Ngungqongqoshe weZempilo uNkosazana Neliswa Peggy Nkonyeni, eSishayamthetho
sesiFundazwe
24 April 2007
Ndunankulu ohloniphekile
Somlomo nesekela likaSomlomo
Amalunga esigungu esiphezulu sesifundazwe
Amalunga ahloniphekile eSishayamthetho sesiFundazwe
Sihlalo kanye nawowonke amalunga ahloniphekile ekomidi lezeMpilo
IziMeya namakhansela
Amakhosi akhona phakathi kwethu
INhloko yomNyango, uDokotela Busi Nyembezi
Izimeneja zomnyango kuwowonke amazinga kubandakanye nezimemeja
zeziFunda zomNyango wezeMpilo, izimeneja zezibhedlela, Amalunga amabhodi
ezibhedlela, amalunga e-Mental Review Board, amaKomidi emiTholampilo
Abelaphi beNdabuko kanye nabobonke ababambiqhaza emNyangweni wezeMpilo
Ezinye izicukuthwane ezikhona lapha engingazibalanga
Bafowethu nodadewethu, ngiyanibingelela
Sihlalo ohloniphekile, ngivumele ukuba ngithathe lelithuba ukuthi ngifisele
uNgqongqoshe kazwelonke wezeMpilo u-Dokotela Manto Tshabalala-Msimang
ukwelulama okusheshayo. Ngemithandazo sinaye, umndeni wakwa-Msimang izihlobo
kanye nabangani ngalesisikhathi sempilo esinzima Ukukhathazeka okumangazayo
esibhekana nakho, ikakhulukazi kulomkhakha wezempilo, sizama ukubhekana
nomthwalo wezifo obekwe phezu kwamahlombe ethu yizinga eliphezulu lobubha
elenza umsebenzi wethu ube ngumqansa onzima kakhulu.
Inkosi u-Albert Luthuli esisanda kugubha ukwedlula kwakhe emhlabeni
eminyakeni engamashumi amane eyedlule kulonyaka washo lokhu enkulumweni yakhe
ayethula ngmhlaka 19 ku-October ka-1956 eJohannesburg, "standing up in defence
of human values". Waqhubeka wathi, "I must begin by reminding you that the
history of mankind shows that people in different lands throughout the ages
have had to meet such challenges as face the people of Union of South Africa at
this time but history teaches us that rarely, except for some temporary
setbacks, have movements of the people to resist oppression, no matter how
ruthless the oppressor, failed. If we respect fundamental human rights and
noble divine concept of man, the dignity of man and the worth of an individual,
the brotherhood of man, we must come all out in defence of these values as they
are being seriously threatened by evil forces in our land. We should remember
that Providence has ordained it that a people who refused to meet such a
challenge deservingly suffer moral degeneration and degradation."
Ngalesosikhathi umcindezeli kwabe kulubandlulo kodwa namhlanje yindlala,
udlame kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye nezingane, yigciwane
lesandulelangculazi nengculazi, isifo sofuba kanye nezinye izifo
ezithelelanayo. Sihlalo ohloniphekile ngithanda ukugcizelela amazwi eNkosi
uLuthuli athi kumele sihloniphe amalungelo abantu asemqoka, yizinto eziyinsika
esikholelwa kuzo, isithunzi somuntu kanye nobumqoka bomuntu ngamunye, ubumbano
phakathi kwabantu kanye nokuthi kumele sizinikele ngokuphele ukuvikela lokho
okuligugu kithina. INhlangano yaMazwe oMhlaba yezeMpilo i-World Health
Organisation (WHO) ichaza ezempilo kanje, "A state of complete physical, mental
and social well-being and not merely the absence of disease or infirmity."
Asibumbaneni sibemunye njengezakhamizi zalesisifundazwe esihle kangaka
emkhankasweni wokulwa nobubha, ukuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, izifo
kanye nokukhombisa ukuzibophezela kwethu ekunakekeleni amalungelo abantu kanye
nokunakekela isimo somuntu, isithunzi somuntu kanye nobumqoka bomuntu
ngamunye.
Ngesikhathi uNdunankulu ethula inkulumo yakhe yesifundazwe, wasikhumbuza
ngamazwi ashiwo nguMongameli wezwe u-Thabo Mbeki enkulumweni ayethula ngomhlaka
8 ku-January nokuyilapho abeka khona wathi: "In concert with the task of
growing the economy and creating new opportunities for work, we have been hard
at work since 1994 to push back the frontiers of poverty, recognising that no
people can be truly free until they have cast aside the shackles of poverty and
underdevelopment. It is this reason that the eradication of poverty has been at
the centre of our policies and programme since the first democratic elections.
Drawing of the experience of the first ten years of freedom, and building on
the firm foundation laid by our people in 2004, we identified the goal of
halving poverty in South Africa by 2014. In 2007, we must do everything
possible to make certain that we achieve further advances towards the
achievement of that goal."
Izindaba ezithinta ezempilo namalunga ahloniphekile yizona zindaba
ezingumgugodla ohlwini lwalokho okusuke kukhulunywa ngakho ezithangamini
ezidingida ukuthuthukiswa kwenhlalakahle yomphakathi nomnotho. Ngesikhathi
ethula inkulumo yakhe yezwe lase-Ningizimu Africa uMongameli mhlaka 9 February
wabeka ukuthi:
"All these economic and social programmes form part of our strategies to
reduce and eradicate the poverty that continues to afflict many of our people."
This he said was done so as to "erase in our country that which is ugly and
repulsive so that together we can speak of freedom and the happiness that comes
with liberty."
INgqungquthela yamazwe omhlaba yomama basemakhaya iInternational Rural
Women's conference ibanjelwe e-Thekwini njengoba sikhuluma. Siyazi ukuthi
esifundazweni sethu abantu besifazane bayingxenye engu-53% yesizwe sonkana
kanti iningi labo liphila ezindaweni ezisemakhaya nokuyilapho kuxake khona
izinga eliphezulu lobubha, izifo, ukwentuleka kwamanzi, ukuthuthwa kwendle,
kanye nokwentuleka kwezingqalasizinda. Kunamazwe asathuthuka asenze umehluko
obonakalayo kulezizingqinamba esisabhekene nazo. Asethembe ukuthi
lengqungquthela izonikeza ithuba lokwabelana ngemibono mayelana nokuthi
kungabhekwana kanjani nalezizimo ezibhekene nabantu besifazane
kulesisikhathi.
Ukubambisana nemiPhakathi Umsebenzi wethu njengomNyango wezeMpilo
KwaZulu-Natal ukuhlinzeka usizo lwezempilo ngokulandela umgomo wokuhlinzeka
usizo lwezempilo kusukela emazingeni aphansi, nokugxile ekuhlinzekeni usizo
lwezempilo kuwowonke umuntu ngokulingana, ukubandakanya umphakathi ekuthathweni
kwezinqumo kanye nokusebenzisana nayoyonke imikhakha ekhona esifundazweni.
Isikhungo esihlinzeka usizo lwezempilo oluyisisekelo emazingeni aphansi
sasungulwa endaweni yase-Pholela lapha KwaZulu-Natal ngonyaka ka-1948,
esikhathini esiyiminyaka engamashumi amathathu ngaphambi kokuba uhlelo
lwei-Alma Ata Declaration lwemukele ukusebenza kwemitholampilo yamazinga
aphansi ngonyaka ka-1978, njengendlela yokuhlinzeka usizo lwezempilo engenazo
izindleko eziphezulu. Umndeni wezempilo emhlabeni wonke ikakhulukazi kumazwe
asathuthuka uyakubona ukuthi kumele sithuthukise ngamandla usizo lwezempilo
emazingeni aphansi uma sifuna ukubhekana nomthwalo wokulwa nezifo ngendlela
ephumelelayo.
