Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi samhla zingama-23 kuNhlaba 2018

IKhabhinethi lahlangana ngoLwesithathu, mhla zingama-23 kuNhlaba, eTuynhys, eKapa.
    
A. Izindaba Ezisematheni
1. Udlame Olubhekiswe Kubantu Besifazane (i-GBV)
1.1. IKhabhinethi lilugxeka kakhulu udlame olubhekiswe kubantu besimame nezingane. Emacaleni akamuva kaNonkululeko Mpanza noNompumelelo Mhlongo eThokoza, Ekurhuleni; uKatlego Joja eMamelodi, eTshwane; uPromise Mthembu KwaZulu-Natali; noJabulile Nhlapo, umfundi waseNyuvesi yaseNingizima Afrika (i-Unisa), lwenza sigxile odlameni elubeka impilo yabantu besimame kanye nezingane zethu engozini.  

1.2. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana okukhulu nemindeni kanye nabangani balaba bantu besifazane nezingane. Inkinga yobugebengu obuqondiswe kubantu besifazane nezingane ibiza ukuthi sonke sibhukule sibambe iqhaza ekulwisaneni nalobu begebengu.

1.3. IKhabhinethi liqhubeka nokuhlomisa izinhlaka eziphoqelela umthetho ukuze kuqedwe i-GBV. Phakathi kweMithethosivivinyo eyagunyazwa umhlangano weKhabhinethi wokugcina kukhona uMthethosivivinyo Wesichibiyelo Senqubo  Yokuqulwa Kwamacala Ezobugebengu wezi-2018, ochibiyela uMthetho Wenqubo Yokuqulwa Kwamacala Obugebengu, we-1977 (uMthetho 51 we-1977). Lo Mthethosivivinyo unohlu lwamacala ezocansi maqondana nokushushiswa futhi uzoqinisekisa ukuthi amacala ezocansi angene enkantolo noma sekudlule iminyaka engama-20.    

1.4. Lezi zindlela zokungenelela zingezela phezu kwenqwaba yezindlela esezimiswe uhulumeni. Izikhungo zokunakekela amaThuthuzela Care Centres ezingama-54 ezweni lilonke zavulelwa ukusebenza njengesinye sezikhungo ezinhlinzeka ngosizo olunhlobonhlobo ukunciphisa ukuhlukumezeka kwesibili nokunciphisa isikhathi sokuphothulwa kwamacala ezocansi.

1.5. UHulumeni wakhe Izinkantolo Zamacala Ezocansi ezingama-75 ukubhekana ngqo namacala okuhlukunyezwa ngokocansi kwabantu besifazane. Phezu kwalokho, Umbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika (i-SAPS) evule izikhungo eziyizi-1 047 zezisulu, eziteshini zamaphoyisa ezweni lonke ukuze kuhlinzekelwe futhi kusizwe izisulu ze-GBV.

1.6. Isonto Lokuvikela Izingane lizobanjwa kusukela kumhla wama-27 kuNhlaba kuya kumhla we-2 kuNhlangulana 2018. IKhabhinethi licela abazali, abanakekeli kanye nemiphakathi ukuthi isebenzisane nezinhlaka zomthetho ukuvikela izingane zethu. IKhabhinethi ligcizelele ukuthi uma usola ukuthi ingane yakho idukile, kumele ubikele amaphoyisa esiteshini samaphoyisa esiseduze ngokuphazima kweso.

1.7. Kumele sisebenzisane njengomphakathi othanda ukuthula nolandela umthetho ukuze ulwisane nawo wonke amacala abhekiswe kubantu besifazane nezingane. IKhabhinethi linxusa bonke abanolwazi nganoma obuphi ubugebengu obubhekiswe ezinganeni ukuthi bathinte inombolo yocingo yamahhala yesikhungo sokusiza izingane, i-Childline, ku-0800 055 5555 noma inombolo yokunqanda ubugebengu i-Crime Stop ku-086 0010111. Uma uwumuntu wesifazane ohlukumezekile noma uma wazi umuntu wesifazane ohlukumezekile, inombolo yeSikhungo Esilawula i-GBV yamahhala ku-0800 428 428 noma (0800 GBV GBV).  

1.8. IKhabhinethi lisinxusa sonke ukuthi sibambisane sithathe ezinye izinyathelo ukulwisana nodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane, ukweseka izisulu bese lezi zigilamkhuba zibhekane nengalo yomthetho. Kuwumsebenzi wabo bonke abantu ukubika ngalabo abalimaza, baxhaphaze futhi bahlukumeze izingane ukuze lezi zigebengu ziboshwe futhi zitholwe zinamacala

2. Ezomnotho
IKhabhinethi lamukela ukukhula okuhle okubonakale ngokubonakala kwamathuba omsebenzi ayizi-260 000 ngekota yokuqala yowezi-2018, kusukela Ocwaningweni Lwezemisebenzi Lwekota olukhishwe uphiko Lwezezibalo lwaseNingizimu Afrika (i-StatsSA).
Ukukhuphuka kokuqashwa kwabantu kudalwe ukukhuphuka okube khona ezimbonini eziyisithupha kweziyi-10. Izinga labantu abasha abangasebenzi, nokho, lisemi phezulu kuma-52.4%, kube izinga labaqashwayo kwabo liku-12.2% kuphela. IKhabhinethi linxusa zonke izinhlaka zasemphakathini ukuthi ziqhubeke nokubambisana ukuze kuliwe nenkinga yabantu abasha abangayitholi imisebenzi.

Phansi komoya othi 'Thuma Mina - Send Me' okhuthazwe uMongameli Cyril Ramaphosa Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yakhe yokuqala yakuNhlolanja 2018, iKhabhinethi linxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi emkhakheni ozimele, ukudala imisebenzi nokutshala imali ezweni ukuze kwande izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezizobamba iqhaza emnothweni.

3. Ezamandla
IKhabhinethi lamukela ibanga eselihanjiwe lokwethula komklamo kagesi odidiyele osebenza ngelanga, i-Xina Solar One Concentrated Solar Power Project eNyakatho Kapa. Ingenye yeMiklamo Kagesi Odidiyele Osebenza Ngelanga eyisikhombisa ngaphansi koHlelo Lokuthenga Lwabakhiqizi Abazimele Bagesi Ovuselelekayo LoMnyango Wezamandla.

Isiphehlamandla i-Xina Solar One sizohlinzeka u-Eskom ngogesi ovuselelekayo ngaphansi kwesivumelwano sokuthenga seminyaka engama-20. Lo gesi uzodluliselwa ezindlini zaseNingizimu Afrika eziyizi-95 000 ezizothola ugesi ovuselelekayo, ikakhulukazi ngezinkathi ezimatasatasa ngokwedlulele.

4. ENyakatho Ntshonalanga
4.1.    IKhabhinethi lithole umbiko wesibili ovele kuThimba LoNgqongqoshe (i-IMC) mayelana nesimo saseNyakatho Ntshonalanga futhi lanelisekile ngenqubekela phambili ekubuyiseni uzinzo esifundazweni.

4.2.    Emhlanganweni odlule, iKhabhinethi ligunyaze ukuthi iNyakatho Ntshonalanga ifakwe ngaphansi kweSigaba 100 (1) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. IKhabhinethi landise amalungu e-IMC ngokufaka uNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo; uNgqongqoshe woMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo; uNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu; uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi; uNgqongqoshe Wezokuvakasha; uNgqongqoshe Wezemvelo Nezokuthutha.  

4.3.  I-IMC icelwe ukuthi iqhubeke nokwenza omunye umsebenzi esifundazweni, yeluleke neKhabhinethi ngokuthi ngeminyango yesifundazwe okumele ifakwe ngaphansi kweSigaba 100 (1) (a) noma isigaba 100 (1) (b) soMthethosisekelo.
4.4. Ngenxa yalo msebenzi, iKhabhinethi ligunyaze ukuthi iminyango emihlanu esifundazweni ifakwe ngaphansi kweSigaba 100 (1) (b);
(1) IHhovisi likaNdunankulu;
(2) UMnyango Wezokuphepha Komphakathi Nokuphathwa Kwezokuthutha;
(3) UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo Nokuthuthukiswa Kwezemidlalo;
(4) UMnyango Wezempilo; kanye
(5) noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nemigwaqo.

Le minyango emihlanu izofakwa ngaphansi kwesigaba 100(1) (a):
(1) UMnyango Wezezimali, Ezomnotho kanye Nokuthuthukiswa Kwezamabhizinisi;
(2) UMnyango Wohulumeni Basekhaya Nokuhlaliswa Kwabantu;  
(3) UMnyango Wezasemakhaya, Ezemvelo Nokuthuthukiswa Kwezolimo;
(4) UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi; kanye
(5) noMnyango Wezokuvakasha.  
IKhabhinethi ligunyaze ukuthi imibhalo edingekayo ithunyelwe kuMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP) nokuthi kube nokuxhumana nababambiqhaza abathintekayo eNyakatho Ntshonalanga. Umsebenzi wokwenza uphenyo woHlaka Lwezobulungiswa, Ukunqanda Ubugebengu Nezokuvikela uzoqhubeka kulezo zindawo okudingeka izinhlaka zomthetho zingenelele kuzo.

5. Ezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe
5.1.IKhabhinethi ligxeke ngokugcwele izenzo zodlame ezenziwe amasosha ase-Israel emngceleni wase-Gaza, okuholele ekushoneni kwenqwaba yabantu. Ngenxa yendlela enyantisa igazi nehlasimulisa umzimba esetshenzisiwe ngenkathi kuhlaselwa abantu ngamasosha ase--Israel, uhulumeni waseNingizimu Afrika uthathe isinqumo sokubizela ekhaya Inxusa uSisa Ngombane kuze kube isikhathi esizayo.

5.2. IKhabhinethi linxusa Umbutha Wezokuvikela wase-Israel ukuthi uhoxe eGaza Strip, okuzoqeda ukungena ngendlovu yangena emhlabeni ongowamabantu basePalestine. Izenzo zabo eseziyinsakavukela zivule elinye ithuba eliyisithiyo ekutholeni isixazululo esingunaphakade kule ngxushungxushu, sokuthi  iPalestine ne-Israel, ziphile zakhelene futhi zihlezi ngokuthula.

5.3. IKhabhinethi ligcizelela amazwi amazwe amaningi angamalungu eNhlangano Yezizwe (i-UN) athi makube nophenyo oluzimele ngalokhu kubulala, ngenhloso yokuqondisa izigwegwe kulabo abasephutheni.

6. Ukuphangwa Kwezimoto Ezithutha Imali (i-CIT)
IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngokuqubuka kabusha kokuphangwa kwezimoto ezithutha imali futhi liphikisana ngokugcwele nalobu bugebengu obunesihluku. Siwashayela ihlombe elikhulu amaphoyisa ngokubamba lezi zigelekeqe ngaphandle kokupholisa amaseko, sidlulisa nokubonga okukhulu kumalungu omphakathi asize amaphoyisa ekubopheni lezi zigebengu.
Amalungu omphakathi okungenzeka ukuthi anolwazi anxuswa ukuthi afake isandla ngokuthintana namaphoyisa.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi
7.    UMkhandlu Wamabhizinisi Kahulumeni KaMongameli (i-PSEC)
IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kwe-PSEC osihlalo wayo kuzoba uMongameli uRamaphosa. Imigomo eyisisekelo ebanzi iwukuhlela amabhizinisi kahulumeni (ama-SOE) ukuthi abe yizinhlaka zokuthuthukisa umnotho.

I-PSEC izohlinzeka ngomsebenzi wokuqapha ngokwezepolitiki nokuphatha ngokohlelo. Phakathi lwalokho ogxile kukho izoqinisa uhlaka lwezokuphatha ama-SOE futhi iqinisekise ukuthi kuqaliswa izindlela ezithile zokuletha uzinzo kulezi zinkampani.

Amalungu e-PSEC izokwakhiwa oNgqongqoshe abathintekayo, ochwepheshe, izinhlangano zabasebenzi kanye namalungu omphakathi. Amagama amalungu e-PSEC azomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. I-PSEC izokhakhiwa ngomsebenzi owenziwe i-IMC - SOE eyasungulwa kuNhlolanja 2015, osihlalo wayo kuyiPhini LikaMongameli.

8.    IKhabhinethi ligunyaze Inqubomgomo Yomsebenzi Wobuciko (i-IP) yeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika-Isigaba 1. Le nqubomgomo ihlanganiswe ngokudidiyela izethulo nezimvo zababambiqhaza. Ihambisana noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) olubizela ukugcizelelwa kakhulu kwamasu amasha, ukwenziwa kwemisebenzi okungcono kanye nokuphokophela ekutholeni umnotho wezolwazi.

Inqubomgomo ye-IP Isigaba 1 isuselwe phakathi kokunye kuMthethosisekelo, i-NDP, uHlelo Olukhulu Lwezwe Lwezidakamizwa, Uhlaka Lwezwe Lwenqubomgomo Yezezimboni, nokunhlobonhlobo okuqukethwe oHlelweni Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezezimboni (i-IPAP).

Izoba inqubomgomo ewusizo olukhulu kwezokuqanjwa kwamasu, ukudluliselwa kwezobuchwepheshe, ucwaningo nezentuthuko, imisebenzi yezobuciko, ukuvikeleka kwabathengi, ukuthuthukiswa kwezezimboni kanye nokukhuliswa kwezomnotho.

9. IKhabhinethi ligunyazwe ukuthi iPhalamende Ligunyaze Isivumelwano Sokuvinjwa Kwezikhali Zenuzi. Lesi Sivumelwano siwumphumela wemisebenzi yezinhlangano ezizimele  eyaqalwa ngowezi-2010 yokulwa nokusetshenziswa kanye nokwenziwa kwezikhali zenuzi. Siphinde sibe yinyathelo sokungenelela okunzulu odabeni lokuvinjwa nokuqedwa kwezikhali zenuzi, kanye nezinye izingxoxo zamazwe omhlaba zokuqedwa kwezikhali zenuzi ezifike kwangqingetshe.
Isivumelwano sihambisana ngokugcwele nezinqubomgomo zaseNingizimu Afrika, umthetho wakuleli kanye nezibopho zamazwe ngamazwe zokuqedwa kwezikhali zenuzi.

10. IKhabhinethi ligunyaze Ukuchitshiyelwa Kwesivumelwano Sokuvikelwa Ngqo Kwemikhiqizo Yenuzi, esizokwethulwa ePhalamende.  
ISivumelwano Ngokuvikelwa Ngqo Kwemikhiqizo Yenuzi yiso kuphela esiyinsiza eyisivumelwano ngokomthetho samazwe ngamazwe kwezokuvikelwa ngqo kwemikhiqizo yenuzi. Isivumelwano esichitshiyelwe siyigxathu elibalulekile ezinhlelweni zamazwe ngamazwe zokuthuthukisa ukuvikelwa ngqo kwemikhiqizo nezikhungo zenuzi ngokumisa imigomo yezokuvikela ewujikelele.

Sihlinzekela phakathi kokunye, ukuvikeleka ngqo kwemikhiqizo yenuzi ukuze maqondana nokusetshenziswa ezweni, ukugcinwa nokuthuthwa, kanye nokuvikeleka kwemikhiqizo nezikhungo zenuzi ekutheni zihlaselwe ngokuzunywa.

11. IKhabhinethi ligunyaze ukusingatha ngokuhlanganyela kweNgqungquthela Ye-10 Yamazwe Ngamazwe Yemibutho Yezokuvikela, okuzokwenziwa Lihhovisi leSikhulu Sezikhalazo Sombutho Wezokuvikela, okuhlelwe ukuthi uzoba kuMfumfu 2018.
Lo ngumcimbi obanjwa minyaka yonke ohlelwa iSikhungo Sokulawulwa Ngokwentando Yeningi Kombutho Wezokuvikela, esizinze e-Geneva, e-Switzerland, ozosingathwa e-Afrika ngokuhlanganyela okuzoba ngokokuqala.

C. Imithethosivivinyo
12. IKhabhinethi ligunyaze Isichibiyelo Somthethosivivinyo Wesikimu Sokwelapha wezi-2018 kuGazethi Kahulumeni ukuze kutholakale izimvo zomphakathi.
Lo Mthethosivivinyo uchibiyela uMthetho Wesikimu Sokwelapha we-1998 (uMthetho 131 we-1998) ukuze uhambisane noMthetho Odingidwayo woMshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) kanye noMthethosivivinyo Wesikhwama Se-NHI Owuhlaka. UMthethosivivinyo ufuna, phakathi kokunye, ukuthuthukisa imithethonqubo yemboni yezikimu zokwelapha futhi yenze imithetho elawula le mboni ihambisane noshintsho olwenzekile eminyakeni eyishumi edlule ekhakheni.
Lo Mthethosivivinyo uzophinde uqinisekise ukuthi abahlinzekelwayo bavikeleka kangcono, ukhuthaze nokuthi bakwazi ukuthola izinhlinzeko zezempilo kubahlinzeki abazimele.

13. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo Oyisichibiyelo Wezikweletu Zombuso wezi-2018 ePhalamende. UMthethosivivinyo uchibiyela uMthetho Wezikweletu Zombuso we-1957. Uhlinzekela indlela yokufaka isicelo sokuthi uHulumeni akhokhele izicelo zesinxephezelo ezivele ngenxa yokuthi abasebenzi baHulumeni belaphe abantu ngemithi engafanele. Lokhu kuzodala ukuthi kunciphe umthelela wokukhokhwa kwezamba ezinkulu ngokusebenzisa izabelomali zezibhedlela zikahulumeni.
Lezi zichibiyelo zizokwandisa imali ehlinzekelwe zonke izibhedlela ezisezifundazweni ukuze zihlinzeke ngezinsiza zezempilo.

14. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinyo Woguquguquko Lwesimo Sezulu Kuzwelonke wezi-2018 ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Lo Mthethosivivinyo ngowokuqondanisa izinqubomgomo ezinomthelela endleni okubhekanwa ngayo noguquguquko lwesimo sezulu eNingizimu Afrika. Lo Mthethosivivinyo uzoqinisekisa ukuthi izwe lishintsha libonakalise  ikhabhoni encane futhi nomnotho ukwazi ukumelana nesimo sezulu esiguquguqukayo.

Lokhu kuyisinyathelo sokwengezela sezinhlelo zeNingizimu Afrika sokuqalisa Inqubomgomo Yezwe Yokubhekana Noguquguquko Lwesimo Sezulu ukuze kukhuthazwe ukuthuthuka okuqhubekisekayo nokwanelisa ilungelo lokuba nemvelo engasilimazi isimo sempilo noma inhlalakahle, njengoba kubhalwe kuMthethosisekelo.

15. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinyo Oyisichibiyelo Wenqubo Yokuqulwa Kwamacala Ezobugebengu wezi-2018, ochibiyela uMthetho Wenqubo Yokuqulwa Kwamacala Ezobugebengu we-1977 ePhalamende.
UMthethosivivinyo Oyisichibiyelo ohlongozwayo uzodidiyela nohlu lwamacala ezocansi maqondana nokushushiswa futhi uzoqinisekisa ukuthi amacala ezocansi angena enkantolo noma sekudlule iminyaka engama-20. Lezi zichibiyelo zizoqalisa isahlulelo sasecaleni lika-Levenstein sasenkantolo yaseNingizimu ne-Gauteng.  

Leli cala lanquma ukuthi Isigaba 18 soMthetho Wenqubo Yokuqulwa Kwamacala we-1977 asihambisani noMthethosisekelo futhi asikho emthethweni ngoba sinqanda, kuzo zonke izimo, ilungelo lokushushisa wonke amacala ezocansi, ngaphandle kwalawo akusigaba 18 (f), (h) no-(i) salo Mthetho emuva kokudlula kweminyaka engama-20 kusukela esikhathini okwenzeka ngaso icala.

Lezi zichibiyelo zizosiza uPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA) ukuze ukwazi ukuba nenkundla eyanele yokuqalisa ukushushisa amacala ezocansi ngokweSahluko 2 soMthethosisekelo.

D. Imicimbi Ezayo
16.    Isifundo Sosuku Lwe-Afrika Kubungazwa Iminyaka Eyikhulu KaNelson Mandela
UMongameli uRamaphosa uzokwethula Isifundo Sokubungazwa Kweminyaka Eyikhulu Kwazalwa uNelson Mandela eNgqungqutheleni Yokuvuselelwa Kwe-Afrika, ngomhla wama-24 kuNhlaba 2018 e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eDurban.

Lo mcimbi uyingxenye yemicimbi eyisikhumbuzo ezodonsa unyaka wonke kubungazwa umongameli wethu wokuqala wentando yeningi labantu uMongameli, uTata Nelson Rolihlahla Mandela kanye Nesishoshovu Somzabalazo uMama u-Albertina Nontsikelelo Sisulu, ezobanjwa ezwenikazi lilonke kanye nasemhlabeni jikelele.

17. Usuku Lwe-Afrika
Usuku Lwe-Afrika lubanjwa minyaka yonke mhla wezi-25 ezwenikazi ukuze kukhunjulwe ukusungulwa kweNhlangano Yobumbano lwe-Afrika (i-OAU) - manje eseyaziwa ngokuthi yiNhlangano Yamazwe Ase-Afrika i-AU) - ngowe-1963. Luwusuku lokubungaza izinhlanga nezizwe ezahlukahlukane zase-Afrika, lube lunxusa ukuthi kube nobumbano ezwenikazi.
INingizimu Afrika ibungaza uSuku lwe-Afrika ngokuthi kube nemicimbi yeNyanga yase-Afrika engeyokubungaza nefundisayo, enezinzuzo zezepolitiki nezenhlalomnotho kubantu baseNingizimu Afrika naseZwenikazi. Isiqubulo seNyanga ye-Afrika sithi: "Unyaka kaNelson Mandela - Ukwakha i-Afrika Engcono kanye Nomhlaba Ongcono".

D. Imiyalezo
18. Amazwi Enduduzo
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani boqweqwe lomthwebulizithombe ongasekho, owahlonyuliswa ngendondo yeSizwe, i-Order of Ikhamanga, uMnu. Sam Nzima, owasebenzisa ikhamera yakhe ukudalula unya lombuso wobandlululo. Uzokhunjulwa ngesithombe sakhe esaduma umhlaba wonke sika-Hector Pieterson, mhla ziyi-16 kuNhlangulana 1976, esaphoqa umhlaba ukuthi ubone bese uthathe isinyathelo sokulwisana nombuso wobandlululo owawunonya.

IKhabhinethi lidlulisa ukudabuka okukhulu nokuzwelana nomndeni kaDkt. Phillip Nchipi Tabane, odlule emhlabeni emuva kokugula isikhathi eside, mhla ziyi-18 kuNhlaba 2018. Njengelungu elingumsunguli weMalombo Jazzmen, waba ngomunye wabaculi baseNingizimu Afrika obenethalente elikhulu.

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangeni baMnu. Sonwabo Eddie Funde owayeyiNxusa leNingizimu Afrika e-Germany noSihlalo weBhodi LeNhlangano Yezokusakaza yaseNingizimu Afrika (i-SABC).
IKhabhinethi ligileke engeqiwa ntwala kulandela ukushona kwamantombazanyana amabili ashone eDurban emuva kokudilika kodonga. Sidlulisa ukuzwelana okukhulu nemindeni yawo.

19. Ukuhalalisa
IKhabhinethi incoma uVusumuzi Ndlovu ophume isikhombisa emiklomelweni i-S. Pellegrino Young Chef 2018 esanda kubanjwa e-Milan. INingizimu Afrika izigqaja kakhulu ngempumelelo yakhe.
IKhabhinethi lihalalisela osanda kuklonyeliswa njengoshampeni wesibhakela kwabanesisindo se-junior flyweight kwi-International Boxing Federation (i-IBF), i-World Boxing Association (i-WBA) Super kanye ne-Ring Magazine, uHekkie "Hexecutioner" Budler, obe ngowokuqala eNingizimu Afrika ukuklonyeliswa ngemiklomelo emibili emikhulu ngesikhathi esisodwa kulandela ukunqoba ngokuthola izicoco ze-junior-flyweight ze-IBF ne-WBA.  

E. Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

20.  Nksz. Boitumelo Mosaka njengeSikhulu Esiphezulu Sezimali (i-CFO) eBhange Lentuthuko laseNingizimu Afrika (i-DBSA).

21. Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi Lebhange Lezokuthuthukiswa Kwezomnhlaba Nezolimo:
a.    Mnu.Mabotha Arthur Moloto (ukuqokwa kabusha noSihlalo);
b.    Nksz. Dudu Hlatshwayo (ukuqokwa kabusha nePhini LikaSihlalo);
c.    Nksz. Susan Ann Lund (ukuqokwa kabusha);
d.    Nksz. Matome Sydney Makgoba; kanye
e.    noDkt. Steven Thomas Cornelius.

22.    IBhodi Lezokuvakasha LaseNingizimu Afrika:
a.    Dkt. Tanya Ethel Abrahamse (ukuqokwa kabusha);
b.    Mnu. Enver Duminy (ukuqokwa kabusha);
c.    Nksz. Michelle Julie Constant (ukuqokwa kabusha);
d.    Mnu. Thebeetsile Ikalafeng (ukuqokwa kabusha);
e.    Mnu. Yacoob Abba Omar (ukuqokwa kabusha);
f.    Mnu. Monwabisi Peter Fandeso (USihlalo);
g.    Nksz. Pamela Bulelwa Yako;
h.    Nksz. Kathleen Elizabeth Rivett-Carnac;
i.    Nksz. Dawn Elizabeth Robertson;
j.    Mnu. Ravi Nadasen;
k.    Nksz. Lindiwe Sangweni-Siddo;
l.    Mnu. Mohamed Baba; kanye
m.    noNksz. Nomzamo Bhengu (Omele uMnyango Wezokuvakasha).

23.    Mnu. Dinizulu Kumalo Percival Sechemane njengeSikhulu Esiphezulu (i-CEO) se-Rand Water.
 
24.    Advocate (Dkt.) Seswantsho Godfrey Lebeya njengeNhloko Kazwelonke Sophiko Oluphenya Ubugebengu Obuseqhulwini (Oklebe).

25.    Mnu. Goodman Ntandazo Vimba njengo-CEO we-Ejenti Yokweseka Ingqalasizinda Kamasipala kuMnyango Wokwengamela Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu.

26.    Mnu. Lindokuhle Cedric Mkhumane njengePhini LikaMqondisi-Jikele Wezokuthuthukisa Kwamabhizinisi Nezamabhizinisi, kuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane.

27.    Mnu. Phakamani Hadebe njengeSikhulu Esiphezulu Jikelele se-Eskom Holdings SOC Ltd (i-Eskom) kanye nelungu leBhodi ngenxa yesikhundla sakhe (uMqondisi Omkhulu).

28.    Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi le-South African Express:
a.    Nksz. Mmakeaya Magoro Tryphosa Ramano (uSihlalo);
b.    Mnu. Ronald Ozzy Lamola;
c.    Mnu. Thulani Matiki Norman Kgomo;
d.    Nkk. Thandiwe January-McLean;
e.    Mnu. Kugan Harikrishna Thaver;
f.    Mnu. Bongisiwe Mpondo;
g.    Nksz. Hlengiwe Thandeka Makhathini;
h.    Dkt. Thabi Leoka;
i.    Mnu. Ahmed Ismail Bassa; kanye
j.    noMnu. Trevor Abrahams (ukuqokwa kabusha).

29.    Abaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla beBhodi lakwaTransnet:
a.    Mnu. Popo Molefe (uSihlalo);
b.    Nksz. Mpho Emily Letlape;
c.    Mnu. Louis Leon von Zeuner;
d.    Nksz. Ursula Nobulali Fikelepi;
e.    Nksz. Dimakatso Catherine Matshoga;
f.    Nksz. Ramasela Joyce Ganda;
g.    Solz. Edward Christian Kieswetter;
h.    Mnu. Aluwani Percy Ramabulana;
i.    Dkt. Fholisani Sydney Mufamadi;
j.    Nksz. Vivien McMenamin;
k.    Advocate Oupa Motaung; kanye
l.    noNksz. Gratitude Ramaphaka.

Imibuzo: Nksz. Phumla Williams – Isikhulumi SeKhabhinethi Esiyibamba
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore