Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla ziyi-19 Ndasa 2014

1. Izinqumo zeKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka zamanje nemicimbi ezayo 

1.1. IKhabhinethi yakwamukela ukukhishwa koMbiko wokuBukeza iNingizimu Afrika weMinyaka engama-20 yowe-1994-2014 kaMongameli Jacob Zuma owubufakazi benqubekela phambili uhulumeni aseyenzile ukuqinisekisa impilo engcono yawo wonke umuntu.

Ngokomoya wokuBukeza okubhekiswe kowayenguMongameli u-Nelson Mandela, iKhabhinethi ihlaba ikhwelo kuzo zonke izikhungo zomphakathi ukuthi ziwubheke umbiko, zihlanganyele ekugubheni imiNyaka engama-20 yeNkululeko futhi zilekelele ukwakha izingxoxo kuzwelonke zokuzuziwe nezinselelo. 

Ukubukeza kuqinisekisa igxathu elinqubekela phambili esesiyenzile ukwakha isizwe esingabandlululi ngokwebala, ngokobulili, ngempumelelo nangamandla omthethosisekelo wentando yabantu, ukwenza iNingizimu Afrika ibe izwe elingcono ukuphila kulo.

1.2. IKhabhinethi ikhumbuza yonke imikhakha yemiphakathi ukuthi unyaka wezi-2014 unikelwe emkhankasweni wemiNyaka engama-20 yeNkululeko.
UMbasa yiNyanga yeNkululeko. Bonke abantu baseNingizimu Afrika nalabo ekubanjisenwe nabo bamazwe aphesheya nababambe iqhaza bayamenywa ukuthi babe yingxenye yemigubho yenyanga yenkululeko ngokuthi baxoxe izindaba zabo mayelana nokuthi ukusebenzisana kuziguqule kanjani izimpilo zabantu baseNingizimu Afrika zaba ngcono. 

Njengoba zisobe siya ezikhungweni zokuvota mhla ziyi-7 Nhlaba 2014, asiphinde futhi sitshengise ukuthi sinentando yabantu ephilayo, enomudlandla nokuthula. 

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza elibonakalayo okhethweni kodwa futhi bakwenze lokhu ngendlela enokuthula nokubekezela ilungelo labo bonke abavoti ukuthi babeke izimvo zabo phambi kwabantu ngokukhetha ngasese abakufunayo ekhosombeni lokuvota.  

Ama-ejensi aqinisekisa ukuthotshelwa komthetho azobonakala ukuze avikele leli lungelo, ukuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zezwe zibamba iqhaza kunqubo yentando yabantu, ewumkhiqizo woMzabalazo wenkululeko.

1.3. Njengengxenye yesu lokwenza uhlelo lwengqalasizinda kazwelonke yeKhomishane kaMongameli Yokuqondisa iNgqalasizinda, iKhabhinethi icela ukuthi isizwe sibhekisise lokhu okuhle okwenzekile:

1.3.1. IDamu i-De Hoop lizokwakhiwa eLimpopo ngasekupheleni kukaNdasa wezi-2014. Leli yidamu lesine elikhulukazi elakhiwe emva kwesikhathi sombuso wentando yabantu. Idamu lizokwelekelela emnothweni, ukudala amathuba emisebenzi futhi lilekelele ekuhlinzekeni izidingo esifundazweni nangale kwaso.

Abantu abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-800 eSekhukhune bazozuza ngoba bazohlinzekwa ngamanzi ahlanzekile futhi angcono emakhaya ngesikhathi izimayini ezintsha nezolimo nazo zizozuza ngokuhlinzekwa kwamanzi.

OMasipala kule ndawo, abasekwe nguhulumeni kazwelonke nowesifundazwe, batshale imali engeziwe eyizigidigidi ezi-R3 kungqalasizinda ukuhlanza nokuhambisa amanzi kwabasebenzisa amanzi abasezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni.

1.3.2. IKhabhinethi iveze ukweneliseka ngokwethulwa okuhleliwe kweSigaba Sesibili se-Lesotho Highlands Water Project mhla zingama-27 Ndasa 2014. Lolu hlelo luyisibonelo-ngqangi sokungazuzwa uma amazwe angomakhelwane ebambisana ngokusebenzisana ukubheka empokophelweni eyodwa. Ukuthuthukiswa komthombo ofanayo, owodwa kunomuthelela obalulekile ekuletheni uxolo nokuqhakamba kwesifunda esise-Afrika eseNingizimu nenhlalakahle yabantu baso. 

1.3.3. IKhabhinethi iyaziqhenya ngomkhankaso wokuvuselela uhlelo lwezitimela eNingizimu Afrika, ngokukhishwa kwezinkontileka zezigidigidi ezingama-R50  ngu-Transnet ukuthi kwakhiwe izitimela zesimanje futhi ezinobuchwepheshe bakamumva eziyi-1 064.

Indima edlalwa uphiko lwezobunjiniyela lakwa-Transnet ukuqinisekisa ukuthi ukwahlukana kuyaguqulwa kube yindawo yokuqalisa ukukhiqiza izinsizakusebenza ngokuhamba kwesikhathi. Ngalokhu-ke kuhloswe ukuguqula imboni esebenzisa ujantshi eNingizimu Afrika ngokukhulisa amabhizinisi akhona amancane nokwakha amasha.

1.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kwesibonakude i-MeerKAT yokuqala nguMnyango wezeSayensi noBuchwepheshe e-Square Kilometre Array (SKA) eduze kwase-Carnarvon, eNyakatho Kapa  mhla zingama-27 Ndasa 2014.

I-MeerKAT, ewumkhiqizo okuningi kwawo okwenzelwe ekhaya, iphinde futhi itshengise ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayakwazi ukuqhudelana nabahamba phambili uma kuza kwezocwaningo, ubunjiniyela, ezesayensi nezobuchwepheshe. Izokuba nama-25% e-SKA eSigabeni sokuqala.

1.5  IKhabhinethi idlulisa ukuzwelana nemindeni nabangani balabo abalahlekelwe izimpilo zabo ngenxa yezimvula zakamumva ebezinamandla. IKhabhinethi iqinisekisa futhi abantu baseNingizimu Afrika ukuthi iSikhungo sikaZwelonke sokuPhatha iziNhlekelele -  ngaphansi kwesakhiwo sikaZweloke sokuSebenza ngokuBambisana nangoBuhlakani (i-Natjoint) – sizoqhubeka nokufuna nemizamo yokusindisa nokuthola usizo lokunakekela abantu. IKhabhinethi iyakuncoma ukungenelela kombutho wezokuphepha ukulekelela imizamo yokuphepha.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulu imiphakathi ephila ezindaweni ezinezikhukhula, bayanxuswa ukuthi baqikelele ngokungaphezulu ngezikhathi zesimo sezulu esibi. Abazali nabalondolozi babantwana kumele baqikelele kakhulu ukuqinisekisa ukuphepha kwabantwana. Ukwengeza, abashayeli bezimoto nabahamba ngezinyawo kumele bahlale beqaphile uma besebenzisa imigwaqo uma izulu lina. 

1.6  IKhabhinethi idlulise ukubonga emphakathini ngegalelo olidlalile ukususa ingcindezi yohlakasikwele igridi yamandla kagesi kazwelonke ngenyanga edlule.

Abathengi ngabanye namabhizinisi bayagqugquzelwa ukuthi baqhubeke nokusebenzisa ugezi ngobuhlakani nokugcina amandla kagesi ephansi njalo uma bengakwazi, ikakhulu kulesi sikhathi sesimo sezulu samanje.

1.7  INingizimu Afrika izokuba yingxenye yeSamithi yesine yase-Afrika ye-European Union ezokuba eBrussels, eBelgium mhla zi-2-3 Mbasa 2014. Indikimba yeSamithi ithi “Sitshala ezimpilweni zabantu, Impumelelo Nokuthula”.

ISamithi izogxila kwezemfundo noqeqesho, abesifazane nentsha nokubheka izinga labafudukela kulamazwe amabili ngokusemthethweni nokungekho semthethweni.

1.8  Mhla zingama-24 Ndasa 2014, kuzobe kuwusuku lokhukhumbula uSuku lweSifo Sofuba eMhlabeni. IKhabhinethi ifisa ukugqugquzela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzisane nohulumeni ukuqeda lolu bhubhane.

Ubhubhane lweSifo Sofuba (i-TB) lubhebhethekile hhayi eNingizimu Afrika kuphela kodwa eSifundazweni sonke se-Sub-Sahara. Izinyathelo zikaHulumeni zokuqalisa uhlelo lokwelapha nokugwema Igciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) neNgculazi (i-AIDS) eMhlabeni  seluvimbele i-TB.

Izinhlelo zikahulumeni zokugwema i-TB bezibandakanya ukuhlolwa nokutholwa kwegciwane okubonakalayo, ngokusebenzisa kobuchwepheshe bama-GeneXpert ukusheshisa ukutholakala kwegciwane le-TB. Siyaziqhenya ngeqiniso lokuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili eMhlabeni ekutholeni izinsiza zobuchwepheshe bama-GeneXpert.

Ikhabhinethi iyayamukela iNhlanganisela Yokucobelelana Ngolwazi yoNgqongqoshe ezayo mayelana Nokuvumelana Ngezimpendulo zeziFunda ukulwa ne-TB ezimayini eNingizimu Afrika. INhlanganisela ezobanjelwa eSandton Convention Centre mhla zingama-25 Ndasa 2014 izohlanganisa ndawonye ababambe iqhaza kuhulumeni wesiFundazwe, iMboni yeMayini eNingizimu Afrika, izinyonyana, Okubanjisenwe nabo Abasathuthuka nomphakathi.

1.9  IKhabhinethi ihalalisele bonke abasesigabeni sokugcina nabathole izindondo eMiklomelweni Yesibili Yazamabhizinisi Amqoka eNingizimu Afrika. 
Imiklomelo ibheke ukwenza kahle kwamabhizinisi emikhakheni eyahlukene kanti amabhizinisi aklonyeliswe emcimbini obuhanjelwe uMongameli Jacob Zuma.

Omunye kwabahalaliselwe yiKhabhinethi uMnu. Sam Motsuenyane othole umklomelo obewumufanele Wezingqalabutho.

1.10 IKhabhinethi iwuqaphelile umbiko osemthethweni okhomishinwe nguMnyango Wezezimali kuZwelonke weKhomishana yoKhetho Ezimele.  Lokhu kulandela izincomo ezenziwe umbiko woMvikeli woMphakathi. Ijube uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya ukuthi alandele lolu daba bese eluleka iKhabhinethi.

1.11 IKhabhinethi ayikufuni ukuphikelela kwamaqembu ezigebengu eNtshonalanga Kapa, okubonakala ngokuhlaselwa okubi futhi okunesihluku kwemiphakathi ikakhulukazi izingane. Lokhu angeke kumelwe njengoba kubeka engcupheni lokhu esesikuzuzile kuntando yethu yabantu. IKhabhinethi iyawubona umsebenzi owenziwa uPhiko lwamaPhoyisa aseNingizimu Afrika ekulweni nokuqeda amaqembu ezigebengu kanti lihlaba ikhwelo emiphakathini ethintekayo ukuthi isebenzisane namaphoyisa ukuvikela izinhlangano zemiphakathi yethu kulokhu kuhlupheka.

1.12 IKhabhinethi idabukile futhi izwelana nomndeni nabangani ba-Nkk, Martha Mahlangu osedlule emhlabeni ongumama wowayelungu loMkhonto weSizwe uSolomon Mahlangu. UNkk. Mahlangu uzofihlwa ngoMgqibelo mhla zingama-22 Ndasa 2014. UMasipala weDolobha laseTshwane uzonika uNkk. Mahlangu umngcabo wesizwe kanti amafulegi azokwehliswa abe uhhafu njengendlela yokumuvalelisa ngenhlonipho.

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi ithole umbiko weminyaka emine yokusebenza kweNombolo yokuKhalaza kuMongameli engashayelwa umphakathi ofuna ukudlulisa izikhalazo kusukela yasungulwa. Ukwenza ngcono ukuxazululwa kwamacala njalo ngonyaka kwenzeke kanje; kwaba ngama-64,3% ngonyaka wokuqala; ngama-77,79% ngonyaka wesibili; ngama-87,46% ngonyaka wesithathu kanti manje kungama-94,7%. Kule minyaka emine, isibalo esikhulayo sezikhalazo kanye nemibuzo efakiwe senyuke kusuka ku-75 873 ngonyaka wokuqala kuya ku-183 445 ngonyaka wesine.

IKhabhinethi ihlaba ikhwelo eminyangweni nasezifundazweni ukuthi ziqhubeke ngeqophelo nesivinini sokwenza uphenyo ngezikhalazo njengoba ukwaneliseka kwabahlali kubalulekile ukugcina isithunzi seNombolo yokukhalaza kuMongameli.

2.2. IKhabhinethi igunyaze ukuthi kuqaliswe uHlelo Lwesithupha Lwesinyathelo Sokubhekelana noMthetho wezimboni  (i-IPAP) 2014/15-2016/17.  
Umbono ongenelelayo we-IPAP ukugwema ukwehla kwezinga lezimboni bese weseka ukukhula nokwahlukana kwezimboni ezikhiqizayo eNingizimu Afrika. UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uzokwethula ngaphambi kwabemithombo yezindaba uma i-IPAP seyethulwa ngenyanga ezayo.

2.3. IKhabhinethi igunyaze indlela yokubeka usuku lomunqamulajuqu lohlelo lwezimvume ezakhishwe ngaphansi Kwesikhathi Sombuso Okhethekile kubantu baseZimbabwe (i-DZP).   Kuzolindeleka ukuthi abanikazi bezimvume bafake kabusha izicelo zezimvume zabo emazweni abo omunsinsi wokuzimilela. UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uma sekufanele uyohlinzeka incazelo ebanzi mayelana nenqubo ezolandelwa kanye nosuku lokuqalisa. 

2.4. IKhabhinethi igunyaze ukuthi iSigaba 100 (1) (b) sokungenelela eLimpopo sigcinwe njengoba sinjalo, ukuze sibukezwe ngoNhlangulana wezi-2014 ngemumva kokuthatha kobuholi obusha. Lokhu kuzoqinisekisa ukuqhubeka kokungenelela okuya phambili ukuze kubhekwane nezinselelo ezisilele. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi kuyagcinwa ukwenza ngcono kwesimo sezimali zezifundazwe nokuhlinzekwa kwezidingo emisebenzini yenhlalakahle nakweminye imikhakha.

2.5. IKhabhinethi igunyaze inqubomgomo Yokubukeza ezokuVikela eNingizimu Afrika yonyaka wezi-2014, yase iyalela ukuthi yethulwe ePhalamende. Ukubukeza kuzohlinzeka inqubomgomo yesikhathi eside nendlela yamasu okumele ilandelwe yizwe eminyakeni emine ezayo  yeSu loMhlahlandlela waPhakathi noNyaka.

Umbhalo kuzokwatshelwana ngawo nomphakathi, njengoba wawubambe iqhaza ezingxoxweni zomphakathi ezabanjwa ezweni lonke ngonyaka odlule.  

2.6 IKhabhinethi igunyaze ukuthi uMbiko weKomidi loNgqongqoshe mayelana neNqubomgomo yokuQoqa uLwazi ishicilelwe kuSomqulu kaHulumeni ukuze umphakathi uphawule. 

Umbiko uhlaziya uhlelo lwemfundo emva kokuya esikoleni nohlelo lokuqeqeshwa uma kukhulunywa ngenhlalakahle yezomnotho. Uhlinzeka izincomo kuNgqongqoshe wezeMfundo Ephakeme Nokuqeqesha nokuthi zingasuswa kanjani izingqinamba ezingenasidingo ezivimbela noma zinqande inqubekela phambili yabafundi.
 
Inqubomgomo yokuqoqa ulwazi imayelana nendlela ehlelekile yokuphatha izikhungo zemfundo, izinhlelo neziqu ukuze abafundi bakwazi ukuqhubeka nemikhakha abayikhethile yokufunda ngendlela eyiyo.

2.7 IKhabhinethi igunyaze uMbiko weThimba eliJutshiwe leziNhlelo Eziyisisekelo kwezeZibalo neSayensi, ukuthi ushicilelwe kuSomqulu kaHulumeni ukuze umphakathi uphawule.

Ithimba loNgqongqoshe elijutshiwe lalinikezwe igunya lokuthuthukisa iziKhungo zokuThuthukisa amaKhono oBuchwepheshe noQeqesho oluyisendlalelo kwezeZibalo neSayensi.

Lokhu kuzosiza ukwenyusa isibalo sabazongena emanyuvesi bafunde iSayensi neZibalo bese kwengeza umthamo wamasu amasha njengoba kugqanyisiwe kuHlelo lweNtuthuko LukaZwelonke. 

uHlelo luhlose labo abafisa ukungena eMkhakheni wezoBuchwepheshe kwezeMfundo noQeqesho ngaphansi komkhakha, labo esebevele bekuwona lo mkhakha wokufundela ezobuchwepheshe nokuqeqeshwa abafisa ukuqhubeka bangene emanyuvesi kanye nabafundi beBanga 12 abafisa ukungena emanyuvesi kodwa abangahlangabezani nezidingo zokufunda izibalo nesayensi.

2.8 IKhabhinethi igunyaze ukuthi kushicilelwe imiphumela yonyaka wezi-2012/13 yokuhlola amathuba omphakathi okuthola uxhaso kwezesayensi nobuchwepheshe.

IMinyango kaZwelonke itshale izigidigidi ezingama-R29, 4  kwezesayensi nobuchwepheshe  ngowezi-2012/13, okungamaphesenti amathathu esambeni sesabiwomali sikazwelonke. Lokhu okungcono kusuka esilinganisweni seminyaka emine  samaphesenti ama-2,9 phakathi konyaka wezi-2008/9 kuya kowezi-2011/12.

Kuyabonakala futhi ukuthi uhulumeni uxhasa kakhulu ucwaningo lwezesayensi olwenzeka eNingizimu Afrika, nokuthi umsebenzi omkhulu wokuqalisa ubonakala  wenzeka ngaphandle kweminyango kazwelonke, okungumkhandlu wezesayensi nezikhungo zemfundo ephakeme.

2.9 IKhabhinethi yachazelwa ngokuhlolwa komsebenzi okwenziwe uMnyango Wokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi “Womthelela Wokwethulwa kuka-Grade R Emiphumeleni Yokufunda”.

Ukushesha ukutshala imali ekukhuliseni nasekuthuthukiseni abantwana kungehlisa ukungalingani kukhulise umkhiqizo ikakhulu ezinganeni ezintulayo.
IKhabhinethi iyakwamukela ukubaluleka kokuphumelela kokwandiswa kuka-Grade R odinga ukukhulisa kakhulu  amandla wawo okwenza izinto ukuze ube nomthelela omkhulu ozobonakala kwezemfundo.

2.10 IKhabhinethi yanqampunelwa mayelana nemiphumela yoHlelo oluzoQapha Phambili ukuHlinzekwa kweZidingo lonyaka wezi-2013.
IKhabhinethi iyancoma futhi igqugquzekile ngokwenza kangcono kweminyango kazwelonke, ngamasu ayo okwengamela nokuqapha izinga lokusebenza kwezikhungo.

Imiphumela yezikhungo eziyi-186 (ezaziqashwa okokuqala) kuzo zonke izifundazwe ngowezi-2013 ziveze ukuthi isikalo sesilinganiso sokuthola usizo olufanele, indawo  ngokutholakala kalula nezikhathi zokuvula nokuvala zakalwa ezingeni elihle ngabahlali nabaqaphi.

Izindawo ezidinga ukuthi kungenelelwe kuzo ilezi; ukwenganyelwa kwezikhalo; ukubonakala nezimpawu, ukwenganyelwa kolayini kanye nezikhathi zokulinda nokuphepha.

Imiphumela ezikhungweni ezingama-77 ezaziqashwa okwesibili ukuhlola ukwenza kangcono kwazo nakho kutshengise izilinganiso ezingcono, okuveze izimpawu ezinhle zokwenganyelwa kwendlela yokusebenza kwesikhungo njengokubekwe eqhulwini.

2.11 IKhabhinethi igunyaze ukusingathwa koMhlangano weNhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika Ongajwayelekile woNgqongqoshe ababhekele i-ICT, ezokuXhumana noPhiko LwemiSebenzi yezePosi kusukela mhla zingama-23 Ndasa 2014, eGoli.  

3. Abaqashiwe

IKhabhinethi yakwamukela ukuqashwa kwalaba abalandelayo:

3.1. Nksz. Elaine Alexander esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: UkuThuthukiswa koMnotho, ukuHweba nokuKhangisa eMnyangweni wezoLimo, ezamaHlathi nezokuDoba.

3.2. Nksz. Nkidi Dinah Mohoboko esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: IsiKhungo sokuFunda eMnyangweni wezaseKhaya.

3.3. Mnu. Sam Themba Mtshisa esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: uPhiko Uphiko Lokweseka Imisebenzi Yokuphathwa Kwenhlangano eMnyangweni wezemiSebenzi yoMphakathi.

3.4. Nksz. Malijeng Theresa Ngqaleni esikhundleni sokuba yiPhini likaMqondisi-Jikelele: Ubudlelwano kuHulumeni eMnyangweni wezeziMali kuZwelonke.

3.5. Mnu. Michael Sass esikhundleni sokuba wuMbhali wamaBhuku eziMali-Jikelele eMnyangweni wezeziMali kuZwelonke.

3.6. Mnu. Mlungisi Justice Mathonsi njengeSiphathimandla semiSebenzi yezePosi yaseNingizimu Afrika.

3.7. AmaLungu Angewona amaLungu esiGungu esiPhezulu e-Ejensi yeziThuthi zoMgwaqo Ezeqa iMingcele.
a) Nksz. Pam Edith Pokane (USihlalo);
b) Mnu. Reuben Abel Dlamini;
c) Mnu. Gordon Noah;
d) Mnu. Moses Cyril Tiel Scott;
e) Mnu. Wayne Smith;
f) Nksz. Maleho Margaret Nkomo (ophinde waqokwa futhi njengePhini likaSihlalo); kanye no-
g) Nksz. Nala Mhlongo (ophinde waqokwa).

3.8. Mnu. Mahesh Fakir oqokwe njengoMphathi Oyinhloko we-Ports Regulator.

3.9. AmaLungu Angewona amaLungu eBhodi labaQondisi le-Armaments Corporation of South Africa, Limited (i-Armscor):
a) Admiral (ret) Refiloe Johannes Mudimu (USihlalo);
b) Nksz. Thuthukile Skweyiya (IPhini likaSihlalo);
c) Dkt. Moses Khanyile;
d) Mnu. Bethuel Motshwariseng Fantas Mobu;
e) Adv. Sesi Baloyi;
f) Nksz. Mpumi Zikalala;
g) Mnu. Ndumiso M Tyibilika;
h) Mnu. Raymond Mlungwana Vokwana; kanye no-
i) Adv. Virginia Lee Anne De La Hunt.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore