INdondo kaLuthuli

Le ndondo inikezwa abantu baseNingizimu Afrika ababe negalelo elikhulukazi emzabalazweni wentando yeningi labantu, amalungelo esintu, ukwakhiwa kwesizwe ubulungiswa noxolo kanye nokuxazululwa kwezingxabano nokungqubuzana.

Indlela ekhishwa ngayo

Le ndondo ikhishwa ngaphansi kweziGaba ezintathu:

  • Isigaba 1 =Igolide
  • Isigaba 2 =Isiliva
  • Isigaba 3 = Ithusi

Isifanekiso/izinto eyenziwe ngazo

Umqondo-msuka ongumongo/Isifanekiso

Intshe lomlilo elingunxantathu liwuphawu lwethuluzi lokuphila eliyisisekelo elalisetshenziswa ngokhokho ezikhathini zasemandulo ukuhlinza izilwane, ukwakha izindawo zokufihla ikhanda kanye nokusika imicu yokwenza izingubo.

Liwuphawu lwenhloso-mbono yeNkosi u-Albert Luthuli eseyakhothama – ingqalabutho yomzabalazo wenkululeko futhi isakhamuzi sokuqala sase-Afrika ukuhlonishwa ngeNdondo Yoxolo ka-Nobel ngowe-1961 – ukuze abantu base-Afrika babambe iqhaza ngokugcwele ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho nezombusazwe eNingizimu Afrika.

Izinto eyenziwe ngazo

https://www.gov.za/sites/default/files/luthuli1.jpg

IBheji yasentanyeni

https://www.gov.za/sites/default/files/luthuli2.jpg

INdondo engumfanekiso omncane

https://www.gov.za/sites/default/files/luthuli3.jpg

Indondo eyisipeletu

  1. Intaba Isandlwana – iwuphawu loxolo nokuthula emva kweMpi yaseSandlwana ngowe-1879.
  2. Ifulegi laseNingizimu Afrika – limele ukufika kwenkululeko nentando yeningi labantu.
  3. - kugcizelela ukuthuthukiswa kwemikhiqizo yobuchwepheche obusezingeni eliphezulu.

Ibhodwe Lobumba lase-Afrika

  1. Izimpondo Ezimbili – ziveza umbono wakhe weNingizimu Afrika ebuswa ngokwentando yeningi labantu, engacwasi ngokobuhlanga nangokobulili.
  2. Amabala engwe – lokhu kuwuphawu ayebonakala ngalo uNkosi uLuthuli, ngomqhele ayewuthwala ekhanda.
  3. Ubuhlalu – umhlobiso omele ubuhle be-Afrika kanti inkunzi yenkomo yase-Afrika yona imele ukuthuthuka kanye nempumelelo yabantu base-Afrika.

Share this page