Inkulumo Echaza Isimo Sezwe Ithulwa Ngumhlonishwa JG Zuma, uMongameli WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika Ukuhlala Ngokuhlanganyela Kwezindlu Zombili ZePhalamende, eKapa

11 Feb 2010

Somlomo Ohloniphekile;
Sihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe;
Phini Likasomlomo Wesishayamthetho Sikazwelonke Nephini Likasihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe;
Phini Likamongameli WeRiphabhulikhi, Mhlonishwa Kgalema Motlanthe;
Mhlonishwa Jaji Elikhulu LeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile; Ezobulungiswa;
Isithwalandwe Mongameli Nelson Rolihlahla Mandela;
Mongameli Waphambilini FW de Klerk;
Baba wethu, Mongameli Waphambilini Kenneth Kaunda waseZambia;
AmaPhini aboMongameli Baphambilini;
Ondunankulu abahloniphekile Nosomlomo Bezishayamthetho Zezifundazwe zethu;
Sihlalo Wenhlangano Yohulumeni Basekhaya YaseNingizimu Afrika nabo bonke ubuholi bohulumeni basekhaya;
Sihlalo Wendlu Kazwelonke Yamakhosi Endabuko;
Zinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Eziseka Intando Yeningi;
Mphathi Webhangengodla;
Zimenywa Zomhlaba Ezikhethekile, ikakhulukazi uSihlalo Wekhomishana Yenhlangano Yamazwe Ase-Afrika, Mnu. Jean Ping;
Ziboshwa zezombusazwe zangaphambilini kanye nezingqalabutho;
Malungu amanxusa;
Abezindaba BaseNingizimu Afrika kanye nangaphandle;
Zakhamizi zaseNingizimu Afrika;
Dumelang, molweni, goeienaand, good evening, sanibonani nonke emakhaya!
Siyajabula ukuba nani ngalobu busuku obubaluleke kangaka.

Somlomo ohloniphekile,

Ngimi phambi kwenu kule ntambama, sekuphele iminyaka enga-20 selokhu uNelson Rolihlahla Mandela aphuma ejele.

Sikhethe lolu suku ukubiza lokhu Kuhlala Ngokuhlanganyela Kwezindlu Zombili Zephalamende ukuthula Inkulumo Echaza Isimo Sezwe, ukugubha lo mzuzu ongumlando owashintsha izwe lethu.

Ukukhululwa kukaMadiba kwalethwa yimizabalazo eqinile yabantu baseNingizimu Afrika. Ababeyiziboshwa zezombusazwe kanye nezingqalabutho ezinathi namhlanje la zakubona lokho ngoba zaziyingxenye yalolo hlelo.

Nizokhumbula ukuthi abantu bakuleli lizwe, kwizinhlangano zabo ezahlukene, baphendula ngokuzimisela ekhweleni lokwenza izwe lingabuseki nobandlululo lungasebenzi. Sigubha lolu suku neziboshwa zangaphambilini zezombusazwe ezimenywe ngokukhethekile ukuthi zihlanganyele nathi. Samukela kakhulukazi labo abahambe besuka emazweni angaphandle ukuba lapha, uHelene Pastoors, Michael Dingake baseBotswana, Mnu. Andimba Toivo ya Toivo weSwapo eNamibia.

Sijabula kakhulu ukuba namalungu eqembu labameli ecaleni LaseRivonia Lokuvukela umbuso ? Lord Joel Joffe osezinze eLondon manje kanye neJaji u-Arthur Chaskalson.

Sikhumbula futhi sihlonipha uMnu. Harry Schwarz, odlule emhlabeni ngokukhulu ukudabukisa ngesonto elidlule. Phakathi kokunye, wayeyilungu leqembu elalimele abasolwa eRivonia. Sidlulisa ukubonga kwethu kubangani bethu kanye namaqabane emazweni omhlaba ngokulwa ngokuhlanganyela nathi ukuze sithole inkululeko.

Samukela ngokukhethekile umndeni wakwaMandela. Waba wuphawu lokuzinikela kwabaningi abathwala umthwalo wobandlululo.

Sibingelela ubuholi beqembu elibusayo kanye nozakwethu boMbimbi, kubona okuwumcimbi obalulekile lona.

Bantu bakithi kanye nabangani

Kulolu suku olukhethekile, kufanele sivume igalelo lalabo ababesebuholini be-National Party, abagcina bebonile ukuthi ubandlululo lwalungenalo ikusasa. Ngivumeleni ngibalule indima eyadlalwa ngowayenguMongameli Waphambilini uPW Botha. Nguye owaqala izingxoxo mayelana namathuba okukhululwa kweziboshwa zezombusazwe.

UMongameli uBotha wasebenza nowayenguNgqongqoshe Wezobulungiswa uMnu. Kobie Coetzee kanti yena owabe esesizwa nguDkt. Neil Barnard noMnu Mike Louw. Badlala indima ebalulekile enqubeni eyaholela ekukhululweni kukaMadiba.

Bantu bakithi abahloniphekile,

INingizimu Afrika ayikaze ibonge ngokugcwele indima ebalulekile eyadlalwa nguMongameli wangaphambilini we-ANC, Iqabane u-Oliver Tambo, owakha isisekelo sokuthi leli lizwe libe yisibonelo esikhazimulayo senkululeko kanye nentando yeningi.

Kwaba wubuholi bakhe obuqotho, ukubona izinto eziphambili kanye nokucaca kombono okwaholela ukuthi i-ANC iqinise ukufuna isixazululo esenziwe ngezingxoxo. Ubuhlakani bakhe baphinda bavela ngesikhathi sesiMemezelo saseHarare asibhalayo waphinda wasisekela. Yilokhu okwenza umsebenzi oyisisekelo ngezimemezelo ezaba yingqophamlando ezenziwa nguMongameli FW de Klerk eminyakeni engama-20 edlule.

Kulokhu, uMongameli de Klerk wakhombisa isibindi esikhulu kanye nobuholi obukwaziyo ukuthatha izinqumo. Kulolu suku olukhulu, angiphinde ngibonge indima eyadlalwa nguNkz. Helen Suzman ongasekho. Esikhathini eside, nguye kuphela ePhalamende owayeshumayela izwi lokuthi kube khona ushintsho. Sibonga futhi nendima eyadlalwa ngumholi we-Inkatha Freedom Party, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, naye owahlaba ikhwelo ukuthi kukhululwe uMadiba, kanjalo nezinye iziboshwa zezombusazwe kanye nokubuya kwalabo ababesekudingisweni.

Siyaphinda sibonga siyanconcoza emphakathini womhlaba ngokuseseka kwawo emzabalazweni wethu. Lezi zikhathi emlandweni wethu zikhombisa ikhono lethu lokuhlangana, ngisho ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu, futhi sibeke intshisekelo yezwe phezu kwazo zonke ezinye izintshisekelo.

Ngokusebenzisana singenza okuningi.

Malungu ahloniphekile,

Ngokuhamba kwalo nyaka, sizobe siqela ikhulunyaka lokusungulwa kweNhlanganisela Yezwe laseNingizimu Afrika, neyasungulwa ngonyaka we-1910. Lokhu kwakha umbuso owodwa. Kakhulukazi ukushiywa kwabantu abamnyama kule Nhlanganisela kwaba ngesinye sezizathu sokusungulwa kweqembu le-African National Congress ngonyaka we-1912. Njengoba siqeda leli khulunyaka ngokuhamba kwalo nyaka, kufanele sibheke ibanga esesilihambile njengezwe.

Malungu ahloniphekile,

Sikhumbula amazwi kaMadiba ngesikhathi ekhululwa, ngesikhathi ethi:

"Ngimi phambi kwenu, hhayi njengomphrofethi kodwa njengesisebenzi senu esizithobile, nina bantu. Ukuzinikela kwenu okungakhathali futhi okukhombisa ubuqhawe kwenze ngakwazi ukuba la namhlanje. Ngakho-ke ngibeka iminyaka yempilo yami esele ezandleni zenu."

La mazwi asigqugquzela ukuthi singaphumuli, kuze kube sifeza imigomo yomphakathi okhululekile kububha kanye nasencindezweni. Eminyakeni engamashumi amabili selokhu kwakhululwa uMadiba, izwe lethu lishintshe kakhulu. UMongameli Mandela wabumba leli lizwe ngaphansi kwephupho elilodwa leNingizimu Afrika engabandlululi ngokobulili, ngokobuhlanga, enentando yeningi futhi eqhakazile.

Njengoba sigubha ukukhululwa kukaMadiba namhlanje, asiphinde sizibophezele ukwakha ikusasa elingcono lazo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezimnyama nezimhlophe. Asiqhubeke nokufuna ukufeza imigomo ayilwele impilo yakhe yonke uMadiba- umgomo womphakathi okhululekile futhi onentando yeningi, lapho umphakathi uphila ndawonye ngokuthula futhi ube namathuba alinganayo.

Malungu ahloniphekile,

Sibize ukuhlala kwezindlu zephalamende zombili kule ntambama ukuze abantu abaningi ezweni lethu, abasebenzi kanye nezingane zesikole, babe yingxenye yalo mcimbi. Siyajabula ngogqozi olukhonjiswe yintsha ngalo mcimbi. Zingamakhulu amabili namashumi ayisithupha nesithupha izingane ezisuka kuzo zonke izifundazwe ezibambe iqhaza kwinkulumo-mpikiswano eyandulela Inkulumo Echaza Isimo Sezwe mayelana neqhaza lentsha ekulweni nobubha.

Sihalalisela uCharlotte Le Fleur waseSikoleni Samabanga Aphezulu iWorcester odle umhlanganiso kanye nabo bonke ababambe iqhaza ngokusebenza ngokuzikhandla.

Bakwethu kanye nabangani,

Sihlangana ngaphansi kwesimo sokukhahlamezeka komnotho womhlaba.
Ngonyaka odlule, sibhekane nokuphelelwa ngamandla komnotho wethu okokuqala ngqa eminyakeni eyi-17.
Le nkinga iholele ekulahlekeni kwemisebenzi eyi-900 000. Abaningi balabo abalahlekelwa yimisebenzi kwakuyibona abondla imindeni edla imbuya ngothi.

NgoNhlolanja kofile, uhulumeni, abamele amabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi bavumelana ngeqoqo lezinyathelo zokunciphisa umthelela kanye nobukhulu bale nkinga. Sisebenzise eziningi zalezi zinyathelo. Siqalisile ukusebenzisa indlela yokuchitha imali kuhulumeni elwisana nokuphelelwa ngamandla komnotho, kakhulukazi kwingqalasizinda.

Ukuqinisekisa ukuvikeleka kwabadla imbuya ngothi, sisheshe senza ukukhushulwa kwezibonelelo zikahulumeni, saphinda sanyusa iminyaka yezingane ezihola Izibonelelo Zikahulumeni Zezingane zaba ngaphezu kweminyaka eyi-14 ubudala.

Eminyakeni emithathu ezayo, ezinye izingane ezingaphezu kwezigidi ezimbili eziqhamuka emindenini kanye nasemakhaya adla imbuya ngothi ezineminyaka eyi-15 kuya kweyi-18 zizohlomula Kusibonelelo Sikahulumeni Sezingane. Isikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni sibeke eceleni imali eyizigidigidi eziyisithupha zamarandi ukusiza izinkampani ezikhahlamezekile.

Uhulumeni uqalise ?uhlelo lukuqeqeshwa emsebenzini? ukunikeza abasebenzi ithuba lokuqeqeshwa kunokudilizwa. Le mizamo yenziwa ngcono wuHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi

Isizwe sizokhumbula ukuthi kuNkulumo Echaza Isimo Sezwe yonyaka we-2009, ngamemezela ukuthi Uhlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi luzovula amathuba emisebenzi ayi-500 000 ngoZibandlela ka-2009.

Lawa mathuba emisebenzi akhelwe ukunikeza abantu abangasebenzi amasentshana, isipiliyoni somsebenzi kanye namathuba okuqeqeshwa.

Malungu ahloniphekile, Bantu baseNingizimu Afrika,

Sinenjabulo yokubika ukuthi ekupheleni kukaZibandlela, bese sakhe amathuba emisebenzi yomphakathi angaphezu kwe-480 000, nokungamaphesenti angama-97 omkhawulo esasizibekele wona. Imisebenzi yakhiwe ezindaweni ezifana nezokwakha, onompilo bomphakathi kanye nabasemakhaya, kanye nasezinhlelweni zezemvelo.

Sihlonze ezinye izindawo ezidinga ukwenziwa ngcono ezizoba nomthelela kwinqubekela phambili, okubandakanya ezinye izinhlelo ezisebenzisa abasebenzi abaningi. Siyazi ukuthi lezi zinyathelo kanye nezinye ngeke ziqede ngokuphelele umthelela wokukhahlamezeka komnotho. Siyabonga ngomoya womndeni, womphakathi kanye nomsebenzi wobuvolontiya ogqugquzele abantu abaningi ukusiza labo abakhahlanyezwe yile nkinga, kulezi zikhathi ezinzima.

Malungu ahloniphekile,

Izinkomba zomnotho zikhombisa ukuthi sesiyaphuma manje kule nkinga.
Imisebenzi yezomnotho iyakhula eNingizimu Afrika futhi silindele ukukhula ngokuhamba kwesikhathi. Izibalo zabasebenzi ezikhishwe ngoLwesibili, zikhombisa ukuthi manje umnotho wakha imisebenzi kunokuyiqeda.
Kusesekuseni kodwa ukuba nesiqiniseko ngesivinini sokusimama kwawo. Ngakho-ke uhulumeni ngeke azihoxise izinyathelo zakhe zokweseka.
Manje sekuyisikhathi sokwakha umsebenzi oyisisekelo sokukhula ngokuqina njengoba siphikelele phambili, kanye nomnotho okhulisa amathuba emisebenzi.

Uhlelo lwethu lwesikhathi eside lwengqalasizinda luzosisiza ukuthi sikhule ngesivinini. Izinhlelo zethu zezemfundo kanye namakhono zizokhulisa ukukhiqiza kwethu kanye nokuncintisana. Uhlelo lwethu Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni kanye nokugxila kwethu emisebenzini yemvelo luzokwakha izimboni eziqinile futhi eziqasha abasebenzi abaningi.

Uhlelo lwethu lokuthuthukisa izindawo zasemakhaya luzokwenza ngcono ukukhiqiza ezindaweni zasemakhaya, kanye nezimpilo zabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya. Isisekelo seqhinga lethu lokusimama kanye nokukhula komnotho, wuhlelo lwethu lokutshala izimali.

Eminyakeni emithathu ezayo, uhulumeni uzochitha izigidigidi ezingama-846 zamarandi kwizingqalasizinda zomphakathi. Kwezokuthutha, sizokhanda futhi sisabalalise ubuxhakaxhaka bemigwaqo yethu. Sizokwenza isiqiniseko ukuthi ubuxhakaxhaka bemizila yethu ehamba izitimela ithembekile, iyancintisana futhi ididiyelwe kahle nezikhumulo zethu zemikhumbi. Ukuqinisekisa ukuphakelwa kukagesi okuthembekile, sakhe Ikomidi Likagesi Elakhiwe NgoNgqongqoshe, ukuthuthukisa uhlelo oludidiyelwe lwemithombo lweminyaka engama-20.

Phakathi kwezinye izinto, lokhu kuzobheka ekubambeni iqhaza kwabakhiqizi bakagesi abazimele, kanye nokuvikela abadla imbuya ngothi kumanani kagesi akhuphukayo. Sizosungula umlawuli wohlelo oluzimele, olungahlangene nenkampani yakwa-Eskom. U-Eskom uzoqhubeka nokwakha ezinye iziphehlo zokukhiqiza ugesi kanye nokwenza ngcono ukukhandwa kweziteshi zokuphehlwa kukagesi. Ukuqinisekisa ukukhuthazwa komnotho ofaka wonke umuntu, ukusiza ukukhula kanye nokuthuthuka, sibuye sakha Umkhandlu Wokwelulela Ohlelweni olunabile lokuthuthukiswa Kwabamnyama Kwezomnotho, kanti uSihlalo wawonguMongameli.

Lapho esizogxila khona ezinguqukweni zenqubomgomo kufanele kube wukungenelela ekwakheni imisebenzi yentsha.

Amazinga entsha entula imisebenzi makhulu kakhulu kunokujwayelekile. Iziphakamiso zizondlalwa ukuxhasa ezindlekweni zokuqasha abasebenzi abancane, ukukhuthaza amafemu ukuthi aqashe abasebenzi abangenaso isipiliyoni. Okunye ukusatshalaliswa kwezinhlelo zokuqashwa komphakathi seziqalile. Lokhu kubandakanya ingqalasizinda yendawo kanye nezinhlelo zemfundo ephakeme kanye nezokufunda, ukunakekelwa emakhaya, ukulungiswa kwezikole kanye nezinhlelo zokuthuthukiswa kwezingane zisencane.

Ngonyaka odlule, sathula Inhlangano Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha. Sijube inhlangano ukuthi isebenze ngokushesha ukwakha izinhlaka zayo, ezweni lonke, ukuze sikwazi ukufaka izinhlelo zokuthuthukiswa kwentsha kuhulumeni.

Malungu ahloniphekile,

Ngesikhathi lo hulumeni uthatha izintambo ngonyaka ofile, sazinikela ekusebenzeni ngokuzikhandla ukwakha umbuso othuthukayo oqinile.
Sathi kuyoba umbuso ophendula kwizidingo kanye nezifiso zabantu, futhi osebenza kangcono futhi ngokushesha. Lo nyaka we-2010 kufanele kube ngunyaka wokusebenza. Into eyenza lohulumeni uhluke ukuthi uyazi ukuthi abantu bahlala kuphi, uyaziqonda izindingo zabo, futhi uphendula ngokushesha. Uhulumeni kufanele asebenze ngokushesha, ngokuzikhandla futhi ngobuchule.

Sizolindela Isigungu esiphezulu kanye nabasebenzi bakahulumeni ukuthi bathobele lo mbono. Sakha umbuso ogxile ekusebenzeni, ngokwenza ngcono ukuhlela kanye nokuqapha nokuhlola indlela okusetshenzwa ngayo.
Sidinga futhi ududidiyela izinyathelo zokulingana ngokobulili Ohlelweni Lokusebenza Lukahulumeni. Lesi sinyathelo sizoqinisekisa ukuthi abesimame, izingane kanye nabantu abakhubazekile bayakwazi ukuthola amathuba entuthuko.

Siyajabula ukwethula indlela entsha yokwenza izinto kuhulumeni.

Imisebenzi yeminyango izokalwa ngemiphumela ethuthukiswe ngokusebenzisa uhlelo lokuqapha nokuhlola indlela okusetshenzwa ngayo. Ongqongqoshe abanomsebenzi womphumela othile bazosayina isivumelwano esibanzi noMongameli. Sizobalula ukuthi yini okufanele yenziwe, kanjani, ngubani, esikhathini esingakanani futhi kusetshenziswa kuphi ukukala kanye nezinsiza.

Njengoba nazi, sizibophezele emisebenzini emihlanu eseqhulwini: ezemfundo, ezempilo, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokuhlelwa kabusha komhlaba, ukwakha imisebenzi ehloniphekile kanye nokulwa nobugebengu. Phezu kwalokhu, sizosebenzela ukwenza ngcono indlela asebenza ngayo uhulumeni wasekhaya, ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kanye nokuhlaliswa kwabantu.

Sizoqala imisebenzi eminingana ekubhekeni ukufeza le miphumela. Kuhlelo lwethu lonyaka we-2010 sifuna ukwenza ngcono ikhono lezingane zethu lokufunda, ukubhala, ukubala eminyakeni yemfundo eyisisekelo. Ngaphandle uma senza lokhu, ngeke sikwazi ukwenza ngcono izinga lemfundo. Imikhawulo yemfundo esizibekele yona ilula kodwa ibalulekile. Sifuna othisha nabafundi babe sesikoleni, emagunjini okufundela, ngesikhathi, befunda futhi befundisa amahora ayisikhombisa ngosuku.

Sizosiza othisha ngokubanikeza izinhlelo zesifundo sosuku ezinqala.
Kubafundi, sizobanikeza izincwadi okulula ukuzisebenzisa ngezilimi eziyi 11.

Kusukela kulo nyaka kuya phambili, bonke abafundi bebanga lesithathu, lesithupha kanye nelesishiyagalolunye bazobhala ukuhlolwa kwelitheresi kanye nezibalo okuhlelwe ngokuzimela. Sihlose ukukhuphula izinga lokuphasa kulokhu kuhlolwa elisuka phakathi kwamaphesenti angama-35 kuya kwangama-40 eya okungenani kumaphesenti angama-60 ngonyaka we-2014.
Imiphumela iyothunyelelwa abazali ukubheka inqubekela phambili.

Phezu kwalokhu, isikole ngasinye ezikoleni eziyi-2700 sizohlolwa ngumhloli ophuma eMnyangweni Wemfundo Eyisisekelo. Lokhu kuyoqoshwa kumbiko obhaliwe olungisekayo. Sihlose ukukhulisa isibalo sabafundi bebanga leshumi abamukelekayo emanyuvesi nge-175 000 ngonyaka we-2014.

Sinxusa abazali ukuthi babambisane nathi ukwenza lokhu impumelelo. Siyasamukela isitatimende esithulwe yizinyunyana ezintathu zothisha, i-NAPTOSA, SADTU kanye ne-SAOU, begcizelela ukuzinikela kwabo Emkhankasweni Wokufundisa Nokufunda Okuqotho ekuqaleni konyaka we-2010.

Malungu ahloniphekile,

Sidinga ukutshala entsheni yethu ukuqinisekisa ukuthi bangabasebenzi abanamakhono futhi abakwaziyo ukusebenza ukusekela ukukhula kanye nokwakhiwa kwemisebenzi.

Ngakho-ke sihlela ukuqeqesha intsha eneminyaka eyi-16 kuya kwengama-25 ezikhungweni zokuqeqeshwa kanye nokuqhutshezwa kwemfundo. Lokhu kuzosenza sikwazi ukunikeza ithuba lesibili lemfundo kulabo, abangenayo imiphumela efanele yokubangenisa enyuvesi. Sisebenza nezikhungo zemfundo ephakeme ukuqinisekisa ukuthi abafundi abafanele bathola usizo lwezezimali, ngokusebenzisa Isikhwama Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali.

Siphinde sazibekela imikhawulo ethile yokuthuthukiswa kwamakhono, ukukhiqiza abanye onjiniyela kanye nochwepheshe, kanye nokukhulisa isibalo sothisha abaneziqu zezibalo kanye nesayensi. Kufanele siphinde sikhulise isibalo sentsha eqeqeshelwa imisebenzi emikhakheni ezimele kanye nekahulumeni.

Omunye umphumela obalulekile ukuqinisekisa impilo ende futhi enhle kuzo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika.

Sizoqhubeka nokwenza ngcono uhlelo lwethu lokunakekelwa ngezempilo. Lokhu kubandakanya ukwakha kanye nokulungisa izibhedlela kanye nemitholampilo, kanye nokwenza ngcono izimo zokusebenza kubasebenzi bezempilo.

Sibambisane Nebhange Lentuthuko LaseNingizimu ne-Afrika ukwenza ngcono ukusebenza kwezibhedlela zomphakathi kanye namahhovisi ezifunda. Sisebenza ngokubambisana futhi nebhange Lentuthuko LaseNingizimu ne-Afrika kanye neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni, kuhlelo lukahulumeni ebambisene nezimboni ezizimele ukwenza ngcono izibhedlela kanye nokusiza ngezezimali ezinhlelweni.

Malungu ahloniphekile,

Kufanele sibhekane neqiniso lokuthi iminyaka yokuphila kusuka uzalwa yehlile isuka kwengama-60 kuya ngaphansi kwengama-50 namhlanje. Ngakho-ke, siyangenelela ukwehlisa izinga lokushona kwabantwana bezalwa, ukunciphisa ukusuleleka ngeSandulela ngculaza kanye nokwelapha isandulela ngculaza kanye nesifo sofuba. Sizophinda sehlise ukushona kwabantwana ngokusebenzisa uhlelo lokugoma. Sizobuyisela izinhlelo zezempilo ezikoleni.

Sizoqalisa ukusebenzisa konke ukungenelela okwenziwa ngoSuku Lomhlaba lwengculaza oluphathelene nezinyathelo ezintsha zokuvimbela nokwelapha isandulela ngculaza. Umsebenzi omkhulu uyaqhubeka ukwenza isiqinisekiso ukuthi lo msebenzi uhamba ngokohlelo. Sizoqhubeka namalungiselelo okwakha uhlelo lomshuwalense kazwelonke wezempilo.

Zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu eNingizimu Afrika uzizwa ephephile futhi kuphephile. Sizoqhubezela phambili umsebenzi wethu wokunciphisa amacala abucayi kanye nanesihluku futhi siqinisekise ukuthi uhlelo lwezobulungiswa lusebenza ngendlela efanele. Siqalisa ukusebenza kwezinhlelo zokukhuphula isibalo samaphoyisa ngamaphesenti ayi-10 eminyakeni emithathu ezayo.

Sihlonze ukulwa nokuduna izimoto, ukuphangwa kwamabhizinisi kanye nezindlu, kanye nobugebengu obuhlanganisa abantu njengokubulala, ukudlwengula kanye nokushaya njengamacala aseqhulwini. Sonke sinendima okufanele siyidlale. Asibambe iqhaza kuzinhlaka zokuphepha komphakathi.
Asiyeke ukuthenga izimpahla ezebiwe.
Asihlale sikulungele ukunikeza amaphoyisa ulwazi mayelana nemisebenzi yobugebengu.

Ngokusebenzisana sizobunqoba ubugebengu.

Bakwethu kanye nezimenywa ezihloniphekile,

Uhulumeni wasekhaya kufanele asebenze.
Omasipala kufanele benze ngcono ukunikezelwa kwezindlu, amanzi, izindlu zangasese, ugesi, ukuphathwa kwemfucuza kanye nemigwaqo.
Sibambe umhlangano nosodolobha kanye nezimenenja zomasipala ngonyaka odlule.
Lokhu kusivule amehlo mayelana nezinselelo ezikhona kuhulumeni wasekhaya. Siphinde savakashela imiphakathi kanye nomasipala abaningana, kubandakanya iBalfour eMpumalanga kanye neThembisa eGauteng.
Emva kokuvakashela eBalfour, sathumela ithimba elalakhiwe ngoNgqongqoshe abayisishiyagalolunye ukuthi bavakashele le ndawo ukuxazulula izinkinga ezaziphakanyiswe ngumphakathi. Izinkinga eziningana sezixazululiwe.

Ngijube ongqongqoshe ukuthi babhekane nezindaba ezingakaxazululwa. Siyaphinda siyasho, azikho izikhalo ezingaba yizizathu ezinqala zodlame kanye nokulinyazwa kwempahla. Siyalele izinhlaka eziphathelene nokuqiniswa komthetho ukuthi zithathe izinyathelo ezinqala mayelana nokungahlonishwa komthetho eBalfour kanye nakwezinye izindawo.

NgoZibandlela wonyaka we-2009, iKhabhinethi yamukela iqhinga lokushintsha ukusebenza kukahulumeni wasekhaya. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi uhulumeni wasekhaya unamakhono afanele ezokuphatha, ukulawula kanye nawezobuncweti.

Kulo nyaka wokusebenza, asisebenze ngokubambisana ukwenza umsebenzi kahulumeni wasekhaya ube wawo wonke umuntu. Sisebenzela ukuthuthukisa izakhiwo ezingahlelekile ezisendaweni enhle kanye nokuhanjiswa kwezidingo ezifanele kubandakanya umhlaba kubantu okungenani abayi-500 000 ngonyaka we-2014. Sihlela ukubeka eceleni amahektha ayi-6 000 omhlaba osendaweni ekahle ukwakha izindlu zabantu abahola kancane futhi ezingambi eqolo.

Uhlelo olusha olubalulekile ukuhlalisa abantu abahola kakhulu ukuthi bengathola uxhaso lukahulumeni kodwa abahola kancane ukuthi bengatshelekwa amabhange imali. Sizovula isikhwama esinegaranti yesigidigidi esisodwa ukugqugquzela amabhange kanye nomkhakha wezezindlu ukuthi uthuthukise imikhiqizo emisha ukuhlangabezana nalesi sidingo sezindlu.

Bakwethu,

Ngonyaka odlule sathi, abantu basemakhaya nabo banelungelo lokuba nogesi, amanzi, izindlu zangasese ezigijima amanzi nemigwaqo.

Sathi kufanele babe nezindawo zezemidlalo kanye nezindawo zokuthenga ezinkulukazi eziphucuzekile njengezasemadolobheni.

Mayelana nalokhu, sethule Uhlelo Lokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya oluqukethe konke endaweni yokuhlola eGiyani eLimpopo ngoNcwaba kofile. Kusukela kwaqalwa, sekwakhiwe izindlu ezingama-231. Inqubekela phambili yenziwe futhi ekwakheni ingqalasizinda ukusekela ukuthuthukiswa kwezolimo kanye nokuqeqeshwa kwamalungu omphakathi.

Ukufinyelela ezikhungweni zezempilo kanye nezemfundo kwenziwe ngcono. Siqalisa ukusebenzisa izinhlelo ezifanayo ezindaweni eziyisikhombisa ezweni lonke, noluhlomulisa izigceme ezingama-21. Ngonyaka we-2014 sihlela ukuba nezindawo ezigcemeni eziyi-160. Sifuna amaphesenti angama-60 abantu kulezi zindawo bahlangabezane nezidingo zabo zokudla ngokuzikhiqizela bona ngonyaka we-2014.

Kancane kancane kuze kulunge, phela bakwethu, kuthiwa nempandla iqala ngenhlonhlo.

Futhi sidinga ukudidiyela ukuhlelwa kabusha komhlaba kanye nezinhlelo zokusekela ezolimo. Impumelelo yethu kulezi zindawo iyokalwa ngukukhula kwesibalo sabalimi abancane ababamba iqhaza emnothweni ngendlela ebonakalayo.

Somlomo Ohloniphekile kanye Nosihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe,

Asilona izwe elicebile ngamanzi.

Kodwa, sisalahlekelwa ngamanzi amaningi ngenxa yamapayipi avuzayo kanye nengqalasizinda enganele. Sizothatha izinyathelo zokunciphisa ukulahlekelwa kwethu ngamanzi ngengxenye ngonyaka we-2014.

Malungu ahloniphekile,

Njengengxenye yemizamo yethu yokukhuthaza ukukhula komnotho okukhulu, sisebenzela ukunciphisa izindleko zokuxhumana. Umphakathi waseNingizimu Afrika ungalindela ngabomvu okunye ukuncishiswa kwemali yamagagasi obuhlakahlaka bokuxhumana ngomoya, omakhalekhukhwini, izingcingo zasendlini kanye nezingcingo zezigxobo. Sizosebenzela ukukhuphula isivinini samagagasi obuhlakahlaka bokuxhumana ngomoya kanye nokuqinisekisa izinga eliphezulu lokutholakala kwe-inthanethi, ngokuhambisana namazinga omhlaba.

Zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

Lo hulumeni uzoqinisekisa ukuthi izimpahla zethu zemvelo kanye nemithombo yemvelo ivikeleke kahle futhi ithuthukiswa ngokuqhubekayo.

Ngokubambisana nezwe laseBrazil, elaseNdiya nelaseChina sijoyinwa yizwe laseMelika, nebelimele amazwe omhlaba athuthukile, saba neqhaza elikhulu esivumelwaneni esamukelwa Enqunqutheleni Yokushintsha Kwesimo Sezulu ebiseCopenhagen ngoZibandlela kofile. Yize singakafiki lapho okudingeka sifike khona, kuyisinyathelo esibalulekile esiya phambili njengoba sibophezela amazwe ukuthi abhekane nokushintsha kwesimo sezulu.

Sizosebenza ngokuzikhandla kanye nozakwethu bomhlaba ukwenza isivumelwano esisemthwethweni esibophezelayo. NjengeNingizimu Afrika, sizinikele ngokuzithandela kwethu ukuzibekela umkhawulo othile wokunciphisa intuthu engcolisayo, futhi sizoqhubeka ukusebenza ngeqhinga lethu lesikhathi eside ukwehlisa ukushintsha kwesimo sezulu.

Malungu ahloniphekile,

Sizoqinisa imizamo yethu yokwazisa ngezintshisekelo zezwe laseNingizimu Afrika umhlaba wonke. Sizosekela imizamo yokusheshisa ukuhlanganisa ezomnotho kanye nezepolitiki esifundeni seNhlanganisela Yamazwe aseNingizimu ne-Afrika kanye nokugqugquzela ukuhwebelana kanye nokutshalwa kwezimali phakathi kwesifunda.

INingizimu Afrika iyaqhubeka ukudlala indima yokuhola emizameni yezwekazi yokuqinisa Inhlangano Yamazwe ase-Afrika kanye nezikhungo zayo, kanye nokusebenzela ubunye. Sizogxilisa amandla ethu ekuvuseleleni Ukubambisana Okusha Kokuthuthukiswa Kwe-Afrika, ngenjeqhinga lokuthuthukisa umnotho ezwenikazi lase-Afrika.

Zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

Abasebenzi bakahulumeni balinanele ikhwelo lokwenza lesi sikhathi sikahulumeni kube ngesokusebenza ngokushesha kanye nendlela yokusebenza koMbuso eyenziwe ngcono. Sidinga ubuqotho nokusebenza ngokuzikhandla.

Sidinga abasebenzi bakahulumeni abazinikele, abakwaziyo ukusebenza futhi abazikhathalele izidingo zezakhamizi. Uhulumeni useqalile vele ukusebenza ekuthuthukisweni kanye nasekuqalisweni kokusebenza kohlelo lwentuthuko yabasebenzi bakahulumeni, oluzobeka indlela yokusebenza kanye namazinga ezisebenzi zikahulumeni kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.

Malungu ahloniphekile,

Sizoqhubeka nemizamo yethu yokuqeda inkohlakalo nokukhwabanisa phakathi kwezinye izinto ezinhlelweni zokuthenga kanye nezamathenda, ezicelweni zezincwadi zokushayela, izibonelelo zikahulumeni kanye nomazisi.
Siyajabula ngenqubekela phambili eyenziwa nguhulumeni kwezinye izindawo.

Kuleli sonto, siqede ukukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni ezikhwatshanisiwe ezingama-32 689, nezibiza isamba samarandi ayizigidi eziyi-180. Ikomidi Lenkohlakalo Elakhiwe Ngongqongqoshe libheka izindlela zokuqeda nya inkohlakalo.

Ngokusebenzisana singenza okuningi.

Bakwethu,

Njengoba nazi, sathula Inombolo Kamongameli ukwenzela umphakathi ufinyelele kalula kuhulumeni kanye naseMnyangweni KaMongameli kanye nokusiza ukuqeda ukubambezeleka kokuhanjiswa kwezidingo emphakathini.
Le nombolo imele ukuzimisela kwethu ukwenza izinto ngenye indlela kuhulumeni.

Yenze umehluko ezimpilweni zezakhamizi eziningi zaseNingizimu Afrika. Singabalula uNkk. Buziwe Ngaleka waseMount Frere, ucingo lwakhe mayelana nempesheni yomyeni wakhe kwaba ngolokuqala ukwamukelwa osukwini lokuqala lokusebenza. Unathi la namhlanje ebusuku. Phakathi kwethu futhi, sinoMnu. Nkululeko Cele, owasizwa ukuthola umazisi owamsiza ukuthi abhalise eNyuvesi Yezobuchwepheshe yaseTshwane.

Lezi ezinye zezindaba eziyimpumelelo. Kulezi zibonelo kanye nakwezinye, sihlonza ubuthaka obufanele bulungiswe ezinhlakeni ezahlukene kuhulumeni.
NgoSomlomo WePhalamende, simeme ithimba elakhiwe ngamaqembu ahlukahlukene asuka ePhalamende ukuthi livakashele isikhungo sethu sokwamukela izingcingo, ukuze Amalunga Ephalamende azitholele wona ngokwawo mayelana nomsebenzi owenziwayo.

Bakwethu kanye nabangani,

Ngindlalile amaphuzu abalulekile ezinhlelo zethu zonyaka we-2010, ukuzinikela kwethu sonke njengohulumeni kubantu baseNingizimu Afrika.
Inkulumo Echaza Isimo Sezwe inikeza isithombe esibanzi mayelana nohlelo lwethu lokusebenza. Ongqongqoshe ngamunye bazonikeza ulwazi oluthe xaxa uma sebethula izinkulumo zabo zesabelomali.

Malungu ahloniphekile, zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

NgoLwezi kophezulu, sizobe sigubha ukuphela kweminyaka eyi-150 selokhu kwaqala ukufika kwabomdabu baseNdiya eNingizimu Afrika. Lokhu kusinikeza ithuba lokubonga umthelela obalulekile owenziwe umphakathi waseNdiya emkhakheni wezabasebenzi, amabhizinisi, isayensi, ezemidlalo, ezenkolo, ezobuciko, ezamasiko kanye nasekutholeni nasekuqiniseni intando yeningi.

Bakwethu kanye nabangani,

Angiphinde ngithathe leli thuba ukuthumela umyalezo wokuzwelana noHulumeni kanye nabantu baseHaiti mayelana nefu elimnyama elibagubuzele.
Sinenjabulo ukuthi amaqembu ethu ezokutakula akwazile ukuya khona eyosiza. Ngithanda kakhulukazi ukubonga isakhamuzi esisodwa saseNingizimu Afrika esingahluleki nhlobo ukusiza ngezikhathi zezinhlekelele , kanye nokusiza ukukhuthaza umbono womphakathi onakekelayo. Samukela uDkt. Imtiaz Sooliman kulendlu namuhla, wenhlangano i-Gift of the Givers.

Zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

Ukusingatha Indebe Yomhlaba yeFIFA kwenza unyaka we-2010 kube ngunyaka wokusebenza. Sichithe iminyaka eminingi sihlelela iNdebe Yomhlaba. Sisalelwe izinyanga ezintathu kuphela. Futhi sizimisele ukuthi siyenze ibe yimpumelelo. Amalungiselelo enqgalasizinda, ezokuvikela, kanye namalungiselelo okuhamba asenziwe ukuqinisekisa umqhudelwano oyimpumelelo.

Njengesizwe sidinga ukubonga eKomidini Lakuleli Elihlela Imidlalo Yonyaka we-2010 ngomsebenzi walo oncomekayo. Sifisela Usihlalo Wekomidi Lakuleli Elihlela Imidlalo u-Irvin Khoza kanye noMphathi Omkhulu uDanny Jordaan kanye nomqeqeshi weBafana Bafana uCarlos Alberto Parreira impumelelo kulezi zinyanga ezizayo.

UMongameli uMandela waba ngumongo ekusizeni izwe lethu ukunqoba amalungelo okusingatha lo mcimbi oyindumezulu. Ngakho-ke njengendlela yokumbonga kufanele senze iNdebe Yomhlaba ibe yimpumelelo. Bakwethu, asiphinde siseke iqembu likazwelonke iBafana Bafana. Ngingomunye walabo abakholwa wukuthi iBafana Bafana izogila izimanga. Okubaluleke kakhulu, ithikithi esandleni bakwethu! Sonke asithenge amathikithi kusenesikhathi ukuze sikwazi ukuthamela imidlalo.

Zakhamizi zaseNingizimu Afrika,

Njengoba sigubha ukukhululwa kukaMadiba namhlanje, siyaphinda siyazibophezela ekubuyisaneni, kubumbano lukazwelonke, ukungacwasi kanye nokwakha ingomuso elingcono sonke njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika, abamnyama nabamhlophe.

Siholwa yilokho okwashiwo nguMadiba ngesikhathi esebhokisini labasolwa, ngiyamcaphuna:

"Empilweni yami yonke ngizinikele kulo mzabalazo wabantu base-Afrika.

Ngilwisene nokuthi abamhlophe babe ngaphezu kwabanye abantu, futhi ngilwisene nokuthi abamnyama babe ngaphezu kwabanye abantu.

Ngivikele futhi nganakekela umcabango womphakathi okhululekile futhi wentando yeningi, lapho bonke abantu bephila ndawonye ngokuthula, futhi benamathuba alinganayo.

Kungumcabango engithemba ukuwuphilela, futhi ngiwufeze.

Kodwa uma kunesidingo, kungumcabango engizimisele ukuwufela."

Sigqugquzelwa yiqhawe lethu uMadiba, kuyintokozo kimi ukunikela Inkulumo Echaza Isimo Sezwe yonyaka we-2010 kuwo wonke amaqhawe namaqhawekazi, abongiwe nangabongiwe, aziwayo nangaziwa. Asisebenze ngokubambisana ukwenza lo nyaka wokusebenza kube ngoyimpumelelo ezweni lethu.

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency
11 February 2010

 

Issued by: The Presidency

Share this page

Similar categories to explore