Inkulumo Echaza Isimo Sezwe Ithulwa Ngumhlonishwa Jacob G Zuma, uMongameli WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika Ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela Izindlu Zombili ZePhalamende, eKapa

Somlomo Ohloniphekile Wesigungu Sikazwelonke,
Sihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe;
IPhini Likasomlomo Wesigungu Sikazwelonke Nephini Likasihlalo Womkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe;
IPhini Likamongameli WeRiphabhulikhi, uMhlonishwa Kgalema Motlanthe;
UMongameli Waphambilini uThabo Mbeki noNkk Mbeki,
UMongameli Waphambilini u-FW de Klerk noNkk De Klerk,
AmaPhini oMongameli Baphambilini uNkz Phumzile Mlambo-Ngcuka noBaleka Mbete,
UMhlonishwa iJaji Eliyinhloko LeRiphabhulikhi kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile oPhiko lwezobulungiswa;
UMhlonishwa u-Peeroo, uSihlalo WesiThangami Sephalamende le-SADC
Ongqongqoshe Abahloniphekile Namaphini abo,
ONdunankulu abahloniphekile noSomlomo beziFundazwe zethu;
USihlalo weSalga nabo bonke ubuholi bohulumeni basekhaya;
USihlalo Wendlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko;
Izinhloko Zezikhungo Zikahulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yeningi
UMphathi weBhangengodla; uNkz. Gill Marcus,
IPhini likaSihlalo Wekhomishani Kazwelonke Yezokuhlela nePhini likaMongameli Kakhongolose, uMnu Cyril Ramaphosa kanye nazo zonke izikhulu zikaKhongolose,
Abaholi bezamabhizinisi, ezemidlalo, ezendabuko, ezenkolo nazo zonke izinhlaka,
Amalungu ezigungu zamanxusa, Izivakashi ezikhethekile eziqavile,
Amalungu ahloniphekile,
Izakhamuzi zezwe lakithi iNingizimu Afrika,
Sanibonani nonke, molweni, dumelang.

Angibonge oSihlalo ngokunginika leli thuba lokuba ngabelane nani ngohlelo lwethu lokusebenza lonyaka wezi-2013 sihlezi ngokuhlanganyela kwezindlu zombili zaPhalamende.

Sibingelela bonke ababukele ukusakazwa kwale nkulumo emakhaya kanye nasezikhungweni zokubukela zoPhiko lukaHulumeni Lwezokuxhumana Kanye Nokuhlinzeka Ngolwazi kulo lonke leli, kubandakanya lezo eziseKhayelisha, eNyanga kanye naseGugulethu khona lapha eKapa.

Angiphinde ngibonge kubo bonke ababambe iqhaza emalungiselweni ale nkulumo. Ngithole imiyalezo eminingana nge-imeyili, u-twitter no-Facebook.

Ngiphinde ngachitha isikhathi nabafundi beBanga le-12 ababeke imibono yabo mayelana nalokho okumele kubandakanywe enkulumweni. Imibono yabo ngiyithole ihlinzeka ngolwazi futhi inothile.

Malungu ahloniphekile,

Bantu bakithi nabangane,

Mhla ziyi-15 kuNcwaba ngonyaka odlule, Ikhomishani Kazwelonke Yezokuhlela yadlulisela kuMongameli kuyo le ndlu ehloniphekile, Uhlelo Lwezentuthuko Lukazwelonke, okungumbono wezwe weminyaka engama-20 ezayo.

I-NDP iqukethe iziphakamiso zokulwa nezinkinga zobubha, ukungalingani kanye nokuswelakala kwamathuba emisebenzi.

Luyinkombandlela yeNingizimu Afrika lapho wonke umuntu eyoba namanzi, ugesi, ukukhucululwa kwendle, imisebenzi, izindlu, izithuthi zomphakathi, ukudla okwanele, imfundo, ukuvikeleka komphakathi, usizo nokunakekelwa kwezempilo okuseqophelweni eliphezulu, ezokungcebeleka kanye nendawo ehlanzekile.

Ukufezeka kwawo wonke lawa maphupho kube nzima kakhulu esikhashaneni nje esisanda kudlula, ngenxa yenzikamnotho emhlabeni jikelele.

Le ngwadla ebheke namazwe aseYurophu isithinta sonke ngoba amazwe aseYurophu angamanye amazwe esihwebelana nawo kakhulu, cishe enza amaphesenti angama-21 ezindawo esihwebela kuzo ngemikhiqizo yethu.

Ukukhula kwenani leMikhiqizo Yonke Yangaphakathi kulindeleke ukuthi kubalelwe kuma-2.5%, kwehlile kusuka kuma-3.1% angonyaka odlule. Sidinga amazinga okukhula angamaphesenti amahlanu ukuze sakhe eminye imisebenzi.

Uhlelo Lwezentuthuko Lukazwelonke luveza ukungenelela okungabeka umnotho emgudwini ongcono. Kuhloswe ukuba kwakhiwe amathuba emisebenzi abalelwa kuzigidi eziyi-11 ngonyaka wezi-2030 kanti umnotho kumele ukhule ngokuphindwe kathathu ukuze kwakhiwe amathuba emisebenzi adingekayo.

Emhlanganweni wami wokugcina nomphakathi wezamabhizinisi, baveze ukuthi ukuze umnotho ukhule ngokuphindwe kathathu, kumele sisuse izithiyo ezithile.

Sizoxoxisana namabhizinisi, abasebenzi nabanye esisebenzisana nabo emphakathini ukuze kutholakale izixazululo. Alukho uhlangothi olulodwa olusebenza ngalodwana olungafeza lezi zinjongo esizibekele zona.

Malungu ahloniphekile,

Manje ngithanda ukubika ngenqubekela phambili eseyenziwe kusukela eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe yangonyaka odlule bese ngethula nohlelo lokusebenza lonyaka wezi-2013.

Ngizokhuluma ngezinto ezinhlanu eziseqhulwini – imfundo, ezempilo, ukulwa nokugebengu, ukwakha amathuba emisebenzi ehloniphekile kanjalo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kanye nokuhlelwa kabusha komhlaba.

Ngonyaka ofile, ngakhuluma nesizwe mayelana nezinhlelo zikahulumeni zengqalasizinda.

Ekupheleni kukaNdasa kulo nyaka, kusukela ngonyaka wezi-2009, uhulumeni uzobe esechithe izigidigidi ezingama-860 zamarandi kungqalasizinda. Amaphrojekthi ahlukahlukene ayaqalwa ezweni jikelele. Ngizoxoxa ngambalwa kuphela.

Ukuqaliswa kwesigaba sokuqala kokuNyuswa Komthamo Wamanzi eMfuleni iMokolo ne-Crocodile kuqalile futhi kuzohlinzeka ingxenye yamanzi adingekayo eziteshini zokuphehla ugesi iMatimba neMedupi.

Ukwakhiwa kohlelo lokusabalasisa amanzi ngobuningi eDamini i-De Hoop, kuqale ngoMfumfu 2013, luzosetshenziswa ukuphakela amanzi komasipala bezifunda i-Greater Sekhukhune, i-Waterberg neCapricorn.

Kumele siguqule ukuthuthwa kwamalahle ngemigwaqo sisebenzise ojantshi eMpumalanga, ukuze sivikele imigwaqo yethu. Yingakho-ke ukwakhiwa komzila wamalahle iMajuba Rail kuzoqala maduze.

Sizibophezele futhi ukwenza ngcono ukuthuthwa kwezimpahla kanye nokudidiyela umnotho ngomhhume wezezimboni ngomzila ohamba eThekwini-eFreyisitata-naseGauteng.

Mayelana nalokhu, umsebenzi omkhulu usuyaqhubeka ukuthuthukisa isikhumulo sezimpahla esimaphakathi nezwe esibizwa nge-City Deep eGauteng.

Usuqalile umsebenzi wokunwetshwa kwe-Pier 2 echwebeni laseThekwini.
Futhi okwesithathu, umhlaba usuthengiwe ukuthuthukisa isikhumulo esizombiwa esikhumulweni samabhanoyi esidala saseThekwini.

EMpumalanga Kapa, ngivule ngokusemthethweni isikhumulo saseNgqura futhi ukwakha sekuqaliwe manje ukuze kuthuthukiswe indawo yokuthutha impahla.

IDamu Umzimvubu libalulekile ezimpilweni zabantu basemakhaya. Umsebenzi wokulungiselela usuqalile ukuze ukwakha kuqale ngonyaka ozayo.

Ukuthuthukiswa komzila wesikhumulo samabhanoyi kanye nendawo yokuma amabhanoyi eMthatha kanye nokwakhiwa koMgwaqo iNkosi Dalibhunga Mandela Legacy kanye neBhuloho, kuyaqhubeka njengamanje.

Ngicele ukuthi umsebenzi eNyakatho Ntshonalanga usheshiswe eminyakeni emibili ezayo njengoba kusilelwe emuva kakhulu ngomsebenzi kulesiya sifundazwe, ikakhulukazi ugesi, izikole, imitholampilo, imigwaqo kanye namanzi.

Ukwenza ngcono ukuthuthwa kwetshe lensimbi kanye nokuvula intshonalanga yezwe, sinyuse amandla okusebenza kukajantshi ngokuhanjiswa kweezinqola eziyi-11.

Isigaba sokuqala salokhu kunwetshwa – ukukhushulwa komthamo wesikhumulo setshe lensimbi e-Saldanha ube yizigidi ezingama-60 ngonyaka saphothulwa ngokusemthethweni ngoMandulo ngonyaka ophelile.

Umsebenzi wokwakha uyaqhubeka emadolobheni amahlanu – eKapa, e-Nelson Mandela Bay, e-Rustenburg, eThekwini naseTshwane ukudidiyela izinhlobo ezihlukahlukene zezithuthi – amabhasi, amatekisi kanye nezitimela.

Embonini yezamandla kagesi, sesifake amakhilomitha angama–675 ezintambo ezihambisa amandla kagesi ukuxhuma izizinda zezomnotho ezikhula ngokushesha kanye nokuhambisa amandla kagesi ezindaweni zasemakhaya.

Phezu kwalokhu, uhulumeni usayinde izinkontileka ezilinganiselwa kuzigidigidi ezingama-47 zamarandi ezinhlelo zokusetshenziswa kabusha kwamandla kagesi. 

Lokhu kubandakanya amaphrojekthi angama-28 agesi ophehlwa ngomoya,ugesi welanga kanye nobuchwepheshe bokuphehla ugesi emadanyini amancane, okuzothuthukiswa eMpumalanga Kapa, eNtshonalanga Kapa, eNyakatho Kapa  kanye naseFreyisitata.

Ngonyaka odlule, sakhe isikhwama sikazwelonke sezigidi ezingama-800 zamarandi samaphrojekthi ahambelana nemvelo. Kuze kube manje, kutshwalwe izigidi ezingaphezu kwama-400 zamarandi kumaphrojekthi ahambelana nemvelo agunyaziwe komasipala, kwezinye izikhungo zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nezinhlaka ezizimele kuzo zonke izifundazwe.

Sesifake amagiza agesi wamandla elanga ayizi-315 000 kusukela kuMasingana walo nyaka, amaningi awo anikezwa imindeni ehlwempu, eminingi yawo engakaze ibe namanzi ashisayo aphuma empompini esikhathini esingaphambilini.

Sibe nempumelelo ekukhuliseni ukuhanjiswa kwezidingongqangi ngohlelo lwengqalasizinda. Zilinganiselwa ezi-200 000 izindlu ezifakwe ugesi ngonyaka wezi-2012.

Nizokhumbula ukuthi Ubalobantu lwezi-2011 luveze izimpumelelo ekukhuliseni ukuhanjiswa kwezidingongqangi. Umbiko uthe inani lemizi enogesi manje sekuyizigidi eziyi-12.1, okungama-85%. Imizi eyisishiyagalolunye kweyishumi manje isinamanzi. 

Ukulungiselela umnotho osezingeni eliphezulu, kumele sithuthuthuke, sizosabalalisa uhleloxhumano lobuxhakaxhaka be-inthanethi.

Ngonyaka odlule, imboni ezimele nohulumeni bafaka amakhebuli e-inthanethi alinganiselwa kumakhilomitha ayizi-7 000. Uhlelo wukuthi kwenziwe ama-100% okungena ku-inthanethi ngonyaka wezi-2020.

Mayelana nengqalasizinda yomphakathi, isamba sezikole ezingama-98 ezintsha ezizobe sezakhiwe ekupheleni kukaNdasa, phakathi kwazo ezingama-40 ziseMpumalanga Kapa ezakhiwe emva kokudilizwa kwezodaka.

Ukwakha kulindeleke ukuthi kuqale ngoMandulo ezindaweni zokwakha amanyuvesi amabili amasha eNyakatho Kapa naseMpumalanga.

Ngesonto elidlule, sishicilele uMthethosivivinywa Wokuthuthukiswa Kwengqalasizinda ukuze umphakathi uphawule ngawo.

Silwa nokuqeda inkohlakalo, ukukhwabanisa amathenda kanye nombimbi lokunquma intengo kuzinhlelo zengqalasizinda.

Umbuso usuqokelele umqulu omkhulu wemininingwane mayelana nokungaziphathi kahle kwezinkampani ezinkulu zokwakha.

Lokhu manje kungaphansi kwezinhlelo ezifanele zekhomishani yezokuncintisana kanye nezinye izikhulu zengalo yomthetho.

Uhlelo lokuthuthukiswa kwengqalasizinda lube ngumthombo obalulekile lapho uhulumeni efunde khona okuningi. Kulo nyaka esibheke kuwo, sizosheshisa amaphrojekthi amaningi amenyezelwe yiKhomishana KaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (i-PICC).

Izifundo esizifundile wukuthi kumele silawule, sididiyele futhi sigxile ekuqaliseni ukusebenza.

Malungu ahloniphekile,

Iminyaka emibili edlule ikhombise ukuthi lapho uhulumeni engenelela khona ngamandla futhi ngokungenamkhawulo, kungaguqula izimboni eziqavile ezibhekene nobungozi obuvela ngaphandle nangaphakathi njengoba kwenzekile embonini yethu yezokukhiqiza.

Siqinisekise ukuvuselelwa kokwenziwa kwezitimela kanye namabhasi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi ngenxa yesidingo sokuthengwa ngaphakathi. 

I-PRASA kanye no-Transnet bafake izigidigidi zamarandi ekwenzeni ngcono imizila yokuthutha abagibeli bezitimela kanye nemizila yokuthutha impahla.
Imboni yezingubo, indwangu kanye nezicathulo isizinzile emva kweminyaka eyi-15 yokwehla kwamathuba emisebenzi. Uhlelo lokusekela imboni yezingubo luhlinzeka ngoxhaso lwemali, ukuvimba amafemu angawi kanye nokulahleka kwemisebenzi.

Ekuguqulweni komnotho okusabalele, UMthetho Wokufukulwa Kwabamnyama Kwezomnotho Ngokusabalele kanye namakhodi kuyaphothulwa. Ukuthuthukiswa kwezinkampani zabantu abamnyama kanye nezimboni zabantu abamnyama kuzobekwa phambili.

Uhulumeni unezihlelo eziningana zokweseka amabhizinisi amancane. Iphrojekthi ebalulekile yeHhovisi likaMongameli njengamanje wukuqiniseka ukuthi iminyango yahulumeni ikhokhele amabhizinisi amancane ezinsukwini ezingama-30.

Kudingeka iminyango ilethe imibiko njalo ngenyanga ukuze siqaphele inqubekela phambili mayelana nalokhu.

Sithathe isinqumo sokuthi izikhulu ezibhekelele umsebenzi ezihlulekayo ukwenza njengoba kubeka lo myalelo, zizobhekana nemiphumela yokungathobeli umyalelo.

Enkulumwemi Echaza Isimo Sezwe yonyaka wezi-2010, ngamemezela Isikhwama Semisebenzi manje izigidigidi ezintathu zamarandi sezigunyazelwe amaphrojekthi azokwakha amathuba emisebenzi.

Malungu ahloniphekile,

Ingxenye yokuthathu yesizwe ingaphansi kweminyaka eyi-15. Izwe lethu, njengamanye amazwe amaningi, linenkinga yentsha eswele imisebenzi.

NgoNhlangulana wonyaka ofile ngacela amaziko ku-NEDLAC ukuthi adingide ngemivuzo yokusebenza kwentsha, ngiyajabula ukuthi izingxoxo ziphethiwe futhi kwafinyelelwa kusivumelwano mayelana nemigomo eqavile. Izingxenye ezithintekayo zizosayinda Isivumelwano ekupheleni kwale nyanga.

Imivuzo izokwengeza kulokho okuvele sekwenziwa nguHulumeni ukuhlomisa intsha.

Izinkampani zombuso zihlinzeka ngokuqeqeshelwa umsebenzi kanye nokufundela umsebenzi ezindaweni zokusebenza futhi sinxusa ukuthi isibalo salokhu sikhushulwe. Sinxusa imboni ezimele ukuba yamukele izinkulungwane eziyi-11 000 zabafundi abaphothulile ukufunda abalindele ukungena emsebenzini.

UMnyango Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nokuhlelwa Kabusha Komhlaba uqhuba Izigungu Zikazwelonke Zemisebenzi Yentsha Yasemakhaya, nesezibhalise intsha eyizi-11 740 ezinhlelweni ezihlukahlukene zokuqeqesha.

UMnyango uhlela futhi Izizinda Zentsha Yasemakhaya eziyisishiyagalolunye isifundazwe ngasinye, kubandakanya izifunda ezingama-23 ezihlwempu kunazo zonke ezweni.

Sizophinda sisebenzise Uhlelo Lwemisebenzi Yomphakathi Olusabalele kanye noHlelo Lwemisebenzi Yomphakathi ukuqasha intsha.

Ngokusebenzisana sizosithola isisombululo enkingeni yokuswelakala kwamathuba emisebenzi entsheni.

Malungu ahloniphekile,

Sihlonze ezokuvakasha njengeminye yemikhakha eyakha amathuba emisebenzi.

Ukufika kwezivakashi kukhule ngamaphesenti ayi-10.7 phakathi kukaMasingana noMandulo 2012, nokungaphezu kwezinga emhlabeni jikelele kwama-4% ngonyaka odlule.

Ngebhadi, impumelelo yemizamo yeNingizimu Afrika yokulondoloza kuzwelonke nokuholele kuma-73% womhlambi wobhejane bomhlaba belondolozwa kuleli, sekuholele ekutheni izwe lethu lihlaselwe yiqembu lezigebengu lomhlaba elihweba ngezimpondo zobhejane.

Sisebenzisana namazwe okusuke kuhwetshwa kuwo nalawo okudlulwa kuwo nalezi zimpondo zobhejane njenge-Vietnam, i-Thailand ne-China futhi siqinisa imizamo yethu yokulwa nale nkinga.

Somlomo ohloniphekile,

Sihlalo ohloniphekile,

Ezokumbiwaphansi, ngokomlando ezingumgogodla womnotho wethu, zibhekane nesikhathi esinzima kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule.

Ngonyaka odlule le mboni ihlaselwe yiziteleka ezingekho emthethweni kanye nesibhicongo saseMarikana lapho kwabulawa khona abantu abangaphezu kwama-44.

Sibumbe Ikomidi Elakhiwe Ongqongqoshe Abahlukahlukene elakhiwe ngoNgqongqoshe abakhulu bekhabhinethi ukusiza imindeni ngalesiya sikhathi esinzima. Ikhomishana Yezopheyo enamandla Omthetho eholwa yiJaji u-Ian Farlam iyaqhubeka nomsebenzi wayo.

Ngokusebenzisana sakwazi ukubuyisela ukuthula emphakathini kuleya ndawo.

Uhulumeni, abasebenzi ngokumelwa yi-COSATU, i-NACTU ne-FEDUSA, Inhlangano Yosomabhizinisi baseNingizimu Afrika, Umkhandlu Wosomabhizinisi Abamnyama kanye nomkhakha womphakathi babe nomhlangano ngoMfumfu futhi bafinyelela esivumelwaneni esibe yisisekelo sokuthi kubuyelwe emsebenzini kuyo yonke imboni yezokumbiwaphansi.

Sivumelane ngokusebenzisana ikakhulukazi, ukuqinisa inkundla yokuxoxisana ngamaholo, ukuze sixazulule inkinga yezindlu emalokishini ezokumbiwa phansi; ukweseka Uhlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda; ukubhekana nenkinga yokungasebenzi kwentsha, kanye nokuhlonza izinyathelo zokunciphisa ukungalingani.

Umsebenzi uyaqhubeka futhi iqembu lizobika khona maduze ngezinhlelo ezithile mayelana ne-Rustenburg, iLephalale, Emalahleni, i-West Rand, i-Welkom, i-Klerksdorp, i-Burgersfort/Steelport, i-Carletonville neMadibeng.

Emasontweni amabili adlule, ngibe nomhlangano eTshwane no-Sir John Parker, usihlalo we-Anglo-American Plc ukudingida izinhlelo ezibikiwe zokuhlela kabusha kanye nokudiliza abasebenzi abayizi-14 000 e-Anglo American Platinum.

Bantu bakithi,

Malungu ahloniphekile,

Sikholelwa ukuthi ezingeni lenqubomgomo sikwazile ukuletha ithemba embonini yezokumbiwaphansi. Inkulumompikiswano mayelana nokufakwa ngaphansi kukahulumeni kwezinkampani zezimayini yaphethwa ngoZibandlela engqungqutheleni kazwelonke yeqembu elibusayo.

Ukuqinisekisa ukuthi imisebenzi ehlinzekwa emphakathini namhlanje iyaqhubeka ukuhlinzekwa kubantu ngomuso, kudinga ukuthi sibe nezinqubomgomo zentela ezifanele ukuze kuqoqwe imali eyanele ukukhokhela le misebenzi.

Njalo nje ngokuhamba kwesikhathi, siye sicele ukuthi kwenziwe ucwaningo mayelana nezinqubomgomo zethu zentela, ukuhlola indlela esihlangabezana ngayo nezidingo zethu zezimali.

Ngasemaphethelweni alo nyaka, uNgqongqoshe Wezezimali uzocela ukuthi kwenziwe ucwaningo mayelana nezinqubomgomo zethu zentela ezisebenza njengamanje, ukuqinisekisa ukuthi imali eqoqwayo yenele ukuze yeseke izindleko zomphakathi. Ingxenye yalolu cwaningo, izobheka imali engeniswa yizimayini, mayelana nokuthi iyakwazi yini ukusiza abantu bethu ngendlela efanele.

Malungu ahloniphekile,

Zimenywa eziqavile,

Enkulumweni yami yangonyaka odlule sakhuluma ngodaba lwegebe lemiholo, abantu abahola kakhulu ukuba bangathola Izindlu Zomxhaso kodwa futhi behola kancane ukuthi bangathola imali yebhondi ebhange.

Kusukela ngoMbasa 2012 kuya kuZibandlela 2012, Iminyango Yezifundazwe ikhiphe isabelomali sezigidi eziyi-126 zamarandi esiBonelelo Sokuthuthukisa Ezokuhlaliswa Kwabantu ezenzelwe lolu hlelo, okwaziwa ngohlelo Loxhaso Lomuntu Oluhambelana Nemali Ayiholayo.

Le mali isetshenziswa ngeNhlangano Yezimali Zezindlu Zikazwelonke, eqokelwe ukuthi yakhele abantu abaphakathi kweGebe lemiholo ezinhlelweni eziyishumi nambili ezibhalisiwe.

Njengamanje sekusetshenziswe imali eyizigidi ezingama-70 zamarandi.

Amaphrojekthi abandakanya i-Walmer Link eMpumalanga Kapa, i-Lady Selbourne, i-Nelmapius, iBohlabela Borwa, i-Cosmo City ne-Fleurhof eGauteng, Intabazwe Corridor Housing e-Free State ne-Seraleng eNyakatho Ntshonalanga.

Ukuqaliswa kwalawa maphrojekthi ayisishiyagalombili Egebe Lemiholo kuyaqhubeka njengamanje.

Bantu bakithi nabangane,

Malungu ahloniphekile,

Kwezemfundo, siyajabula ukuthi ekugcineni izinga lokuphasa leBanga le-12 liya ngokukhula. Sihalalisela Ikilasi lonyaka wezi-2012, othisha babo, abazali kanye nomphakathi ngokwenza ngcono okuqhubekayo.

Sihalalisela isifunda esiziqwaqwade zonke emakhanda ngonyaka wezi-2012, isifunda saseGauteng kanye nomfundi weBanga le-12 obaqwaqwade bonke emakhanda, uNksz Madikgetho Komane, ovela esiFundeni saseSekhukhune, eLimpopo, oyisimenywa sethu esikhethekile.

Malungu ahloniphekile

Ukuhlolwa Kukazwelonke Konyaka (i-ANA) ezikoleni zethu, sekube yithuluzi elinamandla lokuhlola ukusebenza kohlelo lwezikole zethu. 

Siyakuthokozela ukuba ngcono kwemiphumela ye-ANA unyaka nonyaka, kodwa kusekuningi okumele kwenziwe ukwenza ngcono izibalo, isayensi kanye nezobuchwepheshe.

UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzobumba iqembu likazwelonke lomsebenzi okhethekile ukuqinisa ukuqalisa ukusetshenziswa Kwesu Lezibalo, Isayensi kanye Nezobuchwepheshe.

Sinxusa imboni ezimele ukuthi isebenzisane nohulumeni ngokwakha, ukufaka ngaphansi kwawo kanye nokuxhasa izikole zezibalo nesayensi noma izifundo eziqhutshwa ngoMgqibelo.

Bantu bakithi,

Siyajabula ngokukhula kwezinhlelo zokuthuthukiswa kwezingane zisencane, kubandakanya iBanga R.

Siyajabula futhi ngohlelo lwethu lwemfundo yabadala,i-Khari Gude, oselufinyelele kubantu abayizigidi ezi-2,2 kusukela ngowezi-2008 kuze kushaye owezi-2011.

Siyaqhubeka futhi nokugqugquzela zonke izinhlobo zabantu ukuthi bangayeki ukufunda. Abaningi bakhuthazwe ngumculi onesiphiwo futhi oyisitatanyiswa sami esikhethekile, uMnumzane Sipho Hotstix Mabuse ophothule ibanga leshumi ngonyaka odlule, eneminyaka engama-60.

Malungu ahloniphekile,

Ngonyaka wezi-2009, samemezela imfundo njengesihloko esiseqhulwini. Sifuna ukuthi wonke umuntu ezweni lethu abone ukuthi imfundo ingumsebenzi obalulekile esizweni sethu.

Ngokuthi sithi ezemfundo ngumsebenzi obalulekile, asibemuki othisha njengabasebenzi ilungelo eliqukethwe kuMthethosisekelo, njengelungelo lokuteleka.

Kuchaza ukuthi sifuna imboni yezemfundo kanye nomphakathi wonke uthathe imfundo ngendlela ebalulekile kunangendlela okwenzeka ngayo manje.

Yonke imiphakathi ephumelelayo inento eyodwa efanayo – itshale kwezemfundo. Amaholo ahloniphekile kanye nezimo zokusebenza kuyodlala indima ebalulekile ekuheheni, ekugqugquzeleni kanye nasekugcineni othisha abanamakhono.

Mayelana nalokhu, sizobumba Ikhomishani Kamongameli Ebhekelele Amaholo ezophenya ukufaneleka kwamaholo kanye nezimo zokusebenza ezihlinzekwa nguMbuso kubo bonke abasebenzi bawo.

Ngikhiphe umyalelo othi into yokuqala ephambili kumele kube ngothisha.

Ikhomishani izophinda ihlole nembuyiselo ekutshaleni imali.

Ekukhuphuleni ezemfundo zibe sendaweni yazo efanele, sifuna ukubona ubungcono emazingeni okufunda nokufundisa kanye nokuphathwa kwezikole. Sifuna ukubona ubungcono endleleni yokuziphatha, ukuma kanye nemiphumela.

Ngokusebenzisana nothisha, abazali, umphakathi kanye nabahlukahlukene okubanjiswene nabo, sizokwazi ukuguqula izikole zethu zibe yizikhungo lapho kwenziwa khona umsebenzi oncomekayo.

Malungu ahloniphekile,

Eminyakeni emihlanu eyedlule, iNingizimu Afrika ibinesikhathi esilindelekile sokuphila kwabantu esiphansi kakhulu kangangokuthi ongoti bebethi ngonyaka wezi-2015, isikhathi sokuphila besizobe silapho sasikhona ngonyaka we-1955.

Kwakuyisizathu esihle esenza ukuthi sijabule ngasekupheleni konyaka odlule, ngesikhathi izifundo zoMkhandlu Wezocwaningo Ngemithi, ibhuku lezemithi i-Lancet kanye nabanye beqala ukubika ngokukhula okumangalisayo kwesikhathi sokuphila sisuka eminyakeni engama-56 ngonyaka wezi-2009 siya eminyakeni engama-60 ngonyaka wezi-2011. Le mibiko iphinde ibike ngokwehla kokufa kwezingane kanye nokufa kwazo zingakahlanganisi iminyaka emihlanu.

Ukukhula kwesikhathi sokuphila kubalulekile ekuthuthukeni kwezwe lethu. Abantu babuyela emsebenzini, basebenza ngendlela enempumelelo, ngokomnotho nangokwenhlalo. Isimo somndeni sizinzile kakhulu nabazali baphila isikhathi eside bese beyakwazi ukunakekela izingane zabo.

Akumele sibe sesingasanaki, ngenxa yalezi zimpumelelo.

Njengoba kunamazinga aphezulu okuhlangana kokuthelelana phakathi kwegciwane leSandulela-Ngculazi nesiFo soFuba, sinqume ukudidiyela le misebenzi.

Umsebenzi uyaqhubeka nangakwezocwaningo. INingizimu Afrika ithole umshanguzo omusha wokulapha uMalaleveva.

Phezu kwalokhu, abacwaningi kuSikhungo Sohlelo Locwaningo NgeGciwane leNgculazi eNingizimu Afrika, Sithole imishanguzo ehlukahlukene elwa negciwane leSandulela-Ngculazi.

IPhini likaMongameli uMotlanthe waqoka amalungu amasha Esikhwama Somkhandlu Kazwelonke WeNgculazi eNingizimu Afrika. Sihalalisela ithimba eliholwa yiJaji eselithathe umhlalaphansi uZac Yacoob, njengosihlalo.

Izifo ezidalwa yindlela esiphila ngayo zikhula ngendlela eyethusayo. Kumele silwe futhi sehlise amazinga okubhema, umthelela wotshwala ongemuhle, ukudla okungenampilo kanye nokukhuluphala ngokweqile.

Malungu ahloniphekile

Ngonyaka wezi-2014 sizokwakha Isikhwama Somshuwalense Kazwelonke Wezempilo. UMnyango Wezempilo uzosheshisa futhi uqinise inqubekela phambili ezifundeni okuhlolwa kuzo lolu hlelo.

Mayelana nalokhu, kusukela ngoMbasa kulo nyaka, kuzoqashwa iqembu lodokotela abangama-600 ukuthi bahlinzeke ngemisebenzi yezokwelapha emitholampilo engama-533 emakhaya kanye nasemalokishini ezinhlelweni zokuhlola eziyishumi ezifunda ukuhlolwa kuzo lolu hlelo.

Bantu bakithi nabangane,

NgoNhlangulana sizoqeda iminyaka eyikhulu yoMthetho Womhlaba we-1913 owaguqula abantu abamnyama baba ondingasithebeni, abasebenzi futhi baba yimilahlelwangaphandle emhlabeni wabo.

OwayenguMongameli we-ANC uSefako Makgatho wabeka kanjalo enkulumweni ethulwa ngumongameli kunkomfa ye-ANC yangowe-1919.

Wathi;

UMthetho Womhlaba Wabamnyama usasebenza ngokungenanembeza kwezinye izindawo Zobumbano, futhi ngalesi sizathu imindeni eminingi yabantu abamnyama isasebenzela abalimi abamhlophe ukuthi bathole ukudla kuphela."

Sizizwa sihloniphekile futhi, kulo nyaka wokugubha Umthetho Womhlaba we-1913, ukuba sibe noNkk Nomhlangano Beauty Mkhize phakathi kwethu, ingqalabutho, ngokubambisana nomyeni wakhe u-Saul Mkhize, bahola umzabalazo wokulwa nokususwa ngenkani e-Driefontein nase-Daggaskraal, esiFundazweni SaseMpumalanga.

Udaba lomhlaba wudaba olukhuphula imimoya kakhulu.

Kudingeka ukuthi siluxazulule ngokuthula silandela uhlaka loMthethosisekelo kanye noMthetho.

Ngithole umlayezo ku-Facebook obuphuma kuThulani Zondi obeveza ukukhathazeka kwakhe ngokuhamba ngonyawo lonwabu kokuhlelwa kabusha komhlaba. Uthe:  “Mnu Mongameli, sigubha iminyaka eyi-100 selokhu kwaphasiswa Umthetho Wezomhlaba wonyaka we-1913 okwakuhloswe ngawo ukuphuca abantu base-Afrika umhlaba.

Ngiyakunxusa ukuthi usheshise uhlelo lokuhlelwa kabusha komhlaba unikezwe abantu base-Afrika abangenawo umhlaba.

“Uma sihlela kabusha umhlaba kumele singakhohlwa ngokuba nokudla okwanele. Ukuqeqeshwa kanye nokufundiswa kwabalimi abamnyama abasafufusa kumele kwenziwe.”

Kusukela ngowe-1994, sizama ukuxazulula izinkinga zokuhlelwa kabusha komhlaba ngokusebenzisa ukunxephezela, ukusabalalisa kanye nokuqashisa.

Njengoba bese ngishilo ngaphambilini, ngeke sikwazi ukuhlangabezana nemigomo yethu yokuhlela kabusha umhlaba.

Ukubuyekeza kukahulumeni kwaphakathi nonyaka odlule kwaveza izinkinga eziningi mayelana nohlelo lwethu lokuhlela kabusha umhlaba. Sizosebenzisa esakufunda lapho ukwenza ngcono ukuqalisa ukusebenza.

Okokuqala kumele sifinyeze isikhathi esithathwayo ukuphothula isicelo. Mayelana nalokhu, uHulumeni uzosebenzisa umgomo wokunxephezela ‘onobulungiswa futhi nokulingana’ njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo kunokusebenzisa umgomo “wokuvuma komthengi, nokuvuma komdayisi”, nokuphoqa uhulumeni ukuthi akhokhele umhlaba imali ethe xaxa kunaleyo yenani lakhona.

Okwesibili kuphakanyisiwe ukuchitshiyelwa koMthetho Wokubuyiswa Kwamalungelo Omhlaba, we-1994 ukuze kuhlinzekelwe ukuvulwa kabusha kokufakwa kwezicelo zokubuyiselwa umhlaba, ngabantu abahluleka wukufaka izicelo ungakashayi umnqamulajuqu womhla lu-1 Zibandlela 1998.

Enye into ezobhekwa, ukuxolelwa kusuku olungumnqamulajuqu lukaNhlangulana 1913 ukuze kwamukelwe nezicelo zezizukulwane zama-Khoi nama-San kanjalo nezindawo zamagugu kanye nezindawo eziwumlando.

Esinye isifundo esibalulekile ukuhlinzeka ukweseka kubanikazi bomhlaba abasha ukuze umhlaba uqhubeke nokukhiqiza.

Kumele sikwazi ukuhlinzeka imihlomulo engcono kubalimi abanezifiso futhi abakwaziyo ukuqeqesha abalimi abasafufusa.

Enye inkinga esibhekene nayo ngabantu abafuna ukubuyiselwa umhlaba abakhetha imali kunomhlaba, nokungasisizi ukuthi sishintshe indlela yokuba nomhlaba.

Njengengxenye yeHhovisi likaMongameli yokuxoxisana nabanentshisekelo kulolu daba sekusondele Inkulumo Echaza Isimo Sezwe, IPhini likaMongameli libambe umhlangano nabalimi kanye nabasebenzi basemapulazini e-Paarl ngoLwesibili.

Abanentshisekelo bavumile ukuthi kumele kube nokuthula nokuzinza embonini yezolimo nokuthi izimo zokuhlala kanye nokusebenza zabasebenzi basemapulazini kumele zenziwe ngcono ngokushesha.

Kuyakhuthaza ukubona abalimi behlaba ikhwelo lokuthi kusheshiswe uhlelo lokuhlelwa kabusha komhlaba kanye nokuseka abalimi abasafufusa.

Sizoqhubeka nezingxoxo nabalimi kanye nabasebenzi basemapulazini

Bantu bakithi nabangane,

Kumele singakhohlwa isivinini esikhulu abantu abafudukela ngaso emadolobheni. Izibalo zoBalobantu ziveze ukuthi ama-63% abantu ahlala ezindaweni ezisemadolobheni. Lesi sibalo kulindeleke ukuthi sifike kuma-70% ngonyaka wezi-2030.

Izindawo zobandlululo zisaqhubeka emadolobheni kanye nasemadolobhaneni ethu. OMasipala bodwa ngeke bakwazi ukubhekana nale nselele. Sidinga isu elizobhekana nalokhu kuzwelonke.

Yize ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya kusewudaba oluphambili kuhulumeni, kubalulekile futhi ukuthi siphinde sithuthukise uhlaka lukazwelonke lwezentuthuko yasemadolobheni oludidiyelwe ukusiza omasipala ukuze babhekane kahle nokufudukela kwabantu emadolobheni.

Njengengxenye yohlelo lokuqalisa ukusebenza koHlelo Lukazwelonke Lwentuthuko, zonke izinhlaka ezintathu zikahulumeni kumele zengamele ukufuduka okusha kwabantu beya emadolobheni ngendlela ezoba nomthelela entuthukweni yasemakhaya.

Malungu ahloniphekile

Ukwenza ngcono isimo sabantu besifazane kusalokhu kuyinto ebalulekile kulo hulumeni.

UMthethosivivinywa Wokulingana Ngokobulili kanye Nokufukulwa Kwabesifazane ugunyazwe yiKhabhinethi ukuthi abantu bephawule ngawo. UMthethosivivinywa wenza kube yicala indlela yokusebenza enomthelela ongemuhle kwabesifazane nasemantombazaneni.

Uphinda ulawule inqubomgomo ka-50/50 mayelana nokubakhona kwabantu besifazane kuzinhlaka ezithatha izinqumo.

Malungu ahloniphekile

Ukudlwengulwa yiqulu lezigelekeqe kanye nokubulawa ngesihluku kuka-Anene Booysen kanye nabanye besimame namantombazane esikhathini esisanda kudlula kulethe isidingo sokuthi kuhlanganwe ngomsebenzi wokuqeda lesi sihlava.

Udlame kanye nesihluku okubhekiswe kwabesifazane abangakwazi ukuzivikela akuvumelekile futhi akunayo indawo ezweni lethu. Ngonyaka odlule, Umkhandlu Kazwelonke Omayelana Nodlame Olugxile Kwezobulili wabunjwa.

Ubunjwe nguhulumeni, Izinhlangano Ezizimele, Izinhlangano Ezigxile Emphakathini, Izinhlangano Zezenkolo, abezemfundo, izikhungo zocwaningo ,izinhlangano zabesilisa, kanye nabamele abesifazane, izingane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka.

Sinxusa lolu hlaka olulawulayo ukuthi lwenze umkhankaso wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane ube ngumkhankaso wansukuzonke.

Sizishayela ihlombe zonke izinhlaka nemikhankaso esivele yenziwe, egqamisa ukuthi izenzo ezifana nalezi ngeke zibekezelelwe.

Ngiyalele izinhlaka zezomthetho ukuthi zibhekane nalawa macala ngokushesha futhi njengabalulekile. UPhiko lwezamacala Ocansi, Ukuvikelwa Kwezingane kanye Nodlame Lwemindeni, olwabunjwa kabusha ngonyaka wezi-2010, manje selunabasebenzi abathe xaxa.

Kunyaka wezimali odlule, lolu phiko lukwazile ukuthi lugqugquzela ukugwetshwa kwabantu abangama-363 odilikajele, nezinga elingama-73% lokugwetshelwa amacala enziwa kwabesifazane abangaphezu kweminyaka eyi-18 kanye nama-70% amacala enziwe ezinganeni ezingaphansi kweminyaka eyi–18 ubudala. 

Masibhukule sonke sisebenze, silwe nale nkinga esibhekene nayo yabantu abadlwengula omame nezingane, ngisho nezalukazi imbala. Ihlazo nobunswelaboya obesabekayo lokhu abakwenzayo. Izigilamkhuba kufanele zibikwe emaphoyiseni ziboshwe.

Uhulumeni wengeza ezinye izindlela zokuvikela abantu besifazane, njengoMthethosivivinywa Wokuvikeleka Ekuhlukunyezweni, Yize Umthetho Wodlame Lwasekhaya uhlinzeka ngokuvikela, usebenza kuphela kubantu ababandakanyeka kudlame lwasekhaya.

UMthethosivivinywa Wokuvikeleka Ekuhlukunyezweni uphinde ubhekane nabantu abalandela izisulu zabo ngezindlela zokuxhumana ngobuxhakaxhaka bezobuchwepheshe. 

Phezu kwalokhu, Umthethosivivinywa Wokulwa Nokushushumbiswa Kwabantu waphasiswa yiSigungu Sikazwelonke ngonyaka odlule futhi manje usezithebeni zoMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe.

Uma usuqalisiwe ukusetshenziswa, umthetho uyosiza abesifazane kanye nezingane, abavamise ukuba yizisulu zalobu bugebengu obuhlasimulisa umzimba.

Bantu bakithi nabangane,

Kunokukhula ekubonakaleni kwamaphoyisa nokunomthelela ekunciphiseni amazinga obugebengu.

Imikhankaso egxile kuzibhamu ezingekho emthethweni, izimoto ezintshontshiwe neziduniwe, utshwala nezidakamizwa nokuthathwa njengezinto eziyimbangela yobugebengu isizile ekunciphiseni ubugebengu.

Bantu bakithi nabangane,

Uhulumeni uyaqhubeka nempi yokulwa nenkohlakalo.

Inani labasebenzi boPhiko Oluphenya Ngamacala Akhethekile likhule lisuka kumalungu angama-70 kuya kwangama-600.

Kusukela ngonyaka wezi-2009, sengisayinde izimemezelo ezingama-34 eziyalela i-SIU ukuthi iphenye izinsolo zenkohlakalo, ukukhwabanisa, noma ukungaphathi ngendlela kuminyango yahulumeni kanye nakwezinye izinkampani zikahulumeni.

Bangama-203 abasolwa abaphenyelwa amacala obugebengu kumacala akhethekile angama-67 ayengaphansi kophenyo ekupheleni kukaMandulo 2012.

Isamba, sezinhlelo ezandulela icala esibhekane nabantu abayi-191. Bangama-66 abantu abaphenywayo ngezinsolo zokwamukela izigidi ezi-5 zamarandi noma ngaphezulu ngendlela yenkohlakalo. Imiyalelo Eyalela ukuthi izinto zingasetshenziswa ikhishelwe abantu abangama-46.

Kwezinye izimpumelelo, kunyaka wezimali odlule, ziyi-107 iziphathimandla ezisebenza kuhlelo lwezobulungiswa ezitholakele zinamacala. 

UPhiko Oludla Impahla luthathe impahla elinganiselwa kuzigidi ezingama-541 zamarandi. Izigidi ezingama-61 zamarandi zale mpahla seziyekelwe ezandleni zoMbuso. Le mpahla ibuyiselwa emuva ukuba ilwe nobugebengu kanye nenkohlakalo ngokuvulwa kwe-Akhawunti Yempahla Ezuzwe Ngobugebengu.

Ngonyaka odlule, olunye uxhaso lwezigidi eziyi-150 zamarandi eziphuma ku-Akhawunti Yempahla Ezuzwe Ngobugebengu zagunyazelwa umsebenzi weQembu Elikhethekile Elilwa Nobugebengu elibandakanya Oklebe, uPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile kanye Negunya Lezokushushisa Likazwelonke. 

Lezi zinsiza kuhloswe ngazo ukuqinisa amandla ezinhlaka zomthetho ekuzimiseleni kwabo nokulwa nenkohlakalo.

Sinxusa imboni ezimele ukuthi ithathe impi yokulwa nenkohlakalo njengento ebalulekile ukuze silwe nakho macala wonke.

Ukuze siqinise impi yokulwa nenkohlakalo, sizogcwalisa zonke izikhundla ezingagcwalisiwe eziphezulu ohlelweni lwezobulungiswa.

Bantu bakithi nabangane,

Malungu ahloniphekile

Kunezifundo esizithole kulokho okwenzeke eMarikana kanye nakwezinye izigameko esingeke sikwazi ukuthi sizivumele ziphinde zenzeke ezweni lethu.

UMthethosisekelo wethu ngempela ungenye yezimpumelelo ezinkulu zezwe. Noma yini esiyenzayo njengohulumeni ilawulwa nguMthethosisekelo wethu kanye nombono wawo womphakathi esiwakhayo.

Sinxusa zonke izakhamuzi ukuthi zigubhe, zigqugquzele futhi zivikele uMthethosisekelo wethu.

UMqulu Wamalungelo unikeza isiqiniseko ukuthi “wonke umuntu unelungelo, ngokuthula futhi ngaphandle kokuhloma, ukuhlangana, ukubhikisha, ukubhikisha ngezikhathi ezithile kanye nokwethula uhlu lwezikhalazo ezibhalwe phansi.” 

Ngakho-ke, sinxusa abantu bakithi ukuthi basebenzise ilungelo labo lokubhikisha ngendlela enokuthula futhi ehlelekile.

Akuvumelekile ukuthi amalungelo abantu aphulwe ngabantu abaphehla izenzo ezinodlame, njengezenzo eziholele ekulimaleni kanye nasekufeni kwabantu, ukulinyazwa kwempahla kanye nokushatshalaliswa kwengqalasizinda yomphakathi ebalulekile.

Sinomthwalo esiwuboshezelwe wokulandela, ukuvikela kanye nokuhlonipha, uMthethosisekelo njengomthetho omkhulu weRiphabhulikhi. Siyokwenza konke okusemandleni ukuthi senze lokhu.

Kungalesi sizathu, ngiye ngayalela Ithimba Lezobulungiswa, Ukugwenywa Kobugebengu kanye Nezokuphepha ukuthatha izinyathelo, ngokushesha, ukuqinisekisa ukuthi izigameko zemibhikisho enodlame zithathelwa izinyathelo, ziyaphenywa futhi abantu bayashushiswa.

Kuzoba nezinkantolo ezizokwenzelwa ukubhekana nalolu hlobo lwamacala kuhlu olukhethekile lwamacala. Umthetho kumele uthotshelwe futhi kumele ubonakale njengothotshelwayo – ngendlela enobulungiswa, eyimpumelelo futhi esheshayo.

Izakhamuzi zezwe lethu zinelungelo lokulindela ukuthi umbuso wazo wentando yeningi uzosebenzisa igunya lawo ukuvikela uMthethosisekelo owazabalazelwa abaningi isikhathi eside futhi kanzima. Ngekhe sikwazi ukudumaza kulokhu okulindelekile.

Ngakho-ke ithimba le-JCPS libeke izinhlelo ezingeni likazwelonke, lezifunda kanye nelendawo ukubhekana nalezi zigameko ngempumelelo.

Angiphangise ngengeze ukuthi iminyango kahulumeni kuwo wonke amazinga kumele isebenzisane nemiphakathi kanye nokuqinisekisa ukuthi zonke izikhalazo ziyaxazululwa. Lowo mthwalo usekhona. Singuhulumeni onakekelayo.

Malungu ahloniphekile,

Kulo nyaka sigubha iminyaka engama-50 yokubunjwa kweNhlangano Yobumbano Lwase-Afrika (i-OAU) elandelwe ngeyoBumbano Lwase-Afrika.

Sincoma i-OAU ngomzabalazo wayo oqhubekayo wokukhululwa kwezwekazi lethu, kubandakanya ukufaka isandla enkululekweni yethu.

Sizoqhubeka nokusebenzela Ubumbano oluqinile futhi oluhlelwe ngendlela enempumelelo.

Uhlelo lwe-NEPAD kanjalo neThuluzi Lokuhlola Amazwe Ase-Afrika kugubha iminyaka eyishumi selokhu kwabunjwa.

Njengomhlanganisi woHlelo Lwengqalasizinda eholwa nguMongameli weNEPAD, iNingizimu Afrika iyaqhubeka nokusebenza nezinye izingqwele ukuqalisa amaphrojekthi engqalasizinda anomthelela omkhulu ezwenikazi lethu.

Kwezoxolo nokuvikela, sihambisana nabantu baseMali emizamweni yabo yokubuyisa kanye nokugxilisa isithunzi sendawo yezwe labo.

Sinxusa ubuholi base-Central African Republic, e-Guinea Bissau kanye nase-Somalia ukuthi buqhubeke nendlela ebheke kuxolo olungapheli benzele abantu babo. Siyakuphikisa kakhulu ukushintshwa kukahulumeni ngendlela engekho ngaphansi komthethosisekelo.

Ziyasikhuthaza kakhulu ezakamuva phakathi kwe-Sudan ne-South Sudan. Sincoma kakhulu owayenguMongameli wangaphambili uThabo Mbeki kanye namanye amalungu ePhaneli Ephezulu ye-AU ngendlela yokuzimisela ebebesebenza ngayo nezinhlangothi zombili. 

Siyazwelana nezwe lase-DRC njengoba lilwa nobungozi bokuphepha kwalo.

INingizimu Afrika izoqhubeka nokweseka imizamo yoxolo kubandakanya ukuxoxisana, ngokuthumela umbutho ngenhloso yokugcina uxolo, kanye nokuhlinzeka ngezinto kanye nosizo lwezimali.

Mayelana nalokhu, sikulindele ngabomvu ukuphethwa kwezingxoxo zezombusazwe e-Zimbabwe naseMadagascar. 

Umbono wethu we-Afrika engcono emhlabeni ongcono uzothola ukufukuleka ngesikhathi sisingatha Ingqungquthela yesi-5 ye-BRICS ngenyanga ezayo eThekwini.

Sikhuthazwa ukukhula kobudlelwano nezwe ngalinye, ngakwezokuxhumana kwamanxusa kanye nakwezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe angamalungu e-BRICS.

Ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwamazwe aseNyakatho nawaseNingizimu kuseyinsika yohlelo lwenqubomgomo yethu yezangaphandle.

Siyabuqinisekisa ubudlelwano bethu namazwe aseNyakatho ikakhulukazi iMelika, iYurophu kanye neJaphani.

Ukugujwa kweminyaka engama-70 kuNhlangano Yezizwe kuhlinzeka ngethuba lokuqhutshezwa kokuguqulwa koMkhandlu Wezokuphepha we-UN.

Sizoqhubeka nokusebenzisa i-G20 ukumela amaphupho abantu base-Afrika kanye nokugqugquzela izinguquko ezikhungweni ezabunjwa ngomhlangano wase-Bretton Woods.

Ukuba senkundleni yezomhlaba kweNingizimu Afrika kuhambisana nokuzwelana okukhulu.  Sihambisana nabantu base-Palestine njengoba bezama ukuqala kabusha umzabalazo wabo welungelo lokuzibusa, yingakho siseke umzamo wabo wokuthi babe yizwe elizimele.

Ukuqhutshezwa kwezakhiwo zakwa-Israel kumhlaba wase-Palestine kuyisithiyo esikhulu ekuxazululweni kokungqubuzana.

Ilungelo lokuzibusa labantu base-Western Sahara kumele lifezeke.

Sisamile kwikhwelo lethu lokuthi kususwe unswinyo lwezomnotho e-Cuba.

Ngokusebenzisana, singenza okuthe xaxa ukwakha i-Afrika engcono kanye nomhlaba ongcono.

Bantu bakithi,

Ngonyaka wezi-2012, sigxile kakhulu ekulondolozeni kanye nasekugqugquzeleni amagugu amasiko ezwe lethu sagxila kakhulu kokuyigugu lethu lenkululeko.

Siphinde sasingatha Ingqungquthela Kazwelonke emayelana Nobumbano Lezwe, sagxila ekwakheni isizwe esibandakanya wonke umuntu, esinakekelayo futhi esiziqhenyayo.

Ekuqaliseni izinhlelo zethu sizosebenzisana Nabagqugquzela Ubumbano Lwezwe, osaziwayo baseNingizimu Afrika abathathwe emikhakheni ehlukahlukene emphakathini.

Siyaziqhenya ngale ntambama ngokuba phakathi kwethu, nabagqugquzeli bobumbano lezwe bethu ababili, Ujaji u-Yvonne Mokgoro noMmeli u-George Bizos.

Bantu bakithi,

Kulo nyaka kugujwa iminyaka engama-50 selokhu kwaHlaselwa iPulazi i-Liliesleaf, Ukweqa e-Marshall Square kanjalo Nokuqala kweCala Lase-Rivonia.

Uchungechunge lwemicimbi iyahlelwa unyaka wonke ukukhumbula lezi zigameko ezintathu, okuzoholela kusikhumbuzo sikazwelonke mhla ziyi-11 kuNtulikazi.

Malungu ahloniphekile,

Sisanda kuphetha umqhudelwano weNdebe Yamazwe Ase-Afrika obe yimpumelelo enkulu. Sithanda ukuhalalisela Izingqwele zase-Afrika iRiphabliki Yase-Nigeria kanye nawo wonke amaqembu abambe iqhaza ekukhombiseni izinga lebhola lase-Afrika.

Sibonga bonke abantu bethu ngokuba abasingathi nabalandeli abahle.

Ngibe nethuba lokumbonga mina mathupha uMongameli we-CAF uMhlonishwa u-Issa Hayatou ngokusinikeza injabulo yokusingatha i-AFCON.

Bantu bakithi nabangane,

Njengoba ngishilo phambilini, lolu hlelo lokusebenza luzoqaliswa ukusebenza ngenye indlela kwazise imisebenzi yeminyango kumele ihambisane noHlelo Lukazwelonke Lwezentuthuko.

Bantu bakithi,

Ngaphambi kokuba ngiphethe, angithathe leli thuba ngidlulise ukuzwelana kwethu nomndeni wengqalabutho yezomzabalazo futhi ummeli wamalungelo abantu owaziwayo, uQabane u-Phyllis Naidoo odlule emhlabeni namhlanje.

Kungekudala, sisanda kulahlekelwa uQabane u-Amina Cachalia.

Sidabuka kakhulu ngokudlula kwabo emhlabeni.

Malungu ahloniphekile,

Bantu bakithi,

Njengezakhamuzi ZaseNingizimu Afrika, kumele siqhubeke nokuba nephuphongqangi – ukwenza izwe lethu libe nesizwe esikhulu ngempela futhi esiqhakazile.

Usuku Lwezithandani Olumnandi kini nonke!

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Related information

 

Share this page

Similar categories to explore