Le Ndodo kuhlonishwa ngayo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezenze umsebenzi otusekayo. Umsebenzi owenziweyo usuke ungaphezulu kakhulu kunalowo obekufanele umuntu awenze. Lena yiNdondo enikezwa abantu abavelele futhi abafake isandla esibonakalayo impela ezigabeni ezilandelayo:
- Ezamabhizinisi nomnotho
- Ezesayensi, ezemithi yokwelapha kanye nokuqanjwa kobuchwepheshe obusha
- Ezemisebenzi yomphakathi.
Indlela ekhishwa ngayo
Le Ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:
- Isigaba sokuqala = Indondo Ephakeme ye-Baobab (Igolide)
- Isigaba sesibili = Indondo Enkulu ye-Baobab (Isiliva)
- Isigaba sesithathu = Indondo ye-Baobab (Ithusi).
- Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo
Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso
Le Ndondo isuselwa esihlahleni i-Baobab, okuyisihlala sase-Afrika esitholakala ezindaweni ezingamatrophikhi. Imvelaphi yegama elithi Baobab iyingxenye yezinsumansumane nezimfihlakalo zase-Afrika.
Sekukhulunywe kakhulu ngalesi sihlahla ukudlula zonke ezinye izihlahla e-Afrika, phakathi kokunye, ngenxa yamandla aso kwezokwelapha, futhi njengesihlahla esenza imilingo sinikeze nogqozi kubantu bomdabu.
Ukuqina nokubekezela okuboniswa yilesi sihlahla ekukhuleni kwaso kuwuphawu olufunekayo kulowo ozohlonishwa ngale Ndondo, ngokwemisebenzi yakhe evelele futhi emihle kakhulu ayenzele iNingizimu Afrika. Ngokunjalo, imisebenzi emihle eyenziwe, ilokhu iqhubeke njalo nokuqinisekisa isimo esikhulayo futhi esiyohlala ingunaphakade seNingizimu Afrika.
I-Baobab iyisihlahla esimqoka kakhulu kwezolimo namahlathi emazweni amaningi ase-Afrika. Sihlinzeka ngamagxolo okwakha indwangu kanye nentambo, sihlinzeka ngezithelo eziwukudla nezibaseli, futhi sihlinzeka nangeminye imikhiqizo eminingi ewusizo. Izimpande zaso ezijwayelekile, ezibanzi futhi eziqinile zisekela lesi sihlahla esikhulukazi esidume njengendawo okubanjelwa kuyona imihlangano eminingi ebalulekile futhi sihlinzeka ngokuphepha nokuvikeleka emiphakathini yendabuko yase-Afrika.
![]() IBheji yasentanyeni |
|
INdondo engumfanekiso omncane |
|
Izinto eyenziwe ngazo
1. I-Baobab (noma i-Adonsonia Digitata) – sidume ngezimpande zaso kanye nokuphila isikhathi eside. Asigcini ngokunikeza abantu umthunzi nendawo yokubambela imihlangano kuphela, siphinde siwusekele kakhulu impela ngokwempilo umphakathi esitholakala kuwona.
2. Umfanekiso wesimo esinhlangothi-ziyisishiyagalolunye – umfanekiso onezinhlangothi eziyisishiyagalolunye uwuphawu lwezindlela eziningi umuntu angafaka kuzona isandla ngenhloso yokwakha nokuthuthukisa izwe. Izinhlangothi eziyisishiyagalolunye ziwuphawu lwezifundazwe eziyisishiyagalolunye zaseNingizimu Afrika.
3. Isimo sangaphandle esimahhadlahhadla – Isimo esimahhadlahhadla njengamagxolo esihlahla se-Baobab; amagxolo alesi sihlahla avamise ukusetshenziswa ekwenzeni omata nezigqoko.