Bhalisa njengothishela
Uma unguthishela oqeqeshiwe oneziqu ofuna umsebenzi eNingizimu Afrika, kufanele ubhalise ngaphansi kwesiGungu soThishela baseNingizimu Afrika (i-SACE).
Iziqu zakho kufanele ziqinisekiswe ukuthi ungawuthola umsebenzi kwezemfundo ngaphambi kokuba ubhaliswe ngaphansi kwe-SACE. Uma uneziqu zesikhungo semfundo esingaphandle kwaleli, kufanele nazo ziqale zibukezwe zihlolisiswe nguMkhandlu Owengamele Iziqu zaseNingizimu Afrika (i-SAQA).
Ukuze uthole ulwazi oluthe xaxa mayelana nokubhalisa njengothishela thintana nalezi zindawo ezilandelayo:
- Amahhovisi akwa-SACE noma uthintane nabo kulezi zinombolo: 012 663 9517 / 086 1007 223.
- Umnyango wezeMfundo eyisiSekelo noma thintana nabo kule nombolo: 012 357 3000.