Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-26 Nhlangulana 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi ihlanganyela kanye nesizwe nomphakathi wamazwe ngamazwe ekuthandazeleni ubaba wesizwe, uMongameli wangaphambilini uNelson Mandela. Kulesi sikhathi esinzima, sonke masibonise uthando nesihe futhi senze uMadiba aziqhenye. 

1.2. IKhabhinethi yaphawula ukuphela kweminyaka engama-58 kwasayinwa uMqulu Wenkululeko owasayinwa mhla zingama-26 kuNhlangulana 1955 oyisisekelo sokubusa ngentando yeningi labantu kanye noMthethosisekelo wethu. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba ‘Badlale Indima Yabo’ ekusondezeni leli lizwe eduze nombono wokuba iNingizimu Afrika ebumbene, engacwasi ngokobuhlanga, engacwasi ngokobulili, ebuswa ngentando yeningi labantu nechumayo.

1.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukuzibophezela okusha koMnyango Wezempilo, ngokubambisana nabacwaningi ekubhekaneni nezindaba ezibeka izinselele emizamweni ehlangene yokulwa neGciwane Lesandulelangculaza (i-HIV). IKhabhinethi iyawamukela futhi amalungiselelo oMnyango Wezempilo okwethula imikhankaso emisha eminingana ezinhlakeni ezikhona, ehlanganisa ukwandisa ukuqwashisa nge-HIV neNgculaza (i-AIDS), nezinyathelo zokunciphisa ubungozi bokutheleleka nge-HIV.

1.4. IKhabhinethi idlulisa ukudabuka ngemva kokuhlaselwa okuyihlazo kwesiKhungo Senhlangano Yezizwe (UN) eMogadishu, eSomalia mhla ziyi-19 kuNhlangulana 2013 okwashiya abantu abayi-15 beshonile kubandakanya nababili baseNingizimu Afrika. Sinxusa wonke amaqembu ezepolitiki angaphandle kwenqubo yezepolitiki eSomalia ukuba ayeke udlame futhi azwakalise ukukhathazeka kwawo kuHulumeni WoMbuso waseSomali ngendlela eyakhayo neyokubuyisana.

1.5. IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba banikele ngemizuzu engama-67 yesikhathi sabo ngoSuku LukaNelson Mandela (18 kuNtulikazi) ukuze basize ekushintsheni imiphakathi yabo neNingizimu Afrika ibe ngcono. Umcimbi walo nyaka uzokwenzeka ngaphansi kwengqikithi ethi “Thatha isinyathelo; gqugquzela ushintsho; yenza usuku ngalunye kube uSuku LukaMandela” futhi kuzogxilwa ekuqinisekiseni ukutholakala kokudla okwanele, indawo yokufihla ikhanda nokufunda.

1.6. IKhabhinethi yaphawula ukuthi njengengxenye yoSuku LukaNelson Mandela, kuzoqaliswa ukukhishwa kukaMazisi Oyikhadi okuyizigaba. Loku kuqaliswa kuyinto esemqoka kakhulu ekuhlukaneni nalokho okwenzeka esikhathini esedlule nokuphela kwenkathi yamapasi eNingizimu Afrika. UMazisi Oyikhadi yikhadi elingenayo imininingwane yokuxhumana elikwazi ukuthwala imininingwane evela kubabambiqhaza abahlukahlukene manje nasesikhathini esizayo. UNgqongqoshe Wezasekhaya uzonikeza ulwazi oluthe xaxa emhlanganweni wokunikeza ulwazi ohleliwe ngesikhathi esifanele.

1.7. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqaliswa komkhankaso woMnyango Wezemfundo Eyisisekelo obizwa ngokuthi amaPhrojekthi KaMadiba angaphezu kwama-94 okugubha usuku lokuzalwa kanye nokhondolo lukaNelson Mandela. Lo mkhankaso uhlose ukuthuthukisa ingqalasizinda ezikoleni ezingaphezu kwama-94 ukuze zibe yizikhungo zokufunda eziseqophelweni eliphezulu. Lo mkhankaso unikeza ithemba kanye nesithunzi ezikoleni ezweni lonke. NgeNyanga KaMandela kusukela ngoNtulikazi 2013, njalo ngeviki lo mnyango uzobe uhola ekunikezelweni kwezikole ezintsha eseziphothuliwe njengengxenye yokuzibophezela ekuthuthukiseni imfundo eyisisekelo.

1.8. IKhabhinethi iyakwamukela ukuphothulwa nokunikezelwa kweBhuloho iNkosi Dalibhunga eliwuKhondolo LukaMandela emphakathini waseMvezo oholwa yiNkosi uMandla Mandela, umzukulu kaMongameli wangaphambilini uNelson Mandela, mhla ziyi-18 kuNtulikazi 2013. Lokhu kunikezelwa kuzoqondana nosuku lokuzalwa kukaMongameli Wangaphambilini uMnu Nelson Mandela, ozobe ehlanganisa iminyaka engama-95 ngalolu suku.

1.9. IKhabhinethi yakuphawula ukugubha kweNingizimu Afrika, Usuku LweNhlangano Yezizwe Lwamazwe Ngamazwe Lokulwa Nokuxhashazwa Kwezidakamizwa Nokushushunjiswa Kwazo Okungemthetho mhla zingama-26 kuNhlangulana 2013, e-Kimberley. Lolu suku lwasetshenziselwa ukugcizelela ukubaluleka kokubhekana nezinselele ezikhungethe izwe, kubandakanya nobugebengu, i-HIV ne-AIDS, ukuphelelwa isimilo, udlame lwasekhaya nokukhulelwa kwentsha.

1.10. IKhabhinethi iyakwamukela ukusingathwa kweNgqungquthela YezeSayensi, Ezobuchwepheshe Nokusungula Izinto ezoba mhla zingama-20 kuya kuma-21 kuNtulikazi. Le ngqungquthela izodingida iziphakamiso zombiko weKomiti Lokubuyekeza LikaNgqongqoshe, lithuthukise ukuxhumana nokuhlangana ngaphakathi koHlelo Lukazwelonke Lokusungula Izinto futhi liqinise inkulumompikiswano phakathi kukahulumeni, imboni kanye nezifundiswa.

1.11. IKhabhinethi iyawamukela umbiko kwinqubekelaphambili eyenziwe e-Muyexe e-Giyani, eSifundazweni Sase-Limpopo ekuqalisweni kokuzibophezela okwenziwa nguhulumeni ekuthuthukiseni izimpilo zabantu. IKhabhinethi iphinde yazwakalisa ukukhathazeka kukaMongameli kokuthi wonke amazinga kahulumeni kufanele asheshise ukunikeza izidingongqangi ngokwezinhlelo okuvunyelwene ngazo.

1.12. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqaliswa okwenziwe ngoMgqibelo, mhla zingama-29 kuNhlangulana 2013 kwe-SIP-18 okuhlobene nezindaba zengqalasizinda ngenjongo yokuletha amanzi  nokukhucululwa kwendle. Le phrojekthi izoqinisekisa ukulethwa kwamanzi okusimeme ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zomphakathi futhi kusekelwe ukukhula komnotho.

1.13. IKhabhinethi yalwamukela  ulwazi eyalunikezwa mayelana nomkhonyovu wokubambisana okungekho emthethweni kwezinkampani zokwakha. IKhabhinethi iyawamukela umphumela wophenyo olunikeze ubufakazi bokubekwa kwamanani entengo afanayo, ukuvalwa kokuncintisana ngamanani entengo nenkohlakalo edla lubi embonini yezokwakha ezimele. Izinga eliphezulu lokuvalwa kokuncintisana ngamanani entengo lidinga ukuba iziphathimandla ezibhekelele ezokuncintisana zithathe isinyathelo esiqinile. IKhabhinethi ilinde umphumela wenqubo  yeNkantolo Yezokuncintisana kodwa iyaphawula ukuthi ubufakazi bubonisa umonakalo omkhulu emphakathini njengoba kunamanani amba eqolo akhokhwa nguhulumeni ngenxa yokuvalwa kokuncintisana ngamanani entengo. 

2. Izingxoxo nezinqumo zeKhabhinethi eziqavile

2.1. IKhabhinethi ilwamukelile uHlelo Olukhulu Lukazwelonke Lokulwa Nezidakamizwa (2013-2017) kanye nokuqaliswa kwalo eminyakeni emihlanu ezayo. Lolu hlelo luzosebenza njengomhlahlandlela wezwe ekuvimbeleni nasekunciphiseni ukuxhashazwa kwezidakamizwa kanye nemiphumela ehlobene nakho emphakathini nasemnothweni weNingizimu Afrika.

2.2. IKhabhinethi yakuvuma Ukusingathwa KweNgqungquthela Kazwelonke Yokunikezwa Amandla Emnothweni Kwabansundu Okubanzi ngoMfumfu 2013. Le Ngqungquthela Kazwelonke izoveza izindaba zempumelelo bese isho izinhlelo zikahulumeni zokusekela ukubamba iqhaza emnothweni okusimeme kanye nokufinyelela kwabantu abansundu emnothweni wezwe, ngendlela ezoholela ekukhuleni komnotho okubandakanya bonke abantu.

2.3. IKhabhinethi ivumile ukuba iNingizimu Afrika isingathe iNgqungquthela “Yokuhamba Phambili Ngoshintsho Edolobheni” ibambisene nohlelo lwe-Nhlangano Yezizwe Lokuhlaliswa Kwabantu (UN-HABITAT) mhla zi-5 namhla ziyi-6 kuMandulo 2013. Le ngqungquthela izobe igxile ekubambeni iqhaza kwabantu besifazane kwimpilo yasemadolobheni e-Afrika. Le  ngqungquthela izohlinzeka i-Afrika ngesithangamu sokubhekana ngokwanele nezinselele zokufudukela kwabantu emadolobheni futhi lokhu ikwenze kuhambe ngendlela efanele ukuze kuthuthukiswe abantu.

2.4. IKhabhinethi ilwamukelile uHlaka Lomthetho Odingidwayo Wezemindeni kanye noHlelo Lokuqalisa Ukusetshenziswa Kwalo mthetho. Lolu Hlaka Lomthetho Odingidwayo Wezemindeni luzokwenza uHulumeni kanye nabanye ababambiqhaza ukuba basebenzise umndeni njengesisekelo sokufezekisa inhlalakahle yomphakathi. Lolu Hlaka Lomthetho Odingidwayo luphakamisa izinto ezintathu eziseqhulwini, ukuGqugquzelwa kokuphila kahle komndeni, ukuQinisa umndeni nokuLondolozwa komndeni.

2.5. IKhabhinethi ikwamukelile ukuphothulwa nokushicilelwa Kwesu Likazwelonke Lokonga Amanzi lesibili. Leli su lakhela kwiSu Likazwelonke Lokonga Amanzi lowezi-2004. Leli Su Likazwelonke Lokonga Amanzi Lesibili lihlaziya indima yamanzi emnothweni futhi lihlonze izinselele eziphathelene nalokhu, amathuba nezinyathelo zentuthuko ezidlulisela ulwazi ohlakeni okuvunyelwene ngalo mayelana nezindawo eziseqhulwini kuleli zwe. Leli Su Lesibili lifuna nokuqinisekisa ukutholakala kwamanzi okusimeme, okulinganayo futhi kube amanzi anele ukuze bonke babe nokuphila okungcono kanye nendawo abaphila kuyona engcono, liphinde liqinisekise nokuthi amanzi alawulwa ngendlela efanele ukuze kube khona ukukhula komnotho nentuthuko elinganayo nesimeme.

2.6. IKhabhinethi iwamukelile umbiko weMiphumela yomhlangano we-16 Wengqungquthela Yamazwe Asayinde Isivumelwano Sokuhweba Kwamazwe Ngamazwe Ezinhlotsheni Zezilwane Nezitshalo Zasendle Ezisengcupheni Yokushabalala (CITES CoP 16), owawuse-Bangkok, e-Thailand kusukela mhla zi-3 – 14 kuNdasa 2013. IKhabhinethi iphinde yavuma ukuba iNingizimu Afrika yenze futhi yethule isiphakamiso sokuhwebelana esizocutshungulwa ku-CITES CoP 17 ngowezi-2016 eNingizimu Afrika.

2.7. IKhabhinethi isamukele isimemo esivela kwiBhange Lentuthuko Lase-Afrika Eliqondene neNingizimu Afrika sokuba yilungu lesiGungu Sengqalasizinda Ye-Afrika  (i-ICA)) esasungulwa eNgungqutheleni Ye-G8 Gleneagles ngowezi-2005. Ukutshala izimali okukhulu kweNingizimu Afrika kwingqalasizinda esikhathini esimaphakathi kuzothuthukiswa ukuba kwayo yilungu le-ICA ikakhulu ekutholakaleni kwemikhiqizo yolwazi kanye nasekulawulweni kwezinqubomgomo phakathi kamazwe e-G20 nawase-Afrika.

2.8. IKhabhinethi ikuvumile ukuhanjiswa kwePhrothokholi yeNhlangano Ethuthukisa Amazwe  aseNingizimu ne-Afrika (SADC) Ezinsizakalweni Zokuhweba ePhalamende ukuze yamukelwe, ngokuvumelana nesigaba sama-231 soMthethosisekelo. Izinjongo zale Phrothokholi ukukhulula izinsizakalo zokuhweba esifundeni ngokwesisekelo sokulingana, ibhalansi nokuzuza kwabo bonke abathintekile. Le Phrothokholi iphinde ibeke uhlaka lokukhululwa kwezinsizakalo zokuhweba phakathi kwamazwe angamalungu e-SADC futhi iyisisekelo sezingxoxo.
2.9. IKhabhinethi yaphawula ukuqaliswa kweziqu ze-Bachelor of Human Settlements Development Degree (BHSD) ngokubambisana koMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa kanye neNyuvesi yeDolobhakazi i-Nelson Mandela. Lezi Ziqu ze-BHSD zihlose ukuqeqesha abaphathi nabasebenzi beZokuhlaliswa Kwabantu ukuze  bawenze ngendlela efanele umsebenzi wabo futhi babe nolwazi olufanele kanye namakhono adingekayo ukuze kwakhiwe, kuthuthukiswe futhi kusheshiswe ukuhlaliswa kwabantu okusimeme eNingizimu Afrika.

2.10. IKhabhinethi inxusa yonke iminyango kahulumeni, omasipala kanye nezinhlangano zikahulumeni ezisebenza e-Gauteng ukuba zibhalisele zonke izimoto zikahulumeni ama-e-tag.

2.11. IKhabhinethi izamukelile izinyathelo ezihlongozwayo zokusungulwa kweBhodi Elilawula Imingcele (i-BMA).  I-BMA izolawula ukungena nokuphuma kwabantu kuleli, nophiko lokukhokhwa kwentela yezimpahla ezingenayo kanye nokusebenza kwemingcele futhi ixhumanise kahle imisebenzi yayo yonke iminyango ezindaweni zokungena emingceleni yaleli lizwe. UMnyango Wezasekhaya yiwona ozohola ukusungulwa kwe-BMA.

3. IKhabhinethi ivumile ukuba le Mithethosivivinywa elandelayo yethulwe ePhalamende:

3.1. Umthethosivivinywa Wokulawula Izimpahla Ezingenayo Emingceleni Yakuleli, uMthethosivivinywa Wentela Yezimpahla Ezingenayo Emingceleni Yakuleli, 2013 kanye noMthetho Wokuchibiyela Ukulawulwa Ukukhokhwa Kwentela Yezimpahla Ezingenayo Emingceleni Yakuleli, 2013 – Le Mithethosivivinywa inikeza isisekelo sokwenziwa lula kokuhwebelana namanye namazwe omhlaba kanye nokuvikelwa komnotho nomphakathi, ngaleyo ndlela kwakhiwe ibhalansi phakathi kokulawulwa kokukhokhwa kwentela yezimpahla ezingenayo emingceleni yakuleli nokwenziwa lula kohwebo.

3.2. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Ucwaningo Lwezamanzi – Lesi Sichibiyelo sihlose ukwenza umthetho uhambelane nezinguquko ezinkulu ezenzeka ezikhungweni, nezinqubomgomo, isayensi yezamanzi kanye nendawo engokomthetho kanye nokwandisa iqhaza leKhomishana Yocwaningo Lwezamanzi ezidingweni zocwaningo lwamanzi zaseNingizimu Afrika nokuqinisekisa ukuthi leli zwe lisesimweni esikahle sokubhekana nezidingo nezinselele zezwe eliwugwadule njengeNingizimu Afrika.

3.3. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yokulawulwa Kwezemvelo Kuzwelonke, 2013 – Lo mthethosivivinywa uhlongoza ukuchibiyela izimiso ezithile ngaphansi koMthetho Wokulawulwa Kwemvelo Kuzwelonke, 1998 (uMthetho No. 107 We-1998) futhi uphinde uqinisekise ukuthi izinto ezitholakala ngokwemvelo zakuleli lizwe ziyavikelwa  ukuze kuhlomule isizukulwane samanje kanye nezizukulwane ezizayo njengoba kushiwo kuHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe.

3.4. Uhlaka Lokulawulwa Kwezemvelo Kuzwelonke: Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Izinga Lomoya, 2013 – Lo Mthethosivivinywa uchibiyela izimiso ezithile ngaphansi koMthetho Wokulawulwa Kwemvelo Kuzwelonke: Izinga Lomoya, 2004 olawula izinga lomoya ezweni ukuze kuvikelwe imvelo ngokuhlinzeka ngezinyathelo ezifanele zokuvinjelwa kokungcoliswa komoya kanye nokucekelwa phansi kwemvelo futhi kugqugquzelwe nokuthuthukiswa komnotho nomphakathi ngendlela efanele.

3.5. Ukulawulwa Kwezemvelo Kuzwelonke: Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Ukuphathwa Kwemfucuza, 2013 – Lo Mthethosivivinywa uchibiyela Umthetho Wokulawulwa Kwemvelo Kuzwelonke: Imfucuza, 2008 (uMthetho Nombolo 59 Wezi-2008) olawula ukuphathwa kwemfucuza ukuze kuvikelwe impilo nendawo esizungezile.

3.6. Ukulawulwa Kwezemvelo Kuzwelonke: Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Izindawo Ezivikelwe, 2013 – Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokulawulwa Kwemvelo Kuzwelonke: Izindawo Ezivikelwe, 2003 (uMthetho Nombolo 57 Wezi-2003). Izichibiyelo zifaka ukulawulwa Kwezindawo Zasemanzini Ezivikelwe ohlelweni lokulawulwa kwezinye Izindawo Ezivikelwe futhi wenza kuqalise Isimemezelo SikaMongameli esehlukanisa  ezokudoba nokulawulwa kwezemvelo.

3.7. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela IPosi LaseNingizimu Afrika – Injongo enkulu yoMthetho WePosi LaseNingizimu Afrika, 2010 (uMthetho Nombolo 9 Wezi-2010) ukusungula inhlangano yezimali engasetshenziswa abantu abaningi ukuze bonge futhi batshale imali nokwakha ibhange elingakhethwa kuqala yilabo abahola imali encane.

3.8. IKhabhinethi iwamukelile uMthethosivivinywa Wokuchibiyela umshwalense wokuphelelwa umsebenzi 2012 ukuze umphakathi uphawule ngawo futhi kuboniswane Nalabo Okubanjisenwe Nabo ku-NEDLAC. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Womshwalense Wokuphelelwa Umsebenzi, No. 63 Wezi-2001. Lesi sichibiyelo sibhekelela indaba yabasebenzi njengamanje abashiywe ngaphandle kulo Mthetho futhi wenze ngcono ukukhokhwa kwemihlomulo kulabo abangamalungu akhokhela lo mshwalense, wandise isikhathi sokukhokhwa kwemihlomulo kulabo abangamalungu akhokhela lo mshwalense sisuka ezinyangeni eziyisishiyagalombili kuya kweziyishumi nambili futhi uhlinzekele ukukhethwa kwezindlalifa uma kudingeka ukuthi kukhokhwe umhlomulo ophathelene nokufa.

3.9. IKhabhinethi ikuvumile ukuhanjiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela UMthetho Wezokhetho, 2013 ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa Wokuchibiyela uhlose ukuhlinzekela amavoti akhethekile okhethweni lweSigungu Sikazwelonke, kanye nokuhlinzekela ngokubhaliswa kwabavoti abahlala ngaphandle kweRiphabhulikhi ukuze bakwazi ukufaka ivoti elikhethekile.

4. Abaqashiwe

4.1. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa kukaMnu. Romeo Adams esikhundleni sokuba iPhini LoMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lwemisebenzi Yokuphathwa Kwebhizinisi eMnyangweni Wezobulungisa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo.

4.2. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa  kukaNksz Irene Rofhiwa Singo esikhundleni sokuba Umphathi Omkhulu Wezimali eMnyangweni Wezimbiwa.

4.3. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa kukaNksz Kalayvani Pillay esikhundleni sokuba iPhini LikaMqondisi-Jikelele: Ophikweni Lokuthuthukiswa Kwezomthetho eMnyangweni Wezobulungisa Nokuthuthukiswa KoMthethosisekelo.

4.4. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa kukaDkt. Bismark Tyobeka esikhundleni sokuba Umphathi Oyinhloko Ophikweni Lukazwelonke Lokulawulwa Kwenonzi eNingizimu Afrika.

4.5. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa kabusha kukaMnu. Tsietsi Mokhele njengoMphathi Oyinhloko Ophikweni Lwezokuphepha Olwandle eNingizimu Afrika isikhathi esiyiminyaka emihlanu kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2013.

4.6. IKhabhinethi iyakwamukela ukuqashwa kabusha kwalamalungu alandelayo okungewona aweSigugu Esiphethe ebhodini le-South African National Accreditation System, ihlandla lalo lamanje elizophela mhla zingama-30 kuLwezi 2013, ukuba babambe ihlandla lesibili kusukela mhla lu-1 kuZibandlela 2013 kuya mhla zingama-30 kuLwezi 2018.
• Mnu Vernon Roderick Seymour
• Mnu Phakamisa Zonke.

4.7. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kabusha kwamalungu ayishumi nantathu kuMkhandlu Wezindaba Zomkhathi eNingizimu Afrika  kusukela mhla zingama-24 kuNhlangulana 2013 kuya mhla zingama-24 kuNhlangulana 2015. IKhabhinethi ikuphawulile nokubekwa kwabameleli abavela eMnyangweni Wezokuvikela, uMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezezimboni (i-CSIR) kanye noMnyango Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba Nokubambisana kusukela mhla zingama-24 kuNhlangulana 2013 kuya mhla zingama-24 kuNhlangulana 2015.
a. UDkt. Peter Martinez
b. UNksz Nomfuneko Majaja
c. UMnu Kim Victor Gorringe
d. UDkt. Sandile Bethuel Malinga
e. UNksz Pontsho Maruping
f. UNksz Andiswa Mlisa
g. UDkt. Valanathan Munsami
h. UMnu Tenza Themba
i. UMnu Ron Olivier
j. UMnu Linden Petzer
k. UMnu Hendrik Rheeder
l. U-Adv Phetole Patrick Sekhule
m. UDkt. Jo-Ansie Karina van Wyk
n. Oqokiwe ovela eMnyangweni Wezokuvikela
o. Oqokiwe ovela e-CSIR
p. Oqokiwe ovela eMnyangweni Wezobudlelwano Namazwe Omhlaba Nokubambisana.

4.8. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kukaMnu. Kutoane Obed Kutoane njengoMphathi Oyinhloko we-Export Credit Insurance Corporation of South Africa isikhathi esiyiminyaka emithathu kusukela mhla lu-1 kuNcwaba 2013 kuya mhla zingama-31 kuNtulikazi 2016.

4.9. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kabusha kukaSolwazi Linda De Vries njengoSihlalo ongelona ilungu leSigungu Esiphethe weBhodi Kazwelonke Yezokugembula kwihlandla lesibili kusukela mhla lu-1 kuZibandlela 2013 kuya mhla zingama-30 kuLwezi 2018.

4.10. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kukaMnu. Ndwakhulu Samuel Mukhufhi njengoMphathi Oyinhloko we-National Metrology Institute of South Africa isikhathi esiyiminyaka emihlanu kusukela mhla lu-1 kuNcwaba 2013 kuya mhla zingama-31 kuNtulikazi 2018.

4.11. IKhabhinethi ikuphawulile ukuqashwa kukaNksz Agnes Tsele-Maseloanyane njengelungu eligcwele leNkantolo Yezinkampani isikhathi esiyiminyaka emihlanu kusukela mhla lu-1 kuNtulikazi 2013 kuya mhla zingama-30 kuNhlangulana 2018.

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Phumla Williams (Ibambela loKhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 0835010139

Share this page

Similar categories to explore