Le Ndondo kuhlonishwa ngayo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhombise ubuqhawe obumangalisayo ngokubeka izimpilo zazo engozini noma ezalahlekelwa yizimpilo zazo zizama ukusindisa impilo yomunye umuntu noma isenzo sokuhlenga impahla ngaphakathi eRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika noma kwamanye amazwe.
Indlela ekhishwa ngayo
Le Ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:
- Isigaba sokuqala = Igolide
- Isigaba sesibili = Isiliva
- Isigaba sesithathu = Ithusi
Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo
Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso
Ihawu elenziwe ngesikhumba sesilwane, ikakhulukazi senkomo, siyashukwa selukwe sibe yisiyingelezi esimise okweqanda esinengaphezulu elilukhuni, sifakwe nesibambo sokhuni. Isagila nomkhonto kuhambisana nehawu elinikezwa izivakashi ezifika kuleli ezivela emhlabeni wonke jikelele, njengesenzo sokubonisa umoya omuhle nokuzwana.
IBheji yasentanyeni |
INdondo engumfanekiso omncane |
Indondo eyisipeletu |
Ihawu
- Umkhumbi i-SS Mendi – uwuphawu lobuqhawe obakhonjiswa ngamasosha amaningi amnyama aseNingizimu Afrika kanye nozakwabo abamhlophe aminza ngenkathi egibele umkhumbi i-SS Mendi. Lo mkhumbi wacwila emva kokushayiswa ucishe unqamuke phakathi ngomunye umkhumbi, i-SS Darro, emanzini abanda kakhulu olwandle lwe-English Channel eduze ne-Isle of Wight mhla zingama-21 kuNhlolanja 1917. Amabutho akithi ayesendleleni elibangise kwelase-France ukuyolekelela amabutho amaNgisi ngenkathi ibambene ngezihluthu empini yokuqala yomhlaba.
- Indwe eluhlaza – ukundiza kwendwe eluhlaza esibhakabhakeni solwandle ngaphezu komkhumbi i-SS Mendi kuyisifanekiso semiphefumulo nemimoya yamabutho angamaqhawe aminza. Esikhathini esedlule sezimpi zokulwisana nenqubo yokuqonelwa ngabezizwe, amabutho ayebuya empini ayechonywa uphaphe lwendwe njengophawu lokuwabonga nokuwaklomelisa ngobuqhawe bawo.
- Itshe elincane eliluhlaza eliyigugu – isizinda lapho kusuka khona izinkomba ezintathu siwuphawu lwendlela esazohanjwa ekuhlinzekeni ngosizo kulabo abaludingayo uma kwenzeka kuqubuka izinhlekelele zemvelo, kanye nobunye ubunzima obesabekayo obuvelayo ngezikhathi ezithile ezindaweni eziningi emhlabeni wonke jikelele.
Isimo sale Ndondo
- Ibhubesi – njengophawu lobuhle, amandla kanye nobuqhawe, ibhubesi limelwe yimifanekiso yezidladla zalo ngasonqenqemeni lwendondo. Lokhu kuwuphawu olumele ukuphathwa, ukulawulwa nokubhekwa ngamehlo okhozi kwemingcele ngaphakathi nangaphandle kwezwe lethu ngabantu baseNingizimu Afrika abazinikele futhi abanesibindi. Izinkomba-ndawo ezithathu zimelwe yinhlanganisela yezimbali zesihlahla senhlaba esibabayo, okuyisihlahla sendabuko saseNingizimu Afrika esiwuphawu lwekhono namandla okubhekana nezimo ezinzima, ukuqhubeka nempilo ezimweni ezinzima kanye nosizo lwaso kwezokwelapha.
- Isagila nomkhonto – kuhambisana nehawu njengophawu lwamandla okuzivikela nenhlonipho.