Le Ndondo kuhlonishwa ngayo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhombise ikhono elikhulukazi emkhakheni wezobuciko, amasiko, imibhalo yobuciko, umculo, ubuntatheli kanye nezemidlalo.
Indlela ekhishwa ngayo
Le Ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:
- Isigaba sokuqala = Igolide
- Isigaba sesibili = Isiliva
- Isigaba sesithathu = Ithusi
IBheji yasentanyeni |
INdondo engumfanekiso omncane |
Indondo eyisipeletu |
Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo
Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso
Isithelo i-Ikhamanga (i-Strelitzia) siwuphawu lobuhle obuyingqayizivele bempumelelo yamadoda nabesifazane aphakamisela iNingizimu Afrika phezulu emkhakheni wezekhono-kusungula/wezekhono-kuqamba, ezobuciko, amasiko, umculo, ubuntatheli kanye nezemidlalo.
Izinto eyenziwe ngazo
- Amakhanda ase-Lydenburg – ubuciko – amakhanda enziwe ngobumba olubomvu awuphawu lobuciko obubukwayo, umdanso, umculo kanye nemidlalo yeshashalazi.
- Isigubhu sase-Afrika – sihambelana nawo onke amasikompilo futhi siwuphawu lwezobuciko. Sifanekisa isiphiwo nethalente elikhulu kwezokuxhumana kanye nokubungazwa kwamasiko ethu.
- Isiqongo/ilanga – umqhele uwuphawu lwesidlodlo esithwalwa ekhanda ngamaciko, abantu basebukhosini kanye nezicukuthwane. Imisebe yelanga ebonisa amandla, udumo, ukukhanya kanye nempilo enhle, imele impumelelo yamaciko emikhakheni ehlukahlukene.
- Isiyingelezi esimise okweqanda ngaphakathi, noma imingcele – (Ukudunyiswa kwezemidlalo) sifanekisa ukuhlonishwa nokudunyiswa kwamangwevu nempumelelo enkulu emikhakheni ehlukahlukene yezemidlalo nezamasiko.
- Imigwaqo – (Impumelelo nomsebenzi omuhle) – imele yonke imigwaqo ebheke kwelase-Afrika kanye nasesizindeni lapho kwadabuka khona abantu, i-Cradle of Humankind, okugcizelela indlela ende futhi enzima ephokophele empumelelweni nokudla umhlanganiso.