Umlando weziNdondo Zesizwe

Ukufika kombuso wentando yeningi labantu ongacwasi ngokobuhlanga nangokobulili eNingizimu Afrika kwenza ukuthi kube nesidingo sokuthi kubuyekezwe kabanzi uhlelo lweziNdondo Zesizwe. Uhlelo lwezindondo lwangaphambilini lwalubandakanya ukuHlonishwa okukodwa kanye neziNdondo ezine ezabe ziwuphawu lwesimo esabe sikhona ezweni ngaleso sikhathi.

Njengomzamo wokugqabula igoda elabe lisixhumanisa nesikhathi esedlule, ngoNhlaba 1998, uMkhandlu Wokweluleka uMongameli maqondana ngeziNdondo Zesizwe, owabe usanda kusungulwa, wathweswa umsebenzi nomthwalo wokubuyekeza uhlelo lweziNdondo Zesizwe kanye nemiklomelo. Ukuze kuqaliswe lo msebenzi, kwasungulwa ikomidi longoti elaqalisa inqubo yocwaningo olunzulu futhi olwabandakanya umuntu wonke, kuhlanganisa ukuxhumana nokubonisana nomphakathi, ukubanjwa kwezingxoxo zikazwelonke nalabo abathintekayo, ukubanjwa kwezingxoxo zamaqembu ezabe zigxile ezinhlelweni ezihlukahlukene ezikhona ezingasetshenziswa, ukujutshwa kwenkampani ezokwenza ucwaningo lomlando mayelana neziNdondo Zesizwe kanye nokutholakala kobucwebe nabadwebi bezimendlela abazodweba izimendlela ezintsha besebenzela phezu kolwazi nemiyalelo abayinikeziwe mayelana nohlobo nesimo sezindondo ezidingekayo.

Njengengxenye yale nqubo, uMnyango Wezobuciko, Amasiko, Isayensi Nobuchwepheshe, ngokubambisana noPhiko Lukahulumeni Lwezokuxhumana Nokuhlinzeka Ngolwazi (i-GCIS), baphenya kabanzi mayelana nezimpawu kanye nokuthi zimeleni, emzamweni wokuthola umongo wezimpawu zesizwe ezintsha ezizoveza futhi zibonise umoya weNingizimu Afrika entsha. Ithimba lezifundiswa kanye nochwepheshe abanolwazi olunzulu ngezimpawu zesintu nokuthi zimeleni lacelwa ukuba lihlonze izinto ezisemqoka eziwuphawu lomlando ofanayo futhi obandakanyayo futhi obonisa izimo abadlule kuzona abantu base-Afrika, kodwa-ke ngokugxila ikakhulukazi kwiNingizimu Afrika. Umphumela wale nqubo, owamukelwa yibona bonke abathintekayo, waholela ekuqashweni kwabantu abazokwenza umsebenzi kanye nasekudwetshweni kweziNdondo Zesizwe ezintsha.

Isimo sezwe

INingizimu Afrika isithathe amagxathu amakhulu impela emzamweni wayo wokuphuma ngokuphelele emlandweni wayo wokushiywa ngaphandle nokucwaswa kwabantu ngokobulili, ngokwebala kanye nangokwenkolo. Izwe lethu lilokhu liqhubeke njalo emgudwini wokuqinisekisa kabusha ubuntu bethu. Kulolu hambo oluphokophele ekuqinisekiseni ubuntu, sekunosikompilo olusha lwamalungelo esintu kanye nokuhlonishwa kwesithunzi somoya wobuntu okuyiyonanto ebonisa ubuthina njengeNingizimu Afrika.

Esinye sezigameko ezingeke zikhohlakale eziwuphawu lokwehlukana nesikhathi esedlule, wukuphakanyiswa kwefulegi elisha ngowe-1994. Leso sigameko saqinisa ukuziqhenya kwethu kanye nesithunzi sezwe elisimamayo futhi okuyilizwe elibahloniphayo abantu balo. Esinye isigameko esenzeka kwaba wukwethulwa ngokusemthethweni kwesiPhandla Sezwe esisha mhla zingama-27 kuMbasa 2000, esiwuphawu lomlando wabo bonke abantu bakuleli. Ngokwenza lokho, uphawu oluhle oluqhakambisa i-Afrika kanye nezimpawu zayo lwaba yingxenye yosikompilo olusha olungumthombo wolwazi wokuzalwa nokuvuselelwa kabusha kweNingizimu Afrika.

IziNdondo Zesizwe ezintsha zisekelwe phezu komoya waleyo mvuselelo yezwe nokuzalwa kabusha.

Share this page