Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obanjwe ngobuxhakaxhaka bezokuxhumana wangomhla ziyi-6 kuMbasa 2022

A. Izindaba Ezisematheni

1. Ingqungquthela Yesine Yotshalomali eNingizimu Afrika (i-SAIC)

1.1. IKhabhinethi isamukele isiphetho esiyimpumelelo se-SAIC yesine ebibanjwe e-Sandton Convention Centre, eGoli ngoLwesine, mhla zingama-24 kuNdasa wezi-2022, esibonakalise abatshalizimali balapha ekhaya kanye nabasemazweni omhlaba bezibophezela ukuthi bazotshala kabusha izimali ezweni lethu.
1.2.  Izwe lakithi lithole izethembiso ezintsha zotshalomali ezingama-80 ezifinyelela kwisamba esiphelele sezigidigidi ezingama-R332. Lokhu kuthatha isamba esiphelele sotshalomali oluthenjisiwe kusibeke ku-R1.14 trillion, nokungamele kuphela amaphesenti angama-95 otshalomali lwethu obeluhlosiwe kodwa kuphinde kusibeke ngokuqinile emzileni wokuthi seqe ngaphezulu utshalomali lwethu esiluhlosile lwe-R1.2 trillion eminyakeni emihlanu. 
1.3.  Lezi zibophezelo zotshalomali ziqinisekisa isimo sezwe lethu njengendawo yokutshala izimali abantu abazikhethela yona ngokuzithandela.
1.4.  Kuze kube yimanje, izigidigidi ezingama-R316 eziboshezelwe sezifakwe kwimiklamo engama-46 esiphothuliwe kanye neminye imiklamo engama-57 esaqhubeka nokwakhiwa. IKhabhinethi iziqaphelile izimpumelelo zezimali ezaboshezelwa ngaphambilini njengoba kubikiwe eNgqungqutheleni, ezifaka phakathi kokunye umthamo wamandla okukhiqiza omusha emikhakheni eyingxubevane njengomkhakha wezezimoto, ukukhiqizwa kokudla, umkhakha wezemithi kanye nezikhungo zedijithali.
1.5.  IKhabhinethi ishaye ikhwela kuyo yonke imikhakha yomphakathi ukuba ikweseke lokhu kungenelela okusemqoka njengoba sisebenzisana ndawonye ukubuyisela emuva izinga lethu lokuntuleka kwemisebenzi, elikhuphukele emaphesentini angama-35.3, ngokwemiphumela yoCwaningo Lombutho Wabasebenzi Lwekota esanda kukhishwa maduze nje Abesikhungo Sezibalo saseNingizimu Afrika (i-Statistics South Africa). 

2.  Ukuqedwa Kwesimo Senhlekelele Kazwelonke 

2.1.  IKhabhinethi iphinde yakwamukela ukuqedwa Kwesimo Senhlekelele Kazwelonke okumenyezelwe nguMongameli u-Cyril Ramaphosa ngoMsombuluko, mhla zi-4 kuMbasa wezi-2022. Le ngqophamlando yenziwe ukuqina nokuqinisela kwabantu eNingizimu Afrika abathobele yonke imigomo yezokuphepha kwiSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) ebekwe nguhulumeni ukusindisa izimpilo kanye nezindlela zabantu zokuziphilisa.
2.2.  Ubhubhane seluzolawulwa ngokoMthetho Wezempilo Kazwelonke, wezi-2003 (uMthetho wama-61 wezi-2003) ukubheka phambili. Uhlaka Lwemithethonqubo yezempilo okuyiyona ezoqondisa uMthetho Wezempilo Kazwelonke wezi-2003 lusavulelekile ukuthi umphakathi uphose imibono yawo kuze kube mhla ziyi-16 kuMbasa wezi-2022.
2.3.  IKhabhinethi ikhumbuze bonke abantu bakuleli lizwe ukuba baqhubeke nokuthatha izinyathelo ezifanele zokuvimbela ukuze sizivikele thina kanye nabanye ekuthelelekeni ngegciwane le-COVID-19. Lokhu kubandakanya ukuhlanzwa njalo kwezandla ngamanzi kanye nensipho noma ukusebenzisa isibulali-magciwane esine-alcohol engama-70%, ukugqoka isifonyo esimboza kokubili umlomo kanye nekhala uma usendaweni evalelekile, ukugcina ibanga lokuqhelelana eliphephile eliyimitha elilodwa okungenani, ukuvula amawindi ukuze kungene umoya ohlanzekile kanye nokugoma.
2.4.  Imigomo ye-COVID-19 isebenza ngempumelelo ekuvimbeleni ukugula okubi kakhulu, ukulaliswa esibhedlela ngisho nokufa imbala. Zivikele wena uqobo kanye nabathandiweyo bakho ngokuvakashela isikhungo  esiseduze nawe sokugoma ukuze uzothola ukugonywa mahhala, ngisho ungabekisanga isikhala sokuthi uyeza.

3.  Ukufudukela ekusakazeni kwedijithali

3.1.  Ukuhlehliswa koSuku Lokucishwa kwe-Analogi lusuka kumhla zingama-31 kuNdasa kuya kumhla zingama-30 kuNhlangulana wezi-2022 kuhlinzeka ngesikhathi esanele kuhulumeni ukuba aphothule ukufakwa kwamabhokisi abizwa ngama-set-top box (ama-STB) emakhaya abhalisa ngesikhathi futhi onelungelo lokuwathola ngaphambi kokucishwa kwe-analogi.
3.2.  UMnyango Wezokuxhumana Nezobuchwepheshe Bedijithali uzoqinisekisa ukuthi yonke imizi eyizi-507 251 eyayisibhalisile ngomhla zingama-31 kuMfumfu wezi-2021 izoxhunywa ungakadluli umhla zingama-30 kuNhlangulana wezi-2022. Imizi eyizi-260 868 ebhalise phakathi komhla zingama-31 kuMfumfu wezi-2021 nomhla ziyi-10 kuNdasa wezi-2022 izobe isixhunyiwe kuma-STB ayo ngomhla zingama-30 kuMandulo wezi-2022.
3.3.  IKhabhinethi inethemba elikhulu lokuthi ukuphothulwa kwalolu hlelo kuzokweseka uhlelo lokufudukelwa kwidijithali kanye nokukhishwa kwamagagasi omoya aphezulu (i-high frequency spectrum) okuzolandela lapho.

4.  Ukulwisana nobugebengu kanye nenkohlakalo 

4.1.  IKhabhinethi ihalalisele uKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke omusha wakuleli lizwe, uJenene Sehlahle Fannie Masemola, kulandela ukuqokwa kwakhe nguMongameli uRamaphosa. UJenene uMasemola unomlando omuhle kakhulu wezinto azizuzile emkhakheni wobuphoyisa eNingizimu Afrika ngobubanzi.
4.2.  IKhabhinethi iyayamukela imiyalelo yokulondoloza enikezwe uPhiko Lokudliwa Kwempahla Leziphathimandla Zokushushisa Zikazwelonke (i-NPA) ekhishwe yiNkantolo Ephakeme yase-Gauteng maqondana nalabo ababandakanyeka ‘ekukhokheleni’ ukuthengwa kweMayini Yamalahle i-Optimum Coal Mine ngezigidigidi eziyi-R2.1 ngowezi-2016 ithengwa yinkampani ephethwe ngabakwa-Gupta ebizwa ngokuthi yi-Tegeta Exploration and Resources.
4.3.  Izinqumo zenkantolo, ezikhombisa ukusebenza ngempumelelo kwendlela yokwenza edidiyelwe ye-NPA kanye noPhiko Lokuphenywa Kobugebengu Obuseqhulwini (i-Directorate for Priority Crime Investigation) Lombutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, kuthumela umyalezo oqinile mayelana nokukhula kwamandla kahulumeni okubhekana nokuQhwagwa Kombuso kanye nokuqinisekisa ukuthi labo ababandakanyekayo bayabizwa ukuzoziphendulela – kanye nokubamba, ukuthola kanye nokubuyisela imali entshontshiwe emuva.
4.4.  Ekubambeni labo ababandakanyeka enkohlakalweni ukuba baziphendulele, iKhabhinethi iphinde yamukela isinqumo sokwahlulela esikhishwe yiNkantolo Yase-Palm Ridge Yobugebengu Bezentengiso Obukhethekile (i-Specialised Commercial Crimes) e-Gauteng kulowo owayengumlawuli wezimali kwa-Eskom phambilini ngokukhwabanisa ukusetshenziswa kwamandla kagesi kwezigidi ezingama-R35  ngokufaka ama-invoyisi mbumbulu okuthuthwa kwamalahle kanye nezinhlelo zokubuyisa izimali ezintshontshiwe. 
4.5.  Njengengqophamlando esemqoka ekulwisaneni kwezwe lethu nenkohlakalo, iKhabhinethi ikwamukele ukudluliswa kwengxenye yesine Yophenyo Lwekhomishana Yabehluleli ifakwa kuMbiko wokuQhwagwa Kombuso. UMongameli uRamaphosa uzokwethula ePhalamende ukungenelela okuzokwenziwa ukuqalisa ukusebenza kwezincomo zekhomishana ngenkathi ehambisa umbiko ogcwele ngomhla zingama-30 kuNhlangulana wezi-2022. 

5.  Ingqungquthela Yamazwe Amathathu Yenhlangano Ethuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC)

5.1.  IKhabhinethi iyamukele imiphumela yeNgqungquthela Yamazwe Amathathu ye-SADC ebibanjwe ePitoli ngoMsombuluko, mhla zi-4 kanye nangoLwesibili, mhla zi-5 kuMbasa wezi-2022. INingizimu Afrika isingathe le nkomfa njengoSihlalo we-SADC Organ maqondana Nezepolitiki, Ukuvikela kanye Nokubambisana Kwezokuphepha. Ihlandla lokuphatha lezwe lisukela kuNcwaba wezi-2021 liya kuNcwaba wezi-2022.
5.2.  Inkomfa yamukele, phakathi kokunye, umbiko wenqubekela-phambili Yomsebenzi Wokuthunywa kwe-SADC e-Mozambique (i-SAMIM). I-SAMIM yajutshwa ukuba iyokweseka i-Mozambique ukuba iqede amavukelambuso kanye nezenzo zodlame lwamaphekulazikhuni. 

6.  Ezomnotho 

6.1.  IKhabhinethi ikwamukele ukuthuthuka kwendlela isikhungo sokukleliswa kwamazwe ngezikweletu i-Moody’s esibuka ngayo okuzayo maqondana neNingizimu Afrika iya esimweni esizinzile isuka esimweni esibi kakhulu kanye nesinqumo sokuqinisekisa ukukleliswa kwezikweletu zeNingizimu Afrika zesikhathi eside emalini yangaphandle neyalapha ekhaya kube ku-‘Ba2’. 
6.2.  Ukuthuthuka kuqinisekisa umsebenzi kahulumeni wokubuyisa uzinzo ezimalini zezwe ezibekelwe umphakathi, owesekwe ukuqoqwa kwemali engenayo okungcono kunalokho obekulindelekile. 
6.3.  Imiphumela yokuqoqwa kwemali engenayo yesikhathi sikaMbasa wezi-2021 kuya kuNdasa wezi-2022, ikhombise ukuthi Isikhungo Sokuqoqwa Kwentela saseNingizimu Afrika siqoqe imali engaphezu kwe-R1.5trillion. Kumele ukuthuthuka ngamaphesenti angama-25 onyakeni odlule kanye nokukhuphuka ngamaphesenti ayi-15 onyakeni odlule ngaphambi kokuqala kobhubhane lwe-COVID-19.
6.4.  Uhulumeni usebenzisa imali engenayo eyengeziwe ukusheshisa ukuzinziswa kwezikweletu kanye nokubhekana nezidingo zenhlalo yomphakathi eziphuthumayo, ukukhuthaza ukusungulwa kwemisebenzi kusetshenziswa Uhlelo LukaMongameli Lokuqashwa Kwentsha (i-Presidential Youth Employment Initiative), kanye nokweseka umkhakha wezempilo yomphakathi.

7.  Inyanga Yenkululeko

7.1.  INingizimu Afrika kulo nyaka igubha Inyanga Yenkululeko ngoMbasa inethemba elivuseleleke kabusha lekusasa elingcono, ngemuva kokubekezela iminyaka emibili yesimo esinzima nesibuhlungu ngaphansi kobhubhane lomhlaba wonke i-COVID-19. Usuku Lwenkululeko lwaminyaka yonke luzogujwa ngoLwesithathu, mhla zingama-27 kuMbasa wezi-2022.
7.2.  Inyanga Yenkululeko ibungaza iphinde ithulele isigqoko bonke labo abadela izimpilo zabo ukuze thina sikwazi ukujabulela amalungelo esintu kanye nezinkululeko eziqukethwe kuMthethosisekelo wethu otuswa ngumhlaba wonke weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. 
7.3. IKhabhinethi imeme bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzisane ndawonye njengoba siqhubeka nomzabalazo wethu wokunqoba umthelela we- COVID-19. Sonke sidinga ukudlala indima yethu ukubuyisa umnotho wethu, ngokusebenzisa Uhlelo Lokwakhiwa Kabusha kanye Nokuvuselelwa Komnotho, futhi sikhulise amanye amabhizinisi amaningi ukuze sikwazi ukusungula imisebenzi eminingi.

8.  Inyanga Engcwele ka-Ramadan 

8.1.  IKhabhinethi ifisele umphakathi wamaSulumane aseNingizimu Afrika Inyanga Engcwele ka-Ramadan ebusisekile. U-Ramadan ugqanyiswa minyaka yonke emhlabeni jikelele umkhuleko, ukuzila ukudla kanye nezenzo zokubonisa isihe nokuphana kwabanye. Umphakathi wamaSulumane uyingxenye esemqoka yokwehlukahlukana kwethu kuzwelonke kanye nesimilo sethu sikazwelonke.

B.  Izinqumo zeKhabhinethi

1.  Uhlaka Lohlelo Olukhulu Lukazwelonke Lwentuthuko Oludidiyelwe Lwamabhizinisi Amancane (i-NISED)

1.1.  IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kohlaka Lohlelo Olukhulu lwe-NISED ukuze kutholakale imibono yomphakathi ngalo. Iqhingasu lokuqala Elididiyelwe Lezobubhizinisi kanye Namabhizinisi Amancane lamukelwa ngowezi-2005. Iqhingasu kanye ne-NISED eyalandela kamuva luqalisa ukusebenza koMthetho Odingidwayo wangowe-1995 maqondana neQhingasu Likazwelonke Lokuthuthukiswa Nokukhuthazwa Kwamabhizinisi Amancane eNingizimu Afrika.
1.2.  Ngemuva kokwamukelwa i-NISED izongena esikhundleni seQhingasu Elididiyelwe Lobubhizinisi kanye Namabhizinisi Amancane elisebenzayo njengamanje. Izohlinzeka umhlahlandlela wokuxhumanisa wabo bonke ababambiqhaza abasemqoka kwinqubo yokuthuthukisa amabhizinisi amancane. Iqondisa indlela yokudidiyela ezoqondisa zonke izinhlelo ezeseka amabhizinisi amancane. 
1.3.  Leli qhingasu lihlose ukwenyusa ukubamba iqhaza kwamabhizinisi amancane kwezomnotho osemthethweni, ukuqeda izithiyo nezivimbelo kanye nokukhuthaza nendlela elula yokwenza ibhizinisi, ikakhulukazi kosomabhizinisi abancane.
1.4.  I-NISED iwumkhiqizo wokuxoxisana kabanzi neminyango efanelekile ezigabeni zikahulumeni kazwelonke, wesifundazwe kanye nowezindawo. Osomabhizinisi, abasebenzi, izifundiswa kanye nezikhungo ezifanele ezinhlobonhlobo.

2.  Ukufakwa kweNhlangano Yokuxhaswa Ngezimali Kwamabhizinisi Amancane (i-SEFA) kanye neNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamabhange Awumfelandawonye (i-CBDA) ngaphakathi kweNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-SEDA)

2.1.  IKhabhinethi igunyaze ukunwetshwa kwesikhathi ngezinyanga ezingama-20 sokuhlanganiswa ndawonye kwezikhungo ezimbili, i-SEFA kanye ne-CBDA, zifakwa ngaphakathi kwe-SEDA. Ukuhlangana kwazo kwakubekelwe ukuba kuqale ukusebenza kusukela mhla lu-1 kuMbasa wezi-2022. Lokhu kwenziwa ngemuva kokuba iKhabhinethi igunyaze ukuhlangana kwalezi zikhungo ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uhlinzeka isikhungo esisodwa okuyisona esizokweseka umsebenzi wakhe lapho eseka amabhizinisi amancane kuya kwaphakathi nendawo kanye nemifelandawonye.
2.2.  Ukunwetshwa kwesikhathi okugunyaziwe kuzokwenza uMnyango Wokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane ukuthi ukwazi ukuphothula ukubuyekezwa komthetho ukuze uzohlinzeka indawo enomthetho ofanelekile kanye nenqubomgomo evumela ukwakhiwa nokusungulwa kwesikhungo esisodwa – i-SEDA. Isikhungo esisodwa futhi esihlonyiswe ngezinsizakusebenza ezanele sizohlinzeka ngokweseka okuqonde ngqo emabhizinisini amancane kuya kwaphakathi nendawo kanye nemifelandawonye. IKhabhinethi iphinde yagunyaza ukuqokwa kweBhodi Labaqondisi lesikhashana le-SEFA ne-SEDA.

3.  Imithethonqubo emayelana Nokuvikelwa, Ukukhuthazwa, Ukuthuthukiswa kanye Nokuphathwa Kolwazi Lwendabuko (Imithethonqubo Yolwazi Lwendabuko) 

3.1.  IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa kwemithethonqubo Yolwazi Lwendabuko ukuze kutholakale imibono yomphakathi ngayo. Imithethonqubo Yolwazi Lwendabuko izosiza ukuqalisa ukusebenza koMthetho Wolwazi Lwendabuko, wezi-2019 (uMthetho wesi-6 wezi-2019).
3.2.  UMthetho uhlinzekela ukuvikelwa, ukukhuthazwa, ukuthuthukiswa kanye nokuphathwa kolwazi lwendabuko. Uhlinzekela ukusungulwa kwezinhlelo zikazwelonke Zolwazi Lwendabuko; ukuphathwa kwamalungelo emiphakathi Yolwazi Lwendabuko. Uphinde uhlinzekele ukusungulwa kwephaneli yabeluleki; ukwamukelwa kwezinto ezifundwe ngaphambilini; ukugqugquzelwa kanye nokudidiyelwa Kolwazi Lwendabuko. 
3.3.  Imithethonqubo ehlongozwayo izobhekana, phakathi kokunye, nokubekwa kwePhaneli Yabeluleki; izinhlelo zokugunyazwa; ukubhaliswa kwamakhono ongoti Bolwazi Lwendabuko; indlela yokuthola noma yokusebenzisa Ulwazi Lwendabuko kanye nokugcinwa endaweni ephephile kwamarejista Olwazi Lwendabuko. Imithethonqubo iphinde ihlinzekele izindlela zokuxazulula izingxabano.
3.4.  Imithethonqubo izofakwa kusomqulu kahulumeni futhi ingatholakala ngewebhusayithi yoMnyango Wezesayensi Nokuqamba Kabusha ku: www.dsi.gov.za. Izophinda futhi itholakale ngazo zonke izilimi ezisemthethweni. 

4.  Uhlaka Lokusebenza Ngokubambisana Kwentuthuko Eqinile Yenhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-UNSDCF) Lwezi-2020-2025 

4.1.  IKhabhinethi igunyaze i-UNSDCF yowezi-2020-2025 yaseNingizimu Afrika ukuze iqaliswe ukusebenza. Uhlaka lokusebenza luhlinzekela ubambiswano olukwaziyo ukuziphendulela phakathi kukahulumeni, umphakathi ngobubanzi kanye nehhovisi lezwe ngalinye eliku-UN eNingizimu Afrika. 
4.2.  I-UNSDCF iqhakambisa izinsika ezine ezibanzi zeqhingasu eliseqhulwini ezizohlanganiswa (1) ukufaka konke , ubulungiswa kanye nokukhula okuqinile; (2) ukubhekelela abantu ngezezimali kanye noguquko kwinhlalo yabantu; (3) ukuphatha ngempumelelo, ngendlela egculisayo nenoguquko; kanye (4) nesimo sezulu esinokubekezela kanye nezinsiza zemvelo eziphethwe ngokuqinile.
4.3.  Lezi zinsika ezinobuqhingasu zixhumene noHlelo Lwentuthuko Kazwelonke yaleli lizwe:  Umbono wezi-2030 kanye Nohlaka Lokusebenza Elinobuqhingasu Lesikhathi Saphakathi Nonyaka, kanjalo Nezinjongo Zentuthuko Eqinile ze-UN ezigqugquzelwa ngokusebenzisa ihhovisi lezwe ngalinye eliku-UN eNingizimu Afrika. Ukuqalisa ukusebenza kuzokwenziwa ngeqhingasu elihlangene lokugqugquzelwa nokudidiyelwa kwezinsiza.

5.  Ukungenelela Kukazwelonke kuMkhandlu-dolobha wase-Mangaung kanye nakuMasipala wendawo i-Enoch Mgijima

5.1.  IKhabhinethi igunyaze ukungenelela ngokweSigaba 139(7) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996, ofundwa kanyekanye neSigaba 150 soMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikamasipala, wezi-2003 (uMthetho wama-56 wezi-2003), kuMkhandlu-dolobha wase-Mangaung kanye nakuMasipala Wendawo i-Enoch Mgijima. Bobabili labomasipala bebelokhu bebhekene nokwehluleka okukhulu ekuphathweni kwezimali kanye nokuhanjiswa kwezidingongqangi emphakathini isikhathi eside kakhulu. 5.2.  Isigungu Seziphathimandla Zesifundazwe saseFreyistata zafaka uMasipala woMkhandlu-dolobha wase-Mangaung ngaphansi kokungenelela okuyimpoqo ngokweSigaba 139(5) (a) no (c) soMthethosisekelo ngoZibandlela wezi-2019. Uhlelo lokubuyiswa ngempoqo kwemali labe seliqaliswa ngempoqo kumasipala ngowezi-2020. Ngemuva kokwehluleka ngaphezu kweminyaka emibili ukuqalisa ukusebenzisa uhlelo lokubuyiswa kwemali ngesikhathi sokungenelela kwesifundazwe, uMkhandlu-dolobha manje usufakwe ngaphansi kokungenelela kukazwelonke ngokweSigaba 139(7) soMthethosisekelo.
5.3.  UMasipala Wendawo i-Enoch Mgijima nawo waphinde wafakwa ngaphansi kokungenelela okuyimpoqo yiSigungu Seziphathimandla Zesifundazwe saseMpumalanga Kapa ngokweSigaba 139(5) (a) soMthethosisekelo ngowezi-2018. Nakuba kunjalo, ngemuva kokuba umasipala ehlulekile ukwenza inqubekela-phambili ekwenzeni ngcono ukusebenza kwakhe ekuphathweni kwezezimali kanye nokuhanjiswa kwezidingongqangi kubantu, iKhabhinethi ibe isinquma ukuwufaka ngaphansi kokungenelela kukazwelonke.
5.4.  Ukunxuswa kokungenelela kukazwelonke ngokweSigaba 139(7) soMthethosisekelo kusho ukuthi kubona bobabili omasipala, uhulumeni kazwelonke uzosebenza esikhundleni seSigungu Seziphathimandla Zesifundazwe. Lolu hlobo lokungenelela luyimpoqo futhi lulandela inqubo efanayo njengeSigaba 139(5) soMthethosisekelo, ngaphandle kokuthi uhulumeni kazwelonke uzobe manje usuthatha ngokuqonde ngqo umthwalo wemfanelo walokhu kungenelela. 
5.5.  Ukuqalisa ukuthathwa komthwalo wemfanelo, Abameleli beKhabhinethi Kazwelonke (i-NCR) bazojutshelwa kubona bobabili omasipala maduze nje. UNgqongqoshe Wezezimali uzodlulisela amandla akhe kwi-NCR futhi uzobe esekwe ithimba lemikhakha eyahlukahlukene longoti. Asikho isinqumo esesithathiwe sokuhlakaza umkhandlu kamasipala ngokweSigaba 139(5)(b) soMthethosisekelo.
5.6.  Ukungenelela kukazwelonke kuzoqala ukusebenza uma sekushicilelwe ngokusemthethweni kuSomqulu Kahulumeni, nakuba kunjalo, ukungenelela ngokweSigaba 139(5) okukhona njengamanje kuzohlala kukhona kuze kube kufika lolo suku. Ukungenelela ngokweSigaba 139(1) kuMasipala Wendawo i-Enoch Mgijima nakho kuzongenelwa esikhundleni wukungenelela ngokweSigaba 139 (5) (a) no (c), okuphinde kufake phakathi ukwehluleka kukamasipala ukufezekisa izibopho zawo zobuphathimandla. UNgqogqoshe Ehhovisi LikaMongameli, uMnu Mondli  Gungubele – endawonye kanye noNgqongqoshe Wezezimali, uMnu Enoch Godongwana kanye noNgqongqoshe Wokuphatha Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma – uzobamba isithangami sabezindaba ngesonto elizayo ukuhlahla indlela eya phambili ngokungenelela kukazwelonke.

C.  Umcimbi Ozayo

1.  Imbizo kaMongameli Yesifanekiso Sokuthuthukiswa Kwesifunda (i-DDM)

1.1.  UMongameli uRamaphosa uzobamba Imbizo kaMongameli ye-DDM e-Petrus Molemela Sports Complex e-Mangaung, eFreyistata ngoLwehlanu, mhla ziyi-8 kanye nangoMgqibelo, mhla ziyi-9 kuMbasa wezi-2022.
1.2.  Imbizo, ebizwe ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Ungashiyi muntu ngemuva”, izohlola izinga lokuhanjiswa kwezidingongqangi esifundazweni, ilandelele inqubekela-phambili maqondana ne-DDM, futhi iqaphe ukungenelela okusemqoka kanye nezinhlelo.
1.3.  Imbizo kaMongameli ye-DDM iyisigcawu sokubandakanywa komphakathi esibalulekile njengoba inikeza izakhamuzi izwi lokukhuluma kanye noMongameli ithuba lokulalela abantu aphinde aphendule ezikhalazweni zabo. Abantu baseNingizimu Afrika bangalandela futhi babambe iqhaza ezingxoxweni ezinkundleni zokuxhumanisa umphakathi ngaphansi kuka-hashtag #PresidentialImbizo.

D.  Amazwi okuhalalisa

IKhabhinethi idlulisa amazwi ayo okuhalalisa nokufisela okuhle kodwa ku: 

  • Mnu Nkosinathi Maphumulo, odume kakhulu ngo-DJ Black Coffee, osanda kuwina indondo yakhe yokuqala ye-Grammy emkhakheni we-“Best Dance/Electronic Album” ngecwecwe lakhe elisihloko sithi-Subconsciously, emcimbini wama-64 Wokuklonyeliwa Ngezindodo ze-Grammy obubanjelwe e-Las Vegas, eMelika.
     

E.  Abaqashiwe 

Konke ukuqashwa kwabantu kuncike ekuqinisekisweni kobufakazi beziqu zabo zemfundo kanye nokunikezwa kwabo izimvume ezifanelekile .

1.  Mnu Mpumelelo Tyikwe njengeSikhulu Esiphezulu Esiphethe kanye noMqondisi Omkhulu weNhlangano yaseNingizimu Afrika Yomshwalense Wezingozi Ezikhethekile.

Imibuzo: Nksz Phumla Williams – Okhulumela iKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore