ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wama-30 kuNcwaba 2023 

A. Ezisematheni 
1. INgqungquthela ye-15 ye-BRICS kanye neSimemezelo saseGoli seSibili 

1.1. INingizimu Afrika isingathe ngempumelelo iNgqungquthela ye-15 ye-BRICS neyamukele ingqophamlando yeSimemezelo SaseGoli seSibili.  
1.2. IKhabhinethi lidlulise ukubonga kwiThimba laseNingizimu Afrika eliholwa kuMongameli woMbuso, uMhlonishwa u-Cyril Matamela Ramaphosa oqinisekise ukuthi iNgqungquthela iyimpumelelo enkulu ezingeni lezwekazi nasekuhlelweni komcimbi wonke. 
1.3. UMongameli uzokhuluma nesizwe ngempumelelo yeNgqungquthela ye-15 ye-BRICS kanye nezinye izindaba ezibalulekile. 

2. Uhambo Lomsebenzi lukaMongameli wase-China 
2.1.    INingizimu Afrika isingathe uMhlonishwa, uMongameli u-Xi Jinping wase-China ngoLwesibili, mhla wama-22 kuNcwaba 2023, ngaphambi kokuqala kweNgqungquthela ye-BRICS. Lolu Hambo Lomsebenzi luphinde lube luphawu lokubungaza iminyaka engama-25 yobudlelwano bamazwe phakathi kweNingizimu Afrika ne-China. 
2.2.    Izwe lase-China njengamanje liyizwe elikhulu elihwebelana neNingizimu Afrika. 
2.3.    Izwe lase-China ngokwedlule lanikela ngomshini ophehla ugesi wezimo eziphuthumayo wenani eliyizigidi eziyi-R167 laphinde lakhipha isibonelelo sezigidi ezingama-R500 zokusiza kwezentuthuko. 
2.4.    IKhabhinethi lamukele ukusayinwa kweZivumelwano ezahlukahlukene phakathi kukahulumeni waseNingizimu Afrika nezwe lase-China emikhakheni yezohwebo, owezamandla nemfundo ephakeme.  
2.5.    Phakathi kweZivumelwano ezisayiniwe, kube ukusayinwa kwesivumelwano seSikhwama sezeNtuthuko se-China ne-Afrika phakathi kwe-IDC kanye neBhange lase-China. Lesi Sikhwama sizovuselela utshalomali eNingizimu Afrika.
2.6.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukuvulwa futhi kwezimakethe saze-China ukuze kuzothunyelwa inyama yenkomo evela eNingizimu Afrika, ukwengeza kukwatapheya waseNingizimu Afrika othunyelwa e-China. La mathuba okuthunyelwa kwemikhiqizo yalapha ekhaya kwamanye amazwe azovula amathuba amasha kubakhiqizi bakuleli lizwe kubandakanya nabalimi kanye nabafuyi abasafufusa.
2.7.    INingizimu Afrika isezingxoxweni ne-BYD, okuyinkampani yezimoto yase-China kanye nabakhiqizi abakhulukazi bezimoto ezihamba ngogesi ngethuba lokuvula isikhungo sokukhiqiza lapha eNingizimu Afrika.  Lokhu kwengeza ngaphezu kwethuba lesikhungo sokukhiqiza sakwa-BAIC (okungenye yezinkampani zemoto yase-China) eNingizimu Afrika. 

3.    Amazwibela Ezomnotho
3.1.      Ucwaningo Lwangekota Lwezabasebenz
i  
3.1.1.    IKhabhinethi lamukele imiphumela yoCwaningo Lwangekota Lwezabasebenzi lwekota yesibili njengoba ikhishwe eZezibalo eNingizimu Afrika, ebonise ukwehla kancane kwezinga labantu abangasebenzi lisuka kuma-32.9% kwikota yokuqala liya kuma-32.6% kwikota yesibili.
3.1.2.     IKhabhinethi liphinde layithakasela imisebenzi emisha eyizi-154 000 eyasungulwa kwikota yesibili, lokho okwenza ukuthi inani labantu abasebenzayo liyofikelela kwizigidi eziyi-16.3. Lena sekuyikota yeSikhombisa ngokulandelana inani labasebenzayo linyuka eNingizimu Afrika nokusondela kakhulu kwinani eliyizigidi eziyi-16.4 langesikhathi sangaphambi kobhubhane i-COVID-19. 
3.1.3.    IKhabhinethi liphinde lakubona ukusimama komnotho ngenxa yokwehla kwezibalo zentsha engasebenzi ngezi-131 000 kanye nokwenyuka ngezi-105 000 kwizibalo zentsha esebenzayo zayoba yizigidi ezi-5.7.
 
3.2.     Ukukhuphuka Kwamanani Abathengi (i-CPI)
3.2.1.    IKhabhinethi liphinde lamukela imibiko ye-StatsSA ethi Ukukhuphuka Kwamanani Abathengi kwaminyakayonke kwehlele ku-4.7% ngoNtulikazi wezi-2023, kusuka ku-5.4% ngoNhlangulana wezi-2023.
3.2.2.    Izinga lokwenyuka kwamanani kwaminyakayonke ezimpahla belingu-5.5% ngoNtulikazi wezi-2023, kanti izinga lokwenyuka kwamanani ezinsizakalo belingu-4.0% nelehle lisuka ku-4.5% esikhathini esifanayo.

4.     ISikhwama Sezolimo Nezamandla sokusiza ezolimo namabhizinisi ahlobene nezolimo.
4.1.    Mhla wama-27 kuNcwaba 2023, uMnyango Wezolimo, Izinguquko Zomhlaba nokuThuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ngokusebenza ngokubambisana ne-Land Bank, bethula iSikhwama Sezolimo Nezamandla sezigidigidi ezi-R1.21 sokusiza umkhakha wezolimo nowamabhizinisi ahlobene nezolimo ukuthi bakwazi ukufaka ezinye izindlela zokuphehla ugesi futhi baqhubeke nokukhiqiza ukudla, i-fibre kanye neziphuzo.   
4.2.    Lo mkhakha ungomunye wabasebenzisa ugesi kakhulu futhi ubalulekile ekuletheni uzinzo ekutholakaleni kokudla eNingizimu Afrika, ukwenza inzuzo ngokuthunyelwa kwemikhiqizo kwamanye amazwe nokusungulwa kwemisebenzi, lokho okwenza ukuthi lokhu kungenelela kukahulumeni kubaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukusimama.  
4.3.    ISikhwama lesi sibandakanya wonke umuntu futhi sizosiza wonke amabhizinisi alimayo nafuyayo ngendlela Edidiyelwe yezezimali, nokuzoba i-Land Bank elawula lesi sikhwama. ISikhwama sizophinde sisize yonke imisebenzi yezolimo kanye namabhizinisi ezolimo asebenzisa kakhulu ugesi. 

5.    Ukuqaliswa kwezincomo zeKhomishini Ephenya Ngokuthunjwa Kwamandla Ombuso 
5.1.    Impahla ebuyiswe nguPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa ibe yizigidigidi eziyi-R10.2 kulesi sikhathi samanje se-MTEF kanti izigidigidi ezi-R2.55 zayo le mpahla ihlobene nokuThunjwa Kwamandla Ombuso. 
5.2.    IKhabhinethi ligunyaze laphinde lenekela iPhalamende izichibiyelo ezintsha zomthetho eziyisishiyagalombili kweziyishumi nane ezicashunwe ohlelweni lokuqaliswa kwezincomo. Umsebenzi nawo uyaqhubeka wokuqinisekisa ukuthi labo abanesandla ekuthunjweni kwamandla ombuso bayaphendula. 
  
6.    Ukulwa nobugebengu, inkohlakalo kanye nokuthuthela kwelinye izwe ngokungemthetho 
6.1.    IZibalo Zobugebengu Zekota zakamuva zibonisa ukuthi kufanele senze okukhulu njengomphakathi ukulwisana nesihlava sobugebengu. IKhabhinethi licela bonke abantu ukuthi balwe futhi basebenze ngokubambisana ekwenzeni ukuthi amakhaya ethu, izindawo zethu zokusebenza kanye nezindawo zomphakathi ziphephile kuwona wonke umuntu.
6.2.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukusatshalaliswa kohlelo oludidiyelwe lokulwa nobugebengu i-“Operation Shanela” kwezinye izifundazwe, kubandakanya eNyakatho Kapa, eMpumalanga Kapa naKwaZulu-Natali. 
6.3.    IKhabhinethi likuphawulile ukuvunywa kwamacala kanye nokugwetshwa kwamadoda ayisithupha ayesolwa ngokubulala loyo owayeyingede ekulwisaneni nenkohlakalo, uNks. Babita Deokaran, ngoNcwaba wezi-2021. IKhabhinethi licele abezomthetho ukuthi baqhubeke baphenyisise futhi baqinisekise ukuthi ongqondongqondo baloku kubulala babhekana nomthetho.
6.4.    IKhabhinethi lishayele ihlombe indlela yokusebenza edidiyelwe yokulwa nobugebengu kamuva-nje eholele ekutheni uMnyango Wezasekhaya uvimbe abokubaduka e-Pakistan abangama-67 abebezama ukungena kuleli lizwe ngokungemthetho e-OR Tambo International Airport ngeSonto, mhla ziyi-13 kuNcwaba 2023.  

7.    INgqungquthela Yokuguqula Ukucabanga Kwamadoda yowezi-2023
7.1.    INgqungquthela Yokuguqula Ukucabanga Kwamadoda ephothulwe kamuva-nje ishiye uphawu olungacimeki kwizethameli eziyi-1 500, nebe nokuxoxisana okunamandla nokujulile okuphembe indlela yesidingo sezinguquko endleleni yokuziphatha yamadoda nabafana.  Le ngqungquthela ebibanjwe e-Birchwood Hotel and OR Tambo Conference Centre, ihlanganise amaPhini oShansela Bamanyuvesi, iziNhloko Zamanyuvesi, oThishanhloko kanye noSihlalo beMikhandlu yamaKolishi Okuqeqesha, Izinhlangano Ezeseka Abafundi kanye Nobuholi, Abaphathi Abakhulu bama-SETA, izinhlangano zoMnyango Wezemfundo Ephakeme, iSayensi Nokuqamba Kabusha, abenza izinqubomgomo, abasinde ku-GBV, ama-peer educator, kanye nabeza noguquko, bonke bahlangane ngazwi linye lokuzinikela ekulweni noDlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile (i-GBV) ngaphakathi emkhakheni wezemfundo ephakeme  i-Post-School Education and Training (i-PSET).
7.2.    Ingqungquthela beyisingathwe yi-HIGHER HEALTH kanye noMkhandlu Wezocwaningo Lwesayensi Yabantu (i-HSRC) omele uMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa kanye noMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha. Inhloso yale ngqungquthela bekungukuxoxisana nobuholi, mayelana nokuguqula ukucabanga kanye nokubhekana nembangela engumnyombo we-GBV.
7.3.    Ubufakazi nolwazi oluqoqiwe lubonisa ukuthi ukuziphatha kwamadoda yikona okuyimbangela ye-GBV kanti kule ngqungquthela kucelwe amadoda nabafana ukuthi babe yingxenye yesisombululo.
7.4.    Kule ngqungquthela kucelwe ukuthi kuthuthukiswe ama-peer educator nama-champions kuzona zonke izikhungo, abazosebenza njengama-change agents azosebenza ukuguqula indlela amadoda acabanga ngayo, kube nezinye izingxoxo zamadoda kuzona zonke izikhungo, kufakwe izifundo ezifundisa ngobulili kubandakanya ne-GBV, ukulingana kwezobulili, ukwahlukana ngobulili kanye nokuguqula ukucabanga kwamadoda njengezifundo ezizohambisana nohlelo lwezemfundo emkhakheni we-Post-School Education and Training (i-PSET).

8.    Ezikagesi 
8.1.    IKhabhinethi litshelwe ngesimo sikagesi kuleli lizwe laphinde layibona imibiko emayelana nokwenza ngcono okuqhubekayo endimeni yokutholakala kukagesi.  
8.2.    Yize izinsuku ezedlule ezimbalwa zibonise ukwenyuka kwamazinga okucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga okufinyelele ezingeni leSine, isimo sibe ngcono ngokubuyiselwa kokusebenza kwamayunithi eziphehlimandla, kanti no-Eskom uyaqhubeka nokwehlisa amazinga okucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
8.3.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ukuthi kunemiphakathi engenawo ugesi ngenxa yokuhamba kukagesi okungekona ukuthi ucinywe ngenhloso yokuwonga. Lokhu kucima kukagesi kudalwa ukusindwa kukagesi ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, ukwebiwa nokucekelwa phansi kweziteshi kanye nama-transformer, kanye nokucekelwa phansi kwemigudu ethumela ugesi. Imiphakathi ethintekayo ibandakanya izingxenye ze-Soweto, izingxenye zeThembisa, KwaThema, eKomane, e-Taung nase-Ditsobotla.
8.4.    UNgqongqoshe Wezikagesi kanye noMnyango we-COGTA sebeqalile nohlelo lokuxoxisana nemiphakathi ethintekayo ukuze bezovumelana ngezinyathelo ezizolungisa ingqalasizinda emoshekile kodwa ezizohambisana nokuvinjelwa kokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho, ukubambisana komphakathi ukuvikela ingqalasizinda kagesi, kanye nokukhokhelwa kwezinsizakalo zikagesi.
8.5.    ISivumelwano seNingizimu Afrika nezinkampani zase-China, kulezi zivumelwano ezisayinwe kamuva-nje, sizodlala indima ebaluleke kakhulu ekwethulweni kwengqalasizinda kagesi ezokwazi ukulondolozeka. 

9.    UMthethosivivinywa Wamandla Esifundazweni saseNtshonalanga Kapa
9.1 IKhabhinethi litshelwe kafushane ngoMthethosivivinywa ohlongozwayo Wamandla Esifundazweni saseNtshonalanga Kapa ongalandeli umthethosisekelo. 
9.2 UMthethosivivinywa Ohlongozwayo wephula ukuhlinzekwa kweShejuli yeSine neyeSihlanu yoMthethosisekelo obeke amandla nemisebenzi kubandakanya namandla akanyekanye esifundazwe nawabaphathi bakaZwelonke. 
9.3 IKhabhinethi likuphawulile ukuthi lo Mthethosivivinywa ohlongozwayo ungumzamo wokubuyela emuva endleleni eyayithandwa yi-Democratic Party (iqembu elandulela i-Democratic Alliance) ehlose ukubukela phansi iNingizimu Afrika eBumbene nebandakanya wonke umuntu.
9.4 Kuyaqapheleka ukuthi lo Mthethosivivinywa ohlongozwayo waseNtshonalanga Kapa ushaya indiva ukunqatshelwa ukufinyelela kwizinsizakalo zemiphakathi yabantu abamnyama emikhulu yaseKhayelitsha, eGugulethu, eNyanga, kwaLanga, e-Cape Flats, e-Delft, e-Central Line, phakathi kweminye.  
9.5 IKhabhinethi ligunyaze oNgqongqoshe Wezobulungiswa nowe-COGTA ukuthi bangene ezingxoxweni nohulumeni wesifundazwe saseNtshonalanga Kapa bakhulume ngezindlela ezifanele zokuza nesixazululo njengokusho kwesahluko se-146 soMthethosisekelo kanye nohlaka olufanele lwangaphakathi kuhulumeni. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi 

1. Ukwelulwa kwezinkokhelo zeSikhwama Sokusiza Osomatekisi    
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kwesikhathi sezinkokhelo zeSikhwama Sokusiza Osomatekisi ngezinye izinyanga eziyi-12. Ukwelulwa kwesikhathi kuzonika uMnyango Wezokuthutha isikhathi esanele sokusiza abashayeli bamatekisi abaningi abangakayitholi imali yosizo. Kuze kube manje, bayizi-88 580 abashayeli bamatekisi asebesizakele.   
1.2.    Isikhwama sasungulelwa ukusiza abashayeli bamatekisi, abama-cab kanye nabezimoto ezibizwa ngobuchwepheshe i-e-hailing abakhahlamezeka ngokwezimali ngesikhathi sokuvalwa thaqa kwezwe ngenxa yeSifo Segciwane i-Corona, ngokwemibandela ebekiwe. 

2.    Uhlaka Lomthetho wokuThuthukisa Ezokuvakasha eNingizimu Afrika 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koHlaka Lomthetho wokuThuthukisa Ezokuvakasha eNingizimu Afrika ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Le nqubomgomo ihlose ukuthuthukisa nokugqugquzela ezokuvakasha eNingizimu Afrika, kanye nokubhekana nemigoqo ekhona ekukhuleni kwezokuvakasha. 
2.2.    Inqubomgomo izophinde igqugquzele ezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya neziseduzane kwamadolobha ngokugqugquzela ukuboniswa nokubonakala kwemikhiqizo ephuma ezindaweni zasemakhaya. Iziphakamiso zenqubomgomo ziphinde zigxile ekuphathweni komkhakha wezokuvakasha nokusebenzisana; ukuphepha kanye nokuvikeleka; uguquko; kanye nokwamukela ubuchwepheshe, phakathi kwezinye izinto. 
2.3.    Amalungu omphakathi anezinsuku ezingama-90 zokuphawula kule nqubomgomo. UHlaka Lomthetho luyatholakala kwisizindalwazi esithi: www.tourism.gov.za. 

3.    INqubomgomo kaZwelonke Kwezeshashalazi nokuDansa 
3.1 IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo kaZwelonke Kwezeshashalazi nokuDansa. Le nqubomgomo kuhloswe ngayo ukuxazulula ukungalingani kwakudala kwangaphakathi kanye nokungafani, okulandela izindlela zokufinyelela ngokobuhlanga nangokomnotho kwezeshashalazi nokudansa.
3.2 Inqubomgomo ihlose ukubeka umbono nemithethonqubo, amaqhingasu, izindlela zokuqalisa ukusebenza kwemithetho kanye nezikhathi ezibekiwe okuzoholela emkhakheni wezeshashalazi nokudansa osimeme nonomndlandla kuzozonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye, kanye nabadansi nabadlali beshashalazi baseNingizimu Afrika abazomela izwe ngokuzigqaja ezwenikazini nasemhlabeni jikelele. 
4.    Imibiko Yokuqashwa Kwamanani Okudla
4.1 IKhomishini Yezokuncintisana ibilokhu ibeke iso amanani okudla kulandela izikhalazo zokwenyuka kwamanani okudla kusuka kwamenyezelwa iSimo seNhlekelele ngoNdasa wezi-2020. 
4.2 Ukuqhubeka nokubeka iso amanani okudla kugqugquzelwa ukuba khona kwesidingo sokuqinisekisa ukuthi abathengi bayakwazi ukufinyelela ekudleni okungambi eqolo. 
 4.3 IKhomishini iyiqaphelile indlela ebizwa ngokuthi yi-‘rocket and feather’, lapho amanani akhuphuka ngokushesha njalo ngokwedlulele ezindlekweni bese kuthatha isikhathi ukuthi ehle uma izindleko zishona phansi. Iphinde yaphawula ukuthi uhlobo lokudla kanye nezimakethe zokudayisa zinesandla kulokhu.   
4.4 IKhabhinethi lizamukele izinyathelo ezilethwe yiKhomishini kubandakanya ukuhlolwa kwezimakethe ukuze kuzobhekanwa nokwakheka kwezimakethe okuholela emananini okudla aphezulu kanye namazinga aphansi kakhulu kwezokuncintisana. 
4.5 IKhabhinethi ligunyaze ukuthi iKlasta Yezomnotho kufanele ibe nohlelo lokusebenza oluzobhekana namanani okudla, ukuqinisekisa ukutholakala kokudla kanye nokufinyelela ekudleni.  

C.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanele.

1.    Nks. Nosiphiwo Mzamo esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu (i-CEO) we-State Diamond Trader. 
2.    Mnu. Loyiso Tyabashe esikhundleni sokuba yi-CEO ye-South African Nuclear Energy Corporation (uphinde wabekwa). 

3.    Ukubekwa kwamalungu angebona abaphathi ukuthi asebenze kwiBhodi Elilawula Amachweba isikhathi esiyiminyaka emithathu 
3.1 Mnu. Aubrey Ngcobo njengoSihlalo
3.2 Nks. Lauriette Lynne Sesoko
3.3 Ummeli Derrick Jeffrey Block
3.4 Nks. Thembela Beryl Taboshe
3.5 Mnu. Abdul Qadir Chogle
3.6 Dkt. Percy Derrick Manzini
3.7 Nks. Princess Mangoma 
3.8 Nks. Sizakele Makhanya
3.9 Nks. Ntebaleng Rolland Setlako
3.10 Nks. Marcia Xolisile Mkhari
3.11 Nks. Leanda Marsha Mtshali – uphinde wabekwa

4.    Ukubekwa kweBhodi laBaqondisi Abangebona Abaphathi be-South African Maritime Safety Authority (i-SAMSA) isikhathi esiyiminyaka emithathu
4.1 Mnu. Mahesh Fakir – uSihlalo
4.2 Mnu. Tau Morwe – iPhini likaSihlalo
4.3 Ummeli Aurelia Nosipho Sobekwa
4.4 Dkt. Natalie Skeepers 
4.5 Nks. Nogolide Feziwe Nojozi
4.6 Mnu. Sihle Nguse

D.    Imicimbi Ezayo

1.    INyanga Yamasiko 
1.1.    INyanga Yamasiko izobungazwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibungaza ukwahlukahlukana ngokwamasiko eNingizimu Afrika yentando yeningi labantu”. Imiphakathi iyanxuswa ukuthi isebenzise iNyanga Yamasiko uMandulo ukuthi ihlanganise isizwe sakithi, njengoba sibungaza amagugu ethu acebile kanye nokwahlukahlukana kwethu. 

2.    INyanga Yemisebenzi Kahulumeni (i-PSM)
2.1.    Ezemisebenzi Kahulumeni zizobe zibungaza i-PSM phakathi komhla lu-1 kanye nomhla wama-30 kuMandulo 2023. Le nyanga iyisikhumbuzo sokuthi kuyini ukusebenzela umphakathi, futhi isinika ithuba lokubheka ukuthi ngabe abasebenzi bakahulumeni bangazishintsha kanjani izimpilo zabantu emiphakathini.

3.    IViki le-Thusong Service Centre 
3.1.    IViki le-Thusong Service Centre Laminyakayonke kulo nyaka lizogujwa kusuka mhla we-18 kuya mhla wama-22 kuMandulo 2023. Abantu baseNingizimu Afrika bayamenywa ukuthi bazobona uchungechunge lwezinsizakalo ezitholakala esikhungweni sendawo se-Thusong Service Centre, okuyisikhungo sezinsizakalo esisondeza ulwazi lukahulumeni kubantu. 

4.    USuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo Samaphoyisa 
4.1.    Ukuhlonipha amaqhawe namaqhawekazi akithi adlula emhlabeni esemsebenzini, uSuku Lukazwelonke Lwesikhumbuzo loPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika luzobanjelwa eZindlini Zombuso ngeSonto, mhla wesi-3 kuMandulo 2023. IFulegi Lezwe lizokwehliswa lindizele maphakathi ngosuku lomcimbi. 

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okumhlophe laba abalandelayo: 

  • UNks. Natasha Joubert, osanda kwethweswa ukuba nguZime waseNingizimu Afrika wezi-2023, njengoba ezoqala ukuba nguZime waseNingizimu Afrika.  
  • UMnu. Brad Binder, ophume isibili emqhudelwaneni we-Austrian MotoGP.
  • Iqembu lama-Springboks ngokushaya iqembu lama-All Blacks futhi sibafisela okuhle kodwa emidlalweni ezayo yeNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo. 
  • Izwe lase-India, ngokuba yizwe lokuqala ukufika ngomkhumbi-mkhathi ngempumelelo eduze kweningizimu yenyanga. 
  • Ukhetho lwase-Zimbabwe

IKhabhinethi lihalalisele abantu base-Zimbabwe ngokusebenzisa ilungelo labo lentando yeningi labantu lokuvota laphinde lagcizelela ukuzinikela ekusebenzisaneni nezwe lase-Zimbabwe ekuqiniseni lesi sifunda nezwekazi lonkana. 

2.    Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Mnu. Derek Watts (obeneminyaka engama-74), umakadebona ezinhlelweni zikamabonakude (i-TV) kanye nentatheli ezohlale ikhunjulwa njalo ngokuhamba phambili kuchungechunge lohlelo lukamabonakude olubizwa nge-Carte Blanche kanye nokuzinikela kwakhe ebuntathelini obuphenyayo.   
  • Nks. Sylvia Ncediwe Mdunyelwa, umculi we-jazz nomlingisi, osebenze nongasekho u-Victor Ntoni kanye ne-Ngcukana brothers, u-Winston Mankuku, u-Nick Carter kanye no-Merton Barrow. 
  • Imindeni kanye nabangani babantu abashone ngesikhathi kusha ibhilidi e-Marshaltown, eGoli.
     

Imibuzo:
Nks. Nomonde Mnukwa – iBambela likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore