N Nkonyeni: Tuberculosis blitz (isiZulu)

Speech by KwaZulu-Natal Health MEC Ms Neliswa Nkonyeni on the
occasion of the Tuberculosis (TB) blitz, Enseleni

3 October 2006

Namhlanje sithe asihambele lendawo yase Nseleni ukuzobonisana nani
ngezindlela esingazisebenzisa ukugwema izifo ezingasiphatha isidingo singekho.
Lomkhankaso esikuwo namhlanje ukhombisa ngokusobala ukuthi abaholi bezwe
liphela bakhathazekile ngokudlanga kwe TB kulelizwe.

Umkhankaso lona uqhuba lona okade sinawo endaweni yase Msinga ekuqaleni
konyaka, uphinde ulandele lona asaba nawo enkabeni yedolobha leTheku, waze
waphelela ezinkundleni zemidlalo elokishini lase Mpumalanga eHammarsdale
ekuqaleni kwenyanga ka August.

Sizobuyela futhi endaweni yase Msinga njengaloku sekuzwakele ukuthi khona
sekubheduke le Tubeculosis (TB) enamandla nesibizwa ngele extreme drug
resistant (XRD).

Namhlanje silapha kulomphakathi waso Thungulu ngoba nayo ingeinye sizifunda
ezibaliwe ukuthi zinayo lenkinga yeTB.

Masikubeke kucace ukuthi abahlali balendawo esikuyo babalelwa ku 130 000
kanti ke laba okumanje abahambela izikhungo zethu belashelwa I TB bangu 700.
Thina njengoMnyango asinayo nencane inkinga yokubelapha bonke laba
abaphathekile. Kubalulekile kuwo wonke umuntu okhona lapha ukuthi azi aphinde
atshele nalaba abangaphumelelanga ukuthi ukuhlolelwa I TB kanye nokuyelapha
sikwenza mahhala.

Masazisane amaqiniso, wonke umuntu azi ukuthi ukwelapha I TB thina kusidla
imali engu R400 ngomuntu emunye. Loku kusebenza kuphela kulaba abazimisele
ukudla imithi ngendlela esibatshele ngayo. Lokulapha kuthatha isikhathi
esiyizinyanga eziyisithupha. Kulaba abangalaleli ukuthi amaphilisi adliwa
kanjani, nangaziphi izikhathi, sithi mababheke inkinga enkulu ngoba
basengcupheni yokungenwa i multi drug resistant TB (MDR).

Ukulapha lowo muntu ke kube sekudla thina imali engaphezu kuka R24 000, naye
lona ophathekile azithole esihlala esikhathi eside esibhedlela, eseqhelelene
namalunga omndeni wakhe.

Umuntu uma eqhubeka nokungalaleni, izinto zihamba zishintshe bese lona
ogulayo ehlaselwa ile TB engalapheki nesihambe nemiphefumulo engamashumi
amahlanu endaweni yaseMsinga, yona ke ebizwa ngele XDR.

Masingazikhohlisini bakhithi, makusicacele ukuthi eNingizimu Africa i TB,
ibulala abantu abaningi ukudlula zonke izifo ezithathelanayo. Zibheke uphinde
ubhekelele laba abaseduze kwakho wazi ukuthi kungenzeka ukuba une TB, uma
unalezimpawu ezilandelayo:

* ukukhwehlela isikhathi esingaphezu kwamasonto amabili
* ukukhwehlela igazi
* ukungakuthandi ukudla
* izinhlungu esifubeni
* ukukhathala noma ukuba buthakathaka komzimba
* ukujuluka ebusuku noma kubanda, kanye
* nokuba nephika kalula

Lezimpawu zifuna uphuthume emtholampilo ngoba nawe ungasiza ekuqedweni kwe
TB.

Abantu abasengcupheni yokungenwa yi TB yilaba:

* yilabo abahlala nomuntu onayo, ongayelaphi
* izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu
* abantu abaphila negcewane legculazi
* abantu abaxhaphaza kakhulu utshwala
* abantu abasebenzisa izidakamizwa
* abantu abakhathazwa istress, kanye
* nabantu abahlala ezindaweni ezingangenisi umoya ngokwanele.

Masibambisaneni silwasane nokuqeda ukucwasa kanye nokukhipha inyumbazane
laba asebengenwe isifo se TB. Umphakathi mawazi ukuthi uma lona one TB eseqede
amaviki amabili edla i treatment, akabe esaba yingozi kulaba ahlala nabo.
Masithathe I TB njengesinye sezifo ezihlupha imiphakathi ngoba iqiniso
langempela ukuthi I TB ingakungena nawe. Kubalulekile wazi ukuthi i TB,
iyelapheka, iqedwe noma ngabe usunalo igciwane le HIV.

Labo bantu abadla ama ARV's kuhle bazi ukuthi imithi ye TB ayixabene
namaphilisi abo. Umehluko ukuthi awe TB uwadla izinyanga eziyisithupha kanti
ama ARV�s uwadla impilo yakho yonke. Khumbula , nawe ingakungena i TB uma
uhlala nomuntu
usenayo, nongayelaphi.

Thina njengoMnyango wezeMpilo siyazi ukuthi kubalulekile ukuthi udle ukudla
okunomsoco ukuze uphile. Siyazi futhi ukuthi angeke ukwazi ukumelana
namaphilisi kungekho lutho esiswini yingakho sikhipha ama food parcels sinekeza
laba abaphathekile. Umphakathi ngokugcwele sithi wona mawubuyele enhlabathini,
yiko nje ngiphethe lamathuluzi okwenza izingadi. Impilo iyasetshenzelwa.

I thank you.

Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
3 October 2006
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kwazulunatal.gov.za)

Share this page

Similar categories to explore