Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla zingama-24 kuNhlaba 2017

IKhabhinethi yabamba umhlangano wayo ngoLwesithathu mhla zingama-24 kuNhlaba 2017, e-Tuynhuys, eKapa.

1. Izindaba ezisematheni

1.1. IKhabhinethi ikhathazekile ngokudlondlobala kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nodlame olubhekiswe kwabesifazane ezweni lakithi. Izigameko zakamuva ezibandakanya udlame olubhebhezelwa ngamasoka abo seziholele ekutheni abesifazane abaningi abanesibindi baphumele obala bazwakalise ukukhathazeka kwabo mayelana nalokhu kwephulwa nokunyathelwa kwamalungelo abo.
 
1.2. IKhabhinethi iyavuma ukuthi njengezwe sisalokhu siyizwe elilawulwa ngamadoda futhi elibeka amadoda phambili, ngokunjalo-ke inxusa ukuba kwenziwe imizamo ethe xaxa ukulwisana nesihlava sokubulawa nokushushumbiswa kwabesifazane.
 
1.3. IKhabhinethi inxusa yonke imikhakha yomphakathi ukuba ibambisane ekunqobeni lesi sihlava, ilwisane nanoma yiluphi uhlobo lodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, futhi isebenzisane namaphoyisa kanye nohlelo lwezobulungiswa ukuze kuboshwe futhi kugwetshwe abenzi bobubi.

1.4. UMongameli Jacob Zuma usenxuse ukuba kuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane okulokhu kuqhubekile njalo. IKhabhinethi iyalele iQoqwana Lezokuvikelwa Komphakathi Nokuthuthukiswa Kwabantu ukuba liqalise uhlelo lokusebenza oluzohola izwe empini yokuqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

1.5. IKhabinethi iyayithokozela imiphumela yoCwaningo lowezi-2016 Lwesimo Sempilo Nenhlalo Yabantu Abahlukahlukene BaseNingizimu Afrika   olwenziwe wuPhiko Lwezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA), olucubungula futhi luhlole isimo sempilo sabantu baseNingizimu Afrika, nezinga lokufinyelela kwezinhlelo zezempilo kubona kanye nekhwalithi yalezo zinhlelo.  Umbiko wocwaningo ubonisa ukuthi, phakathi kokunye, sehle ngama-20% isibalo sokushona kwezingane futhi lehle nge-11% inani labesifazane kanye nabesilisa ababhema ugwayi.

Le miphumela iyakhombisa ukuthi izinqubomgomo zokungenelela eziqaliswe nguhulumeni kaMongameli Zuma seziqalile ukuvuna izithelo ezinhle.

Kepha-ke, iKhabhinethi ikhathazekile ngesibalo sabantu baseNingizimu Afrika abasalokhu beqhubeka nokuya ocansini olungaphephile nabalingani abaningi.  Abesifazane abangama-32% kanye nabesilisa abangama-42% batshele abenzi bocwaningo ukuthi bona abakaze bahlolelwe igciwane lesandulelangculazi (i-HIV) nakuba uhulumeni enza imizamo yokuqwashisa ngokubaluleka kokuhlolelwa i-HIV.

IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqikelele impilo nenhlalakahle yabo, bazivikele uma beya ocansini futhi njalo baye kohlolelwa i-HIV kanye nazo zonke izifo ezithathelwanayo nezingathathelwana.

1.6. IKhabhinethi inxusa abazali kanye nabalondolozi bezingane ukuba baqinisekise ukuthi izingane zabo zigonyelwa izifo ezihlasela izingane. IKhabhinethi isalokhu izibophezele ekuqinisekiseni ukuthi izingane ziyagonywa ngenhloso yokuqeda izifo ezithathelwanayo eziyingozi kakhulu empilweni yezingane. IKhabhinethi ithanda ukuqinisekisa abazali nabalondolozi ukuthi iphephile imithi esetshenziswa nguMnyango Wezempilo ukugoma izingane zabo.

1.7. IKhabinethi isamukelile isigaba sokuqala sesizinda sezimboni esivuselelwe kabusha i-Vulindlela Heights Industrial esiseMthatha, eMpumalanga Kapa. Lokhu kuyingxenye yoHlelo Lokuvuselelwa Kabusha Kwamapaki Ezimboni. Leli paki lezimboni liyisizinda sesibili salolu hlobo eMpumalanga Kapa futhi lingelinye lamapaki ezimboni ayisithupha avuselelwa kabusha njengamanje ezweni lonkana.

Uhulumeni uvuselela amapaki ezimboni ngenhloso yokukhuthaza ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqinisekisa ukukhula komnotho okubandakanya abantu bonke. Ukufuduswa kwemisebenzi yezomnotho isuka ezizindeni ezisemadolobheni nakho kuyingxenye yemizamo kahulumeni yokuletha uguquko lwezomnotho olunohlonze.

Ulwazi mayelana nokuthi abantu bangawasebenzisa kanjani amathuba akhona emapaki ezimboni akuleli futhi bafinyelele nasezinhlelweni zosizo nemihlomulo-nkuthazo ehlinzekwa nguhulumeni kanye namathuba okutshalwa kwezimali    emikhakheni ehlukahlukene, luyatholakala ku-www.thedti.gov.za noma eSikhungweni Sokuxhumana Namakhasimende soMnyango Wezohwebo Nezimboni (i-dti) ngokufonela le nombolo: 0861 843 384.

1.8. IKhabhinethi isiphawule ngokudabuka nokukhathazeka isinqumo senkampani yezimoto i-General Motors South Africa (i-GMSA) (Pty) Ltd sokuvala umsebenzi wayo wokukhiqiza nokuthengisa izimoto zohlobo lwe-Chevrolet kuleli.

Lokhu kuzoba nomthelela omubi kakhulu kulabo abazophelelwa yimisebenzi yabo kanye nasemnothweni wezwe lakithi.   

Uhulumeni usalokhu ezibophezele ekusekeleni umkhakha wezimoto, okuwumkhakha obaluleke kakhulu emnothweni wezwe nasekuvulweni kwamathuba omsebenzi.

I-dti iyaqhubeka nokusebenzisana nabo bonke abathintekayo ukunciphisa umthelela walokhu. Ngenhloso yokukhulisa umsebenzi wokukhiqiza, ukuvulwa kwamathuba omsebenzi kanye nokuqinisa ukuthunyelwa kwempahla emazweni angaphandle, esikhathini esifushane esedlule sethule isigaba sesishiyagalolunye soHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (i-IPAP) ukuze ihole izinyathelo zethu. IKhabhinethi ikuphawulile ukuthi inkampani yakwa-Isuzu, ebilokhu ibambisene nabakwa-GMSA eNingizimu Afrika kule minyaka edlule, izothatha izintambo iqhube umsebenzi obewenziwa ngabakwa-GMSA.

1.9. IKhabhinethi isiphawulile isimo esibi kakhulu esidalwe yisomiso eNtsonalanga Kapa kanye naseMpumalanga Kapa. IKhabhinethi inxusa imiphakathi ukuba isekele imikhawulo ebekwe yizifundazwe yokusetshenziswa nokongiwa kwamanzi. Ithimba elihlanganisa izikhulu ezivela eMnyangweni Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, neKomidi Likazwelonke Lokuphathwa Nokulawulwa Kwezinhlekelele, ngokusebenzisana nohulumeni bezifundazwe nabezindawo, basebenza ngokuzikhandla okukhulu ukuqinisekisa ukusheshiswa kwezixazululo zesikhathi esifushane kuya esikhathini esimaphakathi ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kwamanzi anele ezifundazweni esikhathini eside esizayo.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika kubandakanya nabasebenzisi bamanzi basemakhaya, amabhizinisi, umkhakha wezimayini, owezamandla kanye nowezolimo ukuba basebenze ngokubambisana futhi basebenzise amanzi ngokucophelela, futhi bawonge.

1.10. IKhabhinethi ikwamukelile ukukhishwa kombhalo wokuxoxisana weSu Lokulwisana Nenkohlakalo, ozoholela ekusungulweni kweSu Likazwelonke Lokulwisana Nenkohlakalo. IKhabhinethi imema umphakathi ukuba uthumele iziphakamiso nemibono yawo ebhalwe phansi, ngokusebenzisa i-webhusayithi yoMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola ku: www.dpme.gov.za.
Impi yokulwisana nenkohlakalo isalokhu ingenye yezinto ezibekwe eqhulwini nguhulumeni. Inkohlakalo kanye nokungasebenzi ngobuqotho emikhakheni yomibili, okungumkhakha ozimele kanye nomkhakha kahulumeni, kunomthelela omubi kakhulu ekuthuthukisweni kwezwe lethu.

1.11. IKhabinethi izwakalise ukukhathazeka ngesigameko sakamuva sokuhlaselwa kohlelo-xhumano lwe-inthanethi emhlabeni jikelele, okubikwe njengesigameko esikhulu kunazo zonke kuze kube manje sokuhlaselwa kohlelo-xhumano lwe-inthanethi.

IKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba bathathe izinyathelo ezidingekile ukuqinisekisa ukuphepha kwemininingwane yabo ngenkathi bexhumana noma benza ibhizinisi ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi. Kunconywa futhi nokuthi abasebenzisi bohlelo-xhumano lwe-inthanethi basebenzise uhlelo-kusebenza lwekhompyutha lwakamuva olulwisana ngokuqhubekayo namavayirasi ahlasela izinhlelo-kusebenza zamakhompyutha.

1.12. IKhabhinethi ikhathazekile ngezigameko zakamuva ezenzeke kwa-Eskom. IKhabhinethi ikuqonda ngokuphelele ukuthi udaba oluphathelene nokuqashwa kabusha kukaMnu Brian Molefe njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) wakwa-Eskom njengamanje luphambi kwezinkantolo kanye nePhalamende, ngakho-ke izozihlonipha lezo zinqubo zize ziphothulwe ngokufanelekile.  

Kepha-ke, uMongameli usesungule iKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elihlanganisa uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni, Owezamandla, Owezezimali kanye Nowezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo. Leli Komidi lijutshwe ukuba lenze umsebenzi wokuqoqa ulwazi namaqiniso azonikeza iKhabhinethi umhlahlandlela wokuthi kumele ibhekane kanjani nezindaba ezinjengalezi esikhathini esizayo. Umhlanganisi waleli komidi nguNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu Michael Masutha.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. IKhabhinethi ikugunyazile ukushicilelwa kukaSomqulu Obuyekeziwe wezi-2017 Wokufukulwa Nokuhlonyiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho oqondiswe embonini yeZimayini Nezimbiwa yaseNingizimu Afrika.
UNgqongqoshe Wezimbiwa u-Mosebenzi Zwane uzohlinzeka ngolwazi olufanelekile uma lo somqulu usushicilelwe kusomqulu kahulumeni.  

2.2. IKhabhinethi ilugunyazile uHlelo Lukazwelonke Lwezokusakaza Ngomoya lowezi-2017 oluvunywe yiHhovisi LikaNgqongqoshe Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi. Umthamo wokusakaza ngomoya owabelwe leli lizwe eNgqungqutheleni Yomhlaba Yezokhuxhumana Ngamagagasi Omoya unomthelela omkhulu ekukhulisweni komnotho waseNingizimu Afrika.

UHlelo Lukazwelonke Lwezokusakaza Ngomoya lowezi-2017 luwumthombo obanzi futhi ophelele wokwabelwa kwezinsizakalo zokuxhumana ngamagagasi omoya umthamo wokusakaza ngomoya. UHlelo Lukazwelonke Lwezokusakaza Ngomoya olubuyekeziwe lowezi-2017 luyaqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyahambisana neMithethonqubo egunyaziwe Yamazwe Ngamazwe Yezokusakaza Ngomoya eyamukelwa ngokusemthethweni kwiNgqungquthela yowezi-2015 yeNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezokuxhumana Ngezingcingo.

2.3. IKhabhinethi iligunyazile iSu Lokuphepha Kwemifula Emaphakathi Nezwe. Lelisu, ngokusebenzisa uPhiko Lwezokuphepha Olwandle LwaseNingizimu Afrika, lubeka amazinga okumele athotshelwe futhi luphucula izinqubo zokuhlinzekwa ngezimvume namalayisense kwezikebhe ezisebenza emifuleni emaphakathi nezwe. Lokhu kuzoqinisekisa ukuphepha kwezikebhe ezincane emifuleni yaseNingizimu Afrika emaphakathi nezwe.

2.4. IKhabhinethi iligunyazile iSu Lokuthunyelwa Kwempahla Ngezinto Zokuthutha Ezihamba Emgwaqeni. Lelisu kuhloswe ngalo ukwakha uhlaka lokulawula nokusebenza oludidiyelwe, oluzokwenza ukuba iNingizimu Afrika ikwazi ukufinyelela emazingeni aphuma phambili emhlabeni jikelele aphathelene nomsebenzi wokuthunyelwa kwempahla ngezinto zokuthutha ezihamba emgwaqeni.

Izincomo zalelisu zizoqinisekisa ukuthotshelwa kangcono kwamazinga abekiwe, zigqugquzele ukuphepha emgwaqeni, zenze ngcono ukuvikelwa kwengqalasizinda, zinciphise umthelela ongemuhle ongakhahlameza imvelo futhi zakhe uhlaka oludidiyelwe lokuncintisana okulawulwa ngokwekhwalithi yomsebenzi oluzovumela ukuba umkhakha wokuthunyelwa kwempahla ngezinto zokuthutha ezihamba emgwaqeni ukwazi ukuqhubeka nomsebenzi wokubhekelela nokuhlinzekela izidingo zomnotho waseNingizimu Afrika.

2.5. IKhabhinethi iwagunyazile amadizayini eNkampani Ekhiqiza Izinhlamvu Zemali yaseNingizimu Afrika, owezi-2017 nowezi-2018 ezinhlamvu zemali ezizoba yisikhumbuzo kanye nalezo ezizosetshenziswa emphakathini nsukuzonke.

Ngokubambisana neKhabhinethi, sekwakhiwe olunye uchungechunge lwezinhlamvu zemali eziwuphawu olumele amasiko, inkululeko kanye nombuso wentando yeningi labantu ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sibungaza iNingizimu Afrika”. Umbungazo weminyaka eyikhulu kwazalwa ingqalabutho yomzabalazo u-Oliver Reginald Tambo uqokwe njengomfanekiso wokuqala ozoboniswa kulezi zinhlamvu zemali.

Ukwethulwa kohlamvu olusha olungama-R50 (oluyisiliva soqobo olusinesisindo esilingana ne-awunsi elilodwa), uhlamvu olungama-R500 (olwakhiwe ngamakharethi egolide angama-24, olusinesisindo esilingana ne-awunsi elilodwa) kanye nohlamvu olungama-R50 (olwakhiwe nge-sterling silver), okuyizinhlamvu okuhloswe ngazo ukugubha iminyaka eyi-100 kwazalwa u-OR Tambo.

2.5.1.  Sekwakhiwe izinhlamvu zesikhumbuzo ezilandelayo zowezi-2017 nowezi-2018:

a. Uchungechunge lwezinhlamvu zowezi-2017: Umgubho Yeminyaka Eyikhulu ka-Oliver Reginald Tambo;

b. Uchungechunge lohlamvu olungu-R5 lowezi-2017 oluzosetshenziswa nsukuzonke emphakathini: uhlamvu olungu-R5 olubonisa i-Order of the Companions of OR Tambo;

c. Uchungechunge lohlamvu lwe-Protea lowezi-2017: Impilo Yengqalabutho – u-Nelson Mandela;

d. Uchungechunge lohlamvu olungu-R1 lowezi-2017: Izilwane Ezihuquzela Ngesisu zaseNingizimu Afrika – iBululu;

e. Uchungechunge lohlamvu lowezi-2018 lweNhlangano Yezemfundo, Ezesayensi Nezamasiko engaphansi kweNhlangano Yezizwe (i-UNESCO) Umuntu Nemvelo Aphila Kuyo: Isiqiwu Semvelo sase-Waterberg;

f. Uchungechunge lwezinhlamvu zowezi-2018: Inhlangano Kazwelonke Yezejiyografi ‘Umklamo Wamakati Amakhulu Asendle’ – IBhubesi;

g. Uhlamvu lowezi-2018: Umqhudelwano wezi-2018 Wendebe Yomhlaba ye-FIFA Ozosingathelwa kwelase-Russia, i-2018 FIFA World Cup RussiaTM.

3. Imicimbi ezayo

3.1. IKhabhinethi iyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba basekele iViki Lokuvikelwa Kwezingane kusukela mhla zingama-28 kuNhlaba kuze kube ngumhla zizi-4 kuNhlangulana, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sonke masivikele izingane ukuze siqhubekisele iNingizimu Afrika phambili”. Ukuvikelwa kwezingane zethu kungumthwalo wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika; abazali, abalondolozi, umuntu ngamunye kanye nemiphakathi.

Njengezwe, sinomthwalo wokwenza konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi mabangahlukunyezwa nakancane labo abangakwazi ukuzivikela ngokwabo emphakathini wethu. Kusezandleni zethu ukuqeda isihlava sokunganakwa, ukuhlukunyezwa, udlame kanye nokuxhashazwa kwezingane.

IKhabhinethi ikhuthaza yonke imikhakha yomphakathi ukuba isebenzisane ukwakha imiphakathi ephephile futhi engumqemane ukuze zikhule kahle izingane zethu.

3.2. Ngenhloso yokugubha iminyaka eyikhulu kwazalwa u-OR Tambo, iNingizimu Afrika izoqopha iNyanga Yentsha ngoNhlangulana wezi-2017 ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Lona Ngunyaka ka-OR Tambo: Siqhubekisela Phambili Ukubandakanywa Kwentsha Kwezomnotho.”

Ngokuqhubeka kwenyanga kaNhlangulana uhulumeni uzosingatha imicimbi ehlukahlukene kubandakanya imibukiso eyenzelwe intsha, izinkulumo-mpikiswano kanye nezizinda zamabhizinisi entsha ngenhloso yokubonisa amathuba akhona enzelwe abantu abasha kanye nokubafaka ugqozi lokuba   bamukele futhi bagxile kumagugu-mgomo ka-OR Tambo obuholi nemfundo.

IKhabhinethi iyabakhuthaza bonke abantu abasha ukuba baqinisekise ukuthi bayafinyelela ezinhlelweni zosizo nezemfundo ezahlukahlukene ezihlinzekwa nguhulumeni ukuze baphucule futhi baqhubekisele phambili amathuba abo okubamba iqhaza emnothweni.

3.3. IKhabhinethi inxusa bonke abaqashi ukuba nabo balekelele emkhankasweni obizwa nge-Take a girl child to work mhla zingama-25 kuNhlaba kuya kumhla zingama-26 kuNhlaba. Inhloso yalo mkhankaso wukuhlinzeka amantombazane afunda iBanga le-10 kuya kwele-12 ngethuba lokuzibonela ngamehlo awo imisebenzi ehlukahlukene angayifundela uma esephothule isikole.

3.4. NgoLwesine mhla zingama-25 kuNhlaba 2017 uMongameli Zuma uzosingatha umgubho kazwelonke woSuku lwe-Afrika wezi-2017 endlini yezivakashi zikaMongameli i-Sefako Makgatho Presidential Guesthouse ePitoli. Lo mgubho wuvuthondaba lwemicimbi nezinhlelo okuqoshwe ngazo iNyanga ye-Afrika ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Lona Ngunyaka ka-OR Tambo: Sakha i-Afrika Engcono Kanye Nomhlaba Ongcono”. Umgubho waminyaka yonke woSuku lwe-Afrika uqopha ukusungulwa kweNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-OAU) ngowe-1963.

Njengoba sesiphothula iNyanga ye-Afrika, iKhabhinethi inxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba babambisane nabantu abavela kwamanye amazwe ase-Afrika abahlala eNingizimu Afrika kanye nalabo abahlala kwezinye izingxenye zaleli zwekazi ngenhloso yokuqinisekisa ukuchuma nokuphumelela kwesifunda sethu kanye ne-Afrika yonkana.  

Futhi kungumthwalo osemahlombe abo bonke abantu abahlala kuleli, okungabantu baseNingizimu Afrika kanjalo nabantu abavela emazweni angaphandle, ukuba bathobele imithetho yezwe. Ngokubambisana kumele sonke silwisane nesihlava sokushushumbiswa nokuthunjwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

4. Imiyalezo yakuhalalisa

4.1. IKhabhinethi ihalalisela ithimba lezokwelapha leNyuvesi yase-Stellenbosch kanye nesibhedlela sase-Tygerberg elihlanganisa uSlz Andre van der Merwe, uDkt Alexander Zuhlke, uSlz Rafique Moosa, uDkt Amir Zarrabi kanye noDkt Zamira Keyser. Esikhathini esifushane esedlule leli thimba lenze ukuhlinzwa okungokwesibili kuleli kokufakela owesilisa isitho sangasese, futhi ngalokho liqophe umlando ngokuba yisikhungo sezokwelapha sokuqala emhlabeni jikelele esenze ukuhlinzwa kwesibili okunjengalokhu. Impumelelo yalokhu kuhlinzwa kwesiguli ezandleni zethimba lakuleli lokufakela izitho zomzimba iwubufakazi bekhono nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obukhona eNingizimu Afrika emkhakheni wezokwelapha kahulumeni.

4.2. IKhabhinethi ihalalisela iSimangaliso Wetland Park ngokuklonyeliswa kwayo ngeNdodo Yombiko Wocwaningo-mabhuku Omuhle Kakhulu emcimbini we-South African Institute of Chartered Accountants (i-SAICA) wokuKlonyeliswa Ngezindondo Kwezikhungo Ezivelele Emkhakheni Kahulumeni obanjwe ngasekuqaleni kwale nyanga. Le ndondo iwumklomelo wokuhalalisela lesi siKhungo ngokuthola kwaso imibiko yocwaningo-mabhuku engenasici iminyaka emihlanu ilandelana.  NgoZibandlela we-1999, iSimangaliso Wetland Park samenyezelwa njengeSizinda Esiyigugu Emhlabeni sokuqala saseNingizimu Afrika.

4.3. IKhabhinethi ihalalisela uhlelo lokulwisana nomlilo i-Working on Fire ngokuzitholela kwalo indondo yokubonga evela kuhulumeni wesifundazwe sase-Alberta e-Canada ewuphawu lokubonga usizo olwahlinzekwa yilolu hlelo ekulawuleni imililo yequbula esiFundazweni sase-Alberta ngowezi-2016. I-Working on Fire iwuhlelo olungaphansi koHlelo Olunwetshiwe Lwemisebenzi Yomphakathi (i-EPWP) okuhloswe ngalo ukuhlinzeka ngamathuba etoho kubantu abasha besilisa nabesifazane.

5. Amazwi enduduzo

5.1. IKhabhinethi nayo njengoMongameli Zuma kanye nomhlaba jikelele isigxeka kakhulu isenzo sobushokobezi bokuhlaselwa kwe-Manchester Arena e-Manchester kwelase-England, esiholele ekutheni kushone futhi kulimale izingane eziningi kanye nentsha.  

IKhabhinethi idlulisa ukudabuka kwayo kanye namazwi enduduzo kuhulumeni nabantu base-United Kingdom, ikakhulukazi imindeni nezihlobo zalabo abashonile, futhi ibafisela ukwelulama okusheshayo labo abalimele. Udlame kanye nobushokobezi akunayo nencane indawo emphakathini wethu futhi kubeka engcupheni ukuthula, ukuvikeleka kanye nentuthuko.  

Imibuzo ingaqondiswa ku:
Nkz Phumla Williams
Ibamba Lomqondisi-Jikelele (i-GCIS)
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139
 

Share this page

Similar categories to explore