Ukufaka isicelo selungelo lokuvukuza emayini

Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani

 

 

Mayelana nokufaka isicelo selungelo lokuvukuza emayini

Uma ufuna ilungelo lokuvukuza, udinga imvume evela kuMnyango wezokuMbiwa Phansi yokuvukuza izimbiwa phansi endaweni ethile.

Ilungelo lokuvukuza akufanele leqe isikhathi seminyaka engama-30.

Ilungelo lokuvukuza liyanikezwa uma:

  • isimbiwa phansi leso singambiwa ngokuphelele
  • unezimali nekhono lokwenza umsebenzi wokuvukuza lowo ngako konke okusemandleni
  • uhlelo lwezimali luyahambisana nomsebenzi wokuvukuza kanye nesikhathi esinqunyiwe
  • akukho kungcoliswa noma ukulinyazwa kwemvelo okungavumelekile okuzodalwa ukwenziwa komsebenzi wokuvukuza
  • uhlinzekiwe ngezimali nokunye okudingekayo ukuze uqhube umsebenzi wokuvukuza kanye nezinye izinhlelo ezibekiwe maqondana nomphakathi nabasebenzi
  • aweqi uMthetho Wokuthuthukiswa Kwezinsiza zezokuMbiwa Phansi, Nephethroliyamu wezi- 2002 (Umthetho wama-28 wangowezi-2002) (i-MPRDA)
  • umsebenzi uyahambisana Nosomqulu Wezokuvukuza.

Okumele ukwenze

  1. Faka isicelo ku-inthanethi.
  2. Khokha isamba leso esingabuyiswa ku-inthanethi.
  3. Uma isicelo sakho samukelwe, uzokwaziswa ukuba ulethe ipulani osophe ukulawula ngalo ukuphathwa kwendawo ukuze ligunyazwe.
  4. Yazisa uphinde uxoxisane nabo bonke abantu abathintekayo nabazothikamezeka ezinsukwini eziyi-180 kusukela ngosuku lwesaziso.

Kuthatha isikhathi esingakanani

  • Uma isicelo sakho sihlangabezana nazo zonke izidingo ezibekiwe imenenja yesizinda izokuthumelela isaziso esibhaliwe ezinsukwini eziyi-14 zokwamukelwa kwesicelo uma sigunyaziwe. Imenenja yesizinda izokuyalela ukuba ubonisane nomnikazi mhlaba, ohlezi kuwo kanye nazo zonke izingxenye ezithintekayo nezithikamezekayo.
  • Uma isicelo singaphumelelanga imenenja yesizinda izokubuyisela isicelo esikhathini sezinsuku eziyi-14.
  • Uma uNgqongqoshe enqaba ukugunyaza ilungelo lokuvukuza, uzobhalelwa waziswe kungakapheli izinsuku ezingama-30, unikezwa izizathu zokunqaba.

Kubiza malini

Maleyana nezindleko, thintana noMnyango Wezokumbiwa Phansi.

Amafomu okufanele agcwaliswe

Izicelo kufanele zilethwe ku-inthanethi.

Kuthintwe bani

 

Share this page