Isicelo sobhaliso yokudla kwemfuyo nokudla kwezilwanyana

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokubhalisela ukudla okondla izilwane

Ukubhalisela ukukhiqiza ukudla kwezilwane, kumele ubhalilse kuMbhalisi we Act 36 ka 1947.

Ukudla kwezilwane kuqukethe amavitamini nama mineral acutshiwe. Kusetshenziselwa ukodla izilwane nemfuyo.Kumele ube isakhamuzi sase Ningizimu Afrika noma ube ngumuntu osebenzela umthetho la e Ningizimu Afrika ukuze ukwazi ukubhalisa.Uma kukhona umuntu osebhalisele ukudla kwezilwane nawe ofuna ukukubhalisela, kumele uthole imvumo kuyena  kuqala ngaphambi kokuba ubhalise.

Ngaphambi kokuba ulethe isicelo sakho, kumele ulethe isampuli yokudla kwezilwane kwihhovisi lomcubunguli. Ukudla kwezilwane kumele icutshungulwe ngendlela okuyiyona yona.  Kufanele uthole isitifiketi  ehhovisi lokucubungula okumele lihambisane nefomu lakho lokubhalisa. Umbhalisi angeke asemukele isicelo sakho uma singekho isitifiketi socubungulo esiphuma kwihhovisi lokucubungula.

Qaphela: Kumele uvuselele isicelo njalo emva kweminyaka emithathu. Isikhungo sezolimo sizokwazisa uma sekufanele uvuselele isicelo sakho.

Okufanele ukwenze

  1. Hambisa isampuli yokudla okondla izilwane kwihhovisi lomcubunguli ukuze umcubunguli athole isitifiketi.
  2. Bhalela u Mbhalisi incwadi enalemininingwane:
    • Igama lokudla okondla izilwaneInombolo okubhaliswe ngayo ukudla kwezilwane, Uma ngabe sekubhalisiwe nikeza isizathu ( ukuthi isicelo esisha noma ufuna ukubhalisela olunye uhlobo lokudla okondla izilwane) 
    • Imvume ebhalwe phansi, uma ngabe uhlobo lokudla okondla izilwane oselubhaliswe omunye umuntu.
    • Isicifiketi socubungulo
    • Isiqinisekiso sokuthi sicelo sesikhokhelwe. Lokhu akudingekile uma ulethe isicelo sakho wena mathupha futhi uzokhokha  esikhungweni sezolimo.  Agriculture, Forestry and Fisheries (DAFF).
    • Iphakethe noma isigubhu esizophatha ukudla noma ilebuli elitshengisa uhlobo lokudla.
  3. Thola ifomu. Ifomu kumele lisayinwe abezomthetho.
  4. Faka incwadi, iphakethe noma isigubhu esizophatha ukudla, ilebuli kanye nesitifiketi socubungulo usihlanganise nefomu lokubhalisa. 
  5. Thumela ifomu (okuyilonalona nekhophi) kanye nalokhu okubhalwe ngenhla ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Private Bag X343, Pretoria, 0001 noma ulilethe wena mathupha ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Agriculture Place, 20 Steve Biko Street, Arcadia Pretoria
  6. Khokha inani elibekiwe. Uma utzothumela isicelo ngeposi khokha inani elifanele usebenzise I postal order ubhale nokuthi imali iya ku Director General Agriculture.Uma uzilethela isicelo ngokwakho, kumele ukhokhe ngalesosikhathi. Faka imininingwane yokukhokhela efana nale oyithola kumqulu noma incwadi yokuhlanza izitshalo.
    Account name: NDA-ACT36 of 1947
    Account number: 11 2031 02
    Branch code: 01 0845
    Bank name: Standard Bank
    Ref: 11FF1 kanye negama lenkampani.

Isikhathi esinqunyiwe

Kusithatha isikhathi esingangezinyanga ezine

Imininingwane yokuxhumana

 

Administration

Lindinkosi Lembethe
Tel: 012 319 6863
E-mail: LindinkosiL@daff.gov.za

National office
Tel: 012 319 6657
Fax: 012 319 7179
Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address: Private Bag X343, Pretoria 0001
Web address: http://www.old.dalrrd.gov.za/Branches/Agricultural-Production-Health-Fo…

Share this page