Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-20 Ncwaba 2014

1. Ukuqaliswa Kwezinhlelo ZikaHulumeni Eziqavile

IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kwenye iNkantolo Yamacala Okuhlukumeza Ngokocansi e-Bethlehem, e-Freyistata nguNgqongqoshe u-Michael Masutha. Lokhu kuyingxenye yohlelo lukahulumeni lokungenelela ekulweni nodlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane, izingane nabantu abantulayo. 

Lezi zinkatolo ezizinikele zihlonyiswe ukuthi zihlinzeke ngosizo olukhethekile lokweseka abantu abayizisulu ekugcineni okuzokhuphula izinga lokuboshwa kwalabo abenza amacala. UHulumeni usalokhu eme njalo ekuqiniseni uhlelo lwezobulungiswa kwezobugebengu ukuze kubhekwane nendlela yokwephulwa kwamalungelo abesifazane nezingane.

IKhabhinethi iyakwamukela ukwethulwa kwesiKhungo Sokuthuthukiswa Kwamabhizinisi esizinze esikhungweni i-Gordon Institute of Business Science nguNgqongoshe uLindiwe Zulu.

Isikhungo sigxile emfundweni eyesekwe yimifundaze nokweseka abanikakazi bamabhizinisi asafufusa  ukubalekelela ukuthi bakhule ngendlela ezinzile ukuze kuvulwe amanye amathuba emisebenzi esikhathini esizayo. Isikhungo siyingxenye yesisombululo sokubhekana nokwentula kwentsha amathuba emisebenzi nokwakha isizwe sosomabhizinisi. Sihlose ukuhlinzeka ngemfundo eyiyo futhi esebenzayo kwezamabhizinisi nokuhlinzeka ngohlelo lokuqeqesha kwezobuholi kosomabhizinisi, okuzolandelwa yisakhiwo esibanzi  sezinsizakalo zokweseka. Lokhu kuqinisekisa ukuthi okufundwe ezikhungweni kuyasetshenziswa ezindaweni zamabhizinisi nokuqinisekisa ukuthi umthelela uyabonakala.

INingizimu Afrika idinga inguquko kwezamabhizinisi ukunyazima ushintsho oluzokhomba indlela eya kwezamabhizinisi kanye Namabhizinisi Asafufusa (ama-SME) lawo azoqhubekisela izwe phambili. UHulumeni, amabhizinisi amakhulu, nezikhungo zemfundo ephakeme kumele babambisane uma kuza ekwesekeni ukuvula amathuba  emisebenzi ngokuthuthukisa amabhizinisi. Ukuze amabhizinisi aqhakaze, kudingeka indawo evumayo lapho khona osomabhizinisi bezokwazi ukuthola uxhasomali, izindlela ezisebenzayo nezihamba phambili zokwenza ibhizinisi nokuthuthukisa amakhono.

2.  Izinqumo zeKhabhinethi eziqavile

IKhabhinethi yakwamukela ukugunyazwa kweSivumelwano se-Grand Inga Esisayindiwe phakathi kweRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika kanye ne-Democratic Republic of Congo (i-DRC) ukuze siyiswe ePhalamende.

Isivumelwano sihlinzeka ngohlaka lomsebenzi wokukhomba indlela yokuphehlwa kwamandla agesi kumklamo we-Grand Inga kanye nokuhanjiswa kwawo emngceleni ophakathi kwe-DRC neZambia. Ukugunyazwa kweSivumelwano kuzokwenza kuthuthuke Isigaba sokuqala Somklamo, okuzohlinzeka ngamaMegawathi angama-2   500 kagesi eNingizimu Afrika uphinde ube negalelo ekuhlanganeni kwesifunda, ukutholakala kwamandla kagesi, ukufinyelela ukuthola amandla nokukhula komnotho ngendlela yemvelo esimeme.

Umklamo uzokwazi ukuphakela ugesi wamanzi ohlanzekile futhi ofinyelelekayo ukuze kuhlangabezwane nezidingo ze-DRC, iNingizimu Afrika kanye namazwe akhelene nayo. Ibandakanya ukuphehlwa kukagesi wamanzi ongalinganiselwa kumaMegawathi ayi-40 000 Emfuleni i-Congo, ngaphezu kwezigaba eziyisikhombisa. Umklamo ungakwazi ukusheshisa ukuthuthukiswa kwe-SADC; inciphise indlala yamandla kagesi, ikhuthaze ukukhula komnotho iphinde ikhombe indlela yokuthuthukiswa kwengqalasizinda.

Umklamo we-Grand Inga uzobe uhlose ukusebenzisa ugesi ongenziwa Wumfula i-Congo, owumgudu omkhulu wamanzi e-Afrika eseningizimu ye-Sahara. Lokhu kumele enye yemiklamo ethembisayo kakhulu eke yaba khona kuzwekazi lase-Afrika, futhi ezoba ngenye yenkomba eyonkeneza njalo yokuvuka kwe-Afrika nabantu bayo.

IKhabhinethi yanqampunelwa ngeNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yobulili, Amanzi Nentuthuko ezayo. Ingqungquthela izosingathwa wuMnyango Wezamanzi nokuThuthwa Kwendle, Abacwaningi baManzi kanye nabasebenzisana nabo kulo mkhakha. Ingqungquthela izobanjwa kusukela mhla zi-3 kuya mhla ziyi-7 kuLwezi eMonti, (East London) ngaphansi kwengqikithi ethi “Imithombo engakatholwanga”.

Ingqungquthela ilandela izinkulumo-ngxoxo eziqhubekayo ezaqala emva kweNgqungquthela Yamazwe Ngamazwe Yokuphathwa Kwamanzi Ahlanzekile eyayibanjwe ngoLwezi yowezi-2012. Ingqungquthela izohlinzeka inkundla yokwakha ubudlelwano bokusebenzisana obuzobhekana nezinselelo lo mkhakha obhekene nazo. Izophinde ikhulume ngokukhishwa koMkhandlu WoNgqongqoshe base-Afrika Abahlinzeka Ngamasu Kwizinqubo Zezamanzi Nokubhekelela koBulili.

3. Isimo seKhabhinethi ezindabeni ezisematheni

IKhabhinethi yanqampunelwa nguNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, ngokuqhubekayo ngesifo i-Ebola nemizamo yokungenelela eyenziwe iNingizimu Afrika. IKhabhinethi ifisa ukuphinda igcizelele ukuthi akukho muntu otholakale enalesi sifo. Isimo sezwe sokulindela ukubhekana nesifo i-Ebola sidinga ukuqiniswa komthamo esifundeni se-SADC nasezwenikazi lonke iNingizimu Afrika engawuhlinzeka. INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ukuhlinzeka usizo lokuhlola, ukuqeqesha nokuhlinzeka izinsizakalo zezindlu zocwaningo esifundeni se-SADC. UNgqongqoshe Motsoaledi uzochaza ngokugcwele ngalolu daba namhlanje ngehora lama-14h30.

IKhabhinethi iyazemukela izinhlelo zeBhange Lombuso laseNingizimu Afrika neqeqeba labatshalimali abavela emkhakheni wezimali okuhlela kabusha i-African Bank Limited (i-ABL). Lokhu kuzosiza ukuvikela ngendlela izimali ezifakwa abadayisi kunciphe nokulahlekelwa kwabatshalimali e-ABL.
Lokhu kuzophinde kuqinisekise ukuthi umkhakha wezwe wezimali uhlala uqinile futhi unamandla.

IKhabhinethi igcizelele ukubaluleka komkhakha wezinsizakalo zezimali ukukhulisa umnotho futhi yakugqamisa ukuthi uhulumeni, ngoMnyango Wezezimali Kuzwelonke, uzoqhubeka ukuqinisa umkhakha, nokwenza umsebenzi wayo wokuqapha, futhi yenze ngcono ukuhlela ukulawula ngokomthetho.

IKhabhinethi ikuqaphelile ngokukhathazeka ukudluliselwa kolwazi olungelona mayelana nohlelo lokuhlela kabusha (inguqulela-buhleni) lwezikhwama ezahlukene zemali yomhlalaphansi (imali yempesheni nemali yoxhaso ebekwa ngabasebenzi). Kunobufakazi obungathembekile bokuthi abanye abasebenzi bayesula emisebenzini yabo ngenxa yokwesaba ukuthi kusukela ngonyaka ozayo uhulumeni uzobenqabela ukuthi bathathe imali yabo abayibekele isikhathi sokuthatha umhlalaphansi uma beshintsha imisebenzi, nokuthi uhulumeni ufuna ukwengamela izikhwama zemali yomhlalaphansi. Ngesikhathi uhulumeni efuna ukugqugquzela abasebenzi ukuthi bagcine imali yabo abayibekayo kuze kushaye isikhathi sokuthatha umhlalaphansi, awukho umthetho oshintshile ovimba ukuthi abasebenzi bathathe imali uma beshintsha imisebenzi.

Umehluko ngukuthi, iziphakamiso zokwakha kabusha ezenziwe yizikhwama ezahlukene zifuna:     
a) Ukugqugquzela abantu ukuthi bakwazi ukuzihlinzekela imali eyenele nezidingo zalabo abangaphansi kwabo uma sekufika isikhathi sabo sokuthatha umhlalaphansi kanye nokuhlinzekela uxhaso lwesikhwama somhlalaphansi njengengxenye yesivumelwano sokuqashwa;
b) Ukwenza uxhaso lwesikhwama somhlalaphansi lube ngolumelana nezindleko, olwenganyelwe ngokucophelela, olubonakalayo nolunobulungiswa; kanye 
c) Nokwenza ngcono amazinga okuphathwa kwesikhwama, kubandakanya nolwazi nendlela yokuziphatha kwabaphathi ababekiwe, ukuvikelwa kwezintshisekelo zabasebenzi, ukukwazi ukuphendula kanye nokudalulwa kolwazi kumalungu nalabo abafaka imali.

IKhabhinethi ifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi imali abantu abayibekele umhlalaphansi iphephile. Asikho isizathu sokuthi noma yimuphi umsebenzi (abasemikhakheni ezimele nekahulumeni) besule emsebenzini yabo ngenxa yokuthi benzela ukuthola imali abayibekele isikhathi sokuthatha umhlalaphansi. Kumele kuqashelwe futhi ukuthi labo abathatha imali yabo yempesheni noma yesikhwama esibeka imali  ngaphambi kwesikhathi sokuthatha umhlalaphansi angeke nje kuphela bathole imali encane kunaleyo ebebezoyithola ukube bebeyigcinile, kepha bangakhokhiswa nentela emalini abayithathe ngaphambi kwesikhathi bese beyaphuthelwa ukungabanjwa kwentela yemali yomhlalaphansi.

4. Imicimbi ezayo

UNgqongqoshe Nathi Mthethwa uzokwethula izinhlelo Ngenyanga Yamagugu e-Gauteng ngomhla zingama-31 kuNcwaba ngaphansi kwengqikithi ethi: “Sigubha Iminyaka engama-20 Yenkululeko: Xoxa Udaba Lwakho Oluqhubekisela iNingizimu Afrika Phambili”.

Kweminye imiklamo ehlonziwe ukuqhubeza umkhankaso othi “Xoxa Udaba Lwakho” ukungcwatshwa kabusha kuka-Nat Nakasa no-Moses Kotane. Ukubuyisa amaqhawe angatholanga ukuhlonishwa kunikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuthi bafunde okuningi ngezinkinga zabo ababhekana nazo, izimo ezaholela ekutheni bagcine bephila ekudingisweni nomthelela ababa nawo enkululekweni yezwe lethu.

Eminye imicimbi ibandakanya: Isonto LikaZwelonke Lokufunda Izincwadi kusukela mhla lu-1 kuya mhla ziyi-7 kuMandulo ngaphansi kwengqikithi ethi: “Siya Ezindaweni Ezikude” eligxile kumandla izincwadi ezinawo nokuthi zingakwazi kanjani ukuthatha abantu baseNingizimu Afrika “ngomqondo” zibabeke endaweni ezikude. Imicimbi ihleliwe kuzo zonke izifundazwe kanti kubandakanya ukufunda izincwadi ngezilimi zendabuko, ukuxoxwa kwezinganekwane, izinkulumo zamazwi akhuthazayo, ukuhaywa kwezinkondlo nezinkulumompikiswano ngezincwadi.

Mhla zi-3 kuMandulo, kuzophinde futhi kubungazwe ukugujwa Kweminyaka engama-30 Yombikisho wase-Vaal lapho khona umphakathi wase-Vaal Triangle wabhikishela ukukhushulwa kwentela, ukuhlinzekwa kwezidingo okungagculisi kanye nohulumeni wasekhaya owenza izinto ngendlela ephambene nomthetho nongasebenzi ngendlela. Umbikisho wase-Vaal wethula isikhathi esisha semibhikisho ezinzile eyasabalala ezingxenyeni eziningi zezwe, okwaholela ekutheni iziphathimandla zobandlululo zimemezele isimo esiphuthumayo.

UNgqongqoshe u-Derek Hanekom uzokwethula Inyanga Yezokuvakasha mhla zingama-26 kuNcwaba endaweni yase- Maboneng, eGoli, ngaphansi kwengqikithi ethi: “Ezokuvakasha Ziguqula Izimpilo”, esuselwe Osukwini Lomhlaba Lezokuvakasha (mhla zingama-27 kuMandulo) ezogxila kwezenhlalakahle, ezamasiko, ezepolitiki nokubaluleka komnotho wezokuvakasha ezweni. 

Abantu baseNingizimu Afrika bayakhuthazwa ukuthi bavakashele izindawo ezikhona ezweni lethu ngeNyanga Yezokuvakasha ukuzijwayeza ukubaluleka kwezokuvakasha emnothweni wezwe.

Isonto likaZwelonke Lokutshala Imithi noma Izihlahla luzogujwa kusukela mhla lu-1 kuya mhla ziyi-7 kuMandulo ngaphansi kwengqikithi ethi: “Amahlathi Nabantu: Sitshala ekusaseni elizinzile”. Abantu baseNingizimu Afrika bayagqugquzelwa ukuthi batshale izihlahla ezihlonzelwe unyaka yowezi-2014, kungaba i-Vepris lanceolata (eyaziwa Ngomozana) noma i-Heteropyxis Natalensis Harvey (eyaziwa ngeNkunzi).

UMnyango Wezolimo, Ezamahlathi Nezokudoba (i-DAFF) ngokuhlangayela neSikhungo Sokuphathwa Kwezemvelo Nokungcebeleka kanye ne-Total South Africa, bazoba nomncintiswano Wokuklomelisa iDolobha Ngokutshalwa Kwemithi KuZwelonke. Inhloso yalokhu ukugqugquzela oMasipala Bendawo ukuthi batshale ezindaweni zabo.

Isonto Lokutshalwa Kwemithi KuZwelonke kanye Nokuklonyeliswa Kwedolobha Ngokutshalwa Kwemithi KuZwelonke kwenziwa ngokuhambisana nesu lokwenza luhlaza satshani le-DAFF elichaza ukwenza luhlaza satshani njengendlela ehlanganisayo yokutshala, ukunakekela kanye nokuphathwa kwezitshalo ezindaweni ezisemadolobheni nezasemakhaya.

5. Abaqashiwe

IKhabhinethi yamukele ukuqashwa kwalaba abalandelayo:
uMnu. Themba Stanley Kojana njengePhini likaMqondisi-Jikelele: Uphiko Lothisha, Ukuphathwa Kwabasebenzi Nokuthuthukiswa Kwezikhungo, kuMnyango Wezemfundo Eyisisekelo.

uMnu. Clifford Abraham Appel njengeSikhulu Esiyinhloko Esilawula Izimali eMnyangweni Wezokuthuthukiswa Komphakathi.

IKhabhinethi ivumelane nokuqokwa kwalaba abalandelayo abazoba ngamalungu Omlawuli KaZwelonke Wezithutha Zomphakathi:
a) Mnu. Lesedi Dinte, kanye
b) Nkk. Divhani Edzisani Tshivhase.
c) Slz.  Ntombizozuko Dyani-Mhango
IKhabhinethi yamukele ukuqokwa kuka-Semira Mohammed njengeLungu elingelona iLungu lesiGungu esiPhezulu leBhodi Yophiko Lwezithutha Zomgwaqo Ezeqa Imingcele

IKhabhinethi ikuqaphelile ukuqokwa kukaMnu. Tshediso Matona njengeSikhulu Esiyinhloko sakwa-Eskom SOC Ltd futhi ngokwelungelo lesikhundla lobulungu LeBhodi Yabaqondisi kwa-Eskom.

Imibuzo ingaqondiswa ku: Phumla Williams (Ibambela Lokhulumela iKhabhinethi)
Inombolo yeselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore