Izinkonzo (izinsiza) zabantu baseNingizimu Afrika ababanjiwe

Abantu baseNingizimu Afrika ababoshwe phesheya bangacela abaphathi bakulelo lizwe ukuthi bavunyelwe ukuthi baxhumane neSikhulu EsimeleiNingizimu Afrika phesheya. Kungenjalo, omunye okulelo lizwe angaxhumana neSikhulu Esimele iNingizimu Afrika phesheya noma noPhiko Oluyinhloko Losizo Oluhlinzekwa ngamaNxusa lwe-DIRCO ePitoli akhulumela laba ababoshwe emajele waphesheya.

Amanxusa ahlinzeka ngosizo azoqinisekisa ukuthi izakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziboshwe emajele waphesheya ziphathwa kahle. Bazovakashela izakhamuzi eziboshiwe; bazihlinzeke ngolwazi mayelana nohlelo olusemthethweni olusetshenziswa kulelo lizwe baphinde futhi baxhumane nomndeni noma abangani balowo oboshiwe, uma isicelo sibhaliwe.

Funda ngokugcwele mayelana nosizo olunikezwa Abantu baseNingizimu Afrika ababoshwe emajele waphesheya, noma thintana neSikhulu Esimele iNingizimu Afrika phesheya okanye noPhiko OluyinhlokoLosizo Oluhlinzekwa ngamaNxusa ePitoli.

 

Share this page