Le Ndondo kuhlonishwa ngayo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhombise ubunyoninco emsebenzini wazo futhi ezizuze impumelelo eyingqayizivele.
Indlela ekhishwa ngayo
Le Ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:
Isigaba sokuqala = INdondo yeMapungubwe yePlathinamu (Iplathinamu)
Isigaba sesibili = INdondo yeMapungubwe yeGolide (Igolide)
Isigaba sesithathu = INdondo yeMpungubwe yeThusi (Ithusi)
Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo
Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso
I-Mapungubwe: UMbuso waseMapungubwe wabe uzinze ngasenyakatho yezwe lethu eminyakeni eyinkulungwane eyadlula. Lo Mbuso wawunohlelo lokuphatha nokubusa olusezingeni eliphezulu kanye nohlelo lwezolimo oluthuthuke kakhulu. Futhi wathuthukisa imboni yezimayini kanye nomsebenzi kwakhiwa kwensimbi kanye nemikhiqizo esansimbi. Lo Mbuso wawuhwebelana namazwe omhlaba, ngisho namazwe akude njenge-China imbala. Ngesikhathi usaqhoqhobele izintambo zokuphatha, lo Mbuso wawunguphawu lokujula kwengqondo nobuhlakani obumangalisayo.
Ibheji yasentanyeni |
Indondo engumfanekiso omncane |
Indondo eyisipeletu |
Izinto eyenziwe ngazo
- Amagumbi amane omhlaba – lokhu kuwuphawu lwempumelelo yabantu baseNingizimu Afrika emhlabeni wonke jikelele.Ilanga eliphumayo – isikhathi esisha sokuvuka nokusimama kwezwekazi lase-Afrika.
- Igquma laseMapungubwe – lakha isendlalelo, intatshana yechoba (sandstone) eme egqumeni lodaka olomile esifundeni esishisayo ehlobo, esingabandi kakhulu ebusika kakhulu futhi esingashisi kakhulu, esiphakathi kwamatrophikhi (subtropical) futhi isimo sale ndawo senza kwesinye isikhathi ine kakhulu imvula ehlobo kanti ngesinye ibe yivela kancane. Imigodi okwabe kumbiwa kuyona kule ndawo kanye nezinsalela zokumba kubonisa ubunyoninco obakhiqizwa ezimweni zokusebenza ezinzima kakhulu.
- UBhejane waseMapungubwe – insalela-buciko edume kakhulu esikhathini samanje eyavundululwa ethuneni eliseduze kwendawo okwakumbiwa kuyona. Umfanekiso obazwe ngokhuni olumbozwe ngegolide, okuwubufakazi bamasu akhaliphile abantu balo Mbuso.
- Intonga yoBukhosi baseMapungubwe – ime sengathi ixhage nhlangothi zombili ibhodwe lokuncibilikisa igolide, okungenye insalela-buciko eyatholakala ethuneni elisendaweni okumbiwe kuyona.
- Ibhodwe Elihlotshisiwe Lokuncibilikisa Igolide – isimo esiyisisekelo esifanana nxazombili, ebhodweni elincibilikisa igolide elichichimayo, siwuphawu lobunyoninco, isayensi kanye nekhono lokuqamba nokusungula izinto ezintsha, okufakazela impumelelo yasemandulo yokwenza insimbi nemkhiqizo esansimbi.
- Isithando Somlilo – amandla omlilo okukhucuclula kanye nokusekela impilo, kwakusetshenziswa kusukela ngezikhathi zasemandulo (Iron Age), ukuze kuqhutshwe intuthuko nobunyoninco emiphakathini.