Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla ziyisi-5 kuNtulikazi 2023

A.  Ezisematheni

1.  Ezamandla


1.1.  IKhabhinethi yamukele inqubekelaphambili oHlelweni Lokutholakala Kukagesi luka-Eskom, okuyimanje usondele kuma-70%. Ugesi olinganiselwa kuma-400 megawatts (MW) usufakiwe kwisizinda sikagesi kanti nokunakekelwa kwaso okuhleliwe kubengcono kakhulu esikhathini esifushane.   
1.2.  IKhabhinethi liphinde lasiphawula isinqumo seSikhulu Esibhekele Ukuhlanzeka Komoya Kuzwelonke soMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nemvelo sokuvumela u-Eskom ukuthi ahlehlise isikhathi sokuhlangabezana noBuncane beMithetho Yezimiso Zokukhishwa Kwegesi Emoyeni eSiteshini Sikagesi saseKusile eMpumalanga, ngokulandela imibandela ethile eqinile.  
1.3.  Lokhu kuhlehliswa kwesikhathi kuzovumela u-Eskom ukuthi alungise umbhoshongo owamosheka mhla wama-23 kuMfumfu 2022. Le nkampani kagesi izophinde yakhe imibhoshongo yesikhashana emithathu okulindeleke ukuthi ibuyise ugesi oyizi-2 100 MW kwisizinda sikagesi sikazwelonke iphinde inciphise ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ngezigaba ezimbili. 
1.4.  IKhabhinethi ligcizelele ukuthi uhulumeni uzinikele oHlelweni Lokuguqukela Kugesi Onganukubezi Imvelo (i-JET) futhi umagange ukunciphisa umthelela wokuguquka kwesimo sezulu. I-JET, eyasungulwa ngowezi-2020, ihlose ukuzuza isigaba esibizwa nge-“Net Zero” lapho kungekho ikhabhoni engcolisa imvelo ngowezi-2050. 
1.5.  IKhabhinethi libonge abantu baseNingizimu Afrika abaqhubeka nokusebenzisa ugesi ngokuwonga, ikakhulukazi ngezikhathi lapho usetshenziswa khona kakhulu.  Imizamo yethu ehlangene kagesi isize ukwehlisa izigaba zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. 
1.6.  IKhabhinethi liphinde lamukela izethembiso ezenziwe kwiNgqungquthela yeSivumelwano Somhlaba Esisha Sezimali ebibanjwe e-Paris, e-France kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-23 kuNhlangulana 2023.  UMongameli u-Cyril Ramaphosa wethamele le ngqungquthela, obekuhloswe ngayo ukwakha isivumelwano esisha sokusebenzisana phakathi kweNyakatho neNingizimu lokho okuzosiza ukuxazulula izinkinga zokuguquguquka kwesimo sezulu, intuthuko nezikweletu. 

2.  Isimo sezulu esibi

2.1.  IKhabhinethi lizwakalise ukubonga kumathimba eZifundazwe Alawula Inhlekelele ngokusukuma ngokushesha ekusizeni imiphakathi ethintwe izikhukhula zakamuva KwaZulu-Natali naseNyakatho Kapa. Sidumele kakhulu ngokushona kwabantu KwaZulu-Natali, futhi sidlulisa amazwi enduduzo emindenini nakubangani balabo abashonile.  
2.2.  Ingqalasizinda yomgwaqo, ukuthunyelwa kukagesi, izitamukoko zendle kanye nezindlu ezindaweni ezithintekile KwaZulu-Natali zimosheke kakhulu ngesikhathi lapho imigwaqo kwezinye izingxenye zeNyakatho Kapa ibhodlokile. 
2.3.  Uhulumeni nezinhlangano ezisiza abantu bayaqhubeka nokuhlinzeka ngezinsiza zokusiza imiphakathi ethintekile KwaZulu-Natali, kubandakanya izijumba zokudla, izingubo zokulala, izinto zokuvala ezingamapulasitiki kanye namabhokisi osizo lokuqala. 
2.4.  U-Eskom neminyango kamasipala kagesi nabo sebesukumile ukuze bezobuyisela ugesi ezindaweni ezithintekile.  

3.  Uhambo Lokuvakasha lwe-Netherlands ne-Denmark

3.1.  IKhabhinethi libonge impumelelo yokuVakasha Kanyekanye phakathi kukaNgqongqoshe wase-Netherlands, uMnu. Mark Rutte kanye noNgqongqoshe wase-Denmark, uNkz. Mette Frederiksen oluqinise ubudlelwane neNingizimu Afrika nala mazwe amabili emikhakheni yekhabhoni ephansi, ugesi ovuselelekayo kanye noHlelo Lokuguqukela Kugesi Onganukubezi Imvelo (i-JET). 
3.2.  Lolu hambo luphinde lahehela iqoqo labatshalizimali eNingizimu Afrika ukuqinisa amazinga aphezulu okusebenzisana kanye nobudlelwane obuhle phakathi kwaleli lizwe kanye nalaba balingani ababili ababalulekile base-Europe.  
3.3.  Ngesikhathi sezingxoxo phakathi kwala mazwe, iSivumelwane Sokusebenzisana eMkhakheni Wehayidrojini Ehlanzekile sasayinwa phakathi kweNingizimu Afrika ne-Netherlands, ngesikhathi isivumelwane phakathi kweNingizimu Afrika ne-Denmark mayelana Nokubambisana Ngentuthuko ethinta uHlelo Lokubambisana Kwezamandla sangowezi-2017 sachitshiyelwa. 

4.  IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) KwaZulu-Natali  

4.1.  UMongameli u-Ramaphosa, ngokuhlanganyela nabanye abaholi abaphuma kuzona zontathu izinhlaka zikahulumeni (kuzwelonke, esifundazweni nakohulumeni basekhaya), baqhube iMbizo kaMongameli ye-DDM yeSikhombisa kuHulumeni Wehlandla leSithupha ngoLwesihlanu, mhla wama-30 kuNhlangulana 2023 kuMasipala Wesifunda sasoThukela KwaZulu-Natali. Abaholi bakahulumeni basebenzise leli thuba ukuxoxisana nabahlali mayelana nezinselele zokulethwa kwezidingongqangi kanye nezinhlelo zentuthuko kulesi sifunda. 
4.2.  IKhabhinethi licele abahlali ukuthi badlale indima ebonakalayo ekwakheni ikusasa lemiphakathi yabo ngokuthi babe yingxenye yohlelo lweMbizo kaMongameli ye-DDM. 
4.3.  Zonke izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zidlale indima entuthukweni yemiphakathi yazo ngokuba izakhamuzi ezizibandakanyayo kokwenzekayo.  Ngokusebenza ngokubambisana, singakwazi ukuthi sithole izinkinga futhi sikwazi ukususa imigoqo evimbele ukulethwa okudidiyelwe kwezidingongqangi. 
 
5.  Ezomnotho

5.1.  IKhabhinethi libhekisise iZibalo Zabasebenzi Zekota zakamuva ezakhishwa ngabeZibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA) ezibonise ukwehla kwezibalo zemisebenzi emikhakheni eyehlukahlukene kanye nokunyuka kweminye. Yize ukunyuka kulokhu kumile, umnotho wethu oqinile uyaqhubeka nokusungula imisebenzi, yize kungenzeki ngezinga esilifunayo.  
5.2.  Izingenelelo ezifana noHlelo lukaMongameli Lokusungula Imisebenzi ziyasiza ukuguqula isimo. IKhabhinethi liyagqugquzeleka ukuthi ngoNdasa wezi-2023, abantu abangaphezu kwesigidi esi-1.2 bazuza ngqo kulolu hlelo selokhu lwasungulwa ngowezi-2020. Kuze kube yimanje, ilinganiselwa kwizi-800 000 imisebenzi yesikhathi esifushane, ikakhulukazi eyabantu abasha, esisunguliwe emikhakheni ebalulekile yezemfundo, eyokuthuthukiswa kwabantwana kanye nokuphepha komphakathi. 
5.3.  Lolu hlelo luqinisekise ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika ababuthakathaka baba yingxenye yalo msebenzi obalulekile futhi bathola imali engenayo enganqamuki. Selusize ukwehlisa izingqinamba zomnotho zemindeni eyizinkulungwane.  

6.   IHayidrojini Ehlanzekile

6.1.  IKhabhinethi iphinde yamukela isimemezelo esihlanganisile senhloso yokusungula uPhiko Lwabasebenzi beHayidrojini baseNingizimu Afrika naseJalimane, esasayinwa nguNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli obhekelele uGesi, uDkt. Kgosientsho Ramokgopa kanye nePhini likaShansela laseJalimane u-Robert Habeck. Lolu phiko lwabasebenzi luzobheka ukuthi imakethe yehayidrojini ehlanzekile isungulwa futhi ithuthukiswa kanjani, kanjalo nokusungula amathuba okuqhuba ibhizinisi phakathi kwala mazwe amabili. Ihayidrojini ehlanzekile ikhiqizwa ngamandla avuselelekayo kanti futhi ikhipha ikhabhoni ephansi ukwedlula ihayidrojini yakuqala.  
6.2.  Uhulumeni usevele usungule izinhlelo ze-Hydrogen Valley, okulindeleke ukuthi iqhube isuka eLimpopo, idlulele eGoli, ize iyofika eThekwini. Lolu hlelo luzosungula amathuba emiklamo ezoqalisa izinhlelo zehayidrojini ezikhungweni ngenhloso yokuqinisa ukukhula komnotho kanye nokusungulwa kwemisebenzi. 

7.  INgqungquthela yeZinhloko Zombuso noHulumeni be-Southern African Customs Union (i-SACU)

7.1.  IKhabhinethi liphawule ngoHambo lukaMongameli oluya kwiNgqungquthela yeZinhloko Zombuso Nohulumeni be-SACU yesi-8 ebibanjwe eBukhosini baseSwatini ngoLwesine, mhla wama-29 kuNhlangulana 2023. I-SACU eyasungulwa ngowe-1910, iyiNyonyana Yabathengi endala emhlabeni. 
7.2.  Kule ngqungquthela kuxoxwe kwaphinde kwethulwa imibiko ngesimo sokuqaliswa koHlelo Lokusebenza lwe-SACU lwangowezi-2022 – 2027. UHlelo Lokusebenza lwe-SACU lwamukelwa ngowezi-2022 njengomhlahlandlela wokuqinisa ukuhlanganiswa kwezifunda ezikuNyonyana Yabathengi kanye nokuqinisa amaxhama phakathi kwamazwe amahlanu angamalungu kanjalo nokusebenzisa amathuba athulwe iNkundla Yokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika. 

8.  Ezezimayini

8.1.  IKhabhinethi likhathazekile ngalaba abasebenza ezimayini ngokungemthetho futhi uhulumeni uthatha izinyathelo zokukuqeda nya ngokusebenzisa i-National Coordination and Strategic Management Team (i-NCSMT). I-NCSMT ihlose ukuhlanganisa imizamo kahulumeni yokuqeda ukusebenza ezimayini ngokungemthetho kanye nokushushumbiswa kwezinsimbi eziyigugu. 
8.2.  Ukumbiwa ezimayini ngokungemthetho kwezinsimbi eziyigugu kuthunaza umnotho wethu, kanti kunomthelela ongemuhle kwezokuphepha nezempilo emiphakathini eseduzane nezimayini.  

9.  Imibhikisho yomphakathi

9.1.  IKhabhinethi likugcizelele ukuthi udlame kalulona isisombululo sezinkinga zomphakathi labe selicela imiphakathi ukuthi isebenzise imigudu ekhona ukuxazulula izikhalazo zayo.  IThimba LoNgqongqoshe lijutshwe ukuthi liye e-Diepsloot e-Gauteng ukuze liyosebenzisana nabaholi bomphakathi ukuxazulula izinkinga zabo.  
9.2.  IKhabhinethi licele umphakathi wase-Diepsloot kanye nezinye izindawo ukuthi basebenzisane nohulumeni, amakhansela endawo kanye namaphoyisa ukuxazulula izinkinga ezifana nobugebengu.    

B.  Izinqumo zeKhabhinethi

1.  IQhingasu Elihlongozwayo Lotshalomali Lwezwe (i-CIS) 

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze i-CIS ehlongozwayo yeNingizimu Afrika ukuthi iqaliswe.   
1.2.  I-CIS, eyashicilelwa ngowezi-2022 ukuze umphakathi uphawule ngayo, ihlose ukubeka izwe njengendawo ehamba phambili yotshalomali ezwenikazini i-Afrika ngokusebenzisa utshalomali oluvela kwamanye amazwe kanye nolwakuleli lizwe. 
1.3.  Leli qhingasu lisekelwe phezu kotshalomali oluseqhulwini lwezwe kanye nezinhloso zokuthuthukiswa komnotho ezifana nokwenyusa amathuba emisebenzi, ukunciphisa inhlupheko, kanye nokweseka ukuguqukela kumnotho wekhabhoni ephansi nokutholakala kukagesi.  
1.4.  Lihlinzeka ngezindlela zokutshala imali ezizoheha amabhizinisi amancane naphakathi ukuthi aphokophelele ekukhuleni komnotho, ikakhulukazi umnotho onganukubezi imvelo. Iqhingasu leli liphinde lithinte izivumelwano zamazwe amaningi, ezezifunda neziphakathi kwamazwe amabili ezasayinwa yiNingizimu Afrika. 
1.5.  Iqhingasu lihambisana nezinjongo zoHlelo Lwentuthuko Kazwelonke ezinguqukweni zomnotho kanye noHlelo Lwengqalasizinda Kazwelonke lowezi-2050 olusanda kwamukelwa.
1.6.  Izifundazwe zezwe kanye nomasipala bamadolobha bazoba ngumnyombo walokhu kuqhutshwa kwaleli qhingasu, elizosetshenziswa ngazozonke izikhathi ukuguqula isimo somnotho. 

2.  Umbiko wesithathu wezwe ngaphansi kweSivumelwano Samazwe Ngamazwe sokulwisana nokuHlukunyezwa neSihluku kanye Nokuphathwa Ngolunya noma Ukuphathwa noma Ukujeziswa ngendlela Eyehlisa Isithunzi (i-CAT).

2.1.  IKhabhinethi seligunyaze ukulethwa kuNobhala-Jikelele Wezizwe Ezibumbene (i-UN) umbiko wesithathu weNingizimu Afrika we-CAT. Lo mbiko ucacisa izinyathelo iNingizimu Afrika ezithathayo ukunqanda ukuhlukunyezwa nokuphathwa ngesihluku kwezakhamuzi.  
2.2.  INingizimu Afrika yasayina iSivumelwano ngowezi-2000 yabe seyisiqinisekisa ngowezi-2008. NgokweSahluko se-17 soMthetho Olandelwayo we-CAT, esinye sezibopho esibekelwe amaqembu Ombuso ukusungula izindlela emazweni awo zokunqanda ukuhlukunyezwa nokuphathwa ngesihluku ezaziwa ngokuthi iNdlela Kazwelonke Yokugwema Isimo. 
2.3.  Eminyakeni eyedlule engama-29, uhulumeni wentando yeningi labantu eNingizimu Afrika wasusa imithetho nezikhungo ezindala zobandlululo, wakha izikhungo ezintsha zikahulumeni wentando yeningi labantu ezesekwe phezu kwamalungelo nenkululeko ekumthethosisekelo.
2.4.  Amalungu omphakathi ayakwazi ukubika ngqo ngezinsolo zokuhlukunyezwa nokuphathwa ngesihluku kuPhiko Oluzimele Oluphenya Amaphoyisa ukuze kuzophenywa. INingizimu Afrika iphinde ibe neKhomishini Yamalungelo Abantu esebenza kahle kakhulu, okuyisikhungo sikazwelonke esasungulelwa ukweseka intando yeningi labantu yomthethosisekelo.  

C.  Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolisiswe ngokufanele.  
1.  Nkz. Ntomboxolo Mbengashe esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu (i-CEO) weBhange Leposi laseNingizimu Afrika isikhathi esiyiminyaka emihlanu. 
2.  Mnu. Sibusiso Bukhosini esikhundleni sokuba i-CEO ye-Isimangaliso Wetland Park Authority (uphinde wabekwa).
3.  Nkz. Tamlyn Bouwer esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu Wezimali we-National Home Builders Registration Council.
4.  Mnu. Morongwa Calvin Molongoana esikhundleni sokuba iPhini loMqondisi-Jikelele (i-DDG): kuPhiko lwe-Statistical Support and Informatics kuMnyango Wezezibalo eNingizimu Afrika. 
5.  Nkz. Daphne Yandiswa Morudu esikhundleni sokuba i-DDG: kuPhiko lwe-South African National Statistics System kuMnyango Wezezibalo eNingizimu Afrika. 
6.  Mnu. Rory Gallocher esikhundleni sokuba i-Chief Operations Officer eHhovisi likaMongameli. 

D.  IMithethosivivinywa

1.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ohlongozwayo Wezinkampani wezi-2023 

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela ohlongozwayo wezi-2023 ukuze ucutshungulwe.   
1.2.  Izethulo eziqukethwe kulo Mthethosivivinywa zihlose ukunciphisa umthwalo wokulawula nokuphatha kubanikazi bamabhizinisi futhi zizokwenyusa ukuheheka kweNingizimu Afrika kulabo abangaba abatshalizimali. Izichibiyelo eziningi bekungezobuchwepheshe, futhi bezibheke kakhulu ukuhambelanisa nokucacisa izindaba zokuphatha.  
1.3.  Enye yezinto ezibekwe eqhulwini kulo hulumeni wentando yeningi labantu ngukusungulwa kwamathuba emisebenzi kanti lokhu ngeke kufezeke uma izindlela ezilula zokwenza ibhizinisi eNingizimu Afrika zishaywa indiva.  
1.4.  Izichibiyelo ziphinde zicacise kabanzi ngezigatshana eziningi ezikuMthethosivivinywa, okuhloswe ngazo ukunciphisa imithetho yokulawula emabhizinisini; ukuvala amagebe okulwisana nokuhlanzwa kwemali; ukuqinisa isidingo sokudalula kanye nokuthuthukisa amandla abanikazi bamasheya enkampanini.  
1.5.  Ukuhola ngokweqile, ikakhulukazi emazingeni aphezulu enkampani, kuludaba olukhathaza kakhulu emhlabeni wonke naseNingizimu Afrika.  
1.6.  Izichibiyelo ezikuMthethosivivinywa zizogqugquzela ukwenza izinto obala futhi zizocacisa imisebenzi phakathi kwabaqondisi nabaphathi abakhulu ngakolunye uhlangothi, nabanikazi bamasheya, kanjalo nokuxazulula izikhalazo zomphakathi mayelana namazinga aphezulu okungalingani emphakathini. 

2.  UMthethosivivinywa wangaphakathi Kuhulumeni Wokuqapha, Ukweseka Nezingenelelo (i-IMSI) wangowezi-2022 

2.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa osahlongozwa we-IMSI wezi-2022 ukuze umphakathi uzophawula ngawo.  
2.2.  UMthethosivivinywa uzosetshenziswa njengesisombululo sezinselele eziningi ezivele lapho uhulumeni eqinisekisa ukusetshenziswa kwesahluko se-100 nese-139 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996 ngesikhathi ephoqelekile ukwenza njalo ngenxa yokuhluleka kwezinhlaka ezithile zikahulumeni. 
2.3.  ISahluko se-100 sinika uhulumeni amandla okungenelela uma isifundazwe sehluleka ukuhlangabezana nezibopho zaso zokuphatha nokuletha izidingongqangi ngesikhathi lapho iSahluko se-139 sona sinika amandla iziphathimandla zesifundazwe ukuthi zingenelele uma umasipala ungafezi izibopho zawo njengokusho koMthethosisekelo noma komthetho. 
2.4.  UMthethosivivinywa we-IMSI wethulwa njengethuluzi lokulawula ukuze kuzoxazululwa izinselele zokuqaliswa kweSahluko se-139, ukuqapha nokuhlolisisa, kanye nomphumela wezingenelelo.  
2.5.  UMthethosivivinywa uzolawula ukuqaliswa kweSahluko se-139 soMthethosisekelo, kubandakanya nezinqubo ezifanele. Uzoseka ngqo omasipala abadinga usizo, futhi uqaphe omasipala ukuthi bayazifeza izibopho zabo ezinqala njengokusho koMthethosisekelo noma komthetho. 

E.  Imicimbi Ezayo

1.  Isikhathi seNtela


1.1.  IKhabhinethi likhumbuza wonke umuntu ukuthi isikhathi sokukhokha intela sizovulwa ngoLwesihlanu, mhla wesi-7 kuNtulikazi 2023 kanti sizoqhubeka kuze kube ngumhla wama-23 kuMfumfu 2023. Abakhokhintela bayagqugquzelwa ukuthi bakhokhe intela yabo ngokusebenzisa uhlelo lwe-eFiling noma nge-MobiApp yoPhiko Lwemalingeniso Eqoqwayo LwaseNingizimu Afrika (i-SARS). 
1.2.  Inqubo yokukhokhwa kwentela seyilula kakhulu manje futhi no-SARS uzoqhubeka nenqubo yokuzenzela kulo nyaka. Phakathi womhla lu-1 nomhla ziyisi-7 kuNtulikazi 2023, abakhokhintela bayaziswa nge-SMS noma nge-imeyili uma bekhethiwe ukuthi bafakwe ohlelweni oluzenzekelayo lokukhokhela intela.  Uma uthola i-SMS, isinyathelo esilandelayo okumele usithathe ngukubuyekeza lokhu kuhlolwa okuzenzekelayo kwi-MobiApp ye-SARS noma ku-eFiling. Uma uvumelana nalokhu kuhlolwa okuzenzekelayo, akukho okunye okufanele ukwenze. 
1.3.  Ukukhokhelwa kwentela ngesikhathi futhi okuyiqiniso kuqinisekisa ukuthi abakhokhintela bahlale belandela umthetho, futhi kusiza nohulumeni ukuthi akwazi ukuletha izinsizakalo kubantu baseNingizimu Afrika futhi akhulise nomnotho. 

2.  INdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA yowezi-2023

2.1.  IBanyana Banyana, engoShampeni base-Afrika, nengukuzigqaja kwesizwe, izobe ithwele amathemba namaphupho eNingizimu Afrika uma bedlala kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA yowezi-2023 e-New Zealand nase-Australia kusuka mhla wama-20 kuNtulikazi kuya mhla wama-20 kuNcwaba 2023. 
2.2.  IKhabhinethi libafisela okuhle kodwa njengoba beqala le ndlela eya ekunqobeni. INingizimu Afrika inani kuyona yonke indlela, kanti sikubheke ngabomvu ukuthi niqophe umlando niphinde nigqugquzele izizukulwane zakusasa.  

3.  INdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano yangowezi-2023

3.1.  Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, amehlo ezemidlalo azobe ethe njo eKapa, eNingizimu Afrika njengoba kuzobe kuqala imidlalo yeNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano yangowezi-2023 kusuka mhla wama-28 kuNtulikazi kuya mhla wesi-8 kuNcwaba 2023.  Kungokokuqala ngqa ukuthi le midlalo yeqophelo eliphezulu yomhlaba idlalelwe e-Afrika.  
3.2.  IKhabhinethi licela wonke umuntu kuleli lizwe ukuthi aseke amantombazane ethu njengoba ezophokophelela ukuqopha umlando ngokuhlabana ngegolide ezwenikazini i-Afrika.   

F.  Imiyalezo

1.  Ukuhalalisa

 
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  •  INyuvesi yaseNingizimu Afrika ngokufinyelela kwinqophamlando yeminyaka eyi-150 yemfundo ephakeme yekhethelo, nokuba yisikhungo esikhulukazi nesidala kakhulu e-Afrika eseNingizimu ye-Sahara esizinikele kwimfundo yekhethelo neyomhlaba wonke. 
  • Mnu. Edward Kieswetter, uKhomishani we-SARS, kulandela ukubekwa kwakhe njengosihlalo we-World Customs Organisation nokuba owesibili owaseNingizimu Afrika ukuba usihlalo wenhlangano.   
  • Ummeli Pansy Tlakula ngokuphinde akhethwe ukuba yilungu leKomidi leNhlangano yeZizwe Ezibumbene (i-UN) elibhekele Ukuqedwa Kokucwaswa Ngokobuhlanga. Isikhathi sakhe sizoqala ngowezi-2024 kuze kube ngowezi-2028. 
  • Ummeli Thembile Joyini ekukhethweni kwakhe njengeJaji leNkantolo Yomhlaba yoMthetho Wasolwandle kusuka ngowezi-2023 kuze kube ngowezi-2032.   
  • IBhodi Lamafilimu Nokushicilela (i-FPB) ngokubekwa njengelungu eligcwele le-Global Online Safety Regulators Network. Ubulungu lobu buzovumela i-FPB ukuthi yesekwe ngumhlaba wonke ekulweni nokulimala okwenzeka ku-inthanethi kanye nokugqugquzela izindlela zokuphepha kwi-inthanethi ngokusebenzisana nabalawuli base-Australia, e-United Kingdom, e-Fiji, e-Ireland nabanye.  
     

2.  Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • UMama Sally Motlana (obeneminyaka engama-96), isishoshovu soMzabalazo nelungu elihloniphekile le-National Order of the Baobab eyiSiliva.
  • Nkk. Maggie Mathabatha (obeneminyaka engama-61), unkosikazi kaNdunankulu waseLimpopo, uMnu Stanley Mathabatha.
     

Imibuzo: Nks. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485
 

Share this page

Similar categories to explore