Ukuqashwa emsebenzini kahulumeni

Indlela yokufaka isicelo somsebenzi emNyangweni kaHulumeni

Izikhala eminyangweni kahulumeni kazwelonke neyezifundazwe zigcwaliswa ngokuqasha abasebenzi abangaphakathi noma ukumema labo abangaqashiwe eminyangweni kaHulumeni ukuba bafake izicelo. Izikhala zezikhundla eziphezulu, okungukuthi izikhundla zokuphatha, kumele zikhangiswe kuzwelonke ukuze kuqashwe abasebenza ngaphakathi eminyangweni kaHulumeni nabangaphandle.

Umthetho uthi izikhala zikhangiswa eNcwadini Yezikhala Zemisebenzi Eminyangweni KaHulumeni eyenziwa futhi ikhishwe masonto onke nguMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo (i-DPSA).

INcwadi Yezikhala Zemisebenzi Eminyangweni KaHulumeni itshela abasebenzi baseminyangweni kahulumeni ngezikhala ezikhona ngaphakathi emiNyangweni kaHulumeni. Abantu abangasebenzi emiNyangweni kaHulumeni kodwa abangathanda ukuqashwa kulezi zikhala ezikhangisiwe kufanele baqale bathole emnyangweni okhangisayo ukuthi bangazifaka yini izicelo. Imininingwane yokuxhumana neminyango ekhangise izikhala inikeziwe eNcwadini.

Eminye iminyango njengowezokuVikela, ingase ikucele ukuba uhlolwe ngabezokwelapha ngaphambi kokuba bamukele isicelo sakho.

Okufanele ukwenze

  1. Thola futhi ugcwalise ifomu i-Z83 (Lesicelo Somsebenzi). Ungalithola futhi ifomu kunoma yimuphi umnyango kazwelonke noma wesifundazwe.
  2. Faka nencwadi enemininingwane yeziqu zemfundo yakho (i-CV). Umnyango ungase futhi ukucele ukuba ufake amakhophi aqinisekisiwe ezincwadi zakho ezifakazela imfundo yakho, umazisi kanye nokunye. Sicela usifundisise isikhangiso ukuze ubone ukuthi yini okufanele uyifake.
  3. Hambisa ifomu lakho i-Z83 eligcwalisiwe kanye nazo zonke izincwadi ezidingekayo ekhelini elishiwo esikhangisweni.
  4. Ungase uthole incwadi eshoyo ukuthi basitholile isicelo sakho, kuya ngokuthi lowo mnyango usebenza kanjani.

Kuthatha isikhathi esingakanani?

Inqubo yokuqasha nokukhetha iyashiyana, kuya ngeminyango, kodwa inhloso ukuphothula le nqubo ngesikhathi esifushane kakhulu.

 

Share this page