occasion of a Voluntary Counselling and Testing (VCT) campaign, Dukuza Stadium,
Bergville
28 April 2007
Njengoba sihlangene nje, masibambisane ngokugxusa uMdali ukuthi asibhekele
uNgqongqoshe wethu wezeMpilo, uDr Manto Shabalala Msimang ukuthi asheshe
alulame. SinguMnyango wezeMpilo, sisambisene no Ukhozi FM, ikakhulukazi
uMenenja Mbodloza Nzimande, siyanibingelela Mphakathi wase Bergville kanye nani
nonke enivela kule district yaso Thukela.
Lapha siphethe umkhankaso wokugqugquzulela bonke abahlali balelizwe ukuthi
beze phambili bazozihlola, bazi ukuthi isimo sabo sime njani ngalomshikashika
we Ngculazi. Ukhozi FM sisebenza nalo ngoba siyazi ukuthi lufinyelela kuzo
zonke izindawo nakulezo esizithatha ngama high risk transmisition areas
okubalwa
amahostela, amajoyinti kanye nakulezo ndawo ezihanjwa yilabo abadayisa
ngemizimba.
Ingqikithi yodaba esihamba ngayo ithi:
Knowledge is power, know your status
Kulo leliviki esikulo, ngoLwesibili uMnyango wezeMpilo umemezele isabelo
zimali sawo nalapho uchaze khona ukuthi lemali izosetshenziswa kanji
ukuthuthukisa
izimpilo zahlali balesifunda. Imali esikhuluma ngayo lapha isamba sika R14
billion nesichazile ukuthi sizoyisebenzisela kakhulu ukubhekelela izinhlelo
eziphathelene nomama kanye nabantwana. I theme esiyilandelayo kuloku ithi
investing in women and children secures a healthy nation.
Lapha sisho ngaphandle kwamahloni ukuthi uma singanakekela ikakhulukazi koma
kanye nabantwana nakanjani sizophumelela ekusunguleni isizwe esiphilayo
nesiqotho. Cha, asibabandlululi obaba.
Imali esizosebenza ngayo kulonyaka kulwiswana nayo ingculazi yisamba sika
R988. 5million. Ngithi uma sisebenzisana, nakanjani, sizoyinqoba lengculazi!
Esivumelana ngakho lapha ukuthi uhlelo lokuvimbela prevention ilona oluzosisiza
kakhulu.
Kumalunga omphakathi ngokugcwele sithi kubalulekile ukuthi umuntu azazi
ukuthi ume kuphi ngesimo sakhe, loko kuza ngendlela eyodwa vo: voluntary
counselling and testing. Kuloluhlelo kutholakala nezeluleko ezithi:
* uma ungenalo igciwane, zithibe
* thembeka kulona othandana naye, naye athembeke kuwe
* ungalwenzi ucansi olungakhuselekile
* yiya emtholampilo nothandana naye nizelaphe izifo zocansi
* yazi nanokuthi isifo se Tuberculosis siyelapheka noma ngabe usuphila
negciwane lengculazi
* yazi ukuthi kuyicala elibomvu ukusulela umuntu ngegculazi uma sewazi ukuthi
unayo.
Umnyango weZeMpilo kulesifunda uzimisele futhi ukulungele ukunakekela bonke
abahlali abaphathekile. Kumanje sesisithathile isinqumo sokuthi bonke abantu
abathola imishanguzo kanye nalabo abadla imithi yokulwisana nesifo sofuba
sibanikeze ama nutritional packs asiza ukuthi babe nokudla eziswini uma
bethatha lemithi kanye nokubhekelela ukusimama kwemizimba yabo ngokugcwele.
Yazi ukuthi kuyo yonke imitholampilo yethu lutholakala mahhala usizo lwe:
Voluntary Counselling and Testing (VCT) and Prevention of Mother to Child
Transmission (PMTCT).
Bakwethu asingabe sizadlulisela leligciwane kubantwana isidingo singekho.
Kuhle ngichaze ukuthi kulesifunda saso Thukela, izikhungo zezeMpilo esinazo,
zonke zinazo lezinhlelo. Lezikhungo zime kanje:
* forty health facilities,
* three hospitals
* thirty seven primary health care (PHC) clinics
* three VCT non-medical sites
Lemininingwane ngiyidalula ngoba ngifuna ukukhombisa ukuthi usizo
luyatholakala kuzo zonke izindawo esiqhamuka kuzo. Okungikhathazayo mina ukuthi
bangu 15 385 abantu abeze phambili bazohlola kulonyaka odlule kuyo yonke le
District. Okukhathaza kakhulu kuba yisibalo salaba abahambela ama ante-natal
clinics nokutholakala ukuthi sebephila naleligciwane. Ziyashaqisa izibalo
esizithola komame esibahlolayo ngoba zikhomba ukuthi siphezulu kakhulu isbalo
somame asebaphila nalegciwane kulendawo. Angiphinde ngiveze ukuthi, kulelizwe
enye inkinga esibhekene nayo iphathelene ne TB.
Kubi kakhulu ukubona abantu bakithi beqhubeka bebulawa yi TB kodwa thina
sibe sazi kamhlophe ukuthi iyelapheka nanokuthi usizo lutholakala mahhala.
Ingozi enkulu ukuthi lesisifo sihamba ngomoya, labo Bantu abahlala nomuntu
onayo I TB futhi ongayilaphi, nabo mabazi ukuthi nakanjani, izobangena. Sinawo
umkhankaso esiwuqalile ngalesisifo othi: Tuberculosis anywhere is tuberculosis
everywhere Masitshele wonke umuntu ukuthi uMnyango wezeMpilo I TB uyilapha
mahhala. Bonke laba abanalezimpawu mabalehwe emitholampilo yethu: A cough for
longer than two weeks Chest pains Tiredness and weakness of the body loss of
appetite and weight Night sweats, even when it is cold coughing up blood.
Njengoba namhlanje sibe nenhlanhla yokubonana, masazise bonke abahlali bale
District ababalelwa ku 553 671 ukuthi uMnyango wezeMpilo ungakwazi
ukusinakekela sonke, ngazo zonke izifo ezisihluphayo, njengaloku
unalezizinda:
* one regional hospital
* three district hospitals
* twenty four fixed clinics
* seventeen mobile clinics
* one hundred and seventeen visiting points
Kwabona omasipala abalithoba bale district, baneyawo imitholampilo. Bakwethu
asisebenzise usizo olutholakalayo. Phansi nokunukubezwa kanye
nokudlwengulwa
kwabantwana kanye nabantu besifazane! Phansi nokuxhashazwa kotshwala!
Phansi ngobuvila!
"Knowledge is power, know your status!"
Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
28 April 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kznhealth.gov.za)