Isicelo sobhaliso (serejistreshini) yelungelo lobuqambi bento entsha (patent)

Bhalisa itayitele lakho lokukhiqiza ngaphansi kweKhomishana yokuBhalisa iziNkampani neMpahla yokuZakhela (i-CIPC) ukuze ugweme ukuba abantu benze, basebenzise, basebenze, baledlulisele kwabanye, noma bahwebe ngetayitele lakho ngaphandle kwemvume yakho.   

Itayitele lokukhiqiza yilungelo eliyikhethelo olinikezwa ukuba wakhe umkhiqizo wakho ozisungulele wona. Lokhu kufanele kube wumkhiqizo noma inqubo ehlelemba indlela entsha yokwenza into ethile, noma onikeza isisombululo sobuchwepheshe enkingeni ethile. Ukuvikelwa kwetayitele lokukhiqiza kuchaza ukuthi omunye umuntu ngeke akhiqize, enze, asabalalise noma adayise umkhiqizo wakho ngenhloso yokwenza inzuzo ngaphandle kwemvume yakho ngesikhathi esimisiwe seminyaka engama-20.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana netayitele lokukhiqiza umkhiqizo wakho kwabe-CIPC) noma uthintane nabo kule nombolo:  086 100 2472.

 

Share this page