Isicelo sobhaliso yomanyolo e-Group 1

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nokubhalisela umanyolo isigaba sokuqata

Ukwenza noma ukudayisa umanyolo isigaba sokuqala, Kufanele ubhalise kumbhalisi we Act 36 ka 1947. Isigaba sokuqala sikamanyolo isqukethe 100g/kg we nitrogen (N), phosphorus (P) or potassium (K).

Ube ngowakuleli noma obhalise kuleli ngokomthetho Ukuze ukwazi ukuthola imvumo.

Uma umanyolo ofuna ukuwubhalisela sewubhaliswe omunye umuntu, Kufanele uthole imvumo ebhalwe phansi kumuntu obhalisele lolohlobo lukamanyolo.

Kufanele uhambise umanyolo la uzocutshungulwa khona ngaphambi kokuba uhambise isicelo sakho. Umanyolo uyobe usucwaningwa bese uthola isicifiketi socwaningo. Umbhalisi angeke asamikele isicelo sakho umangabe  singekho isicifiketi socwaningo.

Qaphela: Kufanele uvuselele imvumo yakho njalo emva kweminyaka emithathu ngaphambi komhlaka 31 December.

Okufanele ukwenze

  1. Hambisa umanyolo ukuba ucwaningwe khona uzothola isicifiketi.
  2. Bhala incwadi enalemininingwano elandelayo:
    • Igama likamayolo
    • Inombolo okubhaliswe ngayo umanyolo, Nesizathu sokunezezela umanyolo uma ufuna ukubhalisa olunye uhlobo lukamanyolo.
    • Faka imvumo uma ufuna ukubhalisa umanyolo osuke wabhaliswa ngaphambilini.
    • Isicifiketi socwaningo.
    • Isiqiniseko sokuthi ukhokhile nokuthi ukhokhele luphi uhlelo . Lokhu akudingeki uma uzozihambisela futhi uzokhokhela isicelo sakho mathupha  isikhungweni sezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi .
  3. Thola ifomu Ukubhalisela umanyolo wesigaba sokuqala
  4. Faka incwadi, ilebuli likamanyolo, isicifiketi socwaningo. Yenza ikhophi eyodwa yefomu.
  5. Hambisa ifomu kanye nekhophi neminye imininigwano ebaliwe ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Private Bag X343, Pretoria, 0001 noma uma uzihambisela wena mathupha hambisa ku: The Registrar: Act No. 36 of 1947, Agriculture Place, 20 Beatrix Street, Arcadia Pretoria
  6. Khokha inani elifanele ngesheke, ngeposi noma nge money ku  Director-General : Wesikhungo sezolimo, amahlathi kanye nezezinhlanzi. Uma uzozihambisela wena mathupha isicelo sakho kanye nemali yesicelo sakho qikelela ukuthi uthola ilisidi. Uma ukhokha ngesimanjemanje ( Electronic Transfer Account), Sebenzisa lemininingano elandelayo:
  7. Account name: NDA-ACT36 of 1947
    Account Number: 11 2031 02
    Reference: Name of your company, Branch code: 01 0845, Bank Name: Standard Bank.

Isikhathi esinqunyiwe

Kuthatha zinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha.

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi-2024/25

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for the Registration of a Group 1 Fertilizer (Ukubhalisela umanyolo wesigaba sokuqala).

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Agriculture Inputs Control
Tel: 012 319 7103/7847
E-mail: AICHelpdesk@daff.gov.za

Physical address: 20 Steve Biko Street, Arcadia, Pretoria
Postal address:  Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development, Private Bag X343, Pretoria 0001

Share this page