Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekela-phambili eMizamweni kaZwelonke Yokunqanda uBhubhane lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

UMongameli wethu waphambilini u-Nelson Mandela wake wabhala wathi:

“Sengihambe leya ndlela ende eya enkululekweni. Ngizamile ukungabi ntekenteke; ngike ngathatha izinyathelo ezingezinhle endleleni yami.

“Kodwa ngembulelwe imfihlo yokuthi emva ngokucaca igqumakazi, ilapho uthola khona ukuthi asemaningi amagquma okusamele uwacace”.

Njengezwe, sibhekane namahlandla amabili akhahlamezayo okwesuleleka ngegciwane le-corona.

Siwanqobile ngokuphendula ngokushesha okukhulu nangokuzimisela, nangokusebenza ngokubambisana ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane futhi sivikele imindeni yethu, imiphakathi yethu kanye nathi uqobo.

Manje sibhekene nenye inselele enkulu, elinye igquma okumele silicace.

Ezinsukwini ezilishumi nambili ezedlule, ngakhuluma nani nganexwayisa ngokuthi ihlandla lesithathu elisha futhi eliyingozi seliqalile ezifundazweni eziningi, futhi liyabhebhetheka.

Isilinganiso-nani sokwesuleleka okusha kwansuku zonke bese singaphezu kokuphindaphindeka kabili, isibalo sabantu abalaliswa ezibhedlela besikhula, nabantu abashonayo ngenxa ye-COVID-19 bebekhula cishe ngama-50%.

Njengoba ngikhuluma nani kusihlwa nje, isimo sesisibi kakhulu.

Kunye namanye amazwe e-Afrika, iNingizimu Afrika ibhekene nokubheduka okukhulu kokusuleleka.

Isikhungo sase-Afrika Sokulawulwa Nokuvikelwa Kwezifo sibike ukuthi ihlandla lesithathu lihlasele izwekazi.

Kuze kube manje, Amazwe Angamalungu eNhlangano Yobumbano Yamazwe ase-Afrika asebike ngezigameko zokwesuleleka ezingaphezu kwezigidi ezi-5.2 kanye nezigameko zokufa eziyizi-138 000 ngenxa ye-COVID-19.

Igciwane le-COVID-19 elihlasele ezweni lakithi ngoNdasa ngonyaka odlule belilokhu liqhubekile nokuguquka, lenza imixhantela emisha yegciwane.

Ososayensi bethu basitshela ukuthi igciwane le-COVID-19 linemixhantela eminingi.

Ngonyaka odlule, sabhekana nomxhantela obizwa nge-Beta.

Phezu kwalokho, manje sesinomxhantela obizwa nge-Delta.

Lo mxhantela wegciwane waqala ukubonakala eNdiya ekupheleni kukaNdasa kulo nyaka, manje usutholakala emazweni angama-85.

Umxhantela i-Delta usabalala okomlilo wequbula eNdiya ngendlela eyisimanga.

Umxhantela i-Delta usubonakale ezifundazweni ezinhlanu, okuyiMpumalanga Kapa, eFreyistata, e-Gauteng, KwaZulu Natali kanye naseNtshonalanga Kapa.

Ubufakazi esinabo ukuthi umxhantela i-Delta ugudluza ngokushesha umxhantela i-Beta, obulokhu usabalele ezweni lakithi kuze kube manje.

Sikhathazekile kakhulu ngokubhebhetheka ngesivinini kwalo mxhantela wegciwane.

Okokuqala, ngenxa yokuthi wona usabalala kakhulu kunamagciwane abelokhu ezungeza ngokwedlule, lokho okusho ukuthi kulula kakhulu ukulithola leli gciwane ngokuthintana nomunye umuntu.

Kucatshangwa ukuthi lisulelana ngokuphindeke kabili kumxhantela i-Beta.

Okwesibili, ngenxa yokuthi liyathathelana, lingasulela abantu abaningi kakhulu.

Njengemixhantela yamagciwane eyedlule, ungayidlulisela komunye ngaphandle kokwazi ukuthi unayo.

Okwesithathu, sekunobufakazi bososayensi obuvelayo bokuthi abantu asebeke bahaqwa igciwane i-Beta abavikelekile ngokugcwele egciwaneni eliwumxhantela i-Delta, basengasuleleka futhi.

Okwesine, ngenxa yokuthi lithathelana kalula, izinyathelo esizithathile kuze kube manje ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane kungenzeka zingeneli ukunciphisa ukusuleleka.

Kusesekuningi futhi esingakwazi ngalo mxhantela wegciwane.

Isibonelo, akucaci ukuthi lidala ezinye izimpawu ezinzima.

Imininingwane yokuqala eyavela kwamanye amazwe yayiveza ukuthi awukho nzima kakhulu.

Imibiko evela kwamanye amazwe, kubandakanya nalawo akuzwekazi lethu, nawo aveze ukuthi ukusuleleka kanye nokugula ezinganeni kungajwayeleka ngalo mxhantela wegciwane i-delta, yize isilinganiso-zinga sokwesuleleka sisalokhu siphansi kakhulu kunabantu abadala.

Ukubhebhetheka ngesivinini kwalo mxhantela wegciwane kuyathusa kakhulu.

Yize kungekho nzima kakhulu, izinga lokwesuleleka kwabantu lingaholela ekuguleni kwabantu abaningi futhi badinge ukwelashwa ngasikhathi sinye.

Kumele siqaphelisise kakhulu.

Kusukela namuhla, isilinganiso-nani sezinsuku eziyi-7 sezigameko ezintsha zosuku kuzwelonke sesifike esicongweni sehlandla lokuqala ngoNtulikazi ngonyaka odlule, futhi maduze nje lizodlula ngokweqile esicongweni sehlandla lesibili esabhekana nalo ngoMasingana kulo nyaka.

Izigameko ezingaphezu kwama-60% ezigamekweni ezintsha ezweni zise-Gauteng.

Ngaphandle kwaseNyakatho Kapa naseFreyistata, ukusuleleka kukhula ngesivinini kwezinye izifundazwe.

Kumele sihlale siqaphile eNyakatho Kapa naseFreyistata, bangahle babhekane nokwenyuka kwezigameko okwesibili uma lo mxhantela wegciwane usabalalela nakhona.

Kumele sonke sikhathazeke ngalokho esikubonayo ngamehlo ethu.

Sonke sinomngani, ilungu lomndeni noma umuntu osebenza naye oseke wasuleleka ngegciwane.

Bambalwa ezweni lakithi abangakangcwabi ilungu lomndeni, umngani noma othandiweyo wabo ohambe emhlabeni ngenxa yalesi sifo.

Sisenkingeni yehlandla elikhahlamezayo ngokwezinkomba libonisa ukuthi engathi lizoba nzima kakhulu kunalawa angaphambi kwalo.

Isicongo sehlandla lesithathu kubukeka siphezulu kakhulu kunalawo amabili edlule.

Ihlandla Lokuqala lathatha amaviki ayi-15. Ihlandla Lesibili lathatha amaviki ayisishiyagalolunye.

Asazi ukuthi leli lizothatha isikhathi esingakanani, kodwa izinkomba zibonisa ukuthi lingathatha isikhathi eside.

Ngiyazi ukuthi le into yokugcina abaningi benu abafuna ukuyizwa.

Sonke sithwale ubunzima kulo nyaka odlule nesigamu.

Kungenzeka ukuthi sicabange ukuthi njengoba impilo ibuyela kancane esimweni esijwayelekile, singathatha izindlela ezivamile zemithethonqubo yezempilo yomphakathi.

Mhlawumbe sesidinekile ukugqoka isifonyo kwizithuthi zomphakathi sabe sesinquma ukuba sisikhumule usuku olulodwa. Uma sibona ukuthi akekho osikhuzayo noma okhalazayo, siyayeka ukusigqoka.

Siya emibuthanweni yomphakathi sigqoke isifonyo, kodwa siyasikhumula uma sesingaphakathi.

Uma sihlangana nabangani bethu nalabo esibathandayo siyabanga, sibaqabule futhi sibaxhawule, sikholelwa ukuthi thina kanye nabo siphephile.

Siyaqhubeka nokwamukela izimemo zemibuthano nemicimbi yokuzijabulisa, futhi sisingathe neyethu.

Iqiniso elinzima ukuthi ukwaneliseka kuzoba nzima kakhulu.

Kumele sihlale siqaphile futhi siqhubeke nokucophelisisa zikhathi zonke.

Kumele silandele imithethonqubo yezempilo yomphakathi ebekelwe ukuphepha kwethu nokwabanye abantu.

Ukuqapha umthamo wezikhungo zethu zezempilo ukuthi ukwazi ukumelana nokukhuphuka kokusuleleka kuseqhulwini.

Ezifundazweni eziningi, izikhungo zethu zikahulumeni zezempilo seziyagcwala, futhi nezikhungo ezizimele nazo seziyakhameka.

Yize izibhedlela zethu zenze imizamo emikhulu yokwamukela iziguli, imibhede yasemagumbini abagula kakhulu iyashoda.

Lokhu esikubonayo ukuthi izinyathelo ezikhona zokunqanda igciwane azenele ukumelana nesivinini kanye nezinga lokusuleleka okusha.

Ekubhekeni ukuthi yiziphi izinyathelo ezintsha okumele sizithathe sibonele kulokho okwenziwa emhlabeni jikelele nakulwazi lwezesayensi oluthathelwe kucwaningo olwenziwe emhlabeni jikelele.

Okuseqhulwini kithina ukunqamula leli ketanga lokusuleleka ngokunciphisa ukuhlangana kwabantu lokho okuzosiza ukwehlisa izinga lokusuleleka.

Ngokweseluleko sososayensi esisithole kwiKomidi Eliyala Ongqongqoshe nezinye izingxoxo nezifundazwe zethu namadolobhakazi kanye nabaholi bendabuko, ngokwezincomo zoMkhandlu Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona, iKhabhinethi linqume ukuthi izwe kumele lenyukele kwiSigaba Sokuqapha Esiguquliwe Sesine.

IKhabhinethi linqume lokhu ukuqinisekisa ukuthi ukuphendula kwethu kuyikhona futhi kuhambisana nesimo samanje, imikhawulo eyengeziwe esiyimemezela kusihlwa nje izosebenza izinsuku eziyi-14 ezilandelayo.

Sizohlola imiphumela yalezi zingenelelo emva kwezinsuku eziyi-14 ukubheka ukuthi ngabe zidinga ukuyekelwa zinjalo noma ukuguqulwa.

Ngakho-ke, lezi zinyathelo ezilandelayo zizobekwa kulo lonke izwe kusuka kusasa, ngoMsombuluko, mhla wama-28 kuNhlangulana 2021 kuze kube yiSonto, mhla we-11 kuNtulikazi 2021:

  • Yonke imibuthano – ngaphakathi kwesakhiwo noma ngaphandle – ayivunyelwe. Lokhu kubandakanya imibuthano yezenkolo, yezepolitiki, yamasiko noma imibuthano yokuzijabulisa.
  • Imingcwabo kanye nokulothiswa kuvumelekile, kodwa kumele ihanjelwe abantu abangeqile kuma-50 futhi ukuqhelelana nayo yonke imithetho yezempilo kumele ilandelwe.
  • Imilindelo, imicimbi yasemva komngcwabo kanye nemicimbi yama-‘after-tears’ ayivumelekile.
  • Izindawo zomphakathi, ezifana namabhishi namapaki, zizohlala zivuliwe. Noma kunjalo, ayikho imibuthano ezovumeleka.
  • Umthetho wewashi uzoqala ngehora lesi-9:00 ebusuku kuya kwihora lesi-04:00 ekuseni, futhi zonke izindawo ezingewona umongo kuzodingeka ukuthi zivalwe ngehora lesi-08:00 ebusuku.
  • Ukudayiswa kotshwala buphuzelwe khona lapho nalobo ohamba nabo akuvunyelwe. IKomidi Eliyala Ongqongqoshe seliyale ukuthi imikhawulo ebibekiwe ngokwedlule ayisebenzanga ngokuphelele nokuthi ukumiswa kotshwala kuzoxegisa ingcindezi esezibhedlela eyenziwa izehlakalo eziphuthumayo ezihlobene notshwala.
  • Ngenxa yomthwalo wokwesuleleka e-Gauteng, ukungena nokuphuma kulesi sifundazwe ngezizathu zokuzijabulisa akuzukuvunyelwa. Lokhu akubandakanyi umsebenzi, ukuhamba ngenxa yebhizinisi nezohwebo, ezokuthutha ezikhumulweni zezindiza noma ukuthuthwa kwempahla.

Uma njengamanje ungekho endaweni lapho uhlala khona, uzovunyelwa ukuthi ubuyele ekhaya uye noma usuka e-Gauteng.

  • Ukuvakashela amakhaya abadala, izikhungo zokunakekela kanye nokunye ‘ukuhlanganyela’ kuzoba nemikhawulo.
  • Izindawo zokudlela nezinye izitolo ezithengisa ukudla zizovumeleka kuphela ukudayisa ukudla ohamba nakho noma okuhanjiselwa ekhaya. Lokhu kungenxa yokuthi abantu ngeke bakhone ukugqoka izifonyo ngesikhathi bedla noma bephuza kulezi zindawo.

Ukuvalela amaholidi asebusika kwezikole nezinye izikhungo zemfundo kuzosondezwa.

Izikole zizoqala ukuvala kusuka ngoLwesithathu, mhla wama-30 kuNhlangulana 2021, futhi zonke izikole zilindeleke ukuthi zivalwe ngokuphela kweviki, ngoLwesihlanu, mhla zi-02 kuNtulikazi 2021.

Izifundo zaseklasini ezikhungweni zemfundo ephakeme zizoma ngoLwesithathu, mhla wama-30 kuNhlangulana 2021, nokungena okuncishiswe kakhulu ezikhungweni.

Izindawo zokuhlala zabafundi zona zizohlala zivuliwe.

ONgqongqoshe Bemfundo Eyisisekelo noweMfundo Ephakeme, iSayensi Nokuqamba Kabusha bazohlinzeka ngemininingwane ethe thuthu ngalezi zinhlelo.

Izinyathelo esizibekile manje zenzelwe ukuvumela imisebenzi yomnotho ukuthi iqhubeke ngokusemandleni, ngesikhathi sinqanda ukubhebhetheka kwegciwane.

Amabhizinisi amaningi azoqhubeka asebenze ngokugcwele futhi akumele athinteke.

Sigxile ekunciphiseni ukuhlangana kwabantu ngesikhathi silondoloza umnotho.

Ngifuna ukugcizeleIa ukuthi kusalokhu kuyimpoqo ukuthi wonke umuntu agqoke isifonyo esihlale simboze amakhala nomlomo uma usezindaweni zomphakathi.

Kuyicala ukungasigqoki.

Abanikazi kanye nabaphathi bezakhiwo zomphakathi, izikhungo zomphakathi, izitolo, izindawo zokudlela, amatekisi namabhasi bonke banesibopho sokuqinisekisa ukuthi bonke abantu abasemagcekeni abo noma ezimotweni zabo bagqoka izifonyo.

Bonke abaqashi kumele bavumele abasebenzi babo ukuthi basebenzele emakhaya uma kwenzeka, futhi kumele bahlehlise zonke izinhlelo zohambo olungabalulekile nemihlangano yasemsebenzini.

Uhulumeni uzophinde abeke izinyathelo zokunciphisa ukuya siqu kwabasebenzi ezindaweni zokusebenza ngesikhathi enciphisa ukuphazamiseka kwemisebenzi kahulumeni kanye nezinsiza.

Njengoba siqalisa ngale mikhawulo, siyaqhubeka nokusebenza ukuqinisa umthamo wohlelo-kusebenza lwezempilo.

E-Gauteng, ukulahlekelwa umthamo ngenxa yokuvalwa okuqhubekayo kwesibhedlela i-Charlotte Maxeke Hospital nakho kwengeza ingcindezi kwezinye izibhedlela.

Senza konke okusemandleni ukuhlinzeka ngomthamo wemibhede eyengeziwe nokuqhuba ngesivinini ukuvulwa futhi kwesibhedlela i-Charlotte Maxeke hospital.

Njengamanje, i-Gauteng isinemibhede engama-830 ngokuhlehlisa ukuhlinzwa ngokuzikhethela kanye neminye imibhede engama-400 eyenziwe ngokuchwepheshe bokwakha okuyimanje iyasetshenziswa.

Besilokhu sixoxisana nabakhiqizi bomoya wezokwelashwa i-oksijini ukukhuphula umkhiqizo wabo ukuze sizomelana nokukhula kwezigameko okulindelekile.

Siyaqhubeka nokuqapha isitoko sezinsizakusebenza zokuzivikela (ama-PPE) nokuba khona kwemithi yokwelapha ukuze sizongenelela lapho sibona khona ukwehla emazingeni esitoko.

UMnyango Wezempilo e-Gauteng uqasha abasebenzi abengeziwe ukulekelela umsebenzi osuwengeziwe.

Isikhwama Sobumbano sesihlinzeke ngezigidi eziyi-R16 ukweseka ukuqashwa nokubekwa kwabahlengikazi ezibhedlela zase-Gauteng ukwengeza kwithimba lezempilo lezempi ebelijutshiwe.

Ukuqinisekisa ukuthi kunemibhede eyanele ezibhedlela kumele ukuthi sihlele kabusha ukuhlinzekwa kwezinsiza ukuqinisekisa ukuthi kunomthamo owanele ukusiza ngezigameko ezinzima kakhulu ze-COVID-19.

Siphokophelele phambili ngohlelo lwethu lukazwelonke lokugoma olukhula ngesivinini.

Uhlelo lokugoma seludlondlobale kakhulu noluba yingqophamlando njengoba sisaya phambili nje.

Izolo phakathi kwamabili, cishe abantu abayizigidi ezi-2.7 eNingizimu Afrika bese bewutholile umgomo.

Evikini eledlule, izinga losuku lokugoma beledlula izi-100 000.

Ezinsukwini ezintathu ezedlule, sithole eminye imithamo eyisigidi esi-1.2 somgomo wakwa-Johnson & Johnson kanye nemithamo eyisigidi esi-1.4 somgomo wakwa-Pfizer ngesikhungo i-COVAX.

Ngale mijovo eyengeziwe, sizokwazi ukukhuphula ngokushesha izinga lokugoma kuleli viki nasemavikini alandelayo.

Ngokohlelo lwethu lukazwelonke lokukhishwa komgomo, bangaphezu kwezi-950 000 abasebenzi bezempilo asebegomile ezweni lonke futhi nokubhalisa nokugonywa kwaleli qembu kuyaqhubeka.

Isigaba sesibili sokukhishwa komgomo naso sihambe kahle nomkhankaso wokubhaliswa nokugonywa kwabantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 uyaqhubeka ukubonisa imiphumela emihle.

Ngesikhathi kusamele sifinyelele kwinani lezakhamuzi elilinganiselwa kwizigidi ezinhlanu zaleli qembu, isifundazwe ngasinye sesiqalise imikhankaso emphakathini yokusiza abantu abadala ukuthi babhalise futhi bathole nomgomo wabo.

Kuze kube manje abantu abayizigidi ezi-3.8 sebebhalisile kuHlelo Lokubhalisela Ukugoma ku-Inthanethi (i-EVDS).

Uhlelo lukazwelonke lokugoma luzoqhubeka kulezi zigaba ezintathu ezichaziwe.

Isigaba sokuqala abantu nje jikelele ngokweminyaka yabo yobudala.

Iqembu elilandelayo labantu abaneminyaka engama-50 kuya kuma-59 lingaqala ukubhalisa ngoLwesine, mhla lu-01 kuNtulikazi 2021 futhi ukugonywa kwaleli qembu kuzoqala ngoLwesine, mhla we-15 kuNtulikazi 2021.

Isigaba sesibili sesivele siqalile ngabantu abasebenza emkhakheni wemfundo eyisisekelo, osekugonywe abantu abayizi-184 000 kuze kube manje.

Isigaba sesithathu sigxile kumaphoyisa kanye nabanye abasebenzi bezokuvikela.

Sizoqala ukugoma leli qembu ngoMsombuluko, mhla we-5 kuNtulikazi 2021.

Isigaba sesine sizokwenzeka ngokwezinhlelo zasemsebenzini emikhakheni yomnotho ehamba phambili efana nezimayini, ezokukhiqiza kanye nemboni yamatekisi.

Ngifuna ukucela bonke labo abafanelekile ukuthi babhalise noma ngabe ku-inthanethi, nge-SMS, ngocingo noma siqu.

Sizoqhubeka sisebenze nababambiqhaza nemiphakathi ukufinyelela kubantu abaningi ngokusemandleni futhi ngokushesha okukhulu.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika

Kusekhona ulwazi olungamampunge olusatshalaliswayo ngomgomo we-COVID-19.

Izindaba ezingamampunge zisatshalaliswa ngamaqembu e-WhatsApp, ezinkundleni zokuxhumana, nangokukhuluma nje mayelana nomgomo we-COVID-19, kuthiwa umgomo awuphephile, uyagulisana, noma awusebenzi.

Sengike ngakusho ngaphambilini, futhi ngiyafisa ukukusho futhi: ngicela ucabangisise ngaphambi kokuthi uthumele noma wabelane nabanye lezi zindaba ezingamampunge.

Ngicela ucabange umonakalo ongawudala.

Usabalalisa uvalo, ukwesaba kanye nokudideka esikhathini lapho singakudingi khona.

Ubufakazi bososayensi obuphambi kwethu bubonisa ukuthi imigomo iyasebenza. Iphephile. Isebenza ngendlela efanele, futhi isindisa izimpilo.

Uma unemibuzo ngomgomo, uma ungenaso isiqiniseko noma ngayiphi indlela, sicela uthole ulwazi oluhlinzekwe nguMnyango Wezempilo nakodokotela.

Kungenzeka ube nemibuzo ngokuthi ingabe imigomo esetshenziswa njengamanje iyasebenza yini ekuvikeleni ukugula okukhulu noma ukulaliswa esibhedlela kulo mxhantela wegciwane elisha.

Kunobufakazi bokuthi imigomo esiyisebenzisa eNingizimu Afrika iyasebenza ekulweni nomxhantela wegciwane elisha i-delta.

IKomidi LoNgqongqoshe Eliyala Ngomgomo lizoqhubeka nokubuka yonke imininingwane esezandleni zalo futhi lizoguqula iseluleko salo uma kuqhamuka ubufakazi obusha.

Kumele futhi sikhumbule ukuthi abanye abantu asebegomile basengasuleleka, ngaphandle kokubheka umxhantela wegciwane, ngoba awukho umgomo osebenza ngokuphelele ngokwama-100%.

Uma abantu abagomile besuleleka, baba nezimpawu ezincane nje.

Into ebaluleke kakhulu ukuthi yonke imigomo esiyikhiphayo izokuvikela ezifweni ezinzima, ekulalisweni esibhedlela, futhi okubaluleke kakhulu, ekufeni.

Ngifuna futhi ukukhumbuza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kumele siqhubeke silandele izinkombandlela zezempilo noma ngabe sesigomile.

Kulolu bhubhane, ukuphendula kwethu kuzwelonke bekuholwa ongoti bezempilo abazinikele, abasebenzi bezempilo kanye nososayensi.

Kufanele sibabonge kakhulu ngomsebenzi wabo kanye nokuzinikela kwabo.

Ngakho-ke kuyakhathaza kakhulu uma abaholi bezepolitiki behlasela laba bantu ngokwenza umsebenzi wabo abanikezwe wona ukuthi bawenze.

Kumele sikhumbule ukuthi Iziphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika (i-SAHPRA) zingabalawuli abazimele abagxile kuphela kubufakazi besayensi ukuqinisekisa ukuphepha, ukuba sezingeni kanye nokusebenza kahle kubhekelwe ezempilo yomphakathi.

I-SAHPRA kumele ivunyelwe ukuthi yenze umsebenzi wayo ngaphandle kokusatshiswa noma ukugxambukela kwepolitiki ukuze uma imigomo igunyazwa umphakathi ukwazi ukuthemba ukuthi imigomo iphephile, isezingeni futhi izosebenza.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Selokhu izwe lakithi labika ngesigameko sokuqala saleli gciwane elibulalayo, sesiyaqonda ukuthi Sisonke kule nto.

Noma ngabe besinethemba kangakanani ukuthi lolu bhubhane luzodlula masinyane, siyazi ukuthi iqiniso ilokho okwehlukile.

Kungaba nongabazane ngokuthi ubhubhane lubhekephi, kodwa iyodwa into esiqiniseke ngayo.

Singakwazi futhi kumele siqhubeke nokuzivikela ngendlela esikwazi ngayo.

Izinyathelo zezempilo ezizanyiwe futhi zahlolwa ezibekiwe kusalokhu kuyizona ezisinika ithuba elihle lokulwa nalolu bhubhane.

Zilula kakhulu, azikho nzima noma azibizi.

Noma ngabe zisibambezela kanjani, kodwa zingcono kakhulu kunokuthi sigule futhi sidinge nokulala esibhedlela.

Kumele sihlale sigqoke isifonyo uma siphakathi kwabantu.

Kumele sihlale sihlanza izandla zethu noma sisebenzise isibulali-magciwane.

Kumele sihlale siqhelelene nabanye abantu.

Ngaphandle uma kunesidingo, sicela uhlale ekhaya.

Uma ugula futhi unezimpawu ze-COVID-19 ezingezimbi kakhulu, kumele uhlale wedwana, ngisho nasekhaya lakho.

Uma uke wasondelana nomuntu ohaqwe i-COVID-19 kumele ugonqe izinsuku ezilishumi.

Uma uhlonzwe njengonegciwane, yazisa abantu oke wathintana nabo ukuze bazozivikela bona kanye nabanye.

Sonke sinesibopho hhayi nje ngezimpilo zethu kuphela, kodwa ngempilo yalabo abaseduzane nathi.

Ngesikhathi lolu bhubhane lubonakala ngokweqile, kukhona okuthile esingakwenza ngalo.

Ngalokho esikhetha ukukwenza, singasiza ukulunqanda.

Sibuya kude. Sesidlule kulesi sivunguvungu isikhathi esingangonyaka nesigamu.

Sesinqobe izithiyo neziphazamiso eziningi.

Sisalokhu simile, ngenxa yokuthi singabantu ababekezelayo asebenqobe izimo ezinzima izikhathi eziningi emlandweni wethu.

Manje ihlandla lesithathu lisathatha amandla nomfutho.

Siyaphinda futhi, sizithola sikumzuzu wokulwa nalesi sifo.

Asibuyise wonke amandla esinawo, asilande sonke isibindi esisele naso, sizibambe ziqine kuze naleli hlandla, nalo, ledlule.

Sizolulama.

Sicace amagquma amaningi ngaphambilini, futhi naleli sizolicaca.

Sizokwenza lokho ngokusebenza ngokubambisana, njengoba besihlale senza.

Ngisho njalo ngoba ngiyakholelwa kinina, bantu baseNingizimu Afrika.

Ngiyazi ukuthi nizoqhubeka nenze lokho okufanele nalokho okumele kwenziwe.

Futhi ngiyazi ukuthi noma ngabe izinto ziba nzima kangakanani, angeke, neze size siphose ithawula.

Engathi uNkulunkulu angabusisa iNingizimu Afrika futhi avikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore