Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla zingama-24 kuLwezi 2021

A.    Izindaba Ezisematheni

1.    Ukugonyelwa ubhubhane lwegciwane leSifo se-Corona (i-COVID-19)
1.1.    IKhabhinethi kulithokozisile ukuthi abantu abangaphezu kwezi-260 000 baphumile bayogonywa ngesikhathi kubanjwe umkhankaso wesibili wempelasonto yokugoma i-Vooma Vaccination Weekend ezweni lonkana kusukela mhla ziyi-12 kuya kumhla ziyi-14 kuLwezi 2021.   
1.2.    Kumele sikhumbule ukuthi alikapheli neze igciwane phakathi kwethu, nokuthi umgomo uyasivikela ukuze singahlaselwa wukugula okubucayi, silaliswe esibhedlela noma sishone ngenxa yegciwane.
1.3.    Umgomo unikezwa mahhala kubo bonke abantu abahlala eNingizimu Afrika, futhi noma ngubani oneminyaka yobudala eyi-12 kuya phezulu uyakhuthazwa ukuba aphume ayothola umgomo. Masigonywe ukuze siqinisekise isikhathi samaholide okuphela konyaka esiphephile futhi esinentokozo nemindeni yethu nabangani.  

2.    Uhlelo Lwentuthuko Lwezifunda (i-DDM) 
2.1.    IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukuvakashela kukaMongameli u-Cyril Ramaphosa eSifundeni Ugu KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu mhla ziyi-12 kuLwezi 2021, okuwuhambo oluqhakambise ukuthuthukiswa kwesifunda esisogwini olusempumalanga, i-Eastern Seaboard, esihlanganisa ugu olungamakhilomitha angama-600 oluphakathi kwesifundazwe saKwaZulu-Natali neMpumalanga Kapa.   
2.2.    Umklamo wokuThuthukiswa Kwesifunda Esisogwini Olusempumalanga, ngumklamo we-DDM oyingqayizivele futhi osemqoka kakhulu, ohlose ukwakha iminotho yendawo ebandakanyayo ngenhloso yokuqeda ukhondolo lokuhlaliswa kwabantu olwashiywa ngumbuso wobandlululo. Lo mklamo uhlose ukusebenzisa amathuba ahlinzekwa yimithombo yemvelo eyindathane etholakala kuleya ndawo ukukhulisa umnotho. 

3.    Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)
3.1.    IKhabhinethi lizwakalise ukuweseka ngokuphelele umgudu wezezimali obekwe ngokucacileyo ku-MTBPS eyethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana ePhalamende, eKapa, ngoLwesine mhla ziyi-11 kuLwezi 2021, othumela umyalezo oqinile wokuzibophezela kwethu ekuphatheni nokusebenzisa izimali ngokucophelela okukhulu nangobunyoninco.
3.2.    Njengengxenye yokuzibophezela kwethu emphakathini, ingxenye engama-60% yesabelomali sethu yabelwe ukwakhiwa kwezindlu, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi mahhala kubantu, izinhlelo zokuvula amathuba omsebenzi, ezempilo, ezemfundo kanye nezibonelelo zikahulumeni.
3.3.    Izinhlelo ezibalulwe ku-MTBPS ziyabonisa ukuthi uhulumeni unohlelo olucacile lokuqondisa nokulawula umnotho wezwe kulesi siphithiphithi esidalwe wubhubhane lwe-COVID-19 futhi ngalokho kubekwe izwe lethu emgudwini wokukhula wesikhathi eside.

4.    Umbukiso Wezokuhwebelana Ngokukhululekile phakathi Kwamazwe ase-Afrika wezi-2021 (i-IATF2021)
4.1.    Umbukiso i-IATF2021 obe yimpumelelo – obubanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla zingama-21 kuLwezi 2021 – ulekelelile ukuqinisa ubambiswano kanye nokukhuthaza ukuhwebelana phakathi kwamazwe ase-Afrika nokutshalwa kwezimali.
4.2.    I-IATF iqoqanise ndawonye abaholi bamabhizinisi ukuze babelane ngolwazi oluphathelene nokuhwebelana, ukutshalwa kwezimali kanye nezimakethe, futhi ngalokho kwelulwe amathuba okutshalwa kwezimali ezwekazini. Izimpahla nezinsizakalo zaseNingizimu Afrika zakhangiswa kulo mbukiso futhi kwahlinzekwa ngolwazi olunzulu ngobuhle nokubaluleka kwazo ngenhloso yokwakha imigudu yokuthengisa kanye nobambiswano ukuze kukhuliswe ukuthunyelwa nokuthengiswa kwazo kwamanye amazwe ezwekazini.

5.    Ukuphepha kwamakhaya 
5.1.    IKhabhinethi lizwakalise ukukhathazeka ngokuphepha kwezingane kulandela izigameko zakamuva ezimbadlwana zokuthunjwa kwezingane ezenzeke ezingxenyeni ezithile zaleli lizwe. Kulesi sikhathi esizayo samaholidi okuphela konyaka abazali kanye nabanakekeli bezingane kumele bavule amehlo bakuqikelele kakhulu ukuphepha kwezingane ezingaphansi kwesandla sabo abazinakekelayo futhi bahlale bazi ngaso sonke isikhathi ukuthi zikuphi.
5.2.    Abazali nabanakekeli bezingane bayanxuswa ukuba baxoxisane nezingane ezingaphansi kwesandla sabo mayelana nakho konke okuphathelene nezinyathelo zokuqikelela ukuphepha, kubandakanya nobungozi obuphathelene ne-COVID-19 kanye nemigomo yokuzivikela okumele ilandelwe. Siyabanxusa futhi abazali kanye nabanakekeli bezingane ukuthi babhekisise kahle ukuthi yimiphi imicimbi ezingazibandakanya kuyona ngokuphepha izingane zabo, ikakhulukazi intsha.
5.3.    Imicimbi enjengamadili omculo lapho abafundi bakamatikuletsheni bengqabashiya futhi badanse khona ngaphandle nokuzithiba kanye namadili okuvalelisana abanjwa ngabafundi bakamatikuletsheni emva kokuphothula ukuhlolwa kwabo yimicimbi engadala ukusabalala nokubhebhetheka kwe-COVID-19 okomlilo wequbula. Imibuthano emikhulu, ikakhulukazi leyo ebandakanya ukuphuzwa kotshwala, inobungozi obukhulu futhi icekela phansi imizamo yethu yokunqanda ukusabalala kwegciwane.

6.    Ukwakhiwa kobambiswano lwamaqembu okhethweni lohulumeni basekhaya
6.1.    IKhabhinethi libonge bonke labo bavoti abafanelekile ukuvota abavotile oKhethweni Lohulumeni Basekhaya (i-LGE) lowezi-2021 obelubanjwe ngoMsombuluko mhla lu-1 kuLwezi 2021 ukuze kutholakale ukuthi ubani okumele aphathe kohulumeni basekhaya. IKhabhinethi liziphawulile futhi izivumelwano zokubambisana kwamaqembu ezimenyezelwe kamuva nje komasipala labo abalengayo, lapho kungabangakhona iqembu elidle umhlanganiso ngamalengiso.
6.2.    IKhabhinethi lihalalisele zonke izimeya namakhansela asanda kukhethwa, futhi libafisele impumelelo emsebenzini wabo osemqoka wokuhlinzeka ngezidingongqangi zikamasipala kuyo yonke imiphakathi, kungakhathalekile ukuthi yeseka liphi iqephu. IKhabhinethi liwancomile futhi namaqembu ezepolitiki ngendlela enesithunzi nenhlonipho aziphathe ngayo ngenkathi kubanjwe uKhetho Lohulumeni Basekhaya kanye nasezingxoxweni zokubambisana kwamaqembu. 

7.    Ubumbano lomphakathi
7.1.    IKhabhinethi liwuphawulile umuzwa okhulayo wokucwaswa kwabantu bokufika kuleli kanye nokuboshwa kwabo ngabhande linye ovunguzayo ezingxenyeni ezithile zakuleli. 
7.2.    Ukuhlasela ngamandla kwe-COVID-19 kubakhahlamezile bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi umuzwa wenzondo obhebhezelwa yidlanzana labantu awubonisi neze isimo sangempela sobudlelwano obuhle phakathi kwezakhamuzi zethu kanye nabantu bokufika kuleli abaphila futhi basebenze emiphakathini yethu. 
7.3.    IKhabhinethi linxuse imiphakathi ukuthi ihlale iqaphile futhi igweme ukuphoqelelwa ukuthi izonde abanye abantu abanjengabo. IKhabhinethi linxuse wonke umuntu ukuthi aziphathe ngendlela efanele futhi konke akwenzayo akwenze ngokuhlonipha nokuthobela umthetho. Bika kwabomthetho noma yisiphi isenzo sokwephulwa komthetho esinjengokwesatshiswa noma udlame lomphakathi.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Imiphumela yesigcawu sama-26 seNgqungquthela Yamazwe Angamalungu (i-COP26) yeSivumelwano Sohlaka Lwenhlangano Yezizwe Esiqondene Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC)

1.1.    IKhabhinethi lithulelwe umbiko nguNgqongqoshe Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nezemvelo uNks Barbara Creecy, mayelana nemiphumela yesigcawu sama-26 se-COP ye-UNFCCC ebesibanjelwe e-Glasgow, kwelase-Scotland, e-United Kingdom (i-UK) kusukela mhla zingama-31 kuMfumfu kuya kumhla ziyi-13 kuLwezi 2021.
1.2.    Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika bekusekelwe phezu kwezibophezelo zayo eyazenza ngaphansi kweSivumelwano sase-Paris Esiqondene Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu sowezi-2015, okuyizibophezelo zokunciphisa ukukhiqizwa kwezinukubezi-mkhathi ezidala isivuvu somhlaba kanye nokwakha umphakathi nomnotho oqinile nonohlonze okwaziyo ukumelana nesimo sezulu esiguquguqukayo. Ukuguqukela kwezwe emandleni kagesi ovuselelekayo kuzoba nemihlomulo eminingi emihle kukho kokubili imvelo kanye nomnotho wethu.
1.3.    IKhabhinethi lilwamukele ngezandla ezimhlophe uBambiswano Loguquko Olunobuqotho Nobulungiswa, phecelezi, i-Just Transition Partnership, oluyingqophamlando olusungulwe yiNingizimu Afrika namazwe aphesheya okuyi-France, Germany, UK, United States kanye ne-European Union, olumenyezelwe ngenkathi kubanjwe i-COP26. 
1.4.    IKhabhinethi lisamukelile isiphakamiso sobambiswano okuhloswe ngalo ukuhlanganisa isamba semali engama-R131 ezigidigidi kule minyaka emithathu kuya kwemihlanu ezayo ukuze kwesekwe izinhlelo zeNingizimu Afrika zoGuquko Olunobuqotho Nobulungiswa. Lesi siphakamiso siyahambisana nesibophezelo esenziwa ngaphansi kweSivumelwano sase-Paris ngamazwe asethuthukile ngenhloso yokweseka izinyathelo zamazwe asathuthuka zokubhekana nesimo sezulu, kufaka phakathi nezinyathelo zeNingizimu Afrika.
1.5.    IKomidi Elibandakanya Ongqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene, usihlalo walo okunguMongameli u-Ramaphosa, lizolawula umsebenzi ozokwenziwa kusukela manje kuya phambili maqondana nohlelo lwaleli lizwe loGuquko Olunobuqotho Nobulungiswa kanye neziphakamiso zeminikelo yemali ezonikezwa iNingizimu Afrika ngaphansi kwalolu bambiswano.
1.6.    IKhabhinethi liphinde futhi lagunyaza uhulumeni ukuthi aqoke ithimba lezimali elibandakanya uMnyango Kamgcinimafa Kazwelonke; iSikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni; uMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nezemvelo; u-Eskom kanye nabanye ongoti bezezimali ukuba licubungule imidanti engumongo yalolu bambiswano kanye nesiphakamiso.

2.    Ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Sikazwelonke 
2.1.    Ngokuhambisana nemigomo yeSigaba 27(5) (c) soMthetho Wokulawulwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (uMthetho wama-57 wezi-2002), iKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuze kube ngumhla we-15 kuZibandlela 2021. Lezi zinyathelo zizoqhubeka nokulekelela empini yaleli lizwe yokunqanda ukubhebhetheka kwe-COVID-19. 

3.    Inyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abakhubazekile 
3.1.    IKhabhinethi liyigunyazile indlela-kusebenza yokuhlaziya isimo-ngqikithi ngokujulile elandelwayo embungazweni walo nyaka weNyanga Yokuqwashisa Ngamalungelo Abakhubazekile, egujwa njalo ngonyaka kusukela mhla zi-3 kuLwezi kuze kube ngumhla zi-3 kuZibandlela. Isiqubulo sowezi-2021 sithi: “Unyaka ka-Charlotte Mannya Maxeke – Sakha futhi Sifezekise Umphakathi Obandakanyayo Oweseka futhi Ugcine Amalungelo Abantu Abanokukhubazeka”. 
3.2.    Lo mkhankaso ugxile ekuqwashiseni ngabantu abanokukhubazeka emphakathini wethu, kanye nokubungaza inqubekela-phambili esesiyenzile njengezwe ukunikeza abantu abanokukhubazeka amathuba okubamba iqhaza ngenkuthalo emshikashikeni wethu wokukhuliswa komnotho. UNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli owengamele ezaBesifazane, Intsha Nabantu Abanokukhubazeka, uNks Maite Nkoana-Mashabane, khona maduze nje uzosichazela kabanzi ngezinhlelo ezizokwenziwa ngeviki neviki eziqondene nezingqikithi ezihlukahlukene.
3.3.    INingizimu Afrika yakugunyaza ngokusemthethweni ukusayindwa kweSivumelwano seNhlangano Yezizwe Esiqondene Namalungelo Abantu Abanokukhubazeka.

4.    Umbiko Kazwelonke Wesimo Samalungelo Ezingane
4.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMbiko Kazwelonke Wesimo Samalungelo Ezingane okhishwa njalo ngonyaka. Lona ngumbiko wezwe wokuqala ngqa obanzi wesimo sezingane ohlanganiswe ngokusebenzisa uHlelo Lokusebenza Lukazwelonke oluqondene Nezingane lowezi-2019-2024. 
4.2.    Umbiko uhlinzeka kafushane ngenqubekela-phambili esiyenziwe ekuqaliseni ukusebenza kwemithetho kanye nezinqubomgomo okuhloswe ngazo ukuvikela nokugqugquzela amalungelo ezingane njengoba lokhu kuhlinzekeliwe kuSomqulu Wamalungelo. 

5.    Umbiko Wamazwe Asayinde Isivumelwano Okumele Uthunyelwe Ekomidini Longoti lase-Afrika Eliqondene Namalungelo Nenhlalakahle Yengane (i-ACERWC)
5.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uMbiko Wamazwe Asayinde Isivumelwano uthunyelwe ku-ACERWC yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU).
5.2.    Lona ngumbiko wesithathu othunyelwa yiNingizimu Afrika ku-ACERWC, njengoba leli lizwe lingelinye lamazwe asayinde izibopho ze-AU maqondana nenhlalakahle nokuvikelwa kwezingane ezwekazini. Umbiko wamanje, okumele wethulwe ngoNdasa 2022, usabela futhi nakulokho okwashiwo yi-ACERWC maqondana nombiko wethu wezi-2016. 

6.    Izimvume Ezikhethekile Zokuhlinzekwa Kwabantu BaseZimbabwe Ngamaphepha Okufunda, Ukusebenza Nokuqhuba Ibhizinisi Kuleli (ama-ZEP)
6.1.    IKhabhinethi liwacubungulile ama-ZEP angundabamlonyeni kuleli futhi liziphawulile nezindaba ezingelona neze iqiniso ebezisatshalaliswa maqondana nalezi zimvume. Uhlelo lokuqala lokubhekelelwa ngokukhethekile kwabantu baseZimbabwe laqala ngowezi-2009 futhi lokhu kwabe kubizwa ngeZimvume Zohlelo Lokubhekelelwa Ngokukhethekile Kwabantu BaseZimbabwe. Lokhu kwabe kuhlinzekela ukuhlinzekwa kwabantu baseZimbabwe abafanelekile ngamaphepha-mvume esikhathi esiyiminyaka emihlanu.
6.2.    Ngowezi-2014, lolu hlelo lwelulwa ngeminye iminyaka emithathu futhi lwabe selubizwa ngeZimvume Ezikhethekile Zabantu BaseZimbabwe. Izimvume ze-ZEP ezisebenzayo njengamanje zaqala ngowezi-2017 futhi zizophelelwa yisikhathi mhla zingama-31 kuZibandlela 2021.
6.3.    Kulandela ukuxoxisana kabanzi ngalolu daba, iKhabhinethi linqume ukuthi lingabe lisaqhubeka nokwelula izimvume ezikhethekile zabantu baseZimbabwe. Kodwa-ke, linqume ukubanikeza isikhathi sikashwele esiyizinyanga eziyi-12 emva kokuphela kwesikhathi sokusebenza kwama-ZEP asebenzayo njengamanje.

6.4.    Ngalesi sikhathi, abanikazi balezi zimvume kumele bafake izicelo zezinye izimvume ezifanelekile eziqondene nesimo sabo ngokwehlukahlukana kwabo. Ekupheleni kwesikhathi sikashwele wezinyanga eziyi-12 labo abangaphumelelanga ezicelweni zabo kumele baphume baphele eNingizimu Afrika noma-ke babuyiselwe nguhulumeni ngenkani ezweni labo. 

7.    Ukuhlelwa kabusha kohlelo lokhetho lwaseNingizimu Afrika ukuze lubandakanye nalabo abangenela ukhetho ngokuzimela
7.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende kombiko weKomidi Eleluleka uNgqongqoshe (i-MAC) oqondene Nezinguquko Zohlelo Lokhetho. Izinguquko zokhetho zaqaliswa emva kwesinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo esakhishwa ngowezi-2020 esakubeka ngokucacile ukuthi uMthetho Wezokhetho, we-1998 (uMthetho wama-73 we-1998) awuhambisani neze noMthethosisekelo njengoba uhlinzekela kuphela ukuthi ukukhethwa kwamalungu eSigungu Sikazwelonke   kanye nezishayamthetho zezifundazwe kwenziwe ngaphansi kwesandla samaqembu ezepolitiki. 
7.2.    Umbiko we-MAC wethula izinqubomgomo ezihlukahlukene okungakhethwa kuzo ukulungisa lezo zingxenye zoMthetho Wokhetho we-1998 eziphambene noMthethosisekelo.  

8.    Uhlaka Lwemigomo Okuhloswe Ukufinyelela Kuyona Yezinukubezi-mkhathi Ezikhiqizwa Yimikhakha (ama-SETs) 
8.1.    IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka lwama-SETs ngokuhambisana nenqubo yeNingizimu Afrika yokuqalisa ukusebenza kweSivumelwano sase-Paris esasayindwa yiNgqungquthela Yamazwe Angamalungu yeSivumelwano Sohlaka LweNhlangano Yezizwe Esiqondene Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu ngowezi-2015. Lolu hlaka luzohola futhi lulawule indlela-kusebenza ezosetshenziswa yiminyango kahulumeni eyinhloko eqondene nalo msebenzi ekulawuleni inqubo yokwaba nokuqalisa ama-SETs kweminye iminyango esebenzisana nayo. 
8.2.    Amathuluzi okuhlela eminyango kazwelonke noma iziNqubomgomo Nezinyathelo (ama-PAMs) kuhloswe ngakho ukunciphisa izinukubezi-mkhathi ezikhiqizwa yilo mkhakha ngokuhambisana nomgomo okuhloswe ukufinyelela kuwona wokunciphisa izinukubezi-mkhathi ezikhiqizwa yimikhakha. Umkhakha we-PAMs ubaluleke kakhulu ekuqalisweni kokususwa kwezinukubezi-mkhathi esizibekele khona. Le migomo okuhloswe ukufinyelela kuyona izobekwa ngokucacile futhi yabiwe ngokushesha emva kokuba uMthethosivivinywa Wokuguquguquka Kwesimo Sezulu usuphasisiwe waba ngumthetho. Lokhu kuzonqunyelwa ukuqhubeka amahlandla amathathu alandelanayo eminyaka emihlanu futhi kuzobuyekezwa njalo emva kweminyaka emihlanu.

9.    Umthamo owamukelekile wekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani
9.1.    IKhabhinethi liyigunyazile iNdlela-kusebenza Yokwabiwa Komthamo Owamukelekile Wekhabhoni Engakhiqizwa Yizinkampani ukuze iqale ukusetshenziswa. Ngowezi-2023, kuzoqaliswa uhlelo oluphoqelekile lomthamo ovumelekile wekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani oluqondiswe kulezo zinkampani ezikhiqiza ikhabhoni eningi ngokweqile. Uhlelo lomthamo ovumelekile wekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani luzophoqelela izinkampani ezikhiqiza ikhabhoni eningi ngokweqile ukuba zithobele imithamo ezabelwe yona yezingcolisi-mkhathi njengezibophezelo zazo zeminyaka emihlanu.
9.2.    Indlela-kusebenza yokwabiwa komthamo owamukelekile wekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani ibeka ngokucacileyo ububanzi bomthamo ophoqelekile wekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani kanye nemininingwane yezinhlaka zokusebenza ezizosetshenziswa ukubala nokwaba imithamo eyamukelekile yekhabhoni engakhiqizwa yizinkampani esigabeni sokuqala esiphoqelekile, kuya ngale kwalokho.

10.    Ukuhlelwa kabusha kwezifundankantolo ukuze zisebenze ngobunyoninco 
10.1.    IKhabhinethi likwamukelile ukuphothulwa kohlelo lokuhlelwa kabusha kwezifundankantolo zezifundazwe ezine ezisilele (okuyiMpumalanga Kapa; Freyistata; KwaZulu-Natali kanye neNtshonalanga Kapa). Le nqubo eqalisa ukusebenza kwezimiselo zoMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996, yaqala ngowezi-2014 lapho khona kwahlelwa kabusha isifundankantolo sase-Gauteng kanye nesaseNyakatho Ntshonalanga. Isifundazwe saseLimpopo kanye nesaseMpumalanga zaphothulwa ngowezi-2016 kanti esaseNyakatho Kapa sona saphothulwa ngowezi-2018.
10.2.    Ngaphambi kowe-1994, izifundankantolo zaleli lizwe zabe zinqunywa ngokobuhlanga okwakubhebhezela futhi kuqhubekisele phambili ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zobulungiswa nokwahlulela ezingagculisi neze futhi ezisezingeni eliphansi kubantu abamnyama ababehlala kulezo zindawo esezaqedwa ezabe ziyizabelo zabamnyama noma omazibuse kanye namalokishi. 
10.3.    Imingcele ehlongozwayo yamandla okwengamela kwezinkantolo ezihlelwe kabusha iqinisekisa ukufinyelela ngokulinganayo kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ohlelweni lobulungiswa. Le nqubo yokuba ekugcineni kuqhanyukwe nale mingcele yabe iyinqubo ebandakanyayo eyayifaka phakathi izimantshi, uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika; uPhiko Lwezokushushisa Lukazwelonke; iBhodi Losizo Lwezomthetho, iBhodi Lokuklanywa Kwemingcele Yomasipala kanye nabo bonke ababambiqhaza nalabo abathintekayo abafanelekile abasezifundazweni ngokwehlukana kwazo. 

11.    Izinqubomgomo zokuphathwa kwamacala aphathelene nokumangalelwa kombuso, ukuxazululwa kwemibango ngaphandle kwenkantolo kanye nokumelwa kombuso emacaleni
11.1.    IKhabhinethi lizigunyazile izinqubomgomo ezintathu eziphathelene nokuphathwa kwamacala okumangalelwa kombuso, ukuxazululwa kwemibango ngaphandle kwenkantolo kanye nokumelwa kombuso emacaleni. Lezi zinqubomgomo zihlose ukugqugquzela ukuphathwa kwamacala okumangalelwa kombuso ngendlela ehlomisayo ekwenzeni umsebenzi ngobunyoninco kanye nokuvuna izithelo ezinhle ngaphandle kokufaka umbuso ezindlekweni ezinkulu.
11.2.    Lezi zinqubomgomo zihlinzeka ngemigomo-jikelele okumele ilandelwe kanye nendlela-kusebenza okumele isetshenziswe yiHhovisi Lommeli Wombuso (i-OSA) lapho libhekene namacala okumangalelwa kombuso. Futhi, lezi zinqubomgomo zisungula izinqubo-kusebenza ezifanayo ezizosetshenziswa futhi zihlinzeka ngohlaka lokwelekelela i-OSA. Inqubomgomo yokuxazululwa kwemibango ngaphandle kwenkantolo yethula futhi nezinhlelo ezehlukile zokungenelela kulawo macala angaxazululeka ngokulandela izinqubo zenkantolo ezingambi eqolo.
11.3.    Lezi zinqubomgomo zizosebenza njengendlela-kusebenza yesikhashana ngenkathi kusabuyekezwa uMthetho Wommeli Wombuso, we-1957 (uMthetho wama-56 we-1957), njengoba uchitshiyeliwe. 

C.    Imithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yemfundo Eyisisekelo
1.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yemfundo Eyisisekelo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezikole zaseNingizimu Afrika, we-1996 (uMthetho wama-84 we-1996) kanye noMthetho Wokuqashwa Kothisha, we-1998 (uMthetho wama-76 we-1998).
1.2.    Izichibiyelo ezihlongozwayo zihlose ukuqinisa izinhlelo zokufunda emkhakheni wezemfundo njengoba kushiwo kuMthethosisekelo WeRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. Izichibiyelo, phakathi kokunye, ziqalisa ukufinyelela kwabo bonke abantwana eminyakeni emibili yohlelo lokuthuthukiswa kwezingane zisencane.
1.3.    Futhi uMthethosivivinywa uphoqelela ukuphendula kwezigungu ezilawula izikole futhi ucacisa ngezinqubomgomo zokwamukelwa kwabafundi ezikoleni, ulimi kanye nemigomo yokuziphatha. Izichibiyelo ezihlongozwayo zizokwenza ngcono ukufinyelela emfundweni kwabo bonke abafundi ezweni lonkana.
1.4.    Lo Mthethosivivinywa udlule ohlelweni lokubonisana nokufakana imilomo nomphakathi kanye nabo bonke ababambiqhaza abathintekayo abafanelekile. 

2.       UMthethosivivinywa Wezintela Zomkhakha Wezezimali wezi-2021
2.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wezintela Zomkhakha Wezezimali wezi-2021. Lo Mthethosivivinywa uqalisa ukusebenza koMthetho Wokulawulwa Komkhakha Wezezimali (i-FSR), wezi-2017 (uMthetho wesi-9 wezi-2017).
2.2. UMthethosivivinywa ukhokhisa umkhakha wezezimali izintela ezizosetshenziselwa ukuxhasa ngezimali imisebenzi eyenziwayo kanye nokusebenza kwezinhlangano zomkhakha wezezimali ezasungulwa ngokwemigomo yoMthetho we-FSR wezi-2017. UMthethosivivinywa ukhokhisa futhi namalumgu abhalisiwe enkampani idiphozithi ephoqelekile yenkokhelo-mshwalense ukuze kuhlinzekwe ngesivikelo-kulahlekelwa kubantu abafake izimali zabo ebhange uma kwenzeka kube nokwahluleka kwamabhange.
2.3. UMthethosivivinywa uchibiyela futhi noMthetho Wezikhwama Zempesheni, we-1956 (uMthetho wama-24 we-1956); uMthetho Wamabhange, we-1990 (uMthetho wama-94 we-1990); uMthetho Wamabhange Alabo Abagcine Izimali Zabo Kuwona (Mutual Banks), we-1993 (uMthetho we-124 wonyaka we-1993) kanye noMthetho Wezokweluleka Ngezezimali kanye Nezinsizakalo Zokuxhumanisa, wezi-2002 (uMthetho wama-37 wezi-2002) futhi uhambelanisa le mithetho noMthetho we-FSR wezi-2017 maqondana nezinhlangano zomkhakha wezezimali.

3.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wokhetho
3.1.    IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uMthetho Wokhetho obhekwe ngabomvu. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wokhetho we-1998 ukuze kuhlinzekelwe ukukhethwa kwabangeneli-khetho abazimele kwiSigungu Sikazwelonke kanye nezishayamthetho zezifundazwe. 
3.2.    NgoNhlangulana 2020 iNkantolo YoMthethosisekelo yayalela iPhalamende ukuthi lilungise lokho okungalungile kuMthetho Wokhetho osebenzayo njengamanje we-1998 ukuze kuqinisekiswe ukuthi abangeneli-khetho abazimele bayakwazi ukungenela ukhetho lweSigungu Sikazwelonke kanye nezishayamthetho zezifundazwe.
3.3.    IKhabhinethi likugunyazile futhi ukuthunyelwa kombiko we-MAC obeka ngokucacile izinqubo okungakhethwa kuzona zokulungisa lezo zingxenye zoMthetho Wokhetho okwatholakala ukuthi azihambisani noMthethosisekelo.

A.    Umcimbi Ozayo

1.    UMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane wezi-2021
1.1.    IKhabhinethi liyigunyazile indlela-kusebenza yokuhlaziya isimo-ngqikithi ngokujulile ezolandelwa emkhankasweni weziNsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Nezingane. Lo mkhankaso wokuqwashisa umphakathi uzoqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Charlotte Mannya Maxeke: iziNsuku eziyi-16 Zobushoshovu – siqhubekela phambili sisuka ekuqwashiseni siya ekuphenduleni ngokufanele”. Umkhankaso uyingxenye yomsebenzi kahulumeni obanzi weziNsuku ezingama-365 Wobushoshovu bokuqwashisa nokushabashekela ukuqedwa kodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
1.2.    IKhabhinethi liyasinxusa sonke ukuthi sikugxeke ukuhlukunyezwa nokuphathwa kabi kwabesifazane nezingane kuleli lizwe futhi sizibophezele ekunqandeni lokhu. Izibalo zakamuva zobugebengu obuphathelene nodlame olweyamene nobulili kanye nokubulawa kwabantu besifazane ezikhishwe yiHhovisi likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa kumele zibe yinto edala ukukhathazeka kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abathanda ukuthula futhi abawuthobelayo umthetho.  
1.3.    IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenze ngokubambisana ukuqinisekisa ukuthi lo mkhankaso usondeza leli lizwe ekufezekiseni ilungelo lokuphepha kwabesifazane nezingane. Namuhla mhla zingama-25 kuLwezi, uNgqongqoshe u-Nkoana-Mashabane uzokwethula ukuqaliswa kwalo mkhankaso.

D.    Imiyalezo

2.    Amazwi okuhalalisa

IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle kulaba:

  • UMnu Damon Galgut, umbhali onqobe umklomelo ohlonishwa kakhulu i-2021 Booker Prize ngenoveli yakhe esihloko sithi, The Promise, futhi ongumbhali waseNingizimu Afrika ongowesithathu ukunqoba i-Booker Prize.
  • I-Mamelodi Sundowns Ladies ngokunqoba umqhudelwano wokuqala weNhlangano yase-Afrika Yeligi Yamaqembu Abesifazane Angoshampeni Bakanobhutshuzwayo obubanjelwe e-Cairo, kwelase-Gibhithe. Le mpumelelo eyingqophamlando ngokuqinisekileyo izokugqugquzela kakhulu ukuthuthukiswa komkhakha webhola likanobutshuzwayo wabesifazane eNingizimu Afrika.  

3.    Amazwi enduduzo

  • IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba abalandelayo:
  • UMnu FW de Klerk (85), owabe enguMongameli waseNingizimu Afrika ngesikhathi esandulela ukufika kwentando yeningi labantu kuleli futhi owake wabamba nesikhundla sokuba yiPhini likaMongameli ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano Lukazwelonke ngowe-1994. Wahlonishwa ngendodo yokuthula i-Nobel Peace Prize ngowe-1993 ngokuhlanganyela noMongameli waphambilini u-Nelson Mandela ngegalelo labo ekuqedweni kombuso wobandlululo ngokuthula, kanye nokubeka isisekelo sombuso omusha wentando yeningi labantu eNingizimu Afrika.
  • UMnu Wilbur Smith (88), umbhali wamazwe ngamazwe wodumo odayise izincwadi ezingaphezu kwezigidi eziyi-140.  Ubengumbhali nomxoxi wezindaba ongaconsi phansi othathwa njengomunye wezikhondlakhondla zemibhalo yobuciko ezweni lethu.
  • UMnu Tubby Reddy (62), owabe enguMphathi Omkhulu (u-CEO) waphambilini wekomidi lenhlangano yakuleli yezemidlalo, i-South African Sports Confederation and Olympic Committee (i-SASCOC), obelokhu eqhubekele njalo nokusebenza ngokuzikhandla nokuzinikela okukhulu ukuphucula nokwenza ngcono ezemidlalo eNingizimu Afrika.  

E.    Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    UMnu Lucky Charles Mohalaba oqashwe njengo-CEO we-Inkomati-Usuthu Catchment Management Agency. 
2.    USlz Azwihangwisi Edward Nesamvuni oqokwe njengoSihlalo weBhodi le-South African National Biodiversity Institute. 
3.    UMnu Lemogang Pitsoe oqashwe njengo-CEO we-African Exploration Mining and Finance Corporation. 
4.    UMnu Nasele Nathan Mehlomakulu oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele Wophiko Lokuqinisekisa Ukutholakala Kokudla Okwaneleyo kanye Nezinguquko Kwezomhlaba Wokulima eMnyangweni Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya.

5.    IBhodi LabaQondisi beSikhwama Sezinxephezelo:
(i)    UMnu Paul Serote (uSihlalo);
(ii)    UMnu Gerald Boitumelo Mokgoro;
(iii)    UMnu Tibor Szana;
(iv)    UNks Valerie Manamane Rennie;
(v)    UDkt Zukiswa Pinini;
(vi)    UNks Ndivhuwo Manyonga;
(vii)    UNks Gys Myburgh McIntosh;
(viii)    UMnu Mandla Shezi; 
(ix)    UMnu Adam Letshele;
(x)    UDkt Sethole Reginald Legoabe;
(xi)    UNks Elma Mary Burger; 
(xii)    UMfu Ntombizine Madyibi;
(xiii)    UNks Vuyiswa Miya;
(xiv)    UMnu Fani Xaba;
(xv)    UNks Sumaya Hoosen;
(xvi)    UMnu Kevin Cowley;
(xvii)    UDkt Hilko Johannsmeier; 
(xviii)     UMnu Jan Mahlangu;
(xix)    UNks Naledi Tsipane;
(xx)    UMnu Janek Wilimiec;
(xxi)    UMnu Edward Malometje Thobejana; kanye
(xxii)    NoNks Desugee Pillai.

6.    IBhodi LabaQondisi be-South African Weather Service:
(i)    UNks Feziwe Yolanda Renqe;
(ii)    UNks Mmapula Moreen Kgari;
(iii)    UNks Sandika Daya;
(iv)    UNks Moipone Edith Magomola;
(v)    UMnu Mmaphaka Ephraim Tau;
(vi)    UMnu Itani Phaduli;
(vii)    USlz Ndivhudzannyi Sylvester Mpandeli; kanye 
(viii)    UDkt Grant Reagon Son. 

7.    IBhodi LabaQondisi be-Construction Industry Development: 
(i)    UMnu Khulile Vuyisile Nzo (uSihlalo);
(ii)    USlz Susanna Gertruida Bouillon (iPhini likaSihlalo);
(iii)    UNks Yvonne Deliwe Mbane;
(iv)    UMnu Tumelo Gopane;
(v)    UMnu Sibusiso Makhanya;
(vi)    UNks Karabo Joyce Siyila;
(vii)    UNks Moloko Benadette Rabosiwana;
(viii)    UNks Ertia Boitumelo Mokgatle;
(ix)    UNks Celeste Margo le Roux;
(x)    UMnu Danny Lesiba Masimene;
(xi)    UNks Thuthuka Siphumezile Songelwa;
(xii)    UNks Bongekile Zulu; kanye
(xiii)    NoMnu Khuliso Kennedy Maimela.

8.    IBhodi LabaQondisi be-Community Schemes Ombud Service: 
(i)    UNks Marvellous Phindile Mthethwa (uSihlalo);
(ii)    UMnu Sediko Rakolote;
(iii)    UNks Julia Ramataboe;
(iv)    UNks Deshni Subbiah;
(v)    UMnu Mthokozisi Daluxolo Xulu;
(vi)    UMnu Donovan Vincent Goliath; kanye 
(vii)    NoNks Ntombikayise Sithole.

9.    IBhodi LabaQondisi be-Property Practitioners Regulatory Authority: 
(i)    UMnu Steven Piet Ngubeni (uSihlalo); 
(ii)    UNks Pamela Nonkululeko Makhubela;
(iii)    Ummeli wasemaJajini uMxolisi Sphamandla Nene;
(iv)    UMnu Terry Kevin Johnson;
(v)    UMnu Thato Ramaili;
(vi)    UNks Thokozani Radebe;
(vii)    UNks Thuthuka Siphumezile Songelwa;
(viii)    UMnu Shaheed Peters;
(ix)    UNks Nokulunga Makopo;
(x)    UNks Pamela Beatrice Snyman; kanye 
(xi)    NoNks Veruska Gilbert (Ummeleli woMnyango Wezohwebo, Ezezimboni Nokuncintisana)

10.     IBhodi LabaQondisi be-National Home Builders Registration Council: 
(i)    UNks Nomusa Mufamadi (uSihlalo);
(ii)    UMnu Francois Beukman;
(iii)    UMnu Kganki Matabane;
(iv)    UNks Nontuthuko Chiluvane;
(v)    UNks Mandy Jayakody;
(vi)    UMnu Refilwe Lediga;
(vii)    UNks Morwesi Ramonyai;
(viii)    UNks Siphindile Memela;
(ix)    UNks Nomthandazo Lucia Ncalane-Ngcobo;
(x)    UNks Kedibone Tsiloane;
(xi)    UMnu Roy Mnisi;
(xii)    UNks Shelly Huntley;
(xiii)    UNks Sasa Subaban; kanye
(xiv)    NoNks Zodwa Matiwane. 

11.    Amalungu oMkhandlu we-Social Housing Regulatory Authority: 
(i)    UNks Busisiwe Nzo (uSihlalo);
(ii)    UNks Pulani Thobejane-Mogotsi
(iii)    UNks Lahlane Malema;
(iv)    UNks Sanele Masiza;
(v)    UNks Yvonne Deliwe Mbane;
(vi)    UNks Lebogang Shole;
(vii)    UNks Ayanda Olifant;
(viii)    UNks Zimbini Hill;
(ix)    UNks Confidence Tshilande;
(x)    UMnu Kevin Kiewitz;
(xi)    UMnu Ashley Latchu; kanye
(xii)    NoMnu Mashukudu Maboa.

12.     IBhodi LabaQondisi be-Housing Development Agency:
(i)    UDkt Tshilidzi Ratshitanga (uSihlalo);
(ii)    UNks Marina Dumakude (iPhini likaSihlalo);
(iii)    UDkt Manqoba Soni;
(iv)    UNks Nalini Maharaj;
(v)    UMnu Rajesh Makan; kanye
(vi)    NoNks Magdeline Tshabalala.  

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore