Bhalisela ukuthola imali eyimbuyiselo kadizili

Ungafaka isicelo sokuthola imali eyimbuyiselo  kadizili uma ubhalise njengomthengisi okhokha i-VAT futhi ibhizinisi lakho libandakanyeke kwenye yalezi zimboni ezilandelayo:

  • ukulima umhlaba
  • ukumba umhlaba
  • ezamahlathi
  • imisebenzi yasogwini lolwandle.

Udizili ofaka isicelo sembuyiselo kuwo kumele kube ukuthi uthengwe futhi wasetshenziswa ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nendlela yokufaka isicelo sokuthola imali eyimbuyiselo kadizili noma uthintane nabakwa-SARS.

 

Share this page