Izimpesheni zabantu abadala

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Okuphathelene nosizo lwemali yesibonelelo sabadala

Ungathola usizo lwemali yokukuphilisa eminyakeni yakho yobudala. Imali yesibonelelo sabadala kubonelelwa ngayo abantu abadala abesifazane abaneminyaka engama-60 noma ngaphezulu kanye namadoda aneminyaka engama-60 noma ngaphezulu. Lolu sizo lwemali lwalubizwa ngokuthi impesheni yabantu abadala.

Wazi kanjani ukuthi ufanelekile?

Kufanele:

  • ube yisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umhlali ohlala unomphelo
  • uhlale eNingizimu Afrika
  • ungatholi nanoma yiluphi olunye usizo lwemali ngokwakho
  • unganakekelwa esikhungweni sikahulumeni
  • ungaholi ngaphezu kwama-R86 280 ngonyaka Uma ushadile, imali yenu ehlanganisiwe kufanele ingabi ngaphezu kwama-R 172 560 ngonyaka
  • noma ube nezimpahla ezibiza ngaphezu kwama-R1 227 600 uma ungashadile futhi wena kanye noganene naye akufanele nibe nempahla ebiza ngaphezu kwama-R2 455 200.

Uzothola malini?

Isamba esiphelele semali ozoyithola yi-R 2 180 ngenyanga. Uma uneminyaka yobudala engaphezu kwama-75, uzothola i-R2 200.

Uzokhokhelwa kanjani?

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA) izokukhokhela imali yosizo lokubonelela ngokusebenzisa eyodwa yalezi zindlela ezilandelayo:

  • ukheshi onikezwa endaweni ethize yokukhokha ngosuku oluthize
  • idiphozi  nge-inthaneti  ku-akhawunti yakho yasebhange noma yasebhange laseposini (ibhange kungenzeka likukhokhise ngomsebenzi)
  • izikhungo (isib. ikhaya labantu abadala).

Qaphela: Uma ungakwazi ukulanda imali ngokwakho, ungaqoka umuntu ozokumela ehhovisi Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika , noma unikeze omunye umuntu amandla obumeli ukuthi alande imali yosizo egameni lakho.

Ingabuyekezwa nini imali yakho yesibonelelo?

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika uzonquma ukuthi usizo lwakho lwemali yesibonelelo  lungabuyekezwe yini. Imali yakho njengoba ishiwo uma ufaka isicelo sosizo lwemali izoba isisekelo salesi sinqumo. Uzokwaziswa ezinyangeni ezintathu ngaphambi kosuku ngokubuyekeza okuzokwenziwa ngalo noma usuku okufuneka ngaso isitifiketi sempilo. Uma uthola imali yakho ngebhange, isikhungo noma ummeli, kudingeka ukuthi ugcwalise isitifiketi sempilo emahhovisi e-SASSA njalo ngonyaka.   

Ingamiswa nini imali yakho yosiso lwemali yokubonelela?

Okulandelayo kungaholela ekumisweni kwemali yakho yesibonelelo:

  • uma izimo zakho ziguquka
  • umphumela wokubuyekeza
  • uma uhluleka ukuhlanganyela uma usizo lwemali yakho lubuyekezwa
  • uma ukhwabanisa noma uzimelela ngendlela engalungile wena uqobo
  • uma kwakunephutha ngesikhathi kuvunywa usizo lwakho lwemali yesibonelelo.

Ingaphelelwa isikhathi nini imali yakho yesibonelelo?

Usizo lwemali luzophelelwa isikhathi uma:

  • ushona
  • ulaliswa esikhungweni sikahulumeni
  • ungayithathi imali izinyanga ezintathu ezilandelanayo
  • ungekho ezweni.

Uma omunye wamalunga amukelwa esikhungweni simbe esinezivumelwano ezithile nombuso ukuba ulinakekele noma uligcine lelo lunga, isibonelelo sikahulumeni ke siye sehliswe siye ku 25% okuyimali emiselwe yesibonelwlo zikahulumeni neqala ukutholakala ezinyangeni ezine lowo emukelwe kuleso sikhungo. Lesibonelelo sikahulumeni esehlisiwe siye sibuyiselwe ngokukhawuleza nje emuva kokuba lelo lunga liphothulile kuleso sikhungo.

Usizo lwemali yesibonelelo sabadala

Okufanele ukwenze

  • Yana ehhovisi Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA) eliseduze kakhulu nalapho ohlala khona ulethe okulandelayo:
    • Incwadi yakho kamazisi enebhakhodi enamadijithi ayi-13 (ID). Uma ungenaye umazizi:
      • kufanele ugcwalise i-afidavithi ngokwendlela yefomu Lenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika  elisezingeni phambi koKhomishina Wezifungo ongesuyena umsebenzi we-SASSA
      • kufanele ulethe isitatimende esifungelwe esisayinwe umuntu ohloniphekile (njengekhansela, umholi wendabuko, usonhlalakahle, umfundisi wenkolo noma uthishomkhulu) ongafakazisa igama lakho kanye neminyaka yakho yobudala
      • umsebenzi we-SASSA uzothatha imilobo yeminwe yakho. Uzodluliselwa eMnyangweni Wezasekhaya ukuyofaka isicelo sikamazisi ngisho lapho isicelo sakho sisasetshenzwa. Uma ungamtholi umazisi, lungamiswa usizo lwakho lwemali yesibonelelo.
    • ubufakazi besimo somshado (uma bukhona)
    • ubufakazi bendawo yokuhlala
    • ubufakazi bemali oyitholayo kanye/noma inhlukaniselwano (uma ikhona)
    • ubufakazi bezimpahla zakho, kubandakanya inani lempahla yakho
    • ubufakazi bempesheni yangasese (uma bukhona)
    • izitatimende zakho zasebhange zezinyanga ezintathu
    • Uma wawuqashiwe, Isikhwama Somshuwalense Wabalahlekelwe Wumsebenzi  (‘incwadi elwandle’) noma isitifiketi sokuxoshwa esivela kumqashi wakho wangaphambilini.
    • ikhophi yencwadi yokwaba ifa kanye nama-akhawunti eyokuqala neyokugcina yokuchithwa kwempahla kuzokhokhwa izikweletu kanye nokuhanjiswa lapho kufanele khona, uma ngabe oganene naye ashona eminyakeni emihlanu eyedlule.

Sicela uqaphele: Uma umdala kakhulu noma ugula ukuthi ungaya ehhovisi uyofaka isicelo, ilungu lomndeni noma umngane angafaka isicelo egameni lakho. Umuntu kufanele athathe incwadi kuwe kanye/noma inothi kadokotela eshoyo ukuthi kungani ungakwazi ukuvakashela ehhovisi.

  • Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo kukhona umsebenzi Wenhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (yazi ukuthi nguwe kuphela njengomfaki sicelo noma umsebenzi ka-SASSA okwazi ukugcwalisa ifomu lokufaka isicelo). Umsebenzi uzokubuza imibuzo bese ekutshela ukuthi ufanelekile yini ukuthola usizo lwemali yesibonelelo.
  • Uzonikezwa irisidi. Ligcine njengobufakazi bokuthi usifakile isicelo.

Uma ngabe isicelo sakho singavunywanga?

Uma isicelo sakho singavunywanga, Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika izokwazisa ngokukubhalela ukuthi kungani isicelo sakho singabanga yimpumelelo.

Uma ungavumelani nesinqumo, ungadlulisela isicelo kuNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi eMnyangweni Kazwelonke Wezokuthuthukiswa Komphakathi. Kufanele udlulise isicelo ezinsukwini ezingama-90 wazisiwe ukuthi isicelo sakho asibanga yimpumelelo.

Isikhathi esinqunyiwe

  • Kungathatha isikhathi esifika ezinyangeni ezintathu ukusebenza isicelo sakho.
  • Uma usizo lwakho lwemali luvunyiwe, uzokhokhelwa kusukela ngosuku owafaka ngalo isicelo.

Kubiza malini

Ukunikezelwa kosizo kumahhala.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okufaka izicelo awekho ku-inthanethi, kodwa ungalithola ehhovisi lokuvikela umphakathi eliseduze kakhulu nawe (SASSA).

Umuntu okufanele uxhumane naye.

Imininingwane yokuxhumana

Inhlangano Yezimpensheni Nezibonelelo Zikahulumeni eNingizimu Afrika (SASSA)

 

SASSA Toll free: 0800 60 10 11
Email:  GrantEnquiries@sassa.gov.za  

Share this page