Gold Mametja
U-Gold Mametja unegama lenhlanhla, elikhombisa amathalente akhe. Amadizayini akhe, akhethwa phakathi kwamadizayini amaningi ethulwa kwi-GCIS, emva kokuba yayimeme abaqambi nabakhi bemifanekiso yobucwebe ukuthi benze futhi bathumele amadizayini eziNdondo Zezwe ezintsha.
Umlando wempilo yakhe ubonisa uhla olude lwezimpumelelo nezinto azizuzile selokhu aphothula iziqu zakhe e-Technikon Witwatersrand. Lokhu kubandakanya uchungechunge lwamadizayini awenzile ezinkampanini ezizimele zaseNingizimu Afrika kufaka phakathi nezitini zegolide eziyisikhumbuzo somjaho webanga elide, i-Comrades Marathon.
Ungumuntu okhulumela phansi futhi ozithobile, futhi uma ezisholo ngawakhe amagama uthi ukusebenza ngeziNdondo Zezwe ezintsha: ‘kwaba into enhle kunazo zonke ezake zenzeka empilweni yami. Ngokungivumela nje ukuthi ngenze le mifanekiso, lokho kuwuphawu lokuhlonishwa okukhulukazi engikunikezwe yizwe lakithi’. U-Mametja usebenza njengomqambi nomakhi wemifanekiso wasezimbonini, i-industrial designer, e-CSIR ePitoli. Uhlala e-Kempton Park nonkosikazi wakhe nezingane ezimbili.
Gareth Smart
U-Gareth Smart usezakhele igama njengomqambi ezintweni eziningi selokhu aphothula iziqu zakhe ze-BA emkhakheni we-Graphic Design esikhungweni semfundo ephakeme i-Midrand Graduate Institute. Izifundo ayegxile kuzo yi-3D Multimedia. Ifayela lomsebenzi wakhe likhombisa ukuthi usesebenzele uxhaxha lwamakhasimende ayizinkampani ezizimele ezinohlonze esikhathini esifushane nje eqalile ukwenza lo msebenzi.
Kuyena, ‘kwakuyithuba eliyingqayizivele’ ukuqokelwa ukuqamba iNdondo Yezwe entsha. Uhlala ePitoli lapho ebhekelela khona izidingo zamakhasimende njenge-graphic designer, i-animator kanye ne-conceptualist ezimele.