Isicelo sobhaliso yomhlaba wokugcina inyathi

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokufakwa kwezicelo nokubhaliselwa komhlaba ukugcina izinyathi

Uma unesifiso sokugcina izinyathi, kumele uqale ngokubhalisa umhlaba ngaphansi komnyango obhekelela ezolimo namahlathi kanye nabadobi owaziwa ngo Mnyango wezolimo, amahlathi nezezinhlanzi.

Kumele uqale ngokuthola imvume ophikweni lababhekelela ezemvelo kuleso sifundazwe.

Okufanele ukwenze

  1. Xhumana negatsha eliseduze nawe ukufaka isicelo sokubona udokotela wezilwane wesifunda.
    •  Kumele uphathe lokhu okulandelayo uma uyofaka isicelo uye nakho ngqo ehhovisi likadokotela wezilwane wesifunda:
    • Kufanele uthole umqulu ngaphambi kokuba ubhalise uwase ehhovisi likadokotela wezilwane.
  2. Ikhophi yebalazwe ekhombisa ngqo umhlaba ozofakelwa isicelo.
  3. Kumele ifomu lesicelo uligcwalise ndawonye nodokotela wezilwane walesosifunda.
  4. Udokotela wezilwane wesifunda kuyomele ahlole umhlaba nobiyo bese eqinisekisa nezifo ezingatheleleka noma ezingthelelwa Izinyathi.
  5. Umphathi wodokotela bezilwane esifundazweni kumele bafakaze ukuba ukhona umhlaba owanele ukubhekela izimo zikhathi zonke, ukuhamba kwenyathi kuzobhekeleleka futhi kuzobalula ukulandela imithetho ngaphendle kokuthicha isikhathi.
  6. Ifomu lesicelo kemele lisayinwe umnini noma umphathi, udokotela wezemfuyo wesifundazwe jikelele kanye nenhloko yesifunda ebhekelele izidingo nokwelashwa kwemfuyo. Inhloko ebhekelele ezemfuyo yesifunda kuyomele ithumele isicelo ku Mqondisi obhekele ezezempilo yezilwane.
  7. Izikhulu zomnyango wezolimo, amahlathi kanye nezezinhlanzi, kanye nolewazi lwezezinyathi kubhaliswa bese kiphintwa isitifiketi sokubhalisa kumnini womhlaba. Isitifiketi sithunyelwa dokotela wezilwane oletha isicelo. Ungalanda isitifiketi ehhovisi lika dokotela wezilwane oseduze osebenzela uhulumeni.

Isikhathi esinqunyiwe

Isikhathi esibekelwe ukuphumeleliswa kwezicelo izikhulu zabahlola izilwane esifundazweni. 

Uma isicelo sesifike ku Mqondisi obhekele ezempilo zezilwane, ukubhalisa kungathatha cishe izinsuku eziyishumu.

Kubiza malini

Izindleko zingashiyana kuya ngezifunda okuxhunyanwe nazo. 

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page