Saba nemicimbi eyahlukahlukene ngonyaka owedlule nokuyilapho sadlulisela
khona emiphakathini imilayezo enhlobonhlobo yezempilo. Kulonyana sizokwakha
phezu kwalokho njengesisekelo sigxile ekwakheni ubudlelwano obunomphumela
ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi sisebenza nokubambisana ekudingideni izihloko
noma izindaba ezithinta ezempilo, futhi khona lapho sibe sithuthukisana.
Ngiyethemba ukuthi ngalokho siyoyibona inqubekelaphambili neyokhonjiswa
yizinkomba zezempilo. Sibhekene nezinga lobubha elimi ku 54,3% kulesisifundazwe
kanti kwezinye izindawo ezisemakhaya izinga lobubha lilinganiselwa ku-80%.
Sishilo ngaphambilini ukuthi izinga lokwentuleka kokudla liphezulu kakhulu
njengoba limi ku 70%. Kulesisifundazwe, abantu abangu 32% kuphela abakwazi
ukuthola amanzi ahlanzekile (kuzwelonke balinganiselwa ku 79% kanti angu 24%
amakhaya anohlelo olufanele lokulahlwa kwendle esifundazweni kanti kuzwelonke
nalinganiselwa ku 62%) Izinselelo ezifanayo lezi ezihaqe izindawo
ezingomazakhele ezigudle emadolobheni nokuyilapho kunezinga eliphezulu kakhulu
lobubha, ukungakwazi ukuthola izidingo zempilo ezifanele kanye nenxanxathela
yezifo.
Izifunda Uthungulu, Uthukela, Umkhanyakude, Umzinyathi iZululand kanye
nezinye izingxenye zesifunda Ilembe zinezinga eliphezulu lobubha nelikhonjiswa
yizinkomba zezomnotho. Kanti isifunda Ugu, Ilembe kanye nesifunda Umzinyathi,
ingxenye esempumalanga yesifunda Uthukela kanye ne-Zululand, yingxenye
esenyakatho yesifunda Umkhanyakude inezinkomba ezikhombisa izinga eliphezulu
kakhulu lobubha nokuntengantenga kwenhlalakahle yomphakathi (okubandakanya
izinga eliphansi lemfundo, ukuminyana kwabantu, iningi lalababantu okuyintsha,
abantu abadala kanye nabantu abakhubazekile).
Izindawo zasemakhaya esifundeni Umzinyathi, Uthungulu, Uthukela,
Umkhanyakude, iZululand, Ugu, Ilembe, kanye nesifunda Isisonke zinezinkomba
ezikhombisa izinga eliphezulu lokwentuleka kokuhlinzekwa ngendlela efanele
ngezidingongqangi okubalwa kuzo amanzi, ukuthuthwa kwendle kanye nokungabibikho
kohlelo olubhekele ukulahlwa kwemfucuza nokudala inkinga enkulu kwinhlalakahle
yempilo yomphakathi. Egameni le-Alma Ata, kumele sisebenze ngokubambisana
neminye iminyango ezinhlelweni zentuthuko ukuze sibhekane nezinselelo
eziphazamisa inhlakahle yempilo yomphakathi nokuphazamisa ukusimama
komnotho.
Njengomnyango, kulonyaka sizosebenzisa izinhlelo ezigxile emiphakathini
(Community Based Programmes) ezizohlinzeka amasu anhlobonhlobo futhi
ezizobandakanya umphakathi nezizoqhakambisa ukusebenza ngokubambisana
okunenhloso ukuze kubhekelelwe izidingo zezempilo. Sineculo esiliculayo
njengomNyango wezeMpilo elithi âImpilo iyasetshenzelwa ayitholwa mahhala'.
Impela kunjalo, kumele sibhukule sisebenze kanzima ukushintsha isimo esibhekene
naso. Ngomhlaka 7 ku-April sigubhe okwama-57 uSuku loMhlaba Wonke lwezeMpilo
(World Health Day) ngaphansi kwesiqubulo esithi; "Invest in health, build a
safer future" (Bamba iqhaza endimeni yezempilo, yakha ikusasa eliphephile)
Sigcizelela lomuzwa nathi, futhi siyengeza kuwo ngokuthi sithi; "Invest in
health, build a safer and prosperous future" (Bamba iqhaza endimeni yezempilo,
yakha ikusasa eliphephile neliqhakazile) Njengengxenye yalomshikashika, sifuna
ukuhambisa usizo lokuhlolwa komphakathi izifo eduze nawo umphakathi siphinde
sithuthukise imikhakhankaso yokukhuthaza impilo eyiyo kanye nezinhlelo
ezifundisa ngezempilo ngenhloso yokwazisa, ukufundisa kanye nokuqwashisa
imiphakathi ngezempilo. Onompilo bethu bazoba semqoka kakhulu ekuqinisekiseni
ukuthi loluhlelo luyaphumelela. Uphiko olubhekene nosomabhizinisi abancane
iTargeted Enterprises Unit, lwasungulwa kulomnyango ngenhloso yokuqinisekisa
ukuthi amabhizinisi aphethwe ngabantu abamnyama abamba iqhaza elisemqoka
emisebenzini ethengwa nguhulumeni ngenhloso yokwehlisa izinga lobubha
kulesisifundazwe kanye nokuthuthukisa isimo sezempilo kanye nokwakha ikusasa
eliphephile neliqhakazile. Njengamanje kugxilwe kumabhizinisi emifelandawonye
(co-operatives), amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo, kanye nalawo abanzi
(SMME) ngokucheme noma ngokubhekelela kakhulu labo ababencishwe amathuba
ngaphambilini.
Kunezinhlelo ezibhekene ngqo nabantu besifazane, intsha kanye
nezinkampani
zabantu abakhubazekile. Kulonyaka wezimali esikuwona, umnyango wenze futhi
wabona intuthuko enkulu ekuzibandakanyeni kwamabhizinisi emifelandawonye
(co-operatives) njengoba kukhishwe izivumelwano zemisebenzi ezibandakanya imali
engu R94 million, 9 nenikezwe amabhizinisi emifelandawonye. Lokhu kube
yintuthuko enkulu uma kuqhathaniswa nonyaka owedlule nokuyilapho kusetshenziswe
imali engu R12 million kuphela kulendima. Imali engu R81 million ikhishwe
ngaphansi kohlelo lokunikeza izinkampani ithuba lokuncintisana kunalolo lokuba
kuthunyelwe izincwadi ezinxusa izinkampani ezithile ukuba ziqhudelane ngamanani
okwenza umsebenzi osuke udingakala. Loluhlelo lukhombise intuthuko yokukwazi
ukusingatha uhlelo lokukhankasela umsebenzi endimeni yamabhizinisi
emifelandawonye.
Lokhu kuyinkomba egqame bha yokuzibophezela komnyango ekulweni nezifo,
ukulwa nobubha kanye nokunika ithemba kubantu besifundazwe saKwaZulu-Natal.
IziNhlelo ezingaMasu okuBhekana nezeMpilo Ukubelethwa komtwana nempilo
yabesimame Sikholelwa ukuthi ukuqhakambisa impilo yabesifazane nezingane
emsebenzini wethu wezempilo yikhona okuyisisombuluo ekusombululeni inselelo
yezifo nobubha. Isiqubulo sethu kulonyaka njengomnyango sithi: "Investing in
women and children, secures a health nation" (bamba iqhaza ekunakekelweni
kwabesifazane nezingane, qinisekisa isizwe esinempilo)
Engqungqutheleni yakamuva nje yongqongqoshe bezempilo bamazwe obumbano
lwamazwe ase-Africa, iAfrican Union Conference of Health Ministers
ngasekuqaleni kwalenyanga, ezinye zezihambeli zaqhakambisa ukuthi isizwe
esinomnotho sakhiwa yisizwe esinempilo! Ezempilo kumele zithathwe
njengesisekelo esisemqoka ekuqinisekiseni ukuqhakaza nempumelelo kwesifundazwe
ngokwakha isimo sabantu abanempilo ukuze babambe iqhaza ekhuthuthukisweni
kwesifundazwe.
Kunobufakazi obucace bha bokuthi uma ubamba iqhaza ekuthuthukiseni impilo
nemfundo yowesifazane, uthuthukisa isimo sempilo yezingane zabo okuyiyona mbewu
engumgogoda yesizwe esinempilo nekusasa eliqhakazile. Umkhakha obhekelele isimo
sabesifazane ngesikhathi sokukhulelwa ubambe iqhaza elibonakalayo kwezempilo,
nokuyiwona oqagula intuthuko ekuhlinzekweni kosizo lwezempilo emazingeni
aphansi. Nakuba kunjalo, muningi umsebenzi okusamele wenziwe ekuthuthukiseni
uhlelo lokusingathwa kwesimo sabesimame abakhulelwe njengoba kuveziwe embikweni
okhuthaza ukunakekelwa nokuvikelwa komama (Save Mother). Amathimba azobhekana
nalomsebenzi aseqokiwe ngokwemiklamo yezingxenye ezintathu (3 areas) zomNyango
wezeMpilo esifundazwe, nazogxila ekuqinisekiseni ukusebenza kwezincomo
eziphakanyiswe kulombiko.
Njengomzamo wokuvikela ukufa kwezingane zethu zibulawa yizifo
ezingavikeleka, sizokwengeza umfutho ezinhlelweni zethu zokugoma kanye
nokufundisa omama. Uhlelo lwethu lokuvikela ukwedlula kwesifo sisuka kumama
siya kumtwana (Prevention of Mother to Child Transmission Strategy)
luzobuyekezwa futhi luhlolisiswe ukuze kubonakale izingxenye zalo ezidinga
ukuthithukiswa.
Njengengxenye yokusebenza ngokubambisana nezinye izinhlaka zesifundazwe,
sizosebenza nozakwethu bezinhlaka ezehlukahlukene ngaphansi kohlelo
lokuthuthukisa umtwana kusukela esemncane i-Early Childhood Development (ECD)
ngenhloso yokuveza ithuba lokubona kusenesikhathi uma kunezinkinga ezikhona
ekukhuleni komntwana, njengoba sazi ukuthi ukuvikela kungcono kunokwelapha.
Uhlelo iHealth Promoting Schools nalo lusemqoka kakhulu kulokhu.
Izifo ezingathelelani kanye nesifo somdlavuza
Ukushintshashintsha kwezindlela abantu abaphila ngazo kuholele ekutheni
kuqubuke izifo ezihambisana nendlela umuntu aphila ngayo, nokuholele ekukhuleni
kwezinga lokuhlasela kwesifo sikashukela, ukukhuphuka kwezinga lokushisa
kwegazi, kanye nezinye izifo ezahlukahlukene zenhliziyo. Asiqapheleni sonke,
sizihlole njalonjalo ukuthi asikahlaselwa yini yilezizifo ngoba uma
sezibonakele emzimbeni womuntu zingelapheka. Kumele sonke sizibophezele ukuthu
umuntu ngamunye ubhekelela impilo yakhe.
Isifo samathambo esibangelwa ukuhamba kweminyaka kumuntu kanye nokuba
nesisindo eseqile, kwezinye izikhathi kuba yimbangela yokuthi umuntu
kudingakale ukuthi ashintshwe ijoyinti elihlanganisa amathambo nokuyindlela
yokwelapha lesisimo. Uphiko lokwenza lomsebenzi iJoint Replacement Surgery
lusesibhedlela Inkosi Albert Luthuli. Iziguli eziningi zivamise ukudinga usizo
lokushintshwa ijoyinti lenqulu kanye neqakala. Ukukhula kwesibalo seziguli
zaloluhlobo kudinga uphiko olunobuchule obuthe thuthu futhi olubandakanya
izindleko eziphezulu. Kumanje kuneziguli ezingama 662 ezilinde ukushintshwa
amajoyinti athile omzimba. Imali esisele yokwenza lomsebenzi yonyaka wezimali
ka 2007/08 ngu R540,000,00 okuyimali ezokwanela izindleko zeziguli ezingama 27
(amashumi amabili nesikhombisa) kuphela kuze kube ngunyaka olandelayo
wezimali.
Iziguli emtholampilo noma ophikweni olubhekene nezifo zamathambo, iziguli
zibhekene nezinhlungu ezinzima kanti sekuphele izinyanga zingakwazi ukuhamba
njengoba zidinga ukushintshwa kwamajoyinti ezinqulwini nasemadolweni.
Leziziguli ezintsha ezisanda kufika, ezingekho ohleni lwalabo abasalinde usizo
angeke zibuyiselwe emakhaya ukuze zibuye ngonyaka ka 2009 ngenxa yobuhlungu
ezibhekene nabo. Kanti ngaphandle kwalokho, leziziguli azisakwazi ukuzenzela
izinto kunalokho seziphenduke umthwalo emindenini yazo nakuhulumeni. Kungaba
ukungabi nabo ubuntu ukuzilindisa isikhathi eside kangaka ngaphambi kokuba
zihlinzwe ukuze zikwazi ukuhlukana nalobubuhlungu obungaka futhi zikwazi
ukuhamba.
Ukushintshwa kwamajoyinti omzimba kukodwa nje kudinga imali engu R8,000,000,00
ngonyaka ukuze uhla lwalabo abalindile lube sesimweni esemukelekayo.
Sihlalo kanye namalunga ahloniphekile, sichaze kabanzi ngaloludaba ngenhloso
yokucacisa izindleko esilengela phezulu kwazo ngenxa yezifo ezingathathelani.
Imeneja yophiko olubhekele ukuphila ngokomqondo, iMental Health Services isanda
kuqokwa kamuva nje, lokhu kuzobamba iqhaza elikhulu ekusimamiseni izinga
lokusingathwa kosizo lwezempilo kulabo abanokuphazamiseka ngokwengqondo
esifundazweni. Izinhlaka ezibhekelela isimo sengqondo ezaziwa ngokuthi
ama-Mental Review Boards seziqokiwe nezisebenza njengabaqaphi ekuqinisekiseni
ukuhlinzekwa kosizo oluyilo.
Isibhedlela esibhekene nabakhubazeke ngokwengqondo esiseMzimkhulu esisanda
kusithatha saba ngaphansi komnyango, bekuyisona kuphela isibhedlela
ebesihlinzeka lolusizo engxenyeni esenyakatho ye-mpumalanga yesifundazwe
sase-Eastern Cape. Sibe sesivumelana ngokubasiza ngaphansi kombandela wokuthi
bazokhokhela imisebenzi esizobahlinzeka yona isikhathi esiyiminyaka emithathu.
Asidingi ukugxila kakhulu enkingeni yokusetshenziswa budedengu kwezidakamizwa
okuyiyonanto ehlukumeza intsha futhi iholele ezimweni eziningi ezisuke
zingaqondiwe.
Udaba lokuhlolwa kwesifo somdlavuza kumele lube yingxenye yalokho esibhunga
ngakho ngenxa yokukhuphuka kwezinga lokuhlasela kwesifo somdlavuza
emiphakathini yakithi.
Izingozi
iKwaZulu-Natal yindawo ethandwa abangcebeleli yingako nje Sihlalo
Ohloniphekile sithola kunezingozi eziningi emigaqweni okuphetha sekungumthwalo
eMnyangweni Wezempilo.
Izifo ezithathelanayo
KwaZulu-Natal sibhekene nenkinga enkulu yezifo ezithathelanayo okubalwa
kuzo
igciwane lesandulelangculazi, ingculazi, isifo sofuba kanye nesifo
ikamalaleveva. Lezizifo nazo zimandla kwabesimame nasezinganeni. Ngomhlaka 25
April 2007 Ubumbano lwamazwe aseAfrica luyobe livuselela umkhankaso wokulwa
nesifo sikamalaleveva. Kuyangithokozisa Shlalo Ohlonophekile ukusho ukuthi
lapha kulesifundazwe sikwazile ukubhekana nalesisifo.
Ngesikhathi kuhlangene ingqungquthela kazwelonke eyayidingida ukusebenza
kohlelo lukazwe lonke olubhekene negciwane lesandulelangculazi nengculazi
phakathi konyaka ka-2007 kuya ku-2011 iNational Strategic Plan on HIV and Aids
e-Boksburg ngo-March ka-2007, olisekela likaMongameli wagcizelela ukuthi intsha
yiyona esemqoka kakhulu emzabalazweni wokulwa negciwane lesandulelangculazi
nengculazi. Waqhubeka wathi "They, more than all of us, must believe in an
Africa that is free of HIV.
Waqhubeka wathi njengoba sasibambene futhi sizinikele ekulweni nobandlululo
singalinqoba igciwane lesandulelangculazi nengculazi kanye nodlame
nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane okuneqhaza ekubhebhethekeni
kwegciwane lesandulelangculazi kanye nezinye izifo ezithelelana ngokocansi
(STI's). Ngiyaphinda futhi ngithi, ukubamba iqhaza ekunakekeleni abantu
besifazane nezingane kuqinisekisa isizwe esinempilo. Enye yezindlela esemqoka
yokuvikela igciwane lesandulelangculazi ukugqugquzela uhlelo lokuzinikezela
ngokuzithandela ekutheni welulekwe bese uyahlola isimo sakho, Voluntary
Counselling and Testing, nokuluhlelo olukhuthaza izakhamizi zakuleli ukuba zazi
isimo sazo segciwane lesandulelangculazi. Nakuba kusungulwe loluhlelo
ezikhungweni zezempilo zikaHulumeni ezingama 636 (amakhulu ayisithupha
namashumi amathathu nesithupha) kanye nasezikhungweni okungezona ezikaHulumeni
ezingama mashumi ayisithupha, kodwa balinganiselwa ku 2 kuya ku 3% kuphela
wabahlali balesisifundazwe abasebenzisa lezizikhungo. Kungalezozizathu umnyango
usuqoke ukugxila kakhulu ekusabalaliseni ngamandla loluhlelo lokuhlola isimo
sakho ngokuzithandela.
Umnyango wenza lokhu usebenzisa izindlela eziningi okubandakanya izikhungo
zokusakaza ngenxa yobumqoka bokuthi umuntu azi isimo sakhe segciwane
lesandulelangculazi. Loluhlelo (lwe-VCT) kumele lutshalwe ngokwanele
ezinhlakeni zethu ezibhekelele impilo yabasebenzi (Employee Wellness Centre)
ukuze lusize abasebenzi bethu bazi isimo sabo ukuze kumiswe uhlelo
oluzobhekelela labo asebehaqwe yigciwane lesandulelangculazi futhi kwesekelwe
imindeni yabo.
Sesifikile isikhathi lapho kumele semukele khona ukuthi lesi yisifo esifana
nazozonke ezinye izifo, okusho ukuthi umuntu uma elandele indlela efanele
yokuphila, angaphila impilo eyiyo. Kulonyaka wezimali sizoqala uhlelo
lokusungula izikhungo ezizobhekelela labo abahlukunyezwe ngokocansi ezizobizwa
ngokuthi iThuthuzela centres, nokuyilapho kuzohlinzekwa inhlanganisela yosizo
kubandakanye nosizo olunikezwa onukubezwe ngokocansi olumvikela ezifweni
noluzohlinzekwa ngaphansi kokuqondiswa yiminyango ethintekayo okubalwa kuyo
uphiko lwamaphoyisa (SAPS) umNyango wezobuLungiswa kanye nomNyango
wezeNhlalakahle ngenhloso yokuqhakambisa amalungelo abantu uma kuhlinzekwa
usizo lwezempilo.
Umnyango usukhuphule isibalo sezikhungo ezihlinzeka imishanguzo
yeantiretroviral kulabo asebekulungele ukuyisebenzisa. Sasihlose ukuba selaphe
iziguli eziyizi â 56,157 (izinkulungwane ezingamashumi amahlanu nesithupha
nekhulu namashumi amahlanu nesikhombisa) ngemishanguzo ye ARV kunyaka wezimali
ka 2006/07 kodwa izibalo eziphume ngokuphela kuka February ka 2007 zimi kubantu
abayizi 72 300 (izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili namakhulu
amathathu).
Ukusebenza kohlelo lokunakekelwa kweziguli emakhaya (Home Based Care
Programme) seluhlanganiswe nohlelo lonompilo iCommunity Care Giver programme
kanti kuze kube namuhla onompilo abayizi-5,720 (izinkulungwane ezinhlanu
namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili) basebenza ngokukhulu ukukhuthala
emiphakathini yethu.
Ukwehlisa izinga lokugcwala kwemibhede ezibhedlela ngenxa yegciwane
lengculazi, sekwenziwe uhlelo lwemibhede ezolala labo abangasadingi
ukunakekelwa okwengeziwe. Njengamanje kunenani lemibhede eyizi 2 556
(izinkulungwane ezimbili amakhulu amahlanu namashumi amahlanu nesithupha).
Kulemibhede eyizi 2 277 (izinkulungwane ezimbili namakhulu amabili namashumi
ayisikhombisa nesikhombisa) isezikhungweni zikahulumeni kanti engama 279
(amakhulu amabili namshumi ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye) isingethwe
yizinhlangano ezisebenza ngokungahlose kuthola nzuzo, (NGOs).
Njengamanje isifundazwe sibhekene nengwadla yegciwane lesandulelangculazi
kanye nesifo sofuba esihambisana nalo. Ukuqubuka kohlobo lwesifo sofuba
esinenkani iXDT TB kamuva nje esibhedlela iChurch of Scotland kubeke ingcindezi
enkulu emsebenzini wezempilo. Isifundazwe, sesivele sisesimweni sokuphebeza
ubhubhane lwesifo sofuba njengoba beyi 1 054 (izinkulungwane namashumi amahlanu
nane) abantu abahaqwe yilolubhubhane kubantu abayi 100 000 (ikhulu
lezinkulungwane). Isibalo sabantu abangama 200 (amakhulu amabili) abahaqwe
yisifo esithile kwabayi 100 000 (ikhulu lezinkulungwane) senza lesosifo
sithathwe njengobhubhane.
Izindlela eziningi zihleliwe ukubhekana nokuthuthukisa izinga lokukwazi
ukubhekana nesifo sofuba onyakeni owedlule wezimali. Ngenxa yokukhuphuka
kwenani lezigameko zesifo sofuba esinenkani iMDR TB, isibhedlela iKing George V
ebikade kuyiyona isikhungo esibhekene naloluhlobo lwesifo sofuba esifundazweni,
asisakwazi ukumelana nalomsebenzi. Ngakho ke umnyango ube usuqagula izikhungo
eziyisikhombisa (7) ezizobhekana nalesisisfo sofuba esinenkani iMDR.
Isibhedlela iFOSA esiseThekwini, yi-Old Greytown eMzinyathi, iDoris Goodwin
eMgungundlovu, iCathrine Booth ngaphansi kwesifunda Uthungulu, iManguzi
eMkhanyakude, iThulasizwe eZululand kanye ne-Murchison esifundeni Ugu
zizobhekana nalomsebenzi. Loku kuzonyusa isibalo semibhede e MDR kusuka ku 240
njngamanje siye ku 703. Isimo sokusebenza kwazo sizobuyekezwa ngokuhamba
kwesikhathi.
Ngenyanga ka January 2007, umnyango waqhamuka nohlelo lokuhlinzeka usizo
lokudla kubobonke abantu abathatha imishanguzo yesifo sofuba kanye
nesandulelangculazi ukuqinisekisa ukuthi bayahambisana nendlela efanele
yokusebenzisa imithi ikakhulukazi imithi yesifo sofuba njengoba sona
singelapheka. Uma isifo sofuba selashwe kahle singakwazi ukunciphisa izinga
lokuhlasela kwesifo sofuba esinenkani (MDR TB). Izindleko zokwelapha isifo
sofuba isikhathi esiyizinyanga eziyisithuba zingama R400 (amakhulu amane) kanti
ukwelapha umuntu osephethwe yisifo sofuba esinenkani iMDR TB kucishe
kufinyelele ku R30 000 kanti isifo sofuba esinenkani kakhulu nesisezingeni
eliphezulu iXDR izindleko zalo ziphakathi kuka R80 000 (amashumi amathathu
ezinkulungwane) (amashumi ayisishiyagalombili ezinkulungwane) kuya ku R100 000
(ikhulu lezinkulungwane).
Ukusimamisa uhlelo lwezempilo
Ukuze sikwazi ukunqoba izinselelo ezinhlobonhlobo esibhekene nazo emkhakheni
wezempilo, sidinga ukuba sibuke lonke uhlelo lwezempilo bese sithola indlela
ehlanganisa yonke imikhakha esizobhekana ngayo nalezizinselelo. Lokhu
kungathela izithelo ezibonakalayo nezihambisana nezindleko okubhekwene
nazo.
I-Africa Health Strategy 2007, uhlelo lwezempilo lwamazwe ase Afrika luka
2007, lukubeka ngokungananzi ukuthi uhlelo lokuhlinzekwa kwezempilo, ukutshalwa
ngononina kwezidingo zokusebenza ezindaweni ezifanele, ukunakekela kwabantu,
ulwazi nobuciko kanye nokuqapha nokubuyekeza kuyizinto ezisemqoka kakhulu
ekuqinisekiseni ukusebenza ngendlela efanele yohlelo lwezempilo lonkana.
Imithi yokwelapha yesintu yase-Africa
Uma sifuna ukunqoba impi yezifo sidinga ukwazisa nokuhlonipha indlela
yomdabu kanye nemikhuba encike nosiko lwabantu bethu futhi sisebenze nabo
singasebenzi ngokuphikisana nabo. Umhlonishwa, inkosi yase-Wales, njengophawu
lwamazwe omhlaba lokuqhakambisa ulwazi lwendabuko kanye nokuhlonipha iqhaza
lomuthi wendabuko wabeka kanjena ngesikhathi ethula inkulumo kwi-World Health
Assembly e-Geneva ngo May ku 2006, "It is tragic, it seems to me that in a
ceaseless rush to "modernise", many beneficial approaches which have been tried
and tested have shown themselves to be effective, have been cast aside because
20 they are deemed "old fashioned" or "irrelevant" to today's need. Waqhubeka
wathi, "the active participation of the patient can help create powerful
healing for our World."
Njengomnyango sizoqala ukubeka udaba lohlelo lwase-Africa lwendabuko
lokwelapha ezithebeni ngokuxhumana nabakulomkhakha, ososayensi
ababandakanyekayo olwazini lokusebenza kwezinhlelo zezomdabu kanye nokufunda
nokwabelana namanye amazwe ase-Africa kanye nezinye izifunda zomhlaba
esezimnkantshubomvu kulendima yokukhuthaza nokuvikela ulwazi lwabo losiko lwabo
lokwelapha.
Ukusingathwa kwezindaba zabantu/zabasebenzi
Sihlalo ohloniphekile, udaba lwabasebenzi emNyangweni wezeMpilo lusemqoka
kakhulu kuwowonke amazwe, kodwa ikakhulukazi kulawo asathuthuka. Lelizwe
lisungule iNational Human Resource Plan ngonyaka ka-2006 ngenhloso yokubhekana
nenselelo yokwentuleka kwabasebenzi abenele njengegxathu lokusimamisa umkhakha
wezempilo nokusebenza kwawo.
Umbiko wethimba elabe lijutshelwe lomsebenzi elaliholwa ngu-Solwazi William
Pic ngonyaka ka-2001 wabeka kanjena kwisingeniso sawo: "In order to give
expression to the Primary Health Care (PHC) approach, the vehicle through which
basic health will be made accessible to all, the department is committed to
ensuring, through proper planning, that a continuous supply of, suitably
qualified, component of human resources will be available to staff primary,
secondary and tertiary health facilities".
Njengalomnyango, sizogxila kwimigomo emine ye-National Health Plan ka
2006
Sizoqinisekisa ukuthi:
* Ukuhlela nokuthuthukisa uhlelo lwabasebenzi kuhlanganiswe nezidingo
nezimfuno zohlelo lwezempilo ngokuthola lonke ulwazi lwezempilo oludingakalayo
ukuze kuhlanganiswe uhlelo lokusebenza lomnyango wezempilo.
* Ukuqinisekisa ukuthi kunesimo esisimeme ekwenziweni komsebenzi,
ukuhlinzeka bonke abasebenzi bezempilo ngamakhono ngenhloso yokuthi izindawo
ezisemakhaya nazo zithole usizo lwezempilo olufanele.
* Ukuqinisekisa ukuba abasebenzi bezempilo bakulungele futhi banamakhono
afanele okunikeza usizo lwezempilo, ukunikeza usizo lwezempilo oluseqophelweni
eliphezulu.
* Ukuqinisekisa ukuthi indawo yokusebenza ikulungele yini ukusebenza futhi
iyahambisana yini nendlela okuphethwe ngayo umsebenzi.
Malunga ahloniphekile sizokhumbula ukuthi sike sazithola sisesimweni sokuthi
sixoshe abahlengikazi kanye nalabo abasangena kulomkhakha abazibandakanya
kwisiteleka esabe singekho emthethweni ngasekuqaleni kwalonyaka. Umsebenzi
wesigungu esisingethe loludaba usuphothuliwe, sizobe ke sesisebenza
ngokwezincomo zalesisigungu.
Isikhungo iKwaZulu-Natal College of Nursing, sikhiqize inani eliphindwe
kabili labahlengikazi. Lesisikhungo sikhiqize abahlengikazi abayi 1500
(inkulungwane namakhulu amahlanu ngonyaka ka 2002, kwathi kulonyaka ka 2006/07
sakhiqiza abahlengikazi abayi 2 900 (izinkulungwane ezimbili namakhulu
ayisishiyagalolunye). Bonke abahlengikazi abaqeda ukuqeqeshwa ngonyaka ka 2002
basebenza ngaphansi komNyango wezeMpilo njengoba behlinzeka usizo lwezempilo
ngemuva kokuqeqeshwa.
Sibheka ezinye izinhlelo zemifundaze ngenhloso yokucobelela ngolwazi
lwemfundo intsha yethu engasebenzi kanye nokwakha amathuba emisebenzi lapho
sintula khona abantu abazohlinzeka ngamakhono omsebenzi. Njengamanje
sizibandakanye ohlelweni olubhekene ngqo nentsha engasebenzi esezindaweni ezabe
zincishwe amathuba ngaphambilini ukuze iqeqeshelwe ukusebenza ngaphansi kophiko
lwezempilo olubhekele izimo eziphuthumayo (Emergency Care Practitioners).
Loluhlelo lungena onyakeni wesithathu manje lwasungulwa. Intsha engaphezulu
kwekhulu evela ezindaweni ezabe zincishwe amathuba ngaphambilini ihlomulile
kuloluhlelo kanti kumanje iqashwe ngumNyango wezeMpilo njengabasebenzi
bezempilo abahlinzeka usizo lwezempilo nababhekele izimo eziphuthumayo
(Emergency Care Practitioners).
Ngonyaka wezimali ka 2007/08 okungenani kuzophinde kuqeqeshwe abanye
abayikhulu. Isikhungo saKwaZulu-Natal esibhekelele ukuqeqesha lababasebenzi
iKwaZulu-Natal College of Emergency Care singesinye sezikhungo zokuqeqesha
kulomkhakha ezimbili kuphela ezweni lonke esizoqala ukuqeqesha abasebenzi
kwamanye amazinga ezempilo ngenyanga ka April ka 2007 ukuze kukhiqizwe ithimba
labasebenzi bezempilo bezophiko olubhekele izimo eziphuthumayo ngonyaka ka
2009.
Ezobuchwepheshe bolwazi
Njengophawu lokuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni ezobuciko, sekufakwe
ama-computers amabili kanye nomshini woku-printa owenza neminye imisebenzi
ehlobene nalona kuyoyonke imitholampilo. Izinhlelo ezifanele zobuchwepheshe
sezihleliwe ngenhloso yokuthi abasebenzi bakwazi ukusebenzisa ama-e-mails kanye
ne-intranet. Uphiko lwakwa-SITA luphezu kwezinhlelo zohlelo lokuqeqesha
abasebenzi abasemitholampilo ezifundeni zonke ngalobubuchwepheshe.
uMnyango weZempilo, iNyuvesi yaKwaZulu âNatali iMedical Research Council
kanye noMnyango weSayensi nobuchwepheshe bazoqinisa loluhlelo ezibhedleleni
ezinhlanu kulonyaka.
Sihlalo ohloniphekile, siyaqhubeka nokuthuthukisa izinsiza kusebenza
kwezokwelapha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bayakwazi ukubekwa
esimweni esivulelekile sokuthi bakwazi ukuthuthuka ngokomsebenzi wezempilo.
Ukuthuthukiswa kwezingqalasizinda
Kusukela kwisabelomali sangonyaka owedlule, sekusungulwe imitholampilo
engomahambanendlwana engama 75 (amashumi ayisikhombisa). Izikhungo zezempilo
zomphakathi ezintathu (Community Health Care Centres) okuyi Turton, KwaMashu
kanye nase-Zakheni seluqalile uhlelo lokwakhiwa kwazo kanti kulindeleke ukuthi
lube seluphothuliwe ngonyaka wezimali ozayo bese zilungela ukusetshenziswa.
Imitholampilo elishumi nantathu seyakhiwe futhi yavulwa ngokusemthethweni
kanti izinhlelo zokwakhiwa kwezikhungo zezempilo ezihlinzeka usizo lwezempilo
emazingeni aphansi (Primary Health Care) ezingamashumi amane nesikhombisa
ziyaqhubeka kulonyaka wezimali ka 2007/08.
Lokhu kubandakanya imitholampilo elishumi nanhlanu emisha, imitholampilo
ezovuselelwa kabusha elishumi) izakhiwo ezinhlanu zokuhlala, izakhiwo ezi-3
(ntathu) ezizothuthukiswa, izinhlaka eziyisikhombisa zezakhiwo ezizobhekana
nohlelo lokuvikela ukwedluliselwa kwegciwane lesandulelangculazi lisuka kumama
liya kumntwana (Prevention of Mother to Child Transmission (PMTCT, izakhiwo
ezine ezizobhekana nohlelo lokuhlinzekwa kweziguli ngemishanguzo
ye-antiretroviral, isikhungo esisodwa esibhekene nezimo ezibucayi, noma
esizobhekelela labo abasuke behlukumezekile kanye neziteshi ezimbili
zezempilo.
Uphiko olubhekene nokuthuthukiswa kwezingqalasizinda (Infrastructure
Development Component) selusebenzise imali elinganiselwa ku R800 million
(amakhulu ayisishiyagalombili ezigidi) emzamweni wokuthuthukisa
izingqalasizinda zezempilo ngonyaka wezimali ka-2007/08.
Ngaphansi kohlelo lokuvuselela noma ukulungiswa kabusha kwezibhedlela
(Hospital Revitalisation Programme), ngiyajabula ukusho ukuthi uhlelo oluholwa
nguMongameli wezwe lokuvuselelwa nokwakhiwa kabusha kwesibhedlela sakwaHlabisa
luhamba kahle kakhulu. Isigaba sokuqala saloluhlelo sesiphothuliwe,
okubandakanya kulo ukwakhiwa kwezindawo zokuhlala abasebenzi ezimibhede
elikhulu namashumi amane nesithupha, esinye isakhiwo sokuhlala abasebenzi kanye
nendawo yokuhlala abahlengikazi.
Izingqalasizinda zokuzithokozisa, igumbi lokuxilonga izinto ezifana negazi
nakhokonke okudinga ukucutshungulwa, isakhiwo sophiko olubhekele ukwelulama
kwabagulayo, ikakhulukazi labo abebekade belimele kanye nesakhiwo esibhekele
ukuhlinza iziguli (Central Sterilization and Surgical Division - CSSD)
sezakhiwe. Amanye amagumbi eziguli asakhiwe kabusha athuthukiswa okubandakanya
igumbi labantu besifazane abagulayo.
Ezinye izinhlelo zibandakanya imali engu R135,3 million esisetshenzisiwe
ekwenzeni umsebenzi wokuthuthukisa isibhedlela iKing George V ukuze ingene
ezingeni lezibhedlela zesifunda. Loluhlelo lubandakanya ukwakhiwa kwexhiba/
ikhishi kanye nendawo yokudlela. Izindleko zalomsebenzi kulindeleke ukuba
zifinyelele ku-R241, 9 million ngonyaka wezimali ka 2007/08 kanye no R237,6
million ngonyaka wezimali ka 2008/09. Loluhlelo kulindeleke ukuba luphothulwe
ngonyaka ka-2008.
Isibhedlela sase-Rietvlei sekusele kancane ukuba kuphothulwe uhlelo
lokulungiswa kwaso lwalonyaka nokulindeleke ukuba umsebenzi uphothulwe ngo-June
kuwo unyaka ka-2007.
Uhlelo lokwakhiwa kabusha nokuvuselelwa kwezibhedlela seluke lwabhekana
nezinkinga, kanti kumanje sesibandakanye umnyango wezokuGcinwa kwaMafa
kaHulumeni esifundazweni (Treasury), umNyango wezeMpilo kazwelonke kanye
nomNyango wezokuGcinwa kwaMafa kaHulumeni ezingeni likazwelonke ukuze sithole
indlela ephumelelayo ekwenzeni izinhlelo zethu okubandakanya kuzo ukwakhiwa
kwezibhedlela eziqanjwe ngo-Dokotela Pixely ka Seme no Dokotela J L Dube, iKing
Edward VIII, isibhedlela iEdendale kanye nesibhedlela sase Madadeni zingabe
zisaphazamiseka noma zibambezeleke.
Selokhu umsebenzi wokusingatha amakhaza siwuthatha ophikweni lwamaphoyisa
iSAPS, ukulungiswa kwezinsiza zokusebenza okuncane sekwenziwe nokudle imali
engu R11,2 million. Lokhu kwenziwe ngenhloso yokwenza umsebenzi wasemakhazeni
ube ngosebenza ngendlela. Uhlelo lokuvuselelwa kwezakhiwo zasemakhazeni
sekuqalile kwezinye izakhiwo eziyisithupha okuyizindleko ezilinganiselwa ku R16
million. Lomsebenzi uluhlelo oluqhubekayo kanti kumele luphothulwe ngalonyaka
wezimali. Ekuqaleni sibe nezinselelo ngaloluhlelo kodwa sakwazi ukuhlangabezana
nezinye zezinkinga.
Ukulungela imidlalo yendebe yamazwe omhlaba ngo 2010
NjengomNyango wezeMpilo kumele siqinisekise ukuthi sikulungele ukubhekana
nezidingo somqhudelwano wendebe yamazwe omhlaba. Lokhu sizokukhombisa ngokuqoka
imeneja ezosingatha izindaba ezimayelana nalemidlalo ka 2010. Izikhala
zomsebenzi ezingama 600 (amakhulu ayisithupha) abasebenzi abahlinzeka usizo
lwezempilo ezimweni eziphuthumayo asesunguliwe ukuze kuqiniswe umthangala
wabasebenzi bezempilo. Kuzophinde kube nombhidlango onqala wokuqinisekisa
ukuthi kunabasebenzi abanele ukwesekela ukuhlinzekwa kwemisebenzi yezempilo
ngokuhambisana nezidingo zemidlalo yendebe yamazwe omhlaba ka 2010.
Izimpiko ezibhekene nezingozi kanye nezimo eziphuthumayo ezikhungweni zethu
zizothuthukiswa kanti futhi sizoqhamuka nezinhlelo ezizobhekana nokuhlinzeka
usizo lwezempilo oluseqophelweni ngaphambi kokuba umuntu afike esibhedlela.
Umthwalo esibhekene nawo njengomnyango mkhulu kakhulu kodwa njengoba u Rosa
Luxemburg akubeka ngokuqondile ukuthi angeke sikwazi ukubona lokho
okuyizinhloso zethu uma singakhombisi ukukhuthala nowabeka kanje, "lazy,
frivolous, egoistic, thoughtless and indifferent human beings". Wakucacisa
futhi ukuthi umphakathi wethu wakusasa udinga lokhu "human beings from whom
each one in his/ her place is full of passion and enthusiasm for general
wellbeing, full of self-sacrifice and sympathy for his fellow human beings,
full of courage and tenacity in order to dare to attempt the most
difficult".
Sihlalo namalunga ahloniphekile, sikholweni uma sithi sinyathela ngamagxathu
abanzi siphokophele phambili ekuhlangabezaneni nenhlosongqangi yethu yokwenza
impilo engcono kuwowonke umuntu ngaphezu kwazozonke izinselelo esibhekene nazo
futhi angeke saphazanyiswa lutho.
Usihlalo ohloniphekile uzokhumbula ukuthi ukuklanywa kabusha kwemingcele,
ngokombandela noma ngokulawula komthetho weshumi nambili wesichibiyelo
somthetho sisekelo, Constitutional Twelth Amendment Act, sibe sesithatha
abasebenzi abangangama 908 (amakhulu ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili)
bomNyango wezeMpilo e Eatern Cape kusukela mhla ka 1 April 2007. Kanjalo
nomNyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uzohambisa abasebenzi bawo abangamakhulu
mathathu namashumi amabili nanhlanu) eEastern Cape abasuka esibhedlela i-Tylor
Bequest eMatatiele.
Sihlalo siyazi ukuthi ukwakhiwa kwanoma yiliphi isu, izimpawu ezibonakala
ngaphandle kulona, zincika kakhulu kwezingaphakathi kulo. Siyazi futhi ukuthi
ngokwezinga lethu lezepolitiki, abanye bethu bangaguqulwa ngokuthi bahlinzekwe
ngolwazi oluphelele lwalokho esikwenzayo, nokuchaza kabanzi imizamo yethu kanye
nokuzinikela kwethu. Kungenxa yalesisizathu nginqume ukuba ngenze umzamo
wokunikeza lendlu isithombe sempumelelo esesifinyelele kuyona kusukela ngaqala
ukuma lapha, ngomsebenzi ofanayo, ngethula isabelomali sami kulendlu ukuze
isamukele.
Isabelomali sonyaka ka 2007/08
Sihlalo ohloniphekile, imali eceliwe ezobhekana ngendlela nezindleko zonyaka
wezimali ka 2007/08 kuzoba ngu R13 412 815 000 00, nokuyimali okulindeleke
ukuba ibhekane nezinselelo esisabhekene nazo esifundazweni sethu ukuze
sihlinzeke usizo lwezempilo olungcono futhi sikwazi ukubamba iqhaza ekwakhiweni
kwekusasa lesifundazwe.
Uhlelo lokuqala lwalesisabelomali: Ukusingathwa kwemisebenzi yomnyango.
Sihlalo ohloniphekile ukuze abaphathi bomNyango wezeMpilo basebenze ngendlela
enempumelelo, kubonakale kusemqoka ukuthi imisebenzi eyenziwa eNhloko-hhovisi
ihlelwe ngendlela yokuthi ihlinzeke ukwesekela okufanele kuzozonke izikhungo
zethu zezempilo, ukuqeqesha nokuthuthukisa abasebenzi, ukuthuthukisa izinhlelo
zezempilo kanye nokuthuthukisa izinga lokuhlinzekwa kosizo emphakathini.
Sikholelwa ukuthi ukuthuthukisa imisebenzi eyenziwa yinhloko-hhovisi, nezinye
izinhlaka ezingaphansi kwayo zizokwazi ukusebenza kahle. Sibeke eceleni imali
engu R274,399,000 kulonyaka, nokulinani lemali elikhuphuke ngo 30% uma
kuqhathaniswa nemali yangonyaka owedlule eyabe ingu R209,856,000
eyayihlinzekelwe unyaka ka 2006/07. Lemali ilinganiselwa ku 2% wesabelomali
esisonke.
Uhlelo lwesibili lwesabelomali: Imisebenzi yezempilo ehlinzekwa zifunda
Zezenpilo
Ngonyaka owedlule wezimali, sibone izinselelo ezibucayi kakhulu zokuhaqwa
kwesifundazwe yizifo. Ngonyaka odlule wezimali, sibeke eceleni imali engu R5
438 billion ukuze ibhekane naloluhlelo. Kulonyaka wezimali ka-2007/8 sibeke
eceleni imali engu R6,200,035 billion ebonakala ikhuphuke ngo 15% kunaleyo
yangonyaka olwedlule eyayihlinzekelwe unyaka wezimali ka-2006/07. Ukukhuphuka
kwalemali kuzobhekelela ukusebenza kohlelo lokulwa negciwane
lesandulelangculazi kanye nengculazi, ukukhuphula amaholo abasebenzi ngaphansi
kohlelo iHealth Professionals Remuneration Review bese ibhekelela nezindleko
ezihambisana nokungena kwendawo uMzimkhulu ngaphansi kwesifundazwe saKwaZulu
Natal.
Uhlelo lwesithathu lwesabelomali: Imisebenzi yezempilo ngaphansi kwezimo
eziphuthumayo
Ngonyaka owedlule, sazibophezela ekuthuthukiseni uphiko olubhekele
ukuhlinzeka usizo lwezempilo ezimweni eziphuthumayo ngokuthi kwandiswe izimoto
zokusebenza kanye nokuqasha abanye abasebenzi abengeziwe ukuxhasa lomkhakha.
Sibeke eceleni imali engu R553,561,000, nekhuphuke ngo 21% kuleyo yangonyaka
wezimali ka 2006/07 eyabe ingu R459,380,000.
Ukukhuphuka kwalemali kuzobhekelela ukuthuthukiswa kwezikhungo zokuxhumana,
izikhungo zokugcinwa kwezimoto zokusebenza, ukwakhiwa kwethimba elizobhekelela
imidlalo ye-Federation International Football Association (FIFA), ukuqasha
abasebenzi kanye nokuqeqesha labo abavele besebenza emnyangweni. Uhlelo lwesine
lwesabelomali: Imisebenzi yezibhedlela ezisezingeni lesifundazwe Izinselelo
ezibhekene nomnyango wezempilo ukuthi izibhedlela zingasingathwa kanjani
kangcono okungancikile ukuthi zinazo yini izidingo zokusebenza. Sibeke eceleni
imali engu R3,512,310 million, ekhuphuke ngo 11% uma iqhathaniswa naleyo
yonyaka wezimali ka-2006/07 eyabe ingu R3,163,833 million.
Uhlelo lwesihlanu lwesabelomali: Umsebenzi wezibhedlela ezibhekene nezifo
ezithile kuphela
Izibhedlela zethu ezibhekene nezifo ezithile kuphela zingezinye zezibhedlela
ezihamba phambili emhlabeni. Imisebenzi yalezizibhedlela ibuye ixhaswe kancane
ngezimali ezikhishwa ngaphansi kwezimo noma imibandela ethile ngumNyango
wezeMpilo kazwelonke, kanti izinga lemali yoxhaso ilawulwa yisimo samandla
emali ngalesosikhathi kuphela. Imali engu R1,271,875 million ibekelwe
ukubhekana nemisebenzi yalezizibhedlela. Lokhu kuveza ukukhula kwalemali ngo 9%
isuka ku R1,168,164,000 ngonyaka wezimali owedlule.
Uhlelo lwesithupha lwesabelomali: Ucwaningo lwezesayensi kwezempilo
Nokuqeqesha
Njengomnyango, enye yezinselelo zethu ezinzima ukuthuthukisa ikhono lokwenza
umsebenzi kubasebenzi kuyoyonke imikhakha namazinga ngokuthi abasebenzi
bahlinzekwe ngamakhono ayiwo. Lokhu kubandakanya phakathi kwezinye izinto
ukuthathwa kwabahlengikazi abasha kanye nabazoqeqeshelwa ukuhlinzeka usizo
lwezempilo ezimweni eziphuthumayo kanye nokuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo
emikhakheni eyahlukahlukene. Inkinga yokwentuleka kakhulu kwabahlengikazi kanye
nokusebenza kanzima kwabanye abasebenzi bethu bezempilo ngenxa yalesisimo,
kuphakamisa isidingo sokuba sibambe iqhaza elikhulu ekuqeqesheni abasebenzi
abenza imisebenzi ebhekene nezempilo ngqo.
Sibekele eceleni lomkhakha osemqoka kakhulu isamba semali engu R503,519
million. Ukukhuphuka kwalemali ngo-11% isuka ku-R58, 300 million kuhloswe
ngakho ukuxhasa uhlelo lokuqeqesha uphiko oluhlinzeka usizo lwezempilo ezimweni
ezibucayi (EMRS) kanye nokuqalisa uhlelo lweminyaka emibili yokuthi okade
eqeqeshelwa ukuba udokotela asebenze iminyaka emibili emnyangweni njengengxenye
yokuqeqeshwa.
Uhlelo lwesikhombisa lwesabelomali: Uhlelo lokwesekelwa kwemisebenzi
yezempilo
Sihlalo ohloniphekile, asikhohliwe ukuthi kunemali esengezelwa ngayo engu
R20 million ngonyaka wezimali owedlule okwabangelwa ukukhula kwesidingo
sokukhushulwa kwezinsiza kwelapha okwabangelwa ukukhuphuka kwenani leziguli
ezangena ohlelweni lokwelashelwa isandulelangculazi uhlelo lwemishanguzo,
(antiretroviral treatment). Sibe sesiyehlisa imali kuloluhlelo ngenxa yemali
eluxhaso ebengiyibale ngenhla yakhishwa kanye, okusho ukuthi emalini esasinayo
engu R29,560,000 ngonyaka wezimali ka 2006/07 isiyehle yaba ngu R12,649,00
okuchaza ukuthi yehle ngo 57%. Nakuba kunjalo, kodwa sibona sengathi sizobuye
siyikhuphule imali yalomsebenzi kwisabelomali sonyaka ozayo ngemali engu
R1,481,000, 000 noma ngo 11% ngonyaka wezimali ka 2008/09 iphinde futhi
ikhuphuke ngo 7% ngonyaka wezimali ka-2009/10. Ngibona kunesidingo sokuthi
ngikhumbuze indlu ukuthi loluhlelo lusetshenziselwa ukubhekana nempahla
yomnyango. Sibhekene nezinselelo ezishisayo mayelana naloluhlelo. Eminye
imisebenzi eminingi ebesiyihlelile ukuthi izoqala ngonyaka owedlule bese
iqhubeka ngalonyaka wezimali esikuwo manje imisiwe ngenxa yokwehliswa kwemali
ebhekele ukuvuselela nokwakha kabusha izikhungo zomnyango wezempilo ngo R503
million esikhathini se-MTEF. Imali ecelwe kulonyaka ikhushulwe yafinyelela
ku-R953, 145,000 ngonyaka owedlule wezimali yafinyelela ku R1,084,467 billion
kulonyaka wezimali esikuwo, okukhomba ukuthi ikhuphuke ngo R131, 322,000 noma
ngo-14%.
Sihlalo ohloniphekile, ngivumele ngedlulise ukubonga kwami okukhulu kumadoda
namakhosikazi eKomidi LezeMpilo ePhalamende (Health Portfolio Committee)
abakhombise ukusesekela okukhulu futhi nelisaqhubeka nokusiqondisa
emkhankasweni wokusingatha umnyango ngendlela eyimpumelelo egameni labantu
besifundazwe. Ngizothanda futhi ukubonga abaphathi bomNyango wezeMpilo
abasebenza ngokuzinikela nokubeka umphakathi esiwusebenzelayo phambili kunabo,
okunye yikho lokho okushiwo yimibiko yabezindaba. Ngifisa ukuniqinisekisa
ukuthi, lamadoda namakhosikazi, banenhloso yokuthuthukisa isimo sezempilo
sabantu besifundazwe saKwaZulu-Natal nokunikeza impilo engcono kuwowonke
umuntu.
Ngabe angibenzanga ubulungiswa kulenkulumo uma ngingambonganga uMhlonishwa
uNdunankulu wesifundazwe kanye nabalingani bami engisebenza nabo esigungwini
esiphezulu, kanye namabandla ehlukahlukene ezenkolo, abasesekelayo ngeqhaza
abalibambile ekuthuthukiseni umsebenzi womnyango.
Njengoba bengike ngakuphakamisa enkulumweni yami ngaphambilini, sidinga
ukubumbana ukuze sinqobe umsebenzi esibhekene nawo. Ngizoqhubeka nokuthatha
iziphakamiso nemibono evela kuzakhamizi zesifundazwe ezihlala zizimisele futhi
zilangazelela ukusinikeza amasu okuthi singathuthukisa kanjani indlela
esihlinzeka ngayo usizo lwezempilo kubantu.
Enkulumweni yakhe engqungqutheleni eyayidingida ngesihloko esithi, "war of
wantâ eyayibanjelwe eLondon ngo-1988, ubaba uOliver Tambo osewadlula emhlabeni
washo lamazwi alandelayo: "Those of us who come from Southern Africa know the
true meaning of mass abject poverty. We have seen with our own eyes, and
perhaps experienced personally, what it means to go without food and to wake up
from sleep that has been tormented by nightmares deriving from both hunger and
the knowledge that the new day was as much without hope as the last. We have
seen the frightened and pleading eyes of the young and old, reduced to an
animal condition by want and deprivation. We are familiar with the tragic
spectacle of children, mothers and fathers rummaging through refuse heaps in
search of morsels of food that have been thrown away because they are no longer
wanted."
Lokho okwakubonwa ngubaba uOliver Tambo kuveza ngokusobala lokho abantu
bakithi abedlule kukhona. Ngakho-ke asisebenze ngokubambisana ekubambeni iqhaza
elibonakalayo kwezempilo ukuze kuhlomule abantu bethu. Asibambaneni sibhekane
nomsebenzi ophambi kwethu. Uma sisebenza ngokubambisana, angeke sehluleke.
"Together we stand, divided we fall"
Sihlalo ohloniphekile, lesi yisabelomali engu R13,412,815 billion somNyango
wezeMpilo engisibeka ezithebeni zenu ukuthi nisibheke futhi nisiphasise.
Siyabonga.
Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
24 April 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kznhealth.gov.za)