Ukungenisa ukudla kwasemapulazini kanye nokwezilwane

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokungenisa ukudla kwasemapulazini kanye nokudla kwezilwane ezifuywa ezindlini

Ukungenisa ukudla okondla izilwane e Ningizimu Afrika, kufanele ufake isicelo sokuthola imvume bese ubhalisele nesicifiketi ku Mbhalisi we Act 36.

Kumele ungenise kulamachweba alandelayo:

Land border posts

  • Beitbridge
  • Caledonspoort
  • Ficksburg
  • Golela
  • Groblersburg
  • Kapfontein
  • Jeppestreef
  • Lebombo
  • Mahamba
  • Mananga
  • Maseru Bridge
  • Nakop
  • Nerston
  • Oshoek
  • Qachas’ Nek
  • Ramatlabana
  • Skilpadshek
  • Van Rooyenshek
  • Vioolsdrif

International airports

  • Cape Town
  • Durban
  • Gateway (Polokwane/Pietersburg)
  • OR Tambo
  • Lanseria
  • Port Elizabeth
  • Richards Bay
  • Upington
  • Bloemfontein
  • Mahikeng

International harbours

  • Cape Town
  • Durban
  • East London
  • Mossel Bay
  • Port Elizabeth
  • Richards Bay
  • Saldanha Bay

Inland

  • Johannesburg
  • Kimberley
  • Pretoria
  • Mmabatho
  • Pietermaritzburg
  • Upington
  • Bloemfontein
  • Stellenbosch
  • Germiston

Uma unesitifiketi esibhalisiwe, awudingi ukuthola imvume yokungenisa. Ungasebenzisa isitifiketi esibhalisiwe ukungeni kuleli. Cofoza ngenzansi uzothola ukuthi ungasibhalisela kanjani isitifiketi.

Imigqomo ozoyisebenzisa ukungenisa kulei, kumele ibhalwe futhi ibe namalebuli lomkhiqizo owungenisa kuleli.           

Okufanele ukwenze

  1. Hambisa isampuli yokudla okondla izilwane kwihhovisi lomcubunguli ukuze umcubunguli athole isitifiketi.
  2. Bhala incwadi (ephepheni elinombhalo wenkampani) ubhalele umbhalisi ubalule ukuthi ufuna ukungenisa ukudla kwasemapulazini kanye nokudlwa kwezilwane ezifuywa emakhaya. Imininingwane kufanele ifake nalokhu:
    • Igama lokudla okondla izilwane
    • Inani ofuna ukulingenisa kuleli
    • Isiqiniseko sokulandela imithetho yezwe ( kumele uthole lelifomu ezweni ozobe uthola kulona imikhiqizo
    • Inombolo okubhaliswe ngayo ukudla kwezilwane, Uma ngabe sekubhalisiwe nikeza isizathu ( ukuthi isicelo esisha noma ufuna ukubhalisela olunye uhlobo lokudla okondla izilwane)
    • Imvume ebhalwe phansi, uma ngabe uhlobo lokudla okondla izilwane oselubhaliswe omunye umuntu.
    • Isitifiketi socubungulo
    • Ichweba ozothola imikhiqizo yangaphandle kuleli
    • Isizathu sokungeni kuleli
    • iphakethe noma isigubhu esizophatha ukudla noma ilebuli elitshengisa uhlobo lokudla.
  3. Thola ifomu. Ifomu kumele lisayinwe abezomthetho.
  4. Faka incwadi, iphakethe noma isigubhu esizophatha ukudla, ilebuli kanye nesitifiketi socubungulo usihlanganise nefomu lokubhalisa. 
  5. Khokha inani elibekiwe. Uma utzothumela isicelo ngeposi khokha inani elifanele usebenzise I postal order ubhale nokuthi imali iya ku Director General Agriculture.Uma uzilethela isicelo ngokwakho, kumele ukhokhe ngalesosikhathi. Faka imininingwane yokukhokhela efana nale oyithola kumqulu noma incwadi yokuhlanza izitshalo. Ref: 11FF1 kanye negama lenkampani.
  6. Thumela ifomu (okuyilonalona nekhophi) kanye nalokhu okubhalwe ngenhla ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Private Bag X343, Pretoria, 0001

Isikhathi esinqunyiwe

Ukuthola imvume yokungenisa izimpahla kuthatha isonto elilodwa. Ukubhalisela isitifiketi kuthatha izinyanga ezine.

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi- 2024/25

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for registration of farm feed (Amafomu ezinhlobo ezahlukene)

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Agriculture Inputs Control

Tel: 012 319 7103/7847 
E-mail address: AICHelpdesk@daff.gov.za
Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address:  Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development, The Registrar: Act No. 36 of 1947, Private Bag X343, Pretoria 0001

 

Share this page