaphansi kwawo, ongacwasi ngokobuhlanga nangokokubulili, ophendula kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi obamele bonke.

Sakha umbuso wentando yeningi ophumelelayo osekelwe phezu komthethosisekelo, onezinhlaka ezisebenza kahle – isishayamthetho, isigungu seziphathimandla zikahulumeni kanye nophiko lwezobulungiswa.

Sinezikhungo zeSahluko sesi-9 ezeseka intando yeningi futhi ezivikela amalungelo ezakhamuzi.

­

Futhi inkululeko kanye nentando yeningi seyivule nesikhala sokuthi kube nomphakathi wezinhlaka ezahlukene okhuthele, kanye nomkhakha wabezindaba okhululekile.

Inkululeko ilethe futhi, ngokokuqala ngqa, isethembiso sokulingana kwezobulili. Ukumelwa kwabesifazane kwizikhungo zomphakathi sekukhule kakhulu kusukela ngenkathi kufika inkululeko, futhi ukuthunyelwa kwezidingongqangi kuyabahlomulisa nabesifazane.

Konke lokhu sekwenze iNingizimu Afrika yaba yizwe elingcono kakhulu kunakuqala umuntu angaphila kulona.

Kepha-ke, leli lizwe lisabhekene nezinselelo ezintathu, ububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi, okuyizinselelo esiqhubekayo nokulwisana nazo. Ukulwisana nalezi zinselelo sekuyinto abagxile kuyona bonke ohulumeni bentando yeningi.

Thina siqoke ukugxila ezintweni ezinhlanu esizibeke eqhulwini, ezemfundo, ezempilo, ukulwisana nobugebengu nenkohlakalo, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya nezinguquko kwezomhlaba kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi osesimweni esigculisayo.

Futhi siwuhlele kabusha uMbuso ukuze senze ngcono ukusebenza kwawo.

Sisungule imikhakha emibili ebalulekile, umkhakha wokuhlelela isikhathi eside kanye nowokuqapha nokuhlola ukusebenza kukahulumeni.

Sisungule iKhomishana Kazwelonke Yokuhlela, ekhiqize uHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe oluyingqophamlando, oluwumhlahlandlela waleli lizwe wezenhlalo nezomnotho futhi lokhu ngenye yenzinto ezinkulu ezifezekiswe yilo hulumeni wehlandla lesine.

Lolu Hlelo lukhombisa lokho okumele sikwenze ukuqeda ububha, ukwandisa isibalo samathuba omsebenzi kanye nokunciphisa ukungalingani ezweni ngaphambi kokufika kowezi-2030.

Uhlelo lwethu lokuqapha nokuhlola ukusebenza kukahulumeni luyabonisa ukuthi ukuhlinzekwa kwezidingongqangi eziningi kuyaqhubeka nokuba ngcono. Isibonelo, izicelo zezibonelelo zomphakathi kanye nezomazisi sezithatha isikhathi esifushane kunakuqala. Kodwa-ke miningi eminye imikhakha esadinga ukuthi kuqiniswe isandla.

Ngizokwethula umbiko wendlela okusetshenzwe ngayo ezintweni ezinhlanu ezibekwe eqhulwini futhi ngizoqala ngomnotho

Ngokwesilinganiso esimaphakathi, umnotho ukhule ngamaphesenti angu-3,2

ngonyaka, kusukela ngowe-1994 kuya kowezi-2012, nakuba kubekhona ukufadalala

komnotho okuholele ekutheni kulahleke amathuba omsebenzi ayisigidi.

Ngokusebenzisana kwethu singuhulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nomkhakha womphakathi, sikwazile ukuwuvusa umnotho.

Umcebo kazwelonke, uma ukalwa ngokweSamba Somkhiqizo Wezwe (i-GDP), ukhule wafinyelela ngaphezu kwezinkulungwane zezigidigidi zamarandi ezingu-3.5.

Aseqalile futhi ukuvuleka amathuba omsebenzi. Njengamanje sekunabantu abasebenzayo abayizigidi eziyi-15 kuleli lizwe, okuyinani eliphezulu kunawo onke emlandweni wethu, futhi ngokusho kwezeZibalo eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule kuvulwe amathuba omsebenzi ayizinkulungwane ezingama-650.

Kodwa-ke lokhu akwanele neze. Izinga lokuntuleka kwamathuba omsebenzi lisephezulu kakhulu. Ukuntula kwentsha amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika kuyaqhubeka nokuba yinto esikhathazayo, njengoba kunjalo nakwamanye amazwe emhlabeni jikelele.

Kunezinyathelo eziningana esizithathayo, kubandakanya noMthetho Wesaphulelo Sentela Sokuvulwa Kwamathuba Omsebenzi, okhuthaza abaqashi ukuthi baqashe intsha.

Kunezimiso eziphathelene nalo Mthetho ezizophasiswa ukuqinisekisa ukuthi lokhu akubi nomthelela omubi kubasebenzi abangaxhasiwe noma abasebenzi abadala.

Ezinye izinyathelo ziqukethwe kwiSivumelwano Sikazwelonke Sentsha esasayindwa eSoweto ngenyanga kaMbasa ngonyaka odlule.

Uhlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi kanye noHlelo Lwamathuba Etoho Omphakathi ziyaqhubeka nokuba yizinhlelo ezisebenza kahle ezivikela abantu abahlwempu nentsha ukuze bangakhahlamezeki kakhulu.

Kule minyaka emihlanu edlule sivule amathuba etoho angaphezu kwezigidi ezingu-3,7. Abantu bethu bazitholela imadlana kanye namakhono ohlelweni lwemisebenzi yomphakathi, abawasebenzisela ukufuna umsebenzi ohlelekile.

IKhabhinethi izibekele umkhawulo wamathuba etoho ayizigidi eziyisithupha kusukela ngalo nyaka kuya kowezi-2019, futhi ngalokhu kuhloswe ikakhulu ukuqasha intsha.

Uhlelo lwethu lwezibonelelo zomphakathi manje selufinyelela kubantu abayizigidi eziyi-16, ikhakhulu izingane ezintulayo.

Imizi eminingi ithola ukusizakala ngenxa yezibonelelo zikahulumeni, imali yezingane, impesheni yabadala neyabakhubazekile.

Lezi zibonelelo zizoqhubeka njalo ngoba imizi eminingi ithola ukusizakala ngoba amathuba emisebenzi ayivelakancane ngalesi sikhathi somnotho ontengantengayo.

La mathuba atholakala kuhulumeni, enza sisho ngeqholo ukuthi iNingizimu Afrika esiphila kuyo namhlanje ingcono kakhulu kunaleyo esasiphila kuyo ngaphambi kowe-1994.

Bantu bakithi,

Namanje sisabhekene nesikhathi esinzima.

Izinto ezenzeka emnothweni waseMelika seziholele ekutheni ehle ngesivinini amandla emali yamazwe asafufusa, kubandakanya nerandi.

Ngenkathi kuqhubeka unyaka wezi-2013, amandla erandi ehle ngamaphesenti angu-17,6 uma liqhathaniswa nedola laseMelika. 

Ukwehla kwamandla emali kungenzeka kuholele ekutheni akhuphuke kakhulu amanani entengo yezimpahla futhi lokho kuzokwenza ukuthi uhlelo lwethu lokwakhiwa kwengqalasizinda lumbe eqolo.

Kodwa-ke, izinkampani ezithumela izimpahla kwamanye amazwe, ikakhulu emkhakheni wezokukhiqizwa kwempahla, kumele zilisebenzise leli thuba elihlinzekwa yirandi elibuthakathaka kanye nokusimama komnotho womhlaba emva kokufadalala kwawo esikhathini esedlule.

Nakuba sibhekene nalobu bunzima, siyazi ukuthi sizokwazi ukumelana nalesi sikhathi senxushunxushu ebangelwa ukwehla kwamandla emali.

Sikwazile ukukwenza lokho phambilini kule minyaka emihlanu edlule.

Futhi, eqinisweni, sizophuma kule nxushunxushu sinamandla kakhulu kunakuqala uma senza izinto ezifanelekile.

Kumele sisebenzisane njengohulumeni, abamabhizinisi kanye nabasebenzi ukukhulisa umnotho wethu ngezinga elingaphezu kwamaphesenti amahlanu ukuze sikwazi ukuvula amathuba omsebenzi esiwadingayo.

Ngenhlanhla lokhu kubambisana sekuqalile ukwenzeka.

Ukubambisana kwenzeka kwi-Nedlac okungesinye sezikhungo ezibalulekile zokubambisana zentando yeningi yethu, phakathi kukahulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nomkhakha wezinhlaka zomphakathi.

Lokhu kwenzekile futhi nasekubonisaneni esibe nakho nomphakathi wosomabhizinisi.

Ngonyaka odlule ngiqale ukubonisana nabamabhizinisi mayelana nezinyathelo ezingathathwa nguhulumeni ukuze kube lula ukwenza ibhizinisi ezweni lethu.

Ngenxa yalolu hlelo lokubonisana nabamabhizinisi, manje sesikwenze lula ukulawulwa kanye nokunikezwa kwezimvume zokuhlolwa komthelela wokukhahlamezeka kwemvelo, nezimvume zamanzi kanye nezezimayini.

IPhalamende liphothula izichibiyelo zomthetho ukuze kuqaliswe ukusebenza kwale nqubo ezoba nomthelela omuhle kakhulu, ezonciphisa ubude besikhathi sokusungula izimayini behle bufinyelele esikhathini esiyizinsuku ezingaphansi kwama-300, kusukela ekufakweni kwesicelo kuya ekwamukelweni kwaso.

IPhini likaMongameli weRiphabhulikhi liyaqhubeka nokuhola izingxoxo eziphakathi kukahulumeni, izinkampani zezimayini kanye nabasebenzi.

Injongo yalokhu ukuletha uzinzo kubudlelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi kulo mkhakha obaluleke kakhulu emnothweni wethu. Le nqubo seyibonakalise izithelo ezinhle.

Ngonyaka odlule sinciphile isibalo seziteleka kulo mkhakha futhi azidonsanga isikhathi eside kakhulu.

Futhi into ebaluleke kakhulu ukuthi izinqubo zokubonisana phakathi kwabaqashi nabasebenzi zenzeka ngendlela ehambisana nokuthotshelwa komthetho.

Sibone kufanele singenelele kwezezimayini ngoba lo mkhakha ngomunye wemikhakha yethu ebalulekile evula amathuba omsebenzi amaningi. Sidinga umkhakha wezezimayini osebenzayo. Izimayini ziqashe abantu abevile kwisigamu sesigidi.

Lona ngumkhakha ongenisa imali evela kwamanye amazwe enkulu kunayo yonke eminye imikhakha ezweni lethu. Futhi lo mkhakha ufaka imali eyizigidigidi zamarandi ezibalelwa kuma-20 engena ngqo esikhwameni sentela saleli lizwe.

Futhi izimayini zinegalelo elikhulu kakhulu njengomthengi wempahla nemisebenzi ehlinzekwayo, futhi zihlinzeka ngemikhiqizo kweminye imikhakha yomnotho wethu, nakwamanye amazwe emhlabeni jikelele.

Sicubungula izindlela zokubambisana nabo bonke abathintekayo ukuze kulungiswe udaba lwezezindlu emadolobheni akhelene nezimayini.

Ngithanda futhi nokukhumbuza izinkampani zezimayini ukuthi unyaka wezi-2014 yisikhathi esingumnqamulajuqu ezibekelwe wona ukuthi ziphucule ezezindlu kanye nezimo abaphila ngaphansi kwazo abasebenzi basezimayini nokuthi kufezekiswe imikhawulo eminingana ebekiwe okumele kufinyelelwe kuyona.

Uhulumeni uyaqhubeka nokuqapha kanye nokuqinisekisa ukuqaliswa kweziNhlelo zezimayini eziphathelene neNhlalo Nokunakekelwa Kwabasebenzi kanye nokufezekiswa kwemikhawulo ebekwe ngokwemigomo kaSomqulu Wesivumelwano Sezezimayini.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Malungu Ahloniphekile,

Ngaphandle komkhakha wezezimayini, ngonyaka wezi-2009 sahlonza eminye imikhakha emihlanu ezovula amathuba omsebenzi amaningi.

Le mikhakha ngowezokuvakasha, ezolimo, umnotho obhekelela imvelo, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nowezokukhiqizwa kwempahla.

Imboni yezokuvakasha seyikhule ngendlela emangalisayo. Ngonyaka we-1993, iNingizimu Afrika yamukela abavakashi abavela kwamanye amazwe abayizigidi ezintathu kuphela. Ngowezi-2012 lesi sibalo bese sikhule safinyelela kubavakashi abayizigidi eziyi-13.

Sizoqhubeka nokukhulisa le mboni, ngenxa yokuthi inegalelo elikhulu ekuvulweni kwamathuba omsebenzi.

Ngowezi-2012 sethula uHlelo Lwengqalasizinda Lukazwelonke, oluholwa nguMongameli ngokusebenzisa iKhomishana kaMongameli Yokuqondisa Ukwakhiwa Kwengqalasizinda.

Kule minyaka emihlanu edlule sitshale inkulungwane yezigidigidi zamarandi ohlelweni lokwakhiwa kwengqalasizinda yomphakathi.

Eminingi kule miklamo seyiphothuliwe noma sekusele kancane ukuthi iphothulwe.

Ngizothi nje qaphu qaphu ngemiklamo embalwa.

EGoli, uhlelo lwamabhasi asheshayo olubizwa nge-Rea Vaya manje selusetshenziswa ngabahlali baseGauteng abangaphezu kwezi-100 000. Kunezinhlelo ezifana nalolu ezakhiwayo eKapa, Tshwane, Nelson Mandela Bay, Buffalo City, eThekwini kanye nase-Rustenburg.

Asenziwe ngcono amachweba akuleli lizwe kanye nezikhumulo zemikhumbi.

Sesakhe iphayiphi elithwala uphethiloli elingamakhilomitha angama-700 ubude elisuka eThekwini liye eGauteng elithutha izigidigidi ezine ngonyaka zamakhubhikhi-litha kaphethiloli wezimoto, udizili kanye nophethiloli wamabhanoyi.

Sekwakhiwe imigwaqo nemizila emisha ecishe ibe ngamakhilomitha ayi-1 500. 

Le nqubekelaphambili eseyenziwe ekwakhiweni kwemigwaqo isikhumbuza abantu ababeyingxenye yalo hulumeni esikhathini esedlule ababenesifiso sokubona leli lizwe linengqalasizinda kanokusho, abanjengoNgqongqoshe Wezokuthutha waphambilini uMnu Dullar Omar.

Unkosikazi wakhe u-Farieda ungomunye wezimenywa zethu ezinathi lapha kusihlwa nje.

Sekuqaliwe ukwakhiwa kojantshi besitimela abasha eMpumalanga, ukuze kuncishiswe ingcindezi emgwaqweni.

Umklamo we-Gautrain manje ususebenza ngokuphelele futhi uthwala abagibeli abangu-1,2 wezigidi ngenyanga.

Uphiko Lwezokuthuthwa Kwabantu Ngezitimela lwaseNingizimu Afrika luzosebenzisa imali engaphezu kwezigidigidi eziyi-R120 ukuthenga izitimela ezintsha kule minyaka eyishumi ezayo.

Abakwa-Transnet sebeluqalisile uhlelo lwabo olukhulukazi lokubhekana nesidingo esikhuphukayo sokuhlinzeka amakhasimende abo ngalo lonke usizo aludingayo, oluzodla izigidigidi ezingama-R300, futhi lokhu kuzoholela ekwakhiweni kwengqalasizinda yezokuthutha edingeka kakhulu.

Ngenhloso yokusimamisa umnotho waseNtshonalanga Kapa nowendawo eSogwini Olusentshonalanga, sesethule Isifunda Sokuthuthukiswa Kwezimboni sase-Saldanha futhi savula namafemu amabili e-Atlantis.

Ukuze kwenziwe ngcono ukuphakelwa kwamanzi, sekuphothulwe amadamu amakhulu amabili amasha, okuyi-De Hoop eLimpopo kanye ne-Spring Grove KwaZulu-Natali, kanti futhi isigaba sesibili somklamo we-Lesotho Highlands Water Project sizokwethulwa khona maduze nje.

Uyaqhubeka umsebenzi wokwakhiwa kweziteshi ezintsha zamandla kagesi, iMedupi eLimpopo, iKusile eMpumalanga kanye ne-Ingula bude buduze naseMnambithi, futhi kule miklamo kuqashwe abasebenzi abangaphezu kwezi-30 000.

Siyaqhubeka nemizamo yokuthola eminye imithombo kagesi, ngokoHlelo Oludidiyela Imithombo Ehlukahlukene Yokuphehla Ugesi.

Ukuthuthukiswa kwephethroliyamu, ikakhulu igesi etholakala ngaphansi komhlaba, kuzoletha izinguquko ezinkulukazi esifundeni sase-Karoo kanye nasemnothweni waseNingizimu Afrika.

Njengoba sebuhlaziyiwe ubungozi kanye namathuba azovuleka, khona maduze nje kuzokhishwa izimiso zokugcina futhi lokhu kuzolandelwa wuhlelo lokucutshungulwa kwezicelo nokunikezwa kwezimvume.

Sibheke ukuthi siphothule ukuthengwa kwamamegawathi kagesi wenonzi ayizi-9 600.

Sebeqokiwe abakhiqizi beziphehlamandla zezitshalo futhi sebeqalile ukusebenza.

Malungu Ahloniphekile,

Ngempela singasho kugcwale umlomo ukuthi izwe lethu liyizwe elimatasatasa, elisebenzayo futhi elingcono kakhulu kunakuqala umuntu angaphila kulona. Kumele siqhubeke nalo mfutho.

Malungu Ahloniphekile,

Umcebo wethu omningi wakheka ngokusebenzisa i-inthanethi noma ezokuxhumana ngezingcingo.

Kule minyaka emihlanu edlule, umkhakha ozimele kanye nokahulumeni sewakhe futhi waxhuma amakhebuli efayibha athutha idatha nolwazi alinganiselwa kumakhilomitha ayizi-37 000 ubude.

Siyaziqhenya ngempumelelo yethu emkhakheni wezesayensi nobuchwepheshe. Uzophothulwa ngekota yokuqala yowezi-2014 umsebenzi wokwakhiwa kwesibonakude sokuqala esinezindishi ezingama-64, esandulela ukwakhiwa kwesibonakude esikhulukazi esibizwa nge-Square Kilometre Array, i-MeerKAT.

Malungu Ahloniphekile,

Izibonelelo zethu zokukhuthaza umkhakha wezokukhiqizwa kwempahla sezikhombise izithelo ezinhle.

Uhlelo Lokutshalwa Kwezimali Emkhakheni Wokwakhiwa Kwezimoto olwethulwa ngowezi-2009 selwamukele ukukhishwa kwezibonelelo ezilinganiselwa kwizigidigidi ezingu-R3.8 zokukhuthaza imiklamo yokutshalwa kwezimali ecishe ibe yi-160. Lokhu kuqinisekisa ukuba khona kwamathuba omsebenzi angaphezu kwezi-50 000.

Lezi zinkampani zizokwakha izimoto, amakhumbi kanye namabhasi.

Sesilethe uzinzo emkhakheni wezingubo, indwangu, isikhumba kanye nezicathulo, okuyimikhakha obekudilizwa kuyona abasebenzi kakhulu.

Kunezimboni eziningana ezisungulelwe ukwakha imikhiqizo ngaphakathi kuleli lizwe futhi ezosetshenziswa kuleli lizwe. Lezi zibandakanya izimboni zamabhasi, imifino esemathinini, izingubo, indwangu, isikhumba, izicathulo kanye nezinye izimpahla.

Sinezibonelo eziphathekayo zempumelelo yohlelo yokukhiqizwa kwempahla ngaphakathi kuleli lizwe lethu.

Kule minyaka emibili nje kuphela edlule, kuleli lizwe kwakhiwe amakhumbi angaphezu kwezi-20 000 kanye namabhasi angama-330, lokhu sekuhehe ukutshalwa kwezimali futhi kwathuthukisa namadolobha ethu.

Kule minyaka emihlanu ezayo, umbuso uzothenga okungenani ama-75% ezimpahla zawo nemisebenzi kubakhiqizi baseNingizimu Afrika.

Bantu baseNingizimu Afrika,

Kumele sisebenze ngokuzikhandla okukhulu kunakuqala ukuthuthukisa osozimboni abasafufusa noma osozimboni abamnyama.

Abantu abaningi abamnyama abanesifiso sokuba ngosozimboni bakhononda ngobunzima abahlangabezana nabo ukuthola ukuxhaswa ngezimali zokusungula izimboni, nezimakethe zokuhlinzeka nokuthengisa ngempahla yabo, kanye nokuthola ulwazi olufanelekile lomsebenzi wezokukhiqizwa kwempahla.

Isikhwama Sikazwelonke Sokufukulwa Kwabamnyama Kwezomnotho, Inhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni kanye noPhiko Lokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Asafufusa zizoqhubeka nokuxhasa ngezimali amabhizinisi abantu abamnyama athembisayo, ukuze kugqugquzelwe ukusungulwa kwezimboni.

Ngaphezu kwalokho, sikhuthaza amabhizinisi asethuthukile ukuthi asekele ukuthuthukiswa kwezimboni zabamnyama.

Umkhakha wezolimo ngumkhakha obalulekile ovula amathuba omsebenzi amaningi futhi ohlinzeka ngamathuba okusungula amabhizinisi.

Uhlelo lwethu lokuxhasa ezolimo olubizwa nge-Fetsa Tlala, lukhiqiza osomabhizinisi abasha abathumela imikhiqizo yabo emazweni angaphandle.

Ngenyanga edlule, abalimi abasafufusa bokuqala abangama-88 abayingxenye yalolu hlelo bahlinzeke uHlelo lweNhlangano Yezizwe Lokuhlinzeka Ngokudla Emhlabeni ngamathani angama-268 ombila nobhontshisi azothunyelwa kwelaseLesotho. Silindele ukuthi sikhuphuke lesi sibalo.

Futhi sizoqhubeka nokugqugquzela umkhakha wethu wezokudoba, okuwumkhakha ofaka imali elinganiselwa kwizigidigidi eziyisithupha zamarandi emnothweni wethu futhi ohlinzeka ngamathuba omsebenzi ayizi-27 000.

Malungu Ahloniphekile,

Sesenze inqubekelaphambili encomekayo ohlelweni lokulethwa kwezinguquko kwezomhlaba.

Kusukela ngowe-1994, acishe afinyelele kwizi-5 000 amapulazi, alinganiselwa kumahekthare omhlaba ayizigidi ezingu-4,2, asedluliselwe ezandleni zabantu abamnyama, futhi lokhu kuhlomulise imindeni engaphezu kwezi-200 000.

Cishe ziyizi-80 000 izicelo eseziphothuliwe zokubuyiselwa umhlaba olinganiselwa kumahekthare ayizigidi ezingu-3,4 futhi lokhu kuhlomulise abantu abayizigidi ezingu-1,8.

Uhulumeni ozothatha izintambo kuzodingeka ukuthi aqhubekisele phambili izinhlelo eziningana zokungenelela, ngokusebenzisa inqubomgomo, umthetho kanye nezinyathelo eziphathekayo, ukuze kuqhutshekwe nokulungisa inkinga yokuphucwa kwabantu bethu umhlaba wabo.

Lezi zinhlelo zibandakanya nezindaba eziphathelene nokusungulwa kweHhovisi Lesikhulu Esiyinhloko Sokubekwa Kwezilinganiso Zamanani Entengo Yomhlaba futhi emva kwalokho kuzobe sekuvulwa kabusha ithuba lokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba.

Malungu Ahloniphekile,

Ngempela iNingizimu Afrika isiyizwe elingcono kakhulu umuntu angaphila kulona.

Manje ngizobika ngohlelo lwethu lokuletha uguquko kwinhlalo yomphakathi.

Imfundo iyisitebhisi esizolekelela ukuthi izigidi ngezigidi zabantu bethu baphume empilweni yobubha.

Ngakho-ke kuyintokozo ukubona ukuthi sikhule kakhulu isibalo sezingane ezisesikoleni, kusukela emazingeni emfundo yezingane ezisezincane kuze kufinyelele emazingeni emfundo ephakeme.

Isibalo sezingane ezifunda iBanga R sesiphindaphindekile kusuka ezinganeni ezilinganiselwa kwizi-300 000 kuya ngaphezu kwezingane eziyizi-700 000 phakathi konyaka wezi-2003 nowezi-2011.

Uhlaka Lwenqubomgomo Ehlongozwayo okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi Zonke Izingane Ziyangena kwiBanga R selushicileliwe kusomqulu kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngalo, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi zonke izingane ziyaphoqeleleka ukufunda iBanga R.

Bakwethu,

Izingane eziyizigidi eziyisishiyagalombili azikhokhi esikoleni, kanti eziyizigidi eziyisishiyagalolunye zithola ukudla okunempilo ezikoleni okuphuma kuhulumeni, ukuze zifunde kahle zingabulawa yindlala.

Izinga lokuphumelela kwabafundi bakamatikuletsheni likhuphukile kusuka kuma-61% ngowezi-2009 lafinyelela kuma-78% ngonyaka odlule futhi isibalo sabafundi abathola imiphumela emihle ebavumela ukungena enyuvesi siyakhuphuka minyaka yonke.

Ngokusebenzisa Uhlelo Lokuhlola Lonyaka Lukazwelonke, siyakwazi ukubona nokulandela ubungcono obenzekayo kanye nezinhlelo zokungenelela ezidingekayo, ikakhulu, esifundweni sezibalo kanye nesesayensi.

Ukuze kugqugquzelwe ukubandakanywa kwabantu bonke kanye nokubhekelela ukwahlukana kwabantu, isifundo soLimi Lokukhuluma Ngezimpawu Zezandla lwaseNingizimu Afrika sizokwethulwa ezikoleni kusukela ngonyaka ozayo, unyaka wezi-2015.

Ngokusebenzisa uhlelo lwe-Kha Ri Gude sesisikhuphulile isibalo sabantu abadala abakwaziyo ukufunda nokubhala sisuka kwizigidi ezingu-2,2 ngowezi-2008 safinyelela kubantu abayizigidi ezintathu.

Futhi sitshale izimali emkhakheni wezokuqeqeshwa kothisha ngokuthi siwavule kabusha amakolishi okuqeqesha othisha ukuze kubhekwane nesidingo esikhulayo sothisha.

Ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abafundi bafundela ngaphansi kwezimo ezifanelekile, sesakhe izikole ezintsha ezingama-370 ezithatha indawo yezikole zodaka kanye nezinye izakhiwo ezingafanelekile ezweni lonke. Lolu hlelo luyaqhubeka.

Bantu bakithi,

Nasemkhakheni wezemfundo ephakeme sinezindaba ezimnandi esingaxoxa ngazo.

Isibalo sabafundi abafunda emanyuvesi sikhuphuke nge-12% kanti isibalo sabafundi abafunda Emakolishi Okuqhuba Imfundo Nokuqeqesha (ama-FET) sikhuphuke ngama-90%.

Sisikhuphulile isabelomali soHlelo Lukazwelonke Lokuxhasa Abafundi Ngezimali safinyelela kwizigidigidi zamarandi eziyisishiyagalolunye ukuze kubhekwane nesibalo esikhulayo sabafundi abadinga ukuxhaswa ngezimali zokufunda.

Okunye okukhulu okufezekisiwe kuleli hlandla lokuphatha kube ukusungulwa kwamanyuvesi amabili amasha, i-Sol Plaatje esifundazweni saseNyakatho Kapa kanye neNyuvesi yaseMpumalanga.

Futhi sizokwakha namaKolishi e-FET amasha ayi-12 eLimpopo, Mpumalanga, KwaZulu-Natali kanye naseMpumalanga Kapa.

Bantu bakithi,

Ukwethulwa koHlaka Lukazwelonke Lokubambisana Kwezemfundo ngonyaka odlule kube yisigameko esibalulekile kuleli lizwe. Sithanda ukufisela ithimba eliqokiwe impumelelo ngenkathi lenza umsebenzi walo wesizwe.

Bantu bakithi,

Sinendaba emnandi esingayixoxa futhi mayelana nomkhakha wezempilo.

Kule minyaka emihlanu edlule, kwakhiwe izikhungo zezempilo ezintsha ezingama-300, kubandakanya nemitholampilo emisha eyi-160. 

Ziyishumi izibhedlela ezintsha ezakhiwe noma ezilungiswe kabusha e-Ladybrand, Germiston, Mamelodi, Natalspruit, eThekwini, Zola, Bojanala, eSifundeni sase-Vryburg, Swartruggens, Khayelitsha kanye nase-Mitchell’s Plain.

Somlomo Ohloniphekile,

Sihlalo we-NCOP Ohloniphekile,

Ukuguqulwa kwesimo esiphathelene neGciwane Lesandulelangculazi (i-HIV)   neNgculazi (i-AIDS)  ngenye yezinto ezinkulukazi ezifezekiswe yilo hulumeni futhi izwe lethu lisetshenziswa yiziNhlelo Zezengculazi zeNhlangano Yezizwe (UNAIDS) njengelizwe eliyisibonelo.

Ukusuleleka kwabantwana nge-HIV isuka komama kwehle kakhulu, futhi sesiphindaphindeke kabili isibalo sabantu abelashwa ngemishanguzo yokudambisa ingculazi (ama-ARV); sisuke kwisigidi esisodwa sayofinyelela kubantu abayizigidi ezingu-2,4 ngowezi-2013.

Bangaphezu kwezigidi ezingama-20 abantu baseNingizimu Afrika asebehlolelwe i-HIV kusukela kwethulwa lo mkhankaso ngowezi-2011, okukhombisa ukuthi abantu bayaluthemba uhlelo lwezempilo.

Iminyaka yokuphila kwabantu iyakhula kakhulu.  Abantu baseNingizimu Afrika sebephila isikhathi eside kunakuqala.

Uhulumeni ozothatha izintambo kuzomele uqinisekise ukuthi

okungenani abantu abayizigidi ezingu-4,6 bafakwa ngaphansi kohlelo lokwelashwa

ngama-ARV.

Sithanda ukubonga igalelo loMkhandlu Kazwelonke Wezengculazi waseNingizimu

Afrika ngokusebenza kwawo ngokuzikhandla okukhulu.

Njengoba sithokozela impumelelo yethu, akumele sehlise umfutho wethu ngoba

sibona sengathi izinto seziyalunga. Umsebenzi wokunqanda ukusuleleka kwabantu

kumele uqhubeke ukuze sifinyelele ngokushesha kwinjongo esizibekele yona

yokuqinisekisa ukuthi akekho noyedwa umuntu ongenwa yi-HIV.

Uma kubhekwa umkhakha wezempilo wonkana, sesizongena esigabeni esisha

sokuqaliswa kokusebenza kohlelo loMshwalense Kazwelonke Wezempilo,

oluzoqinisekisa ukuthi abantu abahlwempu nabo bayakuthola ukunakekelwa

kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu.

Sihlalo Ohloniphekile we-NCOP,

Somlomo Ohloniphekile,

Izinga lobugebengu lehle ngama-21% kusuka ngowezi-2002 futhi uyaqhubeka umsebenzi wokwenza imiphakathi ihlale iphephile.  

Enye yezindima ezibalulekile okugxilwe kuzona ngukuqeda udlame oluqondiswe kwabesifazane nezingane. Sesiqhamuke nezinyathelo eziningana zokubhekana nale nselelo.

Lezi zinyathelo zibandakanya nokuvulwa kabusha kweziMpiko Zokulwisana Nodlame Lwemindeni, Nokuvikelwa Kwezingane kanye Nokulwisana Namacala Ezocansi kanjalo nokuvulwa kabusha kweziNkantolo Zamacala Ezocansi.

Sithanda ukubonga Izinhlangano Ezingekho Ngaphansi KukaHulumeni eziningi ezagqugquzela ukuhlonishwa kwamalungelo abesifazane nezingane, futhi afaka isandla esibonakalayo kulo msebenzi obaluleke kangaka.

Izwe lethu liyaqhubeka nokuba yisisulu sabazingeli bobhejane abazingela ngokungemthetho.

Izimpiko zethu eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho zisebenza ngokuzikhandla okukhulu ukuqeda lesi sihlava. Futhi sesenze izivumelwano ne-China, Vietnam, Kenya, Mozambique kanye namanye amazwe angaphansi kweNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) ngenhloso yokusebenzisana ukuze sibunqande lobu bugebengu.

Siyawubonga umphakathi wabamabhizinisi kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza emkhankasweni wokuvikela obhejane.

Bantu bakithi,

Ukuzimela kophiko lwezobulungiswa sekuqiniswe kakhulu kunakuqala ngokusungulwa kweHhovisi leJaji Eliyinhloko njengesikhungo esizimele esingekho ngaphansi koMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo. Sesiphasise imithetho eminingana ngenhloso yokusekela leli qhaza elisha leHhovisi leJaji Eliyinhloko.

Iyabonakala inqubekelaphambili eyenziwayo mayelana nokulethwa koguquko ophikweni lwezobulungiswa ukuze kubonakale ngokucacile ukumelwa kwezinhlanga zaleli lizwe ngokwesibalo sazo, futhi ukuze kubhekelelwe nodaba lobulili. 

IJaji Eliyinhloko laseRiphabhulikhi liyaqhubeka nokuluzabalazela nokuluhola lolu guquko.

Uma kubhekwa isibalo samajaji onke njengamanje, amajaji amnyama (Abomdabu, amaNdiya kanye namaKhaladi) angama-61%.

Kodwa-ke iyaqhubeka nokuletha ukukhathazeka inkinga yesibalo esingaphansi kakhulu kwesilindelekile sabesifazane abangamajaji. Emajajini aleli lizwe angama-239, kunamajaji abesifazane angama-76 kuphela. 

Inselelo esibhekene nayo ukuletha uguquko olubanzi emkhakheni wemisebenzi yezomthetho ukuze sikhule isibalo sabesifazane okungaqokwa kubona labo abazoba ngamajaji.

Ukuphothulwa koMthethosivivinywa Womsebenzi Wezomthetho kuzolekelela ukuthi kwandiswe isibalo sabesifazane okungaqokwa kubona amajaji.

Somlomo Nosihlalo Abahloniphekile,

Abantu baseNingizimu Afrika bayavumelana ngokuthi bafuna umphakathi ongenayo inkohlakalo. Impi yokulwisana nenkohlakalo emkhakheni wezemisebenzi kahulumeni seyibonakalisa izithelo ezinhle.

Kusukela iKhomishana Yezemisebenzi Kahulumeni yethula iNombolo Kazwelonke Yokubika Izenzo Zenkohlakalo, sekunamacala enkohlakalo nawokungaphathi ngendlela efanele angaphezu kwezi-13 000 asedluliselwe eminyangweni kahulumeni ukuze afakelwe izibuko futhi aphenywe.

Uhulumeni usebuyise imali engaphezu kwezigidi ezingama-R320 kubenzi benkohlakalo ngosizo lweNombolo Kazwelonke Yokubika Izenzo Zenkohlakalo.

Ezinye zezimpumelelo ezenzeke ngenxa yeNombolo Kazwelonke Yokubika Izenzo Zenkohlakalo zibandakanya lokhu okulandelayo:

  • Bayi-1 542 abasebenzi bahulumeni abaxoshiwe.
  • Bayi-140 abasebenzi bahulumeni abahlawuliswe umholo wabo wezinyanga ezintathu.
  • Bangama-20 abasebenzi bahulumeni abahlisiwe ezikhundleni.
  • Bangama-355 abasebenzi bahulumeni abanikezwe izixwayiso zokugcina ezibhalwe phansi.
  • Bangama-204 abasebenzi bahulumeni ababekwe amacala.

Ukuze kuvinjelwe inkohlakalo ohlelweni lokuthengwa kwempahla nemisebenzi, uhulumeni usenqume ukusungula ibhodi yamathenda eyodwa ezolawula ukukhishwa kwamathenda kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.

Le bhodi yamathenda izosebenzisana nesikhulu esiyinhloko yophiko lokuthengwa kwempahla nemisebenzi, futhi umsebenzi wakhe omkhulu kuzoba ukubheka amanani entengo nokuqinisekisa ukulandelwa kwezinqubo ezibekiwe kanjalo nokungenzeleli.

Uphiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu njengamanje luphenya izenzo zokungaphathi ngendlela efanele noma izinsolo zenkohlakalo eminyangweni kahulumeni eminingana kanye nezinkampani zikahulumeni, ngokwezitatimende ezisemthethweni zokuphenya ezingama-40 ezisayindwe nguMongameli ngaphansi kwalo hulumeni ophethe. Sizowazisa umphakathi ngemiphumela yalolu phenyo oluqhubekayo.

Ezinyangeni zokuqala eziyisithupha zonyaka odlule, uPhiko Oludla Impahla Etholakale Ngenxa Yenkohlakalo lwafaka isamba semali eyizigidi eziyi-R149 kwi-Akhawunti Yokubuyiswa Kwempahla Ethengwe Ngemali Yezenzo Zobugebengu futhi kwanxeshezelwa nezisulu zobugebengu.

Lesi samba singaphezulu ngama-170% emkhawulweni obeluzibekele wona lolu phiko, wezigidi ezingama-R55 futhi yisamba esikhulu kunazo zonke ezake zatholwa wuphiko esikhathini esingunyaka owodwa ogcwele.

Ngonyaka odlule, iziphathimandla zomkhakha wezokuncintisana ziphenye umkhuba wenkohlakalo yomkhonyovu omkhulu wokusebenzisana ngokungemthetho ngenhloso yokugcina amanani entengo ephezulu embonini yezokwakha futhi izinkampani ezatholakala zinecala zahlawuliswa imali eyizigidigidi ezingu-R1,4.

Zikhona ezinye izinyathelo eziqhubekayo ezithathelwa labo ababandakanyekayo kule nkohlakalo.

Bantu bakithi,

Ngithanda ukuthi qaphu qaphu kafushane ngokuhlinzekwa kwabantu bethu

ngezidingongqangi.

Eminyakeni engama-20 edlule, kwenziwe amagxathu amakhulu ekukhuliseni isibalo

sabantu abathola izidingongqangi ezinjengamanzi, ukuthuthwa kwendle kanye

nogesi.

Uhulumeni useqalise uhlelo olunohlonze lokuqeda ukuthuthwa kwendle ngamabhakede, njengomzamo wokubuyisa isithunzi sabantu bethu.

Isigaba Sokuqala salolu hlelo sizoqeda amabhakede emalokishini ahlelekile eFreyistata, eMpumalanga Kapa kanye naseNyakatho Kapa.

Isigaba Sesibili sizoqeda amabhakede ezindaweni eziyimijondolo kuzo zonke izifundazwe.

Emkhakheni wezezindlu, zilinganiselwa kwizigidi ezintathu izindlu ezakhiwe, futhi zingaphezu kwezi-855 000 iziza ezisevisiwe kusukela ngowe-1994.

Kule minyaka emihlanu edlule, cishe zingama-500 izindawo eziyimijondolo eziqediwe ngokuthi kwakhiwe izindlu ezisezingeni elifanelekile futhi zahlinzekwa ngezidingongqangi.

Uhulumeni ozothatha izintambo uzogqugquzela imiklamo yokwakhiwa kwezindlu ezindaweni ezifanelekile, futhi ezenzelwe abantu abathola imiholo yamazinga ahlukahlukene.

Bantu bakithi,

Namanje eminye imiphakathi ayikazitholi lezi zidingongqangi, ikakhulu ezindaweni eziyimijondolo kanye nasezindaweni zasemakhaya. Ngakho-ke sisebenzisana nazo zonke izinhlaka zikahulumeni ukuqinisekisa ukuhlinzekwa kwalezi zidingongqangi, ikakhulu komasipala abangama-23 abanesibalo esikhulu sokusalela emuva kokuhlinzekwa kwezidingongqangi.

Bantu bakithi,

Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe yangonyaka odlule, ngazwakalisa ukukhathazeka kwami ngokubheduka kodlame kweminye imibhikisho eyenzeka ezweni lethu.

Emasontweni ambalwa adlulile yenzekile futhi imibhikisho ehambisana nodlame ezindaweni eziningi ezweni lonke.

Futhi okukhathaza kakhulu wudlame olubonakala sengathi luhleliwe, njengoba kwenzekile ngenkathi kusetshenziswa amabhomu kaphethiloli kanye nezinye izikhali emibhikishweni eqhubekayo.

Uhulumeni wentando yeningi labantu  uyaleseka ilungelo lezakhamuzi lokuzwakalisa imizwa yazo.

Ilungelo lokubhikisha ngokuthula futhi kungahlonyiwe, livikelwe nguMthethosisekelo.

Kodwa-ke, imibhikisho ebeka izimpilo zabantu nempahla yabo engozini futhi ecekela phansi ingqalasizinda ebalulekile eyenzelwe ukusiza umphakathi, ibukela phansi le ntando yeningi labantu evikela ilungelo lokubhikisha.

Izikhalo ezivamise ukuzwakala kakhulu ngenkathi kuqhubeka imibhikisho eNingizimu Afrika ngezokuthi le mibhikisho ibangelwe yizinsolo zokuhluleka kukahulumeni.  

Kodwa-ke imibhikisho ayibangelwa nje kuphela “ukuhluleka” kukahulumeni kepha ibangelwa futhi yimpumelelo kahulumeni ekuhlinzekeni abantu ngezidingongqangi.

Uma amakhaya angama-95% ethola amanzi, lawa angama-5% angakahlinzekwa ngamanzi, azizwa ephelelwa yisineke sokulinda.

Impumelelo ezuziwe nayo ingenye yezizathu ezenza ukuthi abantu balindele okukhulu.

Ngithanda ukwengeza futhi, Malungu Ahloniphekile, ukuthi nanoma ikuphi ukulahleka kwempilo yomuntu ezandleni zamaphoyisa, ngenkathi ezama ukuletha uzinzo ngenkathi kuqhubeka imibhikisho, akuyona into okumele ishaywe indiva noma ikhuthazwe.

Ukulahleka kwempilo yomuntu akuyona neze into encane. Kumele sithole ukuthi kwenzekeni, nokuthi kungani kwenzekile lokho. Noma ikuphi ukuphulwa komthetho okwenzekile kumele kubhekwane nako ngqo futhi kuthathwe nezinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe. Ngaso sonke isikhathi uma amaphoyisa ethatha izinyathelo, lezo zinyathelo kumele kube ngezivunyelwe ngumthetho.

Nakuba sengikushilo lokho, nathi njengomphakathi kumele sikhathazeke ngokuthi phakathi kowezi-2005 nowezi-2013 cishe angama-800 amaphoyisa abulelwe.

Amaphoyisa angabavikeli bomphakathi futhi awumgoqo phakathi kwentando yeningi labantu esekelwe phezu kokuhlonishwa komthetho, kanye nombuso oyinhlakanhlaka lapho noma ngubani ephula umthetho ngokuthanda kwakhe. Njengoba sibheke ukuthi amaphoyisa aphendule ngezenzo zawo, kumele sicophelele ukuthi asenzi izinto ezizoholela ekutheni umbutho wamaphoyisa uthathwe njengombutho oyize leze, ongekho emthethweni futhi sikhuthaze inxushunxushu nokungahlonishwa komthetho emphakathini.

Isikompilo lodlame laqala esikhathini esedlule sobandlululo. Kudingeka ukuthi nathi sizihlolisise ngokwethu ukuthi simsulwa yini, ngenkathi senza imizamo yokuqeda lesi sihlava.

Njengabaholi abavela ezinhlakeni ezihlukahlukene, kumele sibheke emuva sicabange ngalokho esakwenza noma esingakwenzanga, ukuqeda udlame olwabheduka kwimibhikisho ngenkathi sisanda kusungula umbuso wethu wentando yeningi labantu. 

Sinesibopho sokusebenza ngokubambisana ngenhloso yokwakha umphakathi ohlonipha umthetho, ohloniphanayo futhi ohlonipha impilo yomuntu kanye nempahla.

Kumele sisebenzisane ukuze sivuselele uBuntu kanye nesikompilo lokuziphatha ngendlela eyamukelekile emphakathini wethu.

Somlomo Ohloniphekile,

Sihlalo we-NCOP Ohloniphekile,

Sithathe isinqumo sokwenza ngcono ukusebenza kohulumeni basekhaya.

Ngokuchitshiyelwa koMthetho Wezinhlelo Zomasipala, kuhloswe ukuthi kwenziwe ngcono ikhono lomasipala lokuhlinzeka ngezidingongqangi.

Komasipala, kumele kuqashwe abasebenzi abaqeqeshiwe futhi abanolwazi olunzulu lomsebenzi.

Kumele futhi siqinise nezigcawu ezikhona njengamanje zokubamba iqhaza kwabantu futhi kumele sinikeze abantu bethu ithuba lokudlala indima ebonakalayo kwintuthuko.

Futhi kumele iqiniswe impi yokulwisana nenkohlakalo, ikakhulu uma sibheka imibiko yokuthi kuyaphazanyiswa, noma kumiswa ngamabomu ukuthunyelwa kwezidingongqangi ezithile, ngenhloso yokuhlomulisa abantu abathile ngokuthi kube yibona abahlinzeka ngalezo zidingongqangi bese umbuso ubakhokhela ngomsebenzi abawenzile.

Lezi zindaba zibekwe eqhulwini, ukuze zifakelwe izibuko nguhulumeni ozothatha izintambo.

Somlomo noSihlalo Abahloniphekile,

Inqubomgomo yezangaphandle yezwe laseNingizimu Afrika elibuswa ngokwentando yeningi labantu yahlanganiswa eminyakeni engamashumishumi eyadlula ngenkathi kuqhubeka umkhankaso onamandla wamazwe ngamazwe wokukhipha inyumbazane umbuso wobandlululo.

UMongameli we-ANC, u-Oliver Tambo, wadlala indima ebalulekile kulokhu, elekelelwa ngabanye abaholi, phakathi kwabo okwabe kukhona no-Johnny Makatini ongasekho, phambilini owabe eyinhloko eyengamele izindaba zamazwe ngamazwe.

Owakwakhe, uNkk Valerie Makatini ungomunye wezitatanyiswa ezinathi lapha kusihlwa nje.

Izwekazi lase-Afrika liyaqhubeka nokuba ngumongo wenqubomgomo yethu yezangaphandle. Sisebenze kanzima ukuqinisa indlela esisekela ngayo Inhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika, ne-SADC kanye nazo zonke izinhlangano zaleli zwekazi ezinenjongo yokuletha uxolo nokuvikeleka.

Okunye esikubeke eqhulwini ukugqugquzelwa kokudidiyelwa komnotho wesifunda, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, ukuhwebelana kwamazwe ase-Afrika kanye nentuthuko esimeme kuleli zwekazi.

Futhi kulo nyaka sithumele umbiko wezwe lethu wesithathu Ohlelweni Lwe-AU Lwamazwe Angontanga Lokubuyekeza Indlela Asebenza Ngayo Amazwe ase-Afrika, futhi lo mbiko wamukelwe ngezandla ezifudumele.

Siyaqhubeka nokusekela imizamo yokuletha uxolo nezixazululo emazweni akhahlamezwe yimibango.

Kunenqubekelaphambili ebonakalayo ezingxoxweni eziphakathi kwelizwe lase-Sudan kanye nelaseNingizimu Sudan mayelana nezindaba ezingakaxazululwa kulandela ukuhlubuka kwelizwe laseNingizimu Sudan.

Emva kokuthola izicelo ezivela kwelase-Sri Lanka kanye nelaseNingizimu Sudan zosizo lokuletha uxolo nokubuyisana, uMnu Cyril Ramaphosa useqokwe njengeNxusa Elikhethekile leNingizimu Afrika elizolekelela lawa mazwe amabili.

Ulwazi lwakhe olunzulu lokuxazulula imibango nokubonisana kanye nomlando wezwe lethu owaziwayo ezimweni ezinjengalezi, kuzowalekelela kakhulu lawa mazwe amabili ukusombulula izinkinga zawo.

Sizoqhubeka nokuqinisa ubudlelwano bethu neYurophu, iNyakatho Melika, i-Latin America, i-Asia kanye namazwe aseNingizimu.

Ukubamba iqhaza kwizigcawu zamazwe ngamazwe ezinjenge-G20 kube nosizo olukhulu ezweni lethu.

Futhi ukujoyina kweNingizimu Afrika iqembu lamazwe e-Brazil, Russia, India kanye ne-China (BRIC) ngoZibandlela 2010 kubalwa njengenye yezinto ezibalulekile ezifezekiswe nguhulumeni wehlandla lesine.

Futhi kwaba yintokozo enkulu ukusingatha iNgqungquthela Yesihlanu ye-BRICS mhlazi ngama-27 kuNdasa 2013 eThekwini, lapho kwakumenywe khona nabaholi base-Afrika ukuze bazoxoxisana nombimbi lwe-BRICS ngokubambisana kwezentuthuko.

Sizoqhubeka nokusebenza ngobuhlakani kwiNhlangano Yezizwe ngenhloso yokugqugquzela ukuphathwa kwamazwe ngamazwe ngendlela enohlonze.

Sizoqhubeka futhi nokugqugquzela ukuqaliswa kwezinguquko eMkhandlwini Wezokuvikela weNhlangano Yezizwe kanye nakwizikhungo zezimali emhlabeni jikelele.

Malungu Ahloniphekile,

NjengoMongameli wengqungquthela ye-COP17/CMP7 yeNhlangano Yezizwe Yokulwisana Nokuguquka Kwesimo Sezulu eyabe isingathelwe eThekwini ngowezi-2011, iNingizimu Afrika yabeka umhlaba emgudwini ongabuyeli emuva futhi ongephikiswe, ngoba kwamukelwa ngokusemthethweni Isithangamu saseThekwini Sezinyathelo Ezenziwe Ngcono.

Bantu bakithi,

Eminyakeni engama-20 edlule, izwe lethu lisingathe imicimbi eminingi yezemidlalo yamazwe ngamazwe kanye neyezamasiko, futhi lokhu kulekelelile ukukhuthaza ubumbano lomphakathi.

Kule minyaka emihlanu edlule, iNingizimu Afrika yasingatha umqhudelwano weNdebe Yomhlaba Kanobhutshuzwayo ye-FIFA yowezi-2010 owaba yimpumelelo enkulu kanye neminye imiqhudelwano ebalulekile kanobhutshuzwayo, yebhola lombhoxo kanye neyekhilikithi, futhi le miqhudelwano yashiya umuzwa oqinile wokuziqhenya nobumbano kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

Njengoba sigubha iminyaka engama-20 yenkululeko, sikwenza lokho ngeqholo lokwazi ukuthi senze kahle kakhulu ukwakha indima entsha yamagugu nomlando wezwe lethu.

Ziningana izigcinamagugu ezakhiwe, kanye namatshe esikhumbuzo, kubandakanya nomfanekiso oqoshiwe kaMongameli Waphambilini uMandela, osungugqamezweni owakhiwe eziNdlini Zombuso.

Sekuguqulwe amagama ezindawo ezingaphezu kwezi-2 000 ukuze kulungiswe iphutha lokuqanjwa kwezindawo ngamagama angafanelekile, kanjalo nokunikeza imiphakathi ilungelo lokuziqambela izindawo zayo.

Malungu Ahloniphekile,

Ngivumeleni ukuthi ngithulele isigqoko abanye abantu bakithi abayibekile induku ebandla emhlabeni jikelele.

Ngifisa ukuhalalisela aMambazo Amnyama ngokunqoba kwawo indondo yawo yesine ye-Grammy ngenyanga edlule. Sithanda ukwamukela umholi weqembu, uMnu Joseph Shabalala, ongomunye wezitatanyiswa zethu kusihlwa nje.

Futhi sithanda ukwamukela noNkk Yvonne Chaka Chaka ongomunye wezimenywa zethu kusihlwa nje.

Wenza umsebenzi omuhle kakhulu njengeNxusa Lesihe Lesikhwama Sezingane seNhlangano Yezizwe esilwisana neSifo Sikamalaleveva futhi uyiNxusa Elikhethekile Elimele i-Afrika Emkhakheni Wezinjongo Zekhuluminyaka weNhlangano Yezizwe.

UNkk Chaka Chaka wahlonishwa ngendondo ye-Crystal Award yiSigcawu Sezomnotho Emhlabeni e-Davos ngenxa yomsebenzi wakhe wesihe nokusiza abantu.

Sithanda futhi nokuhlonipha, uNksz Charlize Theron, ongusaziwayo wethu wase-Hollywood owanqoba indondo ye-Oscar, nakuba engekho lapha phakathi kwethu.

UNksz Theron naye uyiNxusa loXolo  leNhlangano Yezizwe. Futhi uyisishoshovu esihola umkhankaso wokulwisana nesifo sengculazi, ikakhulu entsheni nabantu besifazane.

Naye futhi wahlonishwa yiSigcawu Sezomnotho Emhlabeni ngendondo ye-Crystal Award.

Bantu bakithi,

Ngiyacabanga ukuthi nibonile ukuthi kule-SoNA nginikeze umbiko weminyaka emihlanu edlule, futhi ikakhulu nombiko weminyaka engama-20 edlule.

Lona akuwona umcimbi wokwethula uhlelo lokusebenza lwalo nyaka wezimali. Lolo hlelo luzokwethulwa nguhulumeni omusha emva kokhetho.

Ukulungiselela i-SoNA ezokwethulwa nguhulumeni ozothatha izintambo ngokuhamba kwalo nyaka, sihlanganise Uhlaka Lokusebenza Lwesikhathi Esimaphakathi.

Lolu hlaka lwenzelwe ukuthi lube yisisekelo sokuqala sokuqalisa ukusebenza koHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe, kusukela ngowezi-2014 kuya kowezi-2019.

Futhi lufaka phakathi nemikhawulo ebalulekile okumele ifezekiswe yoHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni, Nomgudu Omusha Wokukhulisa Umnotho kanye noHlelo Lwengqalasizinda.

Injongo yalokhu ukwethula uHlaka oluhlongozwayo phambi kwe-Lekgotla yokuqala yeKhabhinethi emva kokhetho.

Lolu hlaka luzofakelwa izibuko futhi lwenziwe ngcono nguhulumeni omusha ngokwegunya lokukhethwa kwawo, ukuze umsebenzi uqaliswe ngokushesha emva kokuqokwa kwekhabhinethi entsha.

Kube yintokozo enkulu kimina nohulumeni oholwa yimina ukuthi sisebenzele abantu baseNingizimu Afrika, sakhela phezu kohulumeni abathathu bokuqala bentando yeningi labantu.

Njengelizwe sizuze izimpumelelo eziningi.

INingizimu Afrika iyizwe elingcono kakhulu umuntu angaphila kulona uma kuqhathaniswa nalokho elabe liyikho ngaphambi kowe-1994.

Zisekhona izinselelo esisabhekene nazo. Kodwa noma kunjalo impilo izoqhubeka nokuguquka ibe ngcono.

Nkosi Sikelel’ i-Afrika

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Share this page

Similar categories to explore