Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla zingama-28 kuNhlolanja 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zingama-28 kuNhlolanja 2018 e-Tuynhuys, eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Inkulumo Yesabelomali Sikazwelonke

1.1. IKhabhinethi liyakuthokozela impela ukwamukelwa ngezandla ezifudumele kweSabelomali Sikazwelonke sowezi-2018 esethulwe ngeviki eledlule ePhalamende, eKapa. Njengoba kuvunguza umoya wokuvuselela kabusha ezweni lethu, iKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babambisane nohulumeni ekukhuliseni umnotho wezwe futhi kuvulwe namathuba omsebenzi adingeka kakhulu kuleli.
1.2. Ukuncishiswa kochithomali lukahulumeni ngesamba esingamabhiliyoni angama-85 amarandi kule minyaka emithathu ezayo kubonisa ukuzibophezela kukahulumeni ekunciphiseni igebe elikhona phakathi kochithomali kanye nemali engenayo emgodlagodleni kahulumeni, futhi kubonisa ukwabiwa kwezimali nezinsiza zikahulumeni ngobuhlakani obukhulu njengomzamo wokukhulisa umnotho.
1.3. Izinyathelo ezimenyezeliwe zokunciphisa isivinini sokudlondlobala kwesikweletu sezwe futhi kuncishiswe nokushoda kwesabelomali zizolwenza ngcono kakhulu uhlaka lwemigomo nezinqubo zokuphathwa kwezimali kuleli, futhi okuzokwenza ukuba abantu baseNingizimu Afrika babe nethemba ngekusasa lomnotho wezwe.
1.4. IKhabhinethi liyakholelwa kakhulu ekutheni noma kanjani lezi zinyathelo ezimenyezeliwe zizowusimamisa umnotho wezwe, futhi lokhu kuzokwenza ukuba likwazi ukuqinisekisa indawo yalo eminothweni yamazwe ngamazwe futhi livikele nesimo sokubekwa kwalo ezingeni leminotho efanelekile ukuba kutshalwe izimali kuyona.
1.5. ISabelomali Sikazwelonke sowezi-2018 siyabasekela impela abantu abahlwempu ezweni lethu ngokusebenzisa uhlelo olubanzi lwezibonelelo zomphakathi kanye nokuhlinzekwa kwemfundo ephakeme yamahhala kubafundi abavela emakhaya adla imbuya ngothi.
1.6. Njengomzamo wokusabela esikhalazweni sabantu mayelana nokukhushulwa kweNtela Yentengo (i-VAT) okuhlongozwayo, iKhabhinethi lisabhekisisa ukuthi mhlawumbe ngeke yini kube wusizo ukwandisa nokukhulisa isibalo sokudla okuyisisekelo ohlwini lwezinhlobo zokudla okungakhokhelwa iNtela Yentengo.

2. Umgubho Weminyaka Eyikhulu Kwazalwa u-Nelson Mandela

2.1. NjengoMongameli Cyril Ramaphosa, iKhabhinethi nalo liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba bazibophezele ngokubambisana ekusebenzeleni izwe nabantu bakuleli, njengoba siqhubeka nokugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa uMongameli waphambilini wakuleli u-Nelson Mandela. UMadiba nguMongameli wokuqala weNingizimu Afrika ebuswa ngentando yeningi labantu futhi ukube ubesawadla anhlavana, ubezohlanganisa iminyaka yobudala eyi-100 mhla ziyi-18 kuNtulikazi 2018.
2.2. UMadiba yingqalabutho ehlonishwa emhlabeni wonke jikelele njengesiShabasheki Samalungelo Esintu, esalwisana nokucwaswa kwabantu ngokobuhlanga nangokobulili. Wadlala indima esemqoka kakhulu ekuletheni ubumbano kubantu baseNingizimu Afrika nasekugqugquzeleni ubumbano lwentando yeningi labantu ezwekazini lase-Afrika lonkana nasemhlabeni jikelele.
2.3. Umgubho wokuqala weminyaka eyikhulu kwazalwa u-Nelson Mandela wabanjwa ngenkathi kuqhubeka iNgqungquthela Yenhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU) e-Addis Ababa, kwelase-Ethiopia ngoMasingana 2018. Kulo nyaka, kunemicimbi ehlukahlukene ezobanjwa ezweni lonkana ngenhloso yokukhumbula nokuxoxisana ngempilo kaTata uMadiba.
2.4. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babe yingxenye yemicimbi yokugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa uMadiba ezikhungweni abasebenza kuzona, ezikoleni, ezinkonzweni kanye nasezinhlanganweni zomphakathi. IKhabhinethi liyasinxusa thina sonke ukuba sihambe ezinyathelweni zika-Nelson Mandela ngokuthi sisebenze ngezindlela zethu ezihlukahlukene ukwakha izwe elibumbene, elingenakho ukucwasana ngokobuhlanga nangokobulili, futhi eliphumelelayo.
2.5. Kulo nyaka, izwe lethu ligubha futhi iminyaka eyikhulu kwazalwa enye yamadodakazi engabadi yase-Afrika ayibekile impela induku ebandla, uMama u-Albertina Sisulu, owanikela impilo yakhe ekulweleni ukukhululwa kwabezifazane ngaphansi kwengcindezelo futhi owalwela nenkululeko yeNingizimu Afrika. Emhlanganweni walo olandelayo, iKhabhinethi lizohlinzeka ngeminingwane yohlelo oluzolandelwa ukugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa uMama u-Albertina Sisulu.

3. Isomiso

3.1. IKhabhinethi liyayithokozela imizamo elokhu iqhubeke njalo eyenziwa yiKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Umsebenzi Wokubhekana Nesomiso ngokubambisana nabo bonke abathintekayo kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni nezomphakathi wonkana ekutholeni amasu okulwisana nesomiso esilokhu siqhubeke njalo, esesikhahlameze izingxenye zezwe eziningana impela.
3.2. Ngaphandle nje kweqiniso elingephikiswe lokuthi iNingizimu Afrika iyizwe elinamanzi ayingcosana, isivuvu somhlaba naso siyaqhubeka nokuphazamisa ukutholakala kwezimvula ngendlela ejwayelekile kuleli, okwenza ukuba umthamo wamanzi emadanyini ezwe lethu uqhubeke nokuba phansi kakhulu.  
3.3. IThimba LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Umsebenzi Wokubhekana Nesomiso liyaqhubeka ukuhola nokulawula umsebenzi owenziwayo phakathi kukahulumeni kazwelonke, izifundazwe kanye nomasipala kuzona zonke izindawo ezikhahlanyezwe yisomiso. Lokhu kubandakanya ukuqaliswa kwezinyathelo zesikhathi esifushane, zesikhathi esimaphakathi kanye nezesikhathi eside, okuhloswe ngazo ukuvimbela nokunciphisa umthelela wesomiso.
3.4. Uhulumeni usebeke eceleni izimali ezizosetshenziselwa ukuhlinzeka ngosizo lwesikhathi esifushane ezifundazweni ezikhahlamezekile. Uhulumeni usehlinzeke ngesibonelelo-mali sesomiso esiyizigidi ezingama-473 zamarandi futhi ngonyaka-mali wezi-2018/19 uzohlinzeka ngesinye isabelomali esengeziwe esingamarandi angamabhiliyoni ayisithupha okuhloswe ngaso ukukhulisa nokwandisa ingqalasizinda yamanzi esifundazweni saseNtshonalanga Kapa, eMpumalanga Kapa kanye naseNyakatho Kapa.
3.5. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu bakuleli ukuba baqhubeke nokubambisana nohulumeni ekongeni amanzi, ngokuthi bawasebenzise ngokucophelela futhi bangawamoshi. IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ekwenzeni iNingizimu Afrika izwe elithandwa ngabavakashi, ngokunjalo nabatshali-zimali.  

4. Ukubulawa kwamaphoyisa

4.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana kwalo nemindeni nabangani bamaphoyisa amahlanu kanye nesosha eselathatha umhlalaphansi, ababulawe ngesihluku esikhulu esigamekweni esenzeke esikhathini esifushane esedlule sokuhlaselwa kweSiteshi samaPhoyisa saseNgcobo eMpumalanga Kapa.
4.2. IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukubulawa okungenangqondo kwamalungu emibutho yezokuphepha nokuvikeleka yakuleli. Kuyinto engamukelekile neze ukubulawa ngisho kwelilodwa nje vo iphoyisa noma isosha noma omunye umuntu othweswe umsebenzi wokuvikela isizwe kanye nabantu bakuleli.
4.3. IKhabhinethi selijube uNgqongqoshe Wezamaphoyisa ukuba enze konke okusemandleni akhe ukuhlinzeka nokuhlomisa iziteshi zamaphoyisa zakuleli ngazo zonke izinsiza ezifanelekile ukuze kuvinjelwe ukuhlaselwa kwamaphoyisa okunjengalokhu esikhathini esizayo.
4.4. IKhabhinethi liyabanxusa futhi nabazali kanye nabo bonke abantu bakuleli ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo ziphephile ngaso isikhathi futhi babambisane nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuze kuvikelwe amalungelo ezingane zethu. Kumele zivezwe obala futhi zibikwe ngokushesha noma yiziphi izinhlobo zokuxhashazwa kwezingane. Ngokusebenzisana, sizokwazi ukugcina imiphakathi yethu iphephile futhi siqinisekise ukuthi izigebengu azitholi nencane indawo yokucasha.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi
1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koHlaka Lomthetho Olubuyekeziwe Lwenqubomgomo Kazwelonke Yezokuthutha ukuze umphakathi uphawule ngalo. Le nqubomgomo ihlose ukuhlinzeka ngohlelo lwezokuthutha oludidiyelwe ezinhlelweni zeminye imikhakha ehlobene nezokuthutha, ngenhloso yokunciphisa izindleko zokugibela izithuthi kanye nezindleko zokuqhuba ibhizinisi lezokuthutha. Inqubomgomo izoqinisekisa futhi nokuhambelana phakathi kwezinhlelo zokuthutha zakuleli kanye nezinhlelo zokuthutha zesimanjemanje ezisetshenziswa emhlabeni jikelele.

2. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMbiko Wokubonisana Wohlaka Lwenqubomgomo YaseNingizimu Afrika Yezemigwaqo ukuze umphakathi uphawule ngawo. Le nqubomgomo ihlinzeka ngohlaka lomthetho olubanzi oluzoqinisekisa ukuthi imigwaqo yaseNingizimu Afrika ilawulwa kahle futhi iphephile, futhi ibandakanya zonke izinhlobo zezithuthi ngenhloso yokuhlinzeka indlela esimeme yokulawulwa nokuphathwa kwemigwaqo. Inqubomgomo izolawula imithethonqubo yezemigwaqo, ingqalasizinda, ukuphepha, ukuxhaswa ngezimali kwemigwaqo kanye nalezo zithuthi ezingasebenzisi injini.

3. IKhabhinethi lithulelwe umbiko ngemiphumela yeNhlolovo kaZwelonke yoCwaningo  Nolwazi Lwentuthuko Olusha lowezi-2015/2016 (uCwaningo lwe-R&D). I-R&D iyingxenye ebaluleke kakhulu yentuthuko yenhlalo-mnotho yezwe. Lokhu kuwumphumela wokusebenza ngokubambisana phakathi kukahulumeni, abemboni yalo mkhakha kanye nezikhungo zocwaningo. Lo mbiko uyatholakala kwiwebhusayithi yoMnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe (i-DST): www.dst.gov.za.

4. IKhabhinethi liwagunyazile amadizayini ochungechunge lwabaqoqi bemali lwezinhlamvu zemali yesikhumbuzo lowezi-2018, oluzokhiqizwa yinkampani ekhiqiza izinhlamvu zemali yaseNingizimu Afrika, i-South African Mint Company. Izinhlamvu zemali yesikhumbuzo zowezi-2018 zizobungaza iMinyaka Eyikhulu Kwazalwa u-Nelson Mandela. Lezi zinhlamvu zemali zandulelwe yizinhlamvu zemali yesikhumbuzo yowezi-2017 ebeyibungaza iNingizimu Afrika ngaphansi kwengqikithi yeNkululeko, Intando Yeningi Labantu kanye Namasiko-mpilo.

C. Imithethosivivinywa

1. IKhabhinethi likugunyazile ukuba uMthethosivivinywa Wezokusokwa Ngokwesiko Lendabuko wezi-2018 wethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuvikela, ukugqugquzela kanye nokulawula ingxenye emayelana nokuphathwa kwenqubo yokusokwa ngokwesiko lendabuko.

UMthethosivivinywa uhlinzeka ngemigomo namazinga kazwelonke okuhloswe ngawo ukuvikela nokuphephisa izimpilo zabasokwa futhi kuvinjelwe nokulimala kwabo, ngokunjalo kunqandwe nazo zonke izinhlobo zokuxhashazwa abahlangabezana nazo.

2. IKhabhinethi likugunyazile ukuba iSichibiyelo Somthethosivivinywa wezi-2016 Wohlaka Lukazwelonke Lweziqu Zemfundo (i-NQF) lwethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa, ochibiyela uMthetho Wohlaka Lukazwelonke Lweziqu Zemfundo, wezi-2008 (uMthetho wama-67 wezi-2008), uqinisa lo Mthetho ngokwenza ngcono izinyathelo zokubhekana nabantu abaqamba amanga ngeziqu zabo zemfundo, futhi ubeka nezinyathelo ezizothathelwa labo abaqamba amanga ngeziqu zabo zemfundo noma izinhlangano ezikhipha iziqu-mbumbulu.
UMthethosivivinywa uphakamisa futhi nemithethonqubo yokuqinisekisa ukuthi iziqu zomgunyathi zidluliselwa ezinhlanganweni zemisebenzi yobungoti ezifanelekile (isizindalwazi okuzodalulwa kusona amagama abantu abaqamba amanga ngeziqu zabo zemfundo). Lo Mthethosivivinywa ubeka futhi nenqubo okumele ilandelwe mayelana nokugunyazwa kanye nokwamukelwa kweziqu zemfundo ezitholwe emazweni angaphandle.

3. IKhabhinethi likugunyazile ukuba uMthethosivivinywa Wezokuphepha Emkhakheni Wezokuthutha Ngezitimela wezi-2017 ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukwenza ngcono ezokuphepha emkhakheni wezokuthutha ngezitimela kanye nokwakha uhlaka lokuphatha nokulawula oluzoqapha umsebenzi woMlawuli Wezokuphepha Emkhakheni Wezokuthutha Ngezitimela. UMthethosivivinywa uhambelana futhi neNqubomgomo Kazwelonke Yezokuthutha Ngezitimela mayelana nokuqiniswa komsebenzi wokuqapha ukuphepha, kanye nokugqugquzela nokuqinisekisa ukuthotshelwa kwemithetho yokuphepha emkhakheni wakuleli wezokuthutha ngezitimela.

4. IKhabhinethi likugunyazile ukuba uHlaka Lomthethonqubo Wezomnotho woMthethosivivinywa Wezokuthutha wezi-2017 lushicilelwe ukuze kuboniswane nabo bonke abathintekayo futhi nomphakathi uphawule ngalo. Lo Mthethosivivinywa ubeka izinqubo okumele zilandelwe mayelana nokulawulwa kanye nokuvalwa kwamagebe abangelwa wukungabi khona kwamandla okusebenza adingekayo ekuhlinzekweni kohlelo lwezokuthutha olungambi eqolo futhi olusebenza kahle.

D. Imicimbi ezayo

1. INingizimu Afrika izosingatha umhlangano woNgqongqoshe beNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) bomkhakha wezaBasebenzi, Ukuvulwa Kwamathuba Omsebenzi kanye Nezibonelelo Zomphakathi, futhi izoba nguSihlalo walo mhlangano ozobanjwa kusukela mhla lu-1 kuze kube ngumhla zi-2 kuNdasa 2018 e-Cape Town International Convention Centre. Isiqubulo salo mhlangano sithi: “Siphokophele kumkhathizwe wemisebenzi esezingeni elikahle: Sithuthukisa ukuxhumana, ukusebenza ngendlela ehambelanayo kanye nokubandakanywa komuntu wonke”. Ababambiqhaza balo mhlangano babandakanya izinhlangano zomphakathi okubanjiswene nazo – izinhlangano zamabhizinisi, ezabasebenzi kanye nezomphakathi.

2. UMongameli Ramaphosa, esikhundleni sakhe njengoSihlalo we-SADC, uzoba nohambo lokubonisana oluya e-Angola, Botswana nase-Namibia kusukela mhla zi-2 kuze kube ngumhla zi-3 kuNdasa 2018. Uzobe ephelezelwa nguNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Omhlaba Nokubambisana, uLindiwe Sisulu kanye noNgqongqoshe Wezokuvikela Nomakadebona Bezempi uNosiviwe Maphisa-Nqakula.

3. INingizimu Afrika izosingatha, ngokubambisana nelinye izwe, iNgqungquthela Yomhlaba yezi-17 Yezindaba Eziphathelene Nogwayi noma Ezempilo (i-WCTOH) kusukela mhla ziyisi-7 kuze kube ngumhla ziyisi-9 kuNdasa 2018 eKapa, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibumbanisa Umhlaba ngenhloso Yokuletha Isizukulwane Esingakhahlanyezwa Wugwayi”. Kungokokuqala ngqa ukuba le ngqungquthela isingathelwe kwizwekazi lase-Afrika.

I-WTCOH inxusa ukuba amazwe azibophezele ekuthatheni izinyathelo ezifanelekile futhi ihlinzeka ngethuba lokuba ohulumeni, izinhlangano zomphakathi, abasebenzi bezempilo kanye nabanye ababambiqhaza baxoxisane futhi babelane ngolwazi nezigameko abadlule kuzona, ikakhulukazi mayelana nentsha nabesifazane abakhahlamezekayo ngenxa yokusetshenziswa kukagwayi.

Ukusingathwa kwale ngqungquthela kuzolekelela emizamweni yokufezekisa izinjongo zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), ngokuqwashisa nokufundisa abantu ngobungozi nomphumela omubi wokusetsheziswa kukagwayi, kanye nesidingo sokuqinisa izinyathelo zokulawula ugwayi.

4. Mhla ziyi-10 namhla ziyi-11 kuNdasa, iKhomishana Yokhetho Ezimele (i-IEC) izovula iziKhungo Zokubhalisela Ukuvota ukuze abantu beze bezobhalisa futhi bahlole nemininingwane yabo yokubhaliswa.

IKhabhinethi liyabanxusa bonke abavoti abafanelekile ukuba bavakashele iziteshi zabo zokuvota ukuze bahlole uhlu lwabavoti futhi uma kunesidingo bahlinzeke ngemininingwane yabo yakamuva ngenhloso yokulungiselela ukhetho lukazwelonke lowezi-2019. IKhabhinethi linxusa ikakhulukazi labo abazobe bevota okokuqala ngqa ukuba baqinisekise ukuthi bayalisebenzisa ilungelo labo lokuvota abalinikezwe wumthethosisekelo, ngokuthi bahambe bayobhalisela ukuvota.

Le mpelasonto yokubhalisela ukhetho iyisigameko esisemqoka kakhulu esibheke ekuphothulweni komklamo weminyaka emibili wokuqoqwa kwamakheli asekhaya abo bonke abavoti ababhalisiwe.

Iziteshi zokuvota zizobe zivuliwe phakathi kwehora le-08:00 kanye nele-17:00 ukuze kulekelelwe labo bazobe bevota okokuqala ngqa ukuba babhalisele ukhetho futhi ukuze labo bavoti abhalisiwe kepha asebethuthile emakhelini abo aphambilini bakwazi ukubhalisa kabusha ezifundeni zokuvota ezifanelekile futhi babhalise namakheli abo amasha ohlwini lwabavoti.

E. Imiyalezo

1. IKhabhinethi liyabancoma futhi liyabahalalisela impela bonke othisha abaklonyeliswe ngezindondo eMcimbini Kazwelonke we-18 Wokuklonyeliswa Kothisha Abavelele obubanjelwe edolobheni laseGoli ngoMgqibelo mhla ziyi-17 kuNhlolanja 2018. Kulo mcimbi bekuhlonishwa labo abenze umsebenzi omuhle kakhulu kwezokufundisa nakwezobuholi emikhakheni ehlukahlukene, futhi kukhishwe nendondo i-Nelson Mandela Lifetime Achievement Award kanye ne-Professor Kader Asmal Award.

2. IKhabhinethi lithi akwehlanga lungehlanga kwiPhini likaNgqongqoshe u-Obed Bapela oshonelwe wumkakhe u-Constance Bapela, obesebenzela leli lizwe njengekhansela ngenkathi eficwa wukufa.

3. NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana kwalo nomndeni, abangani kanye nozakwabo basomnotho wezepolitiki futhi obengumbhali, uSlz Johannes “Sampie” Terreblanche, odlule emhlabeni eseneminyaka yobudala engama-84.

4. IKhabhinethi lithanda ukuhalalisela uNgqongqoshe u-Naledi Pandor ngokuhlonishwa kwakhe yiNyuvesi yase-Leiden kwelase-Netherlands lapho eqokwe khona njengosolwazi oyisivakashi emkhakheni wezomkhathi, isibhakabhaka nezinkanyezi kanye nentuthuko, obizwa nge-Oort Honorary Visiting Professor of Astronomy and Development. Lokhu kuhlonishwa kungumphumela womsebenzi omuhle kakhulu owenziwe nguNgqongqoshe u-Pandor ekuthuthukiseni ezesayensi, ikakhulukazi umkhakha wezomkhathi, isibhakabhaka kanye nezinkanyezi, njengethuluzi lokuthuthukisa umhlaba nokuhlomulisa umphakathi wonkana.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
1. Nkz Lerato Mataboge oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Wophiko Lwezohwebo Nokutshalwa Kwezimali LwaseNingizimu Afrika, eMnyangweni Wezohwebo Nezimboni (i-dti).
2. Nkz Shandokane Evelyn Masotja oqashwe njengo-DDG: Wophiko Lwezokuphathwa Kwamakhasimende Nokuqhutshwa Kwemisebenzi Yesikhungo, eMnyangweni Wezohwebo Nezimboni.
3. Nkz Vuyelwa Vumendlini oqashwe njengo-DDG: Wophiko Lwenqubomgomo Yezomnotho Eqondene Namazwe Esifunda kanye Namazwe Omhlaba Wonke Jikelele, eMnyangweni Wezezimali Kuzwelonke.
4. Mnu Joseph Tebogo Leshope oqashwe njengeNhloko Yokuqhutshwa Kwemisebenzi Yesikhungo (u-COO) we-SENTECH.
5. Nkz Vuyo Zitumane oqashwe njengoMphathi Omkhulu (u-CEO) wesikhungo sezamanzi, i-Amatola Water.
6. Adv Seeng Catherine Ntsaba-Letele oqashwe njengoMlamuli Omkhulu Wophiko Lwezinhlelo Zokusetshenziswa Komhlaba Ngokuhlanganyela.
7. Mnu Edward Mamadise oqashwe njengo-CEO weHhovisi LikaMlawuli Kazwelonke owengamele umkhakha Wokuhlinzekwa Kwemininingwane-ngcaciso Ephoqelekile.
8. Dkt Sagren Moodley oqokwe njengommeleli ovela ku-DST oyilunga loMkhandlu waseNingizimu Afrika Wezemisebenzi Yobungoti Kumasayensi Emvelo.
9. Abaqokwe kabusha njengamalungu eBhodi Lokuhlolwa Kwamalungelo Obunikazi Abaqambi Nabasunguli:
a. Nkz Shanaaz Tiry Mahomed;
b. Nkz Sandra Cleiland;
c. Slz Christiena Maria van der Bank; kanye
d. No-Adv Nhlanhla Paul Sibisi.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams
iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore