INdondo yaBahlobo baka-OR Tambo Bamazwe Ngamazwe

Le ndondo inikezwa abantu bamazwe angaphandle (abaHoli boMbuso noHulumeni) kanye nabanye abahlonishwa bangaphandle. Inikezelwa ubudlelwane obuboniswe yilaba baholi kwiNingizimu Afrika. Ngakho-ke iyindondo yoxolo, insebenziswano kanye nophawu lokubonisa ukubumbana nokusekelana. Le Ndondo iyinsika esemqoka kakhulu yobudlelwane namazwe omhlaba.

Indlela ekhishwa ngayo

Le ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:

  • Isigaba 1 = Umhlobo ka-OR Tambo Ophakeme Wamazwe Ngamazwe  (Igolide)
  • Isigaba 2 = Umhlobo ka-OR Tambo Omkhulu Wamazwe Ngamazwe (Isiliva)
  • Isigaba 3 = Umhlobo ka-OR Tambo Wamazwe Ngamazwe  (Ithusi)

Zonke lezi ziNdondo zihambisana nezipho ezine: udondolo lokuhamba, ibheji yasentanyeni, indondo engumfanekiso omncane kanye nendondo eyisipeletu.

Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo

Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso


U-OR Tambo – U-OR Tambo wadlala indima enkulu ekukhuleni nasekuthuthukeni kwemibutho yamazwe omhlaba eyabe ilwisana nobuhlanga kanye nobandlululo. Phakathi kokunye, wasungula izindlu zamanxusa zokuqala zombutho wenkululeko eGibithe, e-Morocco, e-Ghana, nase-London. Lokhu kwakuseyisiqalo esincane nje sokuhlanganisa abangani beNingizimu Afrika emhlabeni wonke, ekugqugquzeleni ngamandla futhi ngokuqhubekayo umphakathi wamazwe ngamazwe ekusekeleni iNingizimu Afrika ukuze ibe yizwe elikhululekile futhi elibuswa ngokwentando yeningi labantu, futhi kulwiswane nenqubo embi yobuhlanga, ingcindezelo kanye nobandlululo.

UMajola (ubhulube) - Inyoka evakashela izingane ezisanda kuzalwa. Ayiyilimazi ingane noma amalunga omndeni kanti futhi indlela yokuyixosha wukuthi umama wengane ayiputshuzele ngobisi lwebele. Ivakashela ingane ukuyilungiselela ukuba ibe nekusasa elihle neliphephile ebudaleni bayo. Iza njengomngani nomvikeli. Ubungani ebubonisayo, abusekelwe kumusa omuhle nje kuphela kodwa busekelwe kumdlandla wokubonisa ukusekelana kanye nokufuna ukusekela kanye nokukhuthaza impumelelo yekusasa yabantu abasha kanye namalunga omphakathi asakhulayo.

Le nyoka iyohlala njalo isemlandweni wabantu ngenxa yendaba eyabhalwa kudala edumile ebizwa nge: The wrath of the Ancestors (Ulaka lwabaphansi), eyabhalwa ngu-AC Jordan. Le ndaba iphikisa umbono nenkolelo yokuthi inyoka yisilwanyana esiyingozi esinoshevu okumele sibulawe, kepha yethula umbono obanzi wokuhumusha izinto ngokwase-Afrika, obona inyoka njengomngani kanye nelunga lezinto eziyingxenye yendalo okumele kuphiliswane nayo.

Izinto eyenziwe ngazo

1. Udondolo lokuhamba - olubazwe okhunini olumnyama lwendabuko, luwuphawu lokubonga ukwesekelwa kanye nokuzwelana okukhonjisiwe, futhi ngokufanayo lukhombisa ukuzinikela ekusekeleni nokuma nalabo abasisekela ngoba phela isisho sithi izandla ziyagezana.

2. UMajola - Iso elibukhali elinamahhuku phezulu nasezansi, eliyisifanekiso sokwamukela uzwelwano kanye nokusekelwa kweNingizimu Afrika.

3. I-tomoye (umfanekiso owuphawu lomzabalazo) enezigaba ezine – isekelwe phezu komgomo wezinto eziphikisanayo kodwa okumele ziphilisane ndawonye ukuze impilo iqhubeke, yingakho-ke ibonisa indawo lapho kuhlangana khona amandla emimoya nemiphefumulo ehlukahlukene.

UDondolo lokuhamba

IBheji yasentanyeni

INdondo engumfanekiso omcane 

Indondo eyisipeletu

 

Share this page