Usizo oluhlinzekwa ngamaNxusa

UMnyango  Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana (i-DIRCO) izonikezela ngosizo oluhlinzekwa ngamanxusa kubantu baseNingizimu Afrika abasebenza, abahlala, abavakashela nabafunda phesheya.

Kungadingeka ukuthi ulethe imininingwane echaza ubuzwe bakho, lokhu kwenziwa kubhekwe usizo oludingayo. Uma ngabe kunokungabaza okuthile kungcono ubuze ngokushaya ucingo, lokhu kungalonda isikhathi. Usizo oluhlinzekwa ngamaNxusa lutholakala mahhala ngaphandle-nje uma kuchaziwe ukuthi luyakhokhelwa.

Izinsizakalo lezi zibandakanya usizo lwezimo eziphuthumayo, usizo lwezomthetho noma usizo ngokushicilela kabusha izincwadi zokuvakasha ezilahlekile okanye ezintshontshiwe.

Ukuze uthole usizo uma uphesheya xhumana neSikhulu Esimele iNingizimu Afrika phesheya esiseduze noma uMqondisi Oyinhloko: Wosizo Oluhlinzekwa ngamaNxusa ePitoli.

 

Share this page