Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-21 Ncwaba 2013

1. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisemqoka esimweni samanje

1.1. IKhabhinethi yakwemukela ukwethulwa emphakathini koshicilelo lwesithupha lweziNkomba Zentuthuko okwenziwa nguNgqongqoshe oseHhovisi likaMongameli Owengamele Ukuqapha Nokuhlolwa Komsebenzi. Njengoba isizwe silungiselela ukugubha iMinyaka engama-20 Yenkululeko, abantu baseNingizimu Afrika kumele baziqhenye ngokuthi impilo seyishintshile yaba ngcono kusukela ngowe-1994.

Izinkomba zibonisa ubungcono emikhakheni ebalulekile futhi kusenjalo zikhombisa nokuzikhandla okusamele kwenzeke ukuze kubhekwane nezinye zezinselelo zethu ezingafuni ukushabalala. Ngaphezu kwalokho, izinkomba zikhuthaza inkulumo-mpikiswano ephathelene nezinselelo ezibhekene nelizwe lethu futhi zisebenza njengezinkombandlela ohambweni lwethu lwenqubekelaphambili kwezenhlalo nezomnotho. 
1.2. IKhabhinethi yancoma omasipala abangama-41% (115) abathola izitatimende ezikhombisa ukusetshenziswa kahle kwezimali ngenkathi kwenziwa ucwaningo lokusetshenziswa kwezimali lowezi-2011/12. IKhabhinethi yamukela futhi nobungcono obubonakalayo komasipala abangama-21 phambilini ababethole imibiko emibi yokucwaningwa kwezimali, noma isimo sokusetshenziswa kwezimali ngendlela enhlakanhlaka okwenza ukuthi uMcwaningimabhuku Omkhulu ahluleke ukukhipha umbiko oqondile mayelana nokusetshenziswa kwezimali ngonyaka ofile.

IKhabhinethi iyawuthakasela umsebenzi owenziwa nguMcwaningimabhuku Omkhulu wokulekelela omasipala ukuthi basebenze kangcono mayelana nokufezekiswa kwezidingo zokuthotshelwa kwemigomo yokuphatha. IKhabhinethi yamukela futhi nokuzibophezela okwenziwe abaholi bomasipala mayelana nokuthi bazoqhubeka nokuzikhandla ngenhloso yokwenza ngcono imikhakha egcizelelwe nguMcwaningimabhuku Omkhulu.

1.3  IKhabhinethi yabonga bonke abantu  baseNingizimu Afrika ngokweseka kwabo uSuku luka-Nelson Mandela Lwezemidlalo Namasiko olwalusingathelwe ukuxhasa ngezimali iphrojekthi yokwakhiwa kweSibhedlela Sezingane sika-Nelson Mandela. Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi baqhubeke nokusebenza emiphakathini futhi babambisane nohulumeni ukwenza ngcono izimpilo zezakhamuzi kanye nokufezekisa izifiso zikaMadiba anikela kuzona ngempilo yakhe.

1.4  IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi uMongameli uJacob Zuma uzobhekisa amabombo kwiRiphabhulikhi yase-Rashiya. Uzobe eyokwethamela iNgqungquthela Yeqembu Lamazwe angama-20 (i-G20) ezobanjelwa edolobheni lase-St Petersburg mhla ziyisi-5 namhla ziyisi-6 kuMandulo 2013 njengengxenye yokugqugquzela izimfuno zeNingizimu Afrika zezepolitiki nezomnotho.

INingizimu Afrika iyaqhubeka nokweseka i-ajenda ye-G20 yezentuthuko eqhuba umzamo wokuqiniseka ukuzinza komnotho emhlabeni kanye nokukhula komnotho okusimeme okuzodonsa isikhathi eside kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi.

1.5  IKhabhinethi yawuncoma umhlangano wokuqala woMkhandlu Wezamabhizinisi Wombimbi Olubunjwe yi-Brazil, iRashiya, iNdiya, iShayina kanye neNingizimu Afrika (i-BRICS), lapho kwabuthana khona eNingizimu Afrika abaholi bezamabhizinisi abavela kulawa mazwe. Lo mhlangano wawuhanjelwe futhi ngabaholi bezamabhizinisi abaqavile abavela kwamanye amazwe ase-Afrika ayi-19.

1.6  IKhabhinethi yasamukela ngezandla ezimhlophe isiqinisekiso esanikezwa yiSithangamu se-12 esibanjwa minyaka yonke soMthetho weNtuthuko namaThuba we-Afrika (i-AGOA) sokuvuselela i-AGOA ngaphambi kokuthi iphelelwe isikhathi ngowezi-2015.  I-AGOA seyihlomulise izwe laseMelika kanye nezwekazi lase-Afrika futhi yasekela nobudlelwano bokuhwebelana obukhulayo futhi obuzinzile phakathi kweNingizimu Afrika neMelika.

INingizimu Afrika ikholelwa ukuthi i-AGOA ihlinzeka ngohlaka olufanelekile lokwakha ubudlelwano obunohlonze bokuhwebelana kanye nokutshalwa kwezimali futhi iqinisa nokubambisana phakathi kweMelika nezwekazi lase-Afrika lonkana.

1.7 Njengengxenye yemigubho yeNyanga Yabesifazane ethe chithisaka ezweni lonke, iPhini likaMongameli uKgalema Motlanthe uzohambela indawo yase-Gombani, engaphansi kwaMasipala wase-Mutale, e-Limpopo, ngoLwesihlanu mhla zingama-23 Ncwaba 2013, lapho eyonikeza khona umphakathi izindlu. Abesifazane base-Gombani babamba iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwalezi zindlu.

1.8 UNgqongqoshe Wezokuvakasha uzokwethula futhi neNyanga Yezokuvakasha mhla zingama-28 Ncwaba 2013 e-Amanzingwe Lodge, e-Hartebeespoort, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Amanzi Ayintokozo.”

Njengengxenye yemicimbi ezokwenziwa ngeNyanga Yezokuvakasha, kuzoba noMbukiso Kazwelonke Womsebenzi Wezokuvakasha ozobanjelwa e-International Convention Centre yase-Monti phakathi kwamhla ziyi-19 nomhla zingama-21 kuMandulo 2013 lapho kuzobukiswa khona ngamathuba emisebenzi atholakala kulo mkhakha okhula ngesivinini, futhi osuqashe abantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwesigamu sesigidi.

1.9 IKhabhinethi iphawulile ukuthi uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya Nezinguquko Kwezomhlaba uzonikeza ngokusemthethweni abantu base-District Six izindlu ezingaphezu kwama-70, ngoMgqibelo, mhla zingama-24 Ncwaba 2013. Lokhu kuyingxenye yomzamo wokuguqula ukhondolo loMthetho Wezomhlaba Wabantu Bomdabu wezi-1913 owashiya izinkulungwane zabantu abansundu bengenamakhaya futhi bengenawo umhlaba.

1.10   IKhabhinethi yabhunga futhi ngezindaba okwaxoxwa ngazo kwi-Lekgotla YeKhabhinethi eyabanjwa mhla ziyi-13-15 Ncwaba 2013. UNgqongqoshe uRob Davies ukhona lapha ukuze athi qaphu qaphu ngezinqumo zeKhabhinethi mayelana nalokhu.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore