Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeZinyathelo Zokubhekana neSimo Esibi Sikagesi Ezindlini Zombuso

Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeZinyathelo Zokubhekana neSimo Esibi Sikagesi Ezindlini Zombuso, e-Tshwane Mhla wama-25 kuNtulikazi 2022

Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,

Kusihlwa, ngithanda ukukhuluma nani ngesimo esibi sikagesi esibhekene nesizwe sakithi.

Emavikini amathathu edlule, ukucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga ngokwedlulele kuphazamise izimpilo zethu sonke futhi kwadala umonakalo omkhulu emnothweni wethu.

Ukucishwa kogesi kwansuku zonke ebesibhekene nakho kubambezele izigidi zamakhaya futhi kwaletha izinselele ezinkulu emabhizinisini.

Emva kwesikhathi esingaphezu kweshumi leminyaka singenakho ukuthunyelwa kogesi okuthembakele, abantu baseNingizimu Afrika kuyezwakala ukunengeka nentukuthelo yabo.

Bacikekile.

Ngakho-ke sesiqhamuke neqoqwana lezinyathelo zokubhekana nalesi simo esibi.

Le simo esibhekene naso sidinga ukuthi sithathe isinyathelo esingujuqu esinesibindi ukuze sizovala leli gebe logesi.

Leli ikhwelo labo bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babe yingxenye yesisombululo; babe negalelo kunoma yiyiphi indlela abangakwazi ngayo ukuqeda ukuswelakala kogesi eNingizimu Afrika.

Njengohulumeni simemezela izingenelelo eziningana ezizonqoba le simo esikuso manje.

Ezinsukwini ezilishumi ezedlule, ngibe nezingxoxo ezijulile nabaphathi abaphezulu bakwa-Eskom, abaphathi beziteshi zogesi kanye nabasebenzi baphambilini bakwa-Eskom.

Ngiphinde ngahlangana nemifelandawonye yabasebenzi, inhlangano i-Business Unity South Africa, i-Black Business Council, abamele umphakathi kanye nongoti abehlukene emkhakheni wezamandla.

Ekuseni namuhla, ngiphinde ngahlangana nabaholi bamaqembu ezepolitiki, ngiyabonga kakhulu ngezethulo ezenziwe yilabo engihlangane nabo.

Le mihlangano isize ukuhlanganisa indlela kanye nokuqinisekisa ukuthi zonke izingxenye zomphakathi waseNingizimu Afrika zibamba iqhaza ekusombululeni le nkinga, njengoba kuyinkinga yezwe lonke.

Bonke abantu engilumane nabo indlebe bathe lesi yisikhathi lapho izwe kufanele libumbane ukuze kubhekanwe nale nselele.

Iqoqwana lezinyathelo ezengeziwe engizimemezela kusihlwa:

Okokuqala, zihlose ekwenzeni ngcono ukusebenza kweziteshi zogesi ezivele zikhona kwa-Eskom;

Okwesibili, zizoqhuba ngesivinini ukuthengwa kwesiphehlimandla esisha;

Okwesithathu, zihlose ukwenyusa utshalomali oluzimele okubhekiswe kwiziphehlimandla;

Okwesine, zenziwe ukuthi zivumele amabhizinisi kanye namakhaya ukuthi akwazi ukuthenga iziphehlimandla ezibekwa ophahleni ezidonsa ugesi welanga; futhi,

Okokugcina, zisophe ekuguquleni umkhakha wogesi ziwubeke endaweni esimeme esikhathini esizayo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ukuze umzamo wethu uzosebenza, kufanele ukuthi siqondisise inkinga.

INingizimu Afrika isinamandla okukhiqiza cishe ugesi oyizi-46 000 MW, futhi ngezikhathi osetshenziswa kakhulu ngazo sisebenzisa ugesi olinganiselwa kwizi-32 000 MW.

Kodwa, angama-60% kuphela amandla atholakalayo nganoma yisiphi isikhathi ngenxa yokuthi ezinye izingxenye zisalungiswa futhi ezinye azisebenzi ngenxa yokucinywa obekungahleliwe.

Iziteshi zogesi zethu eziningi zazakhiwe eminyakeni eminingi eyedlule.

Isilinganisonani seminyaka sokusebenza kweziteshi zogesi zakwa-Eskom yiminyaka engama-35. Imvamisa njengoba iziteshi zogesi ziba ndala, ukusebenza kwazo kuyafadalala.

Ukwakhiwa kweziteshi zogesi ezintsha sha, iMedupi neKusile, kuqale sekudlule isikhathi futhi babhekane nokubambezeleka okuningana kanye namaphutha ekuklanyweni.

Lezi zinselele ziyasonjululwa.

Ngenxa yalokhu, u-Eskom ube esehlehlisa ukulungiswa okubalulekile ukugcina ugesi ukhona, okuyikhona osekubanga ukuphuka nokungasebenzi manje.

Ukusebenza kwezinye iziteshi zogesi ka-Eskom kuvele kwabheda kakhulu ngenxa yobusela, ukukhwabanisa kanye nokucekela phansi.

Emva kweminyaka yokuthunjwa kwamandla ombuso nokungaphathi ngendlela, ithimba labaphathi elinekhono nelisebenzayo lisebenza ngokuzikhandla ukuguqula lezi zinsiza futhi babuyisele emuva iminyaka yezenzo ezibolile.

Kodwa-ke, ngokwesimo, sisalokhu sibhekene nokuswelakala kogesi ofinyelela kwizi-6 000 MW.

Emavikini edlule, inhlanganisela yezinto iholele ekulahlekelweni umthamo wesiphehlimandla oyizi-18 000 MW, nokuphoqelele u-Eskom ukuthi aqalise izinga lesithupha lokucinywa kogesi.

U-Eskom bekufanele aqalise ukucinywa kogesi ngenhloso yokuwonga ukugwema ukuthi isizinda sogesi singawi, kanye nokuqinisekisa ukuthi asiphinde sibhekane nokucinywa kogesi unomphela.

Izimo eziholele ekucishweni kogesi kwakamuva kubandakanya ukuphuka kwezingxenye ezithile kwezinye iziteshi zogesi.

Siphinde sabona ukonakala komgudu ohambisa ugesi osuka e-Cahora Bassa e-Mozambique futhi kwaba nezigameko ezabikwa zokucekelwa phansi ngamabomu kwempahla yokusebenza.

Amathimba ngaphakathi kwa-Eskom asebenze kanzima ukubuyisa ukusebenza kweziphehlimandla kanye nokuzinzisa isizinda sikagesi kuzwelonke.

Ngenxa yemizamo yabo, indlelakusebenza ibengcono kakhulu kuleli viki eledlule.

Isivumelwano okufinyelelwe kusona phakathi kuka-Eskom nabasebenzi senze ukuba ukulungiswa kwezingxenye ezisesimeni esibi ebeziphukile kuqale futhi ukusebenza kokuphehlwa kogesi okwejwayelekile kuzophinde kuqale.

Inqubekelaphambili nayo isiyenziwe ngabomthetho ekulwisaneni nokucekela phansi, ukweba kanye nokukhwabanisa eziteshini zogesi kwa-Eskom kanye nakwezinye izinsiza ezifakiwe.

Ngesikhathi lezi zinyathelo ezizoletha uzinzo ekuphehlweni kogesi zilethe ukuphumula ekucishweni kogesi ngenhloso yokuwonga, isisinda sikagesi sisalokhu sibuthaka futhi ngeke sithembele kusona.

Ukuswelakala kogesi kuyisitha esikhulukazi ekukhuleni komnotho nasekusungulweni kwemisebenzi.

Kuvimbela utshalomali futhi kunciphisa ukuncintisana kwethu kwezomnotho.

Njengabantu abaphethe njengamanje, sesivele sithathe izinyathelo ezibalulekile ukwenyusa umthamo wokuphehlwa kogesi kanye nokuhlukanisa ukuthunyelwa kogesi.

Esinye sezinyathelo zokuqala esisithathile ukubhekana nokuswelakala kogesi bekungukuvuselela uhlelo lokuthengwa kogesi ovuselelekayo ngowezi-2018.

Kusuka ngaleso sikhathi, ugesi oyizi-2 000 MW welanga nowomoya sewuxhunyiwe kwisizinda ngokusebenzisa uhlelo lwe-Bid Window 4.

Omunye umthamo wezi-2 600 MW uthengwe ngohlelo lwe-Bid Window 5, oluzoqala ukwengeza umthamo kusuka kuqala owezi-2024.

Sesiqalile ukuhlukanisa ukuphehlwa kogesi ngokuvumela ababambiqhaza ngaphandle kuka-Eskom ukuthi bakhiqize ugesi.

NgoNhlangulana ngonyaka owedlule, sakhuphula isilinganiso semvume semiklamo emisha yokuphehlwa kukagesi kusuka ku-1 MW kuya kwi-100 MW.

Lokhu kususe isidingo semvume semiklamo yokuphehla ugesi ofinyelela kwi-100 MW exhunywe kwisizinda sogesi.

Lesi sinyathelo sivumele lezi ziphehlimandla ukuthi zikwazi ukuthengisela ugesi umthengi oyedwa noma abaningi, okungaba amafemu, izimayini noma izikhungo ezisebenza ngemininingo.

Siphinde sashintsha imithethonqubo ukuvumela omasipala ukuthi bazithengele ugesi ngokuzimela.

Iningi lomasipala selivele liphakathi nokwenza njalo.

U-Eskom kamuva-nje uvule indawo eduze kweziteshi zakhe zogesi eMpumalanga ukuze izosetshenziselwa imiklamo yogesi ovuselelekayo, lokho okuzovula umthamo omusha wogesi oyi-1 800 MW.

U-Eskom usuthole omunye futhi umhlaba ozokhishelwa lo msebenzi.

Lezi zinyathelo zibaluleke kakhulu futhi zizokwenza umehluko ezinyangeni naseminyakeni ezayo.

Lokho okucaciswe bha ukucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga kwakamuva, ngukuthi izinyathelo esizithathile futhi nesisazoqhubeka sizithathe azenele.

Ngakho-ke siqalisa ezinye izinyathelo ezengeziwe ukuze sizozuza ukutholakala kogesi kwesikhathi eside futhi siqede nya ukucishwa kogesi unomphela.

Okokuqala, silungisa u-Eskom futhi sithuthukisa ukusebenza kweziteshi zogesi ezikhona.

Ekuhambeni kwesikhathi, uhlelo lokunakekelwa kweziphehlimandla zogesi zakwa-Eskom lwehla.

Manje sekunqunyiwe ukuthi ezinyangeni eziyi-12, u-Eskom uzokhuphula isabelomali esatshelwe ukunakekelwa okubucayi ukwenyusa ukusebenza ngokuthembeka kweziphehlimandla zawo.

Siyawususa umgoqo obuwenza kube nzima ukuthi u-Eskom uthenge izinto nemishini yokunakekela esikhathini esilindelekile ukuqalisa ngokulungisa iziphehlimandla.

Enye yezinselele u-Eskom abebhekene nazo bekungukuswelakala kwabasebenzi abanekhono kanye nonjiniyela.

Le nkampani kagesi njengamanje iqasha abasebenzi abanekhono, kubandakanya nabaphathi baphambilini beziphehlimandla zakwa-Eskom kanye nonjiniyela ababuya emkhakheni ozimele.

Laba basebenzi abanekhono bazoseka abasebenzi abehlukene futhi basize ukuqinisekisa ukuthi izindlela zokusebenza okusezingeni lomhlaba kanye nokunakekelwa kweziphehlimandla kubuyela esimeni sakho.

Ezinyangeni ezintathu ezizayo, u-Eskom uzothatha ezinye izinyathelo ukwengeza umthamo omusha wesiphehlimandla kwisizinda ngezikhathi eziphuthumayo.

Njengesinyathelo samanje, omunye umthamo uzothengwa kubakhiqizi bogesi abazimele asebevele bekhona.

Yilezi ziphehlimandla ezakhe umthamo omningi ebezidingeka futhi manje zingathumela logesi osele kwa-Eskom.

Njengengxenye yokubhekana nokuswelakala kwamamegawathi, u-Eskom manje uzophinde athenge amandla engeziwe kubaphehlimandla abakhona abazimele abafana nezimayini, izigayo zamaphepha, inxanxathela yezitolo kanye nezinye izinkampani ezizimele ezinogesi osalayo kweziwudingayo.

Iningi lamazwe angomakhelwane eNingizimu ye-Afrika, afana ne-Botswana ne-Zambia, banomthamo wogesi omningi kunalo abawudingayo.

U-Eskom manje usuzothenga ugesi kula mazwe ngokwezinhlelo ze-Southern African Power Pool.

U-Eskom uzophinde asebenzise izixazululo zesikhashana, ezifana neziphehlimandla ezingomahambanendlwana, ukunika amandla umthamo wesiphehlimandla esikhona ngokwesikhathi esithile.

U-Eskom uzoqalisa uhlelo olugqugquzela ukusetshenziswa ngendlela kogesi ngabathengi ukuze kuzoncishiswa ukudingeka kakhulu kogesi ngezikhathi ezimatasatasa.

Sesakhuluma ngokwedlule ngesikweledu esikhulu sika-Eskom, esisondele kwizigidigidi ezingama-R400.

Lesi sikweledu siyaqhubeka nokuba ngumthwalo phezu kwamandla ka-Eskom ukuthi abhekane nezinselele zakhe eziningi.

UMngcinimafa kuZwelonke usebenza ukuphothula isisombululo esisimeme esikweledini sika-Eskom.

UNgqongqoshe Wezezimali uzocacisa ukuthi uhulumeni uzobhekana kanjani nalolu daba ngendlela esebenzayo uma esethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Yesikhathi Esiphakathi ngoMfumfu.

Sizosebenzisa uxhasomali lwesimo sezulu olwahlinzekwa ngohlelo lwe-Just Energy Transition Partnership ukuze sizofaka izimali kwisizinda siphinde sisebenzise futhi iziteshi zikagesi ebeseziphelelwe isikhathi zingasasebenzi.

U-Eskom uzokwakha imiklamo yakhe yokuqala yeziqukathi ezisebenza ngemisebe yelanga kanye nebhethri eKomati, eMajuba, e-Lethabo kanye nakwezinye iziteshi zogesi eziningana. Lokhu kuzoholela ekutholeni ngaphezu kwama-500 MW azokwengezwa ekusebenzeni.

Uphiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika selumise ngomumo ithimba lezomthetho elikhethekile ukuze lizosiza u-Eskom ukubhekana ngqo nobugebengu nenkohlakalo.

Iningi labantu selikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ezinsukwini ezidlule futhi abanye abaningi sebeshushiselwe inkohlakalo nokukhwabanisa okufaka phakathi izinkontileka zakwa-Eskom.

Ngokuthuthukiswa kwezokulawula nokunxenxwa komphakathi, u-Eskom uzoba sethubeni elihle kakhulu lokuqhuba izinhlelo zakhe zokunakekela kanye nezotshalomali.

Angeke kusabikwa izaba.

Lezi zinyathelo zizosivumela ukuthi sibeke umkhawulo ekucishweni kogesi ngenhloso yokuwonga sikubeke emazingeni aphansi futhi sinciphise ubungozi balokhu kucishwa kogesi esikhathini esizayo.

Ukuqeda ukucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga, sidinga ngokuphuthuma ukuthi sengeze amandla amaningi kwisizinda.

Okwesibili esikubeke eqhulwini ngakho-ke kuzoba ukuqhuba ngesivinini ukuthengwa kwamandla amasha kwiziqukathi zamandla avuselelekayo, zegesi kanye nebhethri.

Iminyango kahulumeni efanele isebenza ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi yonke imiklamo yohlelo lwe-Bid Window 5 logesi ovuselelekayo ingaqala ukusebenza ngesikhathi.

Lokhu kubandakanya indlela eliqiniso yokubheka okuqukethwe kwalapha ekhaya kulemi klamo, sibeke eqhulwini isidingo sokwakha iziphehlimandla ezintsha ngokuphazima kweso.

UMnyango Wezohwebo, Izimboni kanye Nokuncintisana bekanye neHhovisi Elizimele

Labakhiqizi Bogesi bazokhipha imininingwane ethe xaxa mayelana nalokhu ezinsukwini ezizayo.

Isilinganiso somthamo wogesi omusha ozophehlwa ngomoya nangelanga ngohlelo lwe-Bid Window sizophindaphindeka sisuka kwizi-2 600 MW kuya kwizi-5 200 MW.

Sizokhipha umyalelo wokufakwa kwezicelo zeziqukathi zebhethri ngoMandulo kuwo lo nyaka, ngokushesha nje emva kwalokho siphinde sikhiphe isicelo sogesi ophehlwa ngegesi.

UNgqongqoshe Wezokumbiwa phansi Nezamandla uzokhipha isinqumo ngemisebenzi esasele kuHlelolisu Oludidiyelwe Lwezinsiza langowezi-2019, futhi uzovula amanye amathuba okufaka izicelo ngokushesha.

Ukuqinisekisa ukuhlela okuyimpumelelo, uHlelolisu Oludidiyelwe Lwezinsiza lwezwe luyabuyekezwa ukuze luzogqamisa isidingo somthamo wokuphehlwa kogesi owengeziwe kanye nokuzinikela kwethu ekubhekaneni nesimo sezulu.

Okwesithathu, siqhuba ngesivinini utshalomali oluzimele kwiziphehlimandla zogesi.

Ngonyaka owedlule samemezela ukwenyusa umkhawulo wemvume ukuya kwi-100 MW.

Lesi sinyathelo samukeleka nxazonke. Sivule imisebenzi engaphezu kwama-80 yemiklamo eqinisekisiwe yomkhakha ozimele kanye namandla ogesi ahlanganisiwe angaphezu kwezi-6 000 MW.

Sesiqalile ukusebenzisana nemboni ukuqhuba ngesivinini imiklamo eseqophelweni eliphezulu, eminingi yayo isivele iqalile ukwakhiwa.

Lezi zinguquko zenze uguquko olukhulu ekwakhekeni kweziphehlimandla.

Kulandela impumelelo yalolu guquko kanye nentshisekelo eboniswe umkhakha ozimele, sizowususa ngokuphelele umkhawulo wemvume yokuphehlwa kogesi.

Lokhu kuzovumela utshalomali oluzimele ekuphehlweni kogesi ukuthi lukhule luye emazingeni aphezulu.

Ngesikhathi bengeke bedinge izimvume, yonke imiklamo emisha yeziphehlimandla kusafanele ukuthi ibhalise nomlawuli futhi ilandele imibandela yobuchwepheshe yemithetho yokuxhunywa kwisizinda sogesi kanye nemithetho yezemvelo.

Enye yezinselele ezinkulu ekwengezeni amandla kwisizinda sogesi yisikhathi esithathwa umklamo wogesi ukuthi uthole ukugunyazwa bese uqala ukwakhiwa.

Inqubo, kusuka ekuklameni kuya emsebenzini wokuthenga, ujwayele ukuthatha isikhathi esingaphezu kweminyaka emithathu ngenxa yezinqubo zokulawula ezinde kanye nemigoqo ebekiwe.

Ngesikhathi imithetho ekhona inganela ezikhathini ezejwayelekile, isimo esikuso njengamanje sidinga ukuthi sithathe isinyathelo esiwujuqu futhi ngokushesha okukhulu.

Ngakho-ke sizokwendlala umthetho okhethekile ePhalamende ngokushesha ukuze sizobhekana nezingqinamba zomthetho nezokulawula iziphehlimandla ezintsha ngokwesikhathi esithile.

Siluphakamisile lolu daba ekuseni nabaholi bamaqembu ezepolitiki amelwe Endlini Yesishayamthetho Sikazwelonke.

Kuvunyelwene kabanzi ukuthi le nqubo kufanele isheshiswe uma nje umthetho okhethekile sewundlaliwe ePhalamende.

Okwamanje nathi sizobe sisusa noma selula imibandela ethile yokulawula lapho okwenzeka khona kwimithetho ekhona.

Lokhu kubandakanya ukunciphisa imibandela yokulawula imiklamo yogesi odonswa elangeni ezindaweni ezidinga ukuvikelwa ngokwemvelo okusezingeni eliphansi kuya kwelimaphakathi.

Kuphinde kuchaze ukuthi u-Eskom angelula izintambo zakhe zikagesi kanye neziteshi ezincane ngaphandle kokudinga ukugunyazwa ngabezemvelo ezindaweni ezingazweli kakhulu futhi ilandele iqhingasu lemihubhe kagesi.

Sisungula futhi indawo eyodwa yokufakwa kwezicelo zemiklamo kagesi, ukuqinisekisa ukulawulwa kwezinqubo zokugunyazwa kuhulumeni jikelele.

Ngiyalele iminyango kanye nezinkampani ukuthi zibuyekeze zonke izikhathi ezibekiwe njengamanje ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi kucutshungulwa zonke izicelo ngokuphuthuma.

Lezi zinyathelo yizona ezingakhethwa kunokuba kwisimo senhlekelele noma-ke kwisimo esiphuthumayo, njengoba abanye bebephakamisile.

Lezi zingenelelo zizosivumela ukuthi senze lokho okudingekayo ukuqhubela phambili ukuphehlwa kogesi okusha ngesikhathi sivikela amalungelo abo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi sigcina nomthetho.

Asidingi isimo esiphuthumayo noma isimo senhlekelele kuzwelonke ukuqalisa izinqubomgomo ezinengqondo ezingasiza ekuxazululeni isimo esibi sikagesi.

Okwesine, sihlose ukuvumela amabhizinisi kanye namakhaya ukuthi athenge iziphehlimandla ezidonsa amandla elangeni eziphanyekwa ophahleni.

INingizimu Afrika inendathane yelanga okumele silisebenzise ukuphehla ugesi.

Kunamandla abonakalayo ukuthi amakhaya namabhizinisi afake iziphehlimandla zelanga ophahleni bese kuxhunywa lo gesi kwisizinda sikagesi.

Ukukhuthaza loku kufakwa ngobuningi kweziphehlimandla zelanga, u-Eskom uzosungula imithetho kanye namanani - aziwa ngokuthi yi-feed-in tariff - kubo bonke abozofaka iziphehlimandla zelanga kunethiwekhi yakhe emabhizinisini nasemakhaya.

Lokhu kusho ukuthi labo abakwaziyo futhi asebewafakile amaphaneli adonsa ugesi elangeni emakhaya noma emabhizinisini abo bazokwazi ukudayisela u-Eskom ugesi osalayo abangawudingi.

Sinxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise ugesi kahle njengoba sisebenzela ukuthi siqede ukucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga futhi sithole ugesi omningi kwisizinda sogesi.

Okokugcina, siguqula ngokubalulekile umkhakha wogesi futhi siwubeka ezingeni elisimeme lakusasa.

Sikhulumile esikhathini esedlule mayelana nokuhlela kabusha u-Eskom, lokho okuzoholela ezikhungweni ezintathu, isikhungo esiphehla ugesi, isikhungo esithutha ugesi kanye nesikhungo esithumela ugesi.

U-Eskom usesungule isikhungo esizimele sokuthutha ugesi futhi useqalile ukuhlukanisa imisebenzi yayo yokuphehla ugesi neyokuthunyelwa kogesi makuphela owezi-2022.

Maduze-nje sizobeka amabhodi alezi zizikhungo zokuphehlwa nokuthuthwa kogesi.

Izinguquko ezibanzi ezizosungula imakethe encintisanayo yogesi zizoqala ngokuphothulwa koMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wokulawulwa Kogesi ozovumela utshalomali lomkhakha ozimele.

Lezi zinguquko zizoguqula kakhulu ukwakheka komkhakha wogesi wesizukulwane esizayo.

Amanye amazwe amaningi asebambe le ndlela futhi akwazile ukusimamisa ukuphehlwa kogesi.

Zizohlukanisa imithombo yezamandla kanye nokuthuthukisa ukutholakala kogesi.

Lezi zinguquko zizovumela iziphehlimandla eziningi, eziphethwe ngumkhakha ozimele nohulumeni, ukuthi zincintisane ezingeni elilinganayo.

Isizinda sogesi sizabe silokhu singaphansi kukahulumeni.

U-Eskom uzoqhubeka nokuba insika yemboni yezamandla kuleli lizwe njengoba senza ngcono ukusebenza kahle, ukusimama kwezezimali kanye nokusebenza.

Ukuqinisekisa ukuthi lezi zinyathelo ziqaliswa ngendlela elawulekayo, ngisungule iKomidi LikaZwelonke Elibhekele Isimo Esibi Sezamandla.

Ikomidi linosihlalo onguMqondisi-Jikelele eHhovisi likaMongameli, futhi lihlanganise ndawonye yonke iminyango nezinkampani ezibandakanyeka ekuhlinzekweni kogesi.

IKomidi Likazwelonke Elibhekele Isimo Esibi Sezamandla lizodonsa amakhono akhona ebhizinisini, kwezabasebenzi, izinkampani zonjiniyela kanye nezinhlangano zomphakathi.

ONgqongqoshe abathintekayo bazobika kumina ngqo njalo-nje ukuqinisekisa ukuthi siqhuba ngokushesha ukuqalisa lezi zinyathelo.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Izinyathelo engizicacisile akuzona nje ezokubhekana nezingqinamba esinazo njengamanje.

Inhloso yethu ukuzuza ukutholakala kogesi kwesikhathi eside, ukuze singezukuphinde sibhekane nesimo sokuswela ugesi futhi.

Sihlose ukwenza lokhu ngokuletha uzinzo kwa-Eskom kanye nokuthuthukisa ukusebenza kweziphehlimandla, ukusungula imakethe kagesi encintisanayo, ukuvula indlela yotshalomali oluzimele kwiziphehlimandla ezintsha kanye nokukhulisa utshalomali lwethu kugesi ovuselelekayo.

Lezi zinyathelo ziyadingeka ukuvuselela ukukhula komnotho nokusungula imisebenzi.

Kusenziwa lokhu, sizobeka izwe lethu phambili ekuguqukeleni kwimithombo emisha nesimeme yezamandla, siguqule lesimo esibi sisenze ithuba lokukhula kwekusasa nokuthi siqine.

Njengoba uhulumeni ezodlala eyakhe indima, nginxusa amabhizinisi, ezabasebenzi nawo wonke umphakathi ukuthi bahlanganyele nathi kulo mzamo.

Lokhu kubandakanya ukuqaliswa ngokuphuthuma kweSivumelwano Somphakathi Sakwa-Eskom kanye nokuqiniswa kokuzinikela kanye nezinyathelo eziqinile ezizothathwa yibobonke ozakwethu emphakathini.

Njengoba besingemuva komzamo kazwelonke wokulwa nobhubhane lwe-COVID-19, namanje kufanele sibe negalelo noma ikuphi lapho sikwazi khona.

Njengasemakhaya singasebenzisa kahle ugesi.

Kufanele sizikhokhele izinsizakalo futhi sigweme ukuxhuma ugesi ngokungemthetho.

Kufanele sihlanganyele emsebenzini omkhulu weziphehlimandla zelanga eziphanyekwa ophahleni sibe negalelo kwisisombululo.

Ibhizinisi kufanele linciphise ukusebenzisa ugesi ngokulandela izindlela zokusebenzisa ugesi kahle.

Amabhizinisi kufanele athathe amathuba asunguliwe atshale izimali kule miklamo yeziphehlimandla.

Ezabasebenzi kufanele babe nomoya wokusebenzisana, bacabange ukuthi ukutholakala kogesi kuyinto ebalulekile esingayenza ukuvikela imisebenzi ekhona kanye nokusungula emisha.

Ngempelasonto eyedlule, ngavakashela isiteshi sogesi i-Tutuka eMpumalanga, ukusebenza kwaso okukhahlanyezwe kakhulu izenzo zobugebengu.

Sezwa ngemishini yokunakekela eyebiwa yabuye yathengiselwa futhi i-Tutuka kanye nezinye iziteshi zogesi.

Satshelwa ngokweba okuqhubekayo kukawoyela okusezingeni eliphezulu kanye nokucekelwa phansi ngamabomu kwemishini ukuze u-Eskom ezoqasha imishini kosonkontileka abazimele.

Okwenzeka esiteshini i-Tutuka nezinye iziteshi zogesi kungukucekela phansi ngamabomu okuhlelwe yizigilamkhuba ezibhubhisa inkampani kagesi futhi ezilimaza umnotho wethu.

Emva kohambo lwami lwase-Tutuka, ngahlangana nabaphathi bazozonke iziteshi zogesi zakwa-Eskom.

Ngahlabeka umxhwele ngokwehlukahlukana kwaleli qoqo lamadoda nabesimame kanye nokuzinikela kwabo ekutholeni amakhono afanele kanye nokuqinisekisa ukulandela ulwazi lokunakekela.

Kufanele siwabonge lama qoqo asebenza kulezi ziteshi ngezenzo zabo.

Bayisibonelo esihle kithina sonke.

Izinyathelo esizimemezela kusihlwa nje, kanye nezinyathelo esesivele sizithathile, zizosheshisa ukuphela kokucishwa kogesi ngenhloso yokuwonga.

Zizobeka izwe lethu endleleni ekhanyayo eya ekuthunyelweni kogesi othembekile, ongambi eqolo futhi osimeme.

Uma sisebenza ngokubambisana, uma sonke siziphendulela, uma siqeda umsebenzi ngesikhathi esibekiwe futhi sifeza izethembiso zethu, sizosiqeda lesi simo esibi sogesi futhi sakhe isimondawo sokukhula kanye nokusungulwa kwemisebenzi.

Ngaphezu kwalokhu, sizobonisa ukuthi siyilungele inselele yokwakha kabusha izwe lethu elithandekayo.  

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore