Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-24 kuNhlangulana 2015

1. Ukuqaliswa Kwezinhlelo Zikahulumeni Ezisemqoka

1.1. IKhabhinethi izamukele izincomo ezithathwe Kwingqungquthela Yenhlangano Yase-Afrika (i-AU) yama-25 ezibeka i-Afrika endleleni entsha yentuthuko nokukhula futhi ezokwenza ukuthi izwekazi lase-Afrika likwazi ukuthatha indawo yalo elifanele ezindabeni zomhlaba wonke jikelele.

Izincomo zifaka phakathi ukuthi kube nophiko lombutho wezempi owodwa nolusebenzayo ngokuphela konyaka. Abaholi bethembise ukuthi bazokusheshisa ukwenza ukuthi umbutho i-African Standby Force (ASF) usebenze.

IKhabhinethi isishayela ihlombe isinyathelo esithathwe yi-AU sokuthi kube nokuhlangana kanye nokuhwebelana ngokuthi kuqalwe izingxoxo ngokusungulwa kwendawo yokuhwebelana ngokukhululeka ezwenikazi lase-Afrika kanti lesi sinyathelo sizokwenza ukuthi iminotho yase-Afrika ikwazi ukuqinisa amaxhama okuxhumana. 

1.2 IKhabhinethi futhi ikwamukele ukuba khona komhlangano lapho bekuhlangene khona oNgqongqoshe Benhlangano Yase-Afrika abaphethe Izindaba Ezithinta Ezobulili Nabesifazane kanti lo mhlangano ububanjwe mhlazi ziyi-12 Nhlangulana 2015, kulandela ukuba khona Kwethimba Lesibili Eliphezulu Lenhlangano Yase-Afrika elimayelana Nokulingana Ngokobulili kanye Nokufukulwa Kwabesifazane (i-HLP) kanti lalihlangene kusukela ngomhla ziyi-10 kuya mhla ziyi-12 Nhlangulana 2015 ngesikhathi esifanayo okwakuqhubeka ngaso Isithangami Esejwayelekile Sesigungu Esiphezulu se-AU, ngaphansi kwesihloko esithi: “Kwenzeni Kwenzeke Ngokubandakanywa Ngokwezezimali Kwabesifazane Emkhakheni Webhizinisi Lezolimo”.

Umphumela wale mihlangano emibili kwaba Yisimemezelo kanye Nenhlabamkhosi Yokuthi Kwenziwe Okuthile Ngokuthi Kubandakanywe Abesifazane Ngokwezezimali Emkhakheni Wamabhizinisi Ezolimo. Inhlabamkhosi Yokuthi Makube Khona Okwenziwayo ithi Wonke Amazwe Angamalungu kufanele phakathi kwezinye izinto okumele azenze enze nalokhu okulandelayo:

  • Aphumelelise amalungelo abesifazane ukuze bakwazi ukuba nelungelo lokufinyelela, lokulawula, lobunikazi kanye nelokuzuza kwimithombo yezimali, kuhlanganisa nokukwazi ukufinyelela kwizinhlelo zokuthenga zomphakathi emkhakheni Wezemfundo, Wezolwazi kanye Nasekuthuthukisweni Kwamakhono, Kwezobuchwepheshe Nezindlela  Zokuqala Nokusungula Izinto, ukuze kuhlinzekwe abasefazane ngolwazi namakhono futhi kuthuthukiswe ukufukulwa kwabo kwezomnotho emkhakheni wamabhizinisi ezolimo;
  • Ukuqinisa izinhlelo zokwakha isimo esizobeka abesifazane esimweni esikahle sokuthi bakwazi ukungena emkhakheni wezamabhizinisi kwezolimo kanye nendlela ewuxhaxha lokusebenza kwezolimo ngokuvimbela kanye nangokubhekana nezinxushunxushu ezwenikazi lase-Afrika, ngokuthi enze imizamo futhi athathe izinyathelo ezifanelekile ezizokwazi ukubhekana futhi zinciphise imithelela yokushintsha kwesimo sezulu kanye nanokuthi zikwazi ukubhekana nomthelela wezinto eziwubhubhane kanye nezinhlekelele zemvelo ezenzekayo kuleli zwekazi;       
  • Ukwenza ukuthi kube lula ukuthuthukiswa komkhakha wamabhizinisi ezolimo kanye nendlela ewuxhaxha lokusebenza kwezolimo ngokuthi kusetshenziswe imishini, ubuchwepheshe besimanjemanje futhi kuthuthukiswe amakhono abesifazane;

1.3 Ezinyangeni ezimbalwa ezizayo ukusuka manje, abafundi bakamatikuletsheni bazobe bebhala ukuhlolwa kwabo kokuphela konyaka. IKhabhinethi-ke ihlaba ikhwelo ilibhekisa Kwikilasi langonyaka wezi-2015 ukuthi malifake izicelo kusenesikhathi ezikhungweni zemfundo ephakeme njengengxenye yomkhakhaso owaziwa ngokuthi yi-Apply Now/ Khetha Career Guidance Campaign nowenziwa minyaka yonke nguMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqesha.

Sikhuthaza abafundi ukuthi benze nezifundo Zezibalo kanye Nezayensi njengemikhakha okuyiyona eyokhulisa umnotho wezwe lethu iwuse phambili. Ukukwazi Ukusungula Nokuqala Izinto Ezintsha yizinto ezisemqoka kakhulu ekukhulisweni komnotho ezweni.  Abantu abasha futhi kufanele bawasebenzise amathuba akhona ezikhungweni zemfundo ephakeme ezingamakolishi angama-Technical kanye nama-Vocational Education Training agcwele izwe lonke leli, ngaphezu kwamanyuvesi akhona, kuhlanganisa namanyuvesi amabili asanda kwakhiwa, okuyi-Sol T Plaatje University eseNyakatho Kapa kanye Nenyuvesi yaseMpumalanga.

2. Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1 IKhabhinethi isisayinile yasiphasisa ngokusemthethweni isinqumo sokukhetha indawo iMaluti-A-Phofung Industrial Development Zone (MAP IDZ) eseTshiame (Industriqwa-1A), eHarrismith, esifundazweni saseFreyistata.  IKhabhinethi iphinde futhi yaphasisa ukuhlinzekwa Kwemvume Yokusebenza kule ndawo kwi-Free State Development Corporation.

Lokhu kukhethwa kwale ndawo eyi-MAP IDZ kuzokwenza ukuthi kube nesizinda sokwenza izinto zokusebenza (Logistics Hub) endaweni engamakhilomitha ayi-10 ngaphandle kwase-Harrismith (endaweni endala ye-Industriqwa), kanti kule ndawo ikakhulukazi kuzolungiswa izinqola nezithuthi, kwakhiwe izimpahla ezincane, kulungiswe imikhiqizo yezolimo futhi kwenziwe nomsebenzi wokusatshalaliswa nokuthunyelwa kwempahla.

2.2 IKhabhinethi ikuphasisile ukuthi iNingizimu Afrika ijoyine i-Asian Infrastructure Investment Bank. Leli Bhange ligxile Esifundeni sase-Asia nesase-Oceania ekwesekeni ukutshalwa kwezimali kwezokwakhiwa kwezingqalasizinda. 
Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kuzoqinisa ubudlelwano bebhizinisi obukhulayo phakathi kwayo nalesi sifunda futhi kuzobonisa ubambiswano nokuzwelana kwayo nezinjongo zokuthuthukiswa kwalesi sifunda.

2.3 IKhabhinethi ikwamukele ukuqokwa kukaNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo kanye noNgqongqoshe Wezamaphoyisa njengoNgqongqoshe abanikwe umsebenzi wokufezekiswa kwezibopho zikaHulumeni ngokwesigaba 9(2) soMthetho Wokuvimbela Nokulwisana Nokuhlukunyezwa Nokuhlushwa Kwabantu wangonyaka wezi-2013.

Bobabili laboNgqongqoshe yibona bazoba nomsebenzi wokuthi bathuthukise izinhlelo okuhloswe ngazo ukuvimbela nokulwisana nomkhuba wokuhlukunyezwa nokuhlushwa kwabantu nokuyinto ekhuthaza ilungelo lenkululeko elisemqoka kakhulu kanye nokuvikeleka komuntu njengalokhu kuhlinzekelwe kusigaba 12 soMthethosisekelo.

2.4 IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa Kwephrothokholi Yokwengeza Kwisivumelwano Sokuhwebelana, Intuthuko kanye Nokubambisana phakathi Komphakathi waseYurophu kanye Namazwe Angamalungu ayo ePhalamende ukuze siyosayinwa ngokusemthethweni. 

Iphrothokholi Yokwengeza ibheka ukungena kweRiphabhlikhi yase-Croatia ngaphansi kweNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU) nejoyine ngemuva kwesikhathi KwiProthokholi.

Ukukhuliswa kwe-EU kuzokwenza ngcono ukukwazi ukufinyelela kwezimakethe zaseNingizimu Afrika kwi-EU, nokuzoholela ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi, kukhuliswe umnotho, futhi kwenziwe ngcono izinto eziningi abathengi abangakhetha kuzo. Lokhu kuhambisana nombono Wohlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe lokwakha amathuba emisebenzi, ukukhulisa umnotho kanye nokukhuthazwa kokuthunyelwa kwezinto ngaphandle kwakuleli.

2.5 IKhabhinethi ikuphasisile ukuthi amazinga afanele kanye nezinye izinyathelo nezinhlelo zezesayensi emhlabeni wonke zenziwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ubungozi bulawulwa ngendlela efanele uma kungeniswa kuleli izinkomo kanye nemikhiqizo yezinkomo evela kwamanye amazwe.

Lokhu kulinganiswa kwezimiso zaseNingizimu Afrika ekufakweni kwemikhiqizo ethile nemihlahlandlela yezesayensi umhlaba wonke, kuzoqinisa isimo sezwe lethu ekuhwebelaneni namazwe omhlaba. Lokhu futhi kuzokwenza ukuthi abantu bakuleli nezilwane babe nokudla okwanele, okuphephile futhi okunomsoco  ngokuthi kusetshenziwe izindlela eziphusile zokuthenga impahla emazweni angaphandle kanti lokhu kuzokwandisa amathuba emisebenzi ngokulethwa kwemikhiqizo yenyama okuzobe kuhloswe ngayo ukuthi iphinde ilungiswe yenziwe zonke ezinye izinto ezifanele ukwenziwa kuyo lapha eNingizimu Afrika.

3 Imithethozivivinywa

3.1 IKhabhinethi ikwamukelile ukwethulwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wezindaba Zobugebengu wezi-2015 ePhalamende.

Lezi zichibiyelo ezenziwe lapha zihlinzeka ngezinguquko kwimithetho emayelana namacala ahlobene nengqalasizinda. Lapha sikhuluma ngamacala afana nokwebiwa kwamakhebuli nezintambo zikathelefoni. Lapha kuhlinzekwa ngezimiso ezinqala maqondana nokunikezelwa ngebheyili, ukugwetshwa kwalabo abonile kanye nokwakha icala elisha elizoba mayelana nokulinyazwa kwengqalasizinda esemqoka okwenziwa ngokuphazamisa ukusebenza kwayo endaweni ethile noma ngokuphazamisa ukusebenza kwezinsizakalo eziyisisekelo ngenxa yesenzo sobugebengu.

Lo Mthethosivivinywa uma usuphasisiwe uyoqinisekisa ukuthi kubekwa izinhlaka ezifanele ukubheka ukuphepha kwengqalasizinda nokuyilapho kufakwe khona izimali zomphakathi ukuqinisekisa ukuthi izwe liyakwazi ukuhlangabezana nezinto elizibekele zona ukuhlangabezana nokukhula komnotho kanye nokuvulwa kwamathuba omsebenzi.

3.2 IKhabhinethi iphasise ukwethulwa Komthethosivivinywa Obuyekeziwe Wokukhuthazwa kanye Nokuvikelwa Kwezimali Ezitshaliwe ePhalamende.

Lo Mthethosivivinywa uqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ihlala njalo ivulelekile kutshalo-mali oluvela kwamanye amazwe, ihlinzeka ngokuseleka okwanele kanye nokuvikelwa kwabo bonke abatshalizimali, futhi ikwazi nokugcina ilungelo likaHulumeni waseNingizimu Afrika lokuthi akwazi ukulandela izinhloso zenqubomgomo yomphakathi ezithuthukisayo futhi eziletha noguquko.

Lokhu kuwukweseka inhloso Yohlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) lokukhuthazwa kokutshalwa kwezimali kanye nokugqugquzelwa kokuthunyelwa kwezimpahla kwamanye amazwe ukuze kukhuthazwe ukukhula komnotho okuqhubekayo kanye nentuthuko eNingizimu Afrika.

3.3 IKhabhinethi ikwamukelile ukushicilelwa Kwesichibiyelo Somthethosivivinywa Welungelo Lobunikazi wezi-2015 kuSomqulu kaHulumeni ukuze kuboniswane ngaso nababambiqhaza abahlukahlukene.

Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wobunikazi, onguNombolo 98 we-1978 kanye noMthetho Wokuvikelwa Kwamaciko onguNombolo 11 we-1967, nokuyimithetho esiphelelwe yisikhathi ngoba ayikubheki ukuthuthuka okukhona ezingeni lezinhlaka eziningi ezahlukene futhi le mithetho ayinazo izimiso ezikhuluma ngezindaba ezikhuluma ngezinto ezidijithali.

Lo Mthethosivivinywa wenzelwe ukubhekana nodaba lokuhlinzekwa kwelayisense yomsebenzi maqondana nomsebenzi osuke ubekwe ezandleni zothile ukuba makawenze ukuze kuvinjelwe ukuxhashazwa kwabantu kule mboni. Lokhu kuzosiza uhulumeni ukuthi akwazi ukubhekana nezikhalo zabaculi kanye nalabo abasembonini kaqedisizungu ngokuqinisekisa ukuthi izimali okufanele ukuthi bazithole bakhokhelwa zona ngesikhathi yizinkampani zokuqopha kanye nezinkampani zokusakaza ngoba iningi lalaba baculi nabantu abasemkhakheni kaqedisizungu bashona behlupheka bengenalutho.

3.4 IKhabhinethi ikuphasisile ukwethulwa Kwesichibiyelo Somthethosisivinywa Wekhomishana Yezemisebenzi Kahulumeni wezi-2015 ePhalamende. Lokhu kuzobe kuchibiyela uMthetho Wekhomishana Yezemisebenzi Kahulumeni, uMthetho wama-46 we-1997.

Lo Mthethosivivinywa ukhuluma ngezimo zokuvuselelwa kwethemu yokusebenza kaKhomishana futhi uhlinzekela ukuthi usihlalo abe namandla okuqoka omunye wokhomishana ukuthi abambe izintambo zokuphatha uma bobabili usihlalo kanye nesekela lakhe bengekho.

4 Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

4.1 IKhabhinethi iyabamukela labo abadume ngokuthi yi-Cuban Five okungabantu ababeboshwe eMelika ngonyaka we-1998 emva kokulahlwa ngamacala asukela kwawobunhloli kuya kwawokubulala. Laba abahlanu bathunyelwa ezweni laseMelika njengengxenye yenethiwekhi ebizwa ngokuthi yi-La Red Avispa ukuze bayophenya ngezenzo zezishoshovu zasezweni laseCuba ezazihlela ukuketula umbuso ka-Fidel Castro

4.2 IKhabhinethi ibonga uhulumeni waseMalawi omelwe yinxusa laseNingizimu Afrika uNks Cassandra Mbuyane-Mokone ngokwenza kube lula ukubuyiswa kwabantwana ababili baseNingizimu Afrika abaneminyaka yobudala eyi-14 kanye nengama-20 abahlwithwa ngaphansi kweso likagogo wabo eMpumalanga basiwa ezweni laseMalawi ngoNtulikazi 2014, bethathwa ngowesifazane owazenza umuntu owayenguthisha phambilini. Sikhuluma nje namhlanje uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNks Bathabile Dlamini uzokwamukela laba bantwana kuleli.

5 Imicimbi ekwenzeka esikhathini esifushane esizayo

5.1 IKhabhinethi imema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza kulokhu kugujwa kwesuku Kwenyanga ka-Nelson Mandela ngoNtulikazi ngaphansi kwesihloko esithi: “Yenza Kube Wusuku lukaMandela Nsukuzonke: Ukubamba iqhaza ngemizuzu engama-67 yesikhathi sethu ukusiza labo abantulayo.” Umuntu ngamunye waseNingizimu Afrika unamandla okukwazi ukuqhubela phambili igama negalelo likaMongameli wethu ongasekho ubaba uNelson Mandela ngokwenza umehluko ezimpilweni zabanye abantu.

Ngokulandela umongo nomoya kababa uMadiba masisebenze ngokubambisana njengoba singena Kwinyanga Yobumbano Lomphakathi ngoNtulikazi ukuthuthukisa umphakathi oyimbumba ngokukhuthaza izimiso zokungacwasi ngokobuhlanga, ngokocansi, ubulungiswa kanye nokulingana kwabo bonke abantu njengalokho kubalulwe kuMthethosisekelo.

5.2 Njengengxenye yokugubha kanye nokuhlonipha abantu ababambe iqhaza kwezesayensi, kwezobunjiniyela, kwezobuchwepheshe kanye nakwezokusungula, uNgqongqoshe Wezesayensi Nobuchwepheshe uNaledi Pandor uzoba nesidlo sokumemezela abaphumelele Esithangamini Sikazwelonke Sesayensi Nobuchwepheshe sangonyaka wezi-2014/15  – Imiklomelo ye-BHP Billiton ngomhla ziyisi-9 Ntulikazi 2015 e-Emperors Palace, eKempton Park ngaphansi kwesihloko esithi: “Ukukhanya”.

Le miklomelo yethulwa ngonyaka we-1988.  Ekugubheni isihloko se-UNESCO salo nyaka esithi “Unyaka Womhlaba Wokukhanya kanye Nobuchwepheshe Obugxile Ekukhanyeni”, kuzokhishwa nomklomelo oyisipesheli oqondene nocwaningo oluhlobene nomkhakha we-Photonics.

5.3 Ngokuhambisana nomongo kanye nomoya Wesonto Lokusebenzela Umphakathi e-Afrika elenzeka kulo leli sonto (kusukela mhla zingama-22 kuya kumhla zingama-26 Nhlangulana 2015), iKhabhinethi ithanda ukubonga kakhulu bonke abasebenzi bakahulumeni ngokuzibophezela kwabo, ukuzinikela kwabo kanye nokusebenza kwabo kanzima ekuletheni izinsizakalo kubantu bakithi. Sihlaba ikhwelo kubona bonke abasebenzi bakahulumeni ukuthi bazibophezele kabusha  ekuhlangabezaneni nezidingo zabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

6. Isimo seNingizimu Afrika maqondana nodaba olusematheni lwe-ICC

IKhabhinethi, ithathe isinqumo sokuthi izokubuyekeza ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika kuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba, ngenxa yezizathu eziningi.

INingizimu Afrika selokhu kwathi nhlo iyakweseka kakhulu ukusungulwa Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba futhi ingelinye lamazwe asayine kuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba. Namanje iNingizimu Afrika isazibophezele ekutheni kube nobulungiswa kumazwe ngamazwe “ukuqinisekisa ukuthi amacala abucayi amaningi athinta umphakathi omningi wamazwe omhlaba wonkana akufanele neze abukwe nje angajeziswa kanye nokuthi ukushushiswa kwawo okusebenzayo kufanele kuqinisekiswe ngokuthatha izinyathelo ezingeni likazwelonke ngokwenza kube lula ukubambisana kwamazwe omhlaba.”

INingizimu Afrika izoqhubeka nokukhuthaza imizamo emihle eyenziwa yisifunda kanye nomphakathi wamazwe omhlaba ukubhekana namacala afana nalawa.

INingizimu Afrika yilungu Lesigungu Samaqembu Omhlaba esisungulwe Ngokwesigaba 112(1) soMthetho waseRoma ngaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba.

INingizimu Afrika futhi iyilungu leNhlangano Yezizwe, iNhlangano Yamazwe Ase-Afrika kanye nezinye izikhungo zamazwe omhlaba. Kanti iNingizimu Afrika ayizithathi kancane neze izibopho zayo kanye nemisebenzi yayo okufanele ukuthi iyenze ngaphansi kwalezi zinhlaka ekuzo.

INingizimu Afrika idlala indima ebalukile kwizwekazi lase-Afrika kanye nakwizikhungo zezwekazi lase-Afrika. INingizimu Afrika iphinda futhi ibe yizwe elisingatha ukuhlala Kwephalamende lase-Afrika (i-Pan African Parliament). Lowo owabe enguNgqongqoshe WoMnyango Wezasekhaya eNingizimu Afrika unguSihlalo Wekhomishana Yamazwe Ase-Afrika.

INingizimu Afrika ibambe iqhaza ekugcineni ukuthula nozinzo emazweni amaningi ase-Afrika okubalwa phakathi kwawo i-Democratic Republic of the Congo. Kanti futhi iNingizimu Afrika ibambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi uhlelo lokuthula oluntekenteke nokumanje luyaqhubeka phakathi kweSudan kanye neSouth Sudan, futhi luqhubeka ngendlela ukusiza abantu balawo mazwe azimele kanye namanye amazwe azimele kanye nakwizwekazi lase-Afrika.

INingizimu Afrika kumazwe amaningi omhlaba yaziwa njengezwe eliqotho futhi elethembekile elidlala indima ebalulekile emizamweni yokugcina ukuthula noxolo, njengoba sikhuluma nje kunamasosha aseNingizimu Afrika alinganiselwa kwizi-3000 abambe iqhaza kule mizamo yokuletha ukuthula ngaphansi kwe-AU kanye ne-UN.

INingizimu Afrika ikhuthaza ukubambisana phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe kanye nentuthuko edidiyelwe kwizwekazi lase-Afrika. INingizimu Afrika isebenzisa Ukuzalwa Kabusha Kwe-Afrika kanye NesiKhwama i-International Co-operation Fund ukuthi, phakathi kwezinye izinto, ikhuthaze ukubekwa phambili kwentando yabantu, ukubusa ngendlela kanye nokuvinjelwa nokusonjululwa kwezinxushunxushu.

INingizimu Afrika itshala izimali zayo eziningi kakhulu, amasotsha, ezobuchwepheshe kanye nanabantu bayo ekutheni kulethwe ukuthula, ukuphepha kanye nenqubekelaphambili kwizwekazi lase-Afrika. Imihlomulo yalokhu kutshalwa kwazo zonke lezi zinto iyaqala iyabonakala manje kulawo mazwe lapho iNingizimu Afrika isebenza khona. Lawo mazwe afaka phakathi i-Sudan kanye ne-South Sudan.

Nakuba iNingizimu Afrika iyilungu Lesigungu Samaqembu Omhlaba kuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba, iNingizimu Afrika kufanele ukuthi ikwazi ukwenza izinto ngendlela engavuni uhlangothi oluthile ngokuthi ikwazi ukumela izibopho zayo kwi-ICC kanye nokumela izibopho zayo kwiNhlangano Yamazwe Ase-Afrika, ngokulandela izivumelwano zamazwe omhlaba ezenzile nezisayinile.

INingizimu Afrika ikuqaphele nokho ukuthi ngisho Namalungu Ayibambe Ngokugcwele eMkhandlwini Wezokuphepha nangazange awusayine uMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba angakwazi ukuthi angabamba iqhaza ngokugcwele ezingxoxweni kwi-ICC kanye nokwedluliselwa kwi-ICC kwamacala enzeke emazweni athilea okwenziwa nguMkhandlu Wezokuphepha.

Lawo mazwe athathe izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi izikhulu zawo kanye nabantu bawo abasembuthweni wezempi angeke bathweswe amacala yi-ICC.

INingizimu Afrika ikuqaphelile futhi nokho ukuthi uma kubhekwa izigaba ezahlukene zoMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba kunokushayisana okukhona mayelana nodaba lokungathweswa amacala KoMongameli Bamazwe.

Isigaba 27 sihlinzeka kanje:
    
Ukungabi nandaba ukuthi umuntu unasiphi isikhundla
1.  Lo Mthetho uyosebenza ngokulinganayo kubona bonke abantu ngaphandle kokubehlukanisa ngokwezikhundla zabo. Ikakhulukazi, ngokwezikhundla zabo zokuba Yizinhloko Zombuso noma Zohulumeni, ilungu likaHulumeni noma lePhalamende, umuntu okhethiwe noma isikhulu sikahulumeni, lokho angeke noma sekuthiwani kumenze ukuba umuntu kuthiwe angeke yena ashushiselwe amacala obugebengu ngaphansi kwalo Mthetho, kanti futhi lokho, angeke nje ngokwakho, kube yisizathu sokuthi ehliselwe isigwebo.

2.  Ukungaboshwa kwabathile noma imithetho eyizinqubo eziyisipesheli nokungenzeka ukuba kube yingxenye yesikhundla salowo muntu, noma ngabe kungaphansi komthetho wezwe noma komthetho womhlaba, angeke nanini kwavimbela Inkantolo ukuthi yenze umsebenzi wayo kulowo muntu.

Uma ubheka kahle okokuqala nje, lesi sigaba sinika amandla i-ICC okuthi ibe namandla okubopha noma ngabe ubani, kungakhathalekile ukuthi unasiphi isikhundla.

Kodwa futhi manje, Isigaba 98 sihlinzeka ngale ndlela elandelayo:
    
Ukubambisana mayelana nokushaywa indiva kokungaboshwa komuntu othile kanye nokuvuma ukumletha.

1.  Inkantolo angeke iqhubeke nesicelo sokuthi kulethwe kuyo noma inikwe usizo uma lokho kuyokwenza ukuthi Izwe eliceliwe lenze okuyobe kuphambene nezibopho zalo ngaphansi komthetho wamazwe omhlaba maqondana neZwe noma nokungaboshwa komuntu noma kwempahla yeZwe lesithathu, ngaphandle-ke uma Inkantolo ingakwazi kuqala ukuthi ithole ukubambisana nalelo lizwe lesithathu ukuthi kunganakwa lokho kungaboshwa kwalowo okufanele aboshwe noma kwaleyo mpahla okumele iboshwe.

2.  Inkantolo angeke iqhubeke nesicelo sokuthi kulethwe kuyo umuntu othile uma lokho kuyodinga ukuthi lelo liZwe elicelwe ukuba lenze njalo liphambane nezibopho zalo ngaphansi kwezivumelwano zamazwe omhlaba uma ukwenza njalo kuleli liZwe elingabe lifake isicelo sidingeka ukuba kuthunyelwe umuntu walelo liZwe enkantolo, ngaphandle-ke uma Inkantolo ingakwazi ukuqala ithole ukubambisana kwalelo liZwe elithumela lowo muntu ngokunikezela ngemvume yokuthumela lowo muntu.   

Isigaba 98(2) sibalulekile futhi asididisi nakancane nje. Lesi sigaba sikubeka kucace nje ukuthi i-ICC angeke ikwazi ukucela ukuthi ilethelwe umuntu yiZwe lelo eliceliwe, uma lokho kuyoholela ekutheni lelo lizwe lephule izibopho zalo zamazwe omhlaba, ngaphandle-ke uma i-ICC yona uqobo ingaqala ithole ukubambisana nezwe elithumela umuntu lowo. Ngamanye amazwi, Isigaba 98(2) sibeka isibopho kuyona i-ICC ukuthi kube yiyona esiza amazwe ukuthi abophe lowo muntu efuna ukuba aboshwe.

Kuyinto ecace bha ukuthi i-ICC yayazi kahle kamhlophe ukuthi kungenzeka ukuba iNingizimu Afrika ibe nezinkinga maqondana nokufezekiswa kwesicelo sayo sokuthi kuboshwe uMongameli Al-Bashir, ngenxa yezibopho iNingizimu Afrika enazo namanye amazwe.

I-ICC ngomhla zingama-28 Nhlaba 2015, yayisivele, isiyimemile iNingizimu Afrika ukuba izoba nezingxoxo nayo mayelana nokuboshwa kukaMongameli Al-Bashir ngokuhambisana Nesigaba 97 nesikubeka kucace futhi ngokungananazi ukuthi lapho Izwe Eliyilungu lithola isicelo elibona izinkinga kuso ukuthi kungenzeka ukuba zilithikameze noma zilivimbele ukuthi lifezekise leso sicelo, lelo lizwe liyokhulumisana Nenkantolo ngaphandle kokumosha isikhathi ukuze kusonjululwe udaba.

Izinkinga ezifuze lezo zingafaka phakathi ngisho nokuthi ukufezekiswa komyalelo wencwadi ethi makube khona oboshwaywo kungadinga ukuthi lelo liZwe eliceliwe lephule isivumelwano esikhona elinaso nelinye iZwe lelo okumele ukuba kuboshwe umuntu walo.

I-ICC kufanele ukuba yayazi kahle kamhlophe ukuthi iNingizimu Afrika ibiyobe, ngokuvuma kwayo ukuthi izokwenza lokho okudingwa yincwadi yokuba kube khona oboshwayo, yephula izibopho zayo zesivumelwano esikhona ne-AU.  Kufanele ngabe yisona sizathu kuphela esizwakalayo leso esaze senza ukuba i-ICC imeme iNingizimu Afrika ukuthi izobonisana nayo.
Njengoba i-ICC yayisiyimemile iNingizimu Afrika ukuthi izobonisana nayo, i-ICC yayisinesibopho phela yona sokuthi ithi uma ixoxisana neNingizimu Afrika lokho ikwenze ngokwethembeka futhi iyisize ukuthi ikwazi ukuthobela izibopho zayo ku-ICC kanye naku-AU.

INingizimu Afrika yasemukela isimemo se-ICC sokuthi ibonisane nayo ngokwemibandela Yesigaba 97. Empeleni nje, iNingizimu Afrika yayinezinto eziningi eyayifisa ukuziveza mayelana nokuthi ngabe isemthethweni yini kwayona incwadi lena okwakuthiwa makufezekiswe izinhloso zayo zokuthi kuboshwe umuntu othile ngokuthi iNingizimu Afrika ihloniphe izibopho zayo zamazwe omhlaba nezazibe khona ngenxa yokuba kwayo lilungu le-AU.

INingizimu Afrika iyaphoqeleka ukuthi yenze lokho okwavunyelwana ngakho nokwaba yisinqumo se-AU sase-Sirte ezweni lase-Libya ngomhla zi-3 Ntulikazi 2009 sokuthi amalungu ayo akufanele ukuthi abambisane ne-ICC, ngokuhambisana nemibandela yemiyalelo Yesigaba 98 soMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba kuze kuba uMkhandlu Wokuphepha usubheke isicelo esenziwe yi-AU. I-AU yayikade icele uMkhandlu Wokuphepha ukuthi uhlehlise isinqumo sawo sokuthi isimo sase-Darfur usedlulisele kwi-ICC ukuthi kube yiyona esiphenyayo.

Sikhuluma nje leso sicelo asikaze sisetshenzwe kuze kube yimanje. I-AU yayikade yenze lesi sicelo ngokwemibandela Yesigaba 16 soMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba, njengoba i-AU ikholwa ukuthi ukubamba iqhaza kwe-ICC kulolu daba kuzoba nomthelela ongemuhle kuzinzo nokuthula kanye nokuphepha ezwenikazi lase-Afrika.

INingizimu Afrika inentshisekelo ethile kulolu daba lwesinqumo se-AU ngenxa yeqhaza iNingizimu Afrika elibambile ezingxoxweni eziqhubeka e-Sudan kanye nase-South Sudan.  Womabili lawa mazwe asezibophezele izikhathi eziningi ezahlukene kwiNingizimu Afrika ngokuthi azimele ngezinhlelo zokuthula. Manje-ke uma uhlelo lokuthula lufadabala, imiphumela kubantu bakulawa mazwe womabili angeke ize ibe mihle neze.

INingizimu Afrika ivamisile ukuba nezingxoxo nawo womabili amazwe okuyi-Sudan kanye ne-South Sudan futhi isithole ukuqinisekiswa yiwona womabili lawa mazwe maqondana nezinhlelo zezingxoxo zokuthula.

INingizimu Afrika yasemukela isicelo sokuba izoxoxisana ne-ICC ngokwemibandela Yesigaba 97 lokho futhi ikwenza ngokwethembeka futhi iNingizimu Afrika inethemba lokuthi izoba nezingxoxo ezakhayo, ezinezithelo ezinhle futhi eziphusile mayelana nobunzima iNingizimu Afrika ezithola ibhekene nabo uma kufanele ukuthi yenze lo myalelo wokubopha.

Kwaba khona umhlangano wokuqala owabanjwa ne-ICC ngomhla ziyi-12 Nhlangulana 2015. Lowo mhlangano wawuhanjelwe Yinxusa laseNingizimu Afrika kanye nommeli ongumeluleki walo inxusa. Kulowo mhlangano Inxusa lakugcizelela ukuthi lona lalingeke likwazi ukukhuluma ngezinto ezilukhuni ezibandakanya inqubo elandelwayo kanye nomthetho futhi labe selifuna ukuthi kuhlelwe omunye umhlangano ukuze kube khona abantu abakuqeqeshelwe ukubhekana nezimo ezifuze lezo.

Kwabe sekuhlelwa umhlangano wesibili, nowawuzobhekana naleyo nhloso, futhi kwakumele ukuthi ube ngoMsombuluku, mhla yizi-15 Nhlangulana 2015. Ngalolo lusuku kwakufanele ukuthi kuqalwe izingxoxo zokubonisana zangempela ngokwemibandela Yesigaba 97. Kodwa kuthe zisuka phansi nje, i-ICC yavela yona yafuna usuku olunganeno kwalolo kwase kuthi lowo mhlangano wahlelelwa ukuthi ube ngeSonto mhla ziyi-14 Nhlangulana 2015 ngehora le-12h30. Kuthe kusenjalo, ngokuhamba kwesikhathi ebusuku bangoMgqibelo, mhla ziyi-13 Nhlangulana 2015, uMshushisi we-ICC wafaka isicelo esiphuthumayo esibhekise kwi-ICC ngaphansi kwale mibandela elandelayo:

“Isicelo Esiphuthumayo sikaMshushisi ukuba kube Nomyalelo ocacisayo ukuthi ngabe Izingxoxo Zokubonisana Ngokwesigaba 97 neNingizmu Afrika ziphothuliwe yini kanye nokuthi ngabe iNingizimu Afrika ingaphansi Kwesibopho yini sokuthi Ibophe Ngokushesha bese Ithumela kithi u-Omar Al Bashir.”

UMshushisi wafaka isicelo esiphuthumayo kwi-ICC, ngaphandle kokuthi aze anike isaziso kwiNingizimu Afrika. UMshushisi wabuye wacela ukuthi imininingwane Yesicelo Esiphuthumayo mayingaputshuki igcinwe iyisifuba, kodwa isinqumo se-ICC sona silungile senziwe saziwe ngumhlaba wonke.

I-ICC yabe isisilalela isicelo ngokushesha yabe isikhipha Isinqumo. Kusho ukuthi nje into eyenzeka ukuthi, i-ICC, ngaphandle kokuthi ize izwe uhlangothi lweNingizimu Afrika yavele yona yazithathela isinqumo sokuthi izingxoxo zokubonisana Zesigaba 97 zase ziphelile njalo kanye nokuthi iNingizimu Afrika yayingaphansi kwesibopho sokuthi ibophe bese ithumela kuyo uMongameli Omar Al-Bashir. Lesi sinqumo, njengoba sesishilo phambili, senziwa, ngaphandle kwanoma yisiphi nje isaziso esasibhekiswe kwiNingizimu Afrika.

INingizimu Afrika Njengezwe Eliyilungu KuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba futhi nanjengelungu Lomhlangano Wesigungu Samazwe yayinalo ilungelo lokuthi ilalelwe Kwisicelo Esiphuthumayo Somshushisi esasibhekiswe kwi-ICC kanye nokuthi ilalelwe nayo kulolu daba futhi ikakhulukazi njengoba kwakukade kuhleliwe ukuthi kube nezithangami zokubonisana.

Ukuzimela kweNingizimu Afrika njengezwe kusho ukuthi inelungelo lokuthi namanye amazwe ayithathe njengezwe elilinganayo nawo futhi iphathwe ngenhlonipho, kungakhathalekile ukuthi izimo zimi kanjani nokuthi zithini. 

Kubukeka sengathi i-ICC ayizange izihluphe ngokuthi imeme iNingizimu Afrika ukuthi ixoxisane nayo ngokwemibandela Yesigaba 97 ngokwethembeka ngomzamo oyinhloso wokusiza ngokuliqiniso kanye nokuyikho iNingizimu Afrika. Ngakho-ke, iNingizimu Afrika isithathe isinqumo sokukubuyekeza ukubamba kwayo iqhaza kuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba.

Izigaba ezimbili kuMthetho waseRoma zibalulekile uma siqhathanisa nesinqumo iNingizimu Afrika okumele isithathe maqondana nokubambisana kwayo kwangomuso ne-ICC.
Lezo zigaba-ke yisigaba se-119 kanye nesigaba se-127.

ISIGABA 119
Ukusonjululwa kwezimpikiswano
1.  Noma ngabe iyiphi impikiswano ekhona emalungana nokusebenza komthetho Kwenkantolo iyosonjululwa yisinqumo seNkantolo.
2.  Noma ngabe iyiphi enye impikiswano phakathi Kwamazwe Angamalungu amabili noma ngaphezulu maqondana nokuhunyushwa noma ukusetshenziswa kwalo Mthetho engaxazululiwe zingakapheli izinyanga ezintathu iqalile iyokwedluliselwa Kwisigungu Samazwe Angamalungu.

Isigungu kwasona ngokwaso, singakwazi ukuthi siyisombulule impikiswano noma senze izincomo ngezinye izindlela zokuthi zokuthi kusonjululwe leyo mpikiswano, kuhlanganisa ngisho nokuyedlulisela Kwinkantolo Yobulungiswa Yamazwe Omhlaba ngokuhambisana Nomthetho waleyo Nkantolo.

Isigaba 119 sikhuluma ngezimo ezimbili:

Esokuqala, izimpikiswano malungana namandla okusebenza kwe-ICC; esesibili, simayelana nanoma ngabe iyiphi impikiswano ephakathi Kwamaqembu Angamalungu amabili noma ngaphezulu maqondana nokutolikwa noma ukusebenza Komthetho waseRoma.

Maqondana nalokhu kokuqala okungenhla, iNingizimu Afrika kungenzeka ukuba ibe nempikiswano impela ne-ICC mayelana Nesinqumo eyasenza kulandela Isicelo Esiphuthumayo soMshushisi ukuthi kube Nomyalelo ocacisa ukuthi ngabe Izingxoxo Zokubonisana Zesigaba 97 neNingizimu Afrika seziphelile kanye nokuthi iNingizimu Afrika ingaphansi Kwesibopho sokuthi Ibophe Ngokushesha bese futhi Iletha kuyo uMongameli Omar Al Bashir.

INingizimu Afrika izoqala izingxoxo ezisemthethweni ne-ICC mayelana nalolu daba ngenhloso yokuqonda kangcono izizathu zayo kanye nendlela yona esihumusha ngayo Isigaba 97.

INingizimu Afrika ithanda futhi ukuqonda kahle, kuyona i-ICC, ukuthi ngabe ziyini izibopho zayo ngokwemibandela Yesigaba 98(2) Kwizwe eliceliwe elisuke lingeke likwazi ukubopha umuntu othile ngokuphambana nencwadi yokuthi makube khona oboshwayo.

INingizumu Afrika futhi izimisele ngokuthi iluphakamise lolu daba emhlanganweni olandelayo Wokuhlangana Kwamazwe Angamalungu oMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba. Njengoba kunezimo esibhekene nazo eziningi ezilukhuni eziphathelene nenqubo elandelwayo kanye nomthetho, iNingizimu Afrika izophinda futhi ibheke ukuthi ingeke yini iluthathe lolu daba ilwedlulisele Kwinkantolo Yomhlaba Yezobulungiswa ukuze kwenziwe isinqumo ngalolu daba.

Isigaba 97 asikaze sisetshenziswe yi-ICC ngaphambilini. Lokhu kwakungokokuqala ukuthi Izwe Eliyilungu licelwe yi-ICC ukuba likhulume nayo malungana nezingqinamba okungenzeka libe nazo ekubopheni umuntu okufanele aboshwe nokungaholela ekutheni Izwe Eliyilungu lephule izibopho zalo zamazwe omhlaba.  I-ICC kwakudingeka ukuba ilubhekisise kahle lolu daba kanti zozimbili izinhlaka ezithintekayo lapha (okuyiNingizimu Afrika ne-ICC) kwakuphoqelekile ukuthi zixoxe ngokwethembeka nokwethembana.

INingizimu Afrika, njengento yokugcina engayenza, ingakwazi futhi nokuthi ibheke ukuthi kungaba njani uma ivela ihoxa nje kwi-ICC. Isinqumo esifana nalesi siyothathwa kuphela uma iNingizimu Afrika isikwenze konke obekufanele ikwenze ngokwemibandela yoMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba kanye Nomqulu Wamazwe Ahlangene kanye nezinye izinhlaka zamazwe omhlaba.

Isigaba 127 sikhuluma ngokuhoxa kwi-ICC futhi sihlinzeka, phakathi kwezinye izinto, ngalokhu okulandelayo.

1.  Izwe eliyiLungu lingakwazi, ngokwesaziso esibhalwe phansi esiqondiswe KuNobhala-Jikelele WeNhlangano Yezizwe, ukuhoxa kulo Mthetho. Ukuhoxa kuyokwenzeka ngemuva konyaka ngemuva kokukhishwa kwesaziso leso, ngaphandle-ke uma isaziso leso sisho ngokuqondile olunye usuku olungemuva kwalokho.

INingizimu Afrika izongena ezingxoxweni eziphuthumayo Nenhlangano Yamazwe Ase-Afrika kanye namazwe angamalungu maqondana nokuthi zingasetshenziswa kanjani izindlela zokusombulula ukungaboni ngaso linye zase-Afrika ngaphandle kokuchitha isikhathi “ukuqinisekisa ukuthi amacala abucayi amaningi athinta umphakathi omningi wamazwe omhlaba wonkana akufanele neze abukwe nje angajeziswa kanye nokuthi ukushushiswa kwawo okusebenzayo kufanele kuqinisekiswe ngokuthatha izinyathelo ezingeni likazwelonke ngokwenza kube lula ukubambisana kwamazwe omhlaba.”

Kanti okubaluleke kakhulu kunakho konke ukuthi, iNingizimu Afrika izoqala ingene kwizingxoxo ezithinta amazwe amaningi kanye nezingxoxo ezithinta izinhlaka ezimbili namanye amazwe ase-Afrika ukuze kusheshiswe kulungiswe isimo senkantolo yase-Afrika Ngamalungelo Oluntu kanye Namalungelo Abantu kanye nezinye izithangami ezikhona esifundeni. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi amacala abucayi abhekiswe kubantu kubhekwana nawo ngokushesha yilezi zinhlaka esezibaliwe kanye nokuthi kwenziwa ukuthi kube nohlelo oluzokwelekelela lapho khona phakathi kokuba amacala afuze lawo ezoshushiswa khona yi-ICC noma ezinye izikhungo zesifunda ezikhona.

INingizimu Afrika maduze nje izohlela ukuthi ikwazi ukungena ezingxoxweni ezisemthethweni ne-ICC ngezindaba ezingayiphethe kahle neze.

INingizimu Afrika izolungisa umbiko maqondana nokusebenzisana kwayo ne-ICC ngokwemibandela Yesigaba 97 kanye nobunzima eye yabhekana nabo ngenxa yemibandela Yesigaba 98(2) bese lowo mbiko iwethula emhlanganweni olandelayo wokuhlala Kwesigungu Samaqembu Angamalungu.

INingizimu Afrika izophinda futhi ihlongoze ukuthi kube nezichibiyelo ezenziwa kuMthetho waseRoma ongaphansi Kwenkantolo Yamacala Obugebengu Yamazwe Omhlaba ukucacisa kanye nokunika amandla izibopho zokuxoxisana kwe-ICC kuMazwe anjalo.

Kuzoqaliswa futhi nezingxoxo phakathi kwaleli ne-AU kanye namanye amazwe ase-Afrika.  UHulumeni uzoqoka ithimba loNgqongqoshe elizoqala ngokushesha okukhulu ukukhulumisana ne-ICC, i-AU kanye namazwe ase-Afrika ngalolu daba.

7. Abaqashiwe

Bonke laba abaqashiwe ukuqashwa kwabo kuyoqinisekiswa mhla izicucu zokuqashwa kwabo kanye noqinisekiswa kokufaneleka kwabo kulezi zikhundla kwavunywa

7.1 AbaQondisi Abangasebenzi Ngokugcwele eBhodini lesikhungo i-South African Maritime Safety Authority (I-SAMSA):

a) Mnu Mavuso Msimang (uSihlalo);
b) UNks Nomsa Cele (uSekela Sihlalo);
c)  UNks Anna Sekabiso Molemane;
d) UMnu Mervyn Robert Burton

7.2 UMnu Virgin Anzel Seafield uye waqokwa Njengesekela Lomqondisi-Jikelele Wenqubomgomo Yezabasebenzi kanye Nobudlelwano Nabasebenzi eMnyangweni Wezabasebenzi

7.3 USolwazi Richard Michael Levin.   UThishanhloko wesikole i-National School of Government ngesivumelwano seminyaka emi-5 esiphela ngoZibandlela 2019.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Nks Phumla Williams (Ibamba Lomkhulumeli weKhabhinethi)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore