Ukuhlola okuqinisekisa ukuzalana kwabantu

Uma ufuna ukuthola ukuthi ingabe uyazalana na nomuntu othile noma cha, ungaya kokwenza ukuhlolwa kwegazi esiKhungweni Sikazwelonke Samalabholethri Ezempilo.

Ukuhlolwa kokuzalana kwabantu kuhlaziya uhlobo lwegazi ukuze kubonakale ukuthi ingabe uhlobene na nomuntu othile. Imiphumela ephikayo iqinisekisa ukuthi awuzalani nalowo muntu kodwa imiphumela evumayo iqinisekisa kuphela ukuthi kungenzeka. Umuntu ngayedwana, ummeli noma imantshi ingafaka isicelo sokuhlola ukuzalana kwabantu.

Funda kabanzi mayelana nokuhlola ukuzalana kwabantu noma uxhumane nesiKhungo Sikazwelonke Samalabholethri Ezempilo kule nombolo 011 489 9470.

 

Share this